Umbuzo uthi inzalo ka-Israel iyithathathaphi inkolo yomdabu, ngoba thina uNkulunkulu wethu yilo owakhipha okhokho bethu ebugqilini baseGibhithe okunguJehova? Impendulo ithi SAMHLUBUKA UJEHOVA, SATHATHA IMIKHUBA YABEZIZWE!
Isihlabelelo 208.
Thabani, thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Ebezihlakazekile
Zizula emahlane
Ngezwi lakho.
Thabani, thabani,
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Buphelile ubumnyama
Jabulani nithokoze
Zizwe nonke.
Izizwe eziningi
Eziphansi kwezulu
Sizibona zihlakazekile
Zihlabelela zijabhile.
Thuthuka, thuthuka
Thuthuka buNazaretha
Thuthuka, thuthuka
Izizwe zomile
Zifuna ukuphuza kuwe
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
1.Lenkonzo siyivula ngencwadi kaDutoronomi 18:9-13: “Kuyothi uma usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungenzi izinengiso njengabezizwe.
2.Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi, othinta imimoya yabangasekho, nokhuphula imimoya yamadlozi.
3.Lowo owenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova, ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho. Mawungabi nacala kuJehova uNkulunkulu wakho.” Amen!
4.Enkonzweni edlule sikhulume ngenkolo yomdabu, bengibuza ukuthi inkolo yomdabu isukela kuphi emlandweni wesizwe sakwa-Israel?
5.Ngike ngzwa u-advocate Sikhakhane ethi, kuyishwa ukuthi thina uma sikhuluma ngomlando wethu siwuqalisa ko 1600 A.D, kanti ezinye izizwe umlando wazo ziwuqalisa ngisho ko 2000 B.C! Leliqiniso libonisa ukuthi asazi kangakanani ngomlando wethu!
6.Thina siyinzalo ka-Israel owayephila eminyakeni yo2047 B.C, nowayekhonza uNkulunkulu oyedwa, uJehova, nonguMdali wezulu nomhlaba!
7.Inkolo yethu iqala ku-Abraham, kuze ku-Isaka, kuJakobe, ipheleliswae nguye uJehova kubantwana baka-Israel ababeholwa nguMose!
8.Isigameko sokuba uNkulunkulu ehle ezulwini, ebonwe yiso sonke isizwe, senzeka entabeni yaseSnayi eminyakeni yo 1647 B.C!
9.Ngenkathi uJosefa ethunjwa eGibhithe, wayekhonza uNkulunkulu wawoyise, uJehova! Nangesikhathi uJakobe efika eGibhithe nomndeni wakhe, babekhonza uJehova!
10.Kodwa abantwana bakwa-Israel sebeseGibhithe iminyaka engamakhulu amane, bagcina sebekhohliwe yinqubo yenkolo yayokhokho babo, base belandela inqubo yenkolo yaseGibhithe, ukukhonza abanye onkulunkulu!
11.Ngenkathi uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israel eGibhithe, wabafica sebekhonza abanye onkulunkulu! Yikho kwathi besendleleni base bakha ithole legolide sebethi yilona unkulunkulu wabo owabakhipha eGibhithe!
12.Njengoba sesishilo, eminyakeni yo 1647 B.C. uJehova wehlela entabeni yaseSnayi elethe imithetho ezobusa abantwana bakwa-Israel, okuyisizwe sikaJehova!.
13.Ngenkathi uMose eyala abantwana bakwa-Israel kuDutoronomi 18:9-13 ukuba bengayilandeli imikhuba yabezizwe eyisinengiso kuJehova, lokhu kwenzeka uJehova eseyilethile inqubo yokukholwa abantwana bakwa-Israel okwakumele baphile ngaphansi kwayo!
14.Okubalulekile kulenkulumo kaMose ekuDutoronomi 18, ukuthi uJehova wayala abantwana bakwa-Israel ukuthi bangazihlanganisa nemikhuba yabezizwe eyisinengiso kuJehova!
15.Njengoba uMose esho, lezi zinto eziyisinengiso kuJehova, KWAKUYI MIKHUBA YABEZIZWE, okungayiwo amasiko esizwe sakwa-Israel.
16.UJehova wasenqabela isizwe sakwa-Israel ukuzihlanganisa nalemikhuba, ngoba SIYISIZWE SIKAJEHOVA ESINGCWELE!
17.Yikho -ke ngisalokhu ngibuza ukuthi lemikhuba yabezizwe esibizwa NGENKOLO YOMDABU, yavela nini kulesi Sizwe sikaJehova?
18.Ikhona yini enye inkolo abantwana bakwa-Israel abake baba nayo ngaphandle kwale abayinikwa nguJehova entabeni yaseSnayi?
19.Uma ikhona yaba khona nini, ngemuva noma ngaphambi kwenkolo eyafikela entabeni yaseSnayi?
20.Ku-Eksodusi 22:20 kuthi: “owenzela abanye onkulunkilu umhlatshelo, engenzeli uJehova yena yedwa,uyobhujiswa!”
21.Kanti kumaHubo 106 ivesi 28 kuya ku 29 kuthi: “Bazihlanganisa noBhaliPheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo, bacunula uJehova ngezenzo zabo!”
22.Uma emandulo ko 1647 B.C, kwakunezizwe ezingawona ama-Israel, ezabe zibhula, zihlabela amadlozi zikhuluma nabafile emsamo, pho lomkhuba weza kanjani esizweni sakwa-Israel, nesasihamba ngokwezimiso zikaJehova?
23.Kubahluleli 2:11-15 kuthi: “Abantwana bakwa-Israel benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.
24.Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibhithe, balandela abanye onkulunkulu babantu ababazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova!
25.Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israel, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke!”
26.KubaHluleli 3:5-7 kuthi: “Abantwana bakwa-Israel bahlala phakathi kwamaKhenani, namaHeti, nama-Amori, bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo!
27.Abantwana bakwa-Israel benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali!”
28.Lezi zincwadi kanye nezinye, yizona ezisinika impendulo yokuthi kuqhamukaphi ukuthi sithi siyindlu kaJakobe bese sitholakala sesikhuluma ngenkolo yomdabu, sesikhuluma nge-African Spirituality!
29.Umbuzo uthi inzalo ka-Israel iyithathathaphi inkolo yomdabu, ngoba thina uNkulunkulu wethu yilo owakhipha okhokho bethu ebugqilini baseGibhithe okunguJehova? Impendulo ithi SAMHLUBUKA UJEHOVA, SATHATHA IMIKHUBA YABEZIZWE!
30.Namuhla inkolo yabezizwe, esingayinikwanga nguJehova, sesifundisa inzalo kaJekobe ukuthi iyona okumele iyilandele, imshiye uJehova uNkulunkulu wethu owasikhulila ebugqilini bukaFaro!
31.Encwadini kaJeremiya 6:16 uJehova wakhuluma lamazwi ewabhekise esizweni sakwa-Israel.
32.Wathi: “Yimani endleleni nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu! Kepha bathi: “Asiyikuhamba ngayo!”
33.Samphikisa kwasekuqaleni uJehova, sasho sathi ngenke siyibuze kwabadala imikhondo yasendulo, futhi ngenke sihambe ngayo ukuze sitholele imiphefumulo yethu ukuphumula!
34.Namanje-ke sisamphikisa uJehova uNkulunkulu wokhokho bethu, sithi asikwamukeli esikutshelwa nguye!
44.Kafuphi, ngiyafisa ukubuye ngiwuphinde umlando wethu njengenzalo kaJakobe, ukuze sonke silazi leliqiniso, ukuze kusasa singasho ukuthi besingazi!
45.Unalo ilungelo lokuhlubuka uNkulunkulu uzikhonzele onkulunkulu bakho, akakho ongakuphikisa kulokho!
46.Kodwa musa ukuthi uma uhlubuka, bese ufundisa isizwe umlando ongekho, ushumayele ivangeli elijivaza uJehova uNkulunkulu wethu ngenhloso yokususa abantu kuye!
47.Inkolo yethu iqala ku-Abraham, ize ku Isaka nakuJakobe. Njengoba sesivezile, lenkolo yapheleliswa kuMose emva kokuthi uNkulunkulu okhokho ebakhiphe ebugqilini baseGibhithe!
48.Inkolo yethu inoNkulunkulu oyedwa uJehova, nonguMdali wezulu nomhlaba.
49.Lenkolo ayivumi ukuthi ekukhonzeni, sihlanganise kumbe silinganise uJehova nabanye onkulunkulu!
50.Njengesizwe samaHebheru, asinayo enye indlela yokukhonza uJehova ngaphandle kwale esayinikwa nguMose!
51.UShembe waze wakubhala phansi ukuthi sokhonza uJehova ngokugcina imithetho yakhe owayiloba ngenceku yakhe uMose!
52.Uthi-ke uShembe uma senza njalo, ukukhonza kwethu kuyokwamukeleka kuJehova uNkulunkulu wethu!
53.Isiphelelisiwe inkolo kaJehova entabeni yaseSnayi, amakhosi akwa-Israel amathathu, uSawuli, uDavide noSolomoni, iwona ahola isizwe ngenqubo yokukholwa kwasezulwini okuthiwa yi-Theocracy!
54.Kodwa akugcinanga kahle enkosini uSolomon, njengoba encwadini yamaKhosi okuqala, isahluko 11:1-7 kuchazwa indlela inkosi uSolomoni eyamhlubuka ngayo uJehova!
55.Nempela konke owayethe uJehova kokwenzeka enzalweni yenkosi uSolomoni, kwenzeka!
56.Emva kwaSolomon umbuso wakwa-Israel wahlakazeka waba imibuso emibili.
57.Kwaba umbuso wakwa-Israel owawakhiwe izindlu ezingu 10, bese kuba umbuso kaJuda owawakhiwe yizindlu ezimbili, indlu kaJuda nendlu kaLevi!
58.Umbuso wakwa-Israel washeshe wamhlubuka uJehova, bakhonza abanye onkulunkulu!
59.Ngalokho uJehova wabe esesuka kubo, umphumela walokho kwabs ukuhlaselwa ngama-Asiria, esebanqobile agcina ngokubathumbela ezweni lawo, eBhabhiloni.
60.Lensizwa, uRabbi Akwetey, njengoba ngimcaphunile enkonzweni edlule, ungomunye okhokho bakhe okwathi uma sebenqotshwe uNebukedinasari, bagcina sebese West Afrika!
61.Umbuso kaJuda wona wama kwaze kwaphela iminyaka engu 150 usekhona, kodwa owakwa-Israel sewaphela!
62.Umbuso wakwaJuda waze wanqotshwa yisizwe samaRoma ngo 70 A.D. Emva kokunqoba amaJuda, inkolo kaMose amaRoma ayiqeda ngama Creeds!
63.AmaRoma akagcinanga ngokuqeda lenkolo kaMose, kodwa kunobuqilili obuningi ababenza ukudukisa umlando wenkolo nobuzwe bamaHebheru!
64.KumaHubo 83:3-5 Kuthi: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho. 65.Bathi, wozani sibaqothule, bengaba besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!”
66.Lesi kwakuyisiprofetho sokuthi abezizwe bohambe bahambe bahlangane, ngobuqili basiqede isizwe samaHebheru!
67.Nempela-ke lesi siprofetho safezeka, ngoba bakwenza okwaprofethwa ukuthi bayokwenza!
68.U-Israel esenqotshiwe ngamaRoma laqedwa igama lokuthi singama-Israel nokuthi singamaJuda, sanikwa amagama okuthi singama Negro namaBantu!
69.Ibandla likaYeshua onguMesaya, okungamaNazaretha, laqedwa, ngobuqili kwase kuthiwa nguYeshua owayengumsunguli wobuKrestu!
70.Abamnyama baphoqwa ukulandela lenkolo yobuKrestu esungulwe eRome ngabamhlophe!
71.Zonke izithombe zabantu abamnyama abaseBhayibhelini zapendwa zaba ngaba mhlophe! UYeshua waba nguJesu!
72.Kunobufakazi okungaphikiseki kokuthi abalandeli bakaYeshua kwakungamaNazaretha!
73.Lapha sicaphuna umbhalo kaJerome owayengubhali oseduze kwaPapa ebandleni lamaRoma. Lombhali uthi:
74.“Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise laba bahlubuki abazibiza ngokuthi amaNazaretha.
75.Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda ayikho enye into! Abasebenzisi i-Testamenti Elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
76.AmaNazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo.
77.Ngalokho kwenza, baba ngabemukelekile kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona.
78.Basho zonke lezi zinto lezi ezifundiswa emabandleni abo amaJuda, okuhlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah uJesu Krestu.
79.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu uyindodana yakhe.
80.Bafunde njengawo amaJuda lawa, futhi balandela yonke imithetho yamaJuda nabaprofethi babo.
81.Bona okubenza behluke kwamanye amaJuda ukuthi nje bayammukela uMessiah, kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda, okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.” Amen!
82.Abanye kumaKrestu bayaye bakungabaze ukuthi ibandla likaJesu kwakungamaNazaretha, yize bengenke bekuchaze ukuthi kwenzeka kanjani ku-Izenzo 24:5 uPaul ebizwe ngokuthi wayengumholi webandla lamaNazaretha!
83.Lombhalo nje uwodwa ungubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi ibandla lamaNazaretha aliqalanga ngoShembe, kodwa esizweni samaJuda ayekhona amaNazaretha ayengabalandeli bakaYeshua!
84.UShembe ke wathunywa nguJehova ukuzovusa lelobandla, njengoba esho kwenye yezintshumayelo zakhe ethi:
85.“Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, lo OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE.
86.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake la.”
87.Isihloko salenkonzo sithi intando kaJehova ayenziwe emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini.
88.Engiqonde ukukucacisa ukuthi thina njengesizwe esimnyama esilapha eMzansi Afrika, nesasibizwa ngokuthi singamaBantu, yithina inzalo ka-Israel, nesingamaJuda!
89.Leyo akusiyo inkolelo kodwa ngumlando oqondile walezi zizwe, noqiniswe ngisho yi DNA!
90.0kwesibili, thina kusukela ku-Abraham, sikhonza uNkulunkulu oyedwa ogama lakhe nguJehova uMdali wezulu nomhlaba! Inkolo yethu yapheleliswa ngoMose entabeni yaseSnayi!
91.Okwesithathu, njengesizwe sakwa-Israel, asikaze sibe nenye inkolo, noma nenkolo ebizwa ngokuthi YINKOLO YOMDABU! Asibakhonzi abanye onkulunkulu ngaphsndle kwaJehova!
92.Inkolo yomdabu yavela emva kokuba sihlubuke uJehova! Nalokho akuyiyo inkolelo, kodwa nasemlanweni weBhayibheli kukhona!
93.Njengoba sesikuvezile ngaphambili, kuDutoromi 18 uJehova wabayala kanje abantwana bakwa-Israel:
94.“Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi, owenza iziphonso, othinta imimoya yabangasekho, nobiza akhuphule imimoya yamadlozi.
95.Yilowo nalowo owenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova, ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho. Mawungabi nacala kuJehova uNkulunkulu wakho.” Amein!
96.Kodwa abantwana bakwa-Israel bamhlubuka uJehova, base belandela labonkulunkulu bezizwe namuhla NGALKHU KUHLUBUKA ESEBEKUBIZA NGENKOLO YOMDABU, noma nge AFRICAN SPIRITUALITY!
97.Ku-Abahluleli 3:5-7 kuthi: “Abantwana bakwa-Israel bahlala phakathi kwamaKhenani, namaHeti, nama-Amori, bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo.
98.Abantwana bakwa-Israel benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali!”
99.Namuhla uma umthetho kaJehova uthi asingazihlanganisi nezangoma, kuthathwa sengathi ulwa namasiko ethu, kumbe nenkolo yomdabu!
100.Kodwa okuliqiniso ukuthi kwakudala izangoma zazikhona eGibhithe nakwezinye izizwe. uJehova engakasiletheli inkolo yakhe entabeni yaseSnayi!!
101.Encwadini kaGenesis 41:8, lapho kukhulunywa ngephupho likaFaro elachazwa nguJosefa, kuthi: “Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe ZONKE IZANUSI, nazo zonke izihlakkaniphi zaseGibhithe.”
103.Kanti ku-Eksodusi 7:11, lapho kuchazwa ngenduku kaMose eyaphenduka inyoka, kuthi:“Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi, NEZANUSI zaseGibhithe nazo zenza njalo ngemilingo yazo.” Amein!
104.Lezi zincwadi ziyasifakazela ukuthi kwasemandulo izangoma zazikhona kulezi zizwe ezazikhoza abanye onkulunkulu!
105.Noma kunjalo, kodwa enkolweni kaJehova izangoma azikaze zamukeleke!
106.KuLevi 20:27 uJehova uthi: “owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi noma ngumoya wokubhula, uyobulawa akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe!”
107.Njengoba sesichazile ngaphambili, inkosi kwa-Israel eyaqala ukuhlubuka uNkulunkulu yinkosi uSolomoni.
108.Encwadini yamaKhosi okuqala, isahluko 11:1-7 kufundeka kanje: “INkosi uSolomon wathanda abesifazane abaningi, nendodakazi kaFaro. Abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni nabanye.
109.Bavela ezizweni owayeshilo ngazo uJehova kubantu bakwa-Israel wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, bengahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo!
110.Kepha uSolomon wanamathela kubo, wabathanda. Wathi esemdala uSolomon, bayiphambukisa omkakhe inhliziyo yakhe!
111.Walandela abanye onkulunkulu, inhliziyo yakhe ayibange isanamathela kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kayise uDavide!
112.USolomon walandela u-Ashitharoti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilikomu isinengiso sakwa-Amoni.”
113.UJehova wamthukuthelela uSolomon, ngokuba inhliziyo yakhe yayisiphambukile kuJehova uNkulunkulu ka-Israel. UJehova wathi kuSolomon:
114.“Ngokuba wenze lokhu okubi, awasigcina isivumelwane sami nezimiso zami engakuyala ngakho, umbuso ngizokuwuhlwitha nokuwuhlwitha kuwe, bese ngiwunika inceku yakho.
115.Kodwa lokhu angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngizawuhlwitha esandleni sendodana yakho!” Amein!
116.Enkonzweni yesabatha eledlule sithe kubalulekile ukuthi ekukholweni siwazi umlando wenkolo yethu, ngoba kuningi ubuqili obenziwa ukusifundisa into engekho, kodwa ezosiza bona!
117.Ngonyaka ka 1833 eBelgium kwaba nengqngquthela enkulu yezizwe ezimhlophe, lapho kwakuzoqeqeshwa abafundisi abamhlophe ukuthi kumele abamnyama bebaphathe kanjani uma belethe lelivangeli lobuKrestu!
118.Kokuningi okushaqisayo kokuthi abamhlophe kumele basiphathe kanjani, kokunye nakhu okwavunyelwana ngakho:
119. “Kufanele amaNiga niwenze angakuhloniphi konke okubanika isibindi sokuba babhekane nathi.
120.Sibhekise enkolweni yabo yemimoya yabaphansi(ekukholweni emadlozini)’ kanye nezintelezi zabo.
121.Yenzani konke okusemandleni ukushabalalisa lenkolelo, ukuze bangabi naso isibindi sokuba babhekane nathi belekelelwa imimoya yabaphansi!”
122.Nempela abefundisi abamhlophe balishumayela lelivangeli lokuthi amadlozi ngamadimoni, ukuzihlanganisa nedlozi inkoloze ephambene nomthetho kaNkulunkulu!
123.Nempela amakholwa akithi labangena lelivangeli lokuthi amadlozi, noma abaphansi ngamadimoni, nokuthi uNkulunkulu uyakwenqaba ukuthi uma ulikholwa uzihlanganise namadlozini!
124.Kodwa akekho oke azibuze ukuthi njengoba inkolo yethu ithi asisaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, kungani kumele kube yilomthetho wodwa amaQKrestu okumele awugcine?
125.KumaKrestu ukungazihlanganisi namadlozi akuhlangene nokukholwa, kodwa is an indoctrination yabamhlophe, ukuze ngayo obasi behlale besatshwa! Siyaye sikhohliswe nangezincwadi zeBhayibheli!
126.Yithina maNazaretha esingawahlabeli amadlozi ngokugcina umthetho kaJehova, kodwa futhi akukho lapho owathi uNkulunkulu idlozi liyidimoni!
127.LoNkulunkulu owehla ezulwini wahlala kubantwana bakwa-Israel, namuhla uthume ingelosi ukuba izohlala phakathi kwethu, ukuze isifundise ngomele sikwenze ukuze singene embusweni wezulu!
128.UngumNazaretha, ungumKrestu, ungumMoslem, noma ukholwa kuyinkolo yomdabu, uma ungumuntu omnyama kumele ubuyele kuJehova ngokugcina izimiso zakhe!
129.Kwabangafuni ukuphenduka bazisole ngokuhlubuka uJehova, isihlungo sozihlunga!
130.Kodwa mina namaNazaretha kaNkulunkulu ngomkhonza uJehova ngayo yonke inhliziyo yami nangowo wonke umphefumulo wami!
Isihlabelelo 89.
1.Hlala nathi Nkosi yethu
Leli langa ledlulile
Siyacela ukusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
2.Thina asikafiki lapho
Kulelozwe lokwenama
Zimi khona izingelosi
Lapho kungashon’ ilanga.
3.Thina sisasithekile
Kulelozwe lokwenama
Lapha kungakhanyisiyo
Leli langa lalomkhathi.
4.Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkilunkulu.
INkosi ibusise enikuzwile.