Abalandeli bakaJesu babengagundi izinwele zabo, uJesu nabapostoli babengagundi, nabo bonke abalandeli bakhe babengaphuculi ikhanda kanye nesilevu, ngoba babazi ukuthi lokho kungukwephula umthetho wobungcwele
Le yinkonzo eyasakazwa ngeSabatha langomhla ka 17 March 2012 oKhozini FM.
Ngiyababingelela abalaleli. Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko engizokhuluma ngaso sithi: “Ubungcwele nezinwele.”
1.ABehluleli 13:3-5: “Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane yathi kuye “Bhekake uyinyumba kawuzali kappa uyakukhulelwa uzale indodana, impuco ayikuthinta ekhanda layo ngoba umntwana uyakuba umNazaretha kwasekuzalweni, uyakuqala ukusindisa u-Israel esandleni samaFilisti.”
2.ABehluleli 16: 17: “Wamtshela inhliziyo yakhe yonke wathi kuye “akuthintanga mpuco ekhanda lami ngokuba bengingumNazaretha kaNkulunkulu kwasesizalweni sika mame, uma ngiphuculwa, amandla ami ayakumuka kimi, ngiyakuba buthakathaka ngibe njengomunye umuntu”
3.UDuteronomi 14:1-2: “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu, aniyikuzisika, ningaphuculi amakhanda enu ngenxa yabafileyo.
4.Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.”
5.Le ndaba engiyifundile lapha ikhuluma ngoSamson, okuyindaba eyaziwa ngabantu abaningi, kodwa lapha ngiveza ukubaluleka kwezinwele ekugcineni ubungcwele, noma ekuzisondezeni kuJehova.
6.Yini ubungcwele? Ubungcwele isimo sokuphelela noma sokungabi nasici kuNkulunkulu, isimo sokuba ngohlambulukele uNkulunkulu, isimo sokungabi nasono.
7.Umuntu ongcwele umuntu osimo sakhe samukelekile ezulwini. Ngumuntu ohlanzekile ngokwezimiso zasezulwini, ophila impilo eyamukelekile kuJehova.
8.Ingakho kuLevi 20:26 ethi uJehova “Yibani ngcwele ngokuba mina Jehova ngingcwele, nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.”
9.Uma ufunda yonke imithetho kaNkulunkulu uthola ukuthi ukugcina izinwele zekhanda lakho kukubeka esimeni sokuba ngongcwele.
10.Uma ufunda ku Numeri 6 uthi uJehova “Zonke izinsuku zesethembiso sobuNazaretha kungasondeli mpuco ekhanda lakhe, uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisa ngazo kuJehova, avumele isihluthu seizinwele zekhanda lakhe sibe side”
11.Le ncwadi ikubeka ngokusobala ukuthi umuntu ozahlukanisela kuJehova uyogcina izinwele zakhe, azivumele zikhule. INcwadi kaLevi 21 ikhuluma ngobungcwele baba priest noma abangabefundisi.
12.Kuvesi 5 uthi uJehova; “Abapristi abangazigegi amakhanda abo, bangaziphuculi izilevu zabo emaceleni” Nabo futhi uthi uNkulunkulu bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo.
13.UJehova akagcinanga ukuthi kube umNazaretha nomfundisi kuphela okumele bangazigundi izinwele, kodwa noma imuphi umuntu ophila impilo yobungcwele akavumelekile ukugunda izinwele zakhe.
14. INcwadi kaLevi 19 ikhuluma ngemithetho yobungcwele. KuLevi 19 verse 27 sizwa uJehova ethi: “Aniyukudilinga amakhanda enu emaceleni, ungoni isilevu sakho emaceleni”
15.Lokhu kuchaza ukuthi noma imuphi umuntu okholiwe akumele agunde izinwele zakhe.
16.KuBehluleli 13 ithi ingelosi ngo Samson: “Ngokuba bheka uyakukhulelwa uzale indodana, impuco ayikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba umNazaretha kaNkulunkulu kwasekuzalweni kwakhe.”
17. Njalo sithola ukungagundi kulanyaniswa nobungcwele; uma sifunda incwadi yaBahluli 16 kusuka kuvesi 17 sithola ukuthi uSamsoni wavezela uDelile imfihlo yamandla akhe ukuthi kungenxa yokuthi wabe engagundi.
18.Emva kokuba uDelile esemgundile, uthi uvesi 20: “Wathi amaFilist aphezu kwakho Samsoni, wavuka ebuthongweni wathi ‘Ngiyakusukuma njengezinye izikhathi ngizithintithe’ kepha wabe engazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.”
19.Yini eyenza ukuthi uJehova amuke kuSamsoni? UJehova wamuka kuSamsoni ngenkathi uSamsoni esusa izinwele zekhanda lakhe.
20.Encwadini yokuqala kaSamuel 1:11 sithola uHana enza isithembiso kuJehova. Uthi uHana “Jehova Sebawoti ubheke noku bheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika kuJehova, zonke izinsunku zokuhamba kwakhe kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”
21.Nalapha sithola ukuthi umntwana ozobekwa kuJehova kugcizelelwa ukuthi impuco ayiyikubekwa ekhanda lakhe.
22.Noma iyiphi inkolo ekholwa uNkulunkulu oyedwa ogama lakhe nguJehova, ayivumi ukuthi umuntu okholiwe agunde ikhanda, ingakho amaJuda, nama Moslems kanye namaNazaretha engagundi.
23.Abalandeli bakaJesu babengagundi izinwele zabo, uJesu nabapostoli babengagundi, nabo bonke abalandeli bakhe babengaphuculi ikhanda kanye nesilevu, ngoba babazi ukuthi lokho kungukwephula umthetho wobungcwele.
24.Uma ngikhuluma ngobungcwele noma ngoNkulunkulu nezinwele, ngisuswa inkulumo yomuntu wasezulwini uHlaleleni. Ithi-ke ingelosi: ‘Kukhona yini lapho abantu abamnyama ababona iphutha khona kuNkulunkulu ngokubanika izinwele?’ Izinwele uNkulunkulu wazinika umuntu ukuba ahlobe ngazo, izinwele ziyinto enkulu kuNkulunkulu.
25.Yikho nje sithola ukuthi njalo uNkulunkulu uma efuna umuntu abe ngcwele bese uJehova embekela umthetho wokuthi akangazigundi izinwele zakhe.
26.Yikho ethi uNkulunkulu umNazaretha akangazigundi izinwele zakhe, kanjalo nompristi noma nomfundisi, kanjalo nanoma imuphi umuntu ofuna ukugcina ubungcwele bakhe kuthiwa angazigundi izinwele.
27.Yikho kwathiwa uSamsoni akangazigundi izinwele, ngoba ekhanda lakhe kwakunobungcwele, kuhlala kulo amandla kaNkulunkulu.
28.Yikho uHana wathi uma enza isithembiso sokuthi umntwana uyohlala kuJehova ethempelini, wayesethi ngeke agunde, konke lokhu kuchaza into eyodwa, yokuthi awukwazi ukuthi usondele kuNkulunkulu uphuce ikhanda.”
29.Ithi-ke ingelosi; “Ngabe kukhona yini abantu abamnyama abamsola ngakho uNkulunkulu ngokuba nezinwele, ngoba wonke amadoda amnyama ayaphucula, kanti abesifazane izinwele bayazishuqula, uma bengazishuqule bathenga izinwele zezinye izizwe, bazixhume ezinweleni zabo, bese beba bahle ngezinwele zezinye izizwe?”
30.Ithi-ke ingelosi; “Sengihambe izindawo eziningi, ngafunda naseBhayibhelini, ngafuna nasemasikweni akwaZulu asemandulo, kodwa angitholi ukuthi ubani owathi abantu besifazane abamnyama abohlale befihle izinwele zabo ngokushuqula.”
31.Uthi-ke lo muntu wasezulwini: “Ukushuqula komuntu omnyama akuvelanga emthethweni kaNkulunkulu, futhi akuvelanga emasikweni abantu, kodwa kwavela kubelungu ngoba benyanya izinwele zomuntu omnyama.
32.Kwase kwenziwa sengathi ukukholwa, kodwa lokhu kukholwa okusebenza kumuntu omnyama kuphela, okungasebenzi kwezinye izizwe. Amakhosikazi akwaZulu awakaze ashuqule.” Uthike-ke lo muntu wasezulwini: “Uma umuntu ethatha izinwele zomunye umuntu, kungasakhulunywa ngezesinye isizwe, azixhume ezinweleni zakhe, usuke ethi wenzani?
33.Anibakhonzi ngani abelungu, namaNdiya namaChina ngoba lezi zizwe ziyefana nonkulunkulu benu, nithatha izitho zemizimba yabo nizixhume emizimbeni yenu, ukuze nibebahle ngokufana nabo?
34.Uma umuntu ethatha isitho sesinye isizwe bese esixhuma ekhanda lakhe, lowo muntgu usuke ecabanga kanjani, usuke ethi uNkulunkulu kumele athini?
35.Unwele luyisitho somzima womunye umuntu, lune DNA yalowo muntu okusuke lusuka kuye, manje-ke wena uma uthatha lesi sitho usixhuma emzimbeni wakho, usuke uthi wenzani?
36.Uthi uNkulunkulu ongumdali wakho akathini?” Lo mbuzo ngawubuzwa iNgelosi uHlaleleni.
37.Uthi-ke lomuntu wasezulwini “Kunezinto eziningi ezishaqisayo abantu abamnyama abangazinaki uma bethenga lezi zinwele zalezi zizwe, ezinye zalezi zinwele zisuke zithathwe kumuntu ongumbulali, wabulala umuntu noma abantu, bese wena uthatha izinwele zalo mbulali uzozixhuma ekhanda lakho, uhlobe ngazo.
38.Ezinye ngezomuntu owabe ethengisa ngomzimba, omunye usejele ngamacala ahlukene. Lesi siboshwa siyazigunda lezi zinwele, sizidayisele abantu abamnyama bahlobe ngazo.
39.Ezinye izizwe ziyazigunda izinwele bese zinikela ngazo konkulunkulu bazo, emva kwalokho bese zidayiselwa abantu abamnyama.
40.Kodwa kunakho konke, lezi zinwele iningi lazo ngezabantu asebafa. Kwabanye kuthi uma kuphuma umphefumulo bese ziyagundwa ziyiswe e-Afrika, ziyogqokwa ngabantu abamnyama. Abantu abamnyama bahloba ngezitho zemizimba yabantu bakwezinye izizwe asebafa.”
41.Ithi-ke ingelosi: “Uma umuntu esefile waba umoya, uyasilandela isitho somzimba wakhe, futhi ngeke adideke ngoba usewumoya, lo moya olandela izinwele zawo uma usufika kuwe uba ngumoya omubi.
42.Uma lo moya usuhleli kuwe, ngoba uxhume izinwele zawo, uyokwenza ukuthi wena uthathe impilo yawo njengomuntu ongenwa idlozi, othatha umkhuba waleli dlozi.
43.Uma umoya womuntu owabe engumbulali uzohlala kuwe, nawe uzwa sekuthi bulala umuntu, uma wabe entshontsha nawe uyozizwa sekuthi ntshontsha, bese uyantshontsha, uyaboshwa.
44.Uma umoya womuntu osewafa uhlala kuwe, ukwenzisa into ebiyenziwa ilowo muntu esaphila, nezono zalowo muntu zithwalwa nguwe.”
45.Esikhathini esiphambili kwakukhona indoda eyabe isihlanye iminyaka engamashumi amabili, ukuhlanya kwayo kwakungu kwakha izibhamu ngezingodo, bese ihamba igijima idubula, yayingagijima ngisho amakhilomitha ayishumi nangaphezulu.
46.Yabe ihlala yembethe ijazi elabe lingasuki kuyo imini nobusuku. Umndeni wazama zonke izinyanga, odokotela nabathandazi ukwelapha lo muntu kodwa konke akuphumelelanga.
47.Lo muntu base bemyisa kuShembe, uBaba iLanga. UBaba iLanga wambuka lo muntu isikhathi eside, wabe esethi abantu abamkhumule ijazi owabe elifakile, bayolishisa.
48.Kwathiwa lolu hlanya alwehlukani naleli jazi. Wathi uBaba abamkhumule ngenkani, bakwenza lokho. Lwathi uma likhulunywa leli jazi lishiswa, uhlanya lwaphila ngaso leso sikhathi, yonke inqondo yabuya.
49.Uthi-ke uShembe: “Lo muntu ubengaguli ndawo, kodwa wathenga ijazi lesisosha, umnikazi walo owabe eyisosha wadutshulwa eligqokile, umoya waleli sosha wahlala kuleli jazi, yikho lo muntu ehlanya ngokwakha izibhamu bese ehlale edubula ubala; wembethwe umoya wesosha ngoba wathenga ijazi lesosha eselafa.”
50.Manjena uma umoya womuntu ukwazi ukuhlala engutsheni yakhe bese wenza oyembethe egcine ehlanya, uma wena uthenga izinwele zomuntu osewafa uyazi yini zogcina zenzeni empilweni yakho?
51.Kusobala ukuthi abantu abamnyama bayamsola uNkulunkulu ngalezi zinwele owabanika zona. Bathi wayengabaniki ngani izinwele zaBelungu, wayengabaniki ngani izinwele zamaNdiya, noma zamaChina noma zamaJapan!
52.Bathi uthi uNkulunkulu abenzeni ngalezi zinwele ezinje, yikho-ke bezisusa zonke besale beyimpuculi; yikho abangazigundi bezixhuma ngezinwele zabelungu nezamaNdiya.
53.Bachazela uNkulunkulu bethule ukuthi lento obanike yona abayamukeli, abayifuni iyabenyanyisa, bona bafuna ukufana nabelungu noma namaNdiya. Amakhanda abo angamane afane nemizimba yabo kunokuba abe nale nto!
54.Ayikho into ebuhlungu kuNkulunkulu, noma imuphi nje umuntu, ukuthi ufike umuphe isipho, ebese esilahla, ethi simbi asimfanele.
55. Lesi simo sezinwele zabantu abamnyama sinjalo kuNkulunkulu, abantu abamnyama bamtshela emehlweni uNkulunkulu ukuthi abazamukeli lezi zinwele obanike zona.
56.Encwadini yeZaga zokuQala kuvesi 7, uthi uSolomoni: “Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokuyalwa.”
57.UJesu, kuJohane 14:15, uthi: “Uma ningithanda niyakugcina imiyalo yami.” UShembe, emthandazweni weSabatha, uthi asesabe uJehova ngokugcina imithetho yakho.
58.Ngaso sonke isikhathi uma ulikholwa ubofuna ukuhlakanipha kwaseuzlwini, uzifundise ukumesaba uJehova ngokugcina imiyalo yakhe.
59.Ungavumeli ukwenza kwakho kuphambane nemiyalo kaJehova. Uma ethi uJehova into akayifuni, ungayenzi. Ngaso sonke isikhathi ubozifundisa ukwenza izinto ezithandwa uNkulunkulu. Ungavumeli inhliziyo yakho ithande izitayela zasemhlabeni ezizogcina zikuse ekulahlweni.
60.Ungabajabulisi abantu ngokwenza izinto eziphambene nomthetho kaNkulunkulu. Ungazifundisi ukukhonza umuntu ekucabangeni, nasekudlinzeni kwakho, kodwa ngaso sonke iskhathi ukhonze uJehova, ngoba uyena ongumahluleli wakho wokugcina. Ungavumeli izitayela zasemhlabeni zisuse uNkulunkulu kuwe.
61.Isono sihle, simnandi, kodwa ekugcineni isono sihlupha umnikazi waso, sigcine simfake ekulahlweni kwaphakade.
62.Kungumthetho kaJehova ukuthi abantu abakholwayo bangazigundi izinwele zabo, nanokuthi bangazigcabi, bangazibhali, njengoba kubhaliwe kuLevi 19:28.
63.Ngakho-ke kumele abantu bazi ukuthi imikhuba efana nokupenda umlomo nezinzipho, nokuxhuma izinkophe nokuxhuma izinzipho nokuphucula amashiya, zonke lezi zinto ziyisinengiso kuJehova. Ziyamxosha uNkulunkulu phakathi kwabantu, bese amadimoni ezitholela indawo kithi.
64.Akungasimangalisi-ke ukuthola abantwana bethi behlaselwa izinhlobonhlobo zemimoya ezikoleni; lokho kudalwa ukuthi iningi labo abayiphili impilo yokukholwa.
65.Kodwa benza izinto ezenza uSathane azithole enendawo kubo. Uma wenza izinto eziphambane noNkulunkulu, uJehova uyasuka eduze kwakho, bese unanyathelwa yizo zonke izinhlobo zamadimoni.
66.Awukwazi ke ukuthi uzothi ungenandaba noNkulunkulu, bese ubheka ukuthi kuzothi uma usuhlaselwa amadimoni, bese uNkulunkulu uyatatazela.
67.Kukuwe ke ukukhetha ukuthi ufuna ukwenza izinto ezizojabulisa uSathane njengokwenza kuka-Adam no-Eva, uthathe iseluleko senyoka esizokusa ebumnyameni, noma ulandela uJehova ukuze uthole ukukhanya, uzuze ukuphila okuphakade.
INkosi ibusise enikuzwile.
Le ntshumayelo iyatholakala naku YouTube Channel othi: Rev Mpanza NCG.