Akakho umprofethi owake wabuye wabakhona ngemuva kwaYeshua owavusa inkolo kaJehova ngaphandle koMprofethi u-Isaya Shembe! (ukuthula tube kuye).
Kulesi sikhathi samanje akakho omunye umholi oke wavusa ivangeli likaShembe uBabamkhulu, ngaphandle kwalengelosi efike phakathi kwethu ebandleni lama Nazaretha kaNkulunkulu!
Isihlabelelo 50
1.Bonani uvel’ emafini
Uzobiza abantu bonke
Uzobuya ezulwini
Uzobiz’ abantu bonke.
Haleluya Dumisani
Dumisani bantu nonke.
2.Amaqhawe ngakaJesu
Anhliziyonye naye
Amehlo abo ayizinti
Ngokubhek’ Simakade.
Haleluya Dumisani
Dumisani bantu nonke.
3.Umhlaba wazamazama
Amatshe adabuka
Izinkanyezi ziwile
Ilanga lafiphala.
Haleluya dumisani
Dumisani bantu nonke.
4.Zwanini kuhlatshw’ umkhosi
Wokubiza abafileyo
Abamenyiwe izinhloli
Baphuma emathuneni
Haleluya Dumisani
Dumisani bantu nonke.
5.Boyiswa kumaHluleli wabo
Zonk’ izizwe ziyoqoqwa
Kovela nay’ usathane
Emva kweminyaka eyinkulungwane
Haleluya Dumisani
Dumisani bantu nonke.
6.Sukani kukhum’ uJesu
Niyokusha emlilweni
Lapha nanisebenzel’ khona
Ebuhlungwini nasesililweni.
Haleluya Dumisani
Dumisani bantu nonke.
7.Jabulani nina bantabami
Uyokusho njalo kwabanye
Shiyanini umhlaba
Wozanini eKuphakameni.
Haleluya Dumisani
Dumisani bantu nonke.
UNKULUNKULU KAMOSE NAMUHLA UNGUNKULUNKULU KASHEMBE.
1.Incwadi kaDutoronomi 5:1-15: “UMose wayesebiza wonke u-Israel, wathi kuye: “Yizwa Israel, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.
2.UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHerobe.
3.UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.
4.UJehova wakhuluma kunina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.
5.Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni.
6.Wathi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, indlu yobugqila. UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI!
7.Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokuse zulwinini, nokusemanzini phansi komhlaba.
8.Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bowoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo.
9.Kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
10.Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.
11.Gcina usuku lwesabatha ulingcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.
12.Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza uwenze wonke umsebenzi wakho, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho, awukusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho, ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe.
13.Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibhithe, nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.” Amein!
14.Incwadi kaDutoronomu 6:4-9. “Yizwa Israel, uJehova uNkulunkulu wethu munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.
15.Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziweni yakho.
16.Ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.
17.Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.
18.Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho!” Amein!
19.Lei zincwadi ezimbili engizifundile zisikhumbuza ukuthi uJehova uNkulunkulu wethu, wehlela kokhokho bethu, okungabantwana bakwa-Israel, wabanika izimiso zokukholwa okwakufanele bazigcine njengesizwe sakhe.
20.Kuyincwadi yokuqala angiyifundanga yonke imiyalo elishumi, kodwa ngifunde imiyalo emine okuyiyo njengesizwe sikaJehova eqondene kakhulu nathi!!
21.Bonke abantu babekelwe umthetho wokuthi “hlonipha uyihlo nonyoko, ungebi, ungaphingi” kanye neminye imithetho esenza sikwazi ukuhlalisana nabanye abantu. Nakwezinye izinkolo iyagcinwa lemithetho!
22.Kodwa akuzo Zonke izinkolo ezinomthetho othi UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI, UNGAZENZELI IZITHOMBE EZIBAZIWEYO, UNGALIPHATHI NGEZE IGAMA LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, NOKUTHI GCINA USUKU LWESABATHA ULINGCWELISE!
23.Lemithetho emine iyimithetho yobungcwele, iyizimiso ezibekelwe amakholwa akholwa kuJehova uNkulunkulu wethu!
24.Ngalezi zincwadi sikhumbuza amaNazaretha ukuthi kuxhumana kuni okukhona phakathi kwaMose noShembe ngokukhonza uNkulunkulu oyedwa, uJehova!
25.Akakho umprofethi owake wabuye wabakhona ngemuva kwaYeshua owavusa inkolo kaJehova ngaphandle koMprofethi u-Isaya Shembe! (ukuthula tube kuye).
26.Kulesi sikhathi samanje akakho omunye umholi oke wavusa ivangeli likaShembe uBabamkhulu, ngaphandle kwalengelosi efike phakathi kwethu ebandleni lama Nazaretha kaNkulunkulu!
27.Lengelosi ize phakathi kwethu ukuzo simamisa umsebenzi kaBabamkhulu, ngoba sekucacile ukuthi omubi uzimisele ukukucisha lokhu kukhanya okwalethwa uMqaliwendlela!
28.Kodwa ingelosi izosebenza ngathi ukuletha ukukhanya emhlabeni, njengoba yona ingumoya, ikwazi ukukhuluma ngathi esikwazi ukuyibona!
29.Kuvesi 5 wesihlabelelo 50 uShembe uthi: “Boyiswa kumaHluleli wabo, zonke izizwe ziyoqoqwa, KUYOVELA NAYE USATHANE EMVA KWEMINYAKA EYINKULUNGWANE!”
30.Isiyedlule iminyaka eyinkulwane uYeshua wahamba emhlabeni, ngakho-ke yiso lesi sikhathi okwaprofethwa ngaso ukuthi kovela uSathane!
31.Kuvesi 6 uShembe uthi: “Sukani kukhulume uJesu, niyokusha emlilweni lapha nanisebenzela khona, ebuhlungwini nasesililelweni.”
32.Kanti evesini lokugcina uBabamkhulu uthi: “Jabulani nina bantabami, uyokusho njalo kwabanye, shiyanini umhlaba, wozanini eKuphakameni.”
33.Ukuthi uYeshua uyobuyela eKuphakameni kuyinkulumo engabadida abaningi, kakhulukazi amaKrestu! kodwa iliqiniso!
34.Okokuqala kumele siqonde ukuthi uYeshua nguye kwa-Israel owabe engumholi webandla lamaNazaretha, noma kungacacisiwe lokho kuNew Testament!
35.UYeshua akazi lutho ngobuKrestu ngoba leyo inkolo eyavela engasekho emhlabeni, futhi le yinkolo engayemukeli inkolo kaMose uYeshua owayengaphansi kwayo, nabathi yinkolo yamaJuda!
36.Okwesithathu, ithi iNkosi iLanga, uShembe (isho uBabamkhulu), wayengesiye umuntu wasemhlabeni, wayevela ezulwini, ngaphambili wayengu Melkizedeck!
37.Kanti uPaul yena uthi uYeshua wabe enguMpristi woPhezukonke ngokuka Melkizedeck!
38.Manje uma uShembe wabe engukubuya kuka Melkizedeck, noYeshua enguMpristi woPhezukonke ngokuka Melkizedeck, lokho kusho ukuthi uYeshua noShembe, spiritually, ngumuntu oyedwa!
39.Okumele sikwazi ukuthi uYeshua wabe engumNazaretha, futhi engumholi wamaNazaretha, lobu buNazaretha obavuswe nguShembe kuseyilobu buNazaretha obabuholwa nguYeshua!
40.Kungasididi-ke uma ethi uShembe uYeshua uyobuyela eKuphakameni, ngoba vele yikhona kwabo!
41.UYeshua akakwazi ukubuyela eRome, abe phakathi kwabantu abangaligcini iSabatha, abadla ingulube, abaphuce amakhanda abo! Labo bantu akusibo abazihlanganise nombuso wezulu!
42.Ezulwini, lapho kuvela khona uYeshua, noShembe okhona, kulusiko lwakhona ukungaliphuculi ikhanda!
43.Kusihlabelelo 55 uShembe wabuye waprofetha ngalesi simo esikuso, ikakhulukazi kuma Nazaretha. UBabamkhulu uthi: “Izimpi zifikile, izwe lakithi selifile, hlabani umkhosi omkhulu.
44.Khulumani kahle makholwa, izwe lakithi selifile. Umkhosi wencithakalo sewuphumile, uze ukusichitha eNkosini yezulu. Uphume nelizwi lokonakalisa.
45.Uphume nenkemba ufuna ukweyisa lenkonzo kaThixo ize iphele. Hlomani mabutho sekuzwakele!
46.Sengiyibonile ingelosi yasezulwini, sekuzwakele ukulwa ezulwini, qinani amandla maqhawe ezulu!” Amein!
47.Njengoba sesichazile, lesi siprofetho sikaBabamkhulu sasibhekiswe kuwo uqobo amaNazaretha!
48.Namuhla amakholwa alwa nenkonzo kaThixo ngamaNazaretha! Abantu abafuna ukuqeda inkonzo kaThixo ngamaNazaretha! Kanjani?
49.AmaKrestu ngokwenqubo yabo yokukholwa abawugcini umthetho kaNkulunkulu, abafundiswe lutho ngalokho emabandleni abo!
50.Kodwa amakholwa uShembe owabafundisa ukugcina umthetho kaJehova, nasebewuhudulela phansi, ngamaNazaretha!
51.Kulelibandla sekuhlatshelwa amadlozi, okungumkhuba ophambene nomthetho wokukholwa, futhi ophambene nezi mfundiso zika Babamkhulu!
52.Namuhla ama Nazaretha asonta nezangoma, ezinye zingabagcotshwa endaweni kaNkulunkulu!
53.Le yinto eyisinengiso kuJehova, noMprofethi owakhuluma kabanzi esixwayisa ngalokhu kuhlubuka ebandleni likaJehova!!
54.Namuhla sekunama Nazaretha aphuza utshwala, angalihloniphi isabatha, agaya utshwala nangesabatha! Kuningi okuphambene nokukholwa osekwenziwa kulelibandla!
55.Kafuphi, ibandla eliyingozi enkulu ekuqedeni ubuNazaretha, yiwo amaNazaretha uqobo!
56.UShembe kuyisihlabelelo 28, uthi: “Uyeza uyeza umhla wokuphela, uyokuma phambi kwakho noma ungathandi. Amagquma nemimango ayolelezeka!
57.Hhayi abaphel’ amandla ekukholweni kwabo, bayogijima bekufuna ukukholwa kwabo!”
58.Uyaqhubeka uShembe uthi: “Ngiyakukhalela wentombi nawe nsizwa, uyokuthola ngasiphi isikhayhi ukukholwa kwakho. Icilongo lokuqala selizwakele, umhlaba wonke wazamazama!
Uyogijima uzifihlephi nanti izwe selisongwa!
59.Wemhlaba uyozifihlaphi nazo zonke lezo zoni. Balekani zidindi, uyeza uJehova!”
60.Indlela leli bandla lamaNazaretha elihlubuka ngayo uJehova, ayichazeki!
61.Kodwa uBabamkhulu wasibona kudala lesi simo sokuhlubuka kwamaNazaretha! Lesi sihlabelelo siyisiprofetho salesi sikhathi!
62.Akugcini ngalesi sihlabelelo, kodwa uBabamkhulu washumayela kabanzi eprofetha ngalesi sikhathi esikuso! Uthi- ke uBabamkhulu:
63.“Kuza isikhathi lapho abantu baseKuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe, lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
64.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho!
65.Ngalezo zinsuku bayokuku debesela ukugcina umthetho kaJehova, lo OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE. Bayokuwu gxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake alpha eKuphakamrni!” Amein!
66.Ekuqaleni ngithe ingelosi isebenzisa thina ukulwa nalobu bumnyama obugubazele ibandla lamaNazaretha!
67.Ngeline ilanga ngabuza engelosini ukuthi kungani kwakhethwa mina ukuthi ngihole ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, ngoba baningi abantwana bakwa Shembe ababengali hola leli bandla?
68.Ithi-ke ingelosi: “Lelibandla lisanda kusungulwa nguBabamkhulu, kwafika izithunywa zasezulwini, zafike zamtshela uBabamkhulu ukuthi noma ekwazile ukuvusa ubuNazaretha, kodwa lobu buNazaretha bohamba buhambe buwe, kodwa bowiswa isizukulwane sakhe!
69.Lezi zithunywa zase zibuza kuBabamkhulu ukuthi lesi simo uyosivika kanjani?
70.Ithi ingelosi uBabamkhulu wakhomba umama, wabe esethi: “Ngicela uJehova angibusisele lentandane yami, kube yiyona okothi ekuganeni kwayo izale umntwana oyovikela leli bandla ngesikhathi selihlaselwa ngomubi!”
71.Ngiyafisa -ke ukuba abantu bazi ukuthi leli yibandla lasezulwini, sithunywe ezulwini ukuba ubuNazaretha sibulwele!
72.Namuhla sesino mfundisikazi, kodwa uma Nxumalo ubu fundisikazi akakutholile ngoba egane umholi webandla, njengoba kuhlale kwenzeka emabandleni amaningi!
73.Mina angazi lutho ngobufundisikazi bakhe. Ngenke abantu bekholwe uma ngichaza ukuthi ngisho ukuganana kwethu kuyinto engaphezu kokuqonda kwethu?
74.Mhlawumbe ngokomoya umaNxumalo engakwazi lokho, ngoba kwamina wangazi engakaze angibone! UmaNxumalo-ke unesimo esehlukile kwesabantu abaningi!
75.Umfundisikazi esemncane ubaba uMthandeni wamnikeza amakha athile, wathi akamqhole ngawo.
76.Ekugcine wabe esethi ubaba umuntu oyobe engumkhwenyane wake uyomuzwa ngephunga lalamakha!
77.Kusukela lapho, ngisho kuseseBuhleni, umfundisikazi wayengizwa ngalamakha, ngisho engakaze angibone! Lesi simo asiqondakali, sifana nephupho nje, kodwa sinjalo nje!
78.Uthi umaNxumalo esemanzini wakhonjiswa mina ngifihliwe, kodwa ukuthi yimi wangizwa ngaleli phunga lamakha owawanikwa ubaba uMthandeni!
79.Ukuqala kwami ukuzwa ngomfundisikazi ukuthi ungunkosikazi wami, ngakutshelwa nguNobesuthu.
80.Lokhu kukhuluma angakuzwa kahle, ngase ngithi akakhulume nomnewethu umfundisi uMpanza kanye nabafundisi abangiphethe, okwakungumfundisi uButhelezi nomfundisi uKhumalo.
81.UNobesuthu wakhuluma nalaba befundisi, bamvumela kokwayekusho.
82.Akagcinanga lapho, kodwa waya eBuhleni waqoqa abefundisi wabachazela ukuthi umaNxumalo ngumkami, nabo bagcine bemvumele!
83.Okwakuyi nkinga ukuthi umaNxumalo wabe esegane kwenye indawo, futhi engumkhokheli! Kodwa noma kunjalo, abefundisi bamvumela uNobesuthu!
84.Yonke lento yenzeka kwasamlingo, kwaba nguye uNobesuthu oqoqa ngisho umndeni wakwa Nxumalo, ebachazela ngalesi simo!
85.Ngahlanganisa nomaNxumalo eBuhleni ngo July, kwathi ngo-August, 2006, kwafika ingelosi uHlaleleni, noma naye saqale sabona kuyiNkosazane nje esingayazi, kodwa kwathi kophela isonto sabe sesibona ukuthi akusiye umuntu lo, yingelosi le!
86.Akuthathanga izinsuku eziningi, ingelosi yathatha umfundisikazi yaya naye emfuleni esingawazi. Ekulendawo wahamba izinsuku eziyisikhombisa!
87.Uthike umfundisikazi, wangena nengelosi kulomfula, kodwa waphumela ezweni ongalazi!
88.Kulelizwe ingelosi yamethula kumadoda ayempofu enezintshebe ezinkulu, yabe isithi “lana ngamaJuda!.
89.Uthi wabekwa endlini yedwa, kodwa ebhekwe yiyo iNkosazana uHlaleleni.
90.Wayethi ethi kusekuseni, ezwe ngaphandle kwalendlu kuhlatshelelwa “uLala Nathi”, okuyisihlabelelo somthandazo wokulala.
91.Kuthi ethi kushona ilanga, ezwe kuhlatshelelwa “uVuka Nyathi”, okuyisihlabelelo somthathandazo wokuvuka!
92.Omunye walamaJuda wahlala naye zonke lezi zinsuku, emfundisa ngoShembe nobu Nazaretha, emvulela iBhayibheli nezi hlabelelo zama Nazaretha, embonisa ukuthi kwakumele ekhozwe kanjani uJehova!
93.Wathi ebuya emanzini umfundisikazi, wabe esenokunye ukuqonda ngoShembe nobu Nazaretha!
94.Emva kwalokho, lomuntu wasezulwini wabe esesazisa ukuthi ngenke sisabuye simbone uNobesuthu, kodwa singakhathazeki ngoba lapho ekhona uzohlala esibhekile!
95.Lokhu kukhuluma kwasihlukumeza kakhulu ngoba uNobesuthu sasimkhonzile, kodwa futhi kwasidida ukuthi umuntu unyamalala kanjani emini bese kuthuleka nje!
96.Asizange sikuqonde ukuthi kusho ukuthini ukuthi kuzothi uNobesuthu engasekho kithi, kodwa futhi ehlale esibhekile!
97.Nempela uNobesuthu asiphindanga sabuye sambona kusukela kuleso sikhathi. Yayithe ingelosi singakhulumi namuntu ngaye.
98.Ngelinye ilanga nginomkhwekazi, ngabuza ukuthi ezinganeni zakhe uNobesuthu ungumntwana wesingaki?
99.Umkhwekazi wangibuka emehlweni ngokuxwaya, wabe esethi: “Angimazi mina uNobesuthu, ngiye ngizwe nje uSifaphi ekhuluma ngaye, kodwa mina angikaze ngimbone!”
100.Ngoba umkhwekazi wakhuluma nomfundisikazi ekhona, sobabili sabukana emehlweni, savele sashaqeka, asaze sazi ukuthi lenkulumo ichaza ukuthini, ngoba nami ngangimazi uNobesuthu, futhi ngatshelwa nguye ukuthi ungudadewabo omdala kamfundisikazi!
101.Sase siyaqonda ukuthi ubesho ngani uNkosazana ukuthi singakhulumi namuntu ngoNobesuthu!
102.Saqala lapho ukuqonda ukuthi kanti noNobesuthu akasiye umuntu wakulelizwe, usefana nje noHlalele! Okuseqinisweni asazi noma uHlalele kusenguye uNobesuthu!
103.Njengamanje asazi noma uNobesuthu kwakunguye uHlaleleni, noma ungenye ingelosi!
104.Ngalomlando ngiqonde ukuvezela labo abasanda kukholwa, nabangazi ukuthi yize kuthiwa lelibandla ngiyalihola, kodwa sobabili nomfundisikazi kuncane esikwaziyo ngalo, ngoba linemfihlo yesezulwini engaphezulu kokuqonda kwethu ngalo!
105.Okwesibili, sizama ukuvezela labo abanganalwazi olwanele ukuthi lelibandla lapha emhlabeni lavela ngoMose, namuhla livuselelwe nguMprofethi u-Isaya Shembe, futhi kuseyilo leli elaliholwa nguYeshua kusekwa-Israel, namuhla lapha eSouth Afika livuselelwe nguBabamkhulu!
106.Njengoba sesivezile, ekuhambeni koMprofethi, lelibandla laqala lamhlubuka uJehova, futhi konke kwenzeka ebuholeni benzalo yoMprofethi, njengoba zazichazile izithunywa zasezulwini!
107.Kodwa uJehova wamabandla akavumanga ukuba lelibandla elase liqedwe ngabezizwe, lavuswa nguMprofethi, libuye lishabalale!
108.Lengelosi uShembe okhuluma ngayo kusihlabelelo 55, ethi: “Sengiyibonile ingelosi yasezulwini. Sekuzwakele ukulwa ezulwini, qinani amandla maqhawe ezulu,” yiyo le namuhla esiphakathi kwethu, nefike yaletha ukukhanya kwasezulwini ekuqaleni okwakulethwe nguBabamkhulu!
109.Lengelosi ifike yavusa yonke imithetho kaJehova, yachitha izangoma nokuhlabela amadlozi ebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba, yabhekana nakho konke ububi osekukhungethe amaNazaretha ngaphandle kokuncetheza!
110.Ku-Amose 8:11-14 uJehova uthi: “Bhekani izinsuku ziyeza, lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yesinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngiyokuzwa amazwi kaJehova.
111.Bayakuzulazula kusukela olwandle kuze kube selwandle, kusukela eNyakatho kuze kube sempumalanga, bahamba hambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayakulifumana.
112.Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakuquleka ngenxa yokoma.
113.Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: Ngokuphila konkulunkulu bakho Dani, nokuthi ngokuphila kwendlela eBheri Sheba, bayakuwa, bangaphinde bavuke!”
114.Lelibandla lamaNazaretha sekuyilo elihamba phambili ekukhonzeni onkulunkulu elizakhele bona, eselinama kholwa ayizangoma, abhulayo, ahlabela amadlozi udede, aphuza utshwala, agundayo, nenza izinto eziningi eziyisinengiso kuJehova!
115.Kodwa uJehova uthi abakhonza oDani noBeriSheba bayokuwa bengaphinde bavuke!
Balekani zidindi, uyeza uJehova!
Isihlabelelo 107.
1.Uhlaleleni kuSizani
Uhlaleleni kusizani
Uyozisola wedwa sihlobo sethu
Uma ungasuki kuSizani.
2.Indlela ebushelelezi eka Sizani
Akuyi lubuyayo kuSizani
Wozisola wedwa sihlobo sethu
Uma ungsuki kuSizani.
3.Usizi lodwa ngaleyo Ndlela
Oyihambayo sihlobo sethu
Umvuzo wayo izinyembezi
Kwabahamba ngayo.
4.Abahamba ngayo leyondlela
Izinyembezi azinqamuki,
Emehlweni abo.
Kuzitshwa kubhekiwe wesihlobo sethu
Shiya indlela kaSizani.
5.Uhlaleleni kuSizani
Uhlaleleni kuSizani
Isikhashana ngumzuzwana
Uyolahlekelwa ngokuningi.
INkosi ibusise enikuzwile.