UNkulunkulu akaku fihlile ukuthi abantu abangawugcini umthetho wakhe bayizitha kuye! Ngakho-ke ujezisa aze ajezise isizukulwane sesi thathu nese sine sezitha zakhe!
Ithi-ke iNkosi iLanga abantu abathanda izinto zase mhlabeni, abakhanukela okwenyama kunoko mphefumulo, labo noma sebefile bayabuya bezohlala nabase mhlabeni!!
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zoni
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidleni.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelae nina
Izulu nalomhlaba
Lalingakabi bikho lona.
1.Ngomunye unyaka iNkosi iLanga ishumayela ithi: “Lapha emhlabeni abantu behlukene izigaba ezintathu. Kukhona abantu basezulwini, kube khona abantu basemhlabeni, nabantu basesihogweni.
2.Ithi iNkosi, umuntu wasezulwini ngokwemvelo yakhe uba ngumuntu othanda ukukholwa, othanda uNkulunkulu, nohlale eninga ngezimiso zikaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi! Unenhliziyo ethanda ukugcina umthetho kaNkulunkulu, neye nyanya isono!
3.Uthi- ke uBaba umuntu onjalo ungumuntu wasezulwini, nangosuku lwakhe lokufa uvele eqonde ezulwini, ngoba vele ungawase zulwini!
4.Umuntu wesibili ngumuntu wase mhlabeni. Kukhona abantu okuthi noma sebekholiwe kodwa bephile impilo yase mhlabeni! Noma sebefile bayabuya bezohlala nathi lapha emhlabeni!
5.Umuntu wase mhlabeni ubonakala ngokuhlale efuna izinkanuko zenyama, ayikho into yokukholwa oyithandayo none ndaba nayo! Akahaleli lutho lwase zulwini, kodwa inhliziyo yakhe ijatshuliswa yizinto zasemhlabeni kuphela!
6.Ngisho ephakathi enkonzweni, kuthi kushunyayelwa yena abe nama-earphones, elalele kuwo ibhola!
7.Isikhathi esiningi abanye abantu bayaye bengibuze ukuthi ukudlala ibhola kwemukelekile yini ekukholweni, noma kumuphike nje umdlalo?
8.Ayiminingi imidlalo ongenqatshelwa ukuyi dlala ngokuthi uyakholwa, kodwa inkinga ekhona ukuthi leyo midlalo ayizukuyi thatha yini indawo kaNkulunkulu!
9.Uma kufanele uyodlala, kodwa lomdlalo unge Sabatha, yikuphi ozoku khetha? Uzokhetha ukuya esabatheni, noma uzokhetha ukuya emdlalweni?
10.Manje uma ukhetha ukuya ebholeni kunase nkonzweni yeSabatha, ngabe usengu mntwana kaNkulunkulu?
11.Ayikho into uNkulunkulu oyizonda njengokuthi kuthi usuthe ukholiwe, bese ukhetha enye into ngaphezu kwakhe!
12.UNkulunkulu akaku fihlile ukuthi abantu abangawugcini umthetho wakhe bayizitha kuye! Ngakho-ke ujezisa aze ajezise isizukulwane sesi thathu nese sine sezitha zakhe!
13.Ithi-ke iNkosi iLanga abantu abathanda izinto zase mhlabeni, abakhanukela okwenyama kunoko mphefumulo, labo noma sebefile bayabuya bezohlala nabase mhlabeni!!
14.Noma umuntu esewafa, uyaqhubeka nokwenza into obeyenza ese mhlabeni, kodwa into oyenza sewafa ayibe isaba mnandi, ayibe saba ligugu, iba lusizi!
15.Uthi-ke uBaba uma ungumuntu othanda kakhulu ibhola ngaphezu kokukholwa, ngisho kumele ube senkonzweni, kuthi usenkonzweni kodwa inhliziyo yakho ibe ise bholeni.
16.Mhla ufayo, awuyi ndawo, kodwa umphefumulo wakho uzohlala ezinkundleni zomdlalo, uma usufile uyoya entweni ebiligugu kuwe uselapha emhlabeni!
17.Uma ungase ubhekisise ayikho into enaba landeli njengemi dlalo, ikakhulukazi ibhola ne rugby.
18.Kodwa iningi labantu abathanda imidlalo, ekufeni kwabo umphefumulo wabo ubuya uze lapha emhlabeni uzobukela lemidlalo!
19.Uthi ke uBaba, kodwa into ebuhlungu ukuthi uma usufile lelibhola ulibuka uwedwa, kunga khathaleki ukuthi baningi kangakanani abantu enkundleni!
20.Umuntu uma esefile, esengu moya, ngokwemvelo uyakubona konke okwenzeka emhlabeni, kodwa abase nyameni abakwazi ukubona umuntu ongumoya, yimvelo leyo!
21.Ngakho-ke noma umuntu osefile engaba senkundleni yemidlalo kudlala iqembu lakhe, noma seli nqoba, uyojabula yedwa, kodwa abantu ohleli nabo ngenke bakunake okwenzayo, ngoba abamboni!
22.Lomuntu osengu moya aphatheke kabi, ngoba akasakwazi ukujabula nabangani bakhe abaphilayo!
23.Kodwa uma uthanda ukusina, noma uthanda ukugcina isabatha, le impilo oyoyifica ezulwini, ozothi uma ungasekho kulomhlaba, ufike uhlangane nezindla mafa kwelizayo, bese uhlale usinela uJehova unaba ngcwele ngokuthokoza!
24.Uthi-ke uBaba iLanga, uma umuntu engowasesi hogweni, ayikho into ongayenza ngaye ilunge, ngoba ungowasesi hogweni nje kwaphela, awunaku mphendula!.
25.Noma umuntu wasesi hogweni engaba nanoma yisiphi isikhundla ebandleni, kodwa akujiki ukuthi ungowasesi hogweni!
26.Asikho isono osesabayo, ngoba ngokwemvelo yakhe ungowasesi hogweni, uhlale embethwe ngumoya kaSathane!
27.Uthi-k uBaba iLanga: “Thina boShembe siyamlanda umuntu esihogweni, simlethe lapha eKuphakameni, sisebenze ngaye, kodwa ekugcineni simbuyisele lapho avela khona, ngoba ayikho into ongayenza ngaye, akukhathaleki ukuthi ufisa kanjani ukuthi angene ezulwini!
28.Ngakho-ke ngaphambi kokuba ngiqhubeke nalenkonzo, zifune wena, uzibuze ukuthi kumi kanjani ukukholwa kwami, imi kanjani inhliziyo yami, simi kanjani isigcino sempilo yami?
29.Ingabe ngingowase zulwini, noma ngingowase mhlabeni, noma ngingowase sihogweni? Zifune wena!
30.Lokhu ngikucatshangiswa yisimo engisibona senzeka kubantu abaningi! Ngangingazi ukuthi kukhona abantu abamzondayo uNkulunkulu? Kodwa namuhla sengiku bonile lokho!
31.Ekuqaleni ngangi cabanga ukuthi abantu behlulwa yizono, kanti akunjalo, kukhona abantu abangamthandi uNkulumkulu, abangayi thandi into ehlangene noNkulunkulu!
32.Ungabona abanye abantu bekuzonda, kanti abazondi wena, bazonda uNkulunkulu wakho!
33.Ngenkathi kufika ingelosi kimi ithi ithunywe yiNkosi iLanga ukuba izongibheka, ngangihlupheka kakhulu ebandleni, ngizondwa ngabafundisi, kodwa ngingakaze ngixabane nabo!
34.Uma ifika ingelosi, ithi kimi: “Uthi uBaba angikutshele ukuthi laba bantu abaku hluphayo akungakho ukuthi bazonda wena, kodwa bazonda yena uBaba iLanga. Uthi abasamthandi, sebe khohlwe yikho konke ubuhle owabenzela khona!”
35.Manje angenke ukholwe ukuthi umuntu ongumNazaretha umzonda kanjani uShembe, umuntu umzonda kanjani uNkulunkulu?
36.Kodwa abantu basesi hogweni bayamzonda uNkulunkulu, bayakuzonda ukukhanya!
37.Cishe onyakeni odlule, noma mhlawumbe ku 2022, ngafaka kuyifacebook yami ivideo kaBaba uThingo, lapho ethethisa khona amaNazaretha, ethi kuliphutha ukubiza uShembe ngoNkulunkulu!
38.Angizange ngiphawule lutho ngaphandle kwale video kaBaba uThingo ethethisa ama Nazaretha, uThingo luthi kuliphutha ukubiza uShembe ngoNkulunkulu!
39.Kodwa ngale video ngangi khumbuza wona amaNazaretha ukuthi akusiyo imfundiso yami ukuphikisa ukuthi uShembe uNkulunkulu, kodwa saphikiswa sathethiswa ngumholi walelibandla!
40.Kodwa kwenzeka into enganginga zange ngiyicabange ukuthi ingenzeka! Kwaba nama Comments adlula enkulungwaneni lapho khona amaNazaretha ayengithuka engibiza ngayo yonke inhlamba ongayi cabanga! Ukuba kwakuse mandleni abo babezongi bulalala nokungibulala!
41.Wena wawuzoyi humusha kanjani lento, ngoba kule video kwaku khuluma yena uBaba uThingo? Kodwa amaNazaretha ayethi, yini yona le osifakela yona, senzeni thina ngalombhedo okhulunywa lapha?
42.Abamthukanga uBaba uThingo, bathuka mina! Kodwa njengoba washo uBaba iLanga ukuthi bangicasukela ngokuhlale ngikhuluma ngezimfundiso zakhe. NakuBaba uThingo babe casulwa ukuba khumbuza ngezimfundiso zakhe!
43.Ithi-ke ingelosi, uthi uBaba: “Tshela lomfana ukuthi abazondi yena, kodwa bazonda mina! Bamcasukela ngenxa yokuthi eku shumayeleni kwakhe ulokhu ekhuluma ngami, ulokhu ebakhumbuza ngezi ntshumayelo zami! Abasangithandi laba bantu!”
44.Umuntu uma engowasesi hogweni uzonda noma yini ethinta igama lika Nkulunkulu, noma umthetho ka Nkulunkulu!
45.Ungeze waku qonda ukuthi kwenzeka kanjani lokho! Kodwa sengihlangane kaningi kuface-book abantu behlambalaza uNkulunkulu, bebonisa ukuthi uNkulunkulu yinto nje engekho, uma ikhona, uNkulunkulu umuntu omubi!
46.Ngijwayele ukufunda izinkulumo zikaSister Celestial, ngoba ngiye ngizwe ukuthi lokhu kukhuluma ukuthola ngqo kuNkulunkulu. Sihlala nengelosi, sesiyakwazi ukukhuluma kwasezulwini!
47.Kodwa ungamangala ukuthola ukuthi amanye amaKrestu ayizonda kanjani leNkosazana! Ngangithi ngoba lenkosazana ikhuluma ngoJesu, bazojabula bethi samthola umprofethikazi wethu. Kodwa akunjalo, lomprofethikazi bambona eyisitha sakhe, ezobakhipha kuJesu! Izinhlamba uCelestial othukwa ngazo ziyesabeka!
48.Kwase kuya caca kimi ukuthi inkinga yabo ngu Nkulunkulu, lo lenkosazane ehlale ikhuluma ngaye; nguJesu ehlale icaphuna imibhalo yakhe!
49.Wake wezwa ukuthi kuthiwe umuntu unomoya kaSathane ngoba ehlaba izono esizenzayo, esikhumbuza ukuthi ngokwenza lezi zono sizophikwa nguJesu, ecaphuna uMathewu 7:21-23?
50.Bese kuthiwa ungenwe ngumoya kaSathane, uJesu uluthando, akumele uhlale usabisa abantu ngezono zabo?
51.Kodwa kunamakholwa anevangeli lokuthi uSister Celestial unedimoni elibi, nguSathane omfundisa ukuthi atshele abantu ukuthi bayeke izono?
51.Ngihlale ngisho ngithi umprofethi akagcina ngokusitshela okuzo kwenzeka kuphela, kodwa njengesi thunywa sase zulwini, usigqgquzela ukuba siyeke izono!
52. Sengibuyela endabeni yobuzwe nenkolo yethu! Okokuqala ngaziswa yingelosi ukuthi yithina amaHebheru, yithina amaJuda!
53. Kusukela lasungulwa lelibandla laseNCG, lifundisa isizwe sakithi ukuthi yithi amaHebheru, yithi amaJuda!
54.Mina ocwaningweni lwami, ngazitholela ngokwami ukuthi impela yithina inzalo ka Jakobe! Lokhu kwa fakazelwa nayi DNA!
55.Kodwa noma sesiveza ubufakazi obunjani ngalama qiniso, kuba nama Nazaretha, ama Krestu nabe nkolo yoMdabu abaku phikayo lokho!
56.Kwenzeka kanjani ukuthi kungathi ukhule wazi ukuthi uyingane yesi hlahla, noma ukhule wazi ukuthi uyisi gqila, kodwa bese kuthi uma seku tholakala ukuthi okuse qinisweni uzalwa ebu khosini, bese wena ukuphika lokho, kungasho lutho ukuthi kukhona bonke ubufakazi besi bongo sakho nokuthi uzalwa ebu khosini?
57.Ikuphi inkinga eyenza uphikise ubufakazi obu sobala nobu vuna wena? Kodwa kuna bantu bakithi abaku phikayo lokho?
68.Akulona iqiniso ukuthi abazi ukuthi bangama Hebheru, kodwa banovalo lokuthi uma bevuma ukuthi bangama Hebheru, komele ba buyele emthethweni kaJehova! Basabuswa ngu moya wokuhlubuka, lo owawembethe okhokho babo! Manje lomoya usuwehlela kuyizi zukulwane zabo!
69.NguBabamkhulu entshumayelwenj yase Rosboom, owachaza kabanzi ukuthi uDutoronomu 28 ukhuluma nathi!
70.Pho kwenzeka kanjani ukuthi kube ngama Nazaretha aphikisa uBabamkhulu ongumsunguli wenkolo yabo?
71.Lama Nazaretha aphika ukuthi singama Hebheru, yilawo ma Nazaretha ase khonza ne zangoma, aphuza utshwala, ahlabela ama dlozi, nenza zonke izinto uMprofethi ngokulandela izimfundiso zikaMose owazichitha kulelibandla!
72.Lamakholwa abona ukuthi ubufakazi bokuthi singama Hebheru kusibuyisela emthethweni kaMose, lo esebewu chithile!
73.Onke amaNazaretha asehlubuke uJehova esenkonzweni yobuNazaretha, akayifuni nakuyibona imfundiso kaBabamkhulu ethi asigcine umthetho kaJehova owasi lobela wona ngenceku yakhe uMose! Lelo vesi emthandazweni weSabatha selichithiwe ezinhliziweni zalamaNazaretha!!
74.Ngaso sonke isikhathi lamaNazaretha uwezwa ekhuluma ngenkolo yomdabu, bekhuluma ngamasiko okhokho bethu, bekhuluma ngokuhlabela abaphansi, okuyimfundiso uShembe owayichitha!
75.Kungani amanye ama Krestu ekuphika ukuthi yithina amaHebheru, ekuphika ukuthi igama loMsindisi wethu ngu YESHUA owaye liJuda, hhayi UJESU owayeli Griki?
76.Yini eyenza amanye ama Krestu amnyama kuwa phatha kabi ukuthola ukuthi uYeshua kwakungu muntu omnyama?
77.Bane nkinga efanayo nale yama Nazaretha aphika ukuthi singama Hebheru! Bano moya woku hlubuka okusukela kokhokho babo, babona ukuthi Uma bevuma ukuthi bangamaHebheru, abazukuba nazaba zokuchitha umthetho kaJehova!
78.Umuntu ose ngenwe ngu moya ka Sathane umbona ngoba engasa funi ukuzi hlanganisa nento ethinta isitha esikhulu sika drako iNkosi yabo, leso sitha-ke nguNkulunkulu!
79.Kungani ukuthi kuthi iBhayibheli likhuluma ngenkolo kaMose, kodwa amaRoma athi yinkolo yama Hebheru?
80.Okuse qinisweni entabeni yase Snayi lenkolo uJehova wayethula kuso sonke isizwe sama Hebheru. Ngakho-ke yiqiniso ukuthi YINKOLO YAMA HEBHERU!
81.Kodwa kukhona futhi oku balulekile ekubizeni lenkolo ngokuthi ngeyama Hebheru! Kungenxa yokuthi kwakuyinolo kaJehova aba ntwana bakwa-Israel ababe nqoba ngayo!
82.Abe zizwe babe kwazi ukuthi akakho unkulunkulu onga melana no Nkulunkulu wama Hebheru!
83.Futhi abe zizwe babe kwazi ukuthi uma ama Hebheru emhlubuka uNkulunkulu wabo, ngenke babe na mandla okulwa nabo!!
84.Babazi ukuthi kwa-Israel kwaku khona indoda egama layo ngu Samson onke amandla ayo aye sukela eku gcineni umthetho kaNkulunkulu!
85.Abe zizwe ke babazi ukuthi njengoba ama Hebheru ese nqotshwa, kungenxa yokuthi akasahambi ngokwe zimiso zo Nkulunkulu wabo, okungu Jehova!
86.Zimbili-ke izinto ngoku bambisana abe zizwe okwa kumele bazenze ukuze isizwe sama Hebheru baqede nya ngaso:
87.Okoku qala kwakumele kuthi uma abe zizwe sebewa nqobile ama Hebheru, bese be chitha inkolo yabo ngama Creeds, ikakhulukazi ba chithe izi vumelwano nezi mpawu ezi hlanganisa ama Hebheru no Jehova uNkulunkulu wabo, okunguku soka ne Sabatha!
88.Ukuze lezi zi mpawu ezabe ziyi sivumelwano phakathi kwa Jehova bazi qede nya, umuntu owaye etholakala egcina iSabatha, noma esokile, waye bulawa kabu hlungu!
89.Okwesibili kwakunguku dukisa umlando wo buzwe ne nkolo yethu. Asibange sisa bizwa ngama Hebheru, kumbe ama Juda, kodwa kwathiwa singama Negro nama Bantu.
90.Ama Hebheru kwase kuba yibo abamhlophe, isizwe esimnyama sapendwa saba mhlophe, ukuze kudukiswe okokugcina ukuthi lama Hebheru oku khulunywa ngawo yithi!
91.Abantu aba mnyama, ngokungazi, bayithanda lenkolo echithe inkolo yabo, nebenze uJehova wasuka kubo!
92.Kodwa njengoba sesishilo, abanye aba mnyama bakuphika ukuthi singama Hebheru, hhayi ngoba babengaku boni lokho, kodwa njengo khokho babo, nabo basebe vele sebe mhlubukile uJehova!
92.Ibandla sekuyi ndlela elula yokuzifunela udumo nokuzicebisa ngegama likaNkulunkulu!
93.Akakho-ke umuntu okungathi ibandla elakhele ukuzi cebisa nokuzidumisa, bese evuma into ezombuyisela emthethweni ka Nkulunkulu!
94.Ukuvuma ukuthi singama Hebhetu kungukuzi bophezela emthethweni kaNkulunkulu ozosenza singazenzeli izinto ngoku thanda kwethu! Ukuze sikuvike lokho, kufanele siphike ukuthi kukhona okusi hlanganisa neBhayibheli!
95.Yikho sekutrenda ivangeli lokuthi inkolo yinto yabantu, noma iBhayibheli incwadi nje eyabhalwa ngabe lungu nabasilutha ngayo!
96.Yikho okudala ukuthi umuntu abantu obabuyisela kuNkulunkulu eba yisitha esikhulu kubo!
97.Nabe nkolo yomdabu bakuleyo nkinga! Ukuvuma ukuthi singama Hebheru kusho ukuthi asibuyele emthethweni kaMose, lokhu okuzoba lahlekisa ngama bhizinisi abo, kodwa ayisinengiso kuJehova!
98.Ngoko mlando ayikho into eyi nkolo yomdabu kuma Hebheru! Inkolo yomdabu yavela emva kokuba amaHebheru ehlubuke uJehova abe ese landela imikhuba yabe zizwe!
99.Kodwa ukuze lokhu kuhlubuka kube nesithunzi, sekwa bizwa ngokuthi kuyinkolo yomdabu! Kodwa uma singama Hebheru, asikwazi ukuba ne nkolo yomdabu phezu kwenkolo kaJehova!
100.Ukuthi singama Hebheru ngaku tshelwa yingelosi, no cwaningo lwami lwaku gcwalisa lokho!
101.Kodwa namuhla ngifisa ukuveza isiprofetho sika Sister Celestial, ukuthi uNkulunkulu uthini nge sizwe sama Hebheru kulesi sikhathi sana muhla? Ezinye iziprofetho ezinga qondananga nathi ngizishiye nga phandle!
102.USister Celestial ukhuluma kanje: “Iqembu uNkulunkulu ayengi khombisa lona lalinga bantu, ikakhulu, abayi zizwe ezise West Afrika, ezise Nkabeni ye-Afrika, kanye nalezo zizwe EZISE NINGIZIMU NE-AFRIKA. (okuyithi!)
103.UNkulunkulu akazi balanga kimi ngama gama azo lezi zizwe; wathi nje yilawo mazwe okuyiwo amakhulu eWest Afrika, eNkabeni ye-Afrika kanye nalawo ASENINGIZIMU NE-AFRIKA!
104.Ezinye zalezo zizwe zathathwa zayiswa kwamanye amazwe. Lokhu kusho ukuthi ezinye zazo zisa sele e- Afrika.
105.Lokhu kukodwa kuye kube yimbangela yoku ngqubuzana ngoba kunezi ndlela eze hlukehlukene zoku cabanga phakathi kwalabo abakhule be khululekile kanye nalabo abakhulele eku thunjweni.
106.Ngakho-ke, amanye ama Hebheru ase khona ekhaya; amanye awekho ekhaya, ngoba kunezi ndlela ezi ningi zokuca banga kanye nama phutha athile abantu abanawo.
107.Abanye basekuleyo ndawo ababakhe kuyo, kodwa abanye bathathwa bayiswa kwa manye amazwe.
108.UNkulunkulu wathi kimi labo abayiswa kwamanye amazwe manje sebe bizwa ngalama gama: AmaHayiti, ama Dominican Republic, amaJamaica, ama Martinique, kanye nazo zonke ezisezi qhingini ezikuyi Caribbean Sea.
109.Angizazi zonke ngama gama njenga lokhu uNkulunkulu angipha wona emi nyakeni eyisi hlanu eyedlule.
110.Kwakune qembu iNkosi eya khuluma ngalo, iqembu labantu abaziwa ngama Gola noma amaGala.” (Lesi isizwe esise Ghana engike ngakhuluma ngaso emasontweni adlule!)
111.Yaphinda yakhuluma ngama Lemba yayisi khuluma nge zizwe za Bantu base Ningizimu ne-Afrika.
112.Yathi kulabo aba mnyama nakulabo aba nsundu, ama Brahmin ase Ndiya: ‘Nina enihlala emahlathini acashisiweyo emehlweni abantu…’
113.Uphinde abale nalawo aseSudan. Kunama Hebheru eSudan. Usho ne Magreb, okuyi ndawo eso gwadule.
114.Ithi iNkosi lawa acashe eSahara yilawa amabili-ke eyawasho ngama gama: iNigeria neTopiya.
115.Wabe esesho nezi ngxenye ezinkulu zakwa Khushe. Le Yi Gibhithe; ngicabanga ukuthi iyona.
116.Bake bayibize ngeTopiya, kodwa akusiyo iTopiya; yayi bizwa ngezwe lakwa Khushe.
116.Kwaku namanye ama ningi engabona ukuthi lesi siprofetho singase siqondane nawo, kodwa ngangina kuwezwa onke ama gama; kwaba sengathi ingqondo yami yayinga kwazi ukuwa bamba onke ama gama.
117.Angi wazanga ama gama. Aboku gcina iNkosi eyabasho yinina ma-Americans amnyama ase-United States of America.
118.Kodwa ngesi zathu simbe ngithe ngisa bheka ama notes namhlanje ebusuku, ngifuna ukuba nesi qiniseko sokuthi ngiqoqe lonke ulwazi, uMoya oNgcwele wangi holela emuva kulama notes. Lapho kulawo ma notes ama ningi impela amayelana no- Israel.
119.Mhlawumbe ngemvume yeNkosi ngizo kwabelana nabantu ngalolo lwazi. Kodwa nampa abantu.
120.Uzwa nga bantu be zizwe zezi qhingi; ziningi-ke izizwe nezi qhingi ezizungeze i-United States. Akusiyo nje iHayiti ne Jamaica ne Dominican Republic kuphela; kunabantu ePuerto Rico, kuna bantu eGuyana, kuna bantu eBarbados, nase Barbuda kanye nakuzo zonke izi ndawo ezi nqwabelene khona la.
121.Beni lokhu nizwa ngilokhu ngibuya njalo nakuba bekune ntukuthelo, nokukhishwa inyumbazana, nezinhlamba, nokukloloda. Bengilokhu ngibuya la ngizo phindaphinda izinto ezifanayo!” Amein!
122.Ngifake lesi siprofetho salo mprofethikazi uku fakazisa ukuthi lokhu esaku tshelwa yingelosi ukuthi thina singama Hebheru, kuliqiniso!
123.Lomprofethikazi uthi: “Yaphinda iNkosi yakhuluma ngama Lemba YAYISI KHULUMA NGE ZIZWE ezi bizwa ngokuthi zinga BANTU zase SOUTH AFRIKA!” Amen!
124.Kwaqala ingelosi yathi thina singama Hebheru, namuhla seku fakaza uNkulunkulu ngomlomo kaSister Celestial, ongakaze afike eSouth Afrika, ukuthi amanye ama Hebheru aseSouth Afrika! Lokhu kungubufakazi bokuthi uDutoronomi 28 ukhuluma nathi!
Isihlabelelo 12.
UJehova usishiyile
Singabadingi nabasweli.
Haleluya silileleni
Nina bamabandla asezulwini!
Asinanto esandleni
Siza impela Nkosi yoxolo
Chorus.
Alibaba asinamame
Asinamfowethu wokusembesa.
Chorus.
Hawu Jehova usishiyile impela
Ebuntandaneni obungaka.
Chorus.
Siyaludinga ucezwana lwesinkwa
Lokuphumuza imiphefumulo yethu.
Chorus.
Usihlanzile ngani impela
Usikhumbule Nkulunkulu wethu.
Chorus.
INkosi ibusise izwi layo!