Eselapha emhlabeni uBaba iLanga wakhuluma ukukhuluma ongekho owakuqonda. Uthi: “Ngizohamba, kodwa ngiyobuya emva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kwengamashumi amane. Inhlansi iyovuka emlotheni!”
Lokhu kukhuluma akakho owakwazi ukuthi kusho ukuthini. Namanje asikwazi! Kodwa iminyaka engu 30 uBaba wedlula emhlabeni yaqala ngo 2007.
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi, “iNkosi iLanga kwakuyindida yomuntu.”
2.Lena inyanga yesikhumbuzo seNkosi iLanga. INkosi iLanga yasishiya emhlabeni mhla ka 19 December 1976.
3.Ilizwi libe selithi iSikhumbuzo sanamuhla asisihlanganise nokubonga ukuvuswa kobuNazaretha yiyo iNkosi iLanga.
4.Lokhu iNkosi yakwenza ngokusungula lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu ngo 2010!
5.Ngiyazi ukuthi abanye abantu bazoba nokudideka ukuthi iNkosi iLanga yakwenza kanjani lokho ngoba yahamba emhlabeni ngo 1976?
6.Njengoba sithi iNkosi iLanga kwakuyindida yomuntu, sikusho ngoba kuze kube namuhla akakho umuntu ongasho ukuthi iNkosi iLanga kwakunhloboni yomuntu?
7.Okwafike kwadida impela, kulapho esethuma ingelosi kithi. Ukufika kwengelosi ihamba ngezinyawo, ifike ihlale nathi, lokho ke kwenza kwathina sangaziqonda noma sisesemhlabeni noma sesafa?
8.Ngelinye ilanga ithi ingelosi kithi: “Kompe nithi iNkosi iLanga yahamba emhlabeni mhla ka 19 December 1976’ akunjalo, kwathi kushaya leso sikhathi iNkosi iLanga kwakukudala yahamba emhlabeni. Lowa muntu akahlali esidunjini esigulayo!”
9.Ngijwayele ukuchaza ukuthi ngo 1973, ngifunda uMatric eDlangezwa High School, Kwaba nesiteleka esikhulu, nami engangisesekela.
10.Kodwa ngobunye ubusuku ngiseklasini ngitadisha nabanye abafundi, kwavela kwangena iNkosi iLanga khona eklasini, kodwa yabonwa yimi ngedwa!
11.INkosi iLanga yiyo eyafika yeqeda leso siteleka. Indaba ende ke leyo! Ngaleso sikhathi iNkosi iLanga yayisaphila!
12.Eselapha emhlabeni uBaba iLanga wakhuluma ukukhuluma ongekho owakuqonda. Uthi: “Ngizohamba, kodwa ngiyobuya emva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kwengamashumi amane. Inhlansi iyovuka emlotheni!”
13.Lokhu kukhuluma akakho owakwazi ukuthi kusho ukuthini. Namanje asikwazi! Kodwa iminyaka engu 30 uBaba wedlula emhlabeni yaqala ngo 2007.
14.Ekupheleni kwa August 2006, sabona sesivakashelwa yiNkosazane esingayazi, kodwa igama layo nguHlaleleni, ingudadewethu. Kodwa mina angikaze ngibe nodadewethu, bashona ngingakazalwa!
15.Kwathi kophela isonto sasesibona ukuthi akusiye umuntu lo, ngoba sasivele simbone esesendlini, singazi ukuthi ungene kanjani.
16.Noma esehamba avele anyamalale, futhi ebonwa yimi noMaNxumalo kuphela! Sabona ukuthi yingelosi le, noma sasingayazi inhloso yayo!
17.Ngo 2007 waqala lomuntu wasezulwini ukusichazela inhloso yakhe, wathi kimi: “Ngithunywe iNkosi iLanga ukuba ngizokubheka, ngoba kunabagcotshwa abafuna ukukubulala.
18.Uthi uBaba angikutshele ukuthi laba bagcotshwa bakuzondela ukuthi uhlale ukhuluma ngami, ubakhumbuza ngakho konke engabafundisa khona, abasangifuni laba bantu!”
19.Ngalolo lusuku ngajabula kakhulu, ngoba laba bagcotshwa ngendlela ababengizonda ngayo, basebezingela nempilo yami.
20.Ngase ngelulekwe nangamakhosazane, u-anti uMaHlabisa no-anti uMaSangweni, bathi akengihlale ekhaya, ngoba sekuyacaca ukuthi laba bagcotshwa bafuna umphefumulo wami.
21.Nempela isifikile lengelosi, yangibheka ngokucacile, ngoba kusukela ngaleso sikhathi, angiphindanga ngahlala imihlangano yokuthethiswa amacala.
22.Onke amaqhinga alabagcotshwa yayingitshela ngawo besawakha, bese ingitshela ukuthi izobavika kanjani!
23.Sihlala efulethini eThekwini, ngazithola ngingenamali yokukhokhela irent eyayingu R3 000 ngenyanga.
24.Sisadidekile ukuthi sizokwenze njani, sithe sibona leNkosazana yabe isifika khona eflethini.
25.Yabe isithi: “Ngiyabona ukuthi aninamali yokukhokhela irent, aniyiceli ngani imali kuBaba iLanga, uzoninika ngoba uyanithanda. Ninenhlanhla nina ngoba nithandwa yiNkosi iLanga.
26.Ukuthandwa yiNkosi iLanga kuyefana nokuthandwa nguNkulunkulu, ngoba akakho umuntu ezulwini ongamphikisa kokushioyo!”
27.Nempela saya esiguqweni sayobika ukuthi seswele imali yokukhokhela irent.
28.Kwathi ekuseni sengithi ngiya emsebenzini, ngathola esikhwameni sekuno R2900, ngingazi ukuthi uvelaphi.
29.Sisamangele, sengise msebenzini, umaNxumalo wabona kungena eflethini izinyoni ezimbili, zafika zahlala kuyi dressing table!
30.Uthe uza kuzo, zandiza zangena ebedroom. Wathi uyazilandela zaphuma ngefastela, kodwa lelifastela livaliwe!
31.Emva kwalokho kwafika yona leNkosazana, yabe isithi: “Bekungayizo izinyoni lezi ezifike lapha, kodwa bekungabantu ebebelethe uR100 osalileyo.
32.Yathi lemali akayoyibheka ebedroom. Nempela phezu kombhede wafike wathola uR100, yahlangana uR3000.
33.Ngakusasa ingelosi yabuye yafika, yabe isithi: “UBaba uninike lemali ukubonisa ukuthi uyanithanda, futhi uhlale eseduze kwenu.
34.Kodwa ezulwini imali iyasetshenzelwa, ningacabangi ukuthi kukhona imali esenizolokhu niyithola kwasa mlingo!”
35.Ngo 2008 ngangifuna ukwakha umuzi emakhaya, kodwa kwaba yiyo leNkosazane engifunela umuzi ingisusa eflethini!
36.Yafike yathi kimi: “Angifuni wakhe emakhaya, ngoba amakhosi azokuhlukumeza.”.
37.Yangifunela indlu khona edilobheni, kodwa kwatholakala ukuthi imali yokuyithenga ayikaba bikho.
38.Kwathi ngisenkantolo eMsinga, ingelosi yavele yangena esitolo eMsinga kugcwele abantu, nabo bayibona imboze ekhanda ngenansuka emhlophe njengama khosazana angama Nazaretha; umuntu omuhle isimanga!
39.Yafika yaguqa phambi kwamkhokheli uMaNxumalo phakathi esitolo abantu beyibuka! Yakhuluma nomaNxumalo, yathi: “Tshela umvangeli ukuthi uBaba iLanga useyisayinile incwadi, lendlu isingeyakhe!
40.Bonke abantu esitolo bethuka bebona iNkosazane enhle kanje, ikhuluma nomkhokheli iguqe phansi!
41.Isihambile, abantu baya kumkhokheli bafike bathi: “Iqhamukaphi lentombi enesithunzi nenhle kanje, ngabe indodakazi kaShembe?”. Wavuma umkhokheli uMaNxumalo!
42.Kwathi ngalo lolo lusuku ngathola ucingo ethi umlungu angihambe ngohlala kulendlu ngisho ngingakayikhokheli! Nempela ngahamba ngayohlala kuyo.
43.Lendlu ngayikhokhela ukuyithenga emva kwezinyanga ezintathu sengivele ngihlala kuyo! Lesi kwaba yisimanga sokuthi ngihlaliswe kanjani endlini ngingakayikhokheli?
44.Sisekhona eBuhleni, ngelinye ilanga ingelosi yafike yathi kithi ithunywe nguBaba iLanga, uthi angibabhale phansi bonke labagcotshwa abangihlukumezayo.
45.Sababhala, babengu 11. Ingelosi yathatha leliphepha yahamba nalo.
46.Emva kwesonto, yabuya, yabe isithi: “Usesayinile uBaba iLanga ukuthi angibakhiphe bonke laba bagcotshwa esontweni; sengiyoba khiphake!”
47.Sisadidekile ukuthi ingelosi izokwenza kanjani lokho, bonke laba bagcotshwa bavele bavukelwa libandla, labakhipha bonke phambi kwethu!
48.Ngo 2009 waqala lomuntu wasezulwini ukushumayela, evula iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha.
49.Okuyisimanga kwaba ukuthi akaphathi ncwadi, kodwa yonke imibhalo yeBhayibheli neyezihlabelelo uyifunda esandleni sakhe okungathi sinamehlo amabili. Kodwa esiphenduka sibe yiscreen lapho esefunda!
50.Yonke inqubo yokukholwa njengoba kubhekekile ezulwini, siyifundiswa yilengelosi!
51.Ekuseni mhla ka 4 January 2010, sabona lengelosi isiguqe phambi kwethu.
52.Yabe isithi ithunywe kimi. Yathi: uthi uBaba iLanga makhele indlu kaJehova. Indlu kaJehova ke libandla, kulelibandla uyofundisa abantu ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani.
53.Konke okufundisayo uyokuthola eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha!
54.Uyothathela nasezintshumayelweni zikaBabamkhulu efundisa amaNazaretha!”
55.Lokhu kukhuluma angizange ngikwamukele, noMaNxumalo wayengakwemukeli, ngoba asiphindanga sabuye sakhuluma ngakho.
56.Kodwa ngo August 2010, ngahlaselwa ngabagcotshwa abangu 18 ethempelini engangiliphethe, bethi bezongikhipha ebandleni ngoba sebezwile ukuthi mina ngivakashelwa yingelosi, angisakhonzi uShembe, sengikhonza lengelosi. Kodwa ngenxa yokulwelwa yibandla, behluleka ukungikhipha!
57.Emva kwalokho kwafika ingelosi kithi iphatheke kabi. Yabe isithi: “INkosi iLanga ikuthukuthelele, uthi ukuthuma into, kodwa wena awuyenzi.
58.Manje laba bagcotshwa ebebezokukhipha, bazokwazi ukukukhipha enkonzweni ngomhlangano olandelayo.
59.Uma ibandla selikukhiphile, uzophuza utshwala, noma uhlanye, kumbe ufe, ngoba uzohlukumezeka kakhulu, ngoba awukaze empilweni yakho ungasonti!
60.Ngakho ke khetha, noma ulindela ukukhishwa libandla, ugcine usungcolile, bese iNkosi iLanga ingabe isakwazi ukukusebenzisa, noma uphuma manje ukuze uyosebenzela uNkulunkulu?
61.Ngabe sengithi: “Ngikhetha ukuphuma kulelibandla njengamanje, ngenze lokho engikuthunywa yiNkosi iLanga!”
62.Mhla ka 30 September 2010, ngamemezela ukuthi sengiyaphuma eBuhleni, sengiyovula sengiyovula elinye ibandla njengokuthunywa yiNkosi iLanga!
63.Lelibandla ingelosi yalibiza ngokuthi NGAMANAZARETHA KANKULUNKULU! The (Nazarites Church of God. NCG).
64.Olunye usuku olubalulekile eNCG, usuku lokugcotshwa kwami noMfundisikazi uMaNxumalo mhla ka 26 March 2011, kuzosa kube lisabatha. Yathi ingelosi ihamba neNkosi iLanga, kodwa thina asayibona!
65.Sagcotshwa yiyo ingelosi ngokusibeka izandla zayo emakhanda ethu emva kokuba isifunde izincwadi eziningi isaluleka ngokuphatha lomsebenzi kaNkulunkulu!
66.Angikusho ngingananazi ukuthi lelibandla liphethwe ezulwini ngendlela engakholakali!
67.Noma abantu bebona kulo kushumayela mina nomfundisikazi, kodwa konke esikushoyo sikuthatha kulomuntu wasezulwini, yena ethi ukuthatha eNkosini iLanga
68.Iqala nje ukusifundisa, ingelosi yavula uvesi 3 – 4 woMthandazo weSabatha, lapho uShembe ethi:
69.“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
70.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu; akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
71.Ingelosi yabe isibuza ukuthi njengamaNazaretha, lamavesi esiwafunda njalo ngeSabatha, siyawalandela yini njengokuyala komprofethi?
72.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Izincwadi zikaMose ziyisiSekelo senqubo yokukholwa kuJehova.
73.Wonke umuntu olikholwa kusukela eselapha emhlabeni, ulandela inqubo yokukholwa okusezincwadini zikaMose, ngoba nasezulwini abangcwele baphila ngokugcina umthetho uJehova owawushiya emhlabeni kuMose!
74.NoYeshua esesemhlabeni wathi umbuso kaNkulunkulu awube semhlabeni, umthetho kaNkulunkilu ugcinwe emhlabeni njengoba ugcinwa ezulwini!
75.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “Lelibandla kumele libe yisibonelo kuwo wonke umuntu olikholwa ofuna ukuphila impilo yasezulwini!
76.Kumele amakholwa abonele kulo ukuthi umuntu impilo yobungcwele uyiphila kanjani eselapha emhlabeni?
77.UShembe uthi: “Khumbula ukuthi namuhla wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyakuhlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.”
78.Ingelosi ifunda zonke izincwadi zeBhayibheli, ikakhulukazi eziseThestamenteni Elidala, ezinye esisuke sesakhohlwa nokuthi zikhona eBhayibhelini!
79.Lesi simo sisenze saba nolwazi olunzulu ngeBhayibheli nangokuthi kubhekekeni kumuntu found ukubona umbuso wezulu!
80.Siyaye sibezwe nje abanye abantu nabefundisi bephikisana ngeBhayibheli nengenkolo, bese siyazithulela, ngoba thina sinalenkolo ezinye izazi ezithi i-SPIRITUALITY!
81.Thina siyazi ukuthi ukhona uNkulunkulu, iZulu nezingelosi, kanye nesihogo!
82.Ezulwini kubusa umthetho kaMose kuphela! Njengoba noYeshua efakaza, umthetho kaNkulunkulu umi nguna phakade!
83.NguJehova owawuhlisela emhlabeni ngeNceku yakhe uMose! Bonke abaprofethi bakaJehova bafundisa ngokuhumusha wona!
INkosi ibusise enikuzwile.
Le nkonzo iyatholakala ku YouTube othi Rev Mpanza NCG.