UJehova nalapha usasikhombisa ubukhulu bakhe uma simesaba. UJehova yabapha amacebo okunqoba bonke labo abamesabayo.
UJehova wamunika uJoshua amacebo okunqoba iJeriko. Lokhu amabandla ahlabelela ngakho ethi “ Zawa izindonga ze Jeriko, zawa zawela le!”
Ngu Mfundisi: Velemuseni Mdlolo.
Usuku: 03 August 2024
Inkozo yeSabatha ekuseni mhla ka 3 August 2024, eNqobizitha Home.
Isihloko senkonzo: Ukunqoba kungokwabamesabayo uJehova.
Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni.
Isihlabelelo 130.
Southene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina
Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zonke izizwe.
1.Ngicela uJehova angiphe amazwi engizowaphakela abantwana bakhe ngalemini enkulu yeSabatha.
2.Sizodlula encwadini yezindaba zika Isaiah Shembe Umqulu wesibili ikhasi 13 no 14. Lendaba yayixoxwa uHloniphile Mdluli.
3.Lendaba ikhuluma ngexabano eyabakhona phakathi kuka Nkosikazi Agagi Shozi umakoti wakwaNtinga owabe elikholwa elikhulu ngesikhathi sika Baba Mkhulu ( The Prophet Isaiah Shembe ).
4.Lo Nkosikazi wayekholwe njengani maNazaretha kaNkulunkulu. Lendaba ngizoyifinqa ngoba inde kakhulu.
5.UHloniphile Mdluli uqhubeka uthi uNkosikazi Agagi Shozi Ntinga wayengahambisani nezinto eziphambene nenkolo yakhe yobuNazaretha, njengoba nathi maNazaretha kaNkulunkulu siba nokudideka okukhulu uma sibona iNazaretha lifake imicu namabhayi ezangoma, lokhu kithi thina libandla lika Jehova kusikhombisa ukuthi lomuntu udumisa nabanye onkulunkulu.
6.Kodwake lo Nkosikazi yena wayengenjalo wayeyithanda inkolo yakhe futhi ethembele kakhulu kuJehova.
7.UNkosikazi Agagi Shozi Ntinga washumayela kakhulu endaweni yaseMangangeni eMarrianhill lapho okwabe kuyisizinda samaRoma.
7.Baphenduka abantu abaningi balandela inkolo yoBunazaretha. UFata wamaRoma wabhalela eThempelini ethi:
8.“Ngicela ukubona loNkosikazi ofike kulendawo emzini wakwaNtinga nevangeli esingalazi, odala ukuthi abantu bashiye amabandla abo”walusho usuku ayofika ngalo. Incwadi yaphetha kanje:
9.“Ngiyofika lapho nebandla, aBefundisi kanye namaSistela”. Lo Nkosikazi wabegcotshiwe kodwa emthanda uJehova futhi enesifiso sokumsebenzela.
10.Ngalokhu ke kusifanele ukuba thina liBandla lika Menzi weZulu noMhlaba sikhuthazeke ekusebenzeleni uJehova noma ngabe sigcotshiwe noma singagcotshiwe.
11.Sifanelwe ukufunda ngesibonelo kuMholi wethu uBaba uMelusi, owasebenzela uJehova eselilunga lebandla engagcotshiwe kuze kube namuhla usamsebenzela uJehova.
12.Uma iqhubeka lendaba ithi: uGagi wathumela kuMshumayeli uMhlongo wase Cavandishi ukuthi aze abekhona ngaleli langa okuyofika ngalo oFata bamaRoma eThempelini laseMangangeni.
13.Wafika uFata, behamba behlabelela bethi “ Haleluya Mariya owazala umsindisi”
14.AManazaretha ayesehlezi ngaphakathi eThempelini aphuma ehlabelela isihlabelelo 70 ethi “Ngowela ngijabhile Emfuleni waseHuze. Ngaphesheya kwawo he!. Ngoyamukela intokozo yami.
15.Zavulwa izincwadi ze Bhayibheli wazivula noFata baqophisana ngazo. Yacaca indaba kaJehova naManazaretha.
16.Abantu bathi “Hawu senisichithele isikhathi eside kangaka nisikhohlisa” Bathi namuhla sikhetha iNkosi yasKuphakameni. Wajabha uFata owayehlasela aManazaretha.
17.Incwadi ka Joshua isahluko 5 iqale 13 kuya 15, sivamile kakhulu ukuyicaphuna ngokwejwayelekile sisuke sigcizelela amazwi kaJehova lapho ethi “Khumula izimbadada zakho ngokuba lendawo omi kuyo ingcwele.”
18.Kodwa namuhla ngikhuluma ngokunqoba kwabamesabayo uJehova. Ngakho ke ngizocela sifunde yona lencwadi ka Joshua kodwa siyiqale kwisahluko 6 iqala ku 01 kuya ku 27.
19.UJoshua indodana kaNuni yayalelwa nguJehova, ukuba isizwe sakwa Israel sidle Jeriko nakho konke okukulo.
20.UJoshua wathumela izinhloli ezimbili ukuba ziye eJeriko ( Joshua isahluko 02 iqala ku 24 ).
21.Lencwadi isibonisa ngobuhlakani obuvela ezulwini uma lezinhloli sezicishe zibanjwa izikhulu ezinamandla zempi zase Jeriko, kodwa ngomusa kaJehova owehlela kowesifazane obizo lakhe lingu Rahabi baquba baze bawuphothula umsebenzi wobunhloli.
22.UJehova nalapha usasikhombisa ubukhulu bakhe uma simesaba. UJehova yabapha amacebo okunqoba bonke labo abamesabayo.
23.UJehova wamunika uJoshua amacebo okunqoba iJeriko. Lokhu amabandla ahlabelela ngakho ethi “ Zawa izindonga ze Jeriko, zawa zawela le!”
24.Lapha kwaba ngumsebenzi kaJehova. Kusukela ngesikhathi uJoshua ethuma izinhloli ezimbili kuze kufike lapho uJehova ethi kuJoshua:
25.“Niyakuwuzungeza umuzi iJeriko nikwenze lokhu izinsuku eziyisikhombisa, nabaPrist abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behambe phambi komphongolo wesivumelwano.
26.Ngosuku Lwesikhombisa uyowuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaPrist bebetha amacilongo.”
27.Lokhu kusikhombisa ngokusobala ukuthi uma sesaba uJehova asiyukwenza okunzima ukuba sinqobe kodwa uJehova uyothumela amasosha asezulwini ukuba asinqobele leyompi esibhekene nayo.
28.UJoshua 5:13_ 15. “UJoshua wamuhola uIsrael walidla iJeriko njengokusho kukaJehova inkosi yethu. Lapho ethi ku Joshua “Bheka, ngilinikele kuwe iJeriko, lona kanye nenkosi yalo namaqhawe anamandla.”
29.Noma iJeriko lalinenkosi namaqhawe anamandla kodwa ubukhulu buka Jehova uNkulunkulu wethu abufaniswa nalutho.
30.Uma simesaba uJehova sigcina imithetho yakhe siyohlala njalo singabanqobayo.
Inkosi ibusise izwi layo.