Asibuyele kuJehova, sigcine imithetho yakhe khona sizophila. Uma singabuyeli kuJehova sizoba nesono, bese sisibeletha lesisono, sithi uma sesiphelelisiwe isono, bese sizala ukufa.
Inkonzo yangesabatha ekuseni ebiphethwe ngumfundisi uKhathi.
1. Ngyabonga esihlalweni sasezulwini ngokungipha lelithuba. Ngyacela ukuthi uNkulunkulu angembathe, amein.
2. Sizovula ngesihlabelelo 96.
Ngiyeduka ebusweni bakho,
Imihla yonke yokuphila kwami.
Inhliziyo iyangedusa,
Ngiyancipha ebusweni bakho.
CHORUS: Siza siza Nkosi baba,
Uhawukele umoya wami.
3. Ngyabonga bantwana baseKuphakameni. Ngyathanda ukuthingiqale ngimbonge kakhulu uNkulunkulu, ngiyathanda ukusho ukuthi uNkulunkulu uyisimangaliso. Ngendlela uNkulunkulu asisebenzela ngakhona, singabantu basemhlabeni, simanikiniki, kodwa uNkulunkulu ubonakala umusa wakhe uhlezi phezu kwethu, ubonakala uNkulunkulu esivikela, esiphumelelisa, sihamba lapho kuthiwa akuhanjwa khona, sihambe siphume ngale.
4. Angazi ukuthi ngingabonga ngithini kuNkulunkulu. Ngibonga abaholi bethu abenza umusa ngokuthi bavume ukukhuluma lezindaba emhlabeni ngoba sinjena nje yingoba kwasukuma bona. Bathi uma bethunywa base bayavuma ukuthi bazozikhuluma lezindaba, futhi bazikhuluma ngendlela ecace bha.
5. Ngangike ngihambe ngise kumaKrestu ngiye ezinkonzweni zamatende ngoba ngingumuntu owuthanda kakhulu umculo. Kwakuthi uma ngizwa kukhala ipiyano bese ngiyakhona, noma ngangazi ukuthi banagabantu abagxeka amadlozi kodwa ngangibathanda uma behlabelela, sasixabana uma sebegxeka amadlozi, bese ngiqhubeka ngihlala ngilalela.
6. Ukulalela kwangisiza ngoba ngakwazi ukuthi ngibone umehluko phakathi kokukholwa engikuko nokukholwa kwabo. Ngabe sengizibuza ukuthi lezinto abazikhulumayo bazithathaphi, ngathola ukuthi bazifunda encwadini engcwele, ikakakhulukazi le yokuthi amadlozi akakhonzwa.
7. Lokho kwangenza ngahlala phansi, ngayeka ukusonta lapho
engangisonta khona. Ngangididwa wukuthi kungani sibizwe ngegama elilodwa lokuthi singamaKrestu kodwa sibe siphamabana ngokwenza? La ngikhonza khona amadlozi mahle ngendlela eyisimangaliso, futhi mahle ukwedlula uJehova. Manje la kulezinkonzo zamatende uNkulunkulu muhle kodwa amadlozi awamahle.
8. Pho kwenziwa yini ukuthi sifunde ibhayibheli elilodwa kodwa singalifundi ngendlela ezokwenza senze ngendlela eyodwa ngoba amberella yethu ithi, singamaKrestu? Ngabe sengihlala phansi, uNkulunkulu waze wangimbulela. Ngangingahlezi ngoba ngithanda kodwa ngangithandaza ngithi: “Nkosi ngiyacela ukuthi ngelinye ilanga ungivezele ukuthi yikuphi okuyikho ngoba ngididekile.
9. Nempela uNkulunkulu wakwenza ukuthi ngigcine ngibonile, noma kungenzekanga kamnandi ngoba ngaphambi kokuba ngibe ngumNazaretha, ngiqale ngangena ezinkingeni ezinkulu, engingazi ukuthi ngaphuma kanjani kuzo. Kodwa engikubonga kakhulu ukuthi sengidlulile kulezonkinga, ngabe sengiphumela ekukhanyeni okuyisimangaliso.
10. Ngithe ngisahlezi ngalibona ibandla lamaNazaretha ukuthi liyibandla likaNkulunkulu. Kodwa ukukhanya okuyisimangaliso engikutholile, yilokhu kwalapha e NCG, ngoba kwavele kwakhanya kakhulu. Ngenkathi ngifika kumaNazaretha aseBuhleni , kwakukhanya nje, kodwa ukukhanya okukhulu kulapha la sikuthole khona bantwana baseKuphakameni.
11. Ngishukuthike bangcwele ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu. Sike sihlangane nezinto esike sithi uma sibhekana nazo sizinqobe ngenxa yalokukholwa esikuko. Kukhona iculo engiyaye ngilikhumbule uma silapha, kodwa elaliculwa ngogogo esasibalandela sisezingane, elalithi:
“Kuhle ukukholwa,
Uma siphendukile
Uma sishiy izono,
Siyoyivulela iNkosi ingene kithi.
12. Yazi sathi uma siqeda ukuyivulela iNkosi ingene kithi, sabe sesivuleka izingqondo, saba ngabantu abaziyo ukuthi sibhekana kanjani nezimo esihlangabezana nazo. Izinto ezazisehlula singakamazi uNkulunkulu, sasiye siyokhala emadlozini, bese sihlupheka kakhulu kunakuqala.
13. Kodwa namhlanje sithi uma sihlupheka, sibize uNkulunkulu abese uyasabela ngoba savulela iNkosi, yangena kithi ezinhlizweni, ayibongwe iNkosi enkulu yaseKuphakameni. Manje bangcwele angikwazi ukungayibongi into enjalo.
14. Sake safika komunye umuzi siyothandazela umuntu ogulayo, kanti lomuntu unedimoni. Ngashiya abagcwele engangihamba nabo behlabelela iculo elithi: “Nkosi ngiphe amandla okunqoba usathane”, base bethula sengiphumile, labe selibuza idimoni ukuthi sebekhathele yini ukuhlabelela, bathula manje. Lalenza sengathi likhululekile kanti cha liyasha, lisenkingeni.
15. Sifunde isimanga ukuthi idimoni liyenza sengathi likhululekile uma liphakathi kwabangcwele, kanti liyasha, kodwa liyabekezela. Sengathi nathi besingabekezela njenawo, kodwa thina sibekezele ekukholweni, kuthi noma sishiswa ngomubi kodwa sibekezele sithi siya phambili, emuva asisayi.
16. Amadimoni abekezela ngoba afuna ukufeza umsebenzi kayise, nathi asibekezele, noma sisha kodwa sibekezele ngoba sifuna ukufeza lokhu esikuthunywe nguNkulunkulu.
17. Kuke kuthi ebusuku ulele uhlaselwe yimpi yomubi, uthi umemeza uShembe, ivele ithi impi yomubo,”khohlwa ngeke, asinandaba naleyonto”. Yake yangihlasela impi yomubi ebusuku ngilele, ngathi ngimemeza uShembe, wathi umoya omubi, “lelo gama siyalazi, silejwayele”. Ngabe
sengilimemeza leligama likaShembe ngiphindelela, ngabona ikhathala lemimoya emibi, ngabona ukuthi bewuqamba amanga uma uthi leligama ulejwayele.
18. Ngifunde ukuthi kumele ngibe nenkani uma kuza entweni
kaNkulunkulu, ngibe nenkani njengawo lamadimoni ngoba nawo anenkani. Uye uthi uyaqala ukuthandaza mhlawumbe ekuseni noma ntambama, uzwe sewuphendukelwa yisisu esikuthuma khona manje. Kusuke kuyimpi elwa nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu.
19. Uma ifika ingilosi kubaholi bethu ithi: “Ngithunywa nguShembe ubaba iLanga, uthi angikutshele ukuthi phuma eBuhleni, umakhele indlu kaJehova, indlu kaJehovake yibandla. Kulelibandla uyofundisa abantu ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani”.
20. Uma abantu bebehlakaniphile bebezoziyeka lezithixo zabo, balandeleumuntu ozobafundisa ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani, ngoba lokhokuchaza ukuthi uJehova akakakhonzwa mgendlela izulu elifuna ngayo. Kodwa abantu abayinakile leyonto, bafuna ukukhonza uNkulunkulu ngendlela abathanda ngayo.
21. Sinenhlanhla thina ngoba sifundiswa ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani.
22. Siyeduka ebusweni bukaNkulunkulu, imihla yonke yokuphila kwethu. Seduka njalo, noma sesazi siyeduka nje, omubi udlala ngathi, uyasigendagenda njengebhola, aseduse. Kodwa siyacela ukuthi uNkulunkulu angasishiyi, asifundise ukukholwa, asiphe amandla.
23. Ngiye ngisho njalo uma ngilala ebusuku ngithi, Nkosi ngicela ukuthi nasebuthongweni ungiphe amandla, ngoba siyanqotshwa ebusuku maNazaretha. Ngike ngiwatshele amaNazaretha ase Lethukukhanya ukuthi asukulwele ukucela amandla okunqoba ngokubiza uShembe uma silele sekufika impi. Ungakhohlwa ukubiza igama likaShembe ngoba linamandla.
24. Kwejwayelekile bangcwele ukuthi indlela esibuka ngayo izinto thina bantu basemhlabeni yehluke endleleni uNkulunkulu abuka ngayo izinto.
Yingakho isihloko sami sithi:”Kukhona indlela ebukeka iyinhle emehlweni omuntu, kanti isiphetho sayo singukufa”.
25. Ukuhlabela amadlozi kuyinto enhle kabi kubantu, futhi angeke umuntu umyekise ukuhlabela amadlozi ngoba uthe uma ekubuka yena, wakubona kukuhle, kodwa wangacabanga isiphetho sakho ukuthi siyini. Ngenkathi echitha imali ehlabela amadlozi uyajabula ngoba lento iyambusa, yinhle. Uma ungamphikisa kulento, ningaxabana kabi ngoba kuye kuhle. Kufana nokubhula. Ayikho into ejabulisa umuntu njengokubhula, ubuya esejabula esethi: “Bangitshele konke, ngisho okungaphansi konyawo”. Ujatshuliswa yinto embi athe uNkulunkulu akayifuni!
26. Kwenziwa yini ukuthi thina bantu basemhlabeni siphambane kangaka noNkulunkulu? Kukhona into namhlanje esisesitayeleni kakhulu, lento yokuthwala. Yinhle kubantu kodwa ichitha imiphefumulo yabantu, kodwa abantu bayibuka iyinhle ngoba icebisa bona.
27. Ziyezithi uma ziphuma izingane zami zibheke esikoleni ngithandaze, ngicele ukuthi uJehova azihlenge, zibuye ziphephile, nantambama uma sezibuyile zonke bese ngibonga kuJehova, ayibongwe iNkosi yezulu! Siyabonga ukuthi uNkulunkulu useyisihlangu sethu.
Incwadi ka Isaya 55:8.
“Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izidlela zami, usho uJehova.” Amein.
28. Yileyoke into esiphambanisayo noNkulunkulu, yokuthi uNkulunkulu ahlele ngenye indlela, nathi sibe sihlela ngeyethu. Kuyingozi ukuhamba ngemicabango yomuntu ngoba isikhathi esiningi izindlela zomuntu aziphethi kahle. Bakhona abantu abahlakaniphile, abakwazi ukukhuluma into ethandwa nguNkulunkulu, kodwa nabo labobantu basuke benoNkulunkulu, beholwa nguNkulunkulu.
29. Akekho umuntu ongakholwa kuNkulunkulu ongakutshela into ethandwa nguNkulunkulu. Isikhathi esiningi umuntu ongakholwa kuNkulunkulu, ukusthela into yomunye umoya noma yomunye uNkulunkulu, ephambana nale kaJehova. Umphumela wento oyitshelwe ngumuntu noma oyicetshiswe ngabantu abangenaye uNkulunkulu, iphetha kabuhlungu, ihambisana nokuzisola phakathi.
30. Yingakho kubalulekile ukuthi uma singabantu silandele indlela kaNkulunkulu, sifune ukuthi uNkulunkulu uthi asenzeni, siyeke indlela yethu ngoba inengozi. Indlela kaNkulunkulu inemiphumela emihle ehambisana nentokozo. Akekho umuntu ongahamba ngendlela kaNkulunkulu aqede athi usenkingeni ngenxa kaNkulunkulu, ngaphandle wesiwula.
31. Akakaze uJehova wafaka umuntu enkingeni, kodwa ngumuntu ofaka omunye umuntu enkingeni. Kwejwayelekile ukuzwa umuntu ethi:”kunjena nje kungenxa kasbanibani, kodwa akamfaki uNkulunkulu uma kungumuntu ohlakaniphile. Kodwa abantu abangenaye uNkulunkulu nabangawugcini umthetho kaNkulunkulu baye basole uNkulunkulu uma besenkingeni, bathi:” kunjena nje nguNkulunkulu, uphi uma kunje”. Bakhohlwe ukuzibuza ukuthi bona bake bazilandela yini izindlela zikaNkulunkulu njengoba sebesenkingeni nje.
32. UJehova akaholeli engozini, akakaze akwenze lokho. Kodwa thina sisodwa siyaholelana ophathe. Njengakho nje ukuhlabela amadlozi. Njengoba uNkulunkulu engashongo ukuthi asihlabele amadlozi, kwasho umuntu. Lomuntu waba namandla, ngoba lento isakazeke yonke indawo, wonke umuntu omnyama wazi ukuthi impilo yakhe isemadlozini, kufanele awahlabele. Bese thina basemhlabeni sicabanga ukuthi kuhle, size sisho sithi: kuyakhanya, bavumile abaphansi!
33. Into ebuhlungu ukuthi into embi ivele yande ichume idlule lena enhle, igcine lena enhle ingasabonakali. Zingakanani izangoma emhlabeni, noma ngabe uyaphi, noma uya ebhange, estolo, ufica nasi isangoma, Asazi sobalekelaphi. Angisayikhulumike eyezihlobo zethu eziyizangoma, uvele ungazi.
34. Kukhona insizwa eke yeza kimi ngenye imini, yathi icela ukubuza ukuthi yenzenjani kulenkinga ebhekene nayo. Ithi inodadewabo oyisangoma, lodadewabo nguye obondlayo ekhaya, manje ayazi ukuthi izombalekela kanjani. Isho kanje lensizwa iyatohoza. Impendulo yami ithi: uma uShembe ethi isangoma siyiladi nesihlalo sikasathane, wathi lesi sakini sehluke ngani kulezi ezinye? Ngangikusho lokhu ngoba ngamuzwa uShembe ethi:”isangoma siyiladi nesihlalo sikasathane”.
35. Niyazi bangcwele ngihlezi ngisho ukuthi nginogogo ozala umama oyisangoma, esekuneminyaka ngamgcina ngoba angazi ukuthi ngizofika ngithini kuye, ngizofika ngihlale kanjani naye. Into yokuqala azoyenza uzonganga noma uzongigona (hug) njengengane yomtanakhe. Ugogo ungithanda kabi, nami ngokunjalo ngyamthanda, kodwa lento ephila kuye, yiyo engiyizondayo.
36. Uma ugogo enganga (hug) unganga ngazo lezizinto eziphila kuye, bese ngiba yini kuJehova. Wake wathi ngelinye ilanga uyafuna ukuvakasha la ngikhona, azobona umakoti nabazukulu, ngabe sengithi kuye sizohlela.
37. Kodwa angazi ukuthi sasizohlelani ngoba akakwazi ukungena la ngihlala khona. Inkinga ukuthi izindlela zethu zihlukene kakhulu. Ishonjaloke lensizwa, ngayichazela isimo sami. Yabe isithi lensizwa kusho ukuthi isezingeni elincane kakhulu lokukholwa. Lento yokuzihlanganisa nesangoma ngoba singumuntu wasekhaya ube ungumNazaretha, abantu bakubona kukuhle, kodwa kuNkulunkulu kubi.
38. Isono sihle kumuntu uma esenza, siyaye simthokozise. Kwesinye isikhathi aziqhenye ngaso aze athi uyinkinga yena, omuye athi uyinja yena, baze bambongele abanye bathi: “awu nja yami”, ajabule afe, ngoba usengenwe yisono, siyabusa kuye ngaphakathi. Kuthi uma ebuzwa ngabantu ukuthi uyenzelani into embi kangaka, azithethelele ngokuthi ayikho into abengayenza.
39. Kwejwayelekile ukuthi uma umuntu enza isono, angasenzi yedwa kodwa afundise nabanye. Kukhona omunye usisi esake saba naye eLethukukhanya temple, owayegqugquzela abasifazane ukuthi bangami ngomlenze owodwa ebudlelwaneni nabesilisa ukuze kuthi uma kuphuka omunye umlenze babhalanse ngomunye.
40.Ngamangala ngoba losisi weyelilungu elibhajadisiwe lebandla, kanti unenhloso yevangeli eliphambene khona la ngaphakathi. Yingoba uma isono sesibusa umuntu uyaye afune abazombambisa esonweni esibusa kuye.
41.Inkinga yesono yinye, ukuthi isiphetho saso ngukufa. Sibajwayele abantu ababuswa yizono zokuthakatha, abatshontsha izimoto njalonjalo, ukuthi uma sekusekugcineni, bakhala kakhulu becela intethelelo, sebebala bonke abantu abababulala, nababathathela izimoto zabo.
Incwadi kaJakobe 1:15 “Uma inkanuko isithathile, ibeletha isono, nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa!”
42. Ithi lencwadi:” uma isono sesiphelelisiwe, sizala ukufa”. Ake ngixwayise abathakathi, nababulala ngenkemba, nabenza konke okubi, ikakhulu laba abakhinyabeza impilo yabantu, ngicela ukubatshela ukuthi noma kubuhlungu abakwenza kithi, kodwa ngokusigila kwabo siyaye simbone uNkulunkulu, basifundisa ukukholwa.
43. Angisho ukuthi lokhu abakwenzayo kuhle, kodwa uma bekwenza lokhu abakenzayo, basisondeza eNkosini. Uma sebesithakatha thina siyambiza uNkulunkulu, sicele usizo kuye, sicele nabangcwele ukuthi baselekelele basicelise ukuze uNkulunkulu asisize.
44. Ithi incwadi yeZaga 26:27 “omba umgodi uyakuwela kuwo, nogingqa itshe liyakubuyela phezu kwakhe, amein.” Akekho umuntu ongenagqondo njengomthakathi. Ngiyazi bazongihlasela njengoba sengikhuluma kanje, kodwa ngibatshela iqiniso lokuthi siyothi singena embusweni wezulu, bona bayobe behlehla, ngoba asinaye uNkulunkulu ongunodoli, ongakhulumi. Ithi ingoma yamaKrestu “mangisondele Nkosi kuwe manje,
Noma ngiqhutshwa zinhlupheko,
Ngiyasondela Nkosi kuwe manje”.
45. Angibancomi ngemisebenzi yabo ababi, kodwa uma beyenza iyasisondeza eNkosini. Ngiyakubonga lokho ukuthi ngisondele kuNkulunkulu, ngoba mhlawumbe bengingeke ngisondele kuJehova ukuba bengikhululekile, kodwa ngabo ngiyasondela, ayibongwe iNkosi!
46. Asibuyele kuJehova, sigcine imithetho yakhe khona sizophila. Uma singabuyeli kuJehova sizoba nesono, bese sisibeletha lesisono, sithi uma sesiphelelisiwe isono, bese sizala ukufa.
47.Uthi uShembe emthandazweni weSabatha,”Yilokhu kungasekho ixhegu emzini wakho nifa nibancane, yingoba anigcini umthetho wokuthi hlonipha uyihlo nonyoko. Lokho kusho ukuthi yingoba anigcini umthetho kaNkulunkulu, isono sokungahloniphi, bese lesono sinibusa, bese kuthi uma sesiphelelisiwe sizale ukufa, kungabe kusabakhona igxegu emzini wakho, nife nibancane. Incwadi ka Duteronomi 5:3 “Niyakuhamba njalo endleleni, uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile.”
48. Uma sihamba ngendlela kaNkulunkulu, angeke sife, kodwa sizophila. Kusho uNkulunkulu.
Amose 5:14 “Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abenani uJehova. Amein.”
49.Uma sifuna okuhle sizophila, uJehova ahlale nathi. Sanikezwa umthetho nguJehova ukuthi siyigcine, kwase kufika izithunywa zomubi ezazibizwa ngabefundisi, ezisabizwa ngabo nanamuhla, ezafika zathi, “asiphili ngaphansi komthetho, siphila umathanda, sasedusa zizibiza ngabefundisi, kodwa sangabheka ukuthi labafundisi bathunywe yimuphi uNkulunkulu, ngoba baningi onkulunkulu?
50.Yiboke laba abafike bathi,” asiphili ngaphansi komthetho, siphila ngaphansi komusa”, basikhipha emthethweni kaNkulunkulu. UBaba wethu, uBaba uMelusi wake wakhuluma into abangayazi abantu, nami engangingayazi, namanje bakhona abangayazi, ukuthi emthethweni elishumi kaNkulunkulu iyizigaba ezimbili.
51.Emine yokuqala eyisigaba sokuqala, yakha ubudlelwane phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, bese kuthi eyisithupha iyisigaba sesibili, eyakha ubudlelwane phakathi komuntu nomuntu. Ipheleleke uma isinjalo.
52.Ukube abantu bebekwazi lokhu bebeyoyilandela lemithetho kaNkulunkulu. Sihluphana kanjena nje, simhlupha kangaka nje uNkulunkulu emhlabeni, yingoba siphumile emthethweni kaNkulunkulu, simlahlile uNkulunkulu, uzohlala kanjani nathi singamfuni, singamemukeli?
Isihlabelelo 227
Nkosi baba ngiyakuthanda,
Kepha wena ufihliwe.
Awubonakali kimi,
Noma mina ngifisayo.
53. Kwafika kanjalo ukukhanya kithi. Uma siqhathanisa impilo yethu yanamuhla neyayizolo, mkhulu umehluko. UNkulunkulu uye wasibusisa, sehluka kubantu bonke!
54. Uthi uShembe emthandazweni weSabatha,”impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami”. Kowa uqale ngenhla wathi: “Uma sigcina imithetho kaJehova, owayiloba ngoMose inceku yakhe, uyakuyiphepdula imithandazo yethu, aphinde asehlisele izibisiso.”
55. Pho yini abantu bafune umcebo wokuthwala ngoba ngoNkulunkulu singaba nakho konke, singaceba sihambe ngezimoto ezinkulu, njegoba zikhona nje izimoto ezinkulu kulelibandla! Akekho othwele lapha, kodwa yizibusiso ezivela kuJehova, hhayi lokhu kokukhipha imiphefumulo nokuchitha igazi labantu ngoba akusona isibisiso leso!
56.Noma ukuthwala kungabukeka kukuhle kulowo okwenzayo, kodwa isiphetho sakho singukufa. Yafihlwa lento yokuthi singamboni umuntu uma esebunzimeni ngenxa yemisebenzi yakhe emibi ngoba inzima. Kodwa mhlawumbe yayizosisiza ngoba sasizoshintsha ukwenza.
57. Sengivala bagcwele, ake ngethule nabu ubufakazi. Ngike ngabona umthakathi osewashona ngilele, owangihlupha kubona izwe lonke. Uye wakhuluma into ethusa kabi, noma ngangike ngikuzwe okunye kwako, kodwa ngiye ngethuka kakhulu.
58. Bekungumhlangano kaJuly, lo esiphuma kuwo. Uma ngehla ngiphuma ekhaya, ngyambona lapha ngezanzi komuzi wakhe ubheke khona, wangibona. Uthe uma engibona, wangilandela ngavele ngashesha kakhulu, wabe esengena komunye muzi kwamakhelwane wami, bamxosha wabe esenyukela ekhaya, wafika sengingene endlini, wafika wahlala phansi egcekeni, ngabe sengiyaphuma ngeza kuye.
59.Uma ngimbuza ukuthi ufunani, wathi uyahlupheka yena, akanayo indawo yokuhlala, nokugeza kade agcina. Ukhuluma kanjalo nje unuka phu, iphunga elingabekezeleki nhlobo. Ngangikhuluma naye amathe eziphumela kimi ngedlela owayenuka ngakhona.
60.Ngabe sengimubuza ukuthi ngenkathi egila imikhuba wayengazi yini ukuthi ngelinye ilanga uyokufa, wabe esethi; yena wayazi ukuthi uyokufa kodwa wayeke ezwe kuthiwa umuntu uyaphumula uma esefile, kodwa yena akaphumule, wayesecabanga ukuthi naye uyophumula.
61. Ngaphaphama kusenjalo bangcwele. Ngaxakeka ukuthi ufunani kimi ngoba ubengihlupha mina. Ngiyaxwayisa kubathakathi ukuthi abayenze nje lento yabo, bazobuthwala ubunzima. Kuyoba buhlungu usulwayiza la, ubukade uzibulalela nje kubantu bakaNkulunkulu.
62. Siyabonga ukuthi ezintweni zonke ezicebisa abantu, kodwa thina siye sakhetha uNkulunkulu ukuthi sicebe ngaye uma siceba, noma ngabe singasacebanga ngokwenyama kodwa ngokompefumulo sicebile.
63. Akekho umuntu ocebe njengathi. Noma kufika nhloboni yenkinga, kodwa sibuswa yingcebo yasemoyeni. Namuhla sihlezi nengilosi kaJehova phakathi kwethu, into engajwayelekile. Izele ukuzosibuyisela emthethweni kaNkulunkulu ukuze siphile. Incwadi yamahubo 119: 105: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami, nokukhanya endleleni yami.
INkosi ibusise enikuzwile