Ithi iNkosi iLanga abantu bahlukene kathathu ekukholweni. Kukhona abasesehogweni, kukhona abasezulwini, bese kubakhona abasemhlabeni. Ithike iNkosi “siye simthahe umuntu wasesihogweni sismsebenzise uma sesiqedile ebese simbyisela khona”. Angihlala lawomazwi ngoba inkinga angizazi, sinenkinga yokungazazi, kodwa ekungazazini kwethu kufanele sizifune phela ukuthi ingabe singabakuphi.
Umthandazo engawuthandaza ngizwa lokho ngowokuthi; noma ngabe bengakhiwe ngalo udaka lwasesihogweni, kodwa ngyacela ukuthi uJehova akushintshe lokho. Ngangikusho lokhu ngoba ngibona ubuhle bukaNkulunkulu.
Inkonzo yeSabatha mhlaka 2024-11-23, ebesiyiphathelwe nguMfundisi Khathi.
1.Ngyabonga ukuthunywa ezulwini, kuliSabatha ekseni, ngyacela ukuthi uNkulunkulu wasekuPhakameni angihole kuze kube sekugcineni, amein.
2.Ngicela ke sidlule kwisihlabelelo 225.
Namhla mina ngithelile
Nglishiyile izwe lakithi.
Ngingze ngabuyela emuva
Sekuseduze ekuPhakameni.
3.Ngyabonga bantwana baseKuphakameni. Bantwana baseKuphakameni njengoba ngiguqile nje angeke ngiyeke ukumbonga uNkulunkulu waseKuphakameni, umdali wezulu nomhlaba. Ngibonga ukuphila, ngibonga ihlanhla yokuba ngumntwana kaNkulunkulu. Empilweni, abantu abayi nganxanye bengemanzi, uthi ubizwa ngomntwana kaNkulunkuku, abanye babe bekubiza ngomntwana kasathane.
4. Kodwa ngyabonga ukuthi mina ngyazi ukuthi mina ngingumntwana kaNkulunkulu ngoba lathi uma limemeza izwi likaNkulunkulu ngalizwa, abantu abangalizwa lelilizwi abantu ngabangenazo izidlebe zokuzwa lendaba esihlangene ngayo. Ngyayibongainhlanhla ngoba into engiyitholile ukuthi uma ungumntwana kaNkulunkulu indlela yokucabanga iyashintsha. Kuye kuthi noma ukade ucabanga kancane kodwa uma usunaye uNkulunkulu bese ucabanga ngokujulile. Njengoba silapha bantwana baseKuphakameni simenyiwe, simenywe yiNkosi yeSabatha, simenywe
nguNkulunkulu ukuba sizomdumisa.
5. Kukhona into abantu engibonayo ukuthi abayazi ikakhulukazi abangakholwa, abangayazi indaba kaNkulunkulu, njengoba ngisho ukuthi uma usekukholweni indlela
yokucabanga iyashintsha. Uma ungenaye uNkulunkulu uyaye ujatshuliswe yinto engajabulisi, bese kuthi uma unoNkulunkulu ikudumaze into engajabulisi. Uma unoNkulunkulu uyaye ukwazi ukwehlukanisa phakathi kokubi nokuhle, kodwa uma ungenaye uNkulunkulu kuyaye kubekuhle konke nje.
6. Njengoba ngithi simenyiwe lapha ukuzodumisa uNkulunkulu, wukuthi sike samenywa singakafiki lapha, kodwa besingazi ukuthi simenyiwe. Besingamenyelwa ukudumisa uJehova kodwa besimenyelwa ukudumisa abanye onkulunkulu. Njengoba ngithi ngezwa izwi likaNkulunkulu likhuluma emsakazweni, ngagijima ngalilandela. Ngangingaqali ukuzwa izwi, wukuthi izwi ebengilizwa bekungesilo likaNkulunkulu. Maningi amazwi engangiwezwa ngiwalandele, kodwa ngingaboni ukuthi ngimenyiwe.
7. Kubuhlungu ukwenza into ocabanga ukuthi isuka kuwe noma ukuhlakanipha kwakho, uthi uma ufika phambili uthole ukuthi bewumenyiwe. Akengisho ukuthi umuntu othwasayo usuke emenyiwe ekwethwaseni, emenyelwe ukuthi ayofeza umsebenzi wakhona, kowa yena uyaye angazi ukuthi umenyiwe kodwa uyaye athi unenhlanhla yena, kanti umenyiwe, umenyelwe ukuya esihogweni, kodwa akazi yena.
8. Nomuntu obhulayo, usuka nje athi uyobhula ecabanga ukuthi kucabanga yena ukuthi kumele aye kobhula, kanti usemenyiwe, umenyelwe ukuyozwa amanga, kuze kusho yena athi “usaya kwabanamanga”. Agijime ayekhona ayofuna amanga. Athi uma esebuya lapho nalawomanga abese uyawasakaza emndenini, umenyelwe amanga.
9. Nabantu abathwele bamenyiwe, bamenyelwe ukubulala abantu ukuze bazuze okuthile. Nabathakathi bamenyiwe, bamenyelwe ukuvimba icebo likaNkulunkulu kumuntu nomuntu.
10. Ngake ngabona umuntu oyisangoma eshisa impepho, lokhu wayekwenza ngoba ehlupheka, exakwe yindlala kakhulu. Lomuntu wayethetha ethi ulambile akanakudla akanalutho, lamyekisa umsebenzi idlozi owayephila ngawo, lona lamnikeza lo owalo, wathi ubesutha engakowenzi umsebenzi wedlozi kodwa uzithola eselamba manje.
Amagama angiphatha kabi yilawa athi”njengamanje hambani nilande amathwasa, ngifuna agcwale lapha, nilande nabazohlola beze la ukuze ngidle ngoba ngilambile”.
11. Angicabangi ukuthi abantu bayayazi lento. Ngathi ngibona kwangena abantu bezohlola, bafika bababaningi. Awuzibuze ukuthi labantu yingoba begula yini njengoba bezohlola nje, noma bagulisiwe. Lezinkinga ezibalethe ekuhloleni zivelaphi, awuzibuzeukuthi ngenkathi kushiswa imphepho kuthiwa abalandwe bebelandwa ndlelani?
12. Mina ngavele ngaphela amandla ngoba ngangingazi ukuthi kanti simenywa kanje ukuthi siyochitha imali. Lapha awufiki ulalele lawomanga bese kuphela lapho, kodwa utshelwa nekhambi elizodinga izinkulungwane zemali, futhi uyazi lomuntu ohlolayo ukuthi vele uzoqoka yena ukuthi akusize kulelokhambi ngoba kubone yena. Laphoke uyokhokha uze ungene komashonisa.
13. Namathwasa amenywa kanjalo ukuthi azoba zigqila zemizi yabantu. Uma sekufike ithwasa kusuke sekufike ugandaganda ozomba iziza, nenkontileka ezokwakha izidlu izisuse phansi ize iyophela, bamenyelwe lokho. Ngikhuluma indaba yalapho siphuma khona. Ithi ingoma esivule ngayo “sekuseduze phambi, emuva asisayi. Syabonga ukuthi sisekhona nanamhlanje sebahamba emhlabeni, asazi ukuthi bagijima kumaphi amaqele ngoba abahambanga ngendlela enhle. Konke lokhu kwenziwa ngumoya,
14. Ngicela ke sivule incwadi yabase Efesu 6 verse 12:
Ngokuba asibambene negazi neyama Kodwa sibambene nemibuso, namandla nababusi bezwe Balobubumnyama nabawomoya bobubi emkhathini. Amein.
15. Nansike into esibhekene nayo. Uthi uBba uMelusi ngelinye ilanga “ yonke inking onayo idalwa ngumoya”. Lencwadi ibifakazela lawomazwi. Labantu engikhuluma ngabo ukuthi bamenyiwe, bamenywe ngumoya efike ibagulise bagijime bayohlola, bagijime bayothwasa abanye bayothakatha ngenxa yomona abanye babulala abantu ukuze bacebe, zimenywa zonke lezo. Kodwa thina lapha asimenyelwanga lokho, thina simenyelwe ukudumisa uJehova, siphakamise igama lakhe ngazozonke izinsuku ikakhulukazi ngeSabatha.
16. Ungabona umuntu engakuthandi nje kanti wenziwa ngumoya ophila kuye. Ungaze umzonde nawe, kanti ususizakalisa umoya ophila kuye. Kukhona into eyakhulunywa ngomunye umthakathi. Uthi uma efuna ukuthi umuthi wakhe usebenze uyaye asuse umsindo ngoba uma engakwenzi lokho lomuthi wakhe uyaphupha. Kufanele ukuthi uthule uma umthakathi ekusukela ngoba usuke efuna kusebenze umuthi wakhe uma senixabana.
17. Sinenkinga yomoya ngoba umoya ukwenzisa noma yini. Kubuhlungu ukuzwa umuntu ethi akamthandi omunye umuntu. Konke lokhu kudalwa umoya.
18. Inhlanhla esinayo thina ukuthi lomoya awukwazi ukusebenza kithi ngoba sinoNkulunkulu, sikhonza uNkulunkulu woNkulunkulu, uThixo woThixo. Uthi uShembe
kwesinye sezihlabelelo “NguJehova kuphela iNkosi enamandla”. Yintoni engahlula uNkulunkulu?
19. Ngelinye ilanga ubaba uMvangeli Sthole owayesiphethe kwaMakhutha, uma bemesabisa abaomndeni bethi uzoshawa yidlozi ngokungayi emsamo uthi; ukhona yini umoya ongehlula uNkulunkulu, liyini idlozi kuNkulunkulu? Nami ngaba nethemba ngoba ngangingabaza, ngizitshela ukuthi ngingase ngingene enkingeni ngokuthatha lenkolo.
20. Safika lapha sizithumthum, sithumzela. Ngeke ungitshele ukuthi wafika uhlakaniphile kulokukholwa. Uma wawuhlakaniphile pho wawuyaphi kohlola, wawuyonzani kwabaqamba amanga? Kukhona lapho uJohane ethi khona “usathane unguyise wamanga”. UShembe wayenamanga yini uma ethi izangoma ziyiladi nesihlalo ksikasathane? Uyise wamanga ngoba zinamanga izangoma!
21. Uma uyisimenywa bangcwele wenza okwenziwa khona laumenywe khona. Noma ngabe umenywe yiNkosi yeSabatha, wenza lokhu okufunwa yiNkosi yeSabatha. Uma umenywe ebungomeni, wenza lokho okwenziwa lapho, awenzi ukuthanda kwakho. Uma swenza ukuthanda kwakho uyakhishwa kulowomcimbi omenywe kuwo.
22. Nasemicimbini yasemakhaya uma abantu abamenyiwe sebenza umathanda, ebephuzile , sebethinta nezingane zamantombazane, sebethuka nenhlamba, sebekhiphelana nezibhamu, kube sekusuka abomndeni abanamadla babakhiphele ngaphandle kwamasango ngoba abasakwenzi okufanele nabakumenyelwe. Njengoba simenywe yiNkosi yeSabatha simenyelwe ukuthi ukugcina umthetho kaNkulunkulu, sense lokho okufunwa nguNkulunkulu hhayi okunye. Uma sesenza okunye ingabe sisamenyiweyini?
23. Incwadi ka Mathewu 22: 2 – 14.
2.Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyiNkosi, Owenzela indodana yakhe umshado
3. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; Kepha abavumanga ukuza
4.Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani sengilungisile ukudla kwami, izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; Konke sekulungile wozani emshadweni
5. Kepha badelela omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.
6. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi bazibulala.
7. Kepha iNkosi yathukuthela yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.
8. Khona yathi ezincekwini zayo; Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele.
9. Ngakho ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibize bonke emshadweni bonke eningabafumana.
10. Lezozinceku zaphuma, zaya endleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, Ababi nabahle, idlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.
11. Kuthe iNkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembetheIngubo yomshado.
12. Yathi kuye: ‘mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula
13. Khona iNosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla nimphose ebumnyameni. Obungaphandle; lapho kuyakubakhona ukukhala nokugedla amazinyo.
14. Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayincosana abakhethiweyo. Amein.
24. Iaihlabelelo 188
Simenyiwe thina sonke,
Simenywa yiNkosi yeSabatha
Size sisindiswe
Ngaleli Sabatha.
Chorus: Amein, Amein, Amein.
25. Besonile kuNkulunkulu, savuma ukumenywa ngabanye oNkulunkulu, savuma ukuyobhula, savuma ukuyothwasa samcunula uNkulunkulu, abanye bavuma ukuyothwala, abanye bamenyelwa ekuthakatheni, abanye bamenyelwa ebungqingilini, abanye bamenyelwa ekuntshontsheni baba ngamasela. Namhlanje simenywe yiNkosi yeSabatha ukuthi sigcine umthetho kaNkulunkulu.
26. Ukuqhubeka kwesihlabelelo:
Besonile thina sonke,
Sikhonza izithixo zethu.
Wasihlenga wena Nkosi
Ngalo leli Sabatha.
27. Siyenzile intando yomubi, sayenzisisa abanye baze bafela khona. Kodwa ihlanhla esibenayo ukuthi sithe singakafi uNkulunkulu waphinda wasimema, wasikhipha kulolodaka, samenyelwa ukuthi size lapha sizokwenza intando yakhe. Manje ake siyenze lentando kaNkulunkulu noma umoya ungavumi kodwa singavumi ngoba sibhekene nomoya olwa nathi olwa nemvumelwano kaNkulunkulu ngaphakathi kwethu.
28. Sinenkinga yomoya ngoba asikwazi ukubona izindlela zawo, uma sewufikile uyasisebenzisa, usenzisa izinto ezingenziwa lapha kulendawo engcwele, kodwa sigcina sesizenza khona la. Uma ngabe wawumenyelwe ukuthakatha, kuyeke ukuthakatha uma ususendaweni kaNkulunkulu, yenza lokho okufunwa nguNkulunkulu, musa ukuzocunula uNkulunkulu endaweni yakhe akumemele kuyo ngomusa wakhe ngoba efuna ukuthi ulunge.
29. Kube ngumusa ukuthi uthe uthakatha lapho obuthakatha khona wase uyamenywa ukuthi uze lapha, kodwa awuzelanga ukuthakatha lapha, uzele ukuzokwenza intando kaNkulunkulu. Kube yinhlanhla ukuthi uthe ungungqingili wamenywa ukuze buqonde ubulili bakho ukuthi uyinhloboni yomuntu, ngakuqhubi lapha lokho. Kube yinhlanhla ukuthi uthe ulisela usubaqedile abantu ubantshotshela wamenyelwa lapha, ungabe usakwenza lokho lapha, ngoba la umenyelwe khona, wenza lokho okwenziwa khona.
30. Ithe incwdi “lowo owafunyanwa engayembethe ingube emhlophe emshadweni.wendodana, kwabizwa amadoda anamadla ukuthi amakhiphele ngaphandle ngoba kwakungafanele angene. Waze wasihlupha umoya ongalungile, usihlupha endaweni ehlanzekile, engafuni bala nakungcola.
31. Isihlabelelo 179 : 6
Lowomuzi esiya kuwo,
Akungeni sono khona;
Kwanasono sinye qhabo
Kuyahlala izingcwele zodwa.
32. Mayibongwe iNkosi
yaseKuphakameni! Uma sengiyikhethile iNkosi yaseKuphakameni, kufanele kubonakale ukuthi sengiyikhethile iNkosi. Angazi ukuthi kwenziwa yini umuntu akhohlwe ukuthi uNkulunkulu angamenza noma yini noma nini noma ngaskhathi sini.
33. Yabona lendawo iyesabeka kodwa kuyamangaza ukuthi kunabantu abangayesabi. Thina uma singena ngesango lapha eNqobizitha, kuxega amadolo ngoba uvele ungazi ukuthi ufanelwe yini ukungena, ucabange ukuthi asikho yini isono esingenza ngingafaneleki ukungena kulamasango. Lapha ngikhuluma ngesango asikafiki ethempelini.
34. Manje uma uzoba nesibindi sokuthi ungene udlwathuzela nje yingoba uyazi ukuthi wena awuzele lento esiyizele lapha, ungaze ukhohlwe ngisho ukukhumula izicathulo ngoba awazi ukuthi uyaphi. Uyabona umuntu oze lapha uyathoba. Njengoba ngisho nje ukuthi lendswo iyethusa kakhulu.
35. Kwethusa ngisho call yomholi uMa ekufonela, uvele ungazi ukuthi kufanele ukhulume kanjani nomuntu wasezulwini, umuntu okhuluma noNkulunkulu, ungazi ukuthi
uzowuthathaphi umlomo wokukhuluma nalomuntu okhuluma noNkulunkulu ngoba wena awukwazi ukukhuluma noNkulunkulu.
36. Mina ngangingazi ukuthi kuyenzeka ebandleni ukuthi ibandla lilinye liyehlukana kabili nakathathu noma kane lilinye. Yingoba kusuke sekukhona abashumayeli, sekukhona abagcotshwa abazigcobe bona abashumayela ivangeli eliphambene naleli esize ngalo.
37. Bengingazi mina ukuthi kukhona umuntu okwazi ukwenza iqoqo lakhe alishumayeze into engashunyayelwa lapha sikhona. Lapha simenyelwe ukugcina umthetho kaNkulunkulu, simenyelwe uku ngena ezulwini. Sizongena kanjani sisathwele imithwalo yasemandulo, eyayingafuneki nasekuqaleni esazithwesa thina. Kwala noma sesingene emanzini sithi sesithole umntwana kodwa lomtwana syamxosha sibuyise imikhovu nabotikoloshe.
38. Kodwa ngithi noma kunjalo, kodwathi emuva asisayi, siya phambili! Siyacela uNkulunkulu asiphe amandla ukuthi singayi emuva ngoba imuva lasixaka, sasingazi ukuthi sizibizela umlilo. Manje lenhlanhla esiyitholile sengathi singayiphatha kahle.
39. Ithi iNkosi iLanga abantu bahlukene kathathu ekukholweni. Kukhona abasesehogweni, kukhona abasezulwini, bese kubakhona abasemhlabeni. Ithike iNkosi “siye simthahe umuntu wasesihogweni sismsebenzise uma sesiqedile ebese simbyisela khona”. Angihlala lawomazwi ngoba inkinga angizazi, sinenkinga yokungazazi, kodwa ekungazazini kwethu kufanele sizifune phela ukuthi ingabe singabakuphi.
40. Umthandazo engawuthandaza ngizwa lokho ngowokuthi; noma ngabe bengakhiwe ngalo udaka lwasesihogweni, kodwa ngyacela ukuthi uJehova akushintshe lokho. Ngangikusho lokhu ngoba ngibona ubuhle bukaNkulunkulu. Ngacela ukuba ngibe lubumba lwasezulwini hhayi lwasesihogweni. Umthakathi uthinike yena “ngilunge nginje”.
41. Ngike ngabona ivideo ku tiktalk, lapho bekukhuluma khona inyanga ohlelweni obeluphethwe ngingqingili. Uthike lo ophethe uhlelo “unawo unembeza kodwa? Ithi inyanga “ukhuluma ngani uma ukhuluma ngonembeza? Ithi mina ngingokasathane, usathane ngubaba wami futhi ungenzela yonke into, noma ngifa ngiya kuye”. Ithi lenyanga njengoba icebile yenziwe ngusathane. Abantu abafunda ibhayibheli elingcwele bayasokola, bayahlupheka, nabo bayigcina kwasathane. Abanyeke bayomuzwa lomuntu kodwa thina emuva asisayi.
42. Ushonjaloke umuntu oholwa ngumoya omubi, uthi ”ngilunge nginje ,angifune kusintsha, noma kungathiwa uNkulunkulu muhle kodwa mina ngilinge nginje”. Ngigcina
ngingazi ukuthi uma silapha ingabe simenywe nguNkulunkulu sonke yini noma kukhona abamenywe ngabanye onkulunkulu. Kuyenzeka phela ukuthi umuntu amenywe
emcimbini ebese yena ameme owakhe baphikelela khona.
43. Kungenzeka yini ukuthi nasekukholweni kunjalo, ukuthi kubekhona abamenywa nguJehova bese kuba khona abamenywa ngabanye onkulunkulu endaweni kaJehova ukuzokwenza okuphambene nokukaJehova. Kungenzeka yini ukuthi labantu abenza okuphambene nentando kaNkulunkulu yingoba bemenywe ngabanye onkulunkuluendaweni kaJehova?
44. Ngake ngezwa ubaba uMelusi ekhuluma indaba yokuthi, kuyenzeka uphuphe uyihlomkhulu ethi hamba uyomkhonzela eKuphakameni, kodwa uthi uma ufika eKuphakameni ufike wenze okuphambene nalokhu okwenziwa ebuNazaretheni,utholakale sewuxova ibandla, uxabanise abantu, kanti uthunywe ngomubi.
45. Simenyiwe bantwana baseKuphakameni, asenze lokho esikumenyelwe ukuze siye lapho esifuna ukuya khona. Akuthi noma bekhona abangamenywanga nguJehova kodwa bemenyelwe ukuzosihlakaza, kodwa singavumi. Ngoba bayasinika nemiyalo eqeda amadla ukuze sibone sengathi ayikho lento kaNkulunkulu.
46. Ukukholwa esikuko kuyesinda, kulidwala elibushelelezi, liyabehlula abaningi. Sengathi uNkulunkulu ubengasipha amadla okuthi sinqobe ngoba angeke simbone usathane eqhamuka emubi noma enezimpondo nomsila, kodwa uyoqhamuka emuhle.
47. Yasho njalo enye insizwa eyisihlobo sami; ithi umfowabo uyi principal kwesinye sezikole eMbumbulu, kodwa ukuze abe principal yeskole uqale wabulala abantu. Uqale nge HoD wayibulala wangena esikhundleni, weza nge deputy wayibulala wangena esikhundleni, wabe esegcina nge principal wayibulala wangena esikhundleni, ebabulala
ngomuthi. Uthi kodwa uma ungahlangana naye angeke ubone ukuthi ngumthakathi. Lomutu uhlanzekile, uthembekile uma umbheka, ngeke umcabangele ngasekuthakatheni.
Thina sicabanga ukuthi uma kuqhamuka umthakathi kusuke kuzoqhamuka idixa nje, into engagezi, into enuka kabi kanti kuzoqhamuka uswenka.
48. Bathakatha kahle ngoba bananemali, ayikho inhlobo yomuthi abangakwazi ukuwuthenga, ngisho umuthi wesigidi bangawuthenga, kube sibe sesisixwa nguNkulunkulu. Bancamela ukulamba angadli lutho, noma ngabe bengayithenga imoto akakwazi ngoba akukenzeki lokhu akufunayo. Sengathi abantu abanjalo bebengamenyelwa kulendawo ngoba baphazamisa ukukholwa kwabantu.
49. Bengingazi ukuthi kuyenzeka esontweni ukuthi uzwane nensizwa kanti ngungqingili. Uthole ukuthi ikukhonzile lensizwa kanti yona ayikukhonzile, iyakuthanda. Uthi uzwana nomuntu kanti uzwana nenkunzimalanga yomthakathi. Nalapha ekukholweni sihamba nabo, sihleka nabo basifaka imithi, kodwa uJehova uyasivikela.
50. Isihlabelelo 89:4
Malube kuwe udumo lwakho,
Emhlabeni nasezulwini
Kumabandla onke akho
Kuwe baba Nkulunkulu.
51. Sengivala ngicela sifunde incwadi ka Duteronomi 31:6-8
6.Qinani nime isibindi ningesabi, ningashawa luvalo ngaobo
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho, nguyena ohamba nawe, Akayi ukukuyeka akushiye,
7.UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye Emehlweni abantu bonk bakwa Israel; Qina ume isibindi ngokuba Uyakuhamba nalababantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona. Ngyakwenz ukuba balidle izwe
8. Ujehova nguye oyakuhamba phambi kwakho, uyakuba nawe akayikukuyeka akushiye, ungesabi ungabi nengebhe. Amein!