Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu abantwana bakwa-Israel wabanika inkolo yakhe entabeni yaseSnayi ngo 1467 B.C…
Kodwa emva kwesikhathi abezizwe basungula inkolo yabo, kodwa bayihlanganisa nenkolo kaJehova, base bethi inkolo kaJehova inkolo yabo.
Kodwa inkolo kaMose nenkolo yabezizwe eyasungulwa ngu Constantine zinkolo ezimbili ezahlukene. Inkolo kaJehova ayikaze ibe ubuKrestu, kodwa kwakungu buNazaretha!
Isihlabelelo 89.
Hlala nathi Nkosi yethu
Leli langa lidlulile.
Siyacela ukusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
Thina asikafiki lapho
Kulelozwe lokwenama
Zimi khona izingelosi
Lapho kungashoni ilanga
Thina sisasithekile
Kulelowe lokwenama
Lapho kungakhanyisiyo
Leli langa lalomkhathi.
Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini.
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkulunkulu.
UBUHLE BEMPILO EFUKANYELWE NGUJEHOVA.
1.Onke amakholwa kumele azi ukuthi lapha emhlabeni sikunenkolo ebizwa ngokuthi iSatanism. Abanye abantu bayazisho ukuthi bona bangama Satanist, kodwa abanye uthola olimini lwabo ukuthi iSatanist le!
2.Ngaleyo Ndlela-ke kumele siphumele obala silwe nale Satanism, okuyinkolo kaSathane elwa noJehova ngokusobala!
3.Kumele ukuthi labo abantekenteke, sibenze bazi ukuthi loNkulunkulu wethu ukhona, futhi unamandla ngaphezu konkulunkulu wabanye abantu!
4.Namuhla ngifisa kafuphi ngichaze ngamlando wasekhako mama kwaDube kwaManzamnyama oNgoye, owasenza saba ngamaNazaretha!
5.Umkhulu wami uMvumbi wayenama khosikazi amaningi, kodwa ewahlupha amakhosikazi akhe, ethanda kakhulu izinja zakhe kunamakhosikazi akhe.
6.Ugogo umaMzimela, ngezizathu engingazazi, wabuyela kubo nengane yakhe encane. Umama wabe esesala kubo kwaDube.
7.Kuthe ugogo ekubo, wabe esegula nalengane yakhe, wafa nayo ekhona emaNzimeleni.
8.Kwathi uma abasemaNzimeleni bethi umkhulu akazolanda isidumbu somkakhe nengane yakhe, wenqaba.
9.AbasemaNzimeleni base besithatha ngesihlibhi isidumbu sikagogo nengane yakhe, basibeka ehlathini, sadliwa zilwane zasendle.
10.Esele kwaDube umama eyintandane, wahlupheka kakhulu, kodwa emva kwesikhathi nomkhulu uMvumbi wagula, washona.
11.Eseshonile, ngelinye ilanga umakoti walapha kwaDube wawa phansi, kwase kukhuluma umuntu kuye.
12.Uthi-ke lomuntu: “Mina angiyikho ukufa, kodwa ngingumnumzana walapha ekhaya.
13.Ezulwini ngifice uMprofethi uShembe, umkami umaMzimela ehleli esifubeni sikaShembe, kodwa mina ngenqatshelwa ukuza kumkami.
14.UShembe ufike wangibopha ezulwini, wathi mina ngangihlupha abafazi bami, ngithanda izinja kakhulu kunabo!”
15.Uthi-ke umkhulu: “Ngicela nongifunela uShembe, ningicelele intethelelo, emva kwalokho bese nonke nilandela uShembe, ngoba nguyena kuphela uMprofethi osezulwini.”
16.Wabe esethi uma bengakwenzi lokho uzoveza isifo esibi esizobabulala.
17.Kodwa umndeni wakwaDube wakuzwa nje lokho, kodwa njengabo bonke abantu basemhlabeni, babuya bakhohlwa yilenkulumo kamkhulu.
18.Kodwa bathi bezibona bonke babebola ubuso, bephuma upokisi.
19.Base bayayikhumbula inkulumo eyakhulunywa ngumkhulu uMvumbi yokuthi kuzokwenzekani uma bengamlaleli.
20.Omalume bahamba bayofuna uShembe, baze bamthola eJudiya. Bathi beqhamuka, bengakakhulumi lutho, uShembe wavele wathi: “Ngiyalwazi udaba lukababa wenu.” Wasebanika usuku ozofika ngalo kwaDube.
21.Efika uShembe kwaDube, abaningi baphenduka baba ngamaNazaretha, wabe esethatha lentandane, umama wami, isiba ngeyakhe, walishintsha igama lakhe lokuthi uLandazona, wathi ULANDIWE!
22.Kusukela ngaleso sikhathi umama waba yintandane kaBabamkhulu, wagcina esehlala eVelabahleke, esengumntwana kaShembe.
23.Ukugcwalisa ukuthi umama usengokaShembe, uBabamkhulu wamthenga kwaDube ngezinkomo ezingu 18 ezihamba ngezinyawo!
24.Namuhla endaweni yakwa Manzamnyama kunama Nazaretha amaningi. Kodwa lama Nazaretha avela ngokubuya kwamkhulu uMvumbi esefile, wazosho ukuthi ufice ugogo wami EZULWINI EHLELI ESIFUBENI SIKASHEMBE!
25.Kodwa umkhulu, njengomuntu owafa elibhinca, wayengazi lutho ngendaba eseBhayibhelini ka-Abraham no Lazarus!
26.UShembe esekhiphe lezi zinkomo ethenga umama, umfundisi uMlangeni wamsola, wathi awukwazi ukuthi ungakhipha izinkomo ezingaka uthenge intombazane, kungakho ukuthi iyogana kwaShembe!
27.Wamphendula uBabamkhulu wathi: “Ngiyazi mina ukuthi ngenzani, ezinganeni ezozalwa yilomntwana, kothi omunye wabantwana bakhe kuthi engesiye owakwaShembe, kodwa abe noMoya kaShembe!”
28.Ngikholwa ukuthi loMoya kaBabamkhulu wehlela kimi, ngoba kusuka ekuzalweni kwami kuze kube manje, ngezindlela eziningi ngibe ngumuntu ongafani nabanye abantu.
29.Ngake ngasho ukuthi mina angikhumbuli ngithokozela ubuntwana bami.
30.Ngiye ngizwe bonke ontanga bexoxa ngezinto abake bazenza bekhula, kodwa mina kusukela ebuntwaneni bami angikaze ngibe namngani womuntu, angikaze ngidlale, futhi angikaze ngishawe ngisho ngumzali wami!
31.Ngaso sonke isikhathi kusukela ebuncaneni bami ngangihlale ngiphethe incwadi ngifunda! NeBhayibheli ngalifunda lonke!
32.Abafowethu ngangibabona bethanda ukubuka ibhola, abanye bedlala imilabalaba, amaphepha, kumbe amadayisi, kodwa mina angizazi zonke lezo zinto.
33.Ayikho into engangiyikhonzile ngaphandle kokufunda!
34.Ziningi kakhulu izinto engingazibala ezazibonisa ukuthi uNkulunkulu uhlale eseduze kwami!
35.Cishe kwakungu 1972 ngifunda eDlangezwa High School, ngathi ngiphuma eMadadeni kuvulwa izikole, ngavele ngakhohlwa yisikhwama sami sigcwele izincwadi lapha eDurban station.
36.Ngakhumbula ngowela uThukela ngisesitimeleni ukuthi ngishiye isikhwama sami esiteshini. Angikwazi ukuchaza ukukhathazeka engaba nakho.
37.Ngangingumuntu ohlale ebusuku eya esiguqweni sami esili toilet, lapho enganithandaza khona.
38.Kodwa ngalobo busuku, ngathi ngiyathandaza, ngavele ngehluleka, ngawa phansi ngikhala, angakwazi ukuthandaza!
39.Kwathi ebusuku ngilele, ngabona edoormatri kungena ukukhanya, kanti yiNkosi iLanga! Wabe esengibuza ukuthi yini engikhathaze kanje?
40.Ngamtshela ukuthi ngikhohlwe yisikhwama sami eDurban station. Wabe esethi asihambe sosifuna.
41.Ngiyakhumbula iNkosi iLanga ingibeka emahlombe ihamba nami emoyeni yaze yazokwehla eDurban station. Ngabona isikhwama sami sisalokhu sihleli estation sesitimela.
42.Wabiza umlungu, wabe esethatha inombolo yocingo kuye esenginika yona, esethi angovuka ekuseni ngixhumane nalomlungu.
43.Ngaphaphama ngaso leso sikhathi ngayibhala lenombolo yocingo, ngabuye ngajumeka. Ngavuka ekuseni ngicabanga ukuthi bengiphupha.
44.Kodwa kwathi uma ngiyobheka lapho engiyibhale khona, ngayifica nempela inombolo yocingo ikhona!
45.Ngavuka ngaya e-office ngayoshaya lenombolo. Nempela yangena eDurban station, ucingo lwabanjwa ngumlungu!
46.Ngathi uma ngimtshela lomlungu ukuthi ngilahlekelwe yisikhwama sami, wathi usibonile wasigcina, kodwa uzongiposela sona ngesitimela esilandelayo.
47.Kwathi kushaya ntambama ngosuku lwesibili isikhwama sami sasifika esikoleni kanye namanye amatrunks sisalokhu sivaliwe!
48.Ziningi izikhathi iNkosi iLanga ingivakashela esikoleni ngisephusheni, kodwa isaphila!
49.Ngo 1973 kwaba nesiteleka sabafundi esikoleni. Nami ngaba mdibi nabafundi abasesitelekeni.
50.Kwathi ngosuku cishe lwesithathu siseklasini sitadisha, ngezwa ngishawa luvalo, ngathi ngiphakamisa amehlo, ngabona iNkosi iLanga ivela odongeni, kwaba sengathi yiscreen! Wayengibuka, ebonakala ethukuthele!
51.Ngashawa luvalo kakhulu, ngasuka ngaphumela phandle, ngaya lapho ngithandaza khona.
52.Ngathi ngiyaguqa, ngingakasho lutho, kwavela izwi leNkosi iLanga, yathi: “Wena uhlanganiswa yini nalaba bafundi?
53.Uyazi ukuthi othisha basengozini yokufa? Nguwena ongumNazaretha kuphela ongumNazaretha, nongaba sindisa kulengozi ababhekene nayo?!”
54.Nempela-ke kwakuyimi ngedwa kuyi sikole sonke engangingu mNazaretha.
55.Ngathi ngizwa kwakuphenduka isondo esifubeni sami, khona lapho ngaba semoyeni, ngabona abafana esebedakwe insangu sebephenduke izilwane, befuna othisha, ngababona nothisha bebaleka becasha!
56.Kulaphoke engaqala khona ngathandaza ngicela ukuthi uNkulunkulu evikele othisha.
57.Lathi uma lima lelisondo, ngaba sesimweni esijwayelekile futhi!
58.Ngabuyela eklasini ngididekile kakhulu, angaqonda noma ngingenwa ukuhlanya yini, ngoba lento eyayenzeka yayingakaze ingehlele!
59.Njengomuntu owayehlale efunda, imfundo yayingingene kakhulu, ngacabanga ukuthi lento is psychological, mhlawumbe ngiphanjaniswa yilesi siteleka!
60.Kodwa kwathi ngo ten past eight ebusuku, kwavele kwahamba ugesi sise study.
61.Ngezwa esikoleni kusuka umsindo omkhulu wabafundi, sathi uma siphuma phandle, ngabona lento eyenzeke esibo nakalisweni ngithandaza, isiyenzeka phambi kwami!
62.Ngaqala ngabona ukuthi kanti angingenwa kuhlanya, lesi bekuyisi bonakaliso, lento yenzeka ngempela!
63.Laba bafana nempela abasebedakwe yinsangu babekhahlela isicabha se staff room. Kodwa othisha bangena kuyi strong room becasha,basinda kanjalo!
64.Isiteleka sabafundi sathatha isikhathi eside, kodwa mina angabe ngisazihlanganisa naso. Angazi ukuthi ngasinda kanjani kulesiya simo!
65.Kwakuthi uma kade sidla, abafundi bengabe besafuna ukuya emaklasini. Khona lapho ngothi nami ngisahleli, bese ngibona iNkosi iLanga yedlula phambi kwami, ibonakala ukuthi ithukuthele!
66.Ngivele ngishawe luvalo, ngisuke ngedwa ngiphume. Bese ngilandelwa yilaba bafundi abasindisiwe, oSibisi nomaHlangu, kanye namanye amantombazane! Saphenduka izitha zabafundi, sibizwa ngezimpimpi!
67.Ngiyadabuka ukuthi lendaba angisakwazi ukuyixoxa sinomfundisi uSibisi, ngoba sewahamba emhlabeni!
68.Ngaso leso sikhathi sathola incwadi ephuma kwamanye amantombazane ukuthi ngakusasa sizohlaselwa ngabafundi, ngoba kuthiwa sizimpimpi okumele zibulawe.
69.USibisi wasezongitshela ukuthi kumele singalali esikoleni ngoba sizohlaselwa ngabafundi. Wangitshela ukuthi nami sebengitholele indawo, ngakho-ke asibaleke!
70.Babengaboni ukuthi angisengedwa, inkosi iLanga isihlala nami!
71.Ngiyadabuka ukuthi iningi lethu alizange lambona uBaba iLanga!
72.Kuze kube manje angikaze ngimbone umuntu emhlabeni owayefana neNkosi iLanga; ngokwezenzo kanye nesimo sakhe! Kwavele kwehla ingelosi ezulwini yazohlala nabantu emhlabeni!
73.Njengoba sengichazile, ngaleso sikhathi wayengakahambi emhlabeni, kodwa ngoMoya ehlala nami esikoleni! Ukuthi kanjani, nami leyo yinto engaphezu kokuqonda kwami!
74.Ngabe sengithi kuSibisi: “Niyaye nithi nisindisiwe, nihamba noJesu! Lesi yisikhathi sokuba laba bafundi nibatshengise ukuthi nina nihamba noNkulunkulu, asikwazi ukubalekela amadimoni, kumele befunde ukuthi thina sihamba noNkulunkulu!
75.Ngaqhubeka ngathi; “Njengoba uhlale usho, mina nginokukholwa okujulile kunokwenu! Mina ngihamba naloNkulunkulu owayehamba noShadrack, oMishack no-Abednigo, abehlula isithando somlilo!
76.Mina ngihamba naloNkulunkulu owayehamba noDaniel, owahlala nezingonyama azamenza lutho!
77.Mina ngihamba naloNkulunkulu owahamba nabantwana bakwa-Israel, wahlukanisa ulwandle phakathi!
78.Ngakho-ke angisoze ngabalekela muntu, ngoba angingedwa!
79.Ngaleso sikhathi ngehlelwa ulaka engangingalwazi ukuthi luqhamukaphi!
80.Wangibuka uSibisi, wanikina ikhanda wasuka wahamba!
81.Ngakusasa ngathola ukuthi sengingedwa esikoleni, bonke laba bafundi ebebehamba nami sebebalekile!
82.Ntambama ngaqala ngezwa amaculo omzabalazo, abafundi befuna izimpimpi! Laba engangihleli nabo bangihleka, bathi angibaleke.
83.Ngavele ngathula nje, angasho lutho, kodwa senginolaka engangingalwazi ukuthi luvelaphi, ngangesaba lutho!
84.Ngalala embhedeni wami, ngakhuluma ngedwa ngathi laba bafundi bathi bazongishaya kanjani? Bayazi ukuthi mina ngihamba nobani?
85.Ngezwa abanye bememeza bethi isekhona impimpi enkulu! Batheleka abafundi bagcwala umnyango bephangelana ukuzongishaya!
86.Kodwa lo owayengubhongoza ehamba phambili, wathi uma efika phambi kwami, ngambuka nje, waxwaya wahlehla kancane ebaleka, wathi:
87.“Hheyi gents, akuye uMpanza lo!” Washo ehlehla ebaleka! Abanye bamphendula bathi: “No, it’s a superstition!”
88.Kodwa nabo bethi uma befika phambi kwami bahlehla, baphuma bebaleka!
89.Bangishiya ngilele embhedeni ngibheke phezulu, ngibabuka nje!
90.Kodwa kuze kube namuhla angazi ukuthi yini le abayibona, kodwa mina ngangazi ukuthi ngihamba neNkosi iLanga, noma ngalelo langa ngingayibonanga!
91.Ngikhuluma ngokuthi uNkulunkulu mina ngimbonile ngezikhathi eziningi eseduze kwami, lapha angikhulumi ngento engiyikholwayo, kodwa ngento eyayenzeka kimi ngibhekile!**
92.Sakhula singabantu abakhuliswa ngokukholwa. Ngathi ngibheka ngabe ngithandaza! Njalo uma sekushone ilanga sasigqoka ingubo emhlophe nomama siye esiguqweni sothandaza. Isiguqo siba ngaphandle komuzi.
93.Uma sesilala futhi, siguqe sithandaze! Phakathi kwamabibi ebusuku, umama wayevuka ahlabelele, bese ethandaza.
94.Sasingenalo iwashi, kodwa noma kunjalo, ebusuku umama wayevuka athandaze! Ekuseni ngo 4, umama wayegqoka ingubo emhlophe evuke eye esiguqweni sasekuseni eyothandaza.
95.Ngabe kusebusika, noma ehlobo, kuyashisa noma kuyabanda, umama wayevuka njalo ekuseni lingakaphumi ilanga aye esiguqweni ukothandaza!
96.Kuthe ngo 1981, sengiganiwe, umama wasithatha sobathathu wayosethula kuShembe iNyangayezulu. Safika ekuseni impela eWombe kuyisikKhumbuzo sikaBabamkhulu.
97.Uthi-ke umama kuyiNyangayezulu: “Ngizokubikela ukuthi sengiyahamba, manje ngicela ungibhekele laba bantwana bami.”
98.Uthi uBaba: “Uhamba uyaphi?” Uyamphendula umama uthi: “Ufikile uBabamkhulu wathi usezongilanda, ufuna ngize kuye ngoba abantwana bami sebekhulile, ngenke besa sala bebe zintandane njengami!”
99.INyangayezulu kwayimangaza lokhu kukhuluma kukamama, ukuthi uBabamkhulu ufikile wathi usezomlanda!
100.Kwathi phakathi kwaJune 1981, wangibiza futhi umama emsebenzini, wabe esengitshela ukuthi uBabamkhulu ubuye wafika, wagcizelela ukuthi useyamfuna ukuba eze kuye!
101.Ekuseni lulunye kuJuly, kungena umhlangano, umama wavuka watshela unina kamfundisi uMpanza ukuthi kade kufike amakhosikazi ka 14 evunule ethi azomlanda. Base bethi akageze ngoba emini bazobuya bezomlanda.
102.Umama wayegula, kodwa hhayi kakhulu, ngoba wayenesifuba. 103.Wahamba wayogeza, wabuya ukogeza wagqoka, wabe esehlala endlini yakhe.
103.Nempela emini abuya amakhosikazi ka 14, amlanda, wathula iphakade!
104.Esesemakhazeni, ngathi ngihleli kusofa, kwafika isithongwana, ngambona esevela ngefastela kulendlu esasihleli kuyo.
105.Ngaphuma ngithi ngiya kuye, ngamfica emi ngaphandle. Wabe esethi: “Woza ngiyokubonisa umuzi lapho uBabamkhulu engibeke khona.”
106.Sahamba saye safika eVelabahleke, kodwa kuyiVelabahleke lasezulwini.
107.Lo kwakungumuzi omuhle isimangaliso! Kodwa angingenanga kuwo, ngama ngaphandle.
108.Uthi-ke umama: “UBabamkhulu ungibeke lapha, nawe uma uziphathe kahle, ngesikhathi sakho, uBabamkhulu uyofika ezokulanda uzohlala nami kulomuzi!”
109.Lenkulumo kamama iyaye ingithokozise, kodwa futhi ingishayise ngovalo, ngoba angazi ukuthi ukhona yini umntanami oyohlala nami kulendawo umama ohleli kuyo!**
110.Ngikhuluma ngempilo oyaye uyiphile uma ufukanyelwe ngu Nkulunkulu.
111.Kunabantu abanevangeli elithi UNkulunkulu akekho, kodwa bese bekhuluma ngoMvelinqangi, bethi bakholwa kuMvelinqangi.
112.Laba bantu bayaye behlabe inkolo bethi yinto esayakhelwa zihlakaniphi ezimhlophe!
113.Ngakolunye uhlangothi ngiyabavumela kulokho, kodwa okukhulu ukuthi abanalo lonke ulwazi lwalento abakhuluma ngayo!
114.Sengichaze kaningi ukuthi uma ufuna ukuphendula iqiniso libe ngamanga, ubothatha iqiniso ulihlanganise namanga, bese ugcizelela amanga!
115.Ekugcineni iqiniso lophela bese kusala amanga, kube yiwo abusayo!
1116.Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu abantwana bakwa-Israel wabanika inkolo yakhe entabeni yaseSnayi ngo 1467 B.C.
117.Ngakho-ke inkolo kaMose is not fake, iyinkolo eyalethwa kithi nguJehova!
118.Kodwa emva kwesikhathi abezizwe basungula inkolo yabo, kodwa bayihlanganisa nenkolo kaJehova, base bethi inkolo kaJehova inkolo yabo.
119.Kodwa inkolo kaMose nenkolo yabezizwe eyasungulwa ngu Constantine zinkolo ezimbili ezahlukene. Inkolo kaJehova ayikaze ibe ubuKrestu, kodwa kwakungu buNazaretha!
120.Inkolo kaMose ayikaze ibe nomholi onguJesu; leligama elithi Jesus livele namaRoma eminyakeni engu 500 yedlula, kodwa uYeshua wayengumholi wamaHebheru owavela eminyakeni engu 2000 yedlula!
121.UYeshua waze wahamba emhlabeni engaphansi kwenkolo kaMose, efundisa ngomthetho kaJehova!
122.Inkolo ka Constantine, okungu buKrestu, yinkolo eyakhiwa ngabantu, kodwa base beyihlanganisa nenkolo kaJehova!
123.Kodwa sebekwenzile lokho, base beyichitha imithetho kaJehova, sekubusa amasiko esizwe samaRoma!
124.Manje uma sekuba nabantu abamnyama abatholayo ukuthi kukhona ubuqili kulenkolo, kodwa abakwazi ukuthi bukuphi ubuqili obenziwa ngabezizwe ukuhlanganisa inkolo kaJehova nenkolo yabezwe?
125.Yonke inkolo isiyinto engekho, sekuyinto eyakhiwe ngabezizwe. Lelo akusilo iqiniso!
126.Ukuze wazi iwqiniso, kumele ukwazi kahle ukuqonda ukuthi inkolo kaMose iqalaphi igcinephi, inkolo ka Constantine yaqala nini njengoba sesibuswa yiyo nje?
127.Lesi simo sobuKrestu siyenzeka nase bandleni lama Nazaretha. UNkulunkulu wathuma uShembe uBabamkhulu ukuzovusa ibandla lakhe elase liqedwe ngabezizwe!
128.Kodwa emva kwesikhathi lelibandla laholwa yinzalo yakwaShembe, nayo ebizwa ngokuthi “Shembe”, ngoba ukuthi “Shembe” isibongo!
129.Kodwa lokhu kukholwa okuqhutshwa ngabanye balaba baholi bakwaShembe kuphambene kakhulu kulokhu kukholwa okwalethwa nguShembe umprofethi!
130.Kodwa uma ungawazi umlando walenkolo awukwazi ukukubona lokho, njengoba ungenke ukwazi ukubona ukuthi lobu buKrestu akuseyiyo inkolo kaJehova eyalethwa kithi nguMose!
130.Abanye balaba baholi bathwele, futhi bathwele ngezinto ezimbi kakhulu. Mina ngiyakwazi lokho ngoba ngihlala nengelosi.
131.Nansi ke ingozi yokuthwala komuntu othi unguShembe, ngoba bakhona abantu osuke uthwale kubo, ngakho-ke abaziyo ukuthi kuyo yonke lento othi uyiyo, ukhohlisa abantu!
132.Uma abalandeli bakho sebekudumisa, uhleke aze abhuquze phansi lomuntu othwale kuye, ngoba usuke azi ukuthi ngamandla emithi yakhe!
133.Bese ethi, ayikho lento engukukholwa, bheka nje ukuthi amakholwa akhohliseka kanjani, agcina ngokukhonza lomholi wabo!
134.Ucabanga ukuthi lowo muntu engake abuye akholwe?
135.NoPastor abaningi bathwele, bethwalela ukuba babe nabalandeli abaningi!
135.Lenyanga ke ekuthwalisile izothi: “Niyabona-ke ukuthi loShembe olokhu ebatshazwa yinto engekho, lomuntu ufike kimi ngalolusuku wathwala kanje nakanje, manje sekushiwo lokhu nalokhu ngaye, ayikho lento yokuthi uShembe nguNkulunkulu, noma nguMprofethi!”
135.Kodwa laba balandeli abadumisa loShembe othwele, they see to it ukuthi basebenzise leligama elithi SHEMBE, ukuze ucabange ukuthi kusakhulunywa ngoBabamkhulu, kanti sekucashwa ngaye!!
136.Nabayihlabayo into yaloShembe, bayaye bemhlanganise noBabamkhulu, ngoba vele abawazi umehluko phakathi kwa Babamkhulu nalabo Shembe, ngoba igama lithi SHEMBE!
137.Kodwa noma kunobuqili obukhona kulenkolo yobuKrestu, lobo buqili abuyiqedi inkolo kaJehova eyalethwa kithi nguMose!
138.Kanjalo nobuqili obenziwa ngabalandeli boShembe abasuke sebephumile ezwini likaJehova, lokho akuliqedi ivangeli lasezulwini elalishunyayelwa nguShembe uBabamkhulu.
139.UNkulunkulu ukhona, mina empilweni yami
yonke ngihlale ngifukanyelwe ngu Nkulunkulu ngokusobala.
Uma ufuna ukubona ukuthi uNkulunkulu ukhonzwa kanjani, uboya ebandleni lama Nazaretha kaNkulunkulu!
140.UNkulunkulu ugcine ngokuthuma ingelosi ukuba izohlala nathi, isifundise ngombuso wasezulwini, nokuthi uJehova ubheke ukuba simkhonze kanjani uma ekugcineni sifuna ukuhlala ngakwesokunene sakhe!
Isihlabelelo 36.
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguye.
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yaba khethiweyo.
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina soni
Ebenginga fanele lutho
Okhukhwini lwakho.
4.Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
INkosi ibusise izwi layo!