Isisekelo senkolo yethu ngumthetho kaJehova owasilobela wona ngenceku yakhe uMose! Ungaba ngumNazaretha, noma ngumKrestu, kodwa umthetho kaJehova awunabandla!
Isihlabelelo 36
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yaba khethiweyo.
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa
Ebengingafanele lutho
Okhukhweni lakho.
4.Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abama gama alotshiwe
Ebusweni bakho.
UNKULUNKULU UNGUMNINI MANDLA ONKE NOYISE WABAMKHONZAYO.
1.Isilandelo sebandla lamaNazaretha esisemthandazweni wokuvuka nowokulala sithi: “NKULUNKULU ONAMANDLA ONKE, YISE WABO BONKE ABAMKHONZAYO.”
2.Ngalesi silandelo sebandla ngabe uShembe kwakukhona osifundisa khona, noma isilandelo nje esifana nazo zonke izilandelo?
3.Njengoba uMprofethi wakwenza kwaba umgomo womthandazo wamaNazaretha, ngabe sinabo yini ubufakazi bokuthi uNkulunkulu unguMnini mandla onke ngempela, nokuthi uNkulunkulu uhlale enguye uYise wabamkhonzayo?
4.Mhla lomuntu wasezulwini esifundisa ngamandla kaNkulunkulu, nokuthi uma umkhonza uba nawe ngaso sonke isikhathi, wavula uvesi 16 womthandazo wokulala lapho kuthi khona:
5.“Ngezinsuku zonke zokuphila kwakho uma ulala ubomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho, uThixo wakho.
6.NGOSUKU LWENHLUPHEKO UMBIZE, UYAKUKULALELA, UYOKUZA AKUSINDISE UMA UYENDLALA NGEZIKHATHI ZONK INHLIZIYO YAKHO EMIKHONDWENI YEZIMEMEZELO ZEZWI LAKHE! Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu uyokusiza uma uphila ngokugcina umthetho wakhe!
7.Ithi-ke ingelosi kithi: “Yini enihluphile ngoba uShembe wanifundisa ukuthi uma uJehova nimkhonza ngeqiniso, nigcina imithetho yakhe, kothi lapho niba nanoma iyiphi inkinga, noma nigula, uJehova afike anisindise?
8.Kubalulekile uma ulikholwa ukuthi uma usho into, wazi ukuthi ukhuluma uthini, futhi uthandaza ubhekise kubani!
9.UNkulunkulu unguBaba wakho. Uma uya kubaba wakho, kungakhathaleki ukuthi uyothini, kufanele okokuqala wazi ukuthi uyokhuluma nomuntu omdala, omhloniphayo, nomesabayo!
10.Umzali wakho akabone ukuthi uyamesaba, ngoba ukuhlonipha kuhlale kuhamba nokumesaba omhloniphayo!
11.Ayikho inhlonipho engenakho ukumesaba omhloniphayo. Ngisho inkosi ayigcini ngokuhlonishwa, kodwa iyesatshwa!
12.Ingelosi yakugcizelela ukuthi ekuholeni lelibandla ngihlale ngikwazi ukuthi ngingumfundi kaShembe, uShembe uthi NGIFUNDISE NGOMTHETHO KAJEHOVA NJENGOBA WAWUFUNDISWA NGUSHEMBE EFUNDISA AMANAZARETHA!
13.Ayikho ke into eyaye inguhlukumeze uma ngizwa umuntu ethi uyashumayela, kodwa ngingamuzwa ekhuluma ngokugcinwa komthetho kaJehova, ngoba ngokweBhayibheli, isisekelo sakho konke ukukholwa, kungukuhamba ngokwezimiso zikaJehova kuphela!
14.Ngelinye ilanga ngabuza ingelosi, ngathi: “UShembe wathi ayikho into ezobanhle emhlabeni njengobu Nazaretha, ubuNazaretha boye bufike e-Amerika naseRussia.
15.Manje njengoba thina enkonzweni sihlala emacansini, komiswa kanjani kulamazwe angahlali emacansini?”
16.Ithi-ke ingelosi:“Wathi uNkulunkulu uma abantu besenkonzweni bohlala kanjani? Ukhona yini umthetho uNkulunkulu owawushaya ngendlela okumele kuhlalwe ngayo enkonzweni?”
17.Ngathi mina angikaze ngiwubone. Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Uma ungekho umthetho uNkulunkulu owawushayayo wokuthi kumele kuhlalwe kanjani enkonzweni, lokho kusho ukuthi wakuyekela kubantu ngokwa masiko abo ukuthi bahlala kanjani enkonzweni.
18.Njengoba amaMoslem enkonzweni ehlala egoqe izinyawo nje, balandela usiko lwabo, kodwa hhayi umthetho kaNkulunkulu!
19.Wena ukuthi into iphambene yini nomthetho kaNkulunkulu, ubobheka ukuthi uMose uthi uNkulunkulu utheni ngesenzo esithize, bese ulandela lokho okushiwo nguNkulunkulu!”
20.Inkinga esibhekene nayo ukuthi baningi abantu abakhuluma izinto ngokucabanga kwabo, kodwa bengalifundile iBhayibheli.
21.Umuntu avele esukele ukukhuluma nje okusuka engqondweni yakhe, kodwa angenke asho ukuthi lokhu kukhuluma ukususelaphi?
22.NoSister Celestial ngike ngamuzwa ekhononda kabanzi ngokuthi abantu abalifundi iBhayibheli, kodwa batholakale bekhuluma izinto ezisuka ezinqondweni zabo!
23.Isisekelo senkolo yethu ngumthetho kaJehova owasilobela wona ngenceku yakhe uMose! Ungaba ngumNazaretha, noma ngumKrestu, kodwa umthetho kaJehova awunabandla!
24.Ngike ngezwa omunye umuntu esekhulume waze wajuluka ethi amabandla asonta nge uniform angama Cult!
25.Ngazibuza ukuthi lomuntu uyayazi yini lento okhuluma ngayo, uyazi ukuthi iCult yini?
26.Wake walifunda yini iBhayibheli wezwa lapho kunomthetho ochitha ukugqoka i-uniform enkonzweni?
27.AmaNazaretha afaka ingubo emhlophe enkonzweni, ngabe lokhu kuphambene nokukholwa ngangokuthi uBabamkhulu engabizwa ngeCultist??
28.kuyisambulo 6:11 kuthi: “Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe….”
29.Kwakungayiyo i-uniform leyo? Kuyisambulo 7:9 kuthi: “Emva kwalokho ngabona, bheka-ke isixuku esikhulu esingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni nezilimi, simi phambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde EZIMHLOPHE, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso?”
30.Ungakuphika yini ukuthi ingubo ende emhlophe i-uniform yasezulwini negqokwa nayizingelosi?
31.NgokukaMarku 16:5 kuthi: “Bathe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe(okwakuyingelosi).”
32.Lomuntu-ke uthi njengoba amaNazaretha efaka ingubo emhlophe enkonzweni, kwenziwa ukuthi uBabamkhulu wayeyi Cultist! Shame on you!
33.Kodwake angikhulumi ngalokho, ngikhuluma ngokuthi thina sinobufakazi bokuthi uJehova unguNkulunkulu onamandla onke.
34.Angizukubala izinto ezenzeka eBhayibhelini, ngoba njengamanje thina sihlala nengelosi. Lapha ngizokhuluma ngesikwaziyo ngamandla kaJehova!
35.Sengishilo ukuthi ingelosi yasikhumbuza ukuthi uShembe wasifundisa ukuthi uma sigcina umthetho kaJehova, kothi uma sisesosizini, sibiza uJehova, uyoqhamuka asisindise!
36.Ku-Isaya 58:8-9 uJehova uthi: “Khona ukukhanya kwakho kovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane…inkazimulo kaJehova ibe ngemuva kwakho.
37.Khona uyakumemeza kusabele uJehova, uyakukhala, bese ethi: “Bheka ngilapha!”
38.Kodwa uJehova akagcini lapho, ku-Isaya 59:1-3, ngomlomo womprofethi, uthi: “Isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe, kodwa ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba anganizwa.
39.Izandla zenu zingcwele igazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhuluma amanga!”
40.Lenkulumo kaJehova iwukhiye ekukholweni, ngoba injengoba umprofethi u-Isaya esho.
41.Njengoba ngike ngasho ngenkonzo edlule, ekufikeni kwengelosi yasibuyisela ekugcineni umthetho kaJehova njengoba wawufundiswa nguBabamkhulu efundisa amaNazaretha!
42.Noma ingelosi eyayisifundisa khona kwaba lukhuni, ngoba sasingasa hambi ngokwezimiso zikaJehova, kodwa umama owayesikhulisile wayeyilandela yonke inqubo yokukholwa njengoba kwakufundisa uBabamkhulu neNkosi iLanga!
43.Njengoba ngike ngachaza, thina sasingawudli umuthi, sasingawahlabeli amadlozi, akakho kwethu umuntu owake wafaka isiphandla kusekhona umama! Sasingabhuli, singazihlanganisi nezangoma!
44.Ukukholwa kwethu kwakugxile kuphela ekuthandazeni nasekulandeleni yonke inqubo yobuNazaretha!
45.Ingelosi-ke yafike yavuselela ukukholwa engangikhuliswe ngakho kwethu. Ngakho-ke ngashesha ngayilandela imfundiso yengelosi ngoba yayingayintsha kimi!
46.SesingamaNazaretha ngokuphelele, ngo 2019 ingelosi yasazisa ukuthi kuza isifo esibi esizobhubhisa bonke abantu.
47.Yathi abanye bayoze bedle utshani! Yakhuluma izinto eziningi ezazizokwenzeka uma sekunalesi sifo.
48.Yabe isithi asinikele sicele kuNkulunkulu asivikele kulesi sifo. Sanikela, kodwa senza nje ngoba kushiwo!
49.Safika lesi sifo eSouth Afrika ngo 2020, baphela abantu, saqala nathi sashawa uvalo sesisibona isifo!
50.Yafika ingelosi okwesibili. Yasikhumbuza uvesi 16 womthandazo wokulala, ukuthi wathi uShembe uma simkhonza ngokuzinikela uJehova, kuyothi uma ekuhluphekeni kwethu simbiza, uyokuza asisindise.
51.Yasikhumbuza incwadi ka-Isaya 58, lapho ethi uNkulunkulu: “Khona uyakumemeza kusabele uJehova, uyakukhala, bese ethi: “Bheka ngilapha!”
52.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Njengoba senibuyele kuJehova ngokugcina umthetho wakhe, uJehova uzonisindisa kulesi sifo uma nimbiza, nimcela ukuba anisindise!
53.Ingelosi yabe isithi asikhiphe umnikelo sicele kuJehova asinike uphawu owalinika abantwana bakwa-Israel mhla kufanele ingelosi ibhubhise amazibulo aseGibhithe njengoba ku-Eksodusi 12:12-13, kuthi:
54.“Ngokuba ngiyakwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo aseGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe, nginguJehova!
55.Igazi liyokuba luphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona. Uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngenke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.”
56.Yabe isithi ingelosi asifune imichilo yamasaka, kuthi uma kulisabatha lemichilo siyifake ezinkalo zethu. Ithi-ke ingelosi:
57.UJehova uyonibona ngalemichilo, kuthi uma kufika le Covid 19, ibona lemichilo, ingakwazi ukunibulala.
58.Lolu phawu luzomela imindeni yenu eseduze kwenu, ukuze ningagcini ngokuthi kungafi nina kuphela, kodwa nemindeni yenu ngani isinde!”
59.Lesi kwakuyisi khathi esinzima kakhulu, ngoba sasikade sinayo inkinga yokuthi noma thina esiseNCG sisindile, kodwa imindeni yethu izofa ngendlela abantu abafa ngayo!
60.Kodwa Kwaba sengathi ingelosi iyalubona uvalo lwethu, yabe isithi loluphawu luzovikela nemindeni yethu!
61.Kodwa ngendlela okwakufiwa ngayo, abantu befa ngapha nangapha, kufa Makhosi, izikhulu, nodokotela, umuntu wazibuza ukuthi thina sizosala kanjani?
62.Mina nginomntwana ongudokotela, ngavele ngabona ukuthi umntanami uyahamba! Kodwa kwathi noma naye imbamba leCovid 19, loluphawu lwasezulwini naye lwamvikela!
63.Sasinda ngophawu lomchilo wamasaka kanye nomnikelo! Lokho kwasivikela nemindeni yethu!
64.Kwaba sengathi yiphupho, abantu bafa ukuthaphuthafu, kodwa thina nemindeni yethu savele sasala, kwangafa noyedwa umuntu kithi!
65.Njengomholi, ngibikelwa ngisho isifo sikuphi, noma kuseGauteng nakwezinye izindawo.
66.Kwakuthi uma kungena ucingo ngishawe ngoluncane uvalo, ngithi ngizokuzwa kuthiwa kukhona osedlulile emhlabeni, kodwa akwenzeka lutho yaze yaphela iCovid 19! Akabongwe uNkulunkulu waseKuphakameni!
67.Lomchilo wamasaka esawufakwa yingelosi, namanje sisawufakile!
68.Abanye bengacabanga ukuthi asiphili kahle emakhanda, kanti thina siyazi ukuthi lomchilo sibika kuJehova usizi lwethu!
69.Ngiyazi ukuthi mhlawumbe naphakathi kwethu kukhona asebefuna ukuwukhipha, kanti abazi ukuthi okuzayo kungaphezulu kwe Covid 19!
70.Kodwa thina siyazi ukuthi uma sisahamba ngomkhondo wezimemezelo zezwi likaJehova, nengelosi isephakathi kwethu, sisemhlane nembeleko!
71.Kukuwo lowo nyaka lapho ingelosi yaziqeda khona zonke izifo ezisihluphayo!
72.Njengoba ngihlale ngisho, sasihlale sifelwa, kodwa ingelosi yathi zonke lezi zifo aziqedwe!
73.Ngakho-ke akugcinanga ngokuthi sivikeleke kuyi Covid 19, kodwa zonke izifo zaqedwa enkonzweni yethu, kwaba sengathi ngumlingo!
74.Ngenke ukholwe ukuthi kusukela ngo 2020 kwanqamuka nya ukufa kulelibandla!
75.Abantu abashona uma ngikhumbula abedlulile kwabathathu, nalabo abashona angibazi ngoba babesanda kuphenduka!
76.Kodwa akakho nje umuntu webandla engimaziyo oseke wabuya washona!
77.Ayikho into ebuhlungu njengokuthi uthi uhleli ube wazi ukuthi kothi kuphela unyaka kube sekukhona abantu asebefile, ungazi noma lokhu kufa kuzoqoka wena!
78.Kunayo yonke into enkulu uNkulunkulu osenzele yona ngokufika kwengelosi, ukuvala ithuna lokufa!
79.Manje ngibona kungasafi ngisho izalukazi namakhehla! Nami ngase ngizitshelile nje ukuthi ngisendleleni! Kodwa manje sengiyazi ukuthi sonke sisazophila ePhilangezwi!
80.Ingelosi yaqhamukha nokukhuluma okuyisimanga, yathi: “Njengoba seniyayazi indaba kaNkulunkulu, futhi niyamkhonza uJehova ngenhliziyo yenu yonke nangengqondo yenu yonke, uzonipha konke enikucelayo! Nempela kwabanjalo!”
81.Kumele sibe isibonelo emhlabeni ukuthi uNkulunkulu ukhona, nokuthi uma uNkulunkulu umkhonza, ukunika konke okucelayo!
82.Ithi ke ingelosi: “Ayikho into enzima njengokuhlupheka komphefumulo ekufeni kwakho.
83.Akukhathaleki ukuthi umuntu uhlakaniphe kanjani, kodwa isimanga ukuthi akumfikele ukucabanga ukuthi ngosuku lokugcina umphefumulo wakho unayo yini indawo ezulwini?
84.Thina sibe nenhlanhla ukuhlala nomuntu ovela lapho sifuna ukuya khona, inkolo siyithola from the horse’s mouth!
85.Uthike lomuntu wasezulwini: “Nina akenenze okwehlukile kokwase mhlabeni. Ngekhathi abase mhlabeni beno mshuwalensi obhekele inyama nempahla yabo, nina zifuneleni umshuwalensi obhekele umphefumulo wenu!
86.Lomshuwalensi ingelosi yawehlukanisa izigaba ezintathu. Yathi wonke umuntu akathandi ukufa esemncane, ufuna ukufa esethathwa nguNkulunkulu!
87.Ithi ke ingelosi, kodwa uyakwazi ukuthi ucele ezulwini ukunikwa ingelosi ezohlalela ukubheka ukuthi uyaphila kuze kufike isikhathi othathwa ngaso uNkulunkulu.
88.Lengelosi uyayicela ukuthi ihlale iseduze kwakho njalo, ibheka nje ukuphila kwakho. Njalo ngenyanga uhlale unikelela lengelosi ukuthi ihlale ikubhekile!
89.Ngoba lengelosi uyayinikelela, ayikwazi ukusuka kuwe, iyohlale ikubhekile ukuthi akukho lutho olukubulalayo!
90.Ingelosi yabuye yakhuluma ngenkinga yokuba sezinhlungwini isikhathi eside ungafi!
91.Yasitshela izizathu ezingenza umuntu agule isikhathi eside engafi, kodwa egcine ngokufa. Nokho angizukukhuluma ngalokho okwanamuhla!
92.Ithi ingelosi uyakwazi ukucela ezulwini ingelosi ezobheka ukuthi ngaphambi kokufa ungedluli ezinhlungwini ezinzima. Kufanele abantu bethi ufe kahle, ubiziwe, njengoba kwenzeka kumama.
93.Umfundisikazi umaNxumalo uthi umkhokheli uMazwane, ugogo kamkhokheli waseMaqhaweni, kwafika kuye umbiko wokuthi iNkosi iLanga isishiyile emhlabeni.
94.Wabe esethi yena akafuni ukukhala, kodwa ufuna ukuhlanganyela nabangcwele ezulwini abobe behlangabeze iNkosi yaseKuphakameni!
95.Ngakho ke ufuna ithi iNkosi ifihlwa, yena ebe eselinde nabangcwele ezulwini! Wabe esethi uma uNkulunkulu emvumele wedlula emhlabeni, bengamusi emakhazeni, kodwa bemfihle ngaso leso sikhathi.
96.INkosi iLanga yafihlwa ngaSonto, umaZwane bathi bayangena endlini ngolwesine, bamfica esethule!
97.Bamfihla ngolweSihlanu njengokusho kwakhe! Yilowo muntu owafa kahle!
98.Ithi ke ingelosi, sesikusho konke, kodwa akukho ubuhlungu okufana nokuthi uma ufa ungayi ezulwini, kodwa umphefumulo wakho uye ethuneni!
99.Ithi ke ingelosi abantu abaningi bayahlangana nalokhu kufa ngisho bekholiwe!
100.Yazibala izinto ezingeza ukuthi uthi ukholiwe, kodwa uyohlaliswa nesidumbu sakho! Isimo esinjalo siyefana nokuthi usesihogweni!
101.Ithi ke ingelosi uyakwazi ukuba nengelosi ohlale uyinikelela ukuthi mhla umphefumulo wakho uhlukana nenyama, ivele ikuthathe iye nawe ezulwini, kungaba bikho zono zakho ezibalelwa kuwe!
102.Noma unesono obekufanele ulahlwe ngaso, lengelosi iyolwela ukuthi uthethelelwe izono, ungene ezulwini!
103.Kodwa njengoba yonke imishuwalensi inemibandela, nomnikelo oqondene nomphefumulo wakho unombandela.
104.Awukwazi ukuthi ubungakholwa, bese ucabanga ukuthi ngoba uyanikela, konke sekuqondile! Kumele ukholwe, bese mhlawumbe uhlulwe isono esithize!
105.Lapha ngifakaza ukuthi uJehova uNkulunkulu wethu uyaba seduze kwakho uma umkhonza ngeqiniso!
106.Ingelosi isifundise izindlela eziningi osizakala ngazo uma uNkulunkulu umkhonza ngeqiniso!
107.AmaNazaretha kaNkulunkulu uJehova usewabonise ngezindlela eziningi ukuthi useduze kwethu.
108.Uma kukhona into engase isilimaze, sivele sibone ingelosi isifika izositshela ukuthi kukhona into embi ezokwenzeka, ngakho asinikele siècle kuNkulunkulu ukuthi asivikele!
109.Kulezi zinyanga ezedlule sathi sibona kwakufika ingelosi ithi kukhona izikhukhula ezizofika, ngakho asinikele siècle kuNkulunkulu ukuthi asivikele kuzo.
110.Kuthe ngeSonto, kade inathi ngeSabatha, zavele zafika eManzimtoti izikhukhula, zenza omkhulu umonakalo!
111.Kodwa sabona sesishayelwa ucingo ngomunye umakoti ebesinaye ngeSabatha, ethi uNkulunkulu wenze isimanga, izikhukhula zikhukhule imizi yomakhelwane ngapha nangapha, kwasala umuzi wakhe!
112.LoNkulunkulu wethu akasivikeli kuphela ngokusingenisa ezulwini, kodwa usivikela kuzo zonke izigigaba ezenzeka lapha emhlabeni, nezinkulu ezisazokwenzeka!
113.Thina asesabi lutho, lelivesi elithi: “Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekuhlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokumelwa kwazo okuvela kimi.” Kusho uJehova! (Isaya54:17). Leli vesi liyisikhali sethu esasinikwa yingelosi!
114.Ekufikeni kwengelosi ngangihlukunyezwa ngabanye abagcotshwa isimanga ngiseseBuhleni.
115.Ingelosi yafika yangitshela ukuthi ithunywe uBaba iLanga ngoba kunabagcotshwa abafuna ukungibulala!
116.Ingelosi isihleli nathi, yenza isimanga, yathi uthi uBaba iLanga “Bhala phansi bonke laba bagcotshwa abakuhlukumezayo.” Ngaba bhala nonke phansi, babengu eleven.
117.Ingelosi yahamba nephepha, yathi ibuya yabe isithi: “Uthi uBaba iLanga angibakhiphe esontweni, sengiyobakhipha!”
118.Baxoshwa bonke phambi kwami! AmaNazaretha aseBuhleni ayakwazi lokho, noma babengazi ukuthi babexoshwa yingelosi!
119.Okumele abantu bakwazi ukuthi kwaprofethwa emandulo ngaleli bandla! Mhla ingelosi ingigcoba yafunda incwadi kaZakariya 3:1-7 efundeka kanje:
120.“Embonweni wayesengi khombisa uJoshua umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane wayemi ngakweso kunene sakhe emmangalela.
121.UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukhuza Sathane, impela uJehova okhethe iJerusalema uyakukhuza. Lona akayiso yini isikhuni esephulwe emlilweni na?”
122.UJoshua wayembethe izingubo ezingcolileyo, emi phambi kwengelosi.
123.Yayala ababemi phambi kwakhe, yathi: “MKHUMULENI IZINGUBO EZINGCOLILEYO. Yayisithi kuye: “UYABONA SENGISUSILE KUWE ISIPHAMBEKO SAKHO, NGIZOKWE MBATHISA IZINGUBO ZOBUKHOSI!”
124.Yayisithi: “METHWESENI ISIGQOKO ESIHLANZEKILR EKHANDA.” Base bemethwesa isigqoko ekhanda, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova yayimile.
125.Ingelosi kaJehova yamyala uJoshua ithi: “USHO KANJE UJEHOVA WAMABANDLA UTHI: “UMA UHAMBA NGEZINDLELA ZAMI, UGCINA IMIYALO YAMI,UYAKWAHLULELA ENDLINI YAMI, UGCINE AMAGCEKE AMI, NGIYAKUKWENZA UKUBA UHAMBE PHAKATHI KWALABA ABEMI LAPHA.”
126.Angazi noma abantu bayasizwa yini isimanga esikulencwadi?! UZakariya engumprofethi kwa-Israel, esibonakalisweni wabona ingelosi igcoba umpristi omkhulu ogama lakhe nguJoshua.
127.Kodwa akakho ongathi lesi siprofetho sikaZakaria safezeka, ngoba akakho umpristi owake wagcotshwa yingelosi!
128.Kodwa umpristi oqale ukugcotshwa yingelosi njengoba kwaprofetha uZakaria, yimina!
129.Mhla ka 26 March 2011, kwama ingelosi phambi kwami, yangifundela yona lencwadi kaZakaria, kwaba yiyo futhi engigqokisa isigqoko kanye nalemijiva!
130.Njengoba uZakaria wayebonile esibonakalisweni, yiyo futhi lengelosi eyangazisa ukuthi iNkosi iLanga kuleli bandla ifuna sifundise abantu ukugcina izimiso zikaJehova!
131.Ngokusobala umprofethi uZakaria waba nesibonakaliso sokugcotshwa kwami okwenzeka mhla ka 26 March 2011!
132.Lokhu kungubufakazi bokuthi lobu buNazaretha obavuswa nguBabamkhulu kungubuqhubeka kwebandla lakwa-Israel elasungulwa nguMose, kanjalo, iNCG isengukuqhubeka kwebandla likaBabamkhulu!
Isihlabelelo 89.
1.Hlala nathi Nkosi yethu
Leli langa ledlulile
Siyacela ukkusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
2.Thina asikafiki lapho
Kulelo lizwe lokwenama
Zimi khona izingelosi
Lapho kungashoni ilanga.
3.Thina sisa sithekile
Kulelozwe lokwenama
Lapha kungakhanyisiyo
Leli langa lalomkhathi.
4.Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkulunkulu.
INkosi ibusis nikuzwil.