Skip to content

UKUKHOLWA OKUNGA PHANSI KWAJEHOVA KUNYE

Ngakho ke uma amaNazaretha namaKrestu engizwa ngihlale ngikhuluma ngokukholwa kokudumisa uJehova, lokho akuveli kimi, kodwa ngathunywa nguShembe uBaba iLanga ukuba ngikwenze, lesi isibopho engasinikwa ezulwini, angikwazi ukusuka kuso!

Isihlabelelo 119
1.Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa.
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
 
2.Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa.
Sophelela sonke kuJehova
Onokusindisa.
 
3.Wena uyamdinga lo
Onokusindisa
Kuphela kwakhe uJehova
Onokusindisa.
 
4.Alikho nelinye igama
Esingasinda ngalo
Kuphela igama likaJehova
Esingasinda ngalo.
 
5.Asinazi hlangu
Esingavika ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingavika ngalo.
 
6.Asinazi khali
Esingalwa ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingalwa ngalo.
 
1.Incwadi kaJeremiya 44:1-15: “Izwi elafika kuJeremiya mayelana nabaJuda bonke ababehlala eGibhithe, lathi: “Usho kanje uJehova wamabandla, uNkulunkulu ka-Israel, uthi niyibonile yonke inhlekelele engiyehlisele iJerusalema nemizi yonke yakwaJuda.
 
2.Bhekani namuhla iyincithakalo, akusekho muntu ohlala kuyo, ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami ngokuhamba beyoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani nokhokho benu.
 
3.Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaprofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo. 
 
4.Nokho abangilalelanga, abangishayanga mkhuba, ukuba baphenduke ebubini babo, bangabe besashisela abanye onkulunkulu impepho.
 
5.Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqeni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembubhiso njengoba kunjalo nanamuhla
 
6.Ngakho ke, usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamabandla, uNkulunkulu ka-Israel, uthi nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabancelisayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?
 
7.Niluchukuzeleni ulaka lwami ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho eGibhithe, lapho niye ukuba nogogobala na?
 
8.Nizibhubhisa nina, ukuze nibe yisiqalekiso nehlazo ezizweni zonke zomhlaba.
 
9.Senizikhohliwe yini izenzo ezimbi zokhokho benu, ezamakhosi akwaJuda, nezamakhosikazi awo, izenzo zenu ezimbi nezamakhosikazi enu enazenzayo ezweni lakwaJuda nasemigwaqeni eJerusalema na?
 
10.Abazithobanga kuze kube namuhla, abasabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeke phambi kwenu naphambi kokhokho benu.
 
11.Ngakho ke, usho kanje uJehova wamabandla uNkulunkulu ka-Israel, uthi, bheka ngiyakubhekana nani ngqo, kube kubi, ngimbhubhise wonke uJuda.
 
12.Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala.
 
13.Kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo!
 
14.Ngiyobajezisa bonke abahlala eGibhithe njengoba ngajezisa iJerusalema ngenkemba, ngedlala nangobhubhane!
 
15.Akuyikuphunyuka namunye, akuyikusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyi kubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.
 
16.Wonke amadoda ayazi ukuthi omkayo bashisela impepho abanye onkulunkulu kanye nabesifazane bonke ababemi lapho, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe, ePhahirose, bamphendula uJeremiya, bathi:
 
17.“Izwi olikhulumile kithi egameni likaJehova ASIYIKULILALELA, KUNALOKHO SIZOKWENZA KONKE ESIKUTHEMBISILE NGEMILOMO YETHU.
 
18.SIZOYISHISELA IMPEPHO INDLOVUKAZI YEZULU, SIYETHULELE IMINIKELO YOKUPHUZWAYO NJENGOBA BESENZA THINA NOKHOKHO BETHU, AMAKHOSI ETHU, NEZIKHULU ZETHU, EMZINI YAKWAJUDA NASEMIGWAQENI EJERUSALEMA!”
 
19.Sesichaze kaningi ukuthi ubukhosi bakwa-Israel bahlakazeka emva kokubusa kwenkosi uSolomon. Ngesikhathi lobu bukhosi buhlakazeka, iningi labantwana bakwa-Israel laselivele limhlubukile uJehova, sebekhonza abanye onkulunkulu.
 
20.Ngenxa yokuhlubuka uJehova, amaJuda anqotshwa athunjwa yinkosi yaseBablon uNebukedinesari iminyaka engamashumi ayisikhombisa(70); emva kwalokho babuye babuyela eJerusalema, baliqala ukulakha kabusha!
 
21.UJeremiya waba ngumprofethi ubukhosi bakwa-Israel sebaphela, kodwa kusasele ubukhosi bakwaJuda. Kodwa nangesikhathi sikaJeremiya abantwana bakwa-Israel kuyacaca ukuthi basebemhlubukile uJehova!
 
22.Laba bantu babemazi uJeremiya ukuthi ungumprofethi kaJehova, kodwa yizwa ukuthi bamdelela kanjani uJehova.
 
23.Bathi kumprofethi: “Izwi olikhulumile kithi egameni likaJehova ASIYIKULILALELA, KUNALOKHO SIZOKWENZA KONKE ESIKUTHEMBISILE NGEMILOMO YETHU.
 
24.SIZOYISHISELA IMPEPHO INDLOVUKAZI YEZULU, SIYETHULELE IMINIKELO YOKUPHUZWAYO NJENGOBA BESENZA THINA NOKHOKHO BETHU, AMAKHOSI ETHU, NEZIKHULU ZETHU, EMZINI YAKWAJUDA NASEMIGWAQENI EJERUSALEMA!”
 
25.Babeshisela impepho lendlovukazi, okungomunye unkulunkulu, bekwenza lokho ngenkani, bemklolodela uJehova, bengenandaba ukuthi uJehova uthini ngomprofethi wakhe.
 
26.Sakusho kaningi ukuthi leNkosazane yezulu ebizwa ngoNomkhubulwane akusiyo into entsha ukukhonzwa ngabakwaYisrael, okuyithi. Lomkhuba wokukhonza iNdlovukazi, manje esibizwa ngeNkosazane yezulu, umkhuba omdala!
 
27.Lomkhuba abakwa-Israel bawuqala sebehlubuke uNkulunkulu.
 
28.Kusobala ukuthi lomkhuba wokushisela iNdlovukazi impepho babewufunde besahlala khona eGibhithe ngaphambi kokuba bacele kuNkulunkulu ukuba ebakhulule ebugqilini baseGibhithe.
 
29.Okumele sikukhumbule ukuthi yibona abakwaYisrael okwathi sebethunjwe umbuso waseGibhithe, base bebikela uNkulunkulu wokhokho babo o-Abraham, o-Isaak noJakoba ukuba ezobakhulula!
 
30.Ku-Eksodisi 3:7-8 kuthi: “UJehova wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababa cindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.
 
31.Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhulula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhenani, amaHiti, ama-Amori, amaPherizi namaJebusi!”
 
32.Lolu uthando oluyisimanga uJehova obathanda ngalo abantwana bakwa-Israel.
 
33.Esefikile eGibhithe ukuzobakhulula, walwa kakhulu noFaro engafuni ukushiya abantu bakhe engabakhulule.
 
34.Waveza izinhlupho ezilishumi ezibhekise eGibhithe, ekugcineni uFaro wehluleka ukumelana noJehova, wabakhulula!
 
35.Ku-Eksodusi 12:29-36 kuthi: “Phakathi kwamabili uJehova wabhubhisa wonke amazibulo aseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.
 
36.UFaro wavuka ebusuku nezinceku zakhe nabo bonke abaseGibhithe, ngokuba kwakunesililo esikhulu eGibhithe, kungekho muzi okwakungafanga muntu kuwo!
 
37.Wabiza uMose no-Aroni khona ebusuku, wathi kubo: “Vukani, niphume niphele kubantu bami, nina nabantu bakwa-Israel.
 
38.Hambani niyokhonza uJehova njengalokho nishilo. Thathani imihlambi, izimvu, izimbuzi nezinkomo njengoba nishilo, nihambe. NAMI NINGICELELE ISIBUSISO.”
 
39.AbaseGibhithe bancenga abantu ukuba basheshe baphume ezweni, ngokuba bathi: “Thina sonke sizokufa”
 
40.Abantu bakwa-Israel benza njengoba uMose ayebatshelile, bacela kwabaseGibhithe ubucwebecwebe besiliva, igolide, nezimpahla zokugqoka.
 
41.UJehova wabenzela umusa emehlweni abaseGibhithe, babanika konke abakucelayo. Baba phundla kanjalo abaseGibhithe!
 
42.Lapha siveza ukuthi okhokho bethu bamhlubuka kanjani uJehova, yize ehle ezulwini ukuzobakhulula!
 
43.Akagcinanga lapho uJehova ukuhlenga abakwa-Israel, kodwa noma sebesendleni wayelokhu enabo uJehova, ebenzela konke abakudingayo njengabantwana bakhe.
 
44.Bephuma eGibhithe uJehova wabahambisa neNgelosi kaJehova, kubonakala insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku – Exodus 13:21-22; 14:19.
 
45.Sebe phumile eGibhithe, baphoqeleka ukuba bawele ulwandle olubomvu.
 
46.Sebese nkingeni ukuthi bazo wela kanjani, uJehova watshela uMose ukuba ashaye amanzi olwandle ngenduku.
 
47.Kwathi uma ewashaya, ulwandle lwavula indlela eyomileyo phakathi kwalo, uYisra’el wawelela ngaphesheya ngaphandle kwenkinga! Exodus 14:21-29.
 
48.Kodwa impi kaFaro eyayibalandela yona yaphelela khona elwandle nezinqola ababehamba ngazo!
 
49.Sekunobufakazi bokuthi lento yenzeka ngempela kuyo lendawo abawela kuyo, ngoba sekutholakela kulolulwandle inqwaba yamathambo abantu namahashi, kanye nezinqola abaseGibhithe ababezigibele.
 
50.Amasondo ezinqola zabaseGibhithe awa, yaze yaminza khona olwandle impi kaFaro, yafela khona – Exodus 14:25-31.
 
51.Besendleleni, sebehambe izinsuku ezintathu bengawatholi amanzi, sebefika eMara babenganakuphuza amanzi aseMara.
 
52.UMose wakhala kuJehova, uJehova wambonisa umuthi othize, wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti, baphuza abantu!– Exodus15:22-25.
 
53.Besendleni abantwana bakwa-Israel balamba bengasenakudla.
 
54.Kodwa imana yehla ezulwini, izinyoni izagwaca, umoya waziphephulela kubantu, badla basutha ukudla kwasezulwini iminyaka engamashumi amane – Exodus 16:4, 13-18.
 
55.Akugcinanga lapho, abantu babuya badinga amanzi besehlane, bakhononda kuMose. UMose washaya idwala ngenduku, amanzi aphuma edwaleni, abantu baphuza bonke – Exodus 17:2-6.
 
56.Kwathi abakwa-Israel belwa nama-Amaleki, uJehova wathi uMose akaphakamise izandla.
 
57.Lesi senzo sikaMose saba yisimanga, ngoba kwakuthi uma ehlisa izandla, abakwa-Israel banqotshwe, kodwa uma eziphakamisa, kube ngama-Amaleki anqotshwayo!
 
58.Kwagcina ngokuthi ama-Amaleki anqotshe ngabakwa-Israel – Exodus 17:9-13.
 
59.Mhla uJehova elethe inkolo yakhe kubantwana bakwa-Israel entabeni yaseSnayi, wazikhulumela yena nabantwana bakwa-Israel.
 
60.Akathumanga ngisho ingelosi, futhi ngalelo langa akakhulumanga noMose eyedwa, kepha wazivelela yena ngokwakhe kuyisizwe sonke sihlangene! – Exodus 19:2-6; 16-21.
 
61.UJehova wayehlala embhekile uMose inceku yakhe ukuthi akahlukunyezwa ngabantwana bakwa-Israel.
 
62.Udadewabo uMirriam wahlangana namanye amalunga, behleba ngoMose. Ngaso leso sikhathi uMirriam wahlaselwa uchoko, waze waxolisa.– Numbers 12:5-10.
 
63.Akugcinanga ngoMirriam, kodwa amanye amalunga omhlangano, oKhora noDathani, nabanye, bavukela uMose!
 
64.Ekuthola lokho uNkulunkulu wavula umhlabathi wabagwinya bephila oKhora nabo bonke ababebasekela ekuvukeleni kwabo uMose – Numbers 16:19-35.
 
65.Enkonzweni yaseKhozini ngichaze ukuthi uShembe iNkosi iLanga wathuma ingelosi kimi ukuba ingitshele ukuthi noma ngaso sonke isikhathi bengishumayela ngoShembe, kodwa lokho akwanele.
 
66.Njengamanje okumele ngikufundise abantu ukuthi asidumise uJehova yena yedwa, uShembe noYeshua bayizithunywa zikaJehova!
 
67.Ngakho ke lokhu lasungulwa lelibandla, sikhuluma ngoJehova ukuthi nguyena yedwa okumele adunyiswe!
 
68.Lelivangeli lokudumisa uJehava ngokugcina imithetho yakhe akusilo ivangeli laseNCG.
 
69.Njengoba ngichazile enkonzweni yasoKhozini, kwafika kimi ingelosi ihamba ngezinyawo, yafike yaguqa phambi kwami, yabe isidlulisa umyalezo ewuthunywe nguShembe iNkosi iLanga, ukuthi ivangeli okumele ngiliqhube ngelokudumisa uJehova ngokugcina imithetho yakhe, njengoba kwakufundisa uBabamkhulu!
 
70.Ngakho ke uma amaNazaretha namaKrestu engizwa ngihlale ngikhuluma ngokukholwa kokudumisa uJehova, lokho akuveli kimi, kodwa ngathunywa nguShembe uBaba iLanga ukuba ngikwenze, lesi isibopho engasinikwa ezulwini, angikwazi ukusuka kuso!
 
71.Kuyinto okufanele noma ngubani oyaziyo indaba kaNkulunkulu ekunake lokhu, ukuthi likhona ibandla lamaNazaretha, kodwa uShembe abuye ezulwini ethi akakhelwe ibandla elizodumisa uJehova ngendlela kaBabamkhulu!
 
71.Kusobala ukuthi ezulwini ukukholwa okuningi kumaNazaretha akusamukelekile, sebeyadwanguza nje. Ithi ingelosi lelibandla kumele libe yisibuko sokuthi ubuNazaretha njengoba kunjalo ezulwini kuyinto enjani!
 
72.Ekhasini 57 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, nanka amazwi kaBaba ..iLanga:
 
73.“NgeSabatha eledlule ngakhuluma kancane ngizama ukunikhumbuza ukuthi UNKULUNKULU, LO ENIBUTHENE NGAYE, MENZENI ABE UNKULUNKULU WENU.
 
74.UMA UNKULUNKULU ENGESIYE UNKULUNKULU WABANTU, AKASIZI LUTHO. SELOKHU KWADABUKA UMHLABA UNKULUNKULU UKHONA.
 
75.NOMA USHEMBE ENGAKAFIKI KULOMHLABA, UNKULUNKULU WAYEKHONA, KODWA ENGASIZI NGALUTHO! 76.
UNKULUNKULU OMUHLE NGOHAMBA NABANTU, UNKULUNKULU OMUHLE YILOWO ENIKWAZI UKUZIBIKA KUYE!
 
77.UShembe engakafiki kulelizwe lakithi kwakungaziwa lokho. Kwakuthiwa UNKULUNKULU WAGCINA UKUKHULUMA NABANTU NGESI KHATHI SIKAJESU NABA PHOSTOLI.
 
78.Kepha selokhu uShembe afika kulomhlaba, seniyakwazi ukucela izinto uNkulunkulu aniphe. Seniyakwazi nokucelela abantwana benu izipho, uNkulunkulu abaphe.
 
79.Seniyakwazi nokucelela abantu bakini abasemathuneni izinto ezinhle, uNkulunkulu aniphe zona, kanjalo nabasemajele!
 
80.NgeSabatha eledlule bengikhuluma khona lokho nje kuphela, ukuthi NINGAKHOHLWA UKUTHI UMA UNKULUNKULU, LO KASHEMBE ENGESIYE UNKULUNKULU WENU, NGENKE ANISIZA NGALUTHO!
 
81.Bengizama ukuba nginikhumbuze ukuthi USHEMBE WAYEZE EMHLABENI UKUBA ABANTU BAPHENDUKE BABE NGABA NTWANA BASE ZULWINI; BAHLALE NO NKULUNKULU, UNKULUNKULU AHLALE NABO, NABO BAHLALE NAYE!”
 
82.Ngifisa ukuba ama Nazaretha namaKrestu ezwe ukuthi uBaba iLanga ukuchaza kanjani ubudlelwane phakathi kwaShembe noNkulunkulu!
 
83.Uthi uBaba iLanga: “NINGA KHOHLWA UKUTHI UMA UNKULUNKULU, LO KA SHEMBE, ENGESIYE UNKULUNKULU WENU, NGENKE ANISIZA NGALUTHO!”
 
84.UBaba akasho ukuthi uShembe nguNkulunkulu, kepha uthi “UNkulunkulu kaShembe!”. Lokhu kukhuluma yikhona nathi esavela abazali bethu bekukhuluma.
 
85.Ngisho sithandaza safundiswa ukuthi njalo sithi: “Nkulunkulu kaShembe!”
 
86.Ngakho ke noma sekunezimfundiso ezithi uShembe nguNkulunkulu, kodwa thina asikhuliswanga kanjalo!
 
87.Kwesinye isikhathi kuyaye kuthi iBhayibheli likhuluma enye into, kodwa amakholwa avele aliphikise, aphikise ngisho into ekhulunywe nguNkulunkulu ngokusobala, njengalesi senzo samaYisrael ayephikisa uJehova ngenkani!
 
88.Ku-Isaya 43:11, uNkulunkulu uthi: “Mina nginguJehova, NGAPHANDLE KWAMI AKAKHO UMSINDISI!”. Kodwa ngenxa yezimfundiso zabezizwe zokuchitha uJehova, nabantu bakithi sebelandela bona, bathi: NGAPHANDLE KWAJESU AKEKHO UMSINDISI. BONA BATHI BASINDA NGEGAMA LIKAJESU!”
 
89.UShembe wafike wayiphika lenkulumo yamaKrestu yokuthi uMsinsisi nguJesu. Kusihlabelelo 119:4, ekade sisihlabelela, uShembe uthi: “Alikho nelinye igama esingasinda ngalo, KUPHELA IGAMA LIKAJEHOVA ESINGASINDA NGALO!
 
90.Ibalulekile lenkulumo yeNkosi iLanga ethi: “NOMA USHEMBE ENGAKAFIKI KULOMHLABA, UNKULUNKULU WAYEKHONA, KODWA ENGASIZI NGALUTHO! 
 
91.UNKULUNKULU OMUHLE NGOHAMBA NABANTU, UNKULUNKULU OMUHLE YILOWO ENIKWAZI UKUZIBIKA KUYE!”
 
92.Uthi ke uBaba iLanga uNkulunkulu omuhle nguNkulunkulu ohamba nabantu, ohlala nabantu, abantu abakwaziyo ukubika usizi kuye, ebaphendule!
 
93.Ekuqaleni ngichaze ukuthi uJehova, onguNkulunkulu wabantwana bakwa-Israel, wabe enguNkulunkulu ohlala nabantu, ebabekele umthetho, noma inqubo yokukholwa ofuna bayilandele!
 
94.UNkulunkulu onjalo akatholakali emhlabeni wonke, nguNkulunkulu wabantwana wabakwa Yisrael kuphela onguNkulunkulu okhuluma nabantu, oshoyo ukuthi yikuphi okuthandayo, yikuphi okwenyanyayo!
 
95.Njengoba esho uBaba iLanga, imfundiso yobuKrestu ithi uNkulunkulu wagcina ukukhuluma nabantu ngesikhathi sikaJesu nabapostoli!
 
96.LoNkulunkulu abasuke bekhuluma ngaye ukuthi wayekhona ngesikhathi sikaJesu nabapostoli, basho uNkulunkulu wabantwana bakwa-Israel, lo lapha eMzansi Afrika ofike noShembe!
 
97.Emva kokuba abezizwe beyiqedile inkolo yamaHebheru, akubuyanga kube nomprofethi emhlabeni.
 
98.Lokhu okusho ukuthi uNkulunkulu akabuyanga wakhuluma nabantu, ngoba uNkulunkulu ukhuluma nabantu ngabaprofethi nangezingelosi!
 
99.Enkolweni yabezizwe akakho umprofethi, ngakho ke abazi ukuthi uNkulunkulu ukhuluma kanjani nomuntu!
 
100.Kujwayelekile ukuzwa abenkolo yomdabu bethi unkulunkulu wabo nguMvelinqangi, kodwa ngenke bakutshele nelilodwa izwi elake lakhulunywa nguMvelinqangi.
 
101.Ngakho ke ukuthi uMvelinqangi ukhona, inkolelo nje engenabufakazi obubambekayo!
 
102.Uma ngithi thina esikholwa kuJehova, sikholwa kuNkulunkulu oyedwa, lokho akusiyo inkolelo, kodwa sicaphuna emfundisweni yakhe uJehova, owathi:
 
103.SINGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAKHE, wabuye wathi AKEKHO UNKULUNKULU OWAKE WENZIWA NGAPHAMBI KWAKHE, NASEMVA KWAKHE AKAYI KUBA KHONA!
 
104.NguJehova owazisholo yena ukuthi NGUYENA YEDWA UMSINDISI!
 
105.Thina asiyikhulumi into esingayisuseli emfundisweni kaJehova, ngoba uNkulunkulu wethu uyakhuluma, uyezwa, uyaphendula!
 
106.Entshumayelweni yasoKhozini ngifunde lapho uJehova ethi noma wasijezisa, kodwa uyohamba ahambe asithethelele!
 
107.Ngike ngezwa umprofethikazi uCelestial ethi uJehova ufike wamtshela ukuthi usesi thethelele. Lomprofethikazi, uthi:
 
108.“Leli yizwi leNkosi elibhekiswe ezizweni eziyishumi nambili ezihlakazeke nomhlaba wonke. UJehova uthi memezani manje! Bamemezeni abantu bami nina nonke enisemhlabeni wonke.
 
109.Zwanini iZwi leNkosi!! Isigwebo senu siphelile. Izono zenu sezithethelelwe!
 
110.Uma niguqa phansi niletha ukuphenduka kwenu kimi, kuyakwamukelwa bese kulotshwa njengokwamukelekileyo eNkosini.
 
111.Ngiyanikhulula ezibophweni zokuthunjwa kwenu, nefa lenu nakho konke okwakuthathiwe kuyobuyiselwa kini ngokupheleleyo.
 
112.Izono zenu zithethelelwe; zwanini iZwi leNkosi. Umbhalo enginiwunikiwe ukuba ngiwufunde uku-Isaya 40:1-5. (Ngicela abantu bayifunde lencwadi ngoba angiyibhalanga).
 
113.Uthi ke lomprofethikazi: “Zwanini iZwi leNkosi: Isigwebo senu sesiphelile; izono zenu zithethelelwe!
 
114.UNkulunkulu uthi kufanele niphenduke ngoba nizwile ukuthi izizukulwane ngezizukulwane zoyihlo zazingathembekile eNkosini; namanje nisafana nje nabo! UNkulunkulu ubheke ukuphenduka!
 
115.Uma seni phenduka kuyo kwamukeleka lokho bese kulotshwa njengoku phenduka okwamukelekileyo phambi kweNkosi.
 
116.Uma nifuna ukuqonda kabanzi ngokubuyiswa kwefa lenu nakho konke okwathathwayo, ningavele nifunde u-Isaya 60; konke kuchazwe kahle lapho.
 
117.Ekupheleni kwesiprofetho nakhu okwashiwo yiNkosi; ngizokufunda konke: UGenesise 15. Konke eyakusho nje iNkosi ukuthi:
 
118.“Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba abafokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane…”
 
119.AmaJuda [lawa amhlophe azenza thina] awakaze abe ‘zigqila zamuntu noma kuphi emhlabeni iminyaka engamakhulu amane!
 
120.Ngakho-ke, uNkulunkulu uthi ukuthunjwa okusabalele nomhlaba wonke kanye nokusakazeka ebusweni bomhlaba wonke sekuphelile!
 
121.Uthi ububi sebuhlawulelwe; uthi usesithethelele isono nakuba singakavunywa. Lokho kusho ukuthi abezwayo kufanele baye koguqa phansi belethe ukuphenduka!”
 
122.Lesli siptofetho ngisifinqe kakhulu, ngoba lomprofethikazi ukusho konke, wazifunda nezincwadi onikwe zona yiNkosi!
 
123.Njengoba ngihlale ngisho, yilomprofethikazi kuphela mina engikholwa ukuthi ungumprofethi kaJehova, nengikunakayo okukhulumayo, ngoba ukhuluma lolulimi engiyaye ngiluzwe lukhulunywa yingelosi!
 
124.Ngokusobala, amanye amaKrestu, namanye amaNazaretha, aphikisa lokhu okukhulunywe nguJehova kanye nezithunywa zakhe, ukuthi uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba, munye, igama lakhe NGUJEHOVA!
 
125.Thina siyinkolo enoNkulunkulu oyedwa, uJehova! Yikho lenkolo yethu ibizwa nge Monotheistic Faith, ngoba ingafani nezinye izinkolo, inoNkulunkulu oyedwa!
 
126.Noma kunamaNazaretha asemhlubuke ngenkani uJehova, naphikisa izimfundiso zikaShembe, kodwa okuhle ngamaNazeretha ukuthi uShembe iNkosi iLanga wathuma ingelosi ukuba izokuqondisa lokhu kukholwa!
 
127.Kodwa noma kunjalo, angenke aphele amaNazaretha angamahlubuka, aphikisa konke okushiwo nguJehova, nokudluliswa ngabaprofethi kithi!
 
128.Kanjalo, nomz uJehova ezichaze kanjani ngabaprofethi, nokuthi yena uYeshua utheni ngaye, kodwa kohlale kunamaKrestu afuna kulalelwe lokhu wona asekwakhe engqondweni yabo, ukuthi uJesu nguNkulunkulu!
 
128.Abanye bakhuluma ngonkulunkulu oziqu zintathu, baphikisa lokhu esikufundiswe nguJehova!
 
Isihlabelelo 57.
1.Sifuna indlela
Yokuya ekhaya
KuJehova iNkosi yethu
UMdali wezulu.
 
​​Chorus: Indlela eya ekhaya
​​​ Yedlula engozini.
 
2.Sifuneleni abathunyiweyo
Ukuhola abaningi
Ukubayisa kumhlali neZion
Emzini wokuphumula.
​​Chorus.
 
3.Ibalimazile abaningi
Abayithandayo
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
​​Chorus.
 
4.Qiniselani nina maqhawe
Ngayo leyo Ndlela
Ekupheleni kwalezo zinhlungu
Niyongena eKuphakamrni.
​​Chorus.
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *