Iqiniso ukuthi akaze asho uYeshua ukuthi UYENA OZOBUYA, kodwa wathi kobuya INDODANA YOMUNTU, KUJOHN 16 oyibiza ngokuthi INGUMOYA ONGCWELE, esesohlala nawo kuze kube phakade!
Isihlabelelo 208
1.Thabani, thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Ebezihlakazekile
Zizula emahlane
Ngezwi lakho.
2.Thabani, thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Buphelile ubumnyama
Jabulani nithokoze
Zizwe nonke.
3.Izizwe eziningi
Eziphansi kwezulu
Sizibona zihlakazekile
Zihlabelela zijabhile.
4.Thuthuka, thuthuka
Thuthuka buNazaretha
Thuthuka, thuthuka
Izizwe zomile
Zifuna ukuphuza kuwe
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
1.Incwadi kaJohane 16:10: “Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona”
2.Incwadi kaMathewu 24:27: “Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu,” Amein!
3.Ngelinnye ilanga ingelosi yake yakhuluma ukukhuluma okwangidida. Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Ubani owanifundisa ukuthi uJesu uyabuya, ngoba yena wavalelisa wathi anisophinde nimbone?
4.Mina ngazi ukuthi umuntu ozobuya ngumprofethi u-Isaya Shembe. UBabamkhulu ngenke abuye njengeNkosi iLanga, ngoba yona yabuya ingumoya, aniyiboni.
5.Kodwa umprofethi uzobonwa yiwo wonke umuntu, ngoba uzoba semhlabeni wonke!” Amein!
6.Ngenkathi ingelosi ikhuluma kanje, ayisinikanga ncwadi, futhi njengokwejwayelekile, ayigxilanga kulokhu kukhuluma, yakhuluma nje kancane, Kaaba sengathi iyantela.
7.Kodwa lokhu kukhuluma kwahlala kimi, kwahlala njengamhla ingelosi isitshela ukuthi amaJuda yithina sizwe esimnyama!
8.Kwathi noma ngingayiqondi lenkulumo, kodwa engangikwazi ukuthi ingelosi yazi konke, angenke isitshele iphutha!
9.Namanje, noma ngingazi ukuthi lento eyakhulunywa yingelosi iyokwenzeka kanjani, nini, kodwa kwangifikela ukuthi lenkulumo yengelosi angiyilandele ngokwami.
10.Kubalulekile ukuthi lokhu kukhuluma ngikusho kungakenzeki, ukuze uma sekwenzeka, kwazeke sakhuluma ngakho!
11.Njengoba sekunama Aliens emhlabeni, ingelosi yakhuluma ngawo, kodwa sakhetha ukungasho lutho, ngoba sabuka ukuthi akekho umuntu ozoyiqonda lento, ngoba nathi sasingayiqondi!
12.Kulukhuni ke ukukhuluma ngento kwawena ongenke ukwazi ukuyichaza noma usubuzwa ngayo!
13.Emva kwalenkulumo yengelosi, ngabuye ngafundisisa uJohane 16:10, ngabe sengithola ukuthi ingelosi iqisile, uYehua wavalelisa, wakhuluma waqondisa, washo ngomlomo wakhe ukuthi:
14.NGENKE SISAPHINDE SIMBONE, kodwa ezulwini uyofike acele kuNkulunkulu ukuthi alethe omunye onguMoya ongcwele, okunguyena oseyohlala nathi kwaphakade! (John 14:16).
15.Kodwa futhi ngangicabanga ukuthi kuMathewu 24:27 uYeshua washo ukuthi uyobuya!
16.Inkinga engaba nayo ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi uYeshua akhulume abuye aziphikise?
17.Kuthe uma sengifundisisa uMathewu 24:27, ngathola ukuthi uYeshua akaziphikisi, kodwa yithina esimkhulumelayo, esikhuluma angakushongo!
18.Okokuqala uYeshua akaze akhulume NGOKUBUYA KWAKHE!
19.KuMathewu 24:27 uYeshua uthi: “KOFIKA INDODANA YOMUNTU.”. Akukho lapha ethi khona “MINA NGIYOBUYA.”
20.Ngesingisi kuthi: “THERE WILL BE THE COMING OF THE SON OF MAN.” Akukho lapho kuthi khona: “IWILL RETURN OR I WILL COME BACK.”
21.Noma kumaKrestu leligama elithi: “iNdodana yomuntu” lisho uYeshua, kodwa ngokwencazela yeDictionary yeBhayibheli “iNdodana yomuntu” isho noma yimuphi umprofethi.
22.Leligama kuyiTestamente Elidala lisentshenziswa kakhulu nguNkulunkulu!
23.Ngathi uma sengicubungula lento ekhulunywa yingelosi, ngathola ukuthi kuJohn 16:10 uYeshua wavalelisa, nokuthi kuMathewu 24:27 uYeshua akakhulumanga ngaye, futhi akukho lapho ekhuluma NGOKUBUYA, or TO COME BACK! Ngakho uYeshua akukho lapho owake waziphikisa khona!!
24.Ingelosi yakhuluma ngokubuya kukaShembe umprofethi. Lokhu kukhuluma kwengelosi naye uBabamkhulu wakhuluma ngakho, kodwa ngendlela ecashile!
25.Kusihlabelelo 50 vesi 6-7 uShembe uthi: “Sukani kukhulume uJesu, niyokusha emlilweni, lapho nanisebenzela khona, ebuhlungwini nasesililweni.
26.Jabulani nina bantabami, uyokusho njalo kwabanye, shiyanini umhlaba, wozanini eKuphakameni.”
27.Uthi ke uShembe uYeshua uyobuyela eKuphakameni, noma ebandleni lamaNazaretha!
28.Lenkulumo kumaKrestu ingezwakala ilihlaya, ngoba ngokwemfundiso yabo, ubuKrestu basungulwa nguJesu, futhi ibandla likaYeshua libandla lamaKrestu!
29.Kodwa ngokweqiniso lomlando uYeshua ukude kakhulu nebandla lamaKrestu!
30.UYeshua wabe eliJuda, waba ngaphansi kwenkolo kaMose, okwakuyi nkolo yabantwana bakwa-Israel, ama Juda!
31.Esaphila uYeshua akaze ahlangane namaKrestu, ngoba waze wahamba emhlabeni kungakabi bikho ubuKrestu!
32.UbuKrestu kungaphansi kwenkolo yabezizwe, okwakungama Roma. Futhi amaRoma namaJuda kwakuyi zizwe ezizondana kakhulu. Yingakho ngo 70 A.D amaRoma abulala amaJuda amazingi!
33.Ngakho ke, nangokomlando amaJuda akaze abe senkolweni eyodwa namaRoma, okunalokho, kwaba nezimpi phakathi kwamaJuda namaRoma. NgamaRoma aqeda inkolo yamaJuda ngamaCreeds!
34.Njengoba sesishilo, ngencazelo yalelihubo likaShembe, uYeshua uyobuyela ebandleni lamaNazaretha!
35.Leli hubo lifakazela enye intshumayelo yeNkosi iLanga engake ngayichaza esencwadini ka-Advocate Mnyandu.
36.INkosi iLanga ithi uBabamkhulu engasekho emhlabeni, wavela entombazaneni yomlungu eyayingagani ithi ilindele ukubuya kukaJesu. INkosi iLanga iyiqala kanje lendaba:
37. “Ngawo lowo nyaka ababefike ngawo bethi angiyeke le nto ngiye eMelika phesheya, ngathi ngibona kwakufika insizwa lapha kimi engangingayazi, inkosi uNdaba, ihamba noMfundisi uSiwela.
38.Bathi bathunywe intombi yomlungu ele ngaseMgungundlovu elokhu yahlala ingagani ithi ilinde uJesu.
39.Bathi le ntombazane ithe ibona yabona umhlola, kwase kufika kuyo umuntu wayibuza ukuthi yenzani. Yathi: ‘ngilinde uJesu’.
40.Wathi lo muntu: ‘uJesu kade afika emhlabeni, mntanami. Useze wabuye wahamba’. Ithi-ke le ntombazane: ‘wena ungubani?’ Impendulo ithi: ‘yimi uJesu’. Yathi intombazane: ‘Pho, ngoba ungumuntu oMnyama nje?’
41.Uthi ke lo muntu: ‘Cha, mntanami kubantu abaMnyama ngimnyama, kwabaMhlophe ngimhlophe, emaNdiyeni ngiyiNdiya’.
42.Le ntombazane yabona izinwele zalo muntu zaphenduka zaba mhlophe, waba ngumuntu oMhlophe.
43.Wathi lo muntu: ‘ngikutshelile ukuthi nginguwo wonke umuntu, kade ngafika, bewuhlaleleni ungezi eKuphakameni?
44.Uyobona-ke hamba uye eKuphakameni, ngiya kuthuma. Utshele abantabami ukuthi usathane uyabazungeza ufuna ukubachitha.
45.Ubatshele ukuthi bangahlakazeki noma babe buthakathaka, amandla akubo ayasabeka.
46.Noma bempofu bacebe ngokwesabekayo, noma bemnyama bamhlophe kunezinto zonke.
47.Ubatshele ukuthi ingubo emhlophe izosuka lapha eKuphakameni ize iyoshaya ezweni lakwaMzilikazi’. Ondaba-ke noSiwela babezosho lokho. Amein!
48.Lesi sehlakalo sisibonisa ukuthi uShembe noYeshua kusengumuntu oyedwa! Bonke bangukubuya kukaMelkizedeck, umprofethi woPhezukonke!
49.Angikholwa ukuthi uma ingelosi ithi kuzobuya uShembe uBabamkhulu, isho ukuthi kovela uShembe njengoba wayenguShembe esephakathi kwamaNazaretha!
50.Kodwa ngicabanga ukuthi isho ukuthi kobuya uMoya kaShembe, lo owathi uYeshua iwona esesohlala nawo kwaphakade!
51.Lokho kobe kungaqali, ngaphambili kwasho yena uYeshua ukuthi umprofethi uJohane, umbhabhadisi, ungukubuya komprofethi u-Eliya! Kodwa esikwaziyo ukuthi akubuyanga isidumbu sika Eliya, kwabuya umoya wakhe!
52.Okubalulekile lapha ukuthi noYeshua kwakungumuntu omnyama, ofana naye uShembe, hhayi loJesu osezithombeni!
53.Ngakho ke noma kungabuya uYeshua, noma uShembe, ngenke sikwazi ukubahlukanisa, ngoba vele bobbili bangabantu abamnyama! Ngiyazi ukuthi kukhona abafisa sengathi kungabuya loJesu owadwetshwa ngaba ngumlungu!
54.Esingakwazi ke ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi inkulumo engaqondile kube yiyo ngayo amakholwa akha imfundiso-nkolo engekho?
55.Iqiniso ukuthi akaze asho uYeshua ukuthi UYENA OZOBUYA, kodwa wathi kobuya INDODANA YOMUNTU, KUJOHN 16 oyibiza ngokuthi INGUMOYA ONGCWELE, esesohlala nawo kuze kube phakade!
56.Okuseqinisweni, njengoba sihlale sikuveza lokhu, abezizwe bayichitha inkolo kaMose, esiyilandela ngokugcina umthetho kaJehova esawulotshelwa nguye uMose!
57.Kodwa okwathi ngokufika kwabezizwe, ngokweswela ulwazi lomlando walenkolo, base beqhamuka nezimfundiso-nkolo abazakhele bona, ukuze ngazo sichithe umthetho kaJehova!
58.Kwenye intshumayelo iNkosi iLanga lapho ichaza indlela amaKrestu afuna sikhonze ngayo uYeshua, yakhuluma kanje:
59.“Amasonto amaningi abamhlophe nabansundu athi thina asikholwa nguJesu, asimlandeli uJesu, thina asimkhonzi uJesu.
60.Asazike ukuthi uJesu ukhonzwa kanjani, noma ukhonzwa ngokugcina imithetho yakhe nemiyalo yakhe, ulandele akufundisayo, noma ukhonzwa ngomlomo yini?
61.Noma kwanele yini uma sikhamisa kuze kushone ilanga sithi uJesu indodana kaNkulunkulu, uJesu ungcwele, uJesu ungumsindisi wethu, uJesu wasifela, kodwa sithi sisuka lapho singayenzi into yokuqala uJesu owayenzayo, ukubhabhadisa emanzini.
62.Angazi noma bafuna senze njalo yini, ukuba sikulahle konke uJesu owakwenzayo?
63.UJesu wayengangeni ngezicathulo endlini yesonto, uJesu wayengazigundi izinwele zakhe, njengoba nibona nezithombe zakhe zonke, wayenga gundi ekhanda, engu mNazaretha, wabhajadiswa emanzini, neSidlo owayese mukela, kwakuyiSidlo sakwa-Israel, esingenamvubelo!
64.Ningatatazeli nina baseKuphakameni uma bethi uJesu animkhonzi, ngoba uJesu akakhonzwa ngomlomo, ukhonzwa ngokwenza!
65.UJesu esehamba emhlabeni uthi “hambani emhlabeni wonke, nishumayele ivangeli kubantu bonke, abakholwayo nibabhabhadise, kodwa ongakholwayo uyolahlwa.
66.Lezi zibonakaliso ziyokubalandela abakholwayo; ngegama lami niyakukhipha amadimoni, nishumayele, niphathe izinyoka, noma niphuza into ebulalayo ningabi naluvalo, nobeka izandla phezu kwabagulayo basinde.
67.Zonke lezi zinto engizifundayo zazimlandela uShembe, akukho muntu uShembe owake wamthandazela wangasinda.” Amein!
68.Uthi ke uBaba iLanga uJesu ukhonzwa ngezenzo, hhayi ngokuhlale ummemeza kusukela ekuseni kuze kushone ilanga, uthi uJesu inkosi, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, uJesu wasifela izono, uJesu ungcwele, uJesu ngumsindisi, nokukhuluma okunjalo!
69.Manje ke amaKrestu athi uma ungahlale ummemeza uJesu, uthi uyiNdodana kaNkulunkulu, ungcwele, wakufela izono, kusho ukuthi awumkhonzi uJesu!
70.Ngabe ngalokhu kukhuluma iNkosi iLanga yayiwadukisa yini amaNazaretha? Lithini iBhayibheli?
71.KuMathewu 15:8-9 uYeshua uthi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; bangikhonza ngeze, befundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu!”
72.Njengamanje ngobani phakathi kwamaKrestu namaNazaretha uYeshua abamdumisa ngezindebe zomlomo, kodwa ngokwenza abalandela imiyalo yabantu?
73.Ukusonta ngeSonto ukudumisa uJesu ngokwezimfundiso zakhe, noma kungukulandela imiyalo yabantu?
74.Imfundiso yokuthi asisaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, le imiyalo kaYeshua, noma zimfundiso zabantu?
75.KuMathewu 7:21-23 uYeshua uthi: Akubo bonke abathi: Nkosi, Nkosi, abayongena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.
76.Abaningi bayothi kimi ngalolo lusuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?
77.Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: “Angizange nginazi, sukani kimi nina benzi bokubi!”.
78.Phakathi kwamaKrestu namaNazaretha, ibaphi abadumisa uYeshua ngokugcina imithetho kaNkulunkulu?
79.Imaphi amakholwa ahlale ethi aprofetha egameni likaYeshua, aphilisa ngegama likaYeshua, kodwa angahambisani nezimfundiso zakhe?
80.Kanti uYeshua ukhonzwa kanjani? KuJohane 14:15, uYeshua uthi: “Uma ningithanda niyakugcina imiyalo yami!”
81.Ithini imiyalo kaYeshua? KuMathewu 5:18-19 uYeshua uthi: “Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, kuze kwedlule izulu nomhlaba AKUSOZE KWEDLULA GAMANA LINYE LOMTHETHO KUZE KUFEZEKE KONKE.
82.Ngakho ke oweqa OWODWA KULEMIYALO EMINCINYANE, AFUNDISE ABANTU KANJALO, UYAKUTHIWA NGOMNCINYANE EMBUSWENI WEZULU. KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU!”
83.Ngabe ngamaKrestu noma ngamaNazaretha agcina abuye afundise ngomyalo kaYeshua?
84.KuJohane wokuqala, isahluko 2:3-6 umpostoli uJohane uthi: “Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena uma SIYIGCINA IMIYALO YAKHE. Lo othi: Ngiyamazi, kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso!
85.Kodwa ogcini izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe keye! Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba yena!”
86.Ngokwezimfundiso zobuKrestu kuba ngamaNazaretha angahambi ngobuKrestu! Ngokwabo, ukuba ngumKrestu ukuhlale umemeza igama likaYeshua, kanti ngokobuNazaretha ukulandela uYeshua ukuhamba ngokwezimiso nemiyalo yakhe!
87.Lesi isikhathi sokwahlulelwa, ngalokho akumele sikhohlisane, kodwa kumele sibhekane namaqiniso njengoba enjalo!
88.Kunezinto eziningi esizifundiswe ngobuKrestu ezingayilo iqiniso, ngoba befuna siyeke inkolo yethu, bese sikhonza lokhu esikutshelwa yibo!
89.Okokuqala basakhele ivangeli lokuthi uYeshua uzobuya ezolanda ibandla lakhe, base bethi ibandla likaYeshua ngamaKrestu! Lokho okulilumbo!
90.Ngokomlando amaKrestu akakaze abe libandla likaKrestu! Ibandla likaKrestu kwakungamaNazaretha, noKrestu wabe engumNazaretha, njengoba neNkosi iLanga isho kanjalo!
91.AmaKrestu akaze azihlanganise noYeshua, ngoba noma ehlale ebiza igama likaJesu, leli akulona igama lakhe! Igama lendodana kaMaria noJosefa kwakungu Yeshua, ehamba ngokwezimfundiso zenkolo kaMose, lezi ezichithiwe enkolweni yobuKrestu!
92.Abezizwe bayichitha inkolo kaMose, bachitha naye uYeshua, okwakungu mprofethi wesizwe samaJuda, engumuntu omnyama!
93. Ngike ngafunda indaba eyisimanga yeNcwadi engcwele etholakale enkabeni yedolobha iTokat.
94.Kuthiwa lama scrolls kanye namanye amagugu asendulo kutholakale emigedeni yogwadule kwa-Israel
95.Izikhulu zase Turkey zithi leliBhayibheli lineminyaka cishe engu 1500 laba khona.
96.Kodwa lamaScrolls asefihlelwe umphakathi, ngoba okuqukethwe yiwo kwehluke kakhulu kulokhu esikufunda manje.
97.Lencwadi iveza ukuthi uYeshua wayengu mprofethi njengabo bonke abaprofethi, futhi akaze abethelwe, esikhundleni kwabethelwa uJudas, engicabanga ukuthi yilo owakhaphela uYeshua! Icopy eyodwa yalencwadi ibiza 28 million dollars!
98.Bengilazi leliqiniso lokuthi uYeshua akaze abethelwe esiphambanweni, ngoba emlandweni weKoran ngithi umprofethi uMahomed uyakusho lokho.
99.Kodwa ngingafuni ukukhuluma ngakho ngoba kwavezwa ngumprofethi okwenye inkolo. Manje kulukhuni ukuma ngento eshiwo ngumuntu okwenye inkolo.
90.Kodwa kungimangazile ukuthi kanti nasezincwadini zamaHebheru likhona leliqiniso lokuthi uYeshua akakaze abethelwe esiphambanweni njengoba sifundiswa kanjalo enkolweni yobuKrestu!
91.Asikwazi ukuphikisa uBarnabas, ngoba yena wayengumfundi wakhe uYeshua, enganasizathu sokukhuluma iphutha!
92.Yonke into inesikhathi sayo! Sekuyisikhathi manje sokuthi kuvele amaqiniso ngawo wonke lamanga abezizwe abawakhayo mhla besichitha enkolweni yethu, besifaka kulenkolo yabo!
93.Njengoba ngike ngasho ngaphambili, manje sesisesikhathini sokwahlulelwa, sekuzocaca ukuthi ibaphi abantu abakhonza uNkulunkulu ngempela?
94.Kusihlabelelo 28, samaNazaretha, uShembe uthi: Uyeza, uyeza umhla wokuphela. Uyakuma phambi kwakho noma ungathandi. Amagquma nemimango ayolelezeka!
95.Hhyi abaphel’ mandla ekukholweni kwabo, bayogijima bekufuna ukukholwa kwabo!
96.Ngiyakukhalela wentombi nawe nsizwa, uyokuthola ngasiphi isikhathi ukukholwa kwakho.
97.Icilongo lokuqala selizwakele, umhlaba wonke wazamazama, uyogijima uzifihlephi, nanti ilizwe selisongwa!
98.Wemhlaba uyozifihlaphi, nazo zonke lezo zoni. Balekani zidindi uyeza uJehova!” Amein!
99.Njengamanje sesifikile lesi sikhathi uBabamkhulu owayekhuluma ngaso, sesifike nathi singakafi!
100.Umhla wokuphela, ngaphandle kwaDaniel nabanye abaprofethi, wamenyezelwa nguYeshua. Kithi wamenyezelwa ngumprofethi u-Isaya Shembe, njengoba nalesi sihlabelelo sikhuluma ngaleyo ndaba!
101.Manje ibikezelwa ngumprofethikazi uSister Celestial, wase-Amerika. Kodwa amaKrestu akamemukeli lomprofethikazi! USister Celestial usafana nabaprofethi basendulo, o-Isaya, oJeremiya oHezekeli nabanye, uyisithunywa sikaJehova!
102.Lapha ebandleni lamaNazaretha ngingamfanisa nomprofethi u-Isaya Shembe.
103.Mina ngiphila ngokuhlale ngimlalela, ngoba kukho konke akukhulumayo ngisuke ngazi ukuthi kokuningi ngisuke ngilalele izwi loPhezukonke! Thina siyakwazi ukukhuluma kwasezulwini!
104.Ngiyabadabukela labo abangamfuni, ngoba bazonda ukuzwa izwi leNkosi noma selifike phezu kwabo!
105.Isizwe esimhlophe sisenkingeni ongakaze uyibone, ayaphela amahlathi!
106.Kodwa bazofunda kabuhlungu ukuthi uJehova unguSomandla, noma ungaba nakho konke ukuhlakanipha, kodwa kogcina yena!
107.Usefikile ke uNkulunkulu e-Europe, sizobona ukuthi lama bunker, okuyimizi abayakha ngaphansi komhlaba, iyobacashisa yini olakeni lukaJehova?
109.Zonke lezi zehlakalo esizibona namhla, uCelestial wabikezela ngazo kusukela ko 2012, wabatshela futhi ukuthi abantu abaphenduke bashiye izono!
110.Wababalela zonke izono eziyisinengiso kuJehova, nokuthi abaphenduke, bazishiye!
111.Kodwa bona benqaba, abaningi bamthuka ngazo zonke izinhlamba, ethukwa ngamaKrestu, njengoba nathi uma sedlulisa umlayezo wengelosi, amanye amaNazaretha asithuka ashiye angalazi!
112.Kodwa manje amahlathi ayasha, sizobona ukuthi kanti ngubani obethunywe nguJehova phakathi kwaCelestial nalamaKrestu?
113.Ubani othunywe bguJehova phakathi kwethu nalama Nazaretha ahlale esithuka?
114.Asingatatazeli, ngoba isikhathi asisekude lapho isihlungo sizozihlunga khona!
115.Celestial, angisazi isibongo sakho nkosazane, kodwa umsebenzi owuthunyiwe uwenzile, ngingufakazi wakho!
116.Ababekuthuka, bethi uyi fake prophet, uyi false prophet, ngibezwile umhlaba wonke!
117.Kodwa ungapheli amandla, ngoba uNkulunkulu okuthumile unawe!
118.Angazi noma abantu bayazi yini ukuthi kwenzekani emhlabeni wonke, ikakhulukazi e-Amerika?
119.UCelestial waprofetha kabanzi ngokufika kwama Aliens, amaUFOS, nokuningi; manje sekufikile!
120.Waprofetha ngokufika kwezikhukhula, ukuzamazama komhlaba okukhulu, njengoba nimuzwa noBabamkhulu ekhuluma ngakho ukuthi kuyovela ekupheleni kwezwe.
121.Sekwenzekile ezindaweni eziningi, namanje kusenzeka, okukhulu ngokuzayo!
122.E-Amerika kwenzeke into namanje engingayazi ukuthi yenzeke kanjani, idolobha lonke lavele lahlaselwa ngumlilo, laba ngumlotha.
123.Indawo eyaziwa ngobuhle, iHolywood, namuhla ingumlotha! Izindlu ezinkulu nezinhle nezibiza izigidi, zivele zaba ngumlotha abantu bebuka. Kanjalo nezimoto ezinkulu abantu bazishiya emgwaqeni zasha zangqogqa bezibuka!
124.Mina bengazi ukuthi imizi engashiswa ngumlilo yakhiwe ngeyotshani.
125.Kodwa e-USA kushe imizi yonokusho! Kwenzeka kanjani ukuthi abalungu behlulwe ngumlilo, imizi yabo ishe bebuka? Ayizwakali lento!
126.Kodwa uJehova usekwenzile lokhu! Sonke asifunde iSambulo 18, ukuze sazi ukuthi iBabylon eliyi USA uJehova uzolibhubhisa kanjani?
127.Njengoba kungama Americans ahlale ehlasela zonke iziwe, ezenza izigqila zazo, namuhla yona ingase inqotshwe yi Russia, igcine sekuyiyo eba zigqila njengoba kade yenza kwezinye izizwe!
128.Isihluku seMelika sesiye sathinta uJehova! I-Amerika iyiGibhithe yesimanje! Sizobona ukuthi bazokwazi yini ukumelana noMenzi wezulu nomhkaba?
129.Kuncane lokhu osekwenzekile, okuzayo ukuba nabo bagcine beyizigqila ezweni labo, kebezwe ukuthi kunjani ukuba umuntu avele asuke nje ezoqhwaga izwe lakho, njengoba uDonald Trump eseqalile ukukwenza kuyi Canada, iPanama neGreenland!
130.Kodwa akaboni ukuthi seligaya ngomunye umhlathi, isikhathi sakhe sesiphelile lapha emhlabeni! Kodwa yena akaboni!
131.Lezo nsizwa nalezo ntombi ezicabanga ukuthi kuyadlalwa, ngiyazikhalela, elokuqala selikhalile, sesilindele elesibili!
INkosi ibusise enikuzwile!