Kodwa uShembe yena uyaqondisa, uthi: “Niyohlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” Lapha uShembe uyacacisa ukuthi uma nishumayela izwi likaNkulunkulu, ngalo abantu bese benithuka, benizingela, njengoba bekwenza nje nakithi, umvuzo walokho ukuthi ekufeni kwethu ezulwini sihlale noNkulunkulu!
Isihlabelelo 36.
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yaba khethiweyo.
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa
Ebenginga fanele lutho
Okhukhweni lwakho.
4.Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwle.
Abamagma alotshiwe
Ebusweni bakho.
1.Ngesabatha eledlule sicaphune intshumayelo kaBabamkhulu efundeka kanje: “Kuhle ukufela inkolo, ngoba labo abanjalo ababe besalinda ndawo, baqonda ngqo eparadise, uNkulunkulu ubalungiselele indawo ngakwesokunene sakhe!
2.NeNdodana kaMaria ayiqalanga ndawo, yavele yaqonda ngqo, futhi yabusa zonke izizwe! Nanike ninayo indawo eceleni kwayo!” Amein!*
3.Kulentshumayelo umprofethi uyasitshela ukuthi uma uvikela inkolo kaJehova, akusho lutho ukuthi abantu bengagcina ngokukubulala, kodwa usufile, ezulwini uba liqhawe uhlale eduze kwaNkulunkulu!
4.Uthi-ke uMprofethi, nakuYeshua kwaba njalo, wabulawa, ebulalelwa ukushumayela izwi likaNkulunkulu. Kodwa ekufeni kwenyama umphefumulo wakhe wahlala noNkulunkulu, wadunyiswa yizizwe zonke njengoba namanje kusenzeka!
5.Ngalenkuluma uBabamkhulu ufakazela yena uYeshua uma kuMathewu 5:11-16, ethi: “Nibusisiwe nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
6.Jabulani nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba baba zingela kanjalo abaprofethi abanendulelayo”.
7.Uyaqhubeka uYeshua uthi: “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bawo bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle unyathelwe ngabantu.”
8.Nina ningukukhanya kwezwe, umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke. Umuntu akasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze sikhanyisele bonke abasendlini.
9.Kanjalo akukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uyihlo osezulwini!” Ameinn!
10.Nakulentshumayelo noYeshua usasho leyonto, ukuthi abaprofethi ababeshumayela izwi likaJehova babethukwa, abanye bebulawa; ngenxa nje yokuthi bakhuluma indaba kaNkulunkulu!
11.Noma kungaveziwe ku New Testament, kodwa abapostoli bakaYeshua emva kwakhe babulawa bonke.
12.UYeshua wabethelwa ngo 33 A.D, emva kwalokho bonke abafundi bakhe babulawa. I-New Testament yahlanganiswa ko 600 A.D, kodwa ayisho litho ngokufa kwabapostoli!
13.Ungazibuza ukuthi njengoba iNew Testament yabakhona sekukudala abapostoli bafa, kwenziwa yini ukuthi lencwadi engcwele ingasho lutho ngokufa kwalabapostoli?
14.Isizathu salokho ukuthi ubuKrestu babuyizitha zenkolo kaMose. Kanjalo noPaul wabulawa eRome, ebulawa nguMbusi wamaRoma!
15.Awuzibuze-ke ukuthi njengoba ubuKrestu basungulwa eRome, kuyinkolo yamaRoma, pho kwenzeka kanjani ukuthi uPaul ebulawe eRome? Kungenxa yokushumayela ngenkolo kaMose, abezizwe abayibiza ngenkolo yamaJuda!
17.Enkolweni kaMose uYeshua akaze aziwe ngokuthi nguKrestu, kodwa wayebizwa ngokuthi nguMesaya. Ukuthi nguKrestu lulimi lwesiGriki olwavela abezizwe sebakhe uJesu wabo!
18.Njengoba sake sasho ngaphambili, loPaul owayeshumayela eliJuda, wabulawa ngumbuso wamaRoma, base besakhela uPaul wabo asebethi wayengumKrestu!
18.Noma ungumKrestu, noma awusiye, uma nje ungumuntu omnyama, kumele wazi ukuthi umlando omningi ngebuzwe nenkolo yethu uphendukezelwe, ukuze ugcine ukholelwa zithixo zabamhlophe!
19.UYeshua kwakungumuntu omnyama, kunguYeshua onguMesaya, kodwa kwagcina sekunguJesus Christ ongumlungu! Namanje izingqondo zethu zinamathele ku Jesus Christ ongumlungu!
20.Abapostoli baphuma eJerusalema bengaphansi kwenkolo kaMose, beyofundisa ngenkolo kaMose, kodwa namuhla sifundiswa ukuthi babengama Krestu, beyofundisa ngobuKrestu.
21.USha’ul owayeliJuda kade engumfarisi, waphenduka waba ngumNazaretha. Kodwa uma sesifundiswa kuthiwa waphenduka ekubeni ngu Sawuli waba nguPaul, wafundisa ngobuKrestu.
22.Ukubuyela kulama vangeli esikhuluma ngawo ngezimfundiso zikaYeshua noShembe, sithola izithunywa ezimbili zikhuluma into eyodwa, kodwa ngezindlela ezahlukene.
23.UYeshua njalo uma ekhuluma wayesebenzisa isingathekiso, bese eshiya kubantu ukusihumusha ngendlela abasihumusha ngayo; kanti uShembe wayekhuluma aqondise, ungaze wamcabangela ukuthi uthini.
24.Ingozi yokuthi uma ukhuluma ungathekise, ukuthi abanye abantu kuye kuthi ukukhuluma kuqondile bese bekuhumusha ngokukuhlanekezela lokho imfundiso ekushoyo!
25.Ukunika isibonelo: UYeshua uthi: “Ngiyindlela neqiniso, akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”. Lenkulumo iyisingathekiso, kodwa amakholwa ayihumusha ngendlela yokuthi igcine ngokusho into engenamqondo, babalekela lokhu ekushoyo!
26.Uma ethi uYeshua: “Ngiyindlela neqiniso yokungena ezulwini’, ngenkulumo eqondile uthi ‘Yimina enginegunya lokulawula ukuthi umuntu ungena ngokuba enzeni ezulwini! Ngaphandle kokulandela imfundiso yami, uya ekulahlweni!”
27.Siyithathaphi lencazalo? Siyithola kuMathewu 5:19 lapho uYeshua ethi: “Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomcinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
28.Lelivesi yilona eliqondile ekutheni ukuze ungene embusweni wezulu, nguYeshua umqondisi, nonegunya lokuthi ngonjani umuntu okumele abone umbuso wezulu!
29.Kodwa ingozi ukuthi okushiwo ileli vesi kungaba nomphumela ophikisa imfundiso-nkolo ethi asisaphili ngaphansi komthetho, ngoba lo ngumeththo kaNkulunkulu!
30.Kodwa amakholwa avele athi awungeni ezulwini uma ungame mukelanga uYeshua njengoMsindisi wakho! Bese kuthiwa ‘ukwamukela uYeshua ukusho ngomlomo uthi ngiyamvuma uYeshua ukuthi unguMsindisi wami! Kodwa ungabekelwa mthetho othi uma usuwamukele uYeshua ugcina lokhu nalokhu!
31.Lokho kuyefana nje nokukhetha inkosi ebandleni lamaNazaretha, uma uvele uthi: ‘Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni!” bese ngalokho kusho ukuthi usungumNazaretha, sekufanele uhlale ubabaza uShembe ngaphandle kokulandela umthetho wobuNaazaretha!
32.Kodwa ngokwenkulumo eqondile, ukuthi “ngiyindlela” kusho ukuthi “Ngingumqondisi, ‘I am the authority’, yamukela lokho okufundiswa yimi!”. Ukuthi “ngiyindlela”, isingathekiso!
33.Uthike uYeshua: “Nibusisiwe uma benithuka, benizingela, bekhuluma okubi ngani, JABULANI NITHOKOZE NGOKUBA UMVUZO WENU MKHULU EZULWINI.”
34.Kodwa uShembe yena uyaqondisa, uthi: “Niyohlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” Lapha uShembe uyacacisa ukuthi uma nishumayela izwi likaNkulunkulu, ngalo abantu bese benithuka, benizingela, njengoba bekwenza nje nakithi, umvuzo walokho ukuthi ekufeni kwethu ezulwini sihlale noNkulunkulu!
35.Nalesi sihlabelelo sikaBabamkhulu sikhuluma leyonto, ukuthi ekufeni kwethu sohlala nabangcwele, sohlala noJehova uNkulunkulu wethu!
36.Uyaqhubeka uYeshua uthi: “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bawo bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle unyathelwe ngabantu.”
37.UYeshua wayekhuluma nabalandeli bakhe bangaleso sikhathi, kodwa namuhla lawo mazwi abhekiswe kithi, ukuthi thina siyisibuko sokukholwa kuJehova!
38.Uma umuntu efuna ukukholwa kumele ethathele empilweni ephilwa nguwe! INkosi iLanga yayivamile ukuthi ithi: “Ningazoni, ningoniwa!”
39.Mina ngiyaye ngisho ngeqholo ngithi uma ufuna ukubona ukuthi umuntu ongumNazaretha ungumuntu onjani, buka mina! Anginamahloni okuthi I am a typical Nazarite!
40.Mina akakho umuntu ongathi kimi: “Yebo yena ungumholi wamaNazaretha kaNkulunkuli, kodwa izenzo zakhe azisho ukuthi ukholiwe, wenza lokhu nalokhu okungnziwa ngumuntu okholiwe”
41.Anginaso isici uma sekuza ekukholweni! Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngininga ngoNkulunkulu, ngininga ngezimemezelo zomkhondo wezwi likaJehova, ngibheka ukuthi ngisahamba ngayo yini indlela efunwa nguNkulunkulu!
42.Uthi-ke uYeshua, noma ubungumuntu obulungile uziphethe kahle, kodwa uma usuwona, konke obuyikho kuyaphela, bese uyaliwa zulwinini!
43.Ngake ngasho ngaphambili ukuthi noma ungaba nesono esibi kangakanani, kodwa uma ngenhliziyo ethobekileyo, nezisolayo, uguqa phambi kwaNkulunkulu ucela intethelelo, uJehova uma ekuthethelela akabali ukuthi isono sakho sibi kangakanani!
44.Eku phendukeni kwakho uNkulunkulu uyazigeza zonke izono zakho! Kodwa uma usuwenza isono, umhlubuka uJehova, uNkulunkulu uyakucisha konke ubuhle obuhamba ngabo!
45.Uyaqhubeka uYeshua uthi: “Nina ningukukhanya kwezwe, umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke. Umuntu akasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze sikhanyisele bonke abasendlini.
46.Kanjalo akukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uyihlo osezulwini!”
47.Lentshumayelo kaYeshua igcizelela ukuthi thina esingamakholwa sihlale ngokuziphatha kahle ukuze abantu babone kithi ukuthi ukukholwa yinto enhle!
48.Angazi noma kusenjalo namanje, kodwa ngafunda ezincwadini eziningi zithi abamhlophe uma befuna izisebenzi bebeyaye befune amaNazaretha.
49.Okokuqala kuyimfundiso kaBabamkhulu ukuthi umNazaretha angantshontshi, umNazaretha asebenze ngokwethembeka, engawugolimi umsebenzi wakhe owuholelayo!
50.Lokho kusho ukuthi uma ungumqashwa, umqashi wakho kumele ahlale enelisekile ngumsebenzi okuqashele wona, futhi umqashi engahlali enovalo lokuntshonshelwa emsebenzini wakhe!
51.AmaNazaretha-ke abe eyenza into ayifundiswa nguBabamkhulu! UmNazaretha wayengantshontshi emsebenzini, futhi umNazaretha ekhuthele emsebenzini wakhe!
52.Lesi senzo sokuphila impilo yokwethembeka nokukhuthala emsebenzini wakho, kwakwenza amaNazaretha abe ukukhanya ezweni, babe yisibonelo esihle kubantu bonke! Lokho kwabe kuveza isimo somuntu obafundisa ukukholwa! Angazi noma isekhona yini leyomfundiso kwamanye amaNazaretha, kodwa lapha eNCG sengathi kusenjalo, sisazilandela izimfundiso zoMprofethi!
53.Kunezinsizwa ezintathu ezazisebenza komunye umlungu. Omunye kulaba bathathu wabe esehlubuka kulelibandla, kanti ubaphethe. Wabe eseqala ukubahlukumeza!
54.Base benquma ukuwushiya umsebenzi. Lokhu kwenzeka khona lapha eThekwini.
55.Kuthe lomlungu ethela uPetroli eGoli, wathelelwa upetroli ngenye inkosana. Uthe uma ebuka indlela ehlonipha ngayo, wabe esekhumbula laba bafana ababemsebenzela. Ngenhlanhla lonkosana, okwakungumvangeli uSikhakhane uyabazi, ngoba kwakungumvangeli uNkwanyane nomshumayeli uNduli.
56.Lomlungu wabe esefuna ucingo lwabo kumvangeli uSikhakhane eseGauteng. Lomlungu wagcina ngokubathola, wababuyisa emsebenzini wakhe. Namanje basasebenza kule Khampane!
57.Lesi senzo esenza lomlungu ehambe ebafuna, kungenxa yokwethembeka kwabo okwaba ukukhanya kubaqashi babo, bathi asikwazi ukwehlukana nalaba bafana!
58.Abantu babona imisebenzi yakho emihle, bese ngalemisebenzi kukhangiseke inkolo yakho; abantu bebone ukuthi kumele beyilandele lenkolo esenamakholwa anje!
59.Ngendlela oziphatha ngayo, wenza abantu badumise ubuNazaretha ngezimfundiso zoMprofethi!
60.Akugcinanga ngomvangeli uNkwanyane nomshumayeli uNduli, kodwa kwathi futhi sisemgidini sisina, sabona sesivakashelwa ngumlungu eza ngeveni igcwele yonke inhlobo yokudla.
61.Ngase ngiyambuza lomlungu ukuthi usaze kanjani? Wathi kunezinsizwa ezimbili ezimsebenzelayo ezilunge isimanga, okubonakalayo ukuthi bakhuliswe kahle ngendlela eyisimanga!
62.Uthike lomlungu, ngithe uma ngibuza ukuthi basontaphi, bangiletha kulelibandla. Bengifuna ukubona umfundisi ophethe lezi zinsizwa ezikhuliswe kahle kanje! Laba kwakungumvangeli uNgcobo nomfowabo umshumayeli uNgcobo! Kumele uhlale ungukhanya noma kuphi uma ulilungu lalelibandla!
6.Uthi-ke uYeshua:“Nina ningu kukhanya kwezwe, umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke. Umuntu akasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze sikhanyisele bonke abasendlini.
64.Kanjalo akukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uyihlo osezulwini!”
65.Kubalulekile futhi ukuthi ungagudluki kokuthunywe nguNkulunkulu, ungabheki ukuthi abantu bayakwemukela noma qha! Encwadini kaHezekeli 2:3-8 sizwa uNkulunkulu ekhuluma kumprofethi uHezekeli kanje: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israel, ezizweni zamambuka ezihlubukile kimi, zonile kimi kuze kube namuhla.
66.Bangabantu abanenkani nenhliziyo elikhuni. Ngiyakuthuma kubo, uyosho kanje kubo, uthi: “Ithi iNkosi uJehova, noma ngabe bayalalalela, noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umprofethi phakathi kwabo.
67.Wena ndodana yomuntu ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi, nameva kuwe, uhleli nofezela, ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
68.Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela, noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki!
69.Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengalendlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho udle engikunika khona!”
70.Kusahluko 3:17-19 uJehova uyaqhubeka uthi: Ndodana yomuntu ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israel, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona!
71.Uma ngithi komubi uyakufa nokufa, bese ungamxwayisi endleleni yakhe embi ukuba umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibuza esandleni sakho!
72.Kepha uma wena umxwayisile omubi, kepha awaze wakuyeka ububi bakhe nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho!” Amein!
73.Kulenkulumo sizwa uJehova echazela inceku yakhe uHezekeli kubantu oyithuma kubo, ukuthi bangabantu abalukhuni, yize beyindlu ka-Israel ewaziyo umthetho kaNkulunkulu, kodwa angenke bakwamukele!
74.Lencwadi sayifundelwa yingelosi, isazisa ukuthi lesi simo esibhekene naso kumaNazaretha siyefana naleso umprofethi uHezekeli owayebhekene naso kubantwana bakwa-Israel!
75.Ukuthunywa ukushumayela, ikakhulu kubantu bakini, kuyisimo esilukhuni kakhulu. Yikho kunesisho esithi umprofethi akamukelwa ezweni lakubo!
76.Uma ngishumayza amaKrestu ngezinto abazenzayo eziphambene nomthetho kaNkulunkulu, abalwi nami, ngoba ngisuke ngicaphune eBhayibhelini. Abaliphikisi iqiniso, noma bengakwenzi engibafundisa khona ngoba bayabona ukuthi ngikhuluma liqiniso!
77.Kodwa kuma Nazaretha, akukhathaleki ukuthi ngingaveza buphi ubufakazi kwengikushoyo, ngivele ngithukwe ngazo zonke izinhlamba, bethi usikhumbuzelani lokhu! Ngenxa yokuhlubuka kwabo, umuntu obabuyisa ekukholweni uba yisitha sabo!
78.Ngesabatha eledlule ngifunde izincwadi eziningi zeBhayibheli, kanye nezi ntshumayelo zikaBabamkhulu neNkosi iLanga, lapho kucaciswa khona ukuthi UKUZIBIZA NGONKULUNKULU kuyisono esikhulu kangakanani kuJehova!
79.Kodwa emva kwalokho ngithole izinhlamba ezinkulu kumaNazaretha, yize bebona ukuthi ngibakhumbuza okwashiwo nguNkulunkulu, ngibakhumbuza izimfundiso zomprofethi neNkosi iLanga!
80.Abanendaba nokuthi engikushilo ngicaphune emthethweni kaNkulunkulu, kodwa impi ithi usibuyiselani kwesikulahlile, ngoba ayikho lento ekhulunywa nguNkulunkulu, nekhulunywa umprofethi neNkosi iLanga, thina sesinonkulunulu wethu!
81.Inkinga engibhekana nayo esimweni esinje ukuthi uNkulunkulu uthi yenza okuthuma khona, kanti kolunye uhlangothi uhlaselwa ngabantu othunywa kubo, bakuphikise bethi ayikho lento esiyitshelwa yilonkulunkulu wakho, thina sesizikhethele unkulunkulu wethu!
82.Mhla ngithunywa yingelosi mhla ka 4 January 2010 izothi uthi uBaba iLanga angiphume eBuhleni ngimakhele ibandla, ngakwenqaba lokho! Okuseqinisweni ngathukuthela, ngathi lengelosi idlala ngami, ngizoyenza kanjani into enjalo? Umkhokheli ungufakazi walokho!
83.Ngendlela engacasuka ngayo, ingelosi yavele yangiyeka asaze sabuya ukuyikhuluma lendaba kwaze kwaba ngu-August 2010.
84.izinto zashintsha kusukela mhla ka 21 August sekufika abafundisi bethi bazongikhipha enkonzweni.
86.Ngangingazi lutho ukuthi bazongi khiphelani, kodwa-ke babengaqali, futhi ngikwejwayele ukuvele ngihlaselwe abefundisi abathile ngaphandle kwesizathu balwe nami!
87.Behluleka ukungikhipha, kodwa ngesonto elilandela ingelosi yafika isithukuthele, yathi: “Wena uBaba ukuthukuthelele, uthi ufike akuthume bese uyamphikisa kothunywa khona!
87.Uthi uBaba iLanga angikutshele ukuthi noma abefundisi behlulekile ukukukhipha enkonzweni namuhla, kodwa ngenke behluleke ukukukhipha emhlanganweni!
88.Uma sebekukhiphile, yena ngenke asakwazi ukusebenza ngomuntu osexoshwe ebandleni, ngoba uyobe usungcolile!
89.Usukhishiwe enkonzweni, uyophuza utshwala, noma uthathe intambo uzibulale ngoba empilweni yakho awukaze ungasonti!
90.Uthi uBaba angikutshele ukuthi ukhethe phakathi kokuba uxoshwe ebandleni, uhambe uyozibulala, kumbe uphuze utshwala, noma wenze lokho okushiwo nguBaba iLanga ukuba uphume manje eBuhleni uyosebenzela uNkulunkulu!
91.Kunokuxoshwa ebandleni, ngakhetha ukwenza lokhu okushiwo yiNkosi ilanga. Wena wawuzokhetha kuphi?
92.Noma ama Nazaretha sengiwachazela kanjani ukuthi ANGIZIKHETHELANGA UKUVULA LELIBANDLA, KODWA NGATHUNYWA YINKOSI ILANGA UKUBA NGIQHUBE UMSEBENZI KABABAMKHULU, kodwa konke lokho abakushaya indiva!
93.Ngakho-ke kumele ngihlale ngihlaselwa ngithukwe ngazo zonke izinhlamba, kuthiwe ngizenza uShembe, yize ngithunywe nguye uShembe!
94.Isono sami ukubakhumbuza okushiwo nguNkulunkulu, okushiwo nguBabamkhulu, okushiwo yiLanga, yiNyangayezulu noThingo, ukuthi USHEMBE AKASIYE UNKULUNKULU!
95.Bathi uyabheda lonkulunkulu wakho, uyabheda lomprofethi wakho, liyabheda iLanga neNyangayezilu noThingo!
96.Thina sinonkulunkulu wethu uNyazi, ongaphezu kwabo bonke labantu ositshela ngabo! Ungazosibhedela lapha! Noma bengakuphimiseli lokhu ngemilomo yabo, kodwa ngezenzo basho njalo!
94.Kodwa angikholwa ukuthi onke lamaNazaretha angithukayo akaboni ukuthi ngithunyiwe! Okuyikho ukuthi bembethwe ngumoya kaSathane!
95.Kodwa uNkulunkulu akanendaba nokuthi bayakukholwa noma qha, yena ufuna wenze lokhu akuthume khona!
97.Yizwa ukuthi uthini uNkulunkulu kuHezekeli, uthi: “Wena ndodana yomuntu ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe angameva kuwe, uhleli nofezela!
98.Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi, nameva kuwe, uhleli nofezela, ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo!
99.Noma ngabe bayalalela, noma bawashaya indiva, kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengalendlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho udle engikunika khona! Uma ungakwnzi okuthunywa nguJehova, nawe uba ngohlubukile, ujeziswe ngalokho!
100.Ukuze kuthiwe ezulwini uyindlalifa yezulu, kumele ubhekane nakho konke ubunzima okutholayo ekuqhubeni izwi likaNkulunkulu, wenze kuphela lokho okuthunywa ezulwini, kungakhathaleki ukuthi kunamphumela muni!!
Njengoba ngimi phambi kwenu, ngakuthunywa lokho. Noma niyangihlubuka, ngenke ngijeziselwe lokho, kodwa ngojeziselwa ukuthi angiledlulisanga izwi iNkosi eyangithuma ukuba ngiledlulise kini!
101.Uthi uJehova kokuthuma khona, ungandisi, futhi unganciphisi!
102.Sonke thina esesivume ukusebenzela uNkulunkulu kufanele sizinikele kulokho esithunywe
ukukwenza, singahlehleli emuva!
Isihlabelelo 211–
1.Besethweswe thina yiNkosi
Ijokwe lemiphefumulo yethu.
Savuma thina salethwala
Singephinde silethule.
2.Lingukuphila kwemiphefumulo yethu
Liyindlela yemiphefumulo yethu
Noma siphila noma sifa
Singephinde silethule.
3.Qiniselani nina webakhonzi
Mnikeni isibindi
Ize lona liza kodwa
Noma sekunjalo.
Inkosi ibusise izwi layo