Njengoba sengichazile, ngaphezu kwayo yonke imithetho kaNkulunkulu, umNazaretha akakuphuzi utshwala, akagundi, futhi akasithinti isidumbu somuntu ofile, ngaphandle uma kunesidingo sokukwenza lokho!
Ngaphezu kwalokho, singamakholwa agcina iSabatha, futhi ngokwaleli bandla asingeni endlini yesonto sifake izicathulo!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “Sesimxoshile uNkulunkulu phakathi kwethu.”
2.KuLevi 20:26 uJehova uthi: “Yibani ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele, nginehlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngami.”
3.KuNumeri 6:3-6 uJehova uthi: “Uma umuntu enza isethembiso sobuNazaretha, uyozahlukani newayini, nophuza olunamandla.
4.Zonke izinsuku zesethembiso sobuNazaretha akunakusondeza nsingo ekhanda lakhe, uyoba ngcwele zize ziphelele izinsuku ozahlukanisele ngazo uJehova.”
5.Umuntu ongcwele ngumuntu ohamba ngokwezimiso zikaJehova! Kodwa umuntu ongumNazaretha unemithetho enezelwe kwejwayelekile.
6.Yena akakuphuzi utshwala noma iwayini, akaligundi ikhanda noma isilevu sakhe; akasithinti isidumbu somuntu ofile. Numeri 6.
7.Uma esiphathile isidumbu ngezizathu ezahlukene, uyahlambuluka ngaphambi kokuba azihlanganise nobungcwele.
8.Ekuqaleni ukuba ngumNazaretha kwakuyisifungo esithatha isikhathi esithile, kufana nokuzila!
9.Kodwa emva kwesikhathi kwaba nabantu abazalwa bengama Nazaretha, njengoSamson nomprofethi uSamuweli.
10.Noma kungaveziwe eBhayibhelini, kodwa umlando usifundisa ukuthi uYeshua Kanye nabalandeli bakhe babengamaNazaretha!
11.UmNazaretha ke ngumuntu impilo yakhe yonke oyihlukanisele uNkulunkulu, ungumuntu ngaso sonke isikhathi ophila impilo yobungcwele!
12.Kumthandazo wokuvuka, wokulala nowesabatha, kunamavesi afanayo athi: “Khumbula ukuthi namuhla usuwenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.”
13 Lokho kusho ukuthi ngokuba ngumNazaretha, kumele uhlale wazi ukuthi usuke usuthathe isifungo sokuthi usuyophila impilo yobungcwele uze uyofa!
14.Kodwa ukuba ngcwele akusiyo into elula, engaphilwa inoma ngubani. Kusihlabelelo 143 uShembe uthi:
15.“Ukukholwa kwethu kulobu buNazaretha kulidwala elibushelelezi, lehlula abaningi.
16.Wena uyathanda ukusilandela lapho siya khona, uboqale uthenge isibindi uma ufuna ukuya lapho siya khona.
17.Indlela incinyane, inamatshe inameva, ihanjwa ngabambalwa, lapha siya khona.
18.Imbala unaso yini isibindi sokuhamba ngaleyo ndlela? Ilidwala elibushelelezi, lehlula abaningi.
19.Wozani maqhawe, hlabani umkhosi, niwavikele amagwala, hlomani ngamandla!”
20.Nempela kunjalo, sibaningi esiyaye sikhethe iNkosi njengokwejwayelekile, kodwa emva kwalokho singayiphili impilo yobuNazaretha!
21.Njengamanje maningi amaNazaretha, abalelwa ezigidini. Kodwa angazi ukuthi uma kungafika inkokhelo yasezulwini, bangaki okungathiwa bangamaNazareyha?
22.Kusihlabelelo 10, uShembe uthi: “Umuzi wamaNazaretha, lapha siya khona, ukhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga.
23.Umkhokheli wakhona munye kuphela, nguJehova kuphela, iNkosi enamandla!”
24.Asazi ke ukuthi lomuzi ekufeni kwethu esizoya kuwo, othi uShembe ungowamaNazaretha, bangaki abayongena kuwo?
25.Iqiniso elibonwa nayi noma ubani ukuthi ubuNazaretha, njengenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba, sesiyiqedile! Kusele abantu abathi bangamaNazaretha!
26.Ngoba abaningi bavele bazihlanganisa nalelibandla becabanga nje ukuthi libandla elifana namanye amabandla.
27.Kulentshumayelo ngizocaphune izintshumayelo zeNkosi iLanga, eyaze yahamba emhlabeni isifundisa ngobuNazaretha.
28.Lezi zintshumayelo zisencwadini ka-Advocate Mnyandu esihloko sithi: “Izintshumayelo zeNkosi iLanga.”
29.Noma nginganikanga amakhasi, kodwa zonke zisencwadini eyodwa.
30.Njengoba sengichazile, ngaphezu kwayo yonke imithetho kaNkulunkulu, umNazaretha akakuphuzi utshwala, akagundi, futhi akasithinti isidumbu somuntu ofile, ngaphandle uma kunesidingo sokukwenza lokho!
31.Ngaphezu kwalokho, singamakholwa agcina iSabatha, futhi ngokwaleli bandla asingeni endlini yesonto sifake izicathulo!
32.Akesizweke ukuthi iNkosi iLanga yayihlale isikhumbuza ithini ngenqubo yaleli bandla loPhezukonke, nelalethwa nguMqaliwendlela phakathi kwethu!
33.Ekuvuseleleni lobu buNazaretha iNkosi iLanga yakhuluma kanje: “Waqala futhi uShembe ukufundisa abantu ukuba bangazigundi izinwele zabo. Nakho lokho kulotshiwe eBhayibhelini.
34.Waqala wabafundisa abantu ukuthi uma umuntu engumNazaretha angabuphuzi utshwala!
35.Wayesebona uNkulunkulu ukuthi akuzohamba kahle uma uShembe ehleli ezweni lakubo eNtabazwe, wayesemtshela ukuba akeze kuleli zwe laseMpumalanga (eNatali).
36.Imfundiso kaShembe uma efika kuleli zwe yathi wonke umuntu akeze kuNkulunkulu nebheshu lakhe noma isidwaba sakhe.
37.None siketi sakhe akeze ngaso, kodwa angangeni nezicathulo endlini yesonto. Imfundiso kaShembe leyo!” Amein!
38.INkosi iLanga yayihlale ikhuluma kabanzi ngosizi uBabamkhulu owayenalo uma ecabanga ukuthi ekuhambeni kwakhe emhlabeni sizomhlubuka uJehova! Ithi ke iNkosi iLanga:
39.“UShembe wayelindile ebuza kuNkulunkulu ethi: ”Nkosi, njengoba uthi angize kuwe, emuva kwami kuzosala kube njani eKuphakameni?”
40.Wahlala izinsuku eziyishumi elindile, engadli, nabamlethela amanzi bawabeke laphaya kude, azithathele ageze.
41.Nobeka amanzi okuphuza awabeke kude aphume azithathele wona aphuze.
42.Wayehluphekela thina, wembatha ingubo yamasaka wathi: ‘Nkosi, ngitshele, uma ngihamba lapha emhlabeni, laba bantu bazosala babe yini emuva kwami?
43.Akuyukungena utshwala eKuphakameni na, akuyukungena ugwayi eKuphakameni, akuyukungena izingulube na?
44.Abayikugcwala yini onondindwa eKuphakameni, abayikugcwala yini abathakathi eKuphakameni na; aliyikuphulwa yini iSabatha?
45.Abayukuyilahla le mvunulo engibanike yona na, lokhu kusina engibafundise khona akuyoba into yokusina izidakwa na?
46.Iyaqhubeka iNkosi iLanga ithi: “Kulula kabi maNazaretha, ikakhulukazi kumuntu onjengami, njengomuntu othandwa ngabantu bonke, ukuba nginifake etshwaleni.
47.Ubani ongangivimba uma ngithanda ukuba niphuze utshwala, uma ngithanda ukuba nidle ingulube, ubani ongangivimbela?
48.Anize ningayicabanga leyo nto, kodwa mina ngiye ngikucabange ukuthi emuva kwami koba njani.
49.Angenke nifuye izinja, noma nosala niphuze amatshwala, nidle izingulube?
50.Basho njalo oMfundisi uMnqayi noMzobe mhla ngihlangana nabo eThekwini ngelinye ilanga.
51.Ngiyababuza ukuthi kuliqiniso yini ukuthi seniphuza utshwala emasontweni enu na?
52.Bathi: ‘yebo, abantu abasezi emasontweni, SIZAMA UKUDONSA ABANTU!’ Nithi kungenzeke lokho? Kungenzeka!
53.Ngithi funani abefundisi abanomoya kaShembe! Noma bebancane ngeminyaka nibafundise; namakhosikazi nawo angaba abefundisi. Kodwa nifune abefundisi abanomoya kaShembe!
54.Yize benezono, ngeke kodwa bayifake ingulube lapha eKuphakameni, ngeke futhi bayifake inja notshwala lapha eKuphakameni!”
55.Uthi ke uBaba iLanga: “Ake ngibuze kini maNazaretha, uma namuhla ngiqala ngiphuza utshwala noma ugologo noma obesiZulu, ningaba njani nina? Bangaki abangasala kini bengaphuzi?
56.Ngingaqale ngibuthukuse utshwala ilanga elilodwa, kodwa ngelinye ilanga ngithi uma ngifika phakathi kwenu, nibe senibona ukuthi uBaba namuhla unomusa kakhulu, nokuhamba kwakhe uyakubona nje ukuthi kunjani. Utshwala-ke lobo!
57.Uma wenza isono usifihla, siyathanda ukuba sivele obala, KOBE SEKUYACHITHEKA KE UKUPHAKAMA, KUNGABE KUSABA KHONA!
58.Iyaqhubeka iNkosi ithi: “Ningabuyeli emuva maNazaretha! Ningabuphuzi utshwala! Noma kuthiwa uNkulunkulu uyabuphuza utshwala ezulwini, nina ningabuphuzi.
59.Umuntu ophuzayo lapha eKuphakameni ningesabi ukumkhipha. Noma yimi nje uma ningibona ngiphuzile, nisho nithi:
60.’Baba, ngoba usuyaphuza lapha eKuphakameni, hamba uye kwenye indawo yakho. Uyothi mhla uyekayo ukuphuza, bese ubuyela eKuphakameni.’
61.Ngeke nginiphikise, ngeke nginiphendule. Ngiyobopha amasakana ami ngaleso sikhathi bese ngihamba, ngenze lokho enikushoyo, ngoba angisiyo into enkulu uma ngilapha eKuphakameni.
62.Into enkulu yalapha eKuphakameni uNkulunkulu, lo owehla ezulwini weza emhlabeni, ngoba ethanda nina bantu baKwaZulu.
63.Lapha kukhona amakhosi angaphezulu kwamashumi amabili, nanka phambi kwami. Abezile kimi, kodwa beze kuNkulunkulu!
64.Uma sekufika isikhathi sami sokuba ngihambe emhlabeni, ngiyohamba njengoBaba, kodwa uNkulunkulu akahambi yena, uyahlala!
65.Engingakuthandi-ke ukuthi uma ngikhona eKuphakameni ngisebenzele ukuthi uNkulunkulu akahambe lapha.
66.Ngisebenzele indlela yokuthi angiphuze, uNkulunkulu aphume lapha eKuphakameni.
67.Ngisale-ke mina ngibe iNkosi. Angazi-ke ukuthi ngizoba iNkosi enjani.
68.Noma ngizoba iNkosi eyingulube, noma eyikati noma eyimfene noma enjani uma uNkulunkulu esehambile phakathi kwethu!
69.Lapha eKuphakameni, iNkosi yakhona uShembe kuphela! Ngani? Ngoba yena wayengenasono, akazange asenze isono!
70.Kwathi uma ehambayo emhlabeni ubuNazaretha bakhula, abaze bancipha. UbuNgcwele bakhe bakhula!
71.UShembe usishiye lapha sikhanya, sikhazimula, kodwa sesigqwalile manje.
72.Manje-ke ngiyakhuluma, ngithi uma ningibona ngidakiwe anibongitshela kahle nithi: ‘Baba, hamba uye kwenye indawo.
73.Kothi ungayeka ukuphuza ubuye’. Ngani na? Ngoba nina nibhasobhile lapha eKuphakameni.
74.Abantu abahle abawubhasobhayo umuzi wabo, abantu abahle ababubhasobhayo ubuNgcwele!
75.Ngeke ubone uNkulunkulu ezokwelusela umuzi wakho. Ngeke ubone uShembe ehla ezulwini ezobhasobha ubungcwele bakho!
76.Cha, sewakunika lo muzi waseKuphakameni unomphela. Uma ungakubhasobhi wena ubuNgcwele, noma ungakwelusi kuzophunyuka.
77.Iyaqhubeka iNkosi iLanga ithi: “Emveni kwami mhlawumbe kungase kuvele amabhoxongwana acabanga ukuthi ahlakaniphile kunoShembe, anifundise ukuthi utshwala bulungile!
78.Ningakuvumi lokho, ngoba leyo mfundiso iyabuchitha ubuNgcwele.
79.Kwake kwenzeka lokho kwa-Israyeli, abantu bamhlubuka uNkulunkulu, benza into engasile!
80.Nami ngithi kungase kwenzeke lokho ukuthi kusasa nithole umfundisi oyisidakwa, ophuzayo, ikakhulukazi kulaba befundisi abancane!
81.Kodwa-ke ningakuvumi lokho, ningangabazi uma lowo mfundisi ephuza noma ebhema, nimcishe encwadini yenu.
82.Nimkhiphe aphele phakathi kwenu, ngoba ukuphuza kuyimpande yazo zonke izono!
83.Kuthiwa imali impande yesono, yebo kunjalo, kepha mina ngithi ukuphuza impande yazo zonke izono. Imali iza kamuva. Zonke izono ziqala ngokuphuza utshwala! Amein!
84.Lenkulumo yeNkosi iLanga iyisiprofetho. Asazi noma phakathi kwethu esingabaholi kulelibandla, ukhona yini umholi ophuzayo, noma obhemayo!
85.Angikaze ngizwe ukuthi ukhona owenza into enjalo. Kodwa isenzo samaNazaretha amaningi sibonisa ukuthi awusekho umthetho wokukholwa kuleli bandla!
86.Uthi uBaba wahlangana noMnqayi noMzobe, okwakungabafundisi abahlubuke lapha eKuphakameni, bazakhela amabandla abo.
87.Wathi uma ebuza ukuthi kuliqiniso yini ukuthi sekuyaphuzwa emabandleni abo, bathi yebo, ngokuvuma ukuphuza badonsa abantu!
88.Ithi ke iNkosi: Uma mina ngingase ngiphuze, kunganjani lapha eKuphakameni?
89.Onke amaNazaretha ayophuza, bese uNkulunkulu uyabaleka phakathi kwethu!
90.Namuhla amaNazaretha asephuza utshwala, agunda amakhanda, ahlekisa ngobuNazaretha ngezindlela eziningi engingazibalile lapha!
91.KuSihlabelelo kubhalwe kahle ukuthi lezi zihlabelelo zimiselwe imigidi engcwele.
92.Kodwa manje usufica kushawa ngazo ingoma, kunezibukeli zasemhlabeni!
93.Njengoba lisho iLanga, simxoshile uNkulunkulu phakathi kwethu!
INkosi ibusise enikuzwile.
Le nkonzo iyatholakala kuYouTube noFacebook othi Rev. Mpanza NCG.