Lesi yisikhathi esibi kakhulu, ngoba isikhathi se Beast system, okuyisikhathi sokubusa kukaSathane!
Njengoba lezi sekuyizikhathi zokugcina, okuyizikhathi zokwehlulelwa, baningi abazoya ekulahlweni, kodwa bona ababoni!
Isihlabelelo 181.
1.Phakama kuphakama
Ngegama leNkosi
Zivuse zonke
Izizwe zakithi
Zisesebuthongweni
Ngegama leNkosi.
Zivukele kuwe
WeKuphakama.
2.Sino sizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane
Asinamkhululi
Ngaphandle kwakho
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
3.Usidele ngani
Nkosi kangaka
Buyela kithi
Usithethelele
Obaba bethu
Bona abasekho
Sithwele-ke thina
Izono zabo.
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siyavuma
Ebusweni bakho
Singaba kabani
Uma silahlwa nguwe
Buyela kithi
Nkosi yoxolo.
ASIQONDISE UMLANDO WESIZWE SAKITHI.
1.Kulesi sihlabelelo uShembe wayecela kuNkulunkulu ukuthi uKuphakama, noma ubuNazaretha buthuthuke, ukuze kukwazi ukubuyisa isizwe sakithi ekudukeni esikubo, ngoba kusobala ukuthi noma sicabanga ukuthi sihamba ngendlela, kodwa sisebumnyameni, asiboni ukuthi sedukile!
2.Angizukukubala konke uShembe okushoyo kulelihubo, ngoba yena ukubhale phansi! Kodwa okumele sikwazi ukuthi ubaluleke kakhulu uMkhululi okhulula ingqondo yakho kunomkhululi othatha isikhali eyokulwela!
3.Njengamanje sikhululekile ngokwepolitiki, ngoba kwaba nabantu abasilwelayo. Kunle lokho, kodwa ukukhululeka ngokwepolitiki kukodwa akunalusizo, okubalulekile ukukhululeka kwengqondo, tube nokuqonda kokuthi usukaphi, uyaphi?
4.Njengamanje ubugqila bethu buse ngqondweni, yikho lokhu okwenza shall sizigqila noma sesakhululeka!
5.Kuningi okumele sikwazi ngemvelaphi yethu ngaphambi kokuthi sithi singabakhululekile! Lokho kusho ukuthi kuningi okumele sikwenze ukuze sizikhulule ngokwengqondo!
6.Okokuqala kumele ngaphandle kokungabaza sazi umlando wethu, ngoba uma ungawazi umlando wakho, awukwazi ukuba nekusasa eliqondile!
7.0kwesibili, njengoba sizigqila ngokwengqondo, noma sesakhululeka, kumele sazi ukuthi yini eyenza sibe zigqila? Uma sesikwazi lokho, bese sifuna ukuthi singaphuma kanjani kulobu bugqila? Lelihubo lomprofethi lixoxa leyo ndaba-ke!
8.Encwadini kaJeremiya 6:16 uJehova wakhuluma lamazwi ewabhekise esizweni sakwa-Israel. Uthi:
9.“Yimani endleleni nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: “Asiyikuhamba ngayo!”
10.Njengoba esho uNkulunkulu, ukuze uqondise kahle yonke impilo yakho, kumele okokuqala uhlole umlando wakho ukuthi emandulo okhokho bakho babephila kanjani, ngoba uma umlando wakho ungaqondile, yonke impilo yakho iyaye ibhede!
11.Yikho nasenkolweni kumele siqikelele ukuthi esikholwa yikho kunawo yini umlando oqondile. Kanjalo, nomlando wobuzwe bakho kufanele uwuqikelele ukuthi uyiwo yini?
12.Ayikho ingozi yokuthi ngikhule ngazi ukuthi ngiyisibongo esithile, nenzalo yami ngiyibize ngalesi sibongo, kanti akunjalo, ngafihlelwa isibongo okuyisona sami!
13.Ngokuhamba kwesikhathi bese ngithola ukuthi zonke izinto engizenzayo azilungi, kanti ngisebenzisa isibongo okungayiso!
14.Kanjalo nasenkolweni, kuyadinga ukuthi ube nolwazi lomsuka wenkolo yakho, ngoba siyaye sizalwe sinenkolo esayemukela sizigqila, bese sicabanga ukuthi le inkolo okuyiyo yokhokho bethu!
15.Kanti akunjalo, siqhuba nje inkolo esayimukela ebugqilini, ukuyilandela kunomphumela wokuthi sithi sikhululekile kanti sesizigqila zengqondo!
16.Lesi yisikhathi esibi kakhulu, ngoba isikhathi se Beast system, okuyisikhathi sokubusa kukaSathane!
17.Njengoba lezi sekuyizikhathi zokugcina, okuyizikhathi zokwehlulelwa, baningi abazoya ekulahlweni, kodwa bona ababoni!
18.Okokuqala sekunemfundiso ethi uNkulunkulu akekho! Eyesibili imfundiso ithi uNkulunkulu onguJehova uyalingana nonkulunkulu bezinye izizwe, abanjengo Bhudha nabanye abaningi!
19.Enye imfundiso igcizelela amaphutha atholakala eBhayibhelini, kuhlekiswe ngencwadi engcwele ngenhloso yokuthi ungabe usakholelwa yiyo!
20.Enye futhi imfundiso ngekuchazela ukuthi lokhu okufunda eBhayibhelini akuyikho, kodwa okuyikho yilokhu ofundiswa yilemimoya ephumile!
21.Kukhona-ke enye imfundiso ethi uNkulunkulu akaze ayilethe inkolo, kodwa inkolo into nje eyakhiwa ngabamhlophe ukulutha abamnyama. Into esinayo ngamasiko! Kukhona nolimi olusha lwalenkolo engenagama lesi Zulu, kodwa okuthiwa i-African Spirituality! Le yinkolo thina ma-Afrika okuthiwa asibuyele kuyo!
22.Kulentshumayelo ngifisa ukucaphuna umlando wamaHebheru engiwuthole komunye umGana, u-Rabbi Akwetey Amaah. Lensizwa lomlando iwuqala kanje:
23.“Thina sizwe sama Ga base Ghana, singamaHebheru akwa-Israel. Uma ngithi ngingumHebheru wakwa-Israel, ngisho ukuthi angisilo iJuda (Jew) futhi ngisho ukuthi angihambisi ngokwenkolo yeJudaism.
24.Sengizochaza engikushoyo-ke manje. Abantu abaningi benza iphutha lapho behlobanisa igama elithi ‘Jew’ naleli elithi ‘Israel.’ Nakuba amaJuda engu-Israel, akusiwo onke ama-Israel angamaJuda!
25.Lokhu kucaca kahle emibhalweni, kepha kungenye yamaphutha amaningi avamise ukwenziwa ngamaKrestu. Igama elithi ‘umHebheru,’ ezikhathini zakuqala elalaziwa ngokuthi ‘Evry’ liqala ukusetshenziwa okokuqala kwi Torah ukuchaza u-Abraham (Genesis 14:13). Leli yigama lethu lakuqala – amaHebheru, ama-Evry.
26.Elinye igama elisetshenziswayo ukuchaza thina lithi ‘abantwana bakawa-Israel’ noma ‘ama-Israel’ okuchaza ukuthi siyinzalo kaJakobe owayephinda abizwe ngo-Israel.
27.Igama elithi ‘umJuda’ ngesiHebheru elithi ‘Yehudi’ lisuselwa egameni elithi ‘uJuda’ okwakuyigama lenye yamadodana ayishumi nambili kaJakobe.
28.UJuda wabe engukhokho wesinye sezizwe zakwa-Israel esaqanjwa ngegama lakhe.
29.Kanjalo-ke, igama elithi ‘Judaism’ ngempela lisho ukuthi ‘inkolo kaJuda,’ okusho nje inkolo kaYehudi.
30.Njengalokhu ngingaveli esizweni sakwaJuda, angisiye umJuda futhi angihambisi ngokwenkolo yakwaYehudi. Kanjalo-ke, ukuba umHebheru akusho ukuthi ngingoweqembu elithile lenkolo.
31.UNkulunkulu akamthumanga uMose ukuba asikhiphe kwaMisrayim (eGibhithe) ukuze sifunde inkolo; fundani amaBhayibheli ngokucophelela!
32.“Kimi niyakuba wumbuso wabapristi,” hhayi inkolo yabapristi noma iqembu lenkolo labapristi. Singabantu; siyisizwe njengalokhu nje ama-Akan nama- Ewe angama-Ashanti engesilo iqembu lenkolo.
33.Kanjalo futhi amaHebheru noma amaJuda akusilo iqembu lenkolo. Kuzochaza-ke ukuthi ukufunda iTorah akusiso isenzo senkolo, kodwa kuyisibopho sosiko.
34.Ayizwakali lento ekhulunywa yilomuntu! Lomuntu akachazi ukuthi kanti inkolo yini? Yini umehluko phakathi kwenkolo nosiko?
35.(Religion is an organized system of beliefs and practices!) Uma uthi uJehova akalethanga inkolo, ngabe ukuthi, ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami; thanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nalokho akusiyo inkolo?
36.Uthi ke lomlisa: “AmaGa baseGhana bawubufakazi walesi siprofetho esineminyaka engu 3, 700 ubudala.
37.Thina baGa siyinzalo ngqo yamaHebheru akwa-Israel athuthela eWest Africa ngendlela yaseGibhithe eya eGold Coast, namuhla ebizwa ngeGhana.
38.Sathutha sisuka kwa-Israel emva kokudingiswa ama- Assyrians eminyakeni yo 6th Century B.C., sedlula eGibhithe sase siya eTopiya la sazinza khona enyakatho neTopiya la kuqala khona uMfula iNayili eluHlaza (Blue Nile). Kulapho kuvela khona igama elithi ‘Nay Wulumo.’
39.Igama elithi ‘Nay Wulumo’ lichaza ukuthi: ‘UMpristi oMkhulu waseNayili.’ Ama-Assyrians aphinda asihlasela futhi siseseTopiya.
40.Sathi uma sisuka eTopiya sahamba sayodlula eningizimu neSudan sahlala isikhathi esithile eNigeria.
41.Saphinda sasuka sayohlala eDahome okwathi makhathaleni saqhubekela eTogo la sahlala khona isikhathi esifushane.
42.Sathi uma sisuka eTogo saya ogwini olungasempumalanga loMfula iVolta, okwathi uma siwuwela uMfula iVolta, phakathi kweBong endala ne-Akuse safike sakha emathafeni.
43.Makhathaleni, safudukela emathafeni aphakathi kwamagquma aseLolovo nase-Osuduku. Yingakho-ke kufanele sithi: ‘Wom bejeke,’ okuchaza ukuthi ‘sisuka kude!” Amen!
44.Kumuntu ongenalwazi lomlando weBhayibheli angenke azi ukuthi kukhulunywa ngani lapha.
45.Abantwana bakwa-Israel bahamba noNkulunkulu beya eKhenani iminyaka engu 40, babehamba behlala, bakha, njengoba nalensizwa yaseGhana ichaza.
46.Sebefikile eKhenani, esikubiza ngokuthi kuseJerusalema, baba namakhosi amathathu embusweni owodwa. Kwaba ngu Saul, uDavide noSolomoni.
47.Emva kwaSolomoni umbuso wakwa-Israel wahlukana waba imibuso emibili, owokuqala owawakhiwa izindlu ezilishumi owawuse Nyakatho waziwa ngokuthi nguMbuso ka-Israel, owesibili owawakhiwe izindlu ezimbili ngaseNingizimu, kwakuyindlu kaJuda noLevi.
48.Umbuso wakwa-Israel, lensizwa yaseGhana okhokho bayo ababenga phansi kwawo, washesha wawa, ngoba bamhlubuka uJehova, base benqotshwa, babuye bathunjwa inkosi uNebukedinazari wase-Assyria, okwakuyiBhabhiloni, manje esekuse-Iraq!
49.Sekuhlakazekile ubukhosi bakwa-Israel, ubukhosi bakwaJuda babakhona iminyaka eza ko 150, njengoba kwaze kwaqedwa ngama Roma ngo 70 A.D.
50.Njengoba sichaza, ngenkathi amaJuda enqotshwa ngamaRoma ngo 70 A.D, abalekela eWest Afrika, ezweni elagcina libizwa ngokuthi iNegroland, Manje esekuyi Mali!
51.Ngenkathi amaJuda ebalekela eWest Afrika, abalekela kubafowabo, ngoba bonke babengabantwana baka-Israel, noma abanye kwase kwedlule iminyaka eminingi behlukana!
52.Ngenkathi amanye amaJuda ebalekela eWest Afrika, amanye anqamula ugwadule aze azofika lapha eMzansi ne-Afrika, noma eSouth Afrika!
53.Thina maZulu singesinye sezizwe ezavela enhla na-Afrika sibalekela abamhlophe saze sazofika eMzansi neAfrika!
54.Ngesikhathi amaHebheru esethunjwa eWest Afrika, akabange esabizwa ngokuthi ngamaHebheru, kodwa abezizwe bawabiza ngokuthi ngamaNegro, yikho eWest Afrika sine Negroland!
55.AmaHebheru anqamula ugwadule okuyi Sahara aze azofika eMzansi ne-Afrika, wona abizwa ngokuthi ngama Bantu! Thina sikhule sibizwa ngamaBantu, nakomazisi bethu kwakubhalwe kanjalo!
56.Kodwa njengamaNegro, leligama lokuthi singamaBantu sagcina ngokulichitha! Kodwa namanje asikabizwa ngokobuzwe bethu, ukuthi singamaHebheru, ngoba lobu buzwe sakuqhwagwa ngabezizwe, ama-Ashkenazi Jews!
57.Lomlando uyakucacisa ukuthi isizwe samaHebheru, okwakuyinzalo kaJakobe, akukaze kube yisizwe esimhlophe, njengoba manje ngisho sesinobu fakazi obesekwe yiDNA ukuthi yithina inzalo kaJakobe!
58.Umlando uqinisa ukuthi inzalo ka-Israel yathunjelwa ezizweni eziningi isuselwa eWest Afrika!
59.Encwadini yakhe ethi FROM BABYLON TO TIMBUKTU nanka amazwi kaProf. Rudolf R. Windsor afakazela lomGhana ngomlando wakwa-Israel:
60.“Impi ka-Antiochus yaya ukokweseka uMenelaus, umholi wesigejane esasihambisana neSiria.
61.Ngenxa yalokho amaJuda amazing abulawa, amanye abalekela ezintabeni naseGibhithe.
62.AMAJUDA ASALA EJERUSALEMA YILAWO AYESEKA IZINKAMBISO ZIKA-ANTIOCHUS.
63.KWASHAYWA UMTHETHO OWAWENQABELA UKUGCINWA KWEZINSUKU EZINGCWELE, ISABATHA, KANYE NOKUSOKA.
64.UMFANEKISO OBAZIWEYO KAJUPITER WAMISWA ETHEMPELINI ELINGCWELE NGENHLA KWE-ALTARE.
65.KULO MFANEKISO ABANTU BENZA IMIHLATSHELO YEZINGULUBE, ISILWANE ESIYISINENGISO KUMAJUDA.
66.NGENXA YOKUZINGELWA NGEZIZATHU ZENKOLO, UMPRISTI OMKHULU U-ONIAS III OWAYEBEKWE NGOKUSEMTHETHWENI, KANYE NAMANYE AMAJUDA BABALEKELA EMAZWENI ASE-AFRIKA NJENGASEGIBHITHE NASEKHURENE (Libya).
67.IMBANGELA EYAHOLELA EKUFUDUKENI KWAMAJUDA KWABA YIZIMPI, UKUHLUKUNYEZWA NGOKWENKOLO, KANYE NOHWEBO.
68.LESI SIMO SENZA UKUBA KUGCINE KUNAMAJUDA AFUDUKELA E-AFRIKA.
69.NGO 70 A.D. UJENENE UTITUS WAWUQEDA NGENKEMBA UMBUSO WAMAJUDA.
70.KUSUKELA NGESIKHATHI SIKAPOMPEY KUYA KWESIKA JULIUS CAESAR ALINGANISELWA ESIGIDINI AMAJUDA ABALEKELA E-AFRIKA, EXOSHWA WUKUZINGELWA NOKUGQILAZWA NGAMAROMA.
71.IZIMAKETHE ZAZIGCWELE IZIGQILA EZINGAMAJUDA AMNYAMA.
72.KU DUTERONOMI 28:64 KUTHI: “UJEHOVA UYOKUHLAKAZELA EZIZWENI ZONKE, KUSUKELA KOLUNYE UHLANGOTHI LOMHLABA KUZE KUFIKE KOLUNYE.
73.UYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BEMITHI NAMATSHE ONGABAZIYO WENA NOKHOKHO BAKHO.”
74.“LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDUTERONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA EMVA KOKUBA ENGAYITHOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
75.IZIZWE EZININGI ZATHUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI, AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA.”
76.Ku-Eksodusi 19:5 uJehova uthi: “NGAKHO-KE UMA NILALELA NGOKUCOPHELELA IZWI LAMI, NIGCINE ISIVUMELWANO SAMI,
77.NIYAKUBA YISABELO SAMI ESILIGUGU PHAKATHI KWAZO ZONKE IZIZWE, NGOKUBA UMHLABA WONKE UNGOWAMI.”
78.UJehova uyaqhubeka kuDuteronomi 28:1-14 uthi: “KUYOTHI UMA ULALELA NOKULALELA IZWI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, UQIKELELA UKUGCINA YONKE IMIYALO YAKHE ENGIKUYALA NGAYO NAMUHLA,
79.UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO UYOKUPHAKAMISA PHEZU KWAZO ZONKE IZIZWE ZOMHLABA. ZONKE LEZI ZIBUSISO ZOKWEHLELA KUWE, KUBE EZAKHO:
80.UYAKUBUSISWA EMZINI, UBUSISWE NASENSIMINI SIYAKUBUSISWA ISITHELO SESIBELETHO SAKHO NESOMHLABA WAKHO, NESEMFUYO YAKHO.
81.KWANDE AMAKONYANE EZINKOMO ZAKHO NAWEZIMVU ZAKHO. (Okusho ukuthi wena nenzalo yakho noceba!)
82.UJEHOVA UYOKWENZA IZITHA EZIKUVUKELAYO UKUBA ZEHLULWE PHAMBI KWAKHO!
83.UJEHOVA UYAKUYALA ISIBUSISO SEBE PHEZU KWAKHO, EZINQOLOBANENI ZAKHO, NAKUKHO KONKE OKWENZAYO!
84.UJEHOVA UYAKUKUMISA UBE YISIZWE ESINGCWELE KUYE NJENGOBA AFUNGA KUWE, UMA UGCINA IMIYALO KAJEHOVA, UHAMBA EZINDLELENI ZAKHE!
85.BONKE ABANTU BOMHLABA BAYAKUKUBONA UKUTHI UBIZWE NGEGAMA LIKAJEHOVA, BAKWESABE.
86.Kodwa ku Duteronomi 28:15-68 uJehova uthi: “KOTHI UMA UNGALALELI IZWI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, UKUBA UQIKELELE UKUGCINA YONKE IMIYALO YAKHE
87.NEZIMISO ZAKHE, ENGIKUYALA NGAKHO NAMUHLA, ZONKE LEZI ZIQALEKISO ZIYOKWEHLELA: UYAKUQALEKISWA EMZINI UQALEKISWE NASENSIMINI.
88.ISITHELO SESIBELETHO SAKHO NESOMHLABATHI WAKHO, AMANKONYANE EZINKOMO ZAKHO NAWEZIMVU ZAKHO, KUYAKUQALEKISWA.
89.UJEHOVA UYOKWEHLISELA KUWE ISIQALEKISO, UKUDIDEKA NOKUSOLWA KUKHO KONKE OYOKWENZA, UZE UBHUJISWE, ASABALALE NGOKUSHESHA, NGENXA YOBUBI BEZENZO ZAKHO, NGOKUBA UNGISHIYILE!
90.UJEHOVA UYOKWENZA IZITHA ZAKHO ZIKUNQOBE, UYAKUZIHLASELA NGANDLELANYE, UBALEKE NGEZINDLELA EZIYISIKHOMBISA.
91.UYOBA YINTO EYESABISAYO KUYO YONKE IMIBUSO YOMHLABA. ISIDUMBU SAKHO SIYOKUBA UKUDLA KWAZO ZONKE IZINYONI ZEZULU NOKWEZILWANE ZOMHLABA, AKUYIKUBA BIKHO OYOZIPHAZAMISA.”
92.AWUYIKUPHUMELELA EZINDLELENI ZAKHO, UYAKUCINDEZELWA KUPHELA, UPHANGWE, KODWA KUNGABIKHO MUNTU OKUHLENGAYO.
93.Kuyadinga ke ukuthi njengoba uJehova wayesikhethile ukuba sibe yisizwe sakhe, sizibuze ukuthi asiyigcinanga ngani imithetho yakhe?
94.Inkolo kaJehova esayemukela entabeni yaseSnayi, netholakala kuyiTorah, yachithwa ngabezizwe emva kokuba amaRoma enqobe amaJuda ngo70 A.D!
95.Emva kokuba amaRoma esinqobe ngo 70 A.D, aqeda inkolo kaMose, abe esesinika inkolo yawo ayibiza ngokuthi iChristianity!
96.Kubalulekile-ke ukuthi uma ukhuluma ngenkolo, ukhuluma ngayiphi inkolo, ngoba kukhona inkolo kaJehova, iMosaic Faith, nenkolo esayinikwa ngabamhlophe, iChristianity!
97.Uma uthi asibuyele enkolweni yethu esibizwa ngokuthi i-African Spirituality, leyonkolo, noma lawo masiko asuselwa kusiphi isikhathi (period).
98.Njengenzalo kaJakobe, umlando wethu uhamba kanje: Saba zigqila eGibhithe iminyaka engamakhulu amane, saze saphila ngamasiko, noma ngemikhuba yakhona yokukhonza izithixo, ephambene nenqubo yokuphila kwabantwana bakaJehova!
98.Esesikhiphile eGibhithe, sisendleleni, uJehova wasinika eyakhe indlela yokuphila, ongayibiza ngokuthi yinkolo, noma usiko, kodwa kwakuyinqubo yokuphila eyayitholakala kubantwana baka-Israel kuphela!
99.Noma kunjalo, abantwana bakwa-Israel babebahlubuka abaprofethi, babuyele kulempilo ababeyiphila besese Gibhithe!
100.KuDutoronomi 18:9-14 sizwa uMose ebala izinto ezingadingeki empilweni yom-Israel ohamba ngezimiso zikaJehova!
102.UMose uthi: “kuyothi nxa usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona,UNGALOKOTHI UFUNDE UKWENZA IZINENGISO NJNGALABO BEZIZWE!
102.Lenkulumo nje iyodwa isitshela ukuthi lezi zinto ezibaliwe ngezansi abakwa-Israel babngazenzi, kodwa bafunda kwabezizwe ukuzizenza!:
103.Ukunikela ngendodana yakho ngokuyidabulisa emlilweni; ukubhula noma ukuhlola; ukwenza umlingo noma ukwenza iziphonso; ukulumba; ukuthinta imimoya yabangasekho, noma ukukhuluma nabangasekho emsamo, nokhuphula imimoya yabangasekho, noma yamadlozi.
104.Uthi-ke uMose, owenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho! UJehova uNkulunkulu wakho wazixosha lezi zizwe phambi kwakho ngoba ziyisinengiso kuye!
105.Ekugcineni uthi uMose: “Mawungabi nacala kuJehova uNkulunkulu wakho!”
106.Kodwa okubalulekile kulenkulumo ukuthi lokhu esekubizwa ngokuthi i-African Spirituality, kungumkhuba noma inkolelo engavelanga esizweni samaHebheru, okuyisizwe sikaJehova!
107.Ngamanye amazwi yi practice yezinye izizwe, thina njengabantwana bakwa-Israel esayithatha kwezinye izizwe emva kokuhlubuka uJehova!
108.Umbuzo wami-ke uthi uma uthi asibuyele kuyi-African Spirituality, okubiza ngokuthi yinkolo yabomdabu, noma yindlela yabomdabu yokuphila, leyo ndlela yokuphila yethu isukela kusiphi isikhathi, noma i-period njengesizwe samaHebheru?
109.Ngaphandle uma ukuphika ukuthi yithi inzalo kaJakobe, usuphikisa nemiphumela yeDNA!
110.Kusemlandweni ukuthi sasihambe sihambe simhlubuke uJehova, bese silandela imikhuba yabezizwe nesayishiya eGibhithe! Ubufakazi balokho, sizwa uJoshua kuJoshua 24:14-15. Ethi:
111.“Manje mesabeni uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho besengaphesheya komfula naseGibhithe,, nikhonze uJehova.
112.Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyokumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu bengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova!”
113.Umbuzo wami uthi, njengesizwe samaHebheru, okuyisizwe sikaNkulunkulu, uma uthi asibuyele ku-African Spirituality, ngabe uthi asibuyele ukokhonza onkulunkulu esasibakhonza siseGibhithe, uJehova engakasiniki indlela eyiyo yokumkhonza?
114.Noma uthi asiyeke ukukhonza uNkulunkulu ngendlela esayinikwa entabeni yaseSnayi, bese sikhonza abanye onkulunkulu okukhulunywa ngabo kuDutoronomi 18, silandele onkulunkulu bama-Amori esasihlala nabo?
115.Ngephutha, noma ngamabomu, iningi lethu sibukeka singakwazi ukwehlukanisa isikhathi, noma i-period esukela uJehova esinika inkolo yakhe entabeni yaseSnayi, kuze kufike emnyakeni ka 70 A.D, emva kwalokho lenkolo kaMose yaqedwa khona ngubuKrestu, base besungula inkolo yabo, okuyiyo sonke esisibusa!
116.Ngakho-ke kuliphutha ukuthi uthi asibuyele kokwethu, bese ubala inkolo yomdabu, ngoba ngenkathi amaRoma enqoba amaJuda, amaJuda ayelandela inkolo kaJehova, ngaphandle kuphela kwalabo abasebemhlubukile uJehova!
117.Thina Sizwe sikaJehova asikaze sibe nenye inkolo ngaphandle kwenkolo esayemukela entabeni yaseSnayi!!!
Isihlabelelo 180.
Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
Bamenywa wozanini
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelsni niliphethe
Sekwanele lidlenini.
Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalo mhlaba
Lingakabi bikho lona.
INkosi ibusise izwi layo!