Engifisa isizwe sakithi sikwazi ukuthi noma kungakhiwa buqili buni, buqhamuka nanoma ngubani, kodwa ezulwini kuyaziwa ukuthi amaHebheru yithi! Akuyikho ukuhlakanipha ukuthi singalwela ukuqondisa ubuzwe bethu, bese siziba inkolo yethu esayinikwa nguNkulunkulu ngokusithanda kwakhe!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi:“Isidingo sokubuyisa inkolo yethu”.
2.Amahubo 83:1-5 naku12-18. “Nkulunkulu ungathuli, ungali ukukhuluma Nkulunkulu! Ngokuba bheka izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo bayakuvukela.
3.Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho.
4.Bathi wozani sibaqothule, bengabe besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa! Baceba nganhliziyonye, benza isivumelwano ngawe!
5.Ababethi masizithathele amadlelo kaNkulunkulu, Nkulunkulu wami, benze bafane nothuli, bafane namakhoba emoyeni.
6.Njengomlilo oshisa ihlathi, baxoshe kanjalo ngesivunguvungu sakho. Ubuso babo ubuthele ngehlazo baze bafune igama lakho Jehova!
7.Mabahlazeke baphele amandla kuze kube phakade, mabahluleke, babhubhe, bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakhe linguJehova, ungoPhezukonke emhlabeni wonke!”
8.Lenkulumo eyisiprofetho yakhulunywa yinkosi uDavide umbuso wakwa-Israel usahlangene! UDavide ke wayebuye abe ngumprofethi!
9.Emva kwenkosi uSolomon ubukhosi bakwa-Israel behlukana kabili, kwaba ubukhosi bakwa-Israel nobukhosi bakwaJuda!
10.Ngenxa yokuhlubuka uJehova, ubukhosi bakwa-Israel basheshe baqedwa ngabezizwe, kodwa obakwaJuda kwasimama iminyaka eminingi, baze baqedwa yisizwe samaRoma ngo 70 A.D.!
11.Abezizwe sebewanqobile amaJuda, bahlangana balwela ukuthi benganqobi isizwe kuphela, kodwa baqede nangenkolo yamaHebheru!
12.Babazi ukuthi uma amaHebheru esanamathele kuJehova, asikho isizwe esobanqoba, ngoba bekuqonda ukuthi asikho esinye isizwe esingamelana noJehova!
13.Isizwe esaqala ukuqeda inkolo yabantwana bakwa-Israel kwaba ngamaGriki. Yonke indlela amaGriki ayeqeda ngayo inkolo yamaHebheru uyithola encwadini yeBhayibheli, uMaccabees.
14.AmaGriki ayebulalela izingulube kuyi-alter yama-Israel ngenhloso yokuwahlukumeza! Kwakuthi uma beke bathola umntwana womHebheru esokiwe, bambulale, bese bemgaxa entanyeni kanina esefile aze abolele kuye! Nonina anganikwa ukudla alambe aze afe!
15.Le kwakuyindlela yokuvimba amaHebheru ukuba angabuye akucabange ukuvuselela isivumelwano sawo noJehova ngokusoka!
16.KumaHubo 83:3-5, iNkosi uDavide iprofetha ngalesi senzo, yathi: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, bacebisane ukulwa nabathukusiweyo bakho.
17.Bathi WOZANI SIBAQOTHULE, BENGABA BESABA YISIZWE, NEGAMA LIKA-Israel LINGABE LISAKHUNJULWA. BACEBA NGANHLIZIYONYE, BENZA ISIVUMELWANO NGAWE!”
18.Abezizwe abagcinanga ngokuqeda ngenkolo yamaHebheru, kodwa babuye bawaxosha nasezweni lawo, namuhla elibizwa ngePalestine.
19.Ngesikhathi sikaMose uJehova wayekushilo kuDutoronomi 28 ukuthi uma abantwana bakwa-Israel bemhlubuka, uyobanikela ezitheni zabo ukuba zibanqobe, begcine beyizigqila!
20.Kodwa noma kunjalo, uJehova wakusho ukuthi sebethunjiwe yizizwe, uyobuye ebafune ebaqoqe ezindaweni abobe bethunjwe kuzo!
21.KuJeremiya 23:3-8 uJehova uthi: “Mina ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma yande!
22.Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abakuyalusa, ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa, kusho uJehova!
23.Ngalokho izinsuku ziyeza, usho uJehova, abangasayikusho ngazo ukuthi: “Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israel ezweni laseGibhithe; kepha ukuthi:
24.“Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israel ezweni laseNyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshela khona, iyokwakha ezweni lakubo!” Amein!
25.Kulesi sikhathi sanamuhla inkinga esibhekene nayo ukuthi uma sikhuluma ngabantwana baka-Israel, noma amaJuda, sikhuluma ngasiphi isizwe?
26.Umlando wokuthi ngobani amaJuda uqondile, kodwa ngoba kwakuqondwe ukuqeda ngalesi sizwe, wonke umlando waso wafihlwa, nathi ke salandela lokho esikufundiswa yizitha zikaJehova!
27.Sinobufakazi bokuthi amaLemba, okungabantu abamnyama lapha eSouth Afrika, bayinzalo yabantwana bakwa-Israel. Bafika eMzansi ne-Afrika emva kokuba ubukhosi bakwa-Israel behlulwe babuye bahlakazwa ngabezizwe!
28.Sinobufakazi obuqondile bokuthi emva kokuba amaRoma ewanqobile amaJuda, amaJuda abalekela eWest Afrika, amanye aba phakathi ne-Afrika, kanti amanye abalekela eSouth Afrika, okuyithi!
29.Ama-Israel abalekela eWest Afrika, emva kwesikhathi, esebizwa ngamaNegro, adayiswa emazweni amaningi ase-Europe esezigqila.
30.Pho lamaJuda amhlophe iJerusalema osekungumuzi wawo, aqhamukaphi?
31.Abantu uma beke bamukela inkolo, bathatha noma yini efundiswa yileyo nkolo, kungakhathaleki ukuthi leyonto iyimbudane kangakanani!
32.Isizwe sakithi sathi uma samukela inkolo yabezizwe, bamukela konke abakufundiswa yilezi zizwe, bangakunaka ukuthi yiyo lenkolo eyachitha inkolo kaJehova ngamaCreeds!
33.Angikaze ngimuzwe umuntu omnyama ekhuluma ngamaCreeds okwakuyimithetho ka Constantine, ngawo owaqeda inkolo kaJehova! Kodwa lamaCreeds asezincwadini zenkolo yabezizwe, nakuma encyclopedia alezi zinkolo!
34.Okuseqinisweni angikaze ngimuzwe umuntu wakithi ekhuluma ngenkolo kaMose, okuyinkolo yethu, bamukela nje ukuthi yithina amaHebheru, kugcine lapho!
35.Angenke ubezwe bekhuluma ngenkolo yethu! Uma kuyithi amaHebheru, sithini ngenkolo yamaJuda eyachithwa ngamaRoma, sithini ngeBhayibheli elabhalwa yithi, ngoba manje sekuyithi esithi iBhayibheli labhalwa ngabamhlophe?
36.Akesikhulume iqiniso, iTorah yabhalwa ngubani? Zona izincwadi zeTestamente Elisha zabhalwa ngubani?
37.Iqiniso ukuthi amaNazaretha, okwakungabalandeli bakaYeshua, babenencwadi eqoqe zonke izindaba zikaYeshua, ebizwa ngokuthi THE GOSPEL OF THE NAZARENS.
38.Yiyo lencwadi uJerome owayihumusha ngokuyihlanekezela, wabe eseyibiza ngokuthi: NGOKUKAMATHEWU!
39.Emva kokwehlulwa kwamaJuda, zonke izincwadi zabo, kuhlanganisa nezikuyiTestamente Elidala, zabe sezisezandleni zabezizwe, nazo ezinye zazo abazishintshayo, ezinye bazichitha, njengencwadi ka-Enock nje!
40.Kodwa okwamanje angikhulumi ngalokho! Engifisa isizwe sakithi sikwazi ukuthi noma kungakhiwa buqili buni, buqhamuka nanoma ngubani, kodwa ezulwini kuyaziwa ukuthi amaHebheru yithi!
41.Akuyikho ukuhlakanipha ukuthi singalwela ukuqondisa ubuzwe bethu, bese siziba inkolo yethu esayinikwa nguNkulunkulu ngokusithanda kwakhe!
42.Eminyakeni yo 700 A.D., iNkosi yamaKhazars, uBulan, wathuma isizwe sakhe eBabylon ukuba siyofuna inkolo ehlukile kweyobuKrestu noma yobuSulumane, ngoba zombili lezi zinkolo zazilwa, ngakho ke engafuni isizwe sakhe sibe kulezi zimpi!
43.Safike sathola abantwana bakwa-Israel ababenqotshwe ngabezizwe, nababengasayi sebenzisi iTorah, sebene Talmud! Lenkolo yabe isibizwa ngokuthi iTalmudism!
44.Emva kwesikhathi yashintsha kwase kuthiwa yi Judaism, ngoba yayivele isuselwa enkolweni yamaJuda noma amaHebheru!
45.Lama Khazars akagcinanga ngokuthatha inkolo yesizwe esimnyama, kodwa bathatha nobuzwe babo, base bethi yibo abangaba ntwana bakwa-Israel!
46.Lokho kwazijabulisa izizwe ezimhlophe ngoba kwakuzinika ithemba lokuthi seziqedile ngalesi sizwe sikaMenzi wezulu nomhlaba, njengokubhala kwamaHubo 83:3-5!
47.Kodwa uYeshua wayewaphikile lamaJuda-mbumbulu encwadini yeSambulo; wababiza ngeSinagogue likaSathane!
48.Obunye ubufakazi bokuthi abantwana bakwa-Israel yisizwe esimnyama, lama-ashkenazi Jews asebenzisa iTalmud, hhayi iTorah eyayisetshenziswa ngabantwana bakwa-Israel.
49.Kodwa eTopiya, okuyizwe labantu abamnyama elingakaze libe colonized ngabamhlophe, bona basasebenzisa iTorah kanye nezinye izincwadi esezikhishiwe kuleliBhayibheli!!
50.Uma iTorah kungasiyo umqulu owanikwa isizwe esimnyama, kwenzeka kanjani ukuthi usetshenziswe ngabaseTopiya, bese kuthi abamhlophe besebenzise iTalmud, umqulu uMose ongazi lutho ngawo?
51.Ekhasini 83-84 lecwadi ethi: FROM BABYLON TO TIMBUKTU, okuyincwadi eyi-authority ngomlando wabantwana bakwa-Israel kusukela behlakazeka emva kokuhlubuka uJehova, uProfesa Rudolph R. Windsor uwucacise kahle umlando wama-Israel lapho ethi:
52.AMAJUDA AMANINGI ABULAWA; AMANYE ABALEKELA EZINTABENI NASEGIBHITHE.
53.KWASHAYWA UMTHETHO OWAWENQABELA UKUGCINWA KWEZINSUKU EZINGCWELE, ISABATHA, KANYE NOKUSOKA.
54.NGENXA YOKUZINGELWA NGEZIZATHU ZENKOLO, UMPRISTI OMKHULU U-ONIAS III, KANYE NAMANYE AMAJUDA, BABALEKELA EMAZWENI ASE-AFRIKA NJENGASEGIBHITHE NASEKHURENE (Lybia).
55.IMBANGELA EYAHOLELA EKUFUDUKENI KWAMAJUDA KWABA YIZIMPI, UKUHLUKUNYEZWA NGOKWENKOLO, KANYE NOHWEBO.
56.LESI SIMO SENZA UKUBA KUGCINE KUNAMAJUDA AFUDUKELA E-AFRIKA.
57.NGO 70 A.D. UJENENE UTITUS WAWUQEDA NGENKEMBA UMBUSO WAMAJUDA.
58.KUSUKELA NGESIKHATHI SIKAPOMPEY KUYA KWESIKA JULIUS CAESAR ALINGANISELWA ESIGIDINI AMAJUDA ABALEKELA E-AFRIKA, EXOSHWA WUKUZINGELWA NOKUGQILAZWA NGAMAROMA.
59.IZIMAKETHE ZAZIGCWELE IZIGQILA EZINGAMAJUDA AMNYAMA NJENGOBA KU DUTERONOMI 28:64 KUTHI: “UJEHOVA UYOKUHLAKAZELA EZIZWENI ZONKE, KUSUKELA KOLUNYE UHLANGOTHI LOMHLABA KUZE KUFIKE KOLUNYE.
60.UYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BEMITHI NAMATSHE ONGABAZIYO WENA NOKHOKHO BAKHO.”
61.“LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDUTERONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA EMVA KOKUBA ENGAYITHOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
62.IZIZWE EZININGI ZATHUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI, AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA.”
63.Okuseqinisweni ngokomlando akaze abe khona amaJuda amhlophe, abantwana baka-Israel kwakungabantu abamnyama!
64.Ngaphandle kwalobu bufakazi, sesinobufakazi ngisho be DNA ukuthi yithina nzalo ka-Israel esingamaNegro, amaLemba, namaBantu!
65.Ngabe abanye esizweni esimnyama bafuna bufakazi buni bokuthi amaJuda ngabantu abamnyama, nokuthi inkolo yabo yinkolo kaMose esayemukela eNtabeni yaseSnayi ngo 1447 B.C., yaqedwa ngabezizwe emva kwa 70 A.D.?
66.Abezizwe ke babona ukuthi lesi Sibusiso asisifanele thina, base bethi yibo amaJuda, noJehova bathi zonke izibusiso wazehlisela kubo, nezwe eliyisibusiso sethu sekungelabo!
67.Kungani kumele sibuyele enkolweni yethu? Mhla ka 4 January 2010, ingelosi yafike yaguqa phambi kwami nginomaNxumalo, yathi ithunywa kimi nguBaba iLanga ukuthi NGAKHE IBANDLA ELIZOBUYISELA ABANTU ENKOLWENI KAMOSE, OKUNGUKUKHONZA UJEHOVA YENA YEDWA!
68.Ngangingaphuphi, futhi ngangingekho esibonakalisweni, kodwa ingelosi yafika kimi njengoba yafika kumaNowa kubaHluleli 13!
69.INkosi iLanga yahamba emhlabeni ngo December 1976, kodwa ingelosi yathi ithunywe nguye uBaba iLanga ukuthi ilethe lomyalezo kimi!
70.Mhla ka 26 March 2011, ingelosi isizongigcoba ukuhola ibandla, yabuye yachaza ukuthi uBaba iLanga uyabonga ukuthi NGIMSEBEZELE USHEMBE NAMANAZARETHA, KODWA MANJE SENGITHUNYWA UKUBA NGISHUMAYELE IVANGELI LOKUTHI ABANTU BABUYELE KUJEHOVA!
71.UBABA ILANGA WATHI ABANTU ABALANDELE INKOLO KAJEHOVA EYASHUNYAYELWA NGUMOSE NABAPROFETHI, NJENGAMANJE LAPHA EMZANSI NE-AFRIKA, EFIKE YAVUSELELWA NGUSHEMBE UMPROFETHI!
72.Sengakuchaza ukuthi yingelosi eyangazisa ukuthi amaJuda yithina, futhi yiyo lengelosi namanje esasifundisa indlelela eyiyo yokukhonza uJehova!!
73.Ukuba uNkulunkulu elethe ingelosi ukuzohlala nabantu sekuyaziphinda, uJehova wakwenza lokho ku Eksodusi 23:20-23! Uthi-ke uJehova siyilalele ingelosi, singayicunuli, ngokuba igama lakhe likuyo!
74.Noma yimuphi umuntu ophilile ekhanda, akakwazi kulesi sikhathi sanamuhla ongekufune ukukhosela ngaphansi kwamaphiko engelosi kaJehova!
75.Njengamanje umhlaba usuyasongwa, sizobona ukuthi kuzophela u 2025 kwenzekani! Kodwa icilongo lokuqala selikhalile, sesilindele elesibili!
76.Wemhlaba uyoifihlaphi nazo zonke lezo zoni, balekani zidindi uyeza uJehova!
INkosi ibusise izwi layo.
Le nkonzo iyatholakala kuYoutube nakufacebook othi Rev Mpanza NCG.