Njengomholi wamaNazaretha kaNkulunkulu, kumele ngikucacise ukuthi nguMprofethi u-Isaya Shembe owavusa i-Mosaic Faith!
Lokho waze wakubhala phansi kuvesi 3 womthandazo weSabatha othi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe uJehova owanilobela yona ngeNceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi!”
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: ”Inkinga yokungasiqoki isimo sobuNkulunkulu.”
2.KuDuteronomi 5:6-7 uJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma la mazwi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila. Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandla kwami.” Amen!
3.Uma uJehova ethi, ‘ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, lokho akuchazi kuphela ukuthi kumele kube nento noma umuntu ombiza ngoNkulunkulu, kodwa noma yini ethatha indawo kaNkulunkulu ngokuyikhonza, leyonto isingomunye unkulunkulu!
4.Ngoku ‘khonza’, kusho noma yini ocela kuyo noma noma obonga kuyo, noma oyenzela umhlatshelo njengoba usuke wenzela uJehova! Inkolo kaJehova ke iyinkolo enoNkulunkulu oyedwa!
5.Ku-Exodus 22:20 kuthi: “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, engenzeli uJehova yena yedwa, uyobhujiswa!”
6.Ubani uNkulunkulu esikhuluma ngaye? Lo Nkulunkulu nguMdali wezulu nomhlaba, eBhayibhelini obizwa ngokuthi nguJehova!
7.Onke amakholwa adumisa uJehova ngokugcina imithetho yakhe owayiletha kithi ngoMose.
8.Kodwa sisakhuluma ngenkolo, sengijwayele ukuzwa ivangeli elisha, nelingididayo!
9.Leli vangeli lithi: The difference between spirituality and religion is that Religion is taught, it was formed by men about God or about spiritual matters.
10.But spirituality was not created by men, it is as old as man! It is something that we are given, everyman is a spiritual being!
11.Africa continent was a spiritual continent, not a religious continent. Religions came to Afrika!” Amen!
12.NgesiZulu kuthi: Umehluko phakathi kwenkolo neSpirituality ukuthi inkolo yinto efundiswayo, yinto eyakhiwa ngabantu ngoNkulunkulu noma ngezinto ezingumoya. (okusho ukuthi uNkulunkulu yinto eyakhiwa ngabantu ezingqondweni zabo, kodwa engekho)!
13.Iyaqhubeka le mfundiso ithi: Kodwa iSpiritualty, noma umoya, awuzange wakhiwe ngumuntu, ngoba mdala ufana nokudalwa komuntu.
14.Umoya yinto sonke esinayo ngokwemvelo ngoba vele kwathina sakhiwe ngumoya!
15.I-Afrika yizwekazi lomoya, hhayi lenkolo, inkolo yalethwa e-Afrika. (okusho ukuthi inkolo yalethwa ngabezizwe e-Afrika!)”
16.Lo muntu ke ubechaza ngencwadi yakhe kuyo ochaza nge-African Spirituality as opposed to religions!
17.Ngoba le mfundiso ngeyabantu abathi benze ucwaningo olunzulu ngabakushoyo, angibaphikisi, kodwa nami ngifuna ukuyizwa kahle lemfundiso yabo, ukuze njengomfundidisi, nami lolulwazi ngilidlulisele emakholweni!
18.Okokuqala lithi leli vangeli inkolo yayingekho e-Afrika, kodwa yalethwa ngabezizwe. Okwakukhona e-Afrika i-African Spirituality, okwakuyindlela esixhumana ngayo nezidalwa, noma esixhumana ngayo noMdali!!
19.Inkinga yami yokuqala ukuthi angazi ukuthi nge-Afrika basho liphi izwekazi, ngoba ngokwazi kwami ekuqaleni i-Afrika yayihlanganisa neNortheast Afrika, manje isibizwa nge Middle East!
20.Zimbalwa izinto engifisa ukucaciselwa zona ngale African Spirituality engafani ne Religion noma nenkolo!
21.Njengoba sesichazile, ngolwazi lwami i-Afrika ihlanganisa ne Northeast Afrika, namhla esibizwa ngeMiddle East, okuyi tectonic plate yezwekazi labantu abamnyama, i-Afrika!
22.Sesichaze kabanzi ngomsuka wenkolo yethu kusukela kuMose kuze kube namuhla!
23.Ngokomlando inkolo yesizwe samaHebheru, okuyi Mosaic Faith, yasungulwa nguMose ngonyaka ka 1447 B.C., ethunywe nguJehova eNtabeni yaseSinayi, okukhona lapha e-Afrika!
24.Le nkolo amaHebheru ayemukela endleleni esuka eGibhithe, lapho uMose ngengalo enamandla kaJehova owabe ewakhiphe khona bezigqila zamaGibhithe, nawo okwakungabantu abamnyama!
25.Ngokomlando abantwana bakwa-Israel babebuswa yile nkolo kusukela ngaleso sikhathi kwaze kwaba banqotshwa yisizwe samaRoma ngo 70 A.D.! Ngakho-ke le nkolo ayikaze ingaba se-Afrika!
26.Sesikhulume kaningi ukuthi isizwe samaRoma, ngaphansi koMbusi uConstantine, sayiqeda kanjani inkolo yamaHebheru ebizwa ngokuthi i-Mosaic Faith!
27.Emva kokuba amaHebheru, ngaleso sikhathi abe esaziwa ngokuthi ngamaJuda, esenqotshiwe ngamaRoma, ngo 325 A.D., umbusi wesizwe samaRoma, uConstantine wasungula inkolo yabezizwe esisabuswa yiyo kuze kube namanje!
28.Ngiyakuvuma ukuthi inkolo okwamanje iningi lethu esikuyo, yafika nabezizwe, kodwa hhayi ukuthi yonke inkolo yafika nabezizwe!
29.IMosaic Faith iyinkolo eyasungulwa nguMose ngesimo seSpirituality, ngoba wayeholwa nguMdali! Kodwa le nkolo yasungulwa khona lapha e-Afrika! Ayihlangene nenkolo yabezizwe!
30.Yebo kuliqiniso ukuthi inkolo iningi lethu elingaphansi kwayo, yinkolo eyafika nabezizwe e-Afrika!
31.Futhi kuliqiniso ukuthi inkolo yabezizwe akusiyo inkolo engabizwa ngokuthi yi-Spirituality, ngoba yinkolo eyasungulwa ngumbusi, neyayingahlanganise lutho ne-Spirituality, kodwa eyayakhiwe ngokweze politiki!
32.Kodwa lokho akusho ukuthi ngoba lenkolo yakhiwa ngumuntu, noma yisigungu sabantu, ngakho-ke yonke inkolo yakhiwa ngumuntu eyisusela engqondweni yakhe!
33.Kubukeka singabantu abangazizi, noma sesikhohliwe ukuthi inkolo yethu njengenzalo kaJakobe, iMosaic Faith, yasungulwa ngumuntu omnyama entabeni yaseSnayi, okulapho wahlangana khona noJehova uNkulunkulu wethu!
34.Ngike ngezwa owesifazane ethi iBhayibheli incwadi thina abamnyama engasithinti ngalutho. Angazi ukuthi kuliqiniso kangakanani lokho!
35.Ngiyazi ukuthi kwabaningi bengathatha ngokuthi inkolo kaMose ayisekho, ngoba akusakhulunywa ngayo, kodwa akunjalo, iMosaic Faith ikhona!
36.Lapha angikhulumi ngeJudaism okuyinkolo eyasungulwa yilamaJuda-mbumbulu, kodwa ngikhuluma ngeMosaic Faith esemqulwini obizwa ngokuthi iTorah, nosenkolweni kaMose, le esetshinziswa eTopiya, hhayi iTalmud esetshenziswa ngama Askenanzi Jews!
37.IMosaic Faith, lapha eSouth Afrika yavuswa nguMprofethi u-Isaya Shembe, iyinkolo yamaNazaretha!
38.Njengomholi wamaNazaretha kaNkulunkulu, kumele ngikucacise ukuthi nguMprofethi u-Isaya Shembe owavusa i-Mosaic Faith!
39.Lokho waze wakubhala phansi kuvesi 3 womthandazo weSabatha othi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe uJehova owanilobela yona ngeNceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi!”
40.Kungumlando owaziwa noma ngubani ofundile ukuthi izincwadi zeBhayibheli, okusho iTestamente Elidala nelisha, zabhalwa isizwe samaHebheru, okwathi ngokwehlulwa yisizwe samaRoma, amaRoma asezihlanganisa lezi zincwadi, ziba yincwadi eyodwa abayibiza ngokuthi iBhayibheli!
41.Kuningi lesi sizwe esakushintsha eBhayibhellini ukuze kuhambelane nenkolo yabo.
42.Kodwa namuhla lapha eSouth Afrika umprofethi owavusa iMosaic Faith nguMprofethi u-Isaya Shembe! Leli yiqiniso!
43.Noma lezi zifundiswa zakithi zithi zenza ucwaningo ngokwalemfundiso ye-Spirituality, kodwa ngokwami zibukeka zingenalwazi ngesimo somsuka wobukhona benkolo yase-Afrika njengoba yasungulwa nguMose, yaqedwa ngabezizwe, yabe isivuswa nguShembe! Inkolo kaMose yasungulwa e-Afrika!
44.Kodwa futhi awukwazi ukuyikhipha ku-Spirituality, ngoba uMose lenkolo wayinikwa nguMdali! God is a Spirit!
45.Isimo senkolo kaMose siyefana nesomuntu ongenwa ubungoma, umehluko ukuthi isangoma sixhumana nabaphansi, kanti umprofethi ulawulwa nguMdali ogama lakhe nguJehova!
46.Ngamanye amazwi, iTorah, noma incwadi equkethe izincwadi eziyisihlanu zokuqala ku-Old Testament, yiConstitution yeMosaic Faith! IBhayibheli liyincwadi equkethe inqubo yokukholwa kwe Mosaic Faith!
47.Inkolo kaMose yayilawulwa nguMdali, oyiSpirit, njengoba neSpirituality silawulwa ngabaphansi, abangamaSpirits!
48.Kungumlando oliqiniso ukuthi izincwadi zeBhayibheli zabhalwa ngamaHebheru, akusiyo nje inkolelo!
49.Futhi kungumlando oliqiniso ukuthi amaHebheru ngabantu abamnyama, lapha eSouth Afrika okuyithi!
50.Angidingi ukuchaza umlando wenkolo kaMose, ngoba iningi lethu luyawazi.
51.Kodwa lapha ngizochaza umlando wenkolo kaShembe, ukubonisa ukuthi kungani ngingavumelani nokuthi inkolo iyakhiwa, nokuthi lapha e-Afrika inkolo yalethwa ngabezizwe!
52.UMprofethi u-Isaya Shembe eminyakeni yo 1870 wakhulela epulazini lomlungu eHarrismith, ehlala enkopholo, elusa.
53.Empilweni yakhe wayengazi lutho ngenkolo, futhi engakaze aye esikoleni. Kodwa kwathi cishe eneminyaka engu 12, wabona sekuduma izulu kushaya imibani phambi kwakhe, kodwa libalele.
54.Kwase kuvela izwi lithi: “Guqa, ngoba uphambi kweNkosi yakho!”. UShembe waguqa. Lelizwi lase lithi: “Thandaza!”. Kodwa ukuthandaza wayengakwazi, futhi engakaze ambone umuntu ethandaza!
55.Wabe esezwa into ekwasasondo iphenduka esifubeni sakhe, wazizwa esethandaza, kodwa engazi ukuthi kanjani!
56.Ngelinye ilanga esibonakalisweni wabona iBhayibheli, kwase kuthiwa akayolifuna emzini wabanye abantu abasebengamakholwa.
57.Elithola leliBhayibheli, walifunda, kodwa engakaze akwazi ukufunda, wafundiswa ezulwini ukulifunda!
58.Zonke izincwadi zeBhayibheli uShembe wayezifundiswa nguMdali, nokuthi imfundiso ethize uzoyithola kusiphi isahluko, konke lokho wayekufundiswa nguJehova!
59.Inkolo, noma ibandla lamaNazaretha lasungulwa lapha eSouth Afrika, kodwa hhayi ngokuhlakanipha komuntu, kepha ngokuqondiswa nguNkulunkulu!
60.Lapha ngichaza nge Spirituality njengoba sichazwa yilezi zifundiswa! Lena inkolo esungulwe khona lapha eSouth Afrika,
61.Kwafika uMoya kaNkulunkulu kuShembe, njengoba kufika umoya wabaphansi kuyisanusi, kodwa loMoya ongcwele wasungula inkolo khona lapha e-Afrika!
62.Ngiphendula lenkulumo ethi inkolo iyakhiwa, nokuthi inkolo yayingekho e-Afrika, kodwa yafika nabezizwe!
63.UbuNazaretha yinkolo eyasungulwa nguShembe khona lapha e-Afrika, nevusa inkolo kaMose, nayo eyayisungulwe khona lapha e-Afrika!
64.Ngokwencazelo yalezi zifundiswa zakithi, zithi iRelion yinto nje eyakhiwa zihlakaniphi, noNkulunkulu uyinto nje eyakhiwe!
65.Kodwa loNkulunkulu uMose osifundisa ngaye, akasiyo nje into eyakhiwe engqondweni zihlakaniphi, kodwa kwehla uMdali wezulu nomhlaba ezulwini, wakhetha umuntu ukuba ngaye alethe inkolo yakhe kubantu, okwakuyisizwe samaHebheru!
66.Ayikho into engihlukumeza njengokuzwa umuntu omnyama ethi uNkulunkulu neBhayibheli yinto nje engekho, kodwa eyakhiwa ngabelungu!
67.Mina ngiyinzalo yamakholwa, kodwa ngoSeptember 2006 kwafika kithi ingelosi esihlale nathi kuze kube namuhla!
68.Noma ngangikholiwe, kodwa ingelosi yafike yakuqinisa isimanga ukukholwa kwami, ngoba manje angisagcini ngokukholwa, kodwa izinto eziningi ngezulu sengiyazazi!
69.Ingelosi yafike yathi angakhe ibandla, kulo ngifundise ngeBhayibheli nangezimfundiso zikaShembe uMprofethi!
70.Namuhla senginolwazi oluyisimanga ngeBhayibheli, ngifundiswa yiyo lengelosi! Ingelosi ingumoya(it is the spirit), njengawo amadlozi!
71.Ngakho-ke uma ukuxhumana nabaphansi kungaphansi kweSpirituality, nokuhlala nengelosi, ikufundise, it is still spirituality!
72.Kodwa ingelosi yafike yaqhuba inkolo eyasungulwa nguShembe, yena evusa inkolo kaMose!
73.IBhayibheli linawo amaphutha, ngoba labhalwa ngabantu abehlukene ngezikhathi ezahlukene, kodwa ingqikithi yeBhayibheli, okuzimfundiso zikaMose ezikuyiTorah, zimfundiso ngokukhonza uJehova onguMdali!
74.Yonke inqubo yokukholwa kuJehova uNkulunkulu wethu, nonguMdali wezulu nomhlaba, iseBhayibhelini!
Inkosi ibusise enikuzwile.
Le ntshumayelo iyatholakala kuyoutube nofacebook othi Rev Mpanza NCG.