UNkulunkulu akaze asho ukuthi ngokufa kukaYeshua sekochithwa umthetho wakhe, nokuthi sokothi noma abantu benza sono sini abangabe besajeza!
Naye uYeshua akaze ayikhulume into enjalo! Lemfundiso-nkolo ngeyama Roma, ngoba engayifuni inkolo kaJehova, ngobuqili bahamba besakhela ama doctrines, ngawo abayichithayo lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba!
Isihlabelelo 130.
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho
4.Sanibona makholwa
Nina zintsha Zinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde Zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
UNKULUNKULU AKAZE AZIPHIKISE KOKUSHILO.
1.Incwadi ka-Isaya 43:10-11: “Ningofakazi bami, kusho uJehova…, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi mina nginguye, akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho noyokwenziwa ngasemva kwami!
2.Mina, mina ngingu Jehova, ngaphandle kwami akekho uMsindisi!”
3.Kukhona isifundo esibizwa ngokuthi i-Interpretation of Statutes.
4.Uma uhumusha noma imuphi umbhalo, noma iyiphi inkulumo, kufanele uyihumushe ngokuyinika inkulumo EQONDILE, okuyi Literal meaning.
5.Umusho okuyiliteral meaning awuba nazo izincazelo ezahlukahlukene ngenkulumo eyodwa, kodwa uba nencazelo eyodwa ejwayelekile!
6.Noma umusho, kumbe inkulumo ingaba kuyisingathekiso, kodwa kumele uyise kumusho oqondile, literal meaning, ukuze izwakale kubantu bonke! Umthetho ubhalwa ngolimi oluqondile!
7.Lolulwazi lubalulekile ukulusebenzisa ngisho uhumusha inkulumo ese Bhayibhelini, ngoba amazwi omprofethi angumthetho!
8.Ngingasho ukuthi umuntu uyingwe, noma ulibhubesi, kodwa ukuze engikushoyo kuzwakale, kufanele lokho kukhuluma ngikubuyisele enkulumeni eqondile, ngithi: “lomuntu unolaka!”
9.Kodwa uma sekuza ekushumayeleni, noma ekuchazeni izimfundiso zikaNkulunkulu noma zika Yeshua, abantu, ngamabomu, bavele baxove nje, bengahlukanisi phakathi kwenkulumo eqondile neyisi ngathekiso!
10.Ngalesi senzo bayaye behumushe inkulumo eyisi ngathekiso ngendlela engiyo ngabomu, ukuze babe nesizathu sokusho okungashiwo nguNkulunkulu, noma uYeshua!
11.KuyiTestamente elidala kuvamisile ukuthi uNkulunkulu ethi: “Abantu bami sebephinga nezinye izizwe.” Kodwa lenkulumo iyisingathekiso, ayisho “ukuphinga” okwejwayelekile!
12.Lapha sizoveza izinkulumo zikaYeshua eziyisingathekiso, kodwa amakholwa azihumusha literally, ukuze zigcine zisho lokhu okufunwa yibo!
13.Uthi uYeshua: “Mina ngiyindlela neqiniso, akekho oza kuBaba ngaphandle kwami!”.
14.Yonke lenkulumo iyisingathekiso. Kodwa uma uzoyihumusha njengoba ibhaliwe, izosho into engekho, nengenzeki!
15.UYeshua akakwazi ukuba YINDLELA, futhi awukwazi ukuthi ekufeni ukuze uye ezulwini kumele uyofuna indlela ebizwa ngokuthi uJesu!
16.Athi ke amaKrestu. There is no way to God except through Christ! But this teaching is abstractly meaningless!
17.Ngokuqondile lenkulumo kaYeshua ithi: “Awukwazi ukungena ezulwini ngaphandle kokulandela imiyalo kaYeshua ethi kumele singene ngokwenzani ezulwini!”
18.Lenkulumo kaYeshua kumele uyifunde noMathewu 5:19, lapho uYeshua ethi: Ngakho ke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa mncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
19.Lokho kusho ukuthi ungena ezulwini ngokulandela UMBANDELA OBEKWE NGUYESHUA WOKUNGENA EZULWINI, OKUNGUKUGCINA UMTHETHO KAMOSE, UBUYE UFUNDISE ABANTU UKUTHI BAGCINE UMTHETHO KAMOSE!
20.Kodwa kulabo ababalekela ukugcina umyalo kaYeshua, lenkulumo ishiwa iyisingathekiso, ingachazwa literally ukuthi ithini!
21.Njengokuyala kukaYeshua, awukwazi ukungena ezulwini ungawugcinanga umthetho kaMose! Ngokungathekisa imiyalo kaYeshua iyindlela enguYeshua okumele uhambe ngayo!
22.Thina maNazaretha uShembe usifundise ukuthi singena ezulwini ngokulandela imiyalo kaYeshua ethi asigcine umthetho kaMose!
23.Kodwa kulabo abangawugcini umyalo kaYeshua, ukuthi: “through Jesus Christ” kusho ukuthi hlale umemeza igama likaYeshua, kodwa ungalandeli imiyalo yakhe ethi gcina umthetho kaMose.
24.Yikho uYeshua kuMathewu 15:7-9 ethi: “Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani lapho ethi: Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami, bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu!”
25.Umthetho kaMose uthi gcina iSabatha, kodwa izimfundiso zabantu zithi sonta ngesonto!
26.Umthetho kaNkulumkulu uthi ungayidli ingulube, kodwa imfundiso yabantu ithi lezo ngulube zangena olwandle! Nokuningi okunjalo!
27.Ukubalekela umyalo kaNkulunkulu, amakholwa avele athathe inkulumo kaNkulunkulu eqondile bayenze ingezwakali. Ngenkathi sebeyenze yangezwakale, bese bewephula ngeqholo umthetho kaNkulunkulu!
28.Ngenkonzo edlule ngikhulume ngentshumayelo kaYeshua eqondile, kodwa amakholwa angayi kuyo, esikhundleni salokho begijimele inkulumo abangayizwa, benze sengathi bayayizwa!
29.KuJohane 16:7-8 uYeshua uthi: Kepha mina nginitshela iqiniso, kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngenke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini.
30.Lapho esefikile Yena, uyakulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela.
31.Mayelana nesono ngokuba bengakholwa yimi, ngokulunga NGOKUBA “NGIYA KUBABA, ANISAYIKUBUYE NINGIBONE!”
32.Lenkulumo yokuvalelisa kukaYeshua iqondile, ayisona isingathekiso, ngakho ayidinge ukuhunyushwa!
33.Uma esethi uYeshua uzobuya, lokho sekunguku khuluma ubuye uziphikise kokushoyo! Ngoba awukwazi ukuthi ngenke ngibuye ngibuye, bese futhi uthi ngiyabuya! Kodwa umprofethi akakhulumi abuye aziphikisi, ngoba inkulumo yakhe ingumthetho!
34.Ngakho ukuthi uYeshua uyobuya kusho ukuthi kukhona esikuhamusha ngokungayikho, ngoba kuMathewu 24:27 uYeshua ukhuluma ngokubuya “KWENDODANA YOMUNTU.”
35.Leligama elithi “iNdodana yomuntu” lichaza umprofethi, okungase kungasho yena uYeshua, ngoba ozobuya akabiziwe ngegama!
36.Ithi ke ingelosi kimi: “Nikulindele kanjani ukubuya kukaYeshua, ngoba Yena ekuvaleliseni kwakhe wathi ANGEKE ESAPHINDE ABUYE?
37.Mina ngazi ukuthi kuzobuya uMprofethi u-Isaya Shembe, futhi ekubuyeni kwakhe sonke siyombona!” Angikwazi ukuthi kusho ukuthini lokho, kodwa ingelosi yasho njalo!
38.Njengoba noYeshua kungumuntu omnyama, kodwa esingamazi, angazi ke ukuthi somehlusa kanjani kumprofethi u-Isaya Shembe?
39.Kodwa enkulumweni yakhe yokugcina, uYeshua wathi NGENKE APHINDE ABUYE!
40.Inkinga yabantu ukuthi bafike bazakhele itheology yabo, bese befuna ivesi eBhayibhelini elizovumelana nale theology!
41Uma ufuna iqiniso lokukholwa, kumele ulandele okushiwo liBhayibheli, hhayi ukuzakhela inkolo yakho, bese ufuna amavesi azovumelana ne doctrine eyakhiwe nguwe!
42.Kukhona futhi lemfundiso-nkolo yamaKrestu, ethi asisenasono ngoba uJesu wafela izono zethu esiphambanweni!
43.Ngaphandle kokuthi lemfundiso-nkolo ikhuluma ngento engenzeki, ibuye ifundise okuphambene nomthetho kaJehova owawushiya kuMose, iphambane futhi nezimfundiso zikaYeshua ngesono!
44.KuMathewu 5: 19 uYeshua uthi ungena ezulwini ngokugcina umthetho kaNkulunkulu, kodwa ongawugcini akangeni ezulwini!
45.UYeshua akasho lutho ngokuthi songena ezulwini ngenxa yokuthethelelwe izono ngokufa kwakhe esiphambanweni!
46.KuMathewu 7:21-23 uYeshua uthi noma ungahlale umbiza, uthi Nkosi, Nkosi, uprofetha ngegama lakhe, wenza imisebenzi emikhulu egameni lakhe, kodwa UMA UNGAWUGCINI UMTHETHO KANKULUNKULU, ekufeni kwakho uyothi uza kuye, avele akuxoshe, athi, suka eduze kwami menzi wokubi, angikwazi!
47.Yini eyokwenza uYeshua athi UNGUMENZI WOBUBI? Kungoba awugcini umthetho kaJehova!
48.Kodwa ngokukhulu ukuklolodela uJehova, abanye bavele bethi: Thina asisaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, yize kunganavesi elifundisa ngalokho!
49.Okumele ukwazi ukuthi uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, uyolahlwa nguye uJesu!
50.UYeshua kuMathewu 13:41-43 uthi: “INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo bonke abenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo; abalungileyo bakhanye njengelanga embusweni kaYise. Onendlebe akezwe!”
51.Kanti kuphi lapha kuthi khona ekubethelweni kuka Yeshua esi phambanweni sesi thethelelwe izono zethu, ngakho ke songena ezulwini ngaphandle kokwahlulelwa ngokwemisebenzi yethu?
52.Imfundiso kaNkulunkulu inye, uma umuntu engahambi ngokwezimiso zikaJehova, uyajeziswa! Leli Vangeli lomusa lisemakhanda ethuu kuphela, hhayi ezulwini!
53.Noma umprofethikazi uCelestial esenitshela ukuthi ayikho lento yevangeli lomusa eniliifundisayo, kodwa niyaphikelela ukuthembisa abantu ize leze!
54.Ziningi kakhulu izinto esizifunzwa kulenkolo, kodwa ezingasiwo amaqiniso! Ezulwini akungenwa ngobuqili noma ngokudoja!
55.Asinabo ubufakazi bokuthi uYeshua wayenga ganiwe, nanokuthi nje wake wabethelwa esiphambanweni, ngoba ezinye izincwadi zeBhayibheli zisho okunye.
56.Kodwa amaRoma okuyiwo alihlaziya iBhayibheli, babe sebekhetha lokhu okuzohambisana nenkolo yabo!
57.Enkonzweni edlule ngichazile ukuthi incwadi eyayi bhalwe ngaba postoli ngoYeshua, esihloko sithi THE GOSPEL OF THE TWELVE APOSTLES, amaRoma ayishisa, abe seqhamukisa lezi zincwadi zikaPaul-mbumbulu, ezinobu qili obuningi phakathi!
58.Lencwadi yabapostoli was aunthetic, ngoba yabhalwa ngabantu ababehamba naye uYeshua!
Kodwa yashiswa, ngoba yayiveza amaqiniso inkolo yamaRoma engahambisani nawo!
59.UNkulunkulu akaze asho ukuthi ngokufa kukaYeshua sekochithwa umthetho wakhe, nokuthi sokothi noma abantu benza sono sini abangabe besajeza!
60.Naye uYeshua akaze ayikhulume into enjalo! Lemfundiso-nkolo ngeyama Roma, ngoba engayifuni inkolo kaJehova, ngobuqili bahamba besakhela ama doctrines, ngawo abayichithayo lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba!
61.NoShembe akaze abe nemfundiso enjalo, noma ekuhlabeleleni kwakhe, evika ukuhlaselwa zimishini, washo ukuthi uJesu wasifela izono, kodwa leyo mfundiso-nkolo ayikho ebandleni lamaNazaretha!
62.Sengihlale nengelosi kusukela ngo 2009 isifundisa ngeBhayibheli, kodwa angikaze ngiyizwe ikhuluma ngoku thethelelwa kwezono ngenxa yokufa kukaJesu!
63.Isididi setheology yokufela izono siyefana nalemfundiso yokuthi uJesu unguNkulunkulu!
64.Lemfundiso iphikisa okokuqala okushiwo nguJehova ngaye, ukuthi nguye yedwa uNkulunkulu, ibuye ipihkiswe nguye uYeshua ezincwadini eziningi!!
65.UJehova uzichaze yena ukuthi akakho omunye unkulunkulu owake waba khona ngaphambi kwakhe, futhi akakho oyovela emva kwakhe! UYena yedwa, igama lakhe nguJehova!
66.Ayikho futhi enye indlela ongakushintsha ngakho lokhu kukhuluma, ngoba inkulumo engumthetho, ayisiso isingathekiso!
67.Manje uma usufundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu omthathu emunye, noma uYeshua ulingana noJehova, leyo imfundiso ephikisa lokhu okushiwo ngu Nkulunkulu, okuyi nkulumo engu mthetho, ukuthi oPhezukonke munye, igama lakhe nguJehova!
68.Amanye amaKrestu ayaye athi uYeshua ungunkulunkulu ngo kuJohane 1:1 kuthi: “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu!”
69.Okokuqala lamazwi akahunyushiwe ngokuyikho! Noma ngabe ahunyushwe ngokuyikho, kodwa akashiwongo nguNkulunkulu, futhi akashiwongo nguJesu!
70.Kwejwayelekile ukuthi abalandeli bomprofethi bemthophe noma kanjani. Kubalulekile ukuthi naseBhayibhelini wazi ukuthi inkulumo ethile yakhulunywa ngubani, nokuthi inkulumo ngabe ingumthetho, noma leyonkulumo is mere poetic!
71.UYeshua wazisholo yena ukuthi uNkulunkulu munye. KuMarku 12:28-29 uthi: UJesu waphendula wathi: Owokuqala umthetho yilo othi: Yizwa Israel, iNkosi uNkulunkulu wethu munye, woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho….” Leyo nkulumo ingumthetho, ayinakushintswa ngumuntu!
72.Laba ke abafuna ukudida abantu ukuze bavumelane nemizwa yabo, bathi uJesu kuJohane 10:30 wathi yena noNkulunkulu bangumuntu oyedwa.
73.Kodwa uJesu uyachaza ukuthi ngokuthi munye noNkulunkulu kuyisingathekiso, wayesho ukuthi izwi likaNkulunkulu likuye! Kodwa abadukisi ababe besakunaka lokho kukhuluma!
74.Angazi ukuthi kusuke sekwenze njani uma umuntu elwela ukuthi uJesu noma uShembe unguNkulunkulu, kodwa kusho zona lezi zithunywa zasezulwini ukuthi zona azisiye uNkulunkulu?
75.Uma ulikholwa elifuna ukumela iqiniso, kumele uku cubungule okushiwo yisithunywa sika Nkulunkulu, unganezeli, futhi unganciphisi!
76.Ngiyinzalo yama Nazaretha, umprofethi ngaso sonke isikhathi wayezethula nakunoma ngubani ngokuthi UYINCEKU KAJEHOVA, UZE ukuzokwenabisa izwi lezulu emhlabeni wonke!
77.Lelivangeli liqukethwe encwadini kaShembe,OKUYIZI HLABELELO ZAMA NAZARETHA, esingathi liTestamente lesithathu ngombuso wezulu!
78.UShembe wasicacisa isisekelo sobu Nazaretha kuvesi 3 womthandazo weSabatha, lapho ethi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe uJehova owasilobela yona ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwa mukeleke kuthixo wemikhosi!”
79.Uvesi 21 womthandazo weSabatha uyisifungo sobuNazaretha! UShembe uthi: “Khumbula ke ukuthi namuhla wenze isivumelwane noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.”
80.UShembe amaNazaretha wawenzela iKhathekizimu, ngalo ophendula yonke imibuzo ngalelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba! Sizocaphuna amavesi ambalwa lapho uShembe ekhuluma kanje:
81.Umbuzo: UShembe uyakholwa yini imfundiso kaJesu, noma ufundisa eyakhe?
82.Impendulo: Amazwi kaJesu iwona ayisi sekelo sale nkonzo yama Nazaretha. Imfundiso kaShembe isemazwini kaJesu!
83.(Uma kukhona imfundiso kaJesu ngokukhonza uNkulunkulu uShembe oyiphikisayo, noma okhuluma okunye, kungakuhle abathi ikhona, bayiveze!).
84.Umbuzo: Yimaphi amazwi uShembe afundisa ngawo kulesi sizwe sakwaZulu?
85.Impendulo: UShembe ufundisa ngeBhayibheli, okuyi Testamente Elidala Nelisha. Amazwi ase Bhayibhelini yiwona ayisisekelo salenkonzo yama Nazaretha elethwe ngu Nkulunkulu ngoku thuma uShembe!
86.(UShembe ama Nazaretha wawa fundisa ukuthi akholwe ngokugcina umthetho ka Mose eya gcwaliswa nguJesu! Hhayi ngokuhlale ebabaza uJesu, kodwa engahambisani nemiyalo yakhe!)
87.Umbuzo: ITestamente Elisha liyavumelana yini neTestamente Elidala ngemithetho nemiyalo ngokukholwa?
88.Impendulo: Kuyavumelana, ngoba abaloba iTestamente elidala nabaloba Elisha babethunywe ngu Nkulunkulu uqobo lwakhe, abezwanga ngandaba.
89.Owaloba iTestamente Elidala waprofetha ngozayo, owathi uma esefikile yena waloba iTestamente Elisha! Wathi: Angizile ukuchitha umthetho nabaprofethi, kodwa ngzowugcwalisa! Amen!
90.Cishe kwakungu 1992 ngibizwa uShembe iNyangayezulu, wabe esethi kimi: “Ngikubizele ukuzokutshela ukuthi UKUWA NOKUVUKA KWEBANDLA LAMA NAZARETHA UNKULUNKULU UYOKUBUZA KUWE!
91.Ngakho nginikiwe igunya ezulwini ukuthi ngikuqondise ubu Nazaretha uma sekuphuma endleleni uShembe owasishiya kuyo!
92.Akukhathaleki ukuthi lelo bandla likuluphi uhlangothi, uma nje lisazibiza ngamaNazaretha! Futhi lokho angikuceli kumuntu! I am accountable to God only!
93.Kwabhalwa phansi nguShembe ezihlabelelweni zama Nazaretha ukuthi leli bandla lama Nazaretha NGELIKAMENZI WEZULU NOMHLABA!
94.INkosi iLanga yayihlale ishumayela ngenkosi yaseBabiloni, uBelshazari, owathi ethatha ubukhosi kuyise uNebukedinezai, wakufica lobu bukhosi bucebile kakhulu!
95.Ithi ke iNkosi iLanga, lenkosi lomcebo wavele wayisanganisa ikhanda, wavele wachwayiza uBelshazari!
96.Ngelinye ilanga uBelshazari wagibela esitezi sakhe, wabuza esizweni sakhe wathi: Ikhona inkosi ecebe njengami, nithi kukhona uNkulunkulu?
97.Yena lonkulunkulu ucebe njengami, unazo izitezi ezingaka, unazo izinkomo ezingaka, unabo abafazi abangaka? Wabala wonke umcebo onawo!
98.Ekugcineni wathi: “Sukani lapha, mina ngibona isibhakabhaka nje, akukho Nkulunkulu lapha. Yimina unkulunkulu!”
99.Ithi ke iNkosi iLanga: ayigcinanga lapho lenkosi, kodwa ngelinye ilanga yaba nedili elikhulu.
100.Yathatha izintsha ezingcwele zePhasika, yabiza izinceku nezanciza zayo, kwaphuzwa utshwala ngazo lezi zitsha ezingcwele!
101.Kodwa kwathi esaphuza, kwavela isandla odongeni, sathi MENE MENE TEKEL UFASIR! UJehova ukubeke esikalweni, wakuthola ulula, ungalutho!
102.Ngalo lolo lusuku uBelishazari wahlaselwa ngezinye izizwe, uJehova wakuqeda ngabo lobo busuku ubukhosi bakhe!
103.Ku-Izenzo 12:21-23 kuthi iNkosi uHerode yama phakathi kwezixuku zabantu, yakhuluma nabantu bayo. Abantu bamemeza bathi:
Akukhulumi yena umuntu, ngunkulunkulu!
104.Ingelosi kaJehova yamshaya uHerode, wabola, wadliwa zimpethu ngaso leso sikhathi, NGOKUBA ETHATHE UDUMO LUKANKULUNKULU WALENZA OLWAKHE!
105.Lentshumayelo owayehlale eyiphindaphinda uBaba iLanga sasingazi ukuthi kanti uprofetha ngento ezokwenzeka kulo leli bandla!
106.Sekuhambe kwahamba, kulo lelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, kwavela umholi, wama phambi kwebandla, wabe esezi khomba yena ethi: Yimi uNkulunkulu wama. Nazaretha! Kafuphi lomholi uthi seku nguyena uMenzi wezulu nomhlaba!
107.Ama Nazaretha ambethwe ngumoya kaSathane akujabulela lokho, athi: “Amen, uyingcwele!”
108.Kusho ukuthi nabo bajabulela ukuthi umholi wabo uselithathe ngohheshe lelibandla kuMenzi wezulu nomhlaba!
109.Njengenkosi uBelshazari, okokuqala lomholi wafica ibandla lilikhulu, lase limthengela uxhaxha lwezimoto, wakhelwa izitezi izwe lonke, kodwa alakwazi ukuzakhela ngisho izindlu ezincane!
110.Inkinga yokubiza uYeshua ngo Nkulunkulu ingcono, ngoba uYeshua wayevela ezulwini, eyisi thunywa sikaNkulunkulu!
111.Kodwa lesi simo esikuleli bandla lama Nazaretha iyefana nesa bantwana bakwa-Israel, abavele bakha unkulunkulu ngethole elibunjwe ngamacici egolide, base bethi kulelithole: “Lo unkulunkulu owasikhipha eGibhithe!”
112.Ama Nazaretha avele athatha umuntu emgwaqeni ongazi lutho ngokukholwa, enginga kholwa nokuthi wake walivula iBhayibheli, bamgeza, bameza yonke imi gilingwane ongayi cabanga, base bethi: “Nangu uNkulunkulu wethu!”
113.Naye wakujabulela lokhu kuhlanjalazwa kukaJehova ngaye ebandleni liMenzi wezulu, wasukuma wazisho, wathi: “Yimina uNkulunkulu wamaNazaretha!”
Into enje ichazwa ithiweni?
114.Lesi senzo sesikubulele bonke ubuNazaretha, akukhathaleki ukuthi asikho ngaphansi kwaleli bandla!
115.Sonke usithele ngendle emehlweni, ngoba sonke singama Nazaretha!
116.Bonke abantu abahole lelibandla bangoyise, kodwa akakwesabi ngisho ukuhlekisa ngomprofethi ongumqali walelibandla lasezulwini! Sonke sesiyinhlekisa emhlabeni, lomholi ukubulele ubuNazaretha!
117.Akudingi ukuthi ube likholwa ukwazi ukuthi awukwazi ukuma phambi kwabantu, umemezele ukuthi unguNkulunkulu?
118.Inhloboni yokuhlanya enje, kumuntu othi ungumholi webandla likaJehova?
119.Njengo nkulunkulu omusha, wayichitha yonke imithetho ka Nkulunkulu esayi nikwa ngu Babamkhulu, kwase kubusa eyakhe!
120.Namuhla ama Nazaretha asephuza utshwala, ayagunda, umuzi kaJehova sekuyi Gomora ne Sodoma, anginaso isiqiniseko ukuthi ulaka lukaJehova aluzukugcina yini lwehlele phezu kwethu ngalesi senzo esihlasimulisa umzimba!
121.Uma ngingathula ngibuke indlela lelibandla likaJehova elicekelwa ngayo phansi,ngiyobekwa icala!
122.Akumele ngesabe ukufa, ngoba nongibulalayo uyogcina ngakho ukufa, kodwa mina ngizolimela iqiniso, noma lokho kusho ukufa!
Asikulwele ubuNazaretha maqhawe ezulu!
INkosi ibusise enikuzwile!