ISouth Afrika yakhululwa nguNkulunkulu, kodwa abantu bathi yakhululwa yibo!
Njalo ngeSabatha, kusukela ngo 1922, amaNazaretha ayezila ngeSabatha, ehlabelela lesi sihlabelelo (Umthandazo weSabatha), ekhumbuza uNkulunkulu ukuba asikhulule!
Isihlabelelo 12
1.UJehova usishiyile
Singabadingi nabasweli
Chorus. Haleluya silileleni
Nina mabandla asezulwini.
2.Asinanto esandleni
Siza impela Nkosi yoxolo
Chorus.
3.Asibaba asinamame
Asinamfowethu wokusembesa.
Chorus.
4.Hhawu Jehova usishiyile impela
Ebuntandaneni obungaka.
Chorus.
5.Siyaludinga ucezwana lwesinkwa
Lokuphumuz’ imphefumulo yethu.
Chorus.
6.Usihlanzile ngani impela
Usikhumbule Nkulunkulu wethu.
Chorus.
1.Incwadi ka-Eksodusi 3:9-12: “Manje, bheka ukukhala kwabantu bakwa-Israel sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.
2.Ngakho ke hamba, ngiyakuthuma kuFaro ukuba uyokhulula ABANTU BAMI eGibhithe, abantu bakwa-Israel.”
3.Kepha uMose wathi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro, ngikhulule abantu bakwa-Israel eGibhithe an?”
4.UJehova wathi: “Ngizoba nawe, lesi koba isibonakaliso sokuthi ngikuthumile. Uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kulentaba!”
5.Kwejwayelekile ukuthi uthi uyashumayela bese kuvela abanye bethi ungayikhulumi ipolitiki enkonzweni, kodwa cishe kulo lonke iBhayibheli abaprofethi bakhuluma ngokucindazelwa nokukhululwa kwabantu! Lokhu sikuthola kakhulu kuyiTestamente Elidala!
6.Ukukhululwa kwabantwana bakwa-Israel ebugqilini bukaFaro, nohambo lwabo besukua eGibhithe beya eKhenani, konke kuhlangene nezombusazwe, ngoba noma abantwana bakwa-Israel besendleleni babehlale belwa nezinye izizwe!
7.Ngelinye isabatha ngisemncane ngezwa kushumayela elinye ikhehla elalibizwa ngokuthi uNkonzo. Lelikhehla lalichaza umthandazo weSabatha ohamba kanje:
8.“Isihlabelelo senkumbuzo yezizukulwane, senkumbuzo yokuzila-inkumbuzo kaNkulunkulu.”
9.Wayechazani uShembe lapha? Umthandazo weSabatha wafika kuShembe cishe ngo 1922, uShembe esendleleni ephuma eNhlangakazi. Ngaleso sikhathi isizwe sakithi sasisaphethwe ngabamhlophe.
10.Uthi ke uShembe, njalo ngesabatha izizukulwane ngezizukulwane zesizwe esimnyama ziyozila, zikhumbuze uNkulunkulu ukuthi akazikhulule ebugqilini babamhlophe.
11.Uma sesikhululekile, futhi njalo ngesabatha sibonge kuJehova ukuthi wasikhulula esizweni esimhlophe!
12.Lesi sihlabelelo sisenkathini edlule, ngoba uShembe wayazi ukuthi sohlatshelelwa nayizizukulwane ezobe sezakhululeka, noma sibhalwe okhokho bazo besaphethwe ngabezizwe! Lesi sihlabelelo sihamba kanje:
13.Mbongeni uJehova maNazaretha nezizukulwane zenu. Ngokuba umusa wakhe uhlezi phakade! Ufanele ukubongwa ngama Nazaretha nezizukulwane zawo!
14.Wasibusisa phezu kwemizi yezitha zethu; wabachitha ngengalo enamandla; wasihola ebusweni bezitha zethu.
15.Sabusa phezu kwamagquma nezintaba zawo; sabusa phezu kwemizi yabo echithekileyo; zasibheka zijabhile zingenakusho lutho.
16.Bazula ehlane nasezintabeni; wababeka entendeni yesandla sakhe, wabakhokhela entabeni yaseNhlangakazi; wachitha icebo labo cebi babo.
17.Waphendula ubugqili babo baba ubukhosi; wasindisa ama Nazaretha ezitheni zawo; wasikhulula ngokusithanda kwakhe; masizazi izindlela zoMkhululi wethu!”
18.Lithi ke lelikhehla amadoda aqoqana, abe eseya kuBabamkhulu, esefika ethi: “Nceku yeNkosi kukhona okusididayo ngalesi sihlabelelo sakho.
19.Usho kanjani ukuthi asibonge uJehova ngoba wasibusisa phezu kwezitha zethu? Yiziphi izitha uJehova owasibusisa phezu kwazo?
20.Imaphi lamagquma nezintaba zawo othi sabusa phezu kwawo; imiphi lemizi echithekileyo othi sabusa phezu kwayo?”
21.Uthi ke umprofethi: “Bantabami, njengoba ngithi lesi sihlabelelo ngesokuzila, sezizukulwane, ngesenkumbuzo kaNkulunkulu.
22.Njalo ngesabatha amaNazeretha ayozila,njengabantwana bakwa-Israel, bakhumbuze uJehova ukuthi basazilile, bacela uJehova ukuba akhulule izwe lenu.
23.Esenikhulule uNkulunkulu, njalo ngesabatha nohlabelela lesi sihlabelelo, nibonga ukuthi uJehova useze wawuzwa umthandazo wenu, wanikhulula!
24.Yikho sihlabelela sithi “uJehova wasibusisa phezu kwemizi yabo echithekile, zasibheka zijabhile zingenakusho lutho!”
25.Uyaqhubeka umprofethi uthi: “Uma senikhululekile, yonke lemizi yabamhlophe iyoba ngeyenu. Ayisoba khona into okothiwa ibekelwe abamhlophe bodwa!
26.Bayonikhulula, kodwa bengazi ukuthi banikhulule kanjani? Leli lizwe selokhululwa ngaphandle kokuchitheka kwegazi, ngoba lokhululwa nguJehova!
27.Kodwa bengingenke ngikwazi ukukuqondisa lokhu kukhuluma, ngoba lesi sihlabelelo uhulumeni ubeyosivala, singahlatshelelwa!”
28.Ngenkathi lelikhehla lichaza lenkulumo enkonzweni, cishe kwakungu 1966, ngisemncane sihlala eThembalimbe.
29.Ngaleso sikhathi kwakuseyiphupho ukuthi iSouth Afrika iyoke ikhululeke!
30.Kodwa kwangithinta lokhu kukhuluma noma ngangisemncane, angiphindanga ngakulibala kuze kube namuhla!
31.Zonke lezi zinto ezabalwa nguBabamkhulu emva kwenkululeko eSouth Afrika ngo 1994, zenzeka njengoba umprofethi wayezibalile ukuthi zokwenzeka!
32.Thina sasingavunyelwe ngisho ukuhamba edilobheni ngaphandle uma usebenza khona. Angisayiphathi ke eyokuthi wawungaba nomuzi edilobheni. Sasingahlangani nabamhlophe noma kwenziwani.
33.Sasingathengi ndawonye, sehlukaniswe ngumbhalo othi “Whites only!” Ngisho esitimeleni, kwakunezinqola ezigibela abamhlophe bodwa!
34.Sizimantshi, kwakumele ukuthi uma siya ku training ePitoli, sihambe ngezimoto, ngoba sasingavunyelwe ukugibela ebhanoyini.
35.Noma sesifikile ePitoli, sasihlaliswa namaphoyisa ebhalekisi, ngoba singavunyelwe ukuhlala ehotela!
36.Yize sifunda into eyodwa, kodwa abamhlophe babeba nekilasi labo bodwa, ngoba singenke sifunde ndawonye!
37.Uma uyimantshi emnyama, kuvela phambi kwakho isiboshwa somlungu, kwakumele wehle ebhentshini, kufunwe imantshi yomlungu, ngoba ungavunyelwe ukuthetha icala likabasi wakho!
38.Kodwa kwahamba kwahamba kwaphela konke lokho! Uthi ke uShembe: “ZASIBHEKA IZITHA ZIJABHILE, ZINGENAKUSHO LUTHO!”
39.Ukusebenza kukaNkulunkulu kuba ngumshosha phansi! UJehova uyaye esebenzise omunye umuntu ukukubulala, kanjalo futhi uyamsebenzisa omunye umuntu ukukuvikela ekubulalweni!
40.I-Amerika izonqotshwa yi Russia kanye namanye amazwe omhlaba, ibhekane nama natural disasters amaningi, kodwa konke lokhu kwenziwa nguNkulunkulu!
41.ISouth Afrika yakhululwa nguNkulunkulu, kodwa abantu bathi yakhululwa yibo!
42.Njalo ngeSabatha, kusukela ngo 1922, amaNazaretha ayezila ngeSabatha, ehlabelela lesi sihlabelelo, ekhumbuza uNkulunkulu ukuba asikhulule!
43.Sesikhululekile, njalo ngeSabatha besibonga kuJehova ukuthi wasikhulula ebugqilini!
44.Kodwa abantu basemhlabeni babonga ukukhululeka kwabo kanye ngonyaka!
45.Nalapho benze amadili katshwala, bengabongi kukuNkulunkulu ukuthi wabakhulula ebugqilini besizwe babamhlophe!
46.Ngelinye iSabatha iNkosi iLanga ishumayela ithi: “Ngithole isimemo eNdlunkulu sokuba ngibe seMkhosini kaShaka.
47.Yaqhubeka yathi: “Angazi ukuthi abantu basemhlabeni ungababonisa kanjani indaba yasezulwini, bayizwe!
48.Ukuba abantu bakwaZulu bayazi, ngabe bazihlupha ngokumfuna uShaka ukuthi ukuphi, nokuthi lapho ekhona uhleli kanjani.
49.Ngoba akusizi ukudumisa umuntu ongasekho emhlabeni, ngoba awazi noma lapho ekhona iyonanto oyidingayo yini leyo?”
50.Ukucabanga kwabasemhlabeni nokwazi ngokwasezulwini isikhathi esiningi kuyashayisana!
51.Zintathu izikhathi esizweni samaZulu ezithinta ubukhosi bakwaZulu, kodwa ngesizathu engingasiqondi kunakwe ezimbili. Lesi sesithathu, okuyisona ngabe sinakwa kakhulu, asinakwa nhlobo, akukhulunywa nokukhulunywa ngaso!
52.NgoDecember 16, 1838, amaBhunu anqoba isizwe samaZulu.
53.Ngaphambi kokuba amaBhunu elwe namaZulu, enza isivumelwano noNkulunkulu sokuthi uma uNkulunkulu ewanikile amandla okunqoba AmaZulu, uNkulunkulu bomenzela ISIKHUMBUZO lapho bohlale behlangana khona ngonyaka ukuzomdumisa.
54.Nempela mhla ka December 16 1838, okwakunempi phakathi kwamaZulu namaBhunu, amaBhunu awanqoba amaZulu, babulala izinkulungwane zamaZulu!
55.Kusukela lapho bakha lesi SIKHUMBUZO ababesethembise uNkulunkulu, baqala nebandla okuthiwa, iDutch Reformed Church, abadumisa kulo ukunqoba isizwe samaZulu.
56.Lolusuku lomhla ka December 16 balenza laba liholidi lokuhlonipha nokubonga uNkulunkulu owabenzela khona ngokunqoba amaZulu!
57.Kodwa ngalolu suku amaZulu agcwala emabhishi, lwaba lusuku lokungcebeleka.
58.Nombuso wakwaZulu akukho okwenzayo ngalolusuku, ukukhumbula isizwe sakithi esafa kabuhlungu kangaka sibulawa ngamaBhunu!
59.UMprofethi uShembe samdida kakhulu lesi senzo sesizwe samaZulu, ukuthi kungathi umuntu ecele kuNkulunkulu ukukunqoba, kuthi lapho esebonga uJehova ngokukunqoba, bese nawe ugubha lolu suku kanye naye?
60.Ngosuku luka December 16, uBabamkhulu watshela amaNazaretha ukuba embathe amasaka, azibhixe ngomlotha ebusweni, elilele ukunqotshwa kwesizwe sakithi ngamaBhunu!
61.Kwakuba zinkonzo ezinzima lezi uShembe owayezenza namaNazaretha, elilela isizwe sakithi.
62.Kodwa kuyiNdlunkulu nasesizweni sakwaZulu lolu kwakuliholide nje elufana namanye amaholide!
63.Ngezansi siveza umthandazo okwasankondlo owathandazwa nguShembe uBabamkhulu enkonzweni eyisililo sokubulawa kwamaZulu eNcome! Walila kanje uShembe:
64.“Usuku olubi namhlanje
Ntombi yesiqhingi saKwaZulu!
Inkomo yadinga umsengi ngalolu suku
Amagula ezinsizwa aphenduka umlaza
Izinja zemizi zaphuma emizini
Zema emagqumeni zabheka phezulu, zakhala isililo
Ngoba abanikazi bazo babengasekho.
65.Ngalolo suku amalawu ezinsizwa nawabanumzane,
Aphenduka abamnyama kusemini .
Imithango yamacansi awendlalelwa izinsizwa
Nawendlalelwa abanumzane awa emgibeni
Akhuluma ngezwi njengomuntu,
Athi sesiyokwendlalwa ngubani?
66.Iqhele elihle labalobokazi bakithi,
Laphenduka labamnyama.
Abazali bezinsizwa baba nesibibithwane!
Onke amakhosikazi amadala.
Izinyembezi zampompoza emehlweni awo,
67.Omunye wabuza komunye wathi
Wemabani kwenzenjani?
Naye lowo obuzwayo engazi
Ebuza ekhala ukuthi kwenzenjani.
68.KWEZWAKALA ILIZWI ELIKHULU
EMBUSWENI WEZULU
LIMEMEZA IZINYONI ZOMKHATHI
LITHI PHUMANI NIYODLA INYAMA
YABANGALALELI IZWI LIKAJEHOVA!
69.LAMEMEZA IZIMPISI ZOMHLABA,
LATHI PHUMANI NIYOKUDLA OKUCEBILEYO
KWENDLU KADINGANA!
67.Amakhehla amahle nezinsizwa ezinhle
Zalala zacamelana
Kwasangathi zizovuka ngaleyo mini.
Amakhehla amahle nabanumzane
Aba ngukudla kwezimpisi
68.Izinkomo zema ezinkundleni
Zabhonga zidinga umsengi,
Ngoba abasengi bazo babengasekho
Sebeqedwe usiko lwenkemba yasehlane!
69.Izalukazi ezindala ezinolwazi
Ivuso legazi labafileyo
Langena ezinhlizweni zabo.
Zamemeza abaphathi
Zithi adedeleni bantwana bethu
Aziyikusengwa muntu
Abasekho abasengi bazo
70.Zathi nxa seziwatholile amankonyane,
Izinkomo aziyekanga ukubhonga
Nezinkabi zabheka phakathi komuzi.
71.WO! NAKHO KUTHINA NGOBA SONILE
IGAZI LETHU LOBA PHEZU KWETHU
NGEMPINDISELO YEZONO ZETHU
NGOKUBA SONILE KUJEHOVA!
72.Ukusina okuhle kwentombi yaKwaZulu
Kwanqamuka
Nokubetha ugubhu kwaphela
Kwaba yisinyokotho ngalolo lusuku
Umfula wagcwala amakhehla amahle
Nezinsizwa zaba ukudla kwezimpisi
SHWELE NKOSI NGOKUBA SONILE Amen.”
73.Sithe amehlo omuntu wasezulwini abuka okusezulwini, kanti abasemhlabeni babuka okusemhlabeni!
74.Isizwe sakwaZulu asikaze sizihluphe ngesikhumbuzo salolusuku olwaba nzima kangaka kulesi sizwe!
75.Ababekujahile kwaba ukugubha umkhosi kaShaka, ukubonisa ubuqhawe bakhe!
76.Kodwa abazihluphanga ukubuka imisebenzi yakhe okubulala abantu abangenacala!
77.Kuthina konke okwakwenziwa yinkosi uShaka kwakukuhle, kungubuqhawe!
78.Asikaze sizihlupha ngokuzibuza ukuthi lomuntu esigubha ubuqhawe bakhe, kodwa ezulwini wamukeleka kanjani?
79.Ngabe inkosi uShaka njengamanje uyasizakala yini ngalomkhosi, noma isizwe sakhe simcelele intethelelo kuNkulunkulu ngazo zonke izono owazenza ekulomhlaba?
80.Kodwa umprofethi kaJehova uba neso lesithathu, iso lomoya, elikhathalele ukukhululeka komphefumulo!
81.UShembe emthandazweni weSabatha uthi: “Ningabi njengobaba benu, oDingane noSenzangakhona, obaba bethu abazenza lukhuni izinhliziyo zabo, uJehova waze wabajezisa kanje. Nanamuhla sithwele izono zabo!”
82.Lamazwi akhulunywa ngumprofethi kaJehova kukhona akuchazayo ngezono zamakhosi ethu asendulo.
83.Lesi sono sokhokho bethu sesehlele kithi, mhlawumbe yikho silokhu sitholakala sibulalana, sidlwengula nabantu besifazane!
84.Singenwe imimoya yabantu abafa bebulala, bengayihloniphi impilo yomunye umuntu. Lo umoya omubi, umoya wobudimoni!
85.Kodwa kithi konke lokhu okushiwo nguBabamkhulu kuyisilandelo nje okufanele sisisho njalo ngeSabatha!
86.Njengomprofethi kaJehova, uShembe wayefundisa bonke abantu, kuhlanganisa namakhosi ezwe, ukuphatha izwe ngendlela eyamukelekile ezulwini!
87.Lapha sizoveza umthandazo woMprofethi Isaya Shembe wokuvuma izono zethu nezokhokho bethu.
88.Lomthandazo uBabamkhulu wawuthandaza ngomhlaka 01 July 1929 Ekuphakameni.
89.Sesikuchaze kaningi ukuthi noma uBabamkhulu wabe engafundile, kodwa wayenomabhalana owayebhala konke umprofethi okushoyo, ngabe uyashumayela noma uyathandaza! Kulomthandazo uShembe wakhuluma kanje:
90.“Nkosi simi phambi kwakho makungabi isinengiso ukuhamba kwethu phambi kwakho, izinhliziyo zethu zidabukile.
91.Sinosizi olukhulu Nkosi, ngenxa yezono zethu nezomkethu, namadodana namadodakazi ethu.
92.Siyavuma izono esizenzileyo ebusweni bakho, buyela kithi usithethelele, asinakuphila ngaphandle kwakho.
93.Usithethelele Nkosi, usikhumbule ngomsa wakho, sithi hawu sonile thina.
94.Okhokho bethu wabe ubanikile lomhlaba, namhla Nkosi osewunikele izitha zethu, ezihlekisa ngathi.
95.Namhla igama lethu liphenduke igama lokuphela, siyabulawa singenambuzeli, amadodakazi ethu bawancolisile singenambuzeli, omkethu basishiyile singenambuzeli!
96.Buyela kithi Nkosi yomusa neyesihawu, nanxa ujabhile ngathi, thokoza ngathi namhlanjena. Izulu nesibhakabhaka kusemandleni akho akukho okwehlula wena.
97.Siyavuma Nkosi mabizwa asabele, sabela kithi, sibuthe ekuchithekeni kwethu ngesihawu sakho.
98.Asisenasithunzi nakumadodana ethu ngenxa yokutshingwa kwethu nguwe.
99.Baba Nkulunkulu siphambi kwakho kanye namakhosi ethu omkhathi, ngenxa yezono zethu wasenza impango yezizwe zonke eziphansi kwezulu.
100.Sidinga abaqondisi bokuzihlela phambi kwakho, siyavuma Nkosi izono zethu kanye nezokhokho bethu abonile ngazo ebusweni bakho.
101.Siyavuma izono zethu nezokhokho bethu nezeNkosi yethu yakudala uSenzangakhona.
102.Nkosi buya entukuthelweni yakho esiwele phezu kwethu thina sizukulwane.
103.Usichithile Nkosi njengamanzi amabi angasafanele lutho, namhla siynyathelwa yizo zonke izizwe nezizwana.
104.Ukujabula kwakho ngathi sekuphelile, sekwande ukujabha ngathi Nkosi.
105.Siyavuma izono zethu nezokhokho bethu abonile ngazo ebusweni bakho.
106.Siyavuma Nkosi izono zethu nezeNkosi yethu yakudala u-Shaka, nezono zethu ezenza sabulala uShaka, emzini wakhe KwaDukuza.
107.Wakhuluma yena ekumbulaleni kwethu, wathi lobuswa izinkonjane.
108.Thethelela Nkosi, siyavuma izono zobaba bethu, nezeNkosi yethu yakudala uDingane. Ungajabuli Nkosi ngokuchitheka kwethu thina zizukulwane zabo.
109.Ngenxa yezono zethu, isizwana esincane amabhunu asibulala asigcwalisa umfula omkhulu iNcome, ibhunu lilinye labulala amashumi ayisihlanu.
110.Saphuphutheka thina nobaba bethu, umfula awuphuzwanga izinsuku eziningi ngenxa yegazi lobaba bethu, zaze zabola.
111.Amanqe nezinyoni zomkhathi zadla izidumbu zobaba bethu, baswela umncwabi.
112.Ngokusinikela kwakho Jehova ezitheni zethu, nanamuhla izitha zethu ziyatshakadula ngathi.
113.Zibonga lolusuku owasichitha ngalo njengamanzi amabi angasenamsebenzi.
114.Sisebusweni bakho sihawukele Nkosi, buyisa isandla sakho sokunene.
115.Nanamuhla abantwana bamabhunu bacebile ngezwe lethu.
116.Izingalo zabafazi bethu esicamela kuzo ebusuku, kuze kuse zigcwele izinyembezi nokudabuka kwezinhliziyo zabo.
117.Sihawukele Nkosi ngomsa wakho omkhulu. Amadodakazi ethu ayizigqili phansi kwamabhunu.
118.Izintombi zamabhunu zichithela ezindlini, amadodakazi ethu abangabaphiphi balawo manyala onke.
119.Sinosizi ngokusichitha kwakho NKulunkulu ezinyaweni zezitha zethu. Asinazinkuni namuhla sizithenga ngemali.
120.Asinamanzi nawokuhlamba nezandla zethu, sihlamba ngezinyembezi zomkethu nezamadodana ethu, abasikhalela osizini esingenakuba siza ngalutho kulo.
121.Siyavuma Nkosi izono zethu nezamakhosi ethu omkhathi, oMpande nezinduna zethu abazenza ebusweni bakho.
122.Babulala abantu bengaba ngcwabi, bebayeka bedliwe izinyoni zomkhathi. Waze wabanikela ezitheni zabo Nkosi.
123.Siyavuma izino zeNkosi uMpande ekumemeni kwakhe izizwe zibulale uDingane
124.Shaya Nkosi uphozise ngokuba silusapho lwakhe, buyela kithi nathi sibuyele kuwe manje.
125.Sizihlanganise Nkosi zonke izizwe zakithi emfundisweni yokuzwana neyokuthobelana nawe.
126.Siyavuma Nkosi izono zethu nezobaba bethu abonile ngazo ebusweni bakho Nkosi, Siyavuma izono zethu nezeNKosi yethu uCetshwayo, wachitha igazi elingenacala, wabulala unina unoMatshali.
127.Lapho uMpande amqalekisa khona wathi awusoze walibusa lobuswa abamhlophe. Nempela kwabanjalo Nkosi.
128.Siyavuma Nkosi izono zethu nezeNkosi yethu uCetshwayo, wachitha igazi elingenacala, wabulala iNkosi enkulu uMbuyazi.
129.Siyavuma Nkosi izono zethu nezinduna zethu oSihayo, bachitha igazi elingenacala babulala omkabo.
130.Namhla Nkosi izinhliziyo zethu, zigqoke ingubo yezinyembezi. Siyavuma Nkosi izono zethu esizenzileyo ebusweni bakho.
131.Buyela kithi usithethelele asinakuphila ngaphandle kwakho. Wasidala Nkosi sikhumbule ngomsa wakho.
132.Siyavuma ebusweni bakho, sithi hawu sonile thina, singumhlambi wezwi lakho, wasidala ngezwi lakho.
133.Siboshiwe ngezinhliziyo zethu! Sikhulule Mkhululi wethu, sikhumbule Nkosi Jehova, usikhumbule ungasitshingi. Azijabhe izitha zethu, azingathokozi ngathi!”
Isihlabelelo 19.
1.Thixo Mkhululi
Khulula umoya wami
Ngakhe phakathi kwezizwe
Ezizonda umoya wami.
Chorus: WeYise wamakholwa
. Khulula umoya wami.
2.Ngaphakathi kwami ngedwa
Kukhona izitha zami
Ezilwa nayo yonke
Imvumelwana yakho.
Chorus.
3.Inhlangano yobubi
Angizange ngiyimeme
Kepha ngithe ngibona
Ngase ngiphakathi kwayo.
Chorus.
4.WeMthandi wenkoliswano
We Ndlela nene
Ngithande ungikhulule
Mina, Mina soni.
Chorus.