Abantwana basebukhosini abakhohlwa ukuthi bangabantwana, ngakho noma benzani bayafundiswa ukuthi umuntu wasendlunkulu uhlala ngokuzihlonipha, akayenzi into elihlazo!
Kanjalo, nomuntu ongumntwana kaNkulunkulu uyaye ngaso sonke isikhathi aphile impilo yobungcwele; konke akwenzayo abheke ukuthi kusahambisana yini nobungcwele oyibo!
Isihlabelelo 130
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhlizinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
1.Incwadi ka Levi 20:26-27: “Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba Mina Jehova ngingcwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami.
2.Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyakubulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.” Amen!
3.Ngiyafisa ukugcizelela, njengoba sikwenzile nasenkonzweni yaseKhozini, ukuthi thina singabantwana bakaJehova uNkulunkulu wethu, siyizindlamafa zakhe! Kufanele sihlale sikwazi lokho, sifane nabantwana basebukhosini.
4.Abantwana basebukhosini abakhohlwa ukuthi bangabantwana, ngakho noma benzani bayafundiswa ukuthi umuntu wasendlunkulu uhlala ngokuzihlonipha, akayenzi into elihlazo!
5.Kanjalo, nomuntu ongumntwana kaNkulunkulu uyaye ngaso sonke isikhathi aphile impilo yobungcwele; konke akwenzayo abheke ukuthi kusahambisana yini nobungcwele oyibo!
6.Kanjalo nomuntu wasebukhosini uhlale eziqoqile, aphile impilo yobuntu, ngoba uyisibonelo sokuthi isizwe osiphethe kumele siziphathe kanjani!
7.Awukwazi ukuthi kungathi uyinkosi, utholakale uyisidakwa, noma ungumuntu odla izidakamizwa, ngoba ngaleso senzo awuziphoxi wena kuphela, kodwa uyihlazo kuso sonke isizwe osiphethe!
8.Ubukhosi buyisibusiso esivela ezulwini, umuntu ozalwa naso! Kodwa lokho akusho ukuthi uma ubukhosi bakho ubuphethe ngobudlabha, uNkulunkulu angeke akwephuce khona!
9.Nokho iningi labanye abantu bayaye bethi uma sebengamakhosi bese becabanga ukuthi bazenze bona ukuba ngamakhosi, ngakho-ke akekho umuntu ongabephuca lobu bulkhosi!
10.Kodwa konke esiyikho sikunikwa nguNkulunkulu, futhi uma sesizikhukhumeza ngakho, sikuphatha budlabha, akumsizi uNkulunkulu ukusephuca!
11.Amanye amakhosi ayaye azibone kufanele ehlale ehlonishwa, esatshwa, ekhulekelwa, yize lobu bukhosi abayibo bebhuquza ngabo odakeni njengengulube!
12.Ngibe yimantshi yesifunda iminyaka eminingi ngiphethe amakhosi, ngagcina sengingumqondisi emnyangweni wamakhosi, ngisaphethe wona amakhosi.
13.Ubukhosi isikhundla esibaluleke kunazo zonke izikhundla ongase uzicabange! Kodwa ayikho into eyinkinga njengenkosi ehlale idakiwe, ingazazi nokuthi iyinkosi, bese ibheka ukuthi izolokhu ikhulekelwa nobudakwa ehlale iyibo!
14.UBaba iLanga wake wabuza umbuzo wathi isidakwa sithandaza nini, sithandaza sithini, umuntu ukhuluma athini noNkulunkulu edakiwe, uNkulunkulu uwulalela kanjani umthandazo womuntu odakiwe?
15.Kanjalo nenkosi eyisidakwa, inkosi edla amadrugs, umhlonipha kanjani umuntu odakiwe, odle amadrugs, ngoba kuyafana nokuthi kuleso sikhathi leyo nkosi ayiphilile ekhanda?
16.Kodwa ekuhlanyeni kwakhe ongakhohlwa noma esedakiwe ukuthi uyinkosi, ngakho kufanele sihlale simkhulekela noma esedakelwa kubantu, ebachapha ngezinhlamba!
17.Kufanele sijabule, sihalalise, sithi yaze yadakwa kahle inkosi yethu! Sijabulele ukudakwa komuntu okumele azihloniphe!
18.Ngake ngezwa enye inkosi ithuka inhlamba enyantisa igazi kuma social media, kuzwakala ukuthi idakiwe, noma idle izidakamizwa!
19.Njengesizwe esihlonipheke njengamazulu, nesikuhlonipha kangaka ubukhosi baso, uvele uphelelwe ngamandla, uzibuze ukuthi into enje ilungiswa kanjani?
20.Kothi kukuphi sibe sikuphi nalenkinga yalenkosi, inkosi ehlala ngokuphoxa isizwe esihlonipheka kangaka!
21.Angazi noma izidakwa kuba khona yini isikhathi lapho ezikwaziyo khona ukucabanga into ephusile?
22.Ngoba umuntu othi azi kahle ukuthi uyinkosi, kodwa aphuze utshwala, adle izidakamizwa, lokho kukodwa kubonisa ukuthi kukhona okungahambi kahle ekhanda lalenkosi!
23.Angazi noma kuyafika yini kuleyo nkosi ukuthi uNkulunkulu engabuqeda lobu bukhosi, kudlule kungaba ndaba zalutho?
24.Noma ngokokuzalwa ungaba yinkosi, ube ngumntwana, kodwa uma ungakuhloniphi ubukhosi bakho, noma ubuntwana bakho, uNkulunkulu akanakungabaza ukuba akwephucwe khona, kuphele kanjalo!
25.Kwakwenzeka emandulo, namanje kusangenzeka! Encwadini kaSamuel wokuqala kuthi kwakunompriesti owabe engumehluleli, u-Eli, ehloniphekile kakhulu, kodwa amadodana akhe aziphatha kabi kakhulu.
26.Bangakunaka ukuthi bazalwa endlini yobupristi, babona ukuthi ngoba indlu yakwabo ihloniphekile, ngakho ke ibenza ukuthi benze noma yini abayithandayo!
27.Babethatha amantombazane asenkonzweni beyolala nawo ethendeni elingcwele. Uyise wabakhuza kulemikhuba, kodwa wagcina ngokwehluleka!
28.Kuyisahluko 2:28-32. uNkulunkulu uthi ku-Eli nama dodana akhe: “Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israel ukuba abe ngumpristi wami,anikele e-altare, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israel.
29.Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, udumise amadodana akho phezu kwami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israel, abantu bami na?
30.Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israel uthi: “Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwakho kuze kube phakade.
31.Kepha manje uJehova uthi: “MAKUBE KUDE NAMI, NGOKUBA ABANGIDUMISAYO NGIYAKUBADUMISAYO, ABANGEDELELAYO BAYAKWEYISWA!”
32.UJehova wabuqeda ubupristi kulendlu ka-Eli, uJehova wazikhethela uMprofethi uSamuel ukuba kube nguye othatha isikhundla samadodana ka-Eli33.!
33.Kwakungaqali ngalokho. UNkulunkulu wabeka inkosi uSawuli ukuba abe yinkosi phezu kwesizwe sakwa-Israel.
34.Kodwa eseyinkosi, akaziphathanga kahle, wagcina ngokuba ethi eyinkosi kwa-Israel, waya konedlozi wayobhula kuye.
35.Lesisenzo uJehova samthukuthelisa kakhulu Ku ZiKronika zokuqala, isahluko 10:13-14, kuthi: “Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe kuJehova, ngenxa yokungaligcini izwi likaJehova, nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, angabuzanga kuJehova.
36.Ngalokho-ke wambulala, wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese!”
37.Kungubuwula ukucabanga ukuthi ngoba uyinkosi, bese ucabanga ukuthi ungenza noma iliphi ihlazo, udle amadrugs, ungabahloniphi abantu abadala, ube yihlazo nje esizweni, bese ucabanga ukuthi uNkulunkulu naye uzokwesaba!
38.NjengoSawuli, uNkulunkulu uzokubulala, akukhiphe ubukhosi endlini yakho akuse kwenye indlu, kuphele ngawe emhlabeni nasezulwini, kuphele ngisho enzalweni yakho!
39.Lapha sikhuluma ngobungcwele, ukuthi wonke umuntu othi uyikholwa kufanele abe ngcwele.
40.Kodwa njengesenzo, akakho oke achaze ukuthi ukuze uthi umuntu ungcwele kufanele enzeni?
41.Enkolweni yobuKrestu kuyaye kusetstenziswe igama elithi “ukusindiswa.” Kodwa angikaze ngimuzwe umuntu othi usindisiwe echaza ukuthi ukuze ube ngosindisiwe kumele wenze njani?
42.Ngisafunda eDlangezwa High School ngangiwusihlalo we S.C.M (Student Christian Movement.) Kulenhlangano bonke abantwana ababekuyo babesindisiwe, njengokusho kwabo.
43.Nganginomfana osindisiwe, nowayengikhonze kakhulu, engowakwa Sibisi, ogcine engumfundisi ebandleni lakwa Stagen, kwaSizabantu. Kodwa manje sewashona.
44.Sasizwana kakhulu nalomfana, esindisiwe kakhulu, ngokusho kwakhe.
45.Uthi-ke lomfana kimi: “Mpanza, ngiyabona ukuthi ukukholwa kwakho kujule kakhulu kunokwethu; kodwa sekusele nje ukuthi usindiswe!”
46.Ngase ngiyabuza ukuthi ukuze ngisindiswe kumele ngenze njani? Uthi ke lomfana: “Ukusindiswa kusho ukuba umi phambi kwebandla, bese uyavuma ukuthi ususindisiwe.”
47.Angizange ngisho lutho, kodwa ngathula nganinga kakhulu ngalokhu kukhuluma kwalomfana, ukuthi uma ngisuka ngiya phambi kwebandla, and I declare ukuthi sengisindisiwe, lokho sekusho ukuthi sengisindisiwe? So, ukusindiswa yinto elula kanje?
48.Nempela-ke wayeqinisile, ngoba njengoba ngisho ukuthi ngangiwusihlalo we S.C.M, ngangiyaye ngibabone abantwana beza ngaphambili, bekhulume ngeilimi njengabantu abangenwe ngumoya, bezisho ukuthi basindisiwe!
49.Kodwa mina ngangingakaze ngenze leyonto, kodwa laba bantwana babengithanda isimanga, yize babengakaze bangibone ngima phambi kwabo ngishumayela ngithi ngisindisiwe!Bagcina ngokungikhetha ukuba ngibe ngusihlalo weS.C.M!
50.Sengiwusihlalo we S.C.M, kodwa khona into engayibona ngenkathi nginikwe inkonzo ukuba ngishumayele ngesonto kukhona bonke abafundi kanye nothisha.
51.Ngavele ngathatha intdshumayelo yeNkosi iLanga njengoba injalo. Kwakulula-ke ukukwenza lokho ngoba akekho owazi ukuthi ngingumNazaretha.
52.Ngaleso sikhathi uma uke waveza ukuthi ungumNazaretha, wawuba lihlaya nje. Ngakho-ke ngangivele ngithi ekhaya kithi asikholwe ndawo!
53.Ngathi uma ngishumayela ngalentshumayelo yeNkosi iLanga, kwasangana isikole sonke kuhlanganisa nothisha!
54.Abaningi baqala ukuza kimi bezobuza ukuthi lokhu kukhuluma okunje ngikuthathaphi, ngikholwephi? Kodwa ngivele ngithi angikholwe ndawo!
55.Ngabe sengiyabona ukuthi lokhu kukholwa engiyikho ngokwasezulwini, yini bonke abantu besangane ngentshumayelo yeNkosi iLanga, kodwa futhi behlale behlekisa ngobuNazaretha?
56.Ngakho othisha basebethanda ukunginika inkonzo yangesonto, ngoba bazi ukuthi bazothola inkonzo ejulile kunale abayaziyo!Kodwa njalo ngishumayela ngezintshumayelo zeNkosi iLanga!
57.Sikhuluma ngobungcwele, ukuthi ukuba ngcwele kusho enye into, akuyikho ukusindiswa lokhu okuyaye sikuchazelwe ngamaKrestu.
58.Ubungcwele nobuNazaretha kusho into eyodwa, lokhu kusho ukuthi yonke impilo yakho uyinikela kuNkulunkulu, uphile impilo yasezulwini uselapha emhlabeni!
59.KuNumeri 6:5, kuthi: “Zonke izinsuku zesethembiso sakhe Ssobunazaretha KUNGASONDELI MPUCO EKHANDA LAKHE; UYAKUBANGCWELE ZIZE ZIPHELELE IZINSUKU AZAHLUKANISELA NGAZO KUJEHOVA, AVUME ISIHLUTHU SEZINWELE ZAKHE SIKHULE!”
60.Kusho lona iBhayibheli ukuthi UMUNTU ONGUMNAZARETHA UNGCWELE, NOKUTHI NGOBUNGCWELE KUSHO UMUNTU OZAHLUKANISELE UJEHOVA, NOMA UMUNTU OPHILA IMPILO YASEZULWINI ESELAPHA EMHLABENI!
61.Ukuzahlukanisela uJehova ukwenze njani? Okoikuqala ugcina yonke imithetho kaNkulunkulu njengoba ibhaliwe kuTorah. Ngaphezu kwalokho ubuye ugcine imithetho emithethu ekuNumeri 6.
62.Nansi lemithetho: AWUKUPHUZI UTSHWALA, IWAYINI NOMA YINI-KE NJE EBILISAYO, OKUHLANGANISA AMAHEWU.
63.AWUSITHINTI ISIDUMBU SOMUNTU OFILE, UMA UKE WASITHINTA USUKE USUNGCOLILE, SEKUFANELE UHLAMBULUKE. AWUZIGUNDI IZINWELE ZAKHO, NJENGOBA LENCWADI KANUMERI ISHO NJALO!
64.Kuvesi 7 kuthi: “Kepha wathi kimi, ‘Bheka uyakukhulelwa uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naphuzo olunamandla; ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba NGUMNAZARETHA KANKULUNKULU kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe!”
65.Njengoba ichaza incwadi, ngokuthatha isifungo sokuba ngumNazaretha, yiso lesi sifungo encwadini yomthandazo wesabatha uShembe othi khona “KHUMBULA UKUTHI USUWENZE ISIVUMELWANO SOKUTHI UYOHLALA ENDLINI KAJEHOVA KUZE KUBE SEKUPHELENI KWEZINSUKU ZAKHO”
66.Njengoba silapha enkonzweni, sonke singamaNazaretha, lokho okusho ukuthi siyinhlobo yabantu abathathe isifungo sobungcwele!
67.Uma uthatha isifungo sobungcwe, bese uyiphila impilo yobungcwel; uyobona ukuthi uNkulunkulu uba seduze kanjani kuwe ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma wehlelwa yinoma yiluphi usizi
68.Yikho u-Isaya ku-Isaya 54: 17 uNkulunkulu ethi: “Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova, nokumelwa kwazo okuvela kimi.” Kusho uJehova!
69.Enkozweni yesabatha eledlule ngichaze kafushane ukuthi uNkulunkulu ubhekeni kithi njengoba singabantwana bakhe, ikakhulukazi njengoba sesilindile kulomkhosi kaJehova!
70.Encwadini yeZaga 1:7 kuthi: “Ukumesaba uJehova kungukuqqala kokuhlakanipha.” Umuntu uqala kanjani ukumesaba uJehova?
71.Umuntu nomuntu uqala ukuzethula kuJehova ngokuthandaza. UJehova akakuthokozeli ukuqala ukukholwa ngoba ususezinkingeni!
72.UNkulunkulu kufanele umdumise kungonakele lutho; umdumise nje ngokuthi uyamthanda, futhi uyazi ukuthi UNGUBABA WAKHOI!
73.Uzethula wena ezulwini! Okumele ukwazi ukuthi uma ungazethuli wena, awaziwa ezulwini!
74.Yasho njalo iNkosi iLanga kumantshi uMthethwa, yathi: “Uma ungathandazi awaziwa ezulwini, ukuphila nokufa kwakho kuyafana nje nokufa nokuphila kwesilwane!”
75.Usukwazi ukuthandaza, kufanele ukufunde ukulawula inhliziyo yakho, ungavumi ukulawulwa yinhliziyo, kodwa kube nguwe olawula yona!
76.Uthi uShembe: “UKUKHOLWA KUWE KUNGUKUVUMA KWENHLIZIYO, UMA INHLIZIYO INGIPHIKISA NGOVUNYELWA NGUBANI?”
77.Uma uvuka ekuseni, uguqe uthandaze, ubonge uNkulunkulu ukuthi ukugcinile ubusuku bonke, bese ucela ukuthi akakugcine nangalemini.
78.Ntambama ubonge uNkulunkulu ukuthi ukugcinile imini yonke, ucele ukuthi akuvikele nangalobu busuku!
79.UShembe-ke usenzele umthandazo wokuvuka nowokulala. Ngakho awukwazi ukudideka ukuthi uzothini kuNkulunkulu ekudumiseni kwakhe ekuseni nantambama!
80.Ihubo lasekuseni lithi: VUKA NATHI SOKHANYISO, NGALEMINI YAKHO.
KHANYISELA AMEHLO ETHU NEZINHLIZIYO ZETHU.
81.HAMBA NATHI ENDLELENI
ESIZOHAMBA NGAYO,
USIVIKELE EMAZINYWENI
ALEZO ZITHA ZETHU.
82.OWASINIKELA EBUHLUNGWINI BAZO
NGENXA YEZONO ZETHU.
MABUKHISHWE UBUHLUNGU BAZO
NGALELI GAMA LAKHO.
83.IBUSISE NKOSI BABA
IMISEBENZI YEZANDLA ZETHU.
SINGADINGI SINGESWELI
THINA BANTU BAKHO.
84.SINGALIBALI NGALEMINI
UKUDUMISA WENA.
NGEMIZUZU NEZIKHATHI
MASIDUMISE WENA.
85.UShembe wasenzela umthandazo wokulala ohamba kanje:
Lala nathi namhlanje
Ngalobu busuku banamhlanjena
Usigcine ngomsa wakho
Ezingozini zalobu busuku.
86.Ube lukhukho nesicamelo
Ngalobu busuku banamuhlanjena
Usembese ngomsa wakho
Ngalobu busuku banamhlanjena.
87.Emzuzwini wokuphaphama kwami
Ngalobu busuku banamhlanjena
Mina ngiphaphame ngikukhonze
Wena Nkulunkulu Thixo wethu.
88.Usigcine ngomusa wakho
Ezingozini zalobu busuku
Usivikele ngomsa wakho
Ezingozini zalobu busuku.
89.Isikhathi somlindo wokuqala
Singangedluli weThixo wethu
Mina ngiphaphame ngikukhonze
Wena Nkulunkulu Thixo wethu.
90Ngakho-ke awukwazi ukuthi uzothandaza uthini uma uvuka noma ulala!
91.Uma ngezizathu ezahlukene ungenke ukwazi ukuwufunda wonke umthandazo wokuvuka, noma wokulala, okungenani kumele ufunde ukuwuhlabelela, noma uwufunde njengesilandelo uma ungakakwazi ukuwuhlabelela, ngoba kufanele ufunde ukuwuhlabelela!
92.Izono eziningi siqale sizenze ngehliziyo singakazenzi ngezinye izitha zethu. Ngelinye ilanga ingelosi yayisenkantolo ngithetha amacala. Yabe iusithi:
93.“Niyahlupheka nina, ngoba nilahla umuntu ngecala enisuke nimbone elenza ngezitho zomzimba wakhe enizibonayo, kodwa akunjalo ezulwini!
94.Ezulwini umuntu ulahlwa ngento oyicabangile, uyenzile noma akayenzanga.”
96.Yabe ingilosi isisinika isibonelo, ithi: “Uma umuntu ebulala umuntu, niyambopha nimgwebe, ngoba ulwazi lwenu lugcina lapho. Kodwa ziningi izinto ezingenza umuntu abulale omunye umuntu.
97.Omunye engakuplana ukubulala isonto lonke, egcine ekufezile obekusophile. Omunye akakusophi ukubulala, kodwa uyaxabana nomuntu, ngaso leso sikhathi, bese uyambulala umuntu!
98.Omunye umuntu engambulala umuntu, ethi esecashile lapho ecashe khona, kodwa azisole, akhale kakhulu, esezisola ngephutha olenzile lokubulala umuntu!
99.Kanti omunye engambulala umuntu, naye abaleke, kuthi lapho ekhona ejabule kakhulu ukuthi uyibulele inja! Kungabi bikho ukuzisola!
100.Yikho-ke ezulwini kubheka inhliziyo yomuntu, ukuthi iqale nini ukusopha ukubulala, nokuthi usubulele uzisolile yini noma ujabulile?”
101.Ithi-ke ingelosi, ezulwini inhliziyo yomuntu iyi tape recorder yempilo yakho kusukela uzalwa uze uyokufa!”
102.Uma uyikholwa ubozifundisa ukujabulela nokujabulisa uNkulunkulu, ukucele lokho nasekuthandazeni kwakho.
103.Ngaso sonke isikhathi uzifundise ukuthi yonke into oyibukayo, ukubuka kwakho kungabi ngokuphatha kabi uNkunkulunkulu!
104.Ziningi izinto esenza isono ngokuzibuka nje kukodwa, ngoba okubukayo kuya enhliziweni.
105.Ungazibuki izithombe eziyimikhuba noma ngandlelani. Ukubuka lezo zithombe, ezulwini kubhalwa isono kuwe!
106.Kuma tick tock kunezithombe zayo yonke inhlamba nemikhuba. Uma ulikholwa awukwazi ukujabuliswa ukubuka izithombe eziyimikhuba, ezinenhlamba, nokuningi okunjalo!!
107.Ngaso sonke isikhathi ungayilaleli into othi uma uyilalele uJehova ajabhe ngawe. Ungazilaleli izingom ezikwenza ube semdansweni kunokuba uninge ngoNkulunkulu!
108.Ungayikhulumi into okuzothi uma uyikhuluma uJehova abhale icala kuwe! Ungahlebi, ungaqambi amanga, ungaxabanisi!
109.Izono eziningi sizenza ngokukhuluma, ngakho-ke ungabi ngumuntu okhuluma kakhulu, ungazikhulumi izinto ezingenamsebenzi!
110.Ungayiphathi into okuzothi uma uyiphatha wenze isono! Ukuphatha kusho izinto eziningi, umzimba wakho ulithempeli likaNkulunkulu, ngakho-ke uhlale uzibhekile ukuthi awuwusebenzisi ukwenza izinto eziyisinengiso kuNkulunkulu!
111.Ungahambi ubamba into okungafanele uyibambe, ungayigoni into okungafanele uyigone, ungazihlanganisi ngokocansi nomuntu okuthi uma wenza leyonto kuphoxeke abasezulwini ngawe!
112.Nonyawo lwakho ululawule. Ungayi endaweni okuzothi uma utholakala khona kujabhe izingelosi.
113.NjengamaNazaretha kaNkulunkulu, singabantu abangcwele, kodwa lobu bungcwele akufanele ukusho ngomlomo, kodwa izenzo zakho zikuphikisa!
114.Ingelosi yasifundisa ukuthi singayi emzini womuntu, ngaphandle uma sise inkonzo, noma sisesifweni. Nalapho kunemithetho okumele sihlale siyigcina.
115.Thina asidli emzini womuntu uma silethe inkonzo noma size esifweni. Uma sesithandazile siyahamba, akukho okunye esikwamukela emzini ebesiyothandaza kuwo!
116.Uma besize emngcwabeni siziphathela ukudla kwethu; asilokothi sidle emngcwabeni!
117. Lomyalezo ubalulekile ngoba abantu abaningi basanda kuphenduka, ngakho-ke kumele behlale beyazi inqubo yokukholwa okugcina ubungcwele bethu!
118.Shlale njalo ngokuzihlonipha, sazi ukuthi siyisitsha esihle sokuphatha izwi likaNkulunkulu!
119.Njengoba namuhla kungena umhlangano kaJuly, yathi ingelosi sihlale sazi ukuthi uJehova unomhlanganio nathi! Lomhlangano ungokaJehova, thina sizimenywa kuwo.
120.Ngakho-ke asihlale ngokulinda ngisho singekho emhlanganweni!
Isihlabelelo 75.
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukulizwa izwi lakho
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho.
Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
2.Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo.
Sibambe singayeki
Singayeki ngethemba.
INkosi ibusise izwi layo.