KuyiTestamente Elisha nguYeshua owaye fundisa ngoku gcinwa KOMTHETHO! Lokhu kungubufakazi bokuthi uYeshua nabafundi bakhe babengaphansi kwenkolo kaMose!
Uma sifuna ukukholwa okuzosiyisa ezulwini, kufanele SIGCINE UMTHETHO KANKULUNKULU ESAWEMUKELA NGENCEKU YAKHE UMOSE!
Isihlabelelo 85
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emthethweni eyishumi
Owesibili ngingewunamathe
WeNkosi yoxolo.
3.Abepphula lemithetho
Bayakhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
UKUHAMBA NGEZIMISO ZIKAJEHOVA KUNGUMGOGODLA WOKUKHOLWA KWETHU.
1.Encwadini kaDutoronomi 4:12-14, uMose uthi: “UJehova wakhuluma kini esemlilweni, nezwa izwi likhuluma kini, kepha anibonanga simo.
2.Wamemezela kini ISIVUMELWANO SAKHE ANIYALA NGASO UKUBA NISIGCINE, IMIYALELO ELISHUMI AYILOBA EZIBHEBHENI EZIMBILI ZAMATSHE.
3.UJEHOVA WANGIYALA NGALESO SIKHATHI UKUBA NGINIFUNDISE IZIMISO NEZAHLULELO UKUZE NIZIGCINE EZWENI ENIZONGENA KULO UKULIDLA.”
4.KuDutoronomi 6:4-7 uMose uthi: “Yizwa Israel, uJehova uNkulunkulu wethu MUNYE! Mthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.
5.Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziweni yakho.
6.Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, lapho ulala, nalapho uvuka.” Amein!
7.Imithetho elishumi yehlukene izigaba ezimbili, imithetho emine yokuqala isifundisa ukuthi uNkulunkulu kumele simkhonze kanjani, bese kuthi eyisithupha elandelayo isifundise ukuthi thina sodwa kumele sihlalisane kanjani.
8.Ku Dutoronomi 5:6-21 uJehova uyibale yonke imiyalo elishumi, kodwa imiyalo esifundisa ukuthi kumele simkhonze kanjani uJehova igcina kuvesi 15.
9.Umyalo wokuqala uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. Ungabi ngabanye onkulunkulu ngaphandle kwami!”
10.Ukwenze njani ukuba nabanye onkulunkulu? Ukuba nabanye onkulunkulu akugcini ngokuthi ubize into noma umuntu ngokuthi nguNkulunkulu, kodwa ukwethembela kunoma yini empilweni yakho ngaphezu kwaNkulunkulu, leyonto noma lowo muntu usengunkulunkulu wakho!
11.Uma empilweni yakho wethembele emthini ukuthi iwona ozokuphilisa noma ukuvikele, noma ugula uthembele kuwo wodwa, lowo muthi usungunkulunkulu wakho!
12.Uma unomfundisi wezenkolo othembele kuye, nomthatha ngokuthi nguyena owukuphila kwakho ngaphezu kwaNkulunkulu, lowo mfundisi usengunkulunkulu wakho!
13.Noma nguMprofethi, noma isithunywa sikaNkulunkulu, uma usuthi singunkulunkulu, lokho sekungukuba NOMUNYE UNKULUNKULU KUNOJEHOVA!
14.UMprofethi u-Isaya Shembe kuzo zonke izimfundiso zakhe wayehlale ekugcizelela ukuthi munye uNkulunkulu, munye uMsindisi, nguJehova kuphela!
15.Ku-Isaya 43:10-11, uJehova uthi: Ningofakazi bami, nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye! Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami!
16.Mina, Mina nginguJehova, ngaphandle kwami akekho uMsindisi!” Amein!
17.Ukufakazela lamazwi kaJehova, uShembe kuyisihlabelelo 119 wakhuluma kanje:
18.“Thina Siyamthanda lo onokusindisa. Isihlangu sethu nguJehova onokusindisa. Sophelela sonke kuJehova onokusindisa. Kuphela kwakhe uJehova onokusindisa
19.Alikho nelinye igama esingasinda ngalo. Kuphela igama likaJehova esingasinda ngalo.
20.Asinazihlangu esingavika ngazo, kuphela igama likaJehova esingavika ngalo. Asinazikhali esingalwa ngazo, kuphela igama likaJehova esingalwa ngalo! Amein!
21.Ngalesi sihlabelelo uShembe wayesifundisa abantu ukuthi ngaso sonke isikhathi kumele konke ukuphila kwethu sikubeke kuJehova!
22.Sihlala nengelosi, ngangike ngibe nokudideka ukuthi ngoba yiyo ingelosi ehlale igcizelela ukuthi konke ukukhonza kwethu sikubhekise kuJehova, kwenzeka kanjani ukuthi njalo Yona ikhulume ngoShembe, noma ithandaza ibhekise kuShembe?
23.Impendulo iku Mathewu 28:18. UYeshua uthi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.”
24.UYeshua waphiwa onke amandla, kodwa lamandla wayewaphiwa nguNkunkunkulu!
25.Ngakho uma ubiza igama likaYeshua, noma kukho konke okwenzayo ukwenza egameni likaYeshua, kungenxa yokuthi uYeshua njenge sithunywa sika Nkulunkulu, uphiwe nguNkulunkulu amandla okwenza konke okwenziwa nguNkulunkulu!
26.Unama deligated powers kaNkulunkulu njenge-Agent yasezulwini! Akusho mina, kodwa kusho yena uYeshua ezinkulumeni zakhe eziningi!
27.KuJohane 5:43-44 uYeshua uthi: “Ngize egameni likaBaba, kepha aningemukeli, kodwa UMA KUZA OMUNYE EZIZELA EGAMENI LAKHE, lowo niyakumamukela.
28.PHO NINGA KHOLWA KANJANI NISA DUMISANA NODWA, NINGALUFUNI UDUMO OLUVELA KUNKULUNKULU OKUNGUYE YEDWA NA?”
29.Akagcinanga lapho uYeshua, kodwa kuJohane 7:18 uthi: “Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye! (UYeshua waye khuluma okuthunywe ngu Nkulunkulu!
30.UMose AKANINIKANGA YINI UMTHETHO NA? NOKHO AKAKHO KINI OGCINA UMTHETHO! Pho kungani nifuna ukungibulala na?” (UYeshua wayesaqhuba umthetho kaMose!)
31.KuyiTestamente Elisha nguYeshua owaye fundisa ngoku gcinwa KOMTHETHO! Lokhu kungubufakazi bokuthi uYeshua nabafundi bakhe babengaphansi kwenkolo kaMose!
32.Uma sifuna ukukholwa okuzosiyisa ezulwini, kufanele SIGCINE UMTHETHO KANKULUNKULU ESAWEMUKELA NGENCEKU YAKHE UMOSE! UShembe usho njalo, noYeshua usagcizelela lokho!
33.Asingafani nalama hlubuka angokhokho bethu ayefuna ukubulala uYeshua ngoba ecasulwa ukuba evuselela izimfundiso zikaMose!
34.Angazi ukuthi yini eyayenze amanye amakholwa engaboni ukuthi uYeshua akahlanganise lutho nalenkolo yabezizwe esesikuyo?
35.IBhayibheli likubeke kwacaca ukuthi uYeshua wayengaphansi kwenkolo kaMose, iMosaic Faith, futhi nasezimfundisweni zakhe wayeqhuba inkolo kaMose?
36.KuMathewu 5: 17-19 uYeshua uthi: Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngizogcwalisa.
37.Ukuthi ngizo gcwalisa kunga hunyushwa ngezindlela ezimbili. Kungathi “NGIZO GCIZELELA” kosekushiwo, noma kuthi “NGIZO KWENEZELA” kobekungaka shiwo. Kodwa kuyiBhayibheli lesiHebhetu abasaziyo isiHebheru bathi kuthi NGIZOGCIZELRLA!
38.Amazwi okufanele ngabe siyawa qonda njengama kholwa yilawa athi: NGIQINISILE NGITHI KINI, KUYOKWEDLULA IZULU NOMHLABA, KODWA AKUSOZE KWEDLULA NALINYE IGAMA, NASICASHANA SINYE SOMTHETHO!
39.Lana ngamazwi kaYeshua owagcwalisa ngawo kulawo ayeshiwe nguMose!
40.Uyaqhubeka uYeshua uthi: “NGALOKHO OWEQA OWODWA KULE MIYALELO EMI NCINYANE, AFUNDISE ABANTU KANJALO, LOWO UYAKUTHIWA OMNCINYANE EMBUSWENI WEZULU; KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU.?
41.NguYeshua owasifundisa ukuthi umthetho kaMose umi nguna phakade, futhi nguYeshua owathi uma ungawugcini umthetho kaMose angenke ungene ezulwini!
42.Kodwa angazi ukuthi kwenziwa yini ukuthi amakholwa engayiboni into esobala kanje?
43.Ngabe uYesshua wayengaphansi kwenkolo yabezizwe, okuyi Christianity, noma wabe engaphansi kwenkolo kaJehova eyayiholwa nguMose, okuyi Mosaic Faith?
44.Iqiniso lomlando ukuthi uYeshua akazi lutho ngeChristianity, ngoba wahamba emhlabeni ngo 33 A.D ubuChristu bungakabi bikho. Futhi abalandeli benkolo kaMose kwakunga bantwana bakwa-Israel kuphela!
45.KuMathewu 10:5-6 uYeshua uthi: “Laba abangu 12 wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe, ningangeni nasemizini yamaSamaria, kodwa YANINI EZIMVINI EZILAHLEKILEYO ZENDLU KA-ISRAEL!”
46. “IZIMVU EZILAHLEKILE ZENDLU KA-ISRAEL,” ngamabantwana bakwa-Israel abanqotshwa bathunjwa ngumbuso kaNebukedinezari eminyakeni eminingi eyedlula!
47.Umbuzo-ke uthi kwenziwa yini ukuthi amakholwa akithi abambelele enkolweni echitha inkolo yethu, kuthi noma yini abayitshelwa ngabezizwe bavele bayamukele, kungakhathaleki ukuthi iyiphikisa kangakanani inkolo kaMose?
48.Ziningi izizathu zalokho. Esokuqala ukuthi abantu abamnyama bamukela lenkolo besezigqila, ngakho ke namanje bemukela noma yini abayitshelwa ngoBasi babo!
49.Lemfundiso-nkolo yafunzwa izigqila, nazo zayedlulisa enzalweni yazo!
50.Okwesibili, abantu abamnyama abafundi, isona siqalekiso leso esikubo, ngoba ekuqaleni ukubhala nokufunda kwakuku bantu abamnyama!
51.Yikho babebizwa ngokuthi “People of the Book”, noma “abantu bencwadi!” Ngabantu abamnyama abaqala e-Afrika ukuba nama-University njengo Timbuktu, okuyi University yaseMali!
52.Isizathu sesithathu ukuthi njengamanje kunabantu abamnyama abangenwe yiSatanism, kodwa leSatanism beyisebenzise njengabafundisi bezenkolo!
53.Ngike ngezwa omunye umfundisi okuthiwa nguDokotela, eshumayela ngesingisi ethi: “Ukubulala yisono, ukudlwengula yisono, ukuphinga yisono; wabala izono eziningi ezimbi.
54.Kodwa ekugcineni wathi akakho umuntu oyoya esihogweni ngokwenza izono, ngoba umuntu ulahlelwa ukingayemukeli iGospel, noma ivangeli! Angazi ukuthi ungayichaza uyithini lenkilumo?
55.Lomfundisi ukhuluma izinto eziningi ezingukuhumusha kwakhe iBhayibheli, kodwa eziphambene neliteral meaning esiyifunda eBhayibhelini!
56.Ngiyabona yiyo lembudane yevangeli okwenza onkulunkulu bakhe bamgixabeza ngobudokotela!
57.Unobudokotela bokususa abantu kuNkulunkulu ngegunya lokhu ungumfundisi, futhi ongudokotela! Usebenzisa ubuqili babezizwe!
58.Ukuphikisa lomfundisi, yizwa ukuthi uPaul uthini kwabaseKorinte besibili isahluko 5:10: “Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKrestu SOKWEHLULELA, UKUZE YILOWO NALOWO AMUKELISWE NJENGALOKHO OKWENZILEYO ESESEMZIMBENI, NOMA OKUHLE, NOMA OKUBI!”
59.Lo dokotela-mbumbulu uthi ushumayela ivangeli likaKrestu, kodwa kulo lelivangeli uphikisa konke okushiwo nguYeshua!
60.KuMathewu13:41-42 uYeshua uthi: “INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo oku khubekisayo, nabenza okubi, ziba phonse esi thandweni somlilo lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
61.Kepha abalungileyo bayaku khanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe akezwe!”
62.Manje lelivangeli lalodokotela elithi umbulali akanakujeziswa liyisimo esinjani? Lomfundisi ugcwalisa lenkulumo kaYeshua ekuMathewu 15:7-9, lapho ethi:
63.“Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani lapho ethi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze, bafundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu!”.
64.Kodwa lemfundiso yalodokotela ayisiyo imiyalo yabantu, kodwa umyalo kaSathane, ngoba akakho umuntu ongathi umbulali angenke ajeze!
65.Abezizwe bafundisa abantu abamnyama ukuthi umthetho kaNkulunkulu waqedwa yisivumelwano esisha.
66.Uma bekhuluma ngesivumelwane esisha bacaphuna incwadi kaJeremia kusukela ku vesi 31. Kulencwadi uJehova uthi:
67.“Bheka izinsuku ziyeza, lapho ngiyokwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israel nendlu kaJuda.”
68.UJehova wayebala indlu ka-Israel nendlu kaJuda ngoba lemibuso yabe seyehlukana, kodwa iseyinto eyodwa kuNkulunkulu!
69.“Kepha yilesi isivumelwano engizosenza NENDLU KA-Israel, emveni kwalezo zinsuku. Kusho uJehova.
Ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziweni zabo, ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
70.Abasayikufundisana ngokuthi yazi uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, ngokuba ngiyakuba thethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusi khumbula!”
71.Ngalesisiprofetho abantu base befundiswa ukuthi umuntu useyovele angene nje ezulwini ngaphandle kokwahlulelwa izono zakhe.
72.UPaul usivezela into thina makholwa esiphambene nalokhu esihlale sifundiswa khona enkolweni yethu entsha!
73.Kanti futhi sobuye sehlulelwe? Pho uYeshua uzifele kanjani izono zethu uma sobuye sehlulelwe?
74.Manje lesi siprofetho sivele sagxunyekwa nje ngaphandle kokuba abantu abamnyama bezibuze ukuthi lesi siprofetho sihlanganaphi nokufa kukaYeshua, futhi njengoba uNkulunkulu wakhuluma ngendlu ka-Israel noJuda, abezizwe bangena kanjani kuyo?
75.Kodwa okukhulu ukuthi abantu abamnyama kuthe uma lenkolo ilethwa kubo, ngobukhulu ubuqili yavele yabhekiswa phansi, bathatha into engenakhanda, engenanyawo! Kanjani?
76.Abamhlophe bathi yibo ama-Israel, abamnyama ngabezizwe! Kodwa ngokomlando yithi ama-Israel, abezizwe ngabamhlophe!
77.Lokhu abamhlophe bakwenza ngezindlela eziningi. Okokuqala basephuca ubuzwe bethu, basebesibiza ngamaNegro namaBantu!
78.Okwesibili okhu bakwenza ngokushintsha izithombe zethu zaseBhayibhelini zenziwa zaba mhlophe, kwase kube sengathi kunobufakazi bokuthi amaHebheru kwakunga bantu abamhlophe!
79.Kodwa okubi kakhulu, ngenkathi amaRoma ewanqoba amaJuda, bashaya umthetho owawuchitha inkolo kaMose, bayibiza ngokuthi yinkolo yamaHebheru!
80.Kodwa ukuze belekelelwe yithi ukuchitha inkolo kaMose, baqhamuka nezincwadi eziningi ezingamanga okwakungathi zifakaza ukuthi umthetho kaMose waqedwa nguNkulunkulu! Nathi sakwemukela lokho!
81.Okokuqala bakhuluma ngesivumelwano esisha, kodwa okuyinto engekho eBhayibhelini. Isivumelwano esisha eBhayibhelini siqondene namaHebheru kuphela!
82.Okwesibili base bakha inkolo ethi ukufa kukaYeshua kuqeda izono zethu, ngakho ke asisekho isizathu sokugcina umthetho kaMose! Lemfundiso iyimbudane!
83.Kodwa lemfundiso iphikisa yona imfundiso kaYeshua ethi umthetho kaMose umi nguna phakade, nokuthi uma umuntu engawugcini umthetho kaMose angenke angene ezulwini!
84.Ukufakaza ukuthi umthetho kaMose awuzange uqedwe ngukubethelwa kukaYeshua, ngisho emva kokubethelwa kukaYeshua, abapostoli baqhubeka nokufundisa ngomthetho kaMose, okungungumthetho esasiwunikwe nguJehova!
85.Ku-Izenzo 28:22-23 kuthi: “Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi (uPaul) ucabangani, ngokuba siyazi ngalelihlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke! (Umlando uyaziphinda ngoba namanje ihlelo lamaNazaretha liyaphikiswa!)
86.Sebemmisele usuku baya kuPaul endlini ngobuningi, wabacacisela, efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela EMTHETHWENI KAMOSE nakuba profethi.”
87.Emva kwaYeshua umpostoli uPaul wayefundisa NGOMTHETHO KAMOSE! Pho kuvelaphi ukuthi asisaphili ngaphansi komthetho ngoba uYeshua wafela izono zethu?
88.Sizwa futhi uPaul esaqhubeka nokushumayela ngokubaluleka komthetho kwabaseTheselonika besibili isahluko 2 vesi 8-12 lapho ethi
89.“Kulaphoke eyakwa mbulwa khona LOWO ONGENA MTHETHO, eyaku mqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngoku bonakala kwayo mhla ifika.
90.Ukufika kwalowo ONGENA MTHETHO kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo wonke amandla, nangezi bonakaliso, nezi mangaliso, ezinga manga, nangayo yonke inkohliso yokunga lungi kwaba bhubhayo, ngenxa yokuba bengaku vumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe!
91.Ngalokho ke uNkulunkulu ubathumela ukulutheka okunamandla, ukuze bakholwe ngamanga ukuba BAHLULELWE BONKE ABANGA KHOLWANGA YIQINISO, KODWA BEJABULELA UKUNGA LUNGI!”
92.Uma uNkulunkulu ethi yenza isenzo esithize, noma ungasenzi isenzo esithize, LOWO NGU MTHETHO KA NKULUNKULU! Uma wena UPHIKISANA NOKUSHIWO NGU NKULUNKULU, USUWEQA UMTHETHO!
93.Ziningi izindlela zokweqa umthetho kaNkulunkulu! Ungaweqa umthetho ka Nkulunkulu ngoku khuluma, uphikisane nokushiwo nguNkulunkulu! Lokhu ungakwenza ngoku khuluma kubantu uthi lomthetho awusho lokhu, kodwa usho lokhu!
94.Ngike ngezwa omunye umfundisi ethi uma uLevi 19:28 ethi: “Aniyikuzigcaba emzimbeni yenu ngenxa yabafileyo, aniyikuqopha imibhalo emabalabala kuyo, nginguJehova!”. Ethi lomthetho awusho ukuthi ungawenzi ama tattoo!
95.Lomuntu obekhuluma lokho ngumfundisi! Kusobala ukuthi omubi usebenza ngabefundisi ukudukisa abantu!
96.Uthi ke uYeshua kuMathewu 5:19: “Oweqa owodwa kulemi yalelo emi ncinyane, abafundise abantu kanjalo, uyakuthiwa mncinyane embusweni wezulu!” Lomfundisi ubefundisa abantu ukuthi abeqe umthetho kaNkulunkulu!
97.Sikhuluma ngokuthi ukukholwa kweqiniso, ubungcwele, ukugcina umthetho kaNkulunkulu, noma ukuhamba ngokwe zimiso zika Nkulunkulu!
98.Uma ukukholwa kwakho kungu kwephula umthetho ka Nkulunkulu, noma ungazibiza ngokuthi ulikholwa, kodwa ngenke uwubone umbuso wezulu! Kwasho yena uYeshua!
99.KuMathewu 7:21-23 uYeshua uthi: Akubo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakubona umbuso wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza INTANDO KABABA OSEZULWINI.
100.Abaningi bayothi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?
101.Khona ngiyakubatshela, ngithi: Angizange nginazi, sukani kimi nina benzi bokubi!”
102.Lezi zincwadi uMathewu 5 no 7 zibaluleke kabi kumuntu okufuna ukuya ezulwini, ngoba ziyakuchazela ukuthi ukuze umuntu engene ezulwini kumele eziphathe kanjani.
103.Kodwa ngeshwa angikaze ngizwe emabandleni kufundiswa ngalezi zincwadi!
104.KuJohane 14:15 uYeshua uthi: “UMA NINGITHANDA, NIYAKUGCINA IMIYALO YAMI!”
105.Imiphi lemiyalo othi uYeshua uma simthanda asiyigcine? Imiyalo uYeshua owathi asiyigcine okungumthetho kaNkulunkulu, ikuMathewu 5:17-19, noMathewu 7:21-23!
106.Uma ungiphikisa kulokhu engikushoyo, nginikeze imiyalo kaYeshua othi uma simthanda asiyigcine?
107.Umuntu ohlale ekuzwa ukuhlale amakholwa ebabaza, ehlabelela ngoJesu, ethi uJesu wafela izono zethu, ngakho ke asisenasono!
108.Kodwa awuzwa lutho ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu njengokuyala kukaYeshua!
109.Kodwa konke lokhu kukholwa oku fundiswa ngu Yeshua okuku Mathewu 7:21-23 amakholwa akuwakhathazi!
110.Uthi uYeshua noma ungahlale uprofetha ngegama likaYeshua, ukhipha amadimoni ngegama likaYeshua, wenza imisebenzi emikhulu yamandla ngegama likaYeshua, konke lokho akusho lutho uma ungawugcini umyalo kaNkulunkulu!
111.Uthi ke uYeshua uyokuxosha ezulwini usukushilo konke lokho, ngoba ukungena ezulwini kufanele kube nobufakazi bokuthi uyakwenza yini lokho owathi uNkulunkulu umuntu olikholwa akakwenze, OKUKUGCINA IZIMISO ZIKAJEHOVA NJENGOBA SAZIFUNDISWA NGUMOSE!
112.Thina sahlala no mprofethi ka Jehova, uBabamkhulu, owaye sifundisa ngazo zonke izimiso zikaJehova okumele uzigcine uma uthi ungu mntwana ka Nkulunkulu!
113.Umprofethi wayesi fundisa ngento oyaziyo, ngoba wa xhumana no Nkulunkulu!
114.Kodwa okukhulu kakhulu, njengamanje sihleli nengelosi evela khona ezulwini, eze emhlabeni ukuzo qondisa ngomkhondo wezwi likaJehova okumele siwulandela uma sifuna ukufika kulowo muzi okhazimulayo!
115.Ngiyazi abaningi bathi:”Angenke siwulandele! Kodwa ke isihlungo sozihlungo! Mina ngobe ngiwenzile owami umsebenzi!
116.Ngijwayele ukuzwa uSister Celestial ethi abantu abafunde iBhayibheli, ngoba liphambi kwabo. Musa ukuthatha izimfundiso zabafundisi abasebenzela usathane, bese uhamba ngazo ngoba uzwa umuntu ethi ungudokotela wenkolo! Ungudokotela wiyiphi inkolo?
117.Engikushoyo ukuthi ukukholwa kwethu akususelwe eBhayibhelini, sibheke ukuthi imithetho kaNkulunkulu ngoMose ithini, abaprofethi bafundisa bathini, uYeshua wafundisa wathini, naba postoli bafundisa bathini NGOKUGCINWA KOMTHETHO KAJEHOVA!
118.UPaul kumaHebheru 10:26-31 uthi: “Ngokuba uma sona ngabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yesono.
119.Kepha kuphela UKU LINDELA UKWE HLULELWA OKWE SABEKAYO NOMLILO OVUTHAYO OZAKU NGQONGQISA AMAPHIKANKANI!
120.Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu!”
121.Uma sifuna ukuya ezulwini, asilwele ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokugcina imithetho kaJehova owayiloba ngenceku yakhe uMose!
Isihlabelelo 57.
1.Sifuna indlela
Yokuya ekhaya
KuJehova iNkosi yethu
UMdali wezulu.
Chorus. Indlela eya ekhaya
Yedlula engozini.
2.Sifuneleni abathunyiweyo
Ukuhola abaningi
Ukubayisa kuMhlali neZiyoni
Emzini wokuphumula
Chorus.
3.Ibalimazile abaningi
Abayithandayo
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
Chorus.
4.Qiniselani nina maqhawe
Ngayo leyo Ndlela
Ekupheleni kwalezo zinhlungu
Niyongena eKuphakameni.
Chorus.
INkosi ibusise enikuzwile.