NOMA IMUPHI UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE ngandlela zonke, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama eyaliwe eZulwini, yabuya ngaye lowo ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni
Isihlabelelo 118
1.Lalelani nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhabhadiswe
Nize nisindiswe.
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amein hallelujah
Balekani nonke zoni.
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo
Akukho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
4.Amein hallelujah
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
5.Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenakukhululwa.
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
1.Incwadi ka Dutoronomi 13:1-5: “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, akhulume ngaso kuwe bese senzeka, kepha athi masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze, awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho!
2.Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyamthanda yini ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?
3.Niyolandela uJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, nigcine imiyalo yakhe, nilalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.
4.Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngoba ukhulume okunihlubukisa kuJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe.
5.Ngokuba nahlengwa endlini yobugqili, ukuba ungaphambukiswa endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu!” Ameein!
6.Uma ubheka izinto ezenzeka ngayo kulesi sikhathi samanje, ungathi ziyaqala ukwenzeka, kanti zindala. Kudala uNkulunkulu ehlale ekhuza abantwana bakwa-Israel, okungo khokho bethu.
7.Nanamuhla lokho okwakwenziwa ngokhokho bethu, sekwenziwa yithi! Namuhla uJehova usekhuza thina!
8.Uthi-ke uJehova noma umuntu singamazi ngokuthi ungumprofethi, kodwa uma esephambuka emthethweni kaJehova, singamemukel lowo munbtu, kungasho lutho ukuthi ungumprofethi!
9.Kulesi sikhathi samanje abaprofethi singabehlukanisa kathathu: Kukhona umprofethi kaJehova ongasuki kuyizimiso zikaJehova, bese kuba khona umprofethi kaJehova, kodwa okuthi sisathi ngumprofethi, bese emhlubuka uJehova ngokwenza okuphambene nesikufundiswa nguJehova ngomlomo kaMose! Kodwa futhi bakhona abantu abangasibo abaprofethi, kodwa abazenza abaprofethi!
10.Kulencwadi uJehova ukhuluma ngomuntu ngokugcotshwa ongumprofethi, kodwa ngezenzo osemhlubukile uNkulunkulu.
11.Kodwa kulesi sikhathi samanje, mhlawumbe ngaphandle koyedwa noma ababili, asinaye umprofethi kaJehova!
12.Kubalulekile-ke ukuthi uma ulikholwa ube ne yardstick obona ngayo ukuthi ngumprofethi kaJehova lo!
13.Umprofethi-ke isithunywa sikaJehova. Isithunywa sikaJehova sishumayela ivangeli ngombuso wezulu, noma ngendlela eyiyo yokukhonza uJehova!
14.Ngenxa yokuthi umprofethi ngumuntu oyaye akhulume noNkulunkulu, noma abone thina esisemhlabeni esingakuboni. Isimo somuntu onjaloke sithi ngumprofethi!
15.Kodwa akuba yena umuntu onomoya kaJehova kuphela obona imfihlakalo, kumbe owenza izimangaliso! Nabanye onkulunkulu bayamenza umuntu abone, futhi bayamenza umuntu enze izimangaliso!
16.Uthi-ke uJehova kuDutoronomi 13: “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, akhulume ngaso kuwe bese senzeka, kodwa athi masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze!
17.Awunakuwalalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyamthanda yini uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?”
18.Ngalenkulumo uJehova uyasibonisa ukuthi kuyenzeka ukuthi umuntu abe ngumprofethi kaJehova, kodwa bese eshumayela ivangeli eliphambene nenqubo yokukholwa okuhambisana nomththo kaJehova!
19.Ukunika isibonelo esiqondile, isisekelo sobuNazaretha ukugcina imithetho uJehova owayiletha kithi ngenceku yakhe uMose. UShembe wawabhala phansi lamazwi kuvesi 3-4 womthandazo weSabatha, afundeka kanje:
20.“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
21.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu; akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine!”
22.Uma silandela u-Eksodusi 22:20, uJehova uthi: “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, engenzeli uJehova Yena Yedwa, uyobhujiswa.”
23.Kafuphi uma uhamba ngezimiso zokukholwa kuJehova, awuvunyelwe ukuhlabela noma yimuphi omunye umoya ngaphandle kwaJehova Yedwa!
24.Ngiye ngizwe-ke abanye abantu bethi bona abawakhonzi amadlozi. Uma ekuhlabeni kwakho ubiza noma yimuphi umoya womuntu osefile, lokho sekunguwukhonza lowo moya, okuphambene nomthetho kaNkulunkulu, usuhlabela, noma ukhonza idlozi! Lisho njalo iBhayibheli, noShembe usho njalo!
25.UShembe wakuchaza kahle lokhu enkonzweni eKuphakameni ngo 1927. Nanka amazwi akhe: “Kuhle ukuba ngisho kini ngithi, indawo yabaphilayo ikhona kini, kanye neyezingelosi. Ohamba ngokulunga, iNkosi iyomvusa, imngenise eParadesi, okungumbuso wayo osekuphileni okuphakade.
26.Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
27.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
28.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.
29.Bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”Amen!
30.UJehova akagcinanga ngokuqalekisa abahlabela imimoya yasebafa, kodwa isono esibi kakhulu ukuzihlanganisa nezangoma!
31.KuLevi 20: 27 uJehova wakhuluma lamazwi: “Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe!”
32.Njengokuhlabela eminye imimoya ngaphandle kwaJehova yedwa, uthi uNkulunkulu umuntu otholakala enomoya wokubhula uyobulawa ngoku khandwa ngamatshe, kungakhathaleki ukuthi ungowesilisa noma ungowesifazane!
33.NoShembe enkonzweni eyayiseKuphakameni wakhuluma kakhulu ngokuvumela isangoma ukuba sibe phakathi kwamaNazaretha.
34.Okumele sikuqonde ukuthi, njengoYeshua, uShembe wayegcwalisa umthetho kaJehova owawushiya kuMose! Nansi intshumayelo kaBabamkhulu:
35.“Bantabami njengoba nibuthene lapha kungabe niyasazi yini isitha sika Jehova esikhulu kunazo zonke na?”
Khona amadoda amadala okungo Cebisa wase Mpuza no Bukhosini namanye athi: “Nceku ye Nkosi, isitha sika Nkulunkulu uSathane.”
36.Wathi uShembe: “Bantabami niqinisile, kepha uSathane usebenza ngomuntu ukona nokuchitha ubungcwele ukuze achithe uMbuso ka Nkulunkulu uma wehliselwe kubantu.
37.Njengokuba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo no Sathane ufinyelela kubantu ngezithunywa zakhe ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.”
38.Khona uCebisa wabuza wathi: “Nceku ye Nkosi, kungabe siyozigwema kanjani izithunywa zoMubi ukuba zingafinyeleli kithi, lokhu singazazi futhi singalwazi nophawu lwazo.”
39.UShembe waphendula wathi: “Bantabami, omubi usebenza ngeZangoma nabo bonke abavuma ukuba yizimbongolo zemimoya engcolileyo, ngokuba umthombo wayo ngu Sathane.
40.Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela, ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu. Xwayani iZangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu.
41.Ningasingenisi iSangoma ngamasango emizini yenu, nalapha eKuphakameni nakuyo yonke imizi ka Nkulunkulu nize ningasingenisi, ningaganiselani neZangoma bantabami, ningemukeli lutho esandleni saso.
42.Nanxa sicela utho kuwe uphoqeka ukuba usinike, ungasiniki esandleni saso, kepha ukubeke phansi sizithathele sona ukuba ungathinti inyama yaso ehlezi imimoya yama dimoni engcolileyo!
43.NOMA IMUPHI UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE ngandlela zonke, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama eyaliwe eZulwini, yabuya ngaye lowo ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni, ngokuba isebenzela ukuthobisa uJehova.
44.Bantabami uma nike nangenisa iSangoma, naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho! Ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.
45.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.” (UMprofethi u-Isaiah Shembe wabe esethi akufundwe incwadi ka Duteronomi 18:9-12.)
46.UMprofethi waqhubeka wathi: “Bantabami ayikho ingozi enkulu engase inehlele ukwedlula ingozi yokuba nivumele iSangoma singene phakathi kwenu.
47.Uma nike nasingenisa bantabami, niyobe nibubulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu!
48.Uma iSangoma sike sangena phakathi kwenu ngenkani, nibothatha amagugu ka Nkulunkulu niphume nawo nisishiye sodwa, ngokuba uma nihlalile naso, uJehova ehambela phakathi kwenu, impela niyakwehlelwa ngokubi!
49.Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalolo suku nangenisa isitha sakhe phakathi kwendlu yakhe eyingcwele, nadla naso, naphuza naso!
50.Khona umoya wobuNgoma uyakunehlela nonke nabantwana benu, noma nithandazelwa ukuba usuke lomoya kini nabantwana benu, khona aniyikusinda, ngokuba niyobe senimxoshile uJehova osindisayo namukela umoya wesangoma ukuba ubuse endlini ka Jehova!
51.Ngalolo suku uyakuphela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne sangoma enisingenise endlini ka Jehova, ukuba nixoshe uJehova ngaso, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona isangoma.
52.Khona ngalolo suku abantwana benu bayongenwa imimoya engcolileyo ewukufa, kuthi labo abayenqabayo ibehlisele okubi, abanye ibabulale, ngokuba niyobe senimxoshile uJehova phakathi kwenu!
53.Khona kuyoqala kuvele abaziphuphisa amaphupho besho ukuba avela eNkosini yenu enithengileyo, kepha ningawemukeli uma uphambana nalomthetho ka Jehova!
54.Ukonakala kwezinto lapha eKuphakameni niyokubona ngokuncipha kwamandla okukhipha imimoya yama dimoni neyobungoma kubantu, niyokwazi-ke ngalolo suku ukuthi seniphumile endleleni ka Nkulunkulu.!” Amein!
55.Ngijwayele ukukhumbuza abantu ukuthi kwafika kimi ingelosi emini, yafike yaguqa phambi kwami nginomkhokheli, yabe isithi ngithunywa nguShembe uBaba iLanga, uthi angiphume eBuhleni, bese ngimakhela iBandla likaJehova!
56.Kuleli Bandla ngivuselele umthetho kaJehova owawufundiswa nguBabamkhulu, efundisa amaNazaretha, ngisebenzise iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha!
57.Ngakho-ke i-‘mandate’ yami iqondile, ngichazelwe ukuthi angifundiseni kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu!
58.Sengiyifundile incwadi kaDutoronomu, lapho uJehova ethi nginganciphisi, futhi ngingenezeli kokushiwo nguJehova!
59.KukaHezekeli 3;18-19 uJehova uthi uma ekuthuma ukuba utshele abantu noma umuntu ukuthi akayeke isono, bese wena ungamtsheli, lowo muntu uyajeziswa ngaleso sono, kodwa nawe futhi uyajeziswa ngesono salowo muntu uma uthunyiwe ukuba umxwayise ngaso, kodwa wena awaze wamxwayisa!
60.Ngachaza ukuthi mhla kufika ingelosi, nami ngangikade ngizihlanganisa nezangoma nabathandazi, kodwa ingelosi yathi angiyoshumayela ngazo noma kunjalo!
61.Engifisa abantu bakwazi ukuthi lapha sikhuluma ngamakholwa, sikhuluma ngamaNazaretha, hhayi abanye abantu!
62.Uma ungasiye umNazaretha, ungazikhathazi ngomthetho uJehova owushayele amakholwa, wavuselelwa nguShembe!
63.Kodwa ngeshwa sekunama Nazaretha amaningi asemhlubukile uJehova, ngakho-ke abangasafuni ukuba kuvuselelwe umthetho kaNkulunkulu, bese bevika ngokuthi siyagxeka, kumbe siyehlulela!
64.Cha asigxeki, futhi asehluleli, kodwa njengoba sithunyiwe ukuba siqondise umthetho kaNkulunkulu, kumele sikwenze lokho njengokuthunywa kwethu!
65.Lezi zinto ezibalwa nguBabamkhulu seziyenzeka zonke njengoba zinjalo kulama Nazaretha asesonta nezangoma! Okubuhlungu ukuthi bavunyelwe ngabaholi babo! Ubani ongakuphika lokho?
66.Uthi uBabamkhu.u: “Ngalolo suku uyakuphela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne sangoma enisingenise endlini ka Jehova ukuba nixoshe uJehova ngaso, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona isangoma.”
67.Ngabe usekhona umthethpo kaJehova kulamabandla amaNazaretha akhonza nezangoma?
68.Uyaqhubeka uShembe uthi: “Khona umoya wobuNgoma uyakunehlela nonke nabantwana benu, noma nithandazelwa ukuba usuke lomoya kini nabantwana benu, khona aniyikusinda, ngokuba niyobe senimxoshile uJehova osindisayo, namukela umoya wesangoma ukuba ubuse endlini ka Jehova.”
69.Angazi ukuthi engakuphika yini lamaNazaretha asonta nezangoma ukuthi bonke abantu, kuhlanganisa nabantwana babo, bangenwe ngumoya wobungoma? Bengakuphika ukuthi umoya wobungoma awusakhipheki kumaNazaretha, uma ungake uthi uyakubalekela uyagula uze ufe?
70.UShembe uyaqhubka uthi: “Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.”
71.Namuhla lamaNazartha asonta nezangoma aseyakuphuza utshwala, amanye ayagunda, amanye agaya utshwala ngisho ngesabatha! Enza zonke izinto eziphambene nobuNazaretha!
72.Ngakho-ke uBabamkhulu uqinisile uma ethi umthetho kaNkulunkulu olethwa ngumprofethi usufike wachithwa yisangoma!
7.Besikhuluma ngomprofethi kaJehova. Kuyadabukisa ukuthi uNkulunkulu ufike enike umuntu ukuhlakanipha, bese umuntu lokhu kuhlakanipha ekusebenzise ukugxeka Yena loNkulunkulu!
74.UNkulunkulu wethu onguJehova akanakulinganiswa nankulunkulu! Abanye onkulunkulu abanamthetho, abanaluhlelo lokuphila, kodwa lonke uhlelo lokuphila emhlabeni nasezulwini likuJehova kuphela!
75.Abanye onkulunkulu abakwazi ukuhola isizwe besibheke iminyaka ize ibe ngu 40, basilethele ukudla okuvela ezulwini, basiphuzise namanzi angapheli!
76.Kunakho konke, uJehova ngimthanda esegcina ngisho umphefumulo wami noma inyama yami isiphelile!
77.Uma uthe uselapha emhlabeni wahamba ngokulunga, wahamba ngokuhlonipha izwi likaJehova, ekubhubheni kwenyama uJehova uyakuthatha akuse emzini wakhe obuhle bawo bungefaniswe nalutho! Abantu abaningi abazi ukuthi ayikho indawo enhle njengasezulwini!
78.Kodwa uma ungayanga ezulwini, akukho ukuhlupheka okufana nokomuntu ongayanga ezulwini!
79.Abanye abantu kuyaye kuthi uma bengayanga ezulwini, imimoya yabo ihambe izula emhlabeni, eminye okuthe iselapha emhlabeni yenza izinto ezimbi, ibhekane nokuhlupheka oku phindaphindiwe kunalokho bona abahluphe ngakho abanye abantu!
80.Kodwa ngoba lamazulu alemimoya ayinto engekho, abakuchazeli lutho ukuthi ekufeni kwenyama umoya uhlalaphi, uhlale kanjani? Uzwa abantu beqhosha ngokuthi ngokwenkolo yethu thina asifundiswa lutho ngesono, asinalo izulu nesihogo, asinazo izingelosi!
81.Manje uma singekho isihogo, labonkulunkulu bengafundisi lutho ngesono, umuntu obemubi lapha emhlabeni ebulala abantu, edlwengula abantu besifazane, ujeza kanjani kulamazulu abo?
82.Thina sihlezi nengelosi, noma sengifa ngiyazi ukuthi lengelosi engihleli nayo iyona eyongi phelekezela ize ingibeke phambi kwaBabamkhulu naseNkosini iLanga neNyangayezulu!
83.Ngiyakwazi lokho, angikukholwa, ngoba kuyo yonke impilo yami ngilandela engikufundiswa yizwi!
84.Abantu abakholwa kwabanye onkulunkulu bengakuthola konke beselapha emhlabeni, kodwa kwelizayo bazoba ngumhambuma!
85.Uthi-ke uJehova: “Nina niyolandela uJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, nigcine imiyalo yakhe, nilalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.
86.Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho ufundisa okuphambeene nokufundiswe nguJehova, uyobulawa, ngoba ukhulume okunihlubukisa kuJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe.”
87.Ayikho into engiziqhenya ngayo eyedlula uJehova uNkulunkulu wami, ngoba ngiyazi ukuthi uhlale eseduze kwethu, futhi uyasithanda!
88.KuJeremiya 14:14, uJehova uthi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami. Angibathumanga, angibamisanga, futhi angikhulumanga kubo! Baprofetha kini imibono engamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yezingqondo zabo.”
89.Kodwa inkulumo enkulu ngabaprofethi-mbumbulu abaphila kulesi sikhathi samanje, yileyo ekhulunywa nguYeshua ku Mathewu 24:23-24, lapho ethi:
90.“Uma umuntu ethi, bhekani nanguya uKrestu, ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKrestu-mbumbulu nabaprofethi bamanga.
91.Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangalisayo, ukuze badukise nabakhethiweyo uma kungenzeka!”
92.Ku Jeremiya 23:14, uJehova uthi: “Ngibone into embi kubaprofethi bakwa-Israel, bayaphinga, Bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe, bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora!” Amen!
9.Ibandla lisuswe ngabafundisi nabaprofethi-mbumbulu kuNkulunkulu. Yonke lemikhuba ebalwe nguJeremiya itholakala yenziwa yilaba baprofethi-mbumbulu!
94.Uma umuntu othi uphethe izwi leNkosi etholakale ephinga, enobuqili, ekhuthaza abantu ukuthi bengawugcini umthetho kaNkulunkulu, ibandla lokwazi kanjani ukuthi uNkulunkulu kumele akhozwe kanjani, nokuthi yini okumele umuntu nomuntu okhonza uNkulunkulu angayenzi?
95.Uthike uShembe: “UNkulunkulu uJehova uveze iqiniso eliphelele ngemithetho yakhe ebhalwe phansi, wayifundisa nangaba profethi kanye naba priest, ngakho labo abangavumelani nemithetho ka Mose, baya ekulahlweni!”
Isihlabelelo 115.
1.Ngvukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na!
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo Musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelo lIzwe Elizayo.
INkosi ibusise izwi lyo!