Ngenkathi uBabamkhulu enqaba ukudla inyama ehlatshelwe amadlozi, wayesengumfana, engakabi ngumprofethi.
Kodwa wenza njengo-Abraham, okwathi esengumfana wabulala izithombe okwakuthiwa akaziphakele ukudla, wenqaba ukukhothamela abanye onkulunkulu!
Isihlabelelo 245
1.Ngiyambonga uJehova
Ngaloluthando lwakhe
Owangithanda ngalo
Phambi kwezitha zami.
2.Wahlenga umphefumulo wami
Ogibeni lalokho kufa
Zijabhile izitha zami
Zingibona ngisaphila.
3.Wasula izinyembezi kimi
Emehlweni ami Nkosi
Wazichitha izitha zami
Zazula umhlaba wonke.
4.Namuhla ngidumisa nabangcwele
Ngenhliziyo ekhululekileyo
Ngiyakubonga Thixo wami
Wangivusa ekufeni Nkosi.
5.Ngiphe lawo mandla Nkosi
Okudumisa wena wedwa
Khanyisela umphefumulo wami
Ukubone nasezulwini Nkosi.
AMADODANA KANKULUNKULU AYAHLALA EMHLABENI.
1.Njengoba ngishilo enkonzweni yasekuseni, izwi lithe lesi sikhumbuzo sihlanganise nokubonga iNkosi iLanga ukusisungulela lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu.
2.Lesi sihlabelelo esikade sisihlabelela safika nengelosi, ngaso ibonga ukuhlengwa kwethu yiNkosi iLanga kuyi zitha ezihlale zisihlasela zilwela ukuqeda leli bandla.
3.Akusiyo imfihlo ukuthi izitha ezinkulu kakhulu kuleli bandla yiwo amaNazaretha ezinhlangothi zonke zakwaShembe.
4.Noma bezondana bebodwa, kodwa uma sekuza kithi bayibeka eceleni eyabo inzondo, bese bonke bebhekana nathi!
5.Mhla ingelosi isigcoba, yasho yathi uthi uBaba iLanga: “AmaNazaretha azokosa, kodwa ngenke akwazi ukukudla! Angazi ke ukuthi wayesho ukuthini ngalokho?
6.Kodwa amaNazaretha ayesevele engosa! Angenke ngizibale izinhlamba engangithukwa ngazo, kuthukwa nengelosi ngazo zonke izinhlaba.
7.Kungagcini lapho, abanye bezama nokungibulala! Kodwa ngokuvikelwa yiNkosi iLanga, ngasinda eziwombeni eziningi!
8.Kwakuthiwa lengelosi umamlambo wami, kubuye kuthiwe iyintombi yami.
9.Kodwa ayikho into eyake yangihlukumeza njengokuthi enye inhlalisuthi yakwaShembe ithathe isithombe se mermaid efile, bese ithi lemermaid uHlaleleni, usefile!
10.Kuma Nazaretha amaningi akwaShembe leli kwaba lihlaya elikhulu!**
11.Abantu abaningi basanda kukholwa lapha, kanti abanye basakholwa, kodwa abazi ukuthi bunzima buni esikuthwaliswe ngamanazaretha akwaShembe kusukela sasungula lelibandla likaJehova!
12.Sasingagcini ngokuhlaselwa ngamaNazaretha, kodwa ngisho abanye abaholi bakwaShembe bayaye bangihlasele namanje, bethi lobu buNazaretha libandla lakubo, ngakho ke alikwazi ukuholwa ngumuntu ongasiye owakwaShembe ngesibongo!
13.Kukhona lomholi wakwaShembe okuthiwa uSizwe. Lomholi unomona oxakile, kodwa futhi obuye uhambe nobuwula obuthize!
14.Namanje uhlale engilwisa ngokuthi njengoba uBabamkhulu kungu khokho wakhe, ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu lingazihlanganisi naye!
15.Uthi ke lomholi singasebenzisi nezihlabelelo zomprofethi, singayifaki nemiNazaretha, ngoba yafika nokhokho wakhe!
16.Ngenkathi siya eNhlangakazi, lomholi walwa nathi ethi asingayi entabeni yaseNhlangakazi, yize saya kunguMay, bengekho kulentaba, kodwa elwela ukuthi siye entabeni kakhokho wakhe!
17.Uma ucabanga ukwenza kwalomholi, ungathi kukhuluma umntwana ono 5 years, ngoba angazi ukuthi ungawuchaza kanjani umbhedo onje okuthiwa ukhulunywa ngumholi webandla!
18.Nangesikhathi ngiphuma eBuhleni, lomholi waya ephepheni, wamema wonke umndeni wakwaShembe ukuthi uhlangane ungilwise ngayo yonke indlela, ngoba sengibephuca ibandla lakubo!
19.Manje angazi ukuthi lomholi ubheke ukuthi ngimbonise ngokwenze njani ukuthi ngathunywa nguye uShembe ukuthi ngivuse ubuNazaretha, nokuthi leli libandla likaJehova?
20.Uthi ke angikhumule nengubo emhlophe, ngoba ngekakhokho wakhe! Angazi ukuthi umuntu othi ungumholi webandla uyikhuluma kanjani into eyimbudane kanje?
21.UBabamkhulu uba ngumnikazi kanjani wengubo emhlophe, ngoba lena ingubo yasezulwini egqokwa nayizingelosi?
22.Okusho ukuthi lomholi uzokhumulisa noNkosazane uHlaleleni lengubo emhlophe nenansuka ohlale eyifakile, ngoba ethi ingubo kakhokho wakhe le?
23.Lomholi akagcini lapho, kodwa uthi asiyeke nokusebenzisa izihlabelelo zikakhokho wakhe!
24.Kodwa kubhalwe kuzo izihlabelelo, ukuthi lezi zihlabelelo zazilethwa yizithunywa zasezulwini kuShembe, njengaso lesi esikade sisihlabela, ngoba naso salethwa yingelosi uHlaleleni kithi. Kodwa lomholi uthi zihlabelelo zikakhokho wakhe lezi!
25.Lomholi akazi lutho ngokukholwa, okuduma ekhanda lakhe ukubuka lelibandla njengokwephucwa ifa abalishiyelwa ngukhokho wabo!
26.Okwesibili, lezi zihlabelelo ziprintiwe, they are not published! Azinamnikazi! Angazi noma lomholi uyawazi yini umehluko phakathi kwencwadi eprintiwe nepublishiwe?
27.Okwesithathu isihlabelelo nasemthethweni siyincwadi ebekelwe ukudumisa uNkulunkulu, asilona ibhizinisi!
28.Ngisho ngingathatha isihlabelelo saseLuthela, noma saseWeseli, awukho umthetho ongivimbayo ukuthi ngisisebenzise ebandleni lami. Namanje izihlabelelo zaseWeseli amaNazaretha ayazisebenzisa!
29.Okwesine, awukwazi ukulwela ukushicilelwa kwencwadi ungana copyright yayo. Awukwazi ukungivimba ukuthenga incwadi, ngaphandle Uma ibhenishwe nguhulumeni! ##
30.Ngenkathi ingelosi ifika yathi asishumayele ivangeli lokuyekisa amakholwa ukuhlabela amadlozi, ngoba lokho kuphambene nomthetho kaNkulunkulu!
31.Ku-Eksodusi 22:20 kuthi: “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, engenzeli uJehova yena yedwa, uyobhujiswa.”
32.Kanti kumaHubo 106:28-29, kuthi: “Bazihlanganisa noBhali Peyori, BADLA OKUHLATSHELWE ABAFILEYO, bamcunula uJehova ngezenzo zabo, kwaqubuka ubhubhane phakathi kwabo.”
33.Ngokucacile, kungukwephula umthetho kaNkulunkulu ukuhlabela amadlozi noma abalele.
34.Kanjalo futhi, kungukuhlubuka noma ukwephula umthetho kaNkulunkulu ukudla inyama ehlatshelwe amadlozi, noma abalele.
35.Ngomhla ka 5 November 1929 uBabamkhulu ebizwe nguhulumeni enkantolo ePietemaritzburg, kwathiwa akachaze ngomlando wakhe.
36.Uthike uBabamkhulu: “Abazali bami babekhonza amadlozi, kodwa mina kwangehlula ukukhonza amadlozi, nobaba akaze aba namsindo kulokho, sizwana.
37.Ngangingayi ekhaya uma kuhlatshelwe amadlozi, ngoba ngingayidli inyama ehlatshelwe amadlozi!
38.Nobaba akaba namsindo ngalokho. Ngaya kanye ngibizwe ngubaba kuyothethwa amadlozi.”
39.Ngenkathi uBabamkhulu enqaba ukudla inyama ehlatshelwe amadlozi, wayesengumfana, engakabi ngumprofethi.
40.Kodwa wenza njengo-Abraham, okwathi esengumfana wabulala izithombe okwakuthiwa akaziphakele ukudla, wenqaba ukukhothamela abanye onkulunkulu!
41.NoBabamkhulu wenqaba ukudla inyama ehlatshelwe amadlozi, yize wayengaka kholwa!
42.Kwathi esengu mprofethi, wawa fundisa ama Nazaretha ukuthi engawahlabeli amadlozi.
43.Entshumayelweni yakhe ka 1927, uBabamkhulu wawa chazela ama Nazaretha ukuthi ngoko mthetho kaNkulunkulu abavunyelwe ukukhonza noma ukuhlabela amadlozi.
44.OMzeleku baze bambuza ukuthi usho ukuthi bengabe besabahlabela yini okhokho babo?
45.UShembe wathi impela kunjalo, seboba khumbula ngokuba nikelela elatini emzini waseKuphakameni kunokwenza njenga labo
abangenaye uThixo!
46.Ingelosi yafike yavuselela lelovangeli likaBabamkhulu, yathi angikhumbuze ama Nazaretha ukuthi ikholwa aliwahlabeli amadlozi
47.Ngathi uma ngishumayela lelo vangeli emsakazweni, ngavele ngahlaselwa ngomunye wabaholi bakwa Shembe, engihlasela khona emsakazweni! Wathi lento engiyifundisa ama Nazaretha ayikho, NGIDLISA AMANAZARETHA UDAKA!
48.Cabanga ngimdala kangaka kulenkolo yobu Nazaretha, umama wakhuliswa nguBabamkhulu neNkosi iLanga, bese kuqhamuka ingane eluhlaza izothi ngidlisa ama Nazaretha udaka, ngoba nakhu ngingesiye umholi wakwa Shembe!
49.Emva kwalokho lomholi wabe esengihlasela ngentshumayelo yeNkosi iLanga oyihumusha ngokuthi ithi asikhonze amadlozi!
50.Uma umNazaretha echitha imfundiso yomprofethi ngentshumayeli yeNkosi iLanga, ubokwazi ukuthi lowo muntu uyihlubuka, uyophelela esihogweni, ngoba awukwazi ukuphikisa imfundiso kaBabamkhulu ngentshumayelo yeNkosi iLanga.
51.Lokho kufana nalokhu okuyaye kwenziwa ngamanye amakholwa, ukuchitha umthetho kaMose ngezi mfundiso zompostoli uPaul.
52.Kulelibandla lama Nazaretha, umprofethi ukubhale phansi ukuthi isisekelo salelibandla umthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMose!
53.Manje wena usuthi iNkosi iLanga yaphikisa izimfundiso zomprofethi kaJehova, kanjani?
54.Uma uthi ungumholi wama Nazaretha, kodwa ufundise ukuthi iNkosi iLanga inemfundiso ephikisa imfundiso kayise ongumprofethi, usuke ungenwe lidimoni elibi, uhlubula ama Nazaretha kuNkulunkulu, ungumuntu wasesihogweni!
55.Kuyimfundiso yeNkosi iLanga ukuthi leli bandla ngaso sonke isikhathi liyohamba ngokwezi mfundiso zoMqaliwendlela!
56.Ku page 82 lencwadi ka -Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, iNkosi iLanga ithi:
57.“Nina maNazaretha eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela, ayikho enye. Ngakho nilibambisise lelo lizwi, noma nini, noma singasekho thina emhlabeni, nikhumbule ukuthi ubuNazaretha lobu.., akusikho okomuntu!
58.Akukho muntu ongavela onjengami nje anikhiphe nina endleleni kaShembe.
59.Uma ngithi onjengami, ngisho ngoba kuyaye kuthiwe ngingumholi wamaNazaretha, kepha angisiye, umholi wenu uShembe kuphela! (ngoShembe iNkosi iLanga isho uMqaliwendlela)
60.Kodwa akukho muntu ongavela athi phambukani endleleni kaShembe. Noma ikomiti lamadoda, ibandla labafundisi, noma yinina nonke njengoba nihlangene lapha.
61.Aninakuveza UMTHETHO OPHAMBENE NOSHEMBE, NGOBA LELIBANDLA AKUSILO ELABANTU, AKUSILO ELOMUNTU, ELASEZULWINI!” Amein!
62.Kwenye intshumayelo iNkosi iLanga isizohamba emhlabeni, ithi: “MINA MUNYE UMTHETHO ENGINISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!” Amin!
63.Ngeline ilanga ingelosi yathi ithole abanye abaholi bakwaShembe bekhuluma bodwa ngocingo, bethi: “Imbi lento eyenziwa uBaba iLanga, ukuthi ethathe into yakwethu ayedlulise kumuntu ntu! Kuzofanele siyilwele ukuyibuyisa lento yakwethu!”
64.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Inkinga le, ukusuka kwabantu beqhwage umsebenzi kaNkulunkulu, bethi YINTO YAKWABO LE!”
65.Uma uphila kahle ekhanda, ungaliqhwaga kanjani ibandla likaJehova, uthi ngoba uNkulunkulu ukhethe uBaba wakho ukuhola leli bandla, bese uthi liyinto yakwenu?
66.Ngisho uMose, emva kwakhe uJehova wakhetha uJoshua ongayiyo iNdodana kaMose.
67.Manje ke lapha eKuphakameni uNkulunkulu usezokhethelwa ngamadodana akwaShembe ukuthi kumele aliqhube kanjani ibandla lakhe?
68.Ngalenkulumo abasanda kufika kulenkonzo ngibanika isibuko sokuthi sithwale kanzima kanjani sihlukunyezwa ngamanye amaNazaretha namadodana akwaShembe, ethi lelibandla loPhezukonke, ngelakubo!
69.Ukuba iNkosi iLanga yayingahambi nathi, ngabe amaNazaretha namadodana akwaShembe bakwazi ukulichitha lelibandla! Kodwa uJehova wabanqoba!##
70.UFormer President Zuma uke washo into enkulu, wathi abantu bakithi bahlale bekhohliswa, bengagcini ngokukhohliswa, kodwa ekukhohlisweni kwabo, bakhohliseke kalula!
71.Abantu bakithi uma into ike yashiwo ngumlungu iba liqiniso, kungakhathazeki ukuthi iyimbudane kanjani.
72.Kodwa futhi encwadini kaHoseya 4:6 uNkulunkulu uthi: Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi. Njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumpristi wami.
73.Ukhohliwe ngumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakukhohlwa ngabantwana bakho.” Amein!
74.Ngokusobala, kulencwadi uJehova uthi uyamjezisa umuntu ngokweswela kwakhe ulwazi entweni obekufanele ukuba ayazi!
77.Ngike ngezwa omunye umlungu efundisa kwasakushumayela. Uthi ke lomlungu: Izincwadi ezingu 66 eziseBihayibhelini zabhalwa nguNkulunkulu. Nalezi ezakhishwayo, zakhishwa nguNkulunkulu, ngoba ziphambana nomthetho kaNkulunkulu.
78.Uthi ke lomlungu: “Njengalena nje kaMaccabees, uMaccabees ufundisa ukuthi “we must pray for the dead.”
79.“Ukukhulekela abafile kuphambene nomthetho kaNkulunkulu, ngoba ngokomthetho kaNkulunkulu umuntu ofile ufile!”
80.Kuthe uma ngizwa lenkulumo, ngaqonda ukuthi nabamnyama bayithathela kulaba belungu yonke lembudane yalokhu kukhuluma!
81.KuPetro wokuqala isahluko 3:19 kuthi: “UJesu wahamba wayoshumayeza imiphefumulo eboshiweyo, kulabo abangalalelanga, lapho uNkulunkulu ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana.”
82.Ngokwalomlungu kuyisono ukukhulekela imimoya yasebafa, ngoba ofile ufile. Kodwa uJesu yena wahamba ngomoya wayoshumayeza imimoya eyafa ngesikhathi sikaNowa!
83.Manje awukwazi ukukhulekela umoya womuntu osewafa, ngoba usuke ungasakuzwa, kodwa uyakwazi ukushumayeza umoya womuntu osewafa!
84.Umuntu ofile umshumayeza ukuthi akuzwe kanjani, aphenduke kanjani esefile? Kanti uyaphenduka yini umuntu osefile?
Uyaqhubeka lomlungu kulesi sifundo sakhe uthi iSambulo sabhalwa ngo 100 A.D, kanti uthi ubuKrestu basungulwa ngu Constantine ngo 325 A.D.
85.Konke lokhu kuliqiniso, kodwa kunombuzo okufanele sizibuze wona. Uma iSambulo sabhalwa ngo
100 A.D, kusho ukuthi sabhalwa ubuKrestu bungakabi bikho!
86.Vele ngokomlando ubuKrestu bavela uYeshua kudala wahamba emhlabeni ngoba wahamba ngo 33 A.D!
87.Ngakho ngokomlando ubuKrestu abuhlanganise lutho noYeshua, ngoba kungumlando ukuthi uYeshua wazalwa nguMaria noJosefa, ababengamaHebheru. Naye uYeshua engumHebheru, efundisa ngenkolo kaMose!
88.Inkolo kaMose nenkolo yobuKrestu, lezi zinkolo ezimbili ezaziyizitha ezinkulu, njengoba namaRoma ayeyizitha zamaJuda!
89.UYeshua abalandeli bakhe kwakungesiwo amaKrestu, kodwa kwakungamaNazaretha, wonke engamaJuda!
90.Ngiyazi abanye kuyabethusa lokho. Uma kungenjalo, pho kuZenzo 24:5 uPaul walihola kanjani ibandla lamaNazaretha, ngoba vele ngokomlando uPaul waba ngumlandeli kaYeshua?
91.Incwadi yokuqala kuyiTestamente Elisha ethi MATHEWU, ihunyushwe encwadini ethi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS ngesiZulu okungamaNazaretha.
92.Uma kwakungayiwo amaNazaretha abalandeli bakaYeshua, pho amaNazaretha alibhala kanjani ivangeli ngo Yeshua?
93.Isizwe esimnyama sisebumnyameni! Angikaze ngibabone abantu okuthi uma betshelwa iqiniso ngabo, bese bemthukuthelela obatshela iqiniso, bechazwe ukuhlala ekungazini! Angiqondi ukuthi kanti siyisizwe esinjani
94.Sithathe isithombe somlungu, sazi ngisho igama lakhe, uCesare Borgia, iNtaliyane elaliyisigebengu, futhi eliyisitabane, lingumbulali, elalala nodadewabo, kodwa sithi thina leliNtaliyane uyena Msindisi wethu!
95.Namanje sisaziqhenya ngalo, noma sesazi ukuthi silengise isigilamkhuba endlini yesonto, gkodwa namanje sisathi yisona uNkulunkulu wethu!
96.Mhlawumbe ekuqaleni sasingazi, kodwa manje sesiyazi, uNkulunkulu uvele wangena kuMongameli wezwe elikhulu, iRussia, wasitshela wonke amaqiniso ngobugebengu okwenziwa kokusikhonzisa amawuwa!!
97.Namuhla sesinawo amaqiniso okuthi uYeshua kwakungumuntu omnyama, sesinazo ngisho izithombe zakhe!
98.Sesiyazi ukuthi ngaphandle kokupenda uYeshua, amaRoma abuye akhipha izigidi zezimali kupendwa abantu abamnyama abaseBhayibhelini benziwa abelungu!
99.Kodwa isizwe esimnyama sesadla amathe abezizwe, akusihluphi lokho, asifuni nakukhuluma ngalobu buqili babezizwe obushaqisayo!
100.Kwenye i-article ngike ngabona amaJuda amhlophe ase-Amerika ebalisa ngokuthi iDNA ibaphikisile, yathi bona abasiyo inzalo ka-Israel!
101.Kodwa thina sakuthola kudala ukuthi iDNA ikhomba thina ukuthi yithina esingamaHebheru, yithi inzalo kaJakobe!
102.Kodwa kuthe sesivezelwa ngumuntu obegcine lezi zithombe ezipendiweyo, abanye kwabaphatha kabi lokho, bathi wena Putin uhlushwe yini uma thina sikhonza umlungu?
103.Uhlushwe yini uma abamhlophe bapenda okhokho bethubabenza abelungu? Suka lapha, wena ufuna ukusisusa ekukhonzeni obasi bethu!
104.Ngikhuluma nje izithombe zika Cesere Borgia zigcwele zonke izindlu zamasonto, ezinye zilenga nasezintanyeni zethu, yize sesazi ukuthi yisithombe sesigelekeqe sombulali lesi!
105.Isizwe sakithi asikujabulelanga ngisho sesitshelwa nguMongameli uPutin ukuthi yingqulathi le esifunzwa ngayo!
106.Abamnyama bathukuthela bafa, bathi lomlungu usisuselani kobasi bethu, uwavezelani lamaqiniso azosenza singabe sisabakhonza obasi bethu!
107.Thina besikuthanda ukuba noJesu omhlophe, siyakuthanda thina ukukhonza isithombe sesitabane, sombulali, sithi nguyena impela unkulunkulu wethu lo!
108.Ngicabanga ukuthi noMongameli uPutin ujabhile lapho ekhona, ngoba ubona bonke abantu abamnyama bezithela ngabandayo, betshengisa ukuthi abayithandi lento oyivezile!
109.Asikwazi ukukhululeka sisakhonza izithixo zase West ezweni lethu. UNkulunkulu akasebenzi kanjalo!
110.Ngiyacela kuMongameli wethu uBaba uZuma, ukuba thina asixhumanise noMongameli uPutin ukuze sithole onke amaqiniso ngalabo Jesu-mbumbulu esebengunkulunkulu wesizwe esimnyama!
110.Mina kwafika kimi ingelosi ihamba ngezinyawo, yangitshela ukuthi uMsindisi wethu nguYeshua, hhayi uJesu; nokuthi yithina amaJuda, hhayi isizwe esimhlophe!
111.Manje uma leliqiniso sengilifakazelwe nguMongameli waseRussia, mina ngikholwa ukuthi loMongameli wayethunywe nguNkulunkulu wokhokho bethu kithi!
112.Ngicela uMsholozi angavumi ukuba lamaqiniso abuye anyamalaliswe yilabo abasidlisa iqanda lenjelwane!###113.Isihloko salenkonzo sithi: Amadodana kaNkulunkulu ayahlala emhlabeni.”114.KuMathewu13:41-43 uYeshua wathi: “INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo, lapho okuyoba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
115.Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe akezwe!”
116.Kulencwadi uYeshua uzichaza yena ukuthi uyindodana yomuntu, kodwa uthunywe nguNkulunkulu!
117.Leligama elithi “iNdodana yomuntu” livela izikhathi ezingu 81 kuyiTestamente Elisha, bese kuba ka 103 kuyiTestamente Elidala!
118.Ngithe uma ngibheka incazelo yalo kuyi Dictionary yeBhayibheli, ngathola ukuthi lisho “ihuman being.” Ngakho ke uNkulunkulu uma ethi “Ndodana yomuntu” usho ukuthi “ndodana ezalwe ngumuntu!”
119.NakuyiTestamente Elisha uma uNkulunkulu ethi kuYeshua: “Ndodana yomuntu” usho ukuthi “Ndodana ezalwe ngumuntu.”
120.Kodwa ngokwezimfundiso zamaKrestu, “uJesu” lo ongumlungu, hhayi “UYeshua,” useyindodana ezelwe yodwa” kaNkulunkulu!
121.Lokhu ukuthi “ezelwe yodwa,” ligama elafakelwa ama Correctos, aseRome, elichaza uTamuz, ukuze lihambisane nenkolo yabo!
122.Kodwa igama elithi “iNdodana kaNkulunkulu,” lisho isithunywa sikaNkulunkulu. Alisho ukuthi umuntu uzelwe nguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akazali! Liyisingathekiso!
123.Uthi ke uYeshua uyothuma izingelosi zakhe. Umuntu ozelwe ngomunye umuntu uthi unezingelosi, ngoba noma ezelwe ngumuntu ngokwenyama, kodwa ungowasezulwini, uyisithunywa sasezulwini!
124.Kodwa maqondana noShembe iNkosi iLanga, akushongo yena ukuthi unezingelosi, kodwa kwafika yona ingelosi kithi, yathi ithunywe nguShembe iNkosi iLanga, yona iyisisebenzi seNkosi iLanga!
125.Akusho yena uShembe ukuthi unezingelosi, kodwa satshelwa yiyo ingelosi!
126.Ukuthi ingelosi izisholo yona ukuthi iyizithunywa seNkosi iLanga, lokhu kukhuluma kuqala lapha kumaNazaretha!
127.Amanye amakholwa ayaye athi uShembe engaba nengelosi kanjani, ngoba ungumuntu? NguJesu kuphela onezingelosi!
128.Amakholwa asafunzwa unkulunkulu ongu Cesare Borgia, azi ukuthi nguJesu kuphela oyindodana kankulunkulu hhayi uYeshua ongumuntu omnyama!
129.Uma uYeshua oyiNdodana yomuntu, kodwa abe ngowasezulwini, kuvimbani ukuthi kuthi noShembe iNkosi iLanga, eyiNdodana yomuntu, kodwa ebe isikhulu sasezulwini, abe nezingelosi?
130.Inkinga yamanye amakholwa ukuba religo-centric, ukucabanga ukuthi okuyona nkolo eqondile lie esayemukela kwabamhlophe, uNkulunkulu wayo okungu Cesare Borgio!
131.Ngokwenkolo yamaHebheru, uYeshua ngumprofethi kaJehova njengabo bonke abaprofethi, kodwa ngokobu Krestu, uJesu akafani nabanye abaprofethi, unguNkulunkulu ngokwakhe!
Kodwa enkolweni kaMose uYeshua akakwazi ukuba nguNkulunkulu, ngoba kwasho Yena uJehova ukuthi uyena yedwa uNkulunkulu!
Abantu abamnyama ke bayishiyile inkolo yabo, bathatha eyokukhonza amatshe nokhuni, nabo ke sebethi uJesu unguNkulunkulu, ulingana noJehova!!
INkosi ibusise enikuzwile!