Amahubo 89 verse 5-7
“Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele. Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.”
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza ngeSabatha ekuseni mhlaka 13 July 2024 ePhilangezwi mission.
245. ISIHLABELELO. 3
Lesi sihlabelelo safika neNgelosi uHlaleleni ngolwe Sine
mhla ka 23 November 2018.
1 Ngiyambonga uJehova
Ngalolu thando lwakhe,
Owangithanda ngalo
Phambi kwezitha zami.
2 Wahlenga umphefumulo wami
Ogibeni lalokho kufa,
Zijabhile izitha zami
Zingibona ngisaphila.
3 Wasula izinyembezi kimi
Emehlweni ami Nkosi,
Wazichitha izitha zami
Zazula umhlaba wonke.
4 Namhla ngidumisa nabangcwele
Ngenhliziyo ekhululekileyo,
Ngiyakubonga Thixo wami
Wangivusa ekufeni Nkosi.
5 Ngiphe lawo mandla Nkosi
Okudumisa wena wedwa,
Khanyisela umphefumulo wami
Ukubone nasezulwini Nkosi.
1.Ngiphinde ngikhethe iNkosi yaseKuphakameni, ngiyikhetha ngibonga, ngicela ukuba ngibe ngothembekile kuloluhambo. Isihloko uJehova uwukukhanya kubo bonke abamethembayo.
2.Bantwana baseKuphakameni sivukile ngomusa wakhe ohlezi phakade, sivunyelwe nguye ukuthi kulolusuku sibe lapha kulendlu sizomudumisa njengokusho kwakhe encwadini yakhe ukuthi usuku lokudumisa yena yedwa.
3.UJehova uyisimangaliso kulabo abakholwa kuye nalabo abamethembayo, ukwethemba kuyinto enkulu, noma ungamkhonza uJehova kodwa uma ungenalo ithemba uyokona izinto eziningi.
4.Akekho ongangaye, sibuthene lapha sibuthene ngaye, kwaphela kithi konke okwakuwudumo lwezwe lomhlaba, savalwa emathembeni ayize, sanikezwa ithemba, okuyithemba othi uma uthemba uhlomule kulo.
5.Ngiyacela ukuba sedlule encwadini amahubo 89, sizakufunda evesini lika 5 sigcine kwelika-7.
6.Amahubo 89 verse 5-7
“Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele. Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.”
7.Ilamazwi bantwana baseKuphakameni asigunyaza ukuba simhloniphe simthande siphinde simhloniphe uJehova, sikhona kulomhlangano.
8.Asigunyaza ukuba sikhumbule ukuthi uJehova uyesabeka, uJehova ufanele ukuhlonishwa, ehlonishwa yibo abangakuye, lamazwi afakazela uMprofethi kaNkulunkulu lapho enza khona izethulo zosuku nobusuku.
9.Lapho ethi “Nkulunkulu onamandla wonke, Yise wabo bonke abamkhonzayo” nalaphake siyezwa ukuthi ufanelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye, kuyazeka ukuthi abangekekho ngakuye ngeke bamhloniphe, kodwa uNkulunkulu usekhuluma nalaba abangakuye ukuthi ufanelwe ukuhlonishwa uJehova.
10.Ngithike bantwana baseKuphakameni kubalulekile ukuqala ngokwazi ukuthi umhlangano uyini, kuyenzeka kuthi abantu bahawukele ukubuthana kwamakholwa, bakuhawukele lokho, bese nabo beyobuthana nalabo abaziyo ukuthi babuthaneleni.
11.Akukuhleke ukukholwa ngokuhawukela, ukuhawukela ubona abantu bese uyahawukela, kodwa okuhle ukubona uJehova nokuthanda yena nokwethemba yena, ukuthi noma ubafica abantu endlini, uma ngabe wathanda uJehova, uma ngabe inhliziyo yakho ibambelele kuNkulunkulu, uyohlala njalo ugqolozele emthethweni kaNkulunkulu, uyohlala njalo ufuna izindlela zakhe.
12.Ngoba awuzanga ngoba uhawukela, uhawukela kubantu ongazi ukuthi babuthaneleni, bese uyobuthana kanye nabo ungekho entweni ababuthene ngayo.
13.Noma sesifike emhlanganweni kuhle ukuqala sazi ukuthi umhlangano uwumhlangano kaJehova, kuhle futhi ukwazi ukuthi umhlangano awubizwanga ngobabamkhulu, kodwa umhlangano wabizwa uJehova lona ekuthiwa ufanelwe ukuhlonishwa ngabangakuye.
14.Kufanele ukuba sifunde, sifune ukwazi ukuthi umhlanano kaNkulunkulu, ngakhoke sifune nendlela yokuhamba phakathi kwawo.
15.Sifune umthetho wokuthi uma sesilapha emhlanganweni sihamba kanjani kulendawo ekubuthise kuyo uNkulunkulu.
16.Uma ngabe abantu belindile, yikho kwathiwa abantu abaphume bayobuthana endlini kaJehova noma phambi kaJehova, ngoba kwakufuneka ukuthi inhliziyo yomuntu iphelele ekumesabeni uJehova, kungabi khona okunye azokubuka, amehlo akhe, awagcinele ukubuka uJehova. Noma engabonwa, kodwa inhliziyo inawo amehlo okubona.
17.Kufanele ukuthi ukwazi nokukhuluma okukhulunywa emhlanganweni, ukuthi ikuphi ukukhuluma okungakhulunywa, ngoba kusuke kukhona umnikazi wenhlangano ezolalela ukuthi laba ababuthana lapha bafunani kuye.
18.Efuna ukuthola ukuthi ezinhliziyweni zabo ukuthi baze bazohlala kodwa bafunani kuye, kufanele ukuthi uma kukhona okufunayo, uJehova akufice ubalisa ngakho, akuthole ukhala ngakho, angakutholi ugegetheka, akuthole ubalisa.
19.Ngithike bantwana baseKuphakameni siyabuzwa lapha ukuthi ngubani ongangaye uJehova, ngisho nakuwo amadodana kaNkulunkulu siyabuzwa ukuthi ngubani ongafaniswa noJehova.
20.Impendulo ithi akekho, nguye yedwa, akekho ongangaye, akekho onjengaye, akekho futhi onguye. UNkulunkulu uyalalela ukuthi abantu abagcotshelwe lomsebenzi uma sekubuthene abantu phambi kobuso babo, bathini.
21.Bathi abantu abadumise bani, bathi abantu abacele kubani, bathi abantu abahole kubani, kuhle nokugcotshwa nguJehova, ngoba uma unogcobo lukaJehova, uJehova ukushaya uphawu akunikeze namandla, akwesekele ngoba uthunywe nguye, ngoba uyisisebenzi sakhe, awuzibonanga wena ufanelwe ukuba umholi kodwa wabonwa uJehova umnikazi wamabandla wonke akhonza yena.
22.Uma ngabe ungabekwanga nguJehova awunandaba noma abantu bephula umthetho ngoba awukho umthetho owubekayo, ngoba uJehova usuke ethembele kubaholi abagcobile ukuthi ibona abazokufundisa abantu ukuthi yena udunyiswa kanjani ngoba babonwa nguye, bafumanwa nguye.
23.Ake sibuyele futhi sifunde laphana evesini lika 20.
24.Amahubo 89 verse 20-28.
25.“Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye siqinile,ingalo yami iyakumqinisa. Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha.
26.Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo. Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula.
27.Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’ Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba. Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade; isivumelwano sami soba siqinile kuye.” Amein.
28.Ngithike bantwana baseKuphakameni umusa kaJehova wabonakala bantwana baseKuphakameni noma amandla akhe abonakala ngoba kusho yena uthi “Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye siqinile,ingalo yami iyakumqinisa. Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha”
29.Kuba njalo kubantu abakhethiwe, abasuke befumenwe nguJehova, ngoba uma uJehova ekufumene, waba iNceku yakhe, akagcini ngokukugcobela ukuba umholi webandla lakhe, kodwa kunezinto azibekayo kuwe, eziyokwazi ukuba zikugade.
30.Njengoba esho ethi ngiyakubeka isandla sami, uthi siyakuba naye, uma kukuthike ungabekwanga uJehova esikabani isandla esiyakubekwa phezu kwakho.
31.Uthike ingalo yami iyakukumqinisa, uma kukuthike awukhethwanga uJehova uyakuqiniswa ubani, uthi isitha asiyikumehlula, uma kukuthi awukhethwanga uJehova uyokwenza kanjani ukuthi izitha zingakwehluli.
32.Uthike uyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, uthi uyakuhlupha abamzondayo, uma kukuthi awubekwanga uJehova ubani oyokuhluphela abakuzondayo.
33.Kuhle lapho ukubekwa uNkulunkulu ngoba akagcini ngokukubeka futhi uyakunikeza imithetho, akunikeze iziyalo zokuthi uhambe kanjani.
34.Ngithike bantwana baseKuphakameni ukubekwa uJehova kwenza ukuthi uhlale njalo unamandla okuphikisana nomubi ngoba usuke ubekiwe nguJehova, usuke usebenzela yena.
35.Kodwake uthike uNkulunkulu noma sengibeke esokunene, sakhe phezu kwemifula, uthi kodwa yena uyakungibiza ngokuthi unguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami, akasho ukuthi usenguNkulunkulu.
36.Uthi uDavide uyakumbiza ngokuthi unguBaba, unguNkulunkulu wakhe, kodwa esebekile isandla sakhe phezu koLwandle.
37.Uthi ngiyakumenza abe izibulo lophakamileyo kunamakhosi omhlaba, ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade.
38.Noma esemenze waba ngaphezulu kwamakhosi omhlaba kodwa useshilo ukuthi yena uyakungibiza ngokuthi nginguBaba wakhe, nginguNkulunkulu wakhe.
39.Lapho esiqale khona, lona obuza ukuthi ngubani ongafaniswa noJehova naye usho njalo uthi noma iNceku yami sengibeke zonke izikhali kuyo, kodwa iyakungibiza ngokuthi nginguBaba wayo, nginguNkulunkulu wayo.
40.Lokhu kuyafakaza ukuthi ayikho enye into engaba uNkulunkulu ngphandle kwaJehova yedwa owadala izulu nomhlaba nowaphefumulela kulo, owadala konke okukhona.
41.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu uyathandwa, naye ekuthanda kodwa nawe umthande njengoba uMprofethi wethu esho njalo ethi umthande ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
42.Konke lokho kufanele sikufunde ukuthi yini ukuthanda uJehova ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho.
43.Uthike uMprofethi kaNkulunkulu ngosuku lwenhlupheko umbize, uyakukuza akusindise, akasho ukuthi uyokusindisa noma unjani kodwa ubeka umbandela wokuthi uma uyendlala kahle inhliziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
44.Akekho umuntu ongahola engasebenze lutho, konke kunemibandela, noJehova naye esekuthandile usumthandile, kodwa kukhona akubekile ukuthi uzohamba lapha ukuze ukukholwa kwakho kugcwale kufanele uhambe lapha.
45.Siyafundiswa ukuthi umhlangano ungumhlangano kaJehova akusiyona indawo lapho okuthi uma ukhumbule umngani wakho bese uthi ngizomubona emhlanganweni.
46.Kukhona abantu abangazi ukuthi umhlangano yini abaze bakhulume kweqe, bakhulume bathi cha sesobonana ngomhlangano ozayo sizoqedela le ndaba yethu.
47.Kodwa le ndaba abayikhulumayo ayiqondene nomhlangano, abasho ukuthi sizoqedela izifundo zethu esizifundiswayo nguJehova, bathi sizoqedela le ndaba yethu noma eyamabhizinisi noma eyani, kodwa bathi bazobonana emhlangaweni ngoba abazile ukuzokhonza uJehova, kodwa bazodingida ngamabhizinisi abo noma ngani leyo abasuke bezobonanela yona.
48.UJehova akazikuba khona kuwe muntu ohawukelile, ohawukele ukuzochitha iholidi onalo kodwa ungazange uhawukele lutho kuJehova.
49.Uma kusemuhlanganweni kufanele ukuthi wazi ukuthi uJehova uzobheka, futhi uzolalela ukuthi laba abaphumile beza bazohlala lapha, bafunani kuye.
50.Phakathi kwabo kukhona abacela okuthile noma ababika ukuhlupheka noma abafuna umsebenzi noma abafuna abantwana.
51.Phakathi kwabo kukhona abantu abangahluphekile ngokwasemhlabeni, kodwa abazofuna uNkulunkulu, abazibona bengenalutho uma uNkulunkulu ekude nabo.
52.Uma uJehova efikile, ulalela konke okukhulunywa izinhliziyo zabantu abasemhlanganweni, ubheka ukuhamba kwabo emagcekeni omhlangano, ulalela ukukhuluma okukhulunywayo ukuthi kuyamthinta yini yena uNkulunkulu, uma kumthinta kumthinta ngaliphi iphuzu.
53.Ngaso sonke isikhathi kufanele wazi indaba yakho ngale kokwazi indaba yomuntu, yazi ngawe ukuthi ngifunani kuJehova, uma ngabe unakho konke kodwa uzofuna uNkulunkulu ngoba uyazi ukuthi kukhona lapho ongeke ungene khona, ngoba uyazi ukuthi umcebo wakho uyifa lomhlaba awusilona ifa lezulu.
237. ISIHLABELELO. 18
J.G SHEMBE
3 Jabula wena ongaboniyo
Umhlaba nengcebo yawo
Vula amehlo omphefumulo
Abone ikhaya labaNgcwele.
54.Bayajabula abantu abayoba namehlo ayovuleka omphefumulo wabo, ayothi uma esevulekile bese beyalibona ikhaya labangcwele.
55.Bayajabula labo bantu abanganakuyibona ingcebo yalomhlaba kodwa abayobona uJehova, nabayakumfuna uJehova noma bengamuboni kodwa bemufune.
56.Ukufuna uJehova uyakuhlupheka uhambe uyomemeza ngisho ehlane ukhuphuke izintaba ungawesabi ngisho amabhubesi nezingwe, uthi ngifuna uJehova, ngiyakudinga ukuthi ngibe naye.
57.Ngigcine ngikhuluma ngomnotho ukuthi babusisiwe abantu abathi noma bengadingi bengasweli kodwa bazibone ukuthi baswele uma ngabe bengenaye uNkulunkulu.
58.Baphume bezohlupheka njengabampofu, bahluphekele ukuthi bazuze uJehova, kuthi nangezinsuku zokugcina bangabi mpofu kodwa babe ngabantu abanjingile ngokwasezulwini, ukunjinga ngokwasezulwini ukugcina umthetho kaNkulunkulu.
59.Babusisiwe abantu abanganakukhonza umnotho wabo kodwa abayofuna isihluthulelo ukuthi uma sengifika emasangweni ngizovula ngani. Kungenwa kanjani kulelosango.
60.Akekho umuntu ongahluphekela ukwazi ukuthi kukhulunywa kanjani kodwa wonke umuntu uhluphekela ukwazi ukuthi kungenwa kanjani kulomuzi okhanyayo.
61.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu uyasithanda uma kukuthi thina sinothando naye, uyobona ngemisebenzi esizakuyenza phambi kwakhe sikhombise ukuthi siyamthanda.
62.Umsebenzi wokuthandaza, umsebenzi wokugcina umthetho wakho, umsebenzi wokuthi inhliziyo yakho ihlale ihlelekile, uma efika uNkulunkulu engayisweli indawo enhliziyweni yakho.
63.Ake siphinde siqhubeke siye laphayana ku Amose wesihlanu sifunde kusukela evesini lika 14 siphelele ku 15. Ngokuba uJehov akanakubalahla abangamulahlanga yena.
64.Amose 5 verse 14-15
66. “Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho.
67.Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.”
68.Kunjaloke uma sifuna ukuya kuye, uthike asifune okuhle, singakufuni okubi, uthi uma sifuna okuhle uthi siyophila ngakho futhi uyoba nathi yena uJehova uNkulunkulu. Uthike masizonde okubi sithande okuhle.
69.Ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni kuhle ukumkhumbula uJehova nabaprofethi abathumileyo.
70.Njengoba silapha bantwana bokukholwa sizidelile, sizidela ngenxa yokuthi siyamazi lo Nkulunkulu owake weza kithi ngezikhathi ezimbi, wase uyazibonakalisa kithi, wase uyananela, enanela uthando esimthande ngalo, savuma ukuhlalwa umndeni, savuma ukuzondwa ngomakhelwane, savuma ukuvika izagila nomaphi sathi sikhetha yena.
71.Sekunakho konke uSathane akubekile ahloba ngakho kodwa athi uma esekubekile ebese athi abafuna ukuhlobela uJehova abathathe le mvunulo, kodwa leyomvunulo akuyona imvunulo yokuhlobela uJehova kodwa imvunulo yokuhlobela yena, yokudumisa yena.
72.Noma uthi uyangena emasangweni amahle ziyajabha izingelosi, zinqandeke ngoba zikuthola umbethe imvunulo yomubi egameni lakhe.
73.Uma ungena enhlanganweni uma umenyiwe, ngelinye ilanga ithi indodana kaNkulunkulu ungene kanjani kulelidili ungayembethe ingubo yedili.
74.Akube njalo bantwana baseKuphakameni, nathi siyofuna ingubo yedili esimenyelwe kuyo, siyifune ingubo yokunqoba, asiwafune amadla kaJehova, simubize lo Jehova ozikhulumela yena.
75.Uma ngabe esekhethile inceku yakhe, othi ngifumene inceku yami ngase ngiyayigcoba. Silufune loluthando lokuthi bahlushwe abasizondayo njengoba uJehova asho.
76.Ngithike bantwana baseKuphakameni bayajabula abantu okuyothi uma ngabe selikhala icilongo, abangeke babalekele ezintabeni, abangeke basho ukuthi izintaba azidilikele kubo namagquma abasibekele ngoba angeke usho lokho uma wenze kahle kuNkulunkulu.
77.Abenze kahle bayophuma bathi ameni uyingcwele, bayohlangabeza bephethe amasundu ahlanzekile, beshaya izimbomu beshaya izigubhu ezinamandla, bejabula ukuthi nami Nkulunkulu, kodwa abakweleta uJehova abayikuma phambi kwakhe, abayikukuthokozela ukuthi nami.
78.Kodwa bayogijimela ezintabeni ngoba bayazi ukuthi uJehova uphethe ukubhujiswa kwabo, bayazi ukuthi akukho lutho oluzothandwa uNkulunkulu kubo.
79.Ngalokho bayobalekela ezintabeni, bayothi izintaba azidilikele kubo namagquma abasibekele ngoba bayobe sebebona isimangaliso, bayobe sebebona uMenzi owenza izulu nomhlaba.
80.Uyobe eseze kubantu abalalela izwi labathunyiweyo bakhe, abangazange babheke ukuthi lo muntu okhulumayo ugqokeni, abangazange babheke ukuthi lomuntu okhulumayo uhamba ngani.
81.Kodwa bayolalela indaba ayikhulumile, abayothatha amapeni babhale, bazifune ukuthi lo muntu usho ukuthini ngalento akade eyisho. Asimlandele siyokuzwa ukuthi uthini kahle hle.
82.Kodwa amakhoba ayakuphephuka nomoya, uthi uShembe balekani zidindi uyeza uJehova, ngithike bantwana baseKuphakameni isihloko sithi uJehova uwukukhanya kubo bonke abamethembayo.
83.Sesizifundile nezincwadi, wonke umuntu okhona angazithathela afunde, angeke singafundi ngoba kuze kube khona izikole, zaba khona ngakho ukuthi abantu bafunde.
84.Nalesi isikole okufanele ukuthi sifunde, singathathi nje ngokuthi sisembuthwaneni, sisesosayathini (Society), kodwa sazi ukuthi sihlangene ngoJehova.
85.Kumnandi ukukholwa, uShembe wayefuna lokho ukuthi njengoba ethunywe uJehova kodwa abantu bagcine bekholiwe, yikhoke agcina uShembe athi
Isihlabelelo 208 verse 4 line 6-7.
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
86.Ilokho uMprofethi wethu ayekujabulele ekuthunyweni kwakhe ukuthi sigcine sikholwa sichichima, namuhla likhona ibandla elizokholwa nelikholwe lachichima ngoba uma besingakholwanga sachichima sasingeke siqheluke emsamu, sasingeke siphume phakathi kwemindeni, sasingeke siphume ezinkambeni, sasingheke siphume emadilini omhlaba,
87.Kodwa ngoba sakholwa sachichima, sase sifuna lelidili sikulo, elibizwe uJehova safuna umhlangano obizwe uJehova kulapho ekunathi khona, saphuma emadilini nasemathembeni ayize.
INkosi ibusise enikuzwile.