Namuhla kuTick tock usuthola izimpikiswana eziningi zabefundisi bamaKrestu ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, ikakhulukazi ukugcina isabatha!
Angazi noma sebeqala ukufundisana ngala maqiniso ngoba sekuyizi nsuku ze- End time yini?
Kodwa kusukela ibandla lama Nazaretha lasungulwa, uShembe wasifundisa ukuthi, njengo mthetho kaMose, ukukholwa ukugcinwa komthetho kaNkulunkulu kuhlanganisa neSabatha; nokuthi uNkulunkulu munye, nguJehova kuphela!
Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelozwe elizayo.
UBROTHER ENIGMA UNGENWE UKUHLANYA NGOKUSHUMAYELA.
1.Eminyakeni ephambili ngangingu mqondisi emnyangweni wamakhosi, ngixazulula zonke izinkinga zobukhosi. Kwakuza yonke inhlobo yemibango ongase uyicabange emakhaya, kodwa ikakhulu imibango yobukhosi.
2.Ngelinye ilanga kwafika kimi insizwa ebukeka ifundile, igqoke kahle, futhi ikhuluma isingisi esiphambili. Yathi izofuna ubukhosi bayo esizweni esithile engingazuku sisho.
3.Lendonda yayiphekezelwe iviyo labantu abangosopolitiki, nabo befundile, futhi bephethe izikhundla ezinkulu kumaqembu abo.
4.Lesi simo lomuntu owayeyiso, kanye nabalandeli bakhe, sasingiphoqa ukuba ngibalalele, futhi udaba lwakhe ngiluthathele phezulu.
5.Ngabe sengibiza onke amakhosi angaphansi kwesi fundazwe saseMtshezi, e-Escourt, ukuba adingide udaba lwalomuntu othi uqhwagwe ubukhosi bakhe.
6.Onke amakhosi angaphansi kwe-Escourt aphelela enkantolo yase-Escourt, nalomuntu wafika nabalandeli bakhe.
7.Ngabe sengithi akaqale acacise udaba lwakhe ngoba nanka amakhosi aphelele. Uma eqala ukukhuluma wathi:
8.“Cha mqondisi, awungizwanga ukuthi ngithini, angishongo mina ukuthi ngifuna lobu bukhosi. Mina ngimangalele lo othi uyiNgonyama yamaZulu, inkosi uZwelithini!
9.Lomuntu uhleli esihlalweni sami. Kade ngangiya eNdlunkulu ukuyomtshela ukuthi akangidedele esihlalweni sami. Mina ubukhosi bami busukela enkosini uDavide!”
10.Wabe esezibala izindlu kusuka enkosini uDavide waseBhayibhelini kuze kufike ebukhosini base Topiya.
11.Lapha wayechaza ukuthi ubukhosi bakwaZulu, kwase Lesotho nokwaseSwatini, ubukhosi bakhe!
12.Ngenkathi ekhuluma wayevula izincwadi aziphethe, evula namamephu, bonke abalandeli bakhe benqekuzisa amakhanda bemvumela!
13.Mina namakhosi savele sasangana amakhanda nje, mina ngangazi ukuthi ngizoyiphendula ngiyithini lento.
14.Kodwa ngasengibuka amakhosi ukuthi azothi ingempela ngiwabizeleni lapha, ngoba abahlangene nalento ekhulunywa yilomuntu?
15.Naye futhi uyasho ukuthi yena ubengafuni lamakhosi, kodwa ufuna lo osethi uyiNgonyama yamaZulu, inkosi uZwelithini, esesimnike isihlalo sakhe!
16.Ngashshe ngabona ukuthi amakhosi azolwa nami, futhi kufanele. Ngabe sengisukuma ngixolisa emakhosini, ngithi:
17.“Makhosi, akusiyo lento lomuntu ohlale ezoyikhuluma kimi, nami njengamanje sengidideke njengani. Ngiyabona ukuthi kukhona okungahambi kahle ekhanda lakhe!”. Ngase ngiyawuvala lomhlangano.
18.Kodwa abalandeli bakhe balwa nami, bethi ngibize inkosi yabo ngohlanya.
19.Kodwa kwase kucaca ukuthi kukhona okungahambi kahle kulobaba, ngoba emva kwesikhathi ngathola ukuthi useyaziwa naseNdlunkulu yakwaZulu, naseNdlunkulu yase Lesotho neyase Swatini, ngoba uhlale efika ezofuna ubukhosi bakhe nezwe lakhe elisukela eTopiya lize liyofika eMzansi Afrika!
20.Kwejwayelekile ke ukuthi ngihlangane nabantu abanje, abanye abathi bangama khosi, bangaba profethi, abanye ucabange ukuthi yizazi zeBhayibheli, kanti umuntu akaphilile ekhanda!
21.Kodwa kutholakale ukuthi lokhu ukuhlanya okungenke kumenze umuntu kumuse esibhedlela sezinhlanya! Angazi ukuthi umuntu onjalo kuyi psychology ubizwa ngokuthini, kodwa yena uyi Case!
22.Kuyi Whatsup wami cishe bane abantu abahlale bengishayela izincingo, kodwa engibhale ukuthi: “Uhlanya 1; uhlanya 2, njalo njalo, ukuze ngithi uma ngiqala ngikhuluma nabo ngibe sengazi ukuthi uyi case!
23.Ziningi ke izinto ezenzeka lapha emhlabeni ezingakwenza ucabange ukuthi umuntu uyaphila, kumbe kukhona ubuprofethi onakho, kanti cha, uyazigulela nje!
24.Ebandleni lakithi kunensizwa eyafa ingumKrestu, yaphaphama osukwini lwesithathu isiyongcwatshwa, nomgodi usulungisiwe.
25.Ekuphaphameni kwalomuntu wathi kade esezulwini. Lapha ezulwini ubone uShembe, omthathe wamusa esihogweni lapho efike wathola khona abantu abaningi besha, bejeziselwa ukuthi besese mhlabeni, abangama khosikazi babengazifaki izidwaba emakhaya abo, namadoda engabhinci!
26.Okunye kwakungukuthi bonke abesilisa abaganwe umfazi oyedwa nabo bayiswa esihogweni. Uthi ke lomuntu ezulwini kwakuhleli uShaka, kunguye uMehluleli, phambi kwakhe kunegula elikhulu lamasi!
27.Lomuntu wakhuluma lezi zinto ngimnike inkonzo, wabe esechaza uhambo lwakhe ekufeni!
28.Akabange esaba ngumKrestu, kodwa wathi evuka wayesejoyina lelibandla lamaNazaretha, ehamba eshumayela lelivangeli lokuthi abantu abafake amabheshu nezidwaba, baganwe ngamakhosikazi amaningi, ngoba uma bengakwenzi lokho baya esihogweni!
29.Ngaleso sikhathi sasi sese Buhleni, kodwa ingelosi isivamile ukusivakashela.
30.Ngelinye ilanga yafika ingelosi kade sishunyayezwa yilomuntu, sabe sesibuza kulomuntu wasezulwini ukuthi yona ithini ngalentshumayelo yalomuntu?
31.Ingelosi yavele yabheka le eceleni, kwacaca ukuthi iyahleka. Kodwa ke ingelosi ayihleki uyibuka, ivele ibheke ecaleni, bese uyazibonela ukuthi iyahleka.
32.Yabe isithi: “Cishe lomuntu uye kwelinye izulu, hhayi leli uShembe okulo! Phela maningi amazulu ekufeni kwakho ongaya kuwo!”
33.Ngathi ngimbona lomuntu wabe esengumshumayeli khona eBuhleni, awagcina lapho, ngithe ngimbona wabe eseyisangoma! Angazi noma usaphila yini!
34.Lokhu kubonisa ukuthi ukukholwa ungahlale ukuthathela ezibonakaliswe, kumbe emaphusheni akho noma omuntu, kungakhathaleki ukuthi uthi umuntu wake wafa wabuye wavuka! Namadimoni ayazenza abangcwele!
35.Wena ungacabanga ukuthi lokhu okubonayo kuyikho, kanti udlala amadimoni! Yikho wathi uYeshua: HLOLANI IMIMOYA!
36.Kukaningi amanye amaNazaretha ethi angibeke umbono wami ngalo Brother Enigma, kodwa ngingathandi ukukhuluma ngiqondise, ngoba ezinye izinto ozishoyo ziliqiniso!
37.Kodwa ngibe nesiqiniseko sokuthi kukhona okungahambi kahle kulomuntu, ngenkathi ngimuzwa ebala amabandla abaholi bawo abasesihogweni, wabe esebala noMprofethi u-Isaya Shembe, uMqali wendlela!
38.Ngithole ukuthi ukhuluma ngoMprofethi lapho esethi abasesihogweni ngama “founders” alamabandla!
39.Kungumsebenzi wami ukuthi ngiqondise konke lokhu kukhuluma okuthuka uBabamkhulu, noma kuvela kumuntu okwasaluhlanya, ngoba bakhona abazoyikholwa lembudane!
40.Abamhlophe benza konke okusemandleni ukuqeda ngo Babamkhulu, ngakho ke asikwazi ukuvuma ukuthi nakulesi sikhathi samanje kube nezinhlanya ezisanganela kulomuntu wasezulwini!
41.Ngaphandle kwalokho, uBabamkhulu ufana noYeshua ebandleni lama Nazaretha kaNkulunkulu, ngoba mhla ingelosi isungula lelibandla, yathi angibuyisele abantu kuJehova, ngithathele ezimfundisweni zika Babamkhulu efundisa amaNazaretha ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani.
42.Lokho kusho ukuthi uma uBabamkhulu esesihogweni, nathi ayikho lento esiyifundisayo ngokukholwa, okuseqinisweni nathi ekufeni kwethu siya esihogweni; nabantu sibaholela esihogweni!
43.Lapha ngiqondise ebandleni lama Nazaretha kaNkulunkulu, angikhulumeli amabandla akwa Shembe, ngoba emabandleni ethu sekunezinto eziningi ezingafani!
44.Ukuze umuntu nomuntu aqonde ukuthi uShembe wayengu mprofethi woPhezukonke, ngiveze kafuphi umlando wakhe!
45.UShembe waqala ukuhlangana noNkulunkulu eneminyaka cishe engu 12. Lokho kwenzeka ehlala epulazini lomlungu eNtabazwe.
46.Wayengafundile, ehlala enkopholo nesikwata, naso esingazi lutho ngemfundo!
47.Waqala ukukhuluma noNkulunkulu engazi lutho ngobuKrestu, futhi engakaze alibone ngisho iBhayibheli. Ngaleso sikhathi kwakungakabi bikho ngisho umsakazo, ngingasaphathi ke iTV.
48.UNkulunkulu wafika kuShembe esentabeni elusile, wamazi uJehova ngokuthi iNkosi yakhe, ngoba nguye uJehova owathi uShembe akaguqe, ngoba ukhuluma neNkosi yakhe!
49.Ngesikhathi isikwata siqala ukubona ukuthi uShembe unomoya othize, babethi ungenwa ubungoma, ngoba babengazi lutho ngokukholwa!
50.Kodwa enye intombazane eyayisebenza ekhishini, isifundiswe ngumlungu ngobuKrestu, yamlamela ethandaza yedwa esentabeni.
51.Kuthe uma ezoyilekelela emzini womlungu, yabe isimbonisa iBhayibheli, isimtshela nokuthi le incwadi ephethe izindaba zikaNkulunkulu.
52.Ekhumbula ngezwi elakhuluma naye esentabeni, wafisa ukwazi ukuthi leNkosi ekulencwadi yehluke ngani kule emfikela esentabeni?
53.Esalokhu eninga ngoNkulunkulu okuleliBhayibheli, wathi elele wazibona efundiswa leli Bhayibheli; izwi lase lithi ekuseni leliBhayibheli uzolithola emzini wamaWeseli!
54.Nempela ekuseni waya kulomuzi, amaWeseli amnika leliBhayibheli olibone esibonakalisweni, okwathi uma elivula, wavele wakwazi ukulifunda yize engakaze aye esikoleni!
55.Emva kwalokho amaWeseli ahamba naye aya esontweni. Ngokwazi ukuthi ungumfana okubonakalayo ukuthi uthunywe nguNkulunkulu, ngelinye ilanga umfundisi womlungu wamnika inkonzo, okwathi uma eqala eshumayela, kwavele kwavuka amadimoni kubantu, abanye abantu baphuma ngamafastela enkonzweni, bebaleka! Wabona lomfundisi ukuthi lesi senzo sagcina kuJesu kuphela!
56.Lomfundisi wabe esembiza uShembe, esethi uyabona ukuthi unoMoya kaNkulunkulu, ngakho ke asikho Isidingo sokuba asonte, kodwa akahambe eyoshumayela ezintabeni aphendule amaqaba!
57.Ibandla lamaWeseli laphatheka kabi, ngoba lase lithathekile yisimo salomfana okhalisa amadimoni, nokwazi ukufunda iBhayibheli engakaze eye ngisho esikoleni!
58.Wgcina lapho uShembe ukuba abe sesontweni. Emva kwalokho wakhohlwa ukusonta, wabe esephila impilo yokuba libhinca njengawo wonke umndeni wakubo.
59.Kodwa uShembe akabuyanga wahlukane neBhayibheli, futhi njalo ntambama wayeya esiguqweni eyothandaza ngisho eseganiwe, ngoba wayefundiswe ukuthandaza nguNkulunkulu esalusa izinkomo!
60.UNkulunkulu wabuyela kuye, wamehlukanisa nomuzi wakhe, okungamakhosikazi akhe amane kanye nezingane zakhe, waqala lapho ukuhamba ezintabeni eshumayela ephethe iBhayibheli.
69.UShembe waye shumayela ngokuse Bhayibhelini kuphela. Yikho ke ibandla lamaNazaretha likholwa ngokulandela imfundiso eseBhayibhelini kuphela!
70.Wavusa inkolo kaMose naba profethi bakwa-Israel, kuhlanganisa noYeshua, njengoba kwakunjalo lenkolo ingakachithwa yinkolo yobuKrestu ngamaCreeds!
71.Yonke inkolo uShembe wayeyi thathela eBhayibheli owalinikwa nguJehova!
72.Ngakho ke ngiphosela inselelo noma ngubani ongaveza noma iyiphi inqubo yokukholwa amaNazaretha ayilandelayo, kodwa iphambene nomthetho kaMose kanye nezimfundiso zikaYeshua!
73.UBabamkhulu iBhayibheli wayelicula njengamaMoslems efunda iKuran; wonke amavesi wayewazi ngekhanda! Wayethi eshumayele ebe ekunika ivesi leBhayibheli!
74.LeliBhayibheli owakhonjiswa lona, waze wahamba emhlabeni elisebenzisa, noma esefihlwa, labekwa eduze kwesidumbu sakhe!
75.Isisekelo sokukholwa kwaseKuphakameni ngumthetho kaMose, obhalwe kuvesi 3 womthandazo weSabatha, lapho uShembe ethi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owasilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukelekele kuThixo wemikhosi!
76.Konke ukukholwa kwebandla lamaNazaretha kususelwa emthethweni kaMose nasezi mfundisweni zabaprofethi!
77.Ngakho ke kuyethusa ukuzwa umuntu ethi uShembe usesihogweni ngoba wayengamdumisi uJesu! Angazi ukuthi kanti uJesu udunyiswa kanjani?
78.Imfundiso kaShembe ithi nguYeshua owagcwalisa imithetho kaMose ngokuyifundisa. KuMathewu 5:17-19, uYeshua uthi: “Ningasho ukuthi NGIZOCHITHA UMTHETHO NABAPROFETHI. ANGIZELANGA UKUZOCHITHA, KODWA NGIZE UKUZOGCWALISA.
79.NGOKUBA NGIQINISILE NGITHI KINI KUYOKWEDLULA IZULU NOMHLABA, KODWA AKUSOZE KWEDLULA NALINYE IGAMA, NASICASHANA SINYE SOMTHETHO.
80.NGAKHO KE OWEQA OWODWA KULEMIYALELO EMINCINYANE, AFUNDISE ABANTU KANJALO, UYAKUTHIWA NGOMNCINYANE EMBUSWENI WEZULU; KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU.”
81.UJesu wafundisa ukuthi UMTHETHO KAMOSE UMI NGUNA PHAKADE.
82.Wangagcina lapho, kodwa kuMathewu 7:21-23 wathi ngisho umuntu engahlale embiza, ethi Nkosi, Nkosi, kodwa uma engawugcini umthetho kaNkulunkulu, uyothi uma efika phambi kwakhe, uYeshua amxoshe ethi ungumenzi bobubi!
83.UShembe wafika wathi amaNazaretha anezimfundiso zikaYeshua ezithi umthetho kaMose umi nguna phakade!
84.Kanjalo, ngovesi 3 womthandazo wesabatha uShembe wagcwalisa umthetho kaYeshua okuMathew 5:17-19. Ngakho ke njengabaholi benkolo, akumele sigcine ngokuwugcina umthetho, kodwa kumele sifundise nabantu ukuthi abawugcine.
85.AmaKrestu analokhu kukholwa uYeshua okuchaza kuMathewu 15:8-9, lapho ethi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zemilomo, kodwa inhliziyo yaso ikude nami, bangikhonza ngeze, befundisa izimfundiso zabantu!”
86.UShembe ama Nazaretha uwafundise ukuthi uYeshua angamdumisi ngomlomo, kodwa ebe EFUNDISA IZIMFUNDISO ZABANTU!
87.UbuKrestu akwakhelwe ezimfundiseni zikaMose, zikaYeshua, ngisho zabapostoli, kodwa kwakhelwe phezu kwezimfundiso zebandla lama Katholika! Leli bandla yilona ngamaCreeds elachitha inkolo kaJehova esayinikwa nguMose! Kodwa uBrother Enigma uthi uBabamkhulu usesihogweni!
88.Besingajabula uma uBrother Enigma engasho isono esisodwa esingenza uBabamkhulu aye esihogweni?
89.Uma lokho uBrother Enigma ethi wakutshelwa nguJesu, yena uJesu wathi uShembe eselapha emhlabeni wenza sono sini esingamenza aye esihogweni?
90.Okokuqala kumele ngikuqondise ukuthi akaziwa “uJesu” ezulwini, kodwa ingelosi indodana kaMaria yathi igama layo nguYESHUA! “UJesu” wavela ebandleni lamaRoma! Lo ngumlando ongaphikiseki!
91.Akugcini lapho, uYeshua akakwazi ubuKrestu, ngoba okokuqala uYeshua wayengu mJuda, engaphansi kwenkolo kaMose. UbuKrestu kwavela uYeshua kudala wahamba emhlabeni.
92.KuJohane 16:14-15 uYeshua uthi: UMoya oyingcwele uyakungi khazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
93.Konke uBaba anakho kungokwami, yingakho ke ngithi uyothatha kokwami anibikele khona.”
94.In simple terms, uYeshua uthi uMoya ongcwele abantu uyobafundisa ukuba bagcine umthetho kaNkulunkulu, ngokwenze njalo uyobe udumisa uYeshua, ngoba uYeshu noNkulunkulu abaphikisani ndawo, ngoba umthetho kaNkulunkulu kusengumthetho kaYeshua!
95.UShembe uthe efika wasifundisa ngomthetho kaMose, okungumthetho kaNkulunkulu. Ngokwenze njalo usaqhuba lona ivangeli likaYeshua elikuJohane 16!
96.Ngokufundisa ngomthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMose, indirectly uShembe wayedumisa uYeshua!
97.Kodwa futhi uShembe ezintshumayelweni nasezihlabelelweni eziningi wayaye edumise uYeshua DIRECTLY!
98.Kusihlabelelo 5 uShembe uthi: “Nina abathanda ukuphila emhlabini kaJesu, khumbulani incindezi yendlela eya ngasekhaya.
99.Umkhondo mncinyane wehlula amagwala. Nesango lincinyane lingenwa ngamandla.
100.Izinyoni zinezindlu zihlala kamnandi. Kepha uJesu kanandawo lapha engahlala khona.
101.Abathanda ukumlandela mabazidele kuqala, bengayesabi imiyalo ephelisa Amandla.
102.Bathabathe isiphambano emahlombe abo. Basifele isithembiso abasethenjiswayo!”
103.Kodwa akekho amaculo uShembe owawaqamba ngaye, ngaphandle kwelilodwa elithi “SHEMBE NDODANA KAMAYEKISA”
104.Kusihlabelelo 132 uma uShembe ehlabelelo ngokuthi uJesu wasifela izono, uthi: “Mina ngikhumbule esivinini, ngokugcina ngivalelise. Abaningi bayongiphelezeka ngokumthanda uJehova.
105.Kuhle kangaka ekhaya lethu lapha siya khona. Goldie nesiliva elihle alithathi lutho.
106.Bamenywa ngowayelenga emthini esiphambanweni. Emthini wokudelwa, umhlaba wazamazama.
107.Wayevuma ezami izono emthini wokudelwa. Izinkanyezi ziwile, liang lafiphala, umhlaba wazamazama, amatshe adabuka.
108.Mina ngaphunyuzwa ngowayelenga emthini. Senizwile wozani! Ezami zagqitshwa kanye nami ethuneni senizwile wozani.”
109.Ziningi nezinye izihlabelelo zikaShembe ezidumisa uYeshua. Manje akasicacisele uBrother Enigma ukuthi ngenkathi ebona uShembe esesihogweni, wathi uJesu uShembe wayena sono sini?
110.Amakholwa angahambisani nemithetho kaJehova njengoba yagcwaliswa nguYeshua, ngamaKrestu! NgamaKrestu afundisa ukuthi wona akasaphili ngaphansi komthetho kaMose, ephikisa izimfundiso zikaYeshua!
111.Manje sekwenzeka kanjani ukuba bese kuba nguShembe osesihogweni?
112.UYeshua uthi abangawugcini umthetho kaMose abanasabelo ezulwini, kodwa okholwa ngokugcina umthetho kaMose, mkhulu ezulwini.
113.UShembe wafike wagcina umthetho kaMose, wabuye wasifundisa ukuthi asikholwe ngokugcina umthetho kaMose.
114.Ngakho amaNazaretha ukukholwa kwawo kugxile ekugcineni umthetho kaMose njengokufundisa kukaYeshua, kodwa uBrother Enigma uthi uBabamkhulu usesihogweni!
115.Njengoba naye uBrother Enigma ezibala zonke izinto ezingemukelekile ezulwini, uyaye afunde emthethweni kaMose, zonke lezi zinto othi uBrother Enigma ziyisono, amaNazaretha vele akazenzi, ngoba zibalwe emthethweni kaMose! Kodwa zenziwa yiwo amaKrestu!
116.Ukuba amaNazaretha engazenzi lezi zinto, kuyimfundiso yakhe uShembe, lo othi uBrothernEnigma usesihogweni!
117.AmaNazaretha ngokufundiswa nguShembe agcina iSabatha! Ekushoneni kwelanga ngolwesihlanu acisha umlilo, eze abase ekushoneni kwelanga ngeSabatha! Eksodusi 35:1-3.
118.AmaKrestu amaningi akaligcini iSabatha; angazi noma yena uBrother Enigma uyaligcina yini iSabatha!
119.Kodwa ku-Eksodusi 35:2 uJehova uthi umuntu ongaligcini iSabatha uyokubulawa! UBrother Enigma uhambe ezikhethela imithetho kaNkulunkulu osethi yena iyona okumele igcinwe!
120.Yimina izikhathi eziningi engishumayele ngalezi zinto esezihlatshwa nguBrother Enigma. Zikuma page akuFacebook wami!
121.Ngakho ke kungemangalise uma konke lokhu kukhuluma u-Brother Enigma ekuthathela ezintshumayelweni zami, kodwa ezisuselwa ezimfundisweni zikaBabamkhulu, lo u-Enigma osethi usesihogweni!
122.Ama Nazaretha akaligundi ikhanda ngoba umthetho kaMose uyakwenqaba lokho. Dutoronomi 14:1-2.
123.Ngisho kufe umuntu ama Nazaretha akagundi. Bheka futhi Levi 19:27. Kodwa uBrother Enigma ugundile!
AmaNazaretha akayidli ingulube, nanoma yini engcolile ngokwase zulwini. Dutoronomi 14:3. AmaNazaretha akazigcabi, akawenzi amatatoo. Bheka uLevi 19:28!
124.Kuyi mfundiso kaShembe ukungenzi nanoma yini othe uNkulunkulu singayenzi!
125.Ngakho zonke lezi zinto uBrother Enigma othi wathi uYeshua kuyisono ukuzenza, ama Nazaretha vele akazenzi!
126.Ama Nazaretha akavunyelwe ukuxhuma izinwele. Lokhu ingelosi yakhuluma kabanzi ngakho!
127.AmaNazaretha abesifazane akavunyelwe ukufaka amabhulukwe, nowesilisa ukufaka irokwe, ngokuba lokhu kuyisinengiso kuNkulunkulu! Dutoronomi 22:5!
128.AmaNazaretha amaningi akawenzi ngisho ama make-ups, ngoba lokho akuvunyelwe kulenkonzo!
129.Alikho iNazaretha elipenda umlomo, elipenda izinzipho namashiya, nokuningi okwenziwa ngabesifazane abangamaKrestu, kodwa okuyisinengiso kuJehova!
130.Okuseqinisweni ngisho ukufaka amacici nokufaka amazinyo egolide akuvunyelwe kuleli bandla lama Nazaretha!
131.Namuhla kuTick tock usuthola izimpikiswana eziningi zabefundisi bamaKrestu ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, ikakhulukazi ukugcina isabatha!
132.Angazi noma sebeqala ukufundisana ngala maqiniso ngoba sekuyizi nsuku ze- End time yini?
133.Kodwa kusukela ibandla lama Nazaretha lasungulwa, uShembe wasifundisa ukuthi, njengo mthetho kaMose, ukukholwa ukugcinwa komthetho kaNkulunkulu kuhlanganisa neSabatha; nokuthi uNkulunkulu munye, nguJehova kuphela!
134.UYeshua wazisholo yena ukuthi Yena uyiisithunywa sikaJehova, ungumprofethi! Akukho lapho uYeshua ephikisa khona uJehova!
135.Ngakho ke kuyisono ukuthi ufundise ubukhona bomunye uNkulunkulu ngaphandle kwaJehova kuphela, ngoba usuke usuphikisa umthetho kaNkulunkulu!
136.Kuba yishwa ke ukuthi uma ungenwa ukuhlanya, bese uhlanyela kumuntu wasezulwini! Isono sini ngokuka Brother Enigma esake senziwa uMqaliwendlela?
“Imana efihliweyo
Ngoyifumana khona
Netshe legama lami
Ngolifumana khona.”
INkosi ibusise enikuzwile!