Sengake ngasho ngaphambili ukuthi abantu abamnyama asebengama Krestu angenke ubezwe bekhuluma ngalama Creeds, ngoba nabo sebeyingxenye yabagqilazi! “They are House Niggers”! Uma ungawazi lama Creeds, kusho ukuthi awazi lutho ngenkolo yakho! Ngani?
Ngoba lenkolo okuyo akusiyo inkolo yokhokho bakho, kodwa ngeyezitha ezaqeda ngenkolo yakho! Okhokho bakho baphoqwa ukulandela lenkolo osuzigqaja ngayo!
Isihlabelelo 73
1.Ngiyakholwa kuYise
Onamandla onke
KuMdali wezulu nomhlaba
NakuMoya oyingcwele.
2.NakuyiRamente eyingcwele
YamaNazaretha
Nobudlelwane babangcwele
BaseNazaretha.
3.Idwala elihle
LamaNazaretha
Owazikhethela lona uJehova
Ngokulithanda kwakhe.
4.Useze wahloba ngabo kathathu
Lobu buNazaretha
Phambi kwamazulu onke
Unyaka umunye.
5.Ngigeze ngehisop
Yasemazulwini
Ngikhanye ngokukhanya
Ebusweni bakho.
NGOBANI ABALANDELI BAKA YESHUA.
1.Kulesi sihlabelelo uShembe umprofethi uthi: Ngiyakholwa kuYise onamandla onke uMdali wezulu nomhlaba, nakuMoya ongcwele.
2.Kungaba nombuzo wokuthi uShembe wayi shiyelani iNdodana, okunguYeshua?
3.Ngokobu Nazaretha, lesi isikhathi soMoya ongcwele! UYeshua kuJohane 16:7-9 uthi: “Kepha mina nginitshela iqiniso, kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma NGINGAHAMBI, uMduduzi ngenke eze kini.
4.Lapho esefikile yena uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela
5.Mayelana nesono ngokuba bengakholelwa yimi, ngokukholwa ngokuba NGIYA KUBABA, NINGAPHINDE NINGIBONE!” Amein!
6.Umbuzo ke uthi uma uYeshua singesakubuye simbone, pho simlindele ukubuya kanjani?
7.Kulabo abathi uYeshua uzobuya, ngabe lezi zimfundiso zikaYeshua ziyaphikisana? Angazi ukuthi athini amanye amakholwa, kodwa lenkulumo kaYeshua ekuJohn 16 IS THE LAST WILL, WHICH IS BINDING, NGOBA NGEYOKUGCINA, EYOKUVALELISA!
8.KuMathewu 24:27 uYeshua akakhulumanga ngokubuya KWAKHE, noma amamaKrestu ekuhumusha kanjalo. Kodwa wakhuluma NGOKUBUYA KWENDODANA YOMUNTU, OKUCHAZA NOMA YIMUPHI UMPROFETHI!
9.Uyaqhubeka uShembe uthi ubuNazaretha LIDWALA ELIHLE OWAZIKHETHELA LONA UJEHOVA NGOKULITHANDA KWAKHE. UJEHOVA USEZE WAHLOBA NGOBUNAZARETHA KATHATHU NGONYAKA!
10.Lokhu kuchaza ukuthi ubuNazaretha libandla likaJehova. UJehova usuke ehlobile uma sisemkhosini wokumdumisa imihlangano emithathu unyakaumunye!
11.Kodwa okwanamuhla angiqondile ukukhuluma ngalokho, ngoba nalokho kuyisifundo ngokwakho!
12.Kodwa okwanamuhla ngikhuluma ngokuthi kanti yiliphi ibandla likaYeshua?
13.Okumele sikwazi ukuthi uma uMoya ongcwele, okungumpristi woPhezukonke ngokukaMelkizedeck, wehlela emhlabeni, ungathatha noma yisiphi isimo, nanoma yiliphi igama!
14.Kodwa namuhla ngifisa sigxile ekufundeni umlando oliqiniso ngenkolo yethu njengesizwe esimnyama, ngoba ngokwenkolo sehlukene nabezizwe!
15.Angizukukhuluma ngengiku kholwayo, kodwa ngizocacisa ngengikwaziyo ngomlando wenkolo yethu!
16.Uma kukhona ongiphikisayo kwengizo kusho, unelungelo lokukwenza lokho, uma ezokwazi ukukusekela ongiphikisa ngakho.
17.Ngenkolo yethu, ngikhuluma ngabo bonke abakholelwa kuNkulunkulu oyedwa, uMdali wezulu nomhlaba, ogama lakhe nguJehova!
18.Sizobheka izinkolo ngokwazi kwethu ezikholwa kuJehova, ngoba ngalokho sizokwazi ukubona ukuthi siphambukaphi, sehlukanaphi, futhi sivumelana kuphi ngalenkolo!
19.Uma kukhona lapho sehlukana khona, sizobona ukuthi sehlukana kanjani!
20.Inkolo yokuqala eseBhayibhelini, inkolo kaMose, iMosaic Faith. Eyesibili eseduze kwalenkolo, inkolo yamaJuda amhlophe, ama-Ashkenazi Jews, lenkolo ibizwa ngokuthi iJudaism.
21. Eyesithathu, kodwa engingenaso isiqiniseko sokuthi ingaphansi kwenkolo kaJehova, ubuKrestu.
22.Eyesine, inkolo yama Moslems, i-Islam. Eyesihlanu inkolo yamaNazaretha, abanye abayibiza ngenkolo yakwaShembe.
23.Kodwa lapha sizogxila kumehluko phakathi kwenkolo yamaKrestu neyama Nazaretha, ngoba zombili lezi zinkolo zisebenzisa incwadi eyodwa yokukholwa, okuli Bhayibheli!
24.Kodwa ngenke sikwazi ukuza hlukanisa lezi zinkolo ngaphandle kokuthi sichaze ngesimo nomsuka wenkolo kaJehova.
25.Inkolo noma ibandla likaJehova lakhiwe imithetho kaMose. Imithetho kaMose ke isasho yona imithetho kaNkulunkulu onguJehova!
26.Kwasho uNkulunkulu ukuthi “ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, okungumthetho kaMose.
27.KuyiZiKronika zesibili isahluko 17:9 kuthi: “Base befundisa kwaJuda BENE NCWADI YOMTHETHO KAJEHOVA!”
28.Ku Nehemiya 8:18 kuthi: “Wafunda encwadini YOMTHETHO KA NKULUNKULU imihla ngemihla!”
29.Ziningi ke izincwadi ezisichazela ukuthi lemithetho ebizwa ngokuthi UMTHETHO KAMOSE, okuseqinisweni imithetho kaJehova!
30.Ngakho ke ukuthi umthetho kaMose, nokuthi umthetho kaNkulunkulu, kusho into eyodwa!
31.UShembe wakucacisa lokhu kuvesi 3 womthandazo weSabatha mhla ethi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE.”
32.Uthi ke uShembe uMose wanikwa nguJehova imithetho yakhe! Vele naseBhayibhelini kunjalo!
33.Inkolo kaJehova yafika ngo 1447 B.C; ifikela entabeni yaseSnayi esizweni sakwaIsrael.
34.Ngo 70 A.D Kwaba nempi
phakathi kwesizwe samaRoma namaHebheru, okungabantwana bakwa-Israel, ngaleso sikhathi abasebebizwa ngokuthi ngamaJuda!
35.Kuleyompi amaJuda abalelwa kuyisi gidi abulawa ngamaRoma, amanye futhi abalelwa esigidini abalekela e-Afrika okuse Libiya naseGibhithe.
36.Amanye amaHebheru anqamula ugwadule iSahara aze azofika lapha eSothern Afrika! Thina siyinzalo yalawo maJuda!
37.Eminyakeni elandela lapho, amaJuda aye zinze eWest Afrika athunjwa ngabezizwe ayeseba zigqila!
38.Sejwayele ukucaphuna encwadini kaProfesa Windsor ethi: “FROM BABYLON TO TIBUKTU, lapho loprofesa ethi: “AMAJUDA AMANINGI ABULAWA; AMANYE ABALEKELA EZINTABENI NASEGIBHITHE.
39.KWASHAYWA UMTHETHO OWAWENQABELA UKUGCINWA KWEZINSUKU EZINGCWELE, ISABATHA, KANYE NOKUSOKA.
40.NGENXA YOKUZINGELWA NGEZIZATHU ZENKOLO, UMPRISTI OMKHULU U-ONIAS III, KANYE NAMANYE AMAJUDA, BABALEKELA EMAZWENI ASE-AFRIKA NJENGASE GIBHITHE NASE LYBIA.
41.IMBANGELA EYA HOLELA EKU FUDUKENI KWAMA JUDA KWABA YIZIMPI, UKU HLUKUNYEZWA NGOKWE NKOLO, KANYE NOHWEBO.
42.LESI SIMO SENZA UKUBA KUGCINE KUNAMA JUDA AFUDUKELA E-AFRIKA.
43.NGO 70 A.D. UJENENE UTITUS WAWUQEDA NGENKEMBA UMBUSO WAMAJUDA.
44.KUSUKELA NGESI KHATHI SIKA POMPEY KUYA KWESIKA JULIUS CAESAR ALINGANISELWA ESIGIDINI AMAJUDA ABALEKELA E-AFRIKA, EXOSHWA WUKU ZINGELWA NOKU GQILAZWA NGAMAROMA.
45.IZIMAKETHE ZAZIGCWELE IZIGQILA EZINGAMA JUDA AMNYAMA NJENGOBA KU DUTERONOMI 28:64 KUTHI: “UJEHOVA UYOKUHLAKAZELA EZIZWENI ZONKE, KUSUKELA KOLUNYE UHLANGOTHI LOMHLABA KUZE KUFIKE KOLUNYE.
46.UYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BEMITHI NAMATSHE ONGABAZIYO WENA NOKHOKHO BAKHO.”
47.Uyaqhubeka uProfesa uthi: “LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZI QUKETHWE KU DUTERONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMA JUDA AMNYAMA, EMVA KOKUBA ENGAYI THOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
48.IZIZWE EZININGI ZATHUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI, AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA.” Amen!
49.Lencwadi iyasi cacisela ukuthi kwenzekani kumaJuda, okuyithi, emva kokuba okhokho bethu benqotshwe ngamaRoma ngo 70 A.D!
50.Noma isizwe samaJuda sasihlale sihlukunyezwa ngamaGreek, kodwa zimbili izinto ezenziwa ngamaRoma, ngazo aqeda nya ngesizwe samaHebheru.
51.Ngo 325 A.D, umbusi wama Roma, uConstantine, wasungula inkolo yobuKrestu, ngayo wabe eseshaya umthetho oqeda inkolo yamaJuda.
52.Lomthetho ubizwa ngokuthi ngamaCreeds. LamaCreeds esivamile ukuwafunda, athi: “Ngiyayi chitha yonke imikhosi, nemi cimbi, nemi thetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yama wundlu eyenziwa ngama Hebheru.
53.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
54.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
55.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo,!
56.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.(Okuyinkolo kaJehova).
57.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina, mangehlelwe isiqalekiso sikaKhayini. Noma nhloboni yesijezizo sokwephula umthetho ngisamukela njengesingi fanele.” Amen!
58.Ekuqaleni ngithe kumele sibheke umlando wenkolo yethu, ngoba yiwo ozochaza ukuthi sisese nkolweni kaJehova ngempela yini, noma sise nkolweni yabezizwe ehlotshiswe ngenkolo kaJehova?
59.LamaCreeds asezincwadini zenkolo yamaRoma, yiwo ngawo abezizwe abaqeda inkolo kaJehova, okuyinkolo yamaHebheru, noma amaJuda!
60.Ngakho ke kumele kwazeke ukuthi inkolo kaMose yaqedwa, yikho kungasekho muntu okhuluma ngayo!
61.Leyo akusiyo inkolelo , ngoba konke lokhu sikuthatha kuyo imibhalo enkolo yamaRoma!
62.Sengake ngasho ngaphambili ukuthi abantu abamnyama asebengama Krestu angenke ubezwe bekhuluma ngalama Creeds, ngoba nabo sebeyingxenye yabagqilazi! “They are House Niggers”!
63.Uma ungawazi lama Creeds, kusho ukuthi awazi lutho ngenkolo yakho! Ngani?
64.Ngoba lenkolo okuyo akusiyo inkolo yokhokho bakho, kodwa ngeyezitha ezaqeda ngenkolo yakho! Okhokho bakho baphoqwa ukulandela lenkolo osuzigqaja ngayo!
65.Uma kukhona okuphikayo lokhu esikuveza lapha, akaphumele obala esho ukuthi siqamba amanga yini?
66.Seyibhidlizile inkolo kaJehova, basi khonzisa inkolo esiholela ekukhonzeni izithixo!
67.Isabatha laba yisonto, ubuNazaretha baba ubuKrestu, iJerusalema elalikwa-Israel, labhidlizwa, lase ikomkhulu likaJehova lathuthelwa eRome, emzini wezitha zikaJehova!
68.UYeshua 0nguMesaya, nokwabe kungumuntu omnyama, waba nguJesu Krestu ongumlungu, kwathiwa lomlungu nguye owasungula ubuKrestu! Ningiphikise uma nginamanga!
69.Mhlawumbe lokho kuliqiniso, ngoba vele uJesu akaze abe khona kuMosaic Faith, wafika nabezizwe!
70.Bonke abantu abamnyama abase Bhayibhelini bapendwa baba ngabamhlophe, kwase kufundiswa ukuthi iBhayibheli likhuluma ngabelungu, lease Juba yithi abezizwe! Ningiphikise puma ngiqamba amanga!
71.Imithetho kaJehova yachithwa lease kuthiwa sesibuswa nguMusa kaJesu. Indawo ka-Israel yathathwa yibandla lamaRoma.
72.ITestament Elidala lachithwa kwase kuthiwa amaKrestu akafunde iTestament Elisha kuphela.
73.Kodwa lapha ngiqondisa lamaKrestu ayaye akhulume into angayazi, kodwa elandela ilumbo lalaba bafundisi abaqhuba ivangeli eliyiwuwa!
74.Omunye umNazaretha, uthe ibandla likaJesu ngamaNazaretha, wabe esecaphuna ku-Izenzo 24:5.
75.Insizwa yakwa Mgobhozi engu mKrestu, uNkosinathi, wakuphika lokho, wabe esethi kuZenzo 24:5 amaJuda ayecabanga ukuthi uPaul uyiZealot, okwakuyi nhlangano yezepolitiki, yikho bathi ungumholi wamaNazaretha!
76.Kodwa ayikho lento owayeyichaza, wayesesaba ukusho ukuthi lento umNazaretha ebeyisho ubengayazi! AmaZealot kwakuyi nhlangano yezo mbusazwe, enga hlangene nama Nazaretha!
77.Okuliqiniso lomlando ukuthi emva kwaYeshua, nguShaul owaba ngumholi webandla elali holwa nguYeshua, okwakungama Nazaretha! Lawo ngama qiniso omlando wenkolo wama Hebheru!
78.Ngiyacela ukuthi uMgobhozi, alalele lamaqiniso engizowabeka lapha, bese esho uma engikushoyo kungayilo iqiniso!
79.Ibandla likaYeshua kwakungama Nazaretha, noPaul kwaba nguye umholi webandla lamaNazaretha emva kwaYeshua! Kuningi ubufakazi balokho ngaphandle kweZenzo 24:5.
80.Eminyakeni yo 500 A.D, uJerome owabe enguSecretary kaPope, wabhala incwadi lapha ayehlaba khona ukuba khona kwebandla lama Nazaretha, ngoba kwasekwaziwa ukuthi lenkolo yamaJuda seyaqedwa!
81.Uthi ke uJerome: “Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise lababa hlubuki abazibiza ngokuthi ama Nazaretha, ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangama Juda ayikho enye into!
82.Abasebenzisi i-Testamenti Elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
83.(AmaKrestu achitha ngamaCreeds iTestamente Elidala ngoba kuthiwa ngelenkolo yama Hebheru, enge mukelekile enkolweni yobu Krestu!)
84.Uyaqhubeka uJerome uthi: “Ama Nazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo. Ngalokho kwenza, baba ngabe mukelekile kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona.”
85.(Ngokwalama Creeds, uma ungu mKrestu kumele uyichithe imithetho, abaprofethi nemibhalo yamaJuda; konke lokhu okusenkolweni kaMose!)
86.Uthi ke uJerome: “Basho zonke lezi zinto ezifundiswa emabandleni abo amaJuda, okuhlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona baya kholelwa kuMessiah uJesu Krestu.
87.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu uyindodana yakhe, bafunde njengawo amaJuda lawa. (Lenkulumo ichaza ukuthi uJerome ukhuluma ngabalandeli bakaYeshua esebebizwa ngamaKrestu!)
89.Futhi balandela yonke imithetho yamaJuda nabaprofethi babo, bona okubenza ukuthi behluke kwamanye amaJuda ukuthi nje bayamemukela uMessia.
90.Kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda, okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.” (Abalandeli bakaYeshua babeligcina iSabatha, futhi besoka ngokomthetho kaJehova!
91.Ngakho lempikiswano yama Krestu nge Sabatha nango mthetho ka Nkulunkulu ayinasidingo, ngoba ngama Creeds achitha iSabatha kanye nayo yonke imithetho kaNkulunkulu!
92.Lokho kwenziwa yinkolo yobuKrestu kudala, ne New Testament ingakabi bikho!
93.Uma ufunda lombhalo wesikhulu esasingu Secretary kaPope enkolweni yamaRoma, kunobu fakazi obuqondile ukuthi ama Krestu akholelwa konkulunkulu abaningi. Akusho mina, kodwa kusho yena uJerome!
94.AmaKrestu akholelwa kuNkulunkulu omthathu emunye, okuyinkolo engaziwa nguJehova!
95.Asikho ke Isidingo sokuba amaKrestu elokhu ephikisana ngeSabatha nangemithetho kaJehova, ngoba inkolo yabo ilawulwa ngama Creeds, okuyiwo achitha lonke iTestament Elidala!
96.Manje ke kudingeke ngani ukulokhu ucaphuna encwadini inkolo yakho eyichithayo?)
97.Singasho kanjani ukuthi inkolo echitha inkolo kaMose ngamaCreeds, ingaphansi kwenkolo kaJehova?
98.AmaKrestu asakholela ekugcineni umthetho kaJehova, akecubungule lamaCreeds, ngoba basabuswa yiwo! They have not been repealed!
99.Lokhu kumele kucace, ngoba ngobuqili sizolokhu sifundiswa ukukholwa ngabantu vele abangekho ngaphansi kwenkolo yethu, ngoba thina sinenkolo ebuswa inqubo yokukholwa kukaNkulunkulu okwafikela entabeni yaseSnayi!
100.Ngokubuka kwami, ukuthi amaKrestu akakho ngaphansi kwenkolo kaJehova, kufakazelwa ile Creed ethi:
101“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi yamaRoma, iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi, ukungcweliswa umPriest omkhulu wamaRoma u-Pontificus Maximus.
102.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga “Sol dei” noma Sun-day.
103.Ngalokho usuku lwangesonto olokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBaal!
104.Uma uBaal ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolusuku ngoba naye eyiNkosi.
105.Kwamukeleka nayo yonke imigubho yamaKrestu, kanye nokudla neziphuzo zesizwe samaRoma.
106.Ngamafushane nje, konke okuwusikompilo lwesizwe samaRoma, nemigubho yabo, nemicimbi, siyekwemukela kulenkolo entsha yaseRoma ebizwa ngokuthi ubuKrestu.” Amen!
107.Angazi noma uNkosinathi Gumbi, nabanye abafundisa ngobuKrestu, bayaba chazela yini abantu ngalama Creeds abusa ubuKrestu?
108.Lama Creeds angumthethosisekelo wobuKrestu, futhi namanje osasebenza! Uma ungiphikisa, shono ukuthi ngani?
109.Amabandla amaningi obuKrestu akaligcini iSabatha, kodwa akhonza ngeSonto, akasoki ngokwenkolo, anqatshelwa ngamaCreeds!
110.Akukho lutho emthethweni kaJehova ama Krestu aku gcinayo,ngaphandle kulokho engingathi ngama SOCIAL LAWS!
111.Kukhona umehluko phakathi kwe SOCIAL LAW NE RELIGIUS LAW!
112.ISocial law ifana ne Criminal law. Lona ngumthetho obhekele inhlalakahle yabo bonke abantu, okuthi uma uweqa uboshwe nguhulumeni.
113.IReligius law ifana ne Civil law. Ngumthetho othinta inkolelo yakho kuJehova, okuthi uma uweqa ujeziselwe ukuthi uweqe isifungo sokukholwa!
114.Izibonelo: Ukuze uboshelwe ukugcina isabatha kufanele ukuthi ungene kuyisivumelwano noJehova sokuthi ulikholwa. You are under religious law!
115.Kodwa uma untshontsha, noma ubulala umuntu, emhlabeni uzoboshwa, akudingeke sivumelwano, ngoba weqe iSocial Law, okungumthetho wokuvikela umphakathi!
116.Engiqonde ukuveza ukuthi uYeshua akaze abe nguJesu, futhi akaze abe ngumholi wamaKrestu, ngoba uYeshua wahamba emhlabeni ubuKrestu bungakabi bikho!
117.Ubufakazi balokhu engikushoyo ungakuthola kuyikhasi 10 lencwadini ka Rav Sha’ul, ethi THE NAZARENE: Betrayed, Beaten, Begotten, lapho khona loprofesa ethi:
118.“Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leli gama labezizwe!
119.Ngoku tholakala kwama Dead Sea Scrolls okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.”
120.Ekhasini 25 uSha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane.
121.NguJohane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wamcijela ukuba abe nguMpristi oMkhulu.
122.UYeshua wakuthatha kuJohane ukuhola ibandla lamaNazaretha.
123.Okwathi ekugcineni leli bandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.” Amen!
124.Ngafunda kwenye incwadi lapho kwakuchazwa khona ukuthi abalandeli bakaYeshua abangamaJuda ekuqaleni babebizwa ngamaJewish Chritians, emva kwesikhathi lakhishwa leligama elithi “Jewish” kwase kuthiwa bangama Early Christians.
125.Kulencwadi lombhali okokuqala uyachaza ukuthi njengo Yeshua noJesu, kunoShaul noPaul!
126.Njengoba uYeshua wayekhona, kodwa uJesu wakhiwa, kanjalo, uShaul waba khona, engumHebheru, kodwa uPaul wakhiwa ngabezizwe, ukuze ngaye bachithe umthetho kaMose!
127.Lezi zincwadi okuthiwa ngezikaPaul eziphikisa imithetho kaNkulunkulu, zincwadi zikaPaul-mbumbulu oseqanjwe ngoShaul owaba khona.
128.Lokho angenke ukunake, kodwa uma usufundisisa, uzothola ukuthi kukhona uShaul, bese kuba noPaul ongakaze abe khona, kodwa okwenziwa sengathi ekuchitheni umthetho kaMose, bekuselivangeli lakhe!
129.Ushaul wabe engumHebheru, engaphansi kwenkolo kaMose, futhi eshumayela ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu!
130.KuyiZenzo 28:22-23, kuthi: “Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani ngoba thina siyazi NGALELIHLELO (lamaNazaretha: Izenzo 24:5) ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke!
131.Baya kuye endlini ngobuningi, uPaul wabacacisela NGOMTHETHO KANKULUNKULU, wabanxenxa ngoJesu ETHATHELA EMTHETHWENI KAMOSE NAKUBAPROFETHI…”
132.Kunencwadi yabapostoli abangu 12 ethi THE GOSPEL OF THE TWELVE APOSTLES, eyashiswa ngamaRoma, ngoba bebona ukuthi iqukethe izimfundiso eziphambene nenkolo yabo!
133.Kwabe sekugqanyiswa loPaul-mbumbulu, ukuze kube sengathi umthetho kaJehova uchithwe ngokwenkolo yawo amaHebheru!
134.Kuyacaca lapha ukuthi sinoPaul ababili, omunye ufundisa ngomthetho kaMose, kanti omunye unemfundiso yokuchitha umthetho kaNkulunkulu!
135.Ngakho ke kungubumbuluza ukulokhu siphikisana ngezimiso zenkolo yoPhezukonke, ngoba ngamaCreeds amaKrestu ayichitha kudala leyo nkolo!
137.Uma kukhona ongiphikisayo kulokhu engikushoyo, akasho ukuthi ungiphikisa ngaliphi?
INkosi ibusise lokho enikuzwile!