Uthi ke uShembe inkolo kaJehova ingakafiki KwaZulu, imimoya yabantu yayingayi ezulwini, kodwa ihlala ezidunjini njengemimoya yezinyoka!
Kodwa ekufikeni kukaShembe, abantu wabafundisa ukuthi uJehova udunyiswa kanjani, okwathi sebemdumisa, bangena nabo emzini oyingcwele!
Isihlabelelo 180
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani,
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Zulu nalomhlaba
Lalinga kabi bikho lona.
NGIYABAZONDA LABO ABAKHONZA ONKULUNKULU ABAYIZE.
Amahubo 31:6-8:
1.“Ngiyaba zonda labo aba khonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele ku Jehova, ngizakwe thaba, ngijabule ngomusa wakho.
2.Ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami, awungini kelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.” Amein!
3.Lamazwi enkosi uDavide sawafundelwa yingelosi mhla isifundisa ngezinto ezingi. Sengizwa sekunezihlakaniphi esezisho lokhu nalokhu, besola into abangayazi!
4.Kokunye lomuntu wasezulwini uthi: Ayikho into edabukisayo njengokubona abantu bephethe isicephu nehlahla beya esibhedlela, noma emathuneni bethi bayolanda umuntu osewafa.
5.Anazi yini ukuthi umoya ukwazi ukuba sezindaweni eziningi ngesikhathi esisodwa?”
6.Uyaqhubeka lomuntu wasezulwini uthi: Kungcono mhlawumbe ukuba ngehlahla nilanda isidumbu somuntu ongakangcwatshwa, ngoba umoya womuntu uyasi phelekezela isidumbu sakhe uma singakafihlwa.
7.Ithi ke ingelosi: “Uma nikhuluma nomoya womuntu, nithi akangene emotini, nimtshela ukuthi usewela umfula, kanti phakathi kwenu nalomoya enisuke nihamba nawo, ngubani osuke ebona omunye?
8.Kumele nazi ukuthi umoya uhlakaniphe ngaphezu kosenyameni, unamandla ngaphezu kosese nyameni, ukwazi ukubona ngisho into ingakenzeki!
9.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “Ukuhamba uyolanda umoya esibhedlela, noma emathuneni, kuyingozi, ngoba ulanda umoya onganaso isiqiniseko sokuthi lomoya obuya nawo yiwo yini obuwulandile, ngoba awuwuboni!
10.Yonke imimoya iyathanda ukuthathwa iyobekwa lapho ezohlala yondliwa khona!
11.Iyaqhuba ithi ingelosi: “UYeshua waya entabeni eyolinda uNkulunkulu izinsuku ezingamashumi amane, kodwa uNkulunkulu akazange afike kuye, esikhundleni salokho kwafika uSathane, okwaba nguye omlingayo!
12.NoShembe umprofethi waya entabeni yaseNhlangakazi izinsuku ezingamashumi amabili eyolindela uJehova.
13.Kodwa kwaqala kwafika imimoya eminingi eyahlukahlukene, ithi iyona uNkulunkulu obemlande eNtabazwe! Kodwa uNkulunkulu waze wafika ngesikhathi sokugcina!
14.Ungase ucabange ukuthi uma uYeshua noShembe bathi belindile, kwafika kubo uSathane ezobalinga, wena uma uthi uzolanda umoya, ubona kanjani ukuthi ufice lomoya ubuzowuthatha, noma kuvele kwagaxela nje noma yimuphi umoya ozogcina usungukufa?
15.Ithi ke ithi ingelosi: “Nina abakholwayo ningayi kolanda imimoya esibhedlela, noma emathuneni, nomaphi ke nje.
16.Uma ungena endlini, bese umuntu ongasekho umbiza ngomthandazo, noma ngomnikelo, uyosabela nomaphi lapho ekhona, enze konke okushoyo, ngoba uyobe ekuzwa, futhi ekubona!” Amein!
17.UShembe thina wafike wasifundisa ukukhonza uNkulunkulu oyedwa, uMdali wezulu nomhlaba, ogama lakhe nguJehova!
18.LoNkulunkulu simkhonza ngokugcina imithetho yakhe owayishiya kuMose!
19.Kumthetho wokuqala uNkulunkulu wethu uthi UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAKHE.
20.LOKHO KUSHO UKUTHI KUNGABI KHONA ENYE INTO, NOMA OMUNYE UMUNTU OMLINGANISA NONKULUNKULU NOMA NGANHLOBONI NGOKUMKHONZA!
21.Inkolo kaMenzi wezulu nomhlaba esayemukela eSnayi inoNkulunkulu oyedwa!
22.Umthetho wesibili uthi UNGAZENZELI IZITHOMBE EZIBAZIWEYO!
23.Isikhathi esiningi amakholwa akakwazi ukubona umehluko okhona phakathi kokuthi UNGAZENZELI IZITHOMBE EZIBAZIWEYO, nokuthi UNGAZENZI IZITHOMBE EZIBAZIWEYO!
24.Ungasenza isithombe esibaziweyo uma kusho uNkulunkulu ukuthi senze, kodwa kufanele ukuba uthunywe nguye uJehova ukwenza leso sithombe!
25.Ngenkathi uJehova ethi uMose akenze umphongolo wesivumelwano, wathi akabaze amakherubi, okuyizingelosi, bese ezibeka kumphongolo, ehlobise ngazo! Lezo zingelosi kwakuyizithombe ezibaziweyo okungayiso isono ukuzenza.
26.UNkulunkulu wabuye wathi uMose akenze inyoka yethusi, okothi uma abantu beyibuka, baphile!
27.Naleyo nyoka yethusi kwakungayiso isithombe esenqatshiwe ukwenziwa, ngoba uMose wayengazenzeli sona, kodwa enzela uJehova!
28.Ebandleni lama Nazaretha, kuba nezithombe noma amafodo abaholi amalunga azakhayo bese ezifaka ezingutsheni zazo!
29.Ziningi izinkolelo zamalunga ngalezi zithombe, noma amafodo, kodwa angifuni ukukhuluma kabanzi ngalezi zinkolelo!
30.Njengomholi wama Nazaretha kaNkulunkulu nezami amalunga eNCG ayezenza abese ehloba ngazo ngokuzifaka ezingutsheni azigqokayo!
31.Kodwa amalunga ase NCG ahlangana nempi yamanye amalunga amabandla akwaShembe, bethi esami isithombe asingafakwa ngoba mina angisiye umholi wakwaShembe ngesibongo!
32.Kwabe sekungenelela ingelosi, yathi kungenzeka kanjani ukuthi umuntu ongumgcotshwa kaNkulunkulu, kuthiwa esakhe isithombe singafakwa, bese kufakwa izithombe zabantu abazibeke bona, ngoba kuthiwa ngabakwaShembe?
33.Yathi ingelosi izithombe okufanele zifakwe ngamaNazaretha ngokwase zulwini ngezami kunalezi zabaholi bakwaShembe!
34.Kodwa emva kwalokho ingelosi yabe isizimisa zonke izithombe ezifakwa emzimbeni, noma ezimotweni -NCG!
35.Yathi lomkhuba udukisa inkolo, ngoba kushiwo izinto eziningi ezidukisa inkolo ngalamafodo, ngoba abantu bafundiswa ukukhonza amafodo kunokukhonza uNkulunkulu, okuphambene nezimfundiso zomprofethi!
36.Yabe isithi ingelosi ibandla lizoba ne emblem noma uphawu olunganasi thombe somholi. Le- emblem iyona eyohlusa lelibandla kwamanye amabandla!
37.Kulelibandla ke, manje esikhundleni sesithombe somholi, sisebenzisa uphawu lwebandla!
38.Uma ifodo ulifakile, lingaba sengutsheni yesonto, okungu mNazaretha, ngoba wona ufakwa esontweni kuphela!
39.Ngakho ke e-NCG izithombe zabaholi asivamile ukuba sizifake, ngaphandle kwalezo ebesivele sinazo, ngoba akushiwongo ukuthi sizilahle!
40.Ngalokho ingelosi yayigcizelela ukuthi kuleli bandla sikhonza uJehova kuphela, futhi nguyena yedwa esethembele kuye!
41.Ngakho ke sesivele sizithulele uma sesizwa izihlakaniphi seziqhamuka nakho konke ukukhuluma okuzama ukubukela phansi uJehova ngokuthi uJesu noma uShembe nabo banguNkulunkulu, noma balingana noNkulunkulu, yize kuchazwe yibo ukuthi BAYIZITHUNYWA ZIKASOMANDLA!
42.Kule ntshumayelo ngizogxila ezimfundisweni zomprofethi ukuze kungabi bikho ukudideka kokuthi thina maNazaretha uShembe usifundise ukukhonza uJehova yedwa! Siyefana ngokwenkolo ne ISLAM, okuyinkolo yamaSulumane!
43.Ngike ngezwa omunye umKrestu ehlasela inkolo yeTestamente Elidala, ethi uJehova kwakuyisithixo, kodwa uNkulunkulu ngempela kwakunguJesu Krestu!
44.Lemfundiso yomuntu othi ukholiwe, kodwa ahlasele uJehova, iyethusa! Ngiyishiya kumaKrestu ukuyiqondisa lento, ngoba iyingozi enkulu!
45.UYeshua ungumprofethi kaJehova njengaye uMahomed noShembe, amafanatik ke ke engasho akuthandayo, kodwa leyomfundiso yeBhayibheli ayinakushintsha!
46.Ngihlale ngikugcizelela ukuthi inkolo kaJehova yaqedwa ngamaRoma emva kwaYeshua nabafundi bakhe!
47.Emva kokuqedwa kwalenkolo kaJehova, amaRoma asungula inkolo yobuKrestu, kodwa okwasekuyinkolo esisungulwa ngokwezepolitiki, ingenaye umprofethi!
48.Kuthathe iminyaka engaphezu kwenkulungwane inkolo yamaHebheru yaqedwa yinkolo eyayisungulwe nguConstantine! Yikho sekunamakholwa athi uJesu mkhulu, kubmbe ulingana noJehova!
49.Lenkolo kaJehova ize yavuswa eSouth Afrika ngumprofethi u-Isaya Shembe esimazi ngoMqaliwendlela noma uBabamkhulu!
50.Namuhla ngiyafisa ukucacisa imfundiso kaShembe ngokukhonza uJehova yena yedwa! Nguye owavuselela ukugcinwa kwemithetho kaMose njengoba yayifundiswa ngabaprofethi abamlandelayo, kuhlanganisa naye uYeshua!
51.Lapha sicaphuna intshumayelo yomprofethi u-Isaya Shembe njengoba injalo, ngoba lomprofethi wayenoma bhalane okwakuthi uma eshumayela noma ethandaza, yena ebe ebhala phansi ngaso leso sikhathi.
52.Lentshumayelo wayenza emzini wakhe okuthiwa yiGospel, ngo 1927. Uthi ke uShembe: “Siyakholwa ukuthi kukhona ukungena emzini oyingcwele, lapho kubuthene khona abase Kuphakameni; kuJehova uMnini`mandla onke, uYise wabamkhonzayo. Kulomuzi akungeni noma munye ogama lakhe alilotshiwe encwadini yokuphila.”
53.Umuzi waseKuphakameni ebandleni lamaNazaretha umele iJerusalema kwa, kwesinye isikhathi uma uShembe ekhuluma ngobuNazaretha, uthi eKuphakameni, kanjalo futhi uma ekhuluma ngezulu, uthi eKuphakameni, njengoba kwakunjalo nakwa-Israel!
54.Lapha uShembe usifundisa ukuthi uma sihamba emhlabeni sizoya kuJehova ezulwini, nokuthi ezulwini kuhlala abangcwele bodwa, abagcina umthetho kaJehova. Asingeni isono khona!
55.Uyaqhubeka umprofethi uthi: “Namuhla ngiyafisa ukuba nazi ngabafile, ukuze lowo nalowo alungise indlela yakhe; ngokuba kwelizayo kukhona ukuphila kanye nokufa.
56.Abafile yilabo abangangenile emzini oyingcwele; ngenxa yokuhamba kwabo obusebumyameni; bafumana ukufa okubuhlungu, okungukufa kwesibili.
57.Abaphilayo yilabo ekufeni abazuza umusa, iNkosi ebavusa bengakwe mbethe ukubola, ibangenise emzini oyingcwele. Labo yibo abalidlayo ifa lombuso wezulu.”
58.UShembe uchaza ngohambo lwethu ekufeni. Uthi umuntu ekufeni ongayi ezulwini, uyena osuke EFILE, ngoba usuke elahliwe, esefe ngokomphefumulo!
59.Kodwa uma ekufeni kwenyama, umphefumulo wakho uye ezulwini, ngoba noma inyama file, kodwa UMOYA WAKHO USUKE UNGAKWEMBETHE UKUBOLA, UYINDLALIFA YEZULU!
60.Uma eqhubeka uShembe uthi: “Ngizwile abanye bethi ofile ufile. Angazi noma wake wakufuna yini ukuthi kwakuyini ukuvuswa kweNkosi emathuneni? 1 Petro 3:18-20.
61.Uma iNkosi yavuswa, kukhona ukuvuka kwabafileyo. Nxa kungekho ukuvuka kwabafileyo, kavuswanga naye uKrestu.
62.Nxa nithi nina bokukholwa, nimunye naye, nikuphika kanjani okuyiqiniso; nikuphika kanjani ukuthi okholwayo egameni likaYise, nelaKhe, neloMoya, naye uyovuka, ngokuba emunye nowavukayo?
63.Nina bantwana baseKuphakameni, yazini lokhu namhlanje; ubusisiwe ongamthuki uyise nonina athi bangama dimoni, njengo kwenza kwabanga qondi; bephendukezela ivangeli, belenza indaba yabo yomdlalo.
64.Kuhle ukuba ngisho kini ngithi, indawo yabaphilayo ikhona kini, kanye neyezingelosi. Ohamba ngokulunga, iNkosi iyomvusa, imngenise eParadisi, okungumbuso wayo osekuphileni okuphakade.”
65.Lemfundiso kaShembe iphikisa eyamanye amaKrestu athi akukho ukuvuka kwabafileyo, ofile ufile, ngakho ke uma umuntu esefile, bese kuthiwa uyavuka, lowo moya ovukile kusuke kungasiwo umoya wakhe, kodwa kungumoya wamadimoni.
66.Uthi uBabamkhulu leyomfundiso ayisilo iqiniso! Uma iliqiniso kwenzeka kanjani ukuthi ekufeni kukaYeshua, bese eyoshumayeza abantu ababefe ngesikhathi sikazamcolo owenzeka ngesikhathi sikaNowa? Umshumayeza kanjani umuntu ofile?
67.Uthi ke uShembe, uma kungekho ukuvuka usufile, noYeshua akazange avuke! Ngakho ke amaNazaretha angalokothi abize abazali babo abangasekho ngokuthi bangama dimoni!
68.Uyaqhubeka uShembe uthi: “Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo.
69.Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo kuMathewu 10:37.
70.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.”
71.Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzelemu, bathi:
“Nceku yeNkosi, angenke sisahlabela okhokho bethu na?”
72.Waphendula uMprofethi wathi: “CHA BANTWANA BAKANHLIZIYO, OKWENU KUHLE UKUBA NIBAKHUMBULE ELATINI ELIKHULU, EMZINI KAJEHOVA EKUPHAKAMENI, KUNOKUBA NENZE NJENGALABO ABANGENAYE U THIXO.”
73.KwakuseGospel ngo 1927 mhla uBabamkhulu efundisa amaNazaretha ukuthi engawahlabeli amadlozi! Kodwa kuba nama Nazaretha awahlabelayo amadlozi, bese ezivikela ngezinkulumo zeNkosi iLanga. Kodwa lezi zinkulumo zi out of context!
74.Ngisho bekungenjalo, awukwazi ukuchitha umthetho ka Nkulunkulu ogcizelelwe ngu Babamkhulu ngentshumayelo yeNkosi iLanga, ngoba umthetho woku kholwa ukuBabamkhulu!
75.Thina asiyiwo amaKrestu wona achitha imithetho kaJehova ngezimfundiso zikaPaul! INkosi iLanga yazisholo yona ukuthi solandela umthetho esiwufundiswe nguBabamkhulu!
76.UJehova ezincwadini eziningi akawavumeli amakholwa ukuhlabela amadlozi. Asikwazi ke ukuchitha umthetho kaMose, yize ethe uShembe isisekelo salobu buNazaretha ngumthetho kaMose!
77.UShembe wabaphendula ababebuza ukuthi kusho ukuthi abasezowahlabela amadlozi! Nanka amazwi akhe: “CHA BANTWANA BAKANHLIZIYO, OKWENU KUHLE UKUBA NIBAKHUMBULE ELATINI ELIKHULU, EMZINI KAJEHOVA EKUPHAKAMENI, KUNOKUBA NENZE NJENGALABO ABANGENAYE U THIXO.”
78.Akufanele ke ukuthi kuthi uma amanye amakholwa ehlubuka uNkulunkulu bese ngeNkosi iLanga belwa nalabo abavuselela umthetho kaNkulunkulu!
79.Amanye amaNazaretha ahlale elwa nathi uma sifundisa abantu ukuthi ngokobu Nazaretha akahlatshelwa amadlozi!
80.Basaqhuba lemikhuba okukhulunywa ngayo kumaKhosi esibili isahluko 17:32-36, lapho umprofethi ethi: “Babezenzela abapristi phakathi kwabo, besezindaweni eziphakemeyo ababehlabela kuzo, ezindlini eziphakemeyo ababezakhile.
81.Baqhubeka noku khonza onkulunkulu babe njengo mthetho wabezizwe ababethunjwe phakathi kwazo.
82.Kuze kube manje basenza imikhubo yabo yakuqala! Abamesabi uJehova, abazilandeli izimiso zakhe, imithetho nemiyalelo kaJehova owayala ngakho abantwana bakaJakobe!”
83.Amanye amaNazaretha asaqhubeka lapho kwagcina khona abantwana bakwa-Israel! Baphikisa uJehova!
84.Uyaqhubeka umprofethi kaJehova uthi: “Bantabami, ukufika kwethu kulomhlaba, kwaba ukuzokhulula amathambo alele othulini lomhlaba, nemimoya yawoyihlo entuntayo; eyayihlala emathanjeni njengezinyoka.
85.Sesifikile thina boShembe, oyihlo bavuka emathuneni, bahlabelela bethi, “Kade sivalelwe, deda singene, simkhonze uJehova, namuhla avuliwe amasango.”
86.Uma ngabe abantu bebazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
87.Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele.
88.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.”
89.Lenkulumo yomprofethi ijulile kakhulu! UShembe wafika eNatal ngo 1910, sezikhona izimishini eziningi.
90.Kodwa inkinga yalezi zimishini zazithi ukuze umuntu akholwe akakhumule ibheshu nesidwaba, futhi eze nomfazi oyedwa.
91.Lokho kusho ukuthi uma usukholiwe balahle abanye abafazi bakho!
92.Uthi ke uShembe wathunywa nguNkulunkulu ukuzolungisa umonakalo owawenziwa zimishini, zithatha okungahlangene nokukholwa bese zithi yikhona kukholwa!
93.Ukukholwa kuJehova ukugcina umthetho wakhe kuphela, unganezeli, futhi unganciphisi!
94.Kwathi ukufika kukaShembe lapha KwaZulu, amakhehla ajabula kakhulu, ahlabelela ethi: “Kade sivalelwe, deda singene, simkhonze uJehova, namuhla avuliwe amasango.”
95.Uthi ke uShembe inkolo kaJehova ingakafiki KwaZulu, imimoya yabantu yayingayi ezulwini, kodwa ihlala ezidunjini njengemimoya yezinyoka!
96.Kodwa ekufikeni kukaShembe, abantu wabafundisa ukuthi uJehova udunyiswa kanjani, okwathi sebemdumisa, bangena nabo emzini oyingcwele!
97.Kwathi izulu selivulelwe okhokho bethu, bezwakala behlabelela bethi: “Deda esangweni nathi singene ezulwini. Sasivalelwe ukungena ezulwini, kodwa uShembe wafike wasivulela amasango!”
98.Maningi ke amahubo okukholwa, kodwa anesigqi sakwaZulu, uShembe owabafundisa wona, njengaleli:
99.##Wozani maZulu, livulwe ngubani, ubani ovule lelisango weMkhululi weziboshwa!; BhekuZulu esinela uSimakade, akuthi thuthu, uyeza uJehova!
100.NguShembe lapha KwaZulu owafika wafundisa amaNazaretha angamaZulu ukudumisa uJehova ngaphandle kokusuka kumasiko awo angaphambani nomthetho kaNkulunkulu!
101.Wathi amaNazaretha angabe esawahuba amahubo ezimpi, kodwa ngesigqi samazulu ahube amahubo adumisa uJehova; angabe esawaphatha amahawu amakhulu ezimpi, kodwa aphathe amahawu amancane okusinela uSimakade!
102.Wathi amaNazaretha angabe esaziphatha izimboko zokugwaza abantu, kodwa izimboko bazinqinde, ngazo bathandazele abantu abagulayo basinde egameni likaJehova: Yahlabelela lensizwa yasezulwini yathi:
103.“Thina siyamthanda lo onokusindisa, sophelela kuJehova onokusindisa.
104.Alikho nelinye igama esingasinda ngalo, kuphela igama likaJehova esingasinda ngalo!
105.Asinazihlangu esingavika ngazo, kuphela igama likaJehova esingavika ngalo! Asinazikhali esingalwa ngazo, kupheligama likaJehova esingalwa ngalo!”
106.Ziningi izinto eziphambene nomthetho wobuNazaretha esezenziwa ngamaNazaretha ngegunya lokuthi uShembe wathi abakhonze uJehova ngamasiko abo; kodwa abangasakujobeleli ukuthi LAWO MASIKO ANGAPHAMBANI NOMTHETHO KAJEHOVA.
107.Kvesi 3 womthandazo wesabatha, wathi uShembe isisekelo senkolo yamaNazaretha ngumthetho uJehova owawuloba ngenceku yakhe uMose!
108.Ngakho ke abantu bengadideki, silandela amasiko ethu angaphambani nomthetho kaJehova!
109.UShembe amaNazaretha wawenqabela ukuphuza utshwala, ukubhema ugwayi, ukubhula nokuzihlanganisa nanoma ngayiphi indlela nesangoma.
110.Wasenqabela ukuhlabela amadlozi, wasenqabela ukugunda. Umnazaretha akagiyi, ikakhulukazi ngehawu lomgidi!
111.Okuseqinisweni noma iyiphi imvunulo yomgidi akuhlotshwa ngayo emicimbini yasemhlabeni! Kodwa manje amanye amaNazaretha asayakwenza lokho!
112.Lento esibonakala kumavideo amaNazaretha evunule isibhinca esina kwakushaya ingoma, enezibukeli zasemhlabeni, ngumkhuba ohlambalaza uJehova!
113.Njengoba kuhlale kuvezwa, uJehova wathuma uShembe emakhosini, ikakhulu kuyiNgonyama. Kodwa wathi efika KwaZulu, iNdlunkulu yabe isikholwe kuyizimishini!
114.Kusihlabelelo 116 uShembe uthi: “Uyabizwa nkosi Solomon mntaka Dinuzulu, nalu udumo lukaJehova luseKuphakameni!”
115.Abantu baseNdlunkulu ke base bethi uShembe wayebizelwe kubo, kodwa uShembe uthi yibona ababizelwe eKuphakameni ukuba bezodumisa uJehova!
116.Ngokufika kukaShembe, amakhosi amaningi aba ngamaNazaretha, kodwa angazi noma bonke baba ngamaNazaretha ngempela yini?
117.Nokho ngiwazi amakhosi anjengo Ntemba Mthethwa, oMzonjani Ngcobo, noSimakade Mchunu, ngabanye! Yilawo makhosi aba ngamaNazaretha ngempela!
118.Uma ungu mNazaretha, ukuthi uyinkosi, noma uyiNgonyama, akushintshi lutho, kodwa kufanele uphile impilo yobuNazaretha, wesabe uNkulunkulu ngaphezu kwakho konke, enkonzweni ukhohlwe ubukhosi bakho!
119.Awukwazi ngoba uyinkosi utholakale uphuza, udla izidakamizwa, ungaligcini isabatha, bese kuthiwa ungumNazaretha! UbuNazaretha isifungo sokukholwa esithathwa yinoma ngubani owesaba uNkulunkulu!
120.Noma ngabe uyinkosi engakanani, kodwa awungaphezulu kwaNkulunkulu, ngakho ke awukwazi ukuba uthi ungumNazaretha, bese ukhulekelwa endaweni kaNkulunkulu!
121.Miningi ke imikhuba esiyenzeka kuleli bandla lama Nazaretha, esiphambene kakhulu kulokhu kukholwa kobu Nazaretha esaku lethelwa yinceku kaJehova, uMqaliwendlela!
122.Uyaqhubeka umprofethi uthi: AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.
123.Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo; ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo.
124.Akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele. Amen!”
125.Njengoba sesichazile, thina ekufeni kwethu akukho lutho esiludinga kosemhlabeni, ngoba singcwele, siphila impilo yobungcwele!
126.Ekufeni kwethu siqonda ezulwini kuJehova iNkosi yethu, sondliwa ezulwini, sembathiswa ingubo yomphefumulo! Akukho lutho lwasemhlabeni esisaludingayo! Imfundiso kaShembe neyengelosi leyo! Ngakho ke akukhonto esingayicela kumuntu osemhlabeni!
127.Kodwa ekufeni bangayi lapho siya khona, yibona abangamadlozi. Bona ke bengacela kwabaphilayo, ngoba basosizini, abanandawo, bafuna ukusizwa ngabaphilayo!
128.Kungumsebenzi wethu ukuthi ikakhulukazi izihlobo zethu sizicelele kuJehova ukuba zihlanzwe, zithethelelwe izono, zingene emzini oyingcwele!
INkosi ibusise izwi layo!