Inkolo kaJehova yafikela entabeni yaseSnayi kubantwana bakwa-Israel ngo 1447 B.C, ayisiyo inganekwane!
Okubalulekile ngalenkolo ukuthi yafikela kumaHebheru, okuyisizwe esimnyama, kwaba yiso futhi umlando wayo esawubhala phansi, ngoba amaHebheru vele babaziwa umhlaba wonke njengabantu bencwadi(People of the book!)
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “Ukubaluleka kokwazi ukuthi siyizindlamafa zezulu.”
2.Incwadi kaDuteronomi 14:1-3: “Ningabantu bakaJehova uNkulunkulu wenu, aniyikuzisika, aniyikuwagunda amakhanda enu ngenxa yabafileyo, ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu.
3.UJehova unikhethile ukuba yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba. Ungayidli noma yini enengekayo.“ Amen!
4.Baningi kakhulu abantu emhlabeni abangakholiwe ngezizathu ezahlukahlukene.
5.Omunye umuntu uba nenhliziyo engakholwa kwasidalwa sayo, noma engazalwa ngamakholwa, akhuliswe ngokukholwa; kodwa kutholakale ukuthi akanayo inhliziyo yokukholwa, unenhliziyo kaSathane, futhi akukho eningakwenza ngaye!
6.Omunye umuntu ngokwemvelo unenhliziyo yokukholwa, kodwa kutholakale ukuthi ukhulele emphakathini ongakholwa, ukukholwa vele akakwazi!
7.Kanti omunye uzalwa phakathini kwamakholwa anevangeli elingawakhi umqondo kumuntu osile, ivangeli eliheha abantu abacabanga ngemizwa!
8.Kodwa abanye abantu bayaye becabanga ukuthi ngoba bafundile sebazi konke, bazenze osiyazi nasenkolweni, bafundise into engekho, kodwa ezihehayo iziwula!
9.Abanye bayaye belwe nenkolo ngoba bebona ukuthi ukuyamukela kuzowisa amabhizinisi abo! Omubi abenze bacabange ukuthi ibhizinisi labo libaluleke ngaphezu kwezwi leNkosi!
10.Ngazalelwa ebandleni lamaNazaretha, ngakhula ngikuleli bandla ngaze ngaba ngumvangeli.
11.Njengomuntu owayevele ekuthanda ukukholwa, ngangicabanga ukuthi ngikholiwe, kanti cha, angazi lutho!
12.Kwathi ekufikeni kwengelosi nganokudideka okukhulu! Ngafikelwa umcabango wokuthi mhlawumbe kukhona okungasahambi kahle ekhanda lami!
13.Ngacabanga nokuthi mhlawumbe sengafa, kumbe ngisephusheni elide, ngelinye ilanga engolixoxela abantu ngokuhlala nengelosi!
14.Lokhu kwadalwa ukuthi lesi simo sasingaphezu kokuqonda kwami, ngoba ngaphandle kwezingelosi esifunda ngazo eBhayibhelinii, ngangingakaze ngicabange ukuthi ingelosi ingasuka ezulwini izohlala nabantu emhlabeni!
15.Kodwa lokho kukodwa kungubufakazi bokuthi iBhayibheli liqukethe umlando oluqiniso, nokuthi umlando uhlale uhlale uziphinde!
16.Kwa-Israel kwakunabaprofethi ababevela ngezikhathi ezahlukene, kunezingelosi ezazihlala nabantu njengo Mikhayeli noGabriel, kanjalo noNkulunkulu ehlala nabantu!
17. Njengazo zonke izithunywa zikaJehova, ingelosi yafike yavuselela kithi ukukholwa kwakwa-Israel okunevangeli LOKUDUMISA UNKULUNKULU OYEDWA, IGAMA LAKHE OKUNGUJEHOVA!
18.Lokhu kudumisa, ngaphandle kwama-Moslems, akutholakali kumakholwa afana namaKrestu namaNazaretha!!
19.Ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu lehluke ngalokho kwamanye amabandla, lidumisa uJehova kuphela!
20.Ingelosi yagxila ekusifundiseni ngemibhalo eseBhayibhelini, ibuye isifundise nangemibhalo kaShembe esezihlabelelweni zamaNazaretha, lemibhalo iyifunda esandleni sayo!
21.Okokuqala yavuselela uvesi 3 womthandazo weSabatha. Kulo mthandazo uShembe uthi sobonisa ukuthi siyamesaba uJehova ngokuba sigcine imithetho yakhe owashiya kithi ngoMose!
22.Wathi uShembe YILOKHO KUPHELA UKUKHOLWA OKWAMUKRLEKILE KUNKULUNKULU!
23.Noma incwadi yesabatha sasiyifunda kathathu njalo ngeSabatha, kodwa sasiyifunda njengesilandelo, singakuhlaziyi okubhalwe kuyo!
24.Ziningi izinto esizifunde ngengelosi ngesimo sobukhona bukaNkulunkulu, bezulu nobesihogo!
24.Lezintshumayelo esiyaye sizizwe kulomprofethikazi wase-Amerika, uSister Celestial, eziningi zazo zifakazela esiyaye sikufundiswe yingelosi!
25.Ingakapheli inyanga ingelosi ifikile kithi, yathatha umkhokheli yangena naye emfuleni omkhulu, wazibona eseqhamukela kwelinye izwe!
26.Wahlala kulelizwe izinsuku eziyisikhombisa, ehleli nezimpunga zamaJuda ezazimfundisa ngenkolo kaMose njengoba ivuselelwe nguShembe!
27.Akugcinanga lapho, kulo lelizwe wabuye wahlangana noBabamkhulu, iLanga neNyangayezulu!
28.Wayengaphuphi, ingelosi yamthatha physicaly yangena naye emfuleni, wabona eseqhamukela kulelizwe elalinamaJuda, hhayi amhlophe, kodwa okungabantu abamnyama!
29.Noma singazi ukuthi lokhu kwakwenzeka kanjani, kodwa ingelosi ithi uma uboniswa izulu usesemhlabeni, liba ngufumfanekiso wokusemhlabeni!
30.Kusobala ukuthi lamaJuda umkhokheli owayehleli nawo izinsuku ezingu 7, kwakungabaprofethi bakwa-Israel okudala bahamba emhlabeni!
31.Kungakho babemfundisa ngenkolo kaMose evuselelwe nguShembe; okuyinkolo kaMenzi wezulu nomhlaba!
32.Ngo 2010, ingelosi yangitshela ukuthi amaJuda ngabantu abamnyama, nokuthi mina ngiyinzalo yendlu kaJuda!
33.Ngohlale ngisho ukuthi ayikho into eyingozi njengokubona umuntu ongazi lutho ngenkolo, kodwa atholakale esefundisa into engalona iqiniso, ethi inkolo yakhiwa ngabantu!
34.Ngiyaye ngizwe abanye bethi ngamadimoni kuphela ahlala emifuleni naselwandle, kodwa ngenke bakunike incwadi yeBhayibheli enale mfundiso!
35.Uma bekunjalo, pho sibhajadiselwani emfuleni, ungahlanjululwa kanjani emfuleni, uma umfula uhlala amadimoni? Ulwazi ngoNkulunkulu asinalo!
36.Uma uhlanganisa amazwekazi angu 5 kanye neziqhingi, lokho kwenza u 25% weplanet-earth, okungumhlaba!
37.Kodwa uma uthatha ulwandle nemifula namachibi, kwenza u 75% planet -earth. Umhlaba ombozwe ngamanzi mkhulu kakhulu kunomhlabathi oyizwekazi!
38.Kuze kube manje akakho ongachaza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ufike ungene emfuleni, bese uphumela kwelinye izwe elingenamanzi?
39.Ngabe leli lizwe likhona physicaly, noma izwe elikhona spiritually elisafana nezulu nesihogo?
40.Ngabe isihogo sikwenye indawo, nezulu likwenye indawo? Ezinye izangoma ziyangena emfuleni, bese ziqhamukela kwelinye izwe!
41.Isangoma kwelomoya sixhumana namathongo, kodwa thina kwelizayo sixhumana nezithunywa zezulu ezinjengo Mose nabanye abaprofethi bakwa-Israel, kanye noShembe onguMoya!
42.Lapha asikhulumi ngezinto esizikholwayo, kodwa sichaza about our experience ngobukhona bukaNkulunkulu!
43.Sesihlale nengelosi iminyaka engaphezulu kweshumi nesihlanu.
44.Manje uma sekuqhamuka umuntu ethi ingelosi ayikho, uNkulunkulu akekho, ibandla yinto nje eyakhiwa ngabantu, usuke echaza ukuthi thina asiphilile emakhanda?
45.Ngakho-ke ngiyayiphikisa lemfundisoze yevangeli elithi iBhayibheli nenkolo kwakhiwa ngabantu, nokuthi uNkulunkulu akekho!
46.Mhlawumbe ezinye izinkolo zakhiwa ngabantu, kodwa inkolo kaJehova yafikiswa kithi nguye uJehova ngoMose!
47.Inkolo kaJehova yafikela entabeni yaseSnayi kubantwana bakwa-Israel ngo 1447 B.C, ayisiyo inganekwane!
48.Okubalulekile ngalenkolo ukuthi yafikela kumaHebheru, okuyisizwe esimnyama, kwaba yiso futhi umlando wayo esawubhala phansi, ngoba amaHebheru vele babaziwa umhlaba wonke njengabantu bencwadi(People of the book!)
49.Vele ezinye izizwe azinaye uMdali wezulu nomhlaba, zinoNkulunkulu abaningi abanganamthetho!
50.Labo nkulunkulu abakwazi ukukuchazela ukuthi umuntu ongumbulali, ongumdlwenguli, uma ekufeni kwakhe engajeziswanga esesemhlabeni, izulu labo limjezisa kanjani?
51.Uma sizokwamukela ukuthi lenkolo yakhiwa ngabantu, sisho ukuthi njengoba sihlala nengelosi esifundisa ngeBhayibheli, ngabe ingelosi isuke ezulwini ukuzofundisa ngenkolo esungulwe ngabantu?
52.Inkolo yomdabu, esiyibiza ngokuthi usiko lwethu, iyona eyasungulwa ngabantu, ngoba akakho ongasitshela ngomlando wayo, nokuthi lapha emhlabeni yavela nobani! Yikho ibizwa ngokuthi YIZWI LABANTU!
53.Kodwa inkolo kaJehova ayilona izwi labantu, iyizwi leZulu elehlela kubantu ngoMose ngo 1447 B.C!
54.Okukhulu kunakho konke ukuthi mhla uJehova elethe lenkolo, wabiza sonke isizwe sakwa-Israel ukuba sizozizwela sona ngokwaso uNkulunkulu ekhuluma!
55.Thina siyilifa likaNkulunkulu, siyisizwe esakhethwa nguJehova wathi singabantwana bakhe!
56.Ayikho into eyaye ingijabulise njengokuzwa lenkosazana yase-Amerika, uSister Celestial, efakaza ngaleli lizwi lezulu, ebonisa ukuthi sinoNkulunkulu okhulumayo!
57.Bese ngiyabona ukuthi leli Lizwi lezulu uShembe owathi lozwakala emhlabeni wonke, manje seliye lafika nase-Amerika!
58.Uthi lomprofethikazi: “INkosi ithi wena Amerika waziphakamisa emhlabeni uhamba uqoqa abantu engingakuthumanga ukuba ubaqoqe, wabaletha ezweni layo ubakhisa khona, wathi bangu-Israel!
59.INkosi ithi amanga akho aseqhubeke isikhathi eside ngokwenele, futhi izowaveza emhlabeni; kuyothi emva kwalokho ikushaye ikususe emhlabeni!
60.Izizwe ziyoqhubeka, futhi impilo iyoqhubeka, kodwa mayelana ne-United States of America, akusayikuba khona into eyi-America, kungakhathaleki ukuthi umuntu uthini!
61.INkosi ithi isiphetho salesi sizwe siyoba yimbubhiso, okungu kwehlulelwa kokugcina njengalokhu sikuthola kulotshwe ngakho kwiSambulo 18.
62.Ithi iNkosi kumaJuda (amhlophe): ‘uma umvikeli wenu, okuyi-Amerika, eseshayiwe, njengoba engasenakuni khulula, niyozibonela njengamachwane enyoka!
63.Futhi ama-Arab anizungezile ayokwehlela phezu kwenu, niyobaleka nilishiye izwe leNkosi eyalinika abantu bayo!!
64.Ngakho-ke, izinsuku zokubheka konke okwenziweyo sezisondele kuzo zonke izizwe ezilwa no-Israel, okungukuthi ‘abantu bakaNkulunkulu ngokweqiniso!” Amen! Labo yisizwe esimnyama esihlale sihlukunyezwa!
65.Uyaqhubeka lomprofethikazi uthi: “INkosi yasho ukuthi amaJuda akwa-Israel akuyibo emthethweni abanikazi bezwe lakwa-Israel, futhi ayosuswa lapho ngendlakadla yama-Arab ayobe elwa nawo!
66.UJehova uthi: “Bayosuswa ezweni lami ngoba abayizo izindlalifa zeze thembiso engazinika u-Abraham, no-Isaka no Jakobe.
67.Angabazenzisi, ngakho imvelo yawo izokwembulwa phambi komhlaba wonke, kanjalo, nemvelo yabantu baMi iyokwembulwa phambi komhlaba!” Amen!
68.Lento ekhulunywa nguNkulunkulu ngalomprofethikazi isiyenzeka! Okokuqala kwasho ingelosi kimi ukuthi amaJuda akusiwo la amhlophe, kodwa yithi!
69.Okwesibili ngathola sekukhulunywa ngalendaba ko Youtube ukuthi yithina amaJuda, nokuthi uJesu okunguYeshua, kwakungumuntu omnyama!
70.Kodwa amanye amakholwa kwawaphatha kabi lokho, bazama ukuziduduza ngokuthi akusho lutho ukuthi uJesu mhlophe noma mnyama!
71.Kodwa ukuze imvelo yalamaJuda yembulwe phambi komhlaba wonke, uNkulunkulu uthume umongameli waseRussia, uPutini, ukuba leliqiniso alibeke obala ukuthi amaHebheru yithi, nokuthi uJesu kwakungumuntu omnyama!
72.Imvelo yabantu bakaNkulunkulu isiyembulwe phambi komhlaba wonke!
73.Kodwa ngike ngezwa abanye abantu abamnyama bethi ayikho lento kaPutin, wayethuleleni sonke lesi sikhathi, ngamanga la!
74.Okusobala ukuthi liyabahlupha leliqiniso lokuthi amaHebheru ngabantu abamnyama, nokuthi noJesu akaze abe ngumlungu, njengoba safunzwa lokho!
75.Ayikho into eyinkinga njenge Clever Black, ngoba uma sebethenge ubulungu-ndini asebeyikho, bayaye batholakale sebegxeka yonke into engubuzwe bethu!
76.Lokhu kwathi nhlo, uma isizwe simhlubuka uNkulunkulu, uyaye athume esinye isizwe ukuthi sisinqobe bese sisithumba.
77.Uma futhi esefuna ukukhulula isizwe sakhe, athume esinye isizwe ukuba sisikhulule!
78.Njengoba sizigqila zezizwe nje, kwasho uNkunkulunkulu kuDutoronomi 28 ukuthi uma simhlubuka uyothumela izizwe ukuba zisithumbe, kodwa washo futhi ukuthi uyohamba ahambe asikhulule!
79.Manje usekushilo ukuthi useyasikhulula kulezi zizwe ezisithumbile; uNkulunkulu akajiki kowakusho! Uthi uzosikhulula ngeRusshia, neChina kanye nezizwe zama-Arab! Yilezi zizwe ezizonqoba i-West, kodwa zithunywe nguJehova!
80.Ngeshwa kunabantu abangazi lutho ngeBhayibheli, abangazi lutho ngoNkulunkulu, kodwa abanevangeli lokuthi konke bona abangakwazi, akukho! Umuntu omnyama unjalo-ke!
INkosi ibusise enikuzwile.
Lentshumayelo iyatholakala kufacebook noyoutube othi Rev M.P. Mpanza NCG.