Noma amanga angaqanjwa aphindaphindwe kangakanani, ekholwe umhlaba wonke, kodwa amanga akasoze alishintsha iqiniso! Ngakho kumele uhlale ulimela iqiniso ngisho uwedwa!
Isihlabelelo 50
1.Bonani uvel’ emafini
Uzobiza bantu bonke
Uzobuya ezulwini
Uzobiz’ abantu bonke.
Chorus: Haleluya dumisani
Dumisani bantu nonke.
2.Amaqhawe ngakaJesu
Anhliziyonye naye
Amehlo abo ayizinti
Ngokubheka uSimakade.
Chorus.
3.Umhlaba wazamazama
Amatshe adabuka
Izinkanyezi ziwile
Ilanga lafiphala.
Chorus.
4.Zwanini kuhlatshwa umkhosi
Wokubiza abafileyo
Abamenyiwe izinhloli
Baphuma emathuneni.
Chorus.
5.Boyiswa kuMahluleli wabo
Zonk’ izizwe ziyoqoqwa
Kovela naye uSathane
Emva kweminyaka eyinkulungwane.
Chorus.
6.Sukani kukhulum’ uJesu
Niyokusha emlilweni
Lapha nani sebenzela khona
Ebuhlungwini nasesililweni
Chorus.
7.Jabulani Nina bantabami
Uyokusho njalo kwabanye
Shiyanini umhlaba
Wozanini eKuphakameni.
KANTI KUSHO UKUTHINI UKUFIKA KOMHLA WOKUPHELA.
1.Abantu abaningi abaze ngakunaka ukuthi isiprofetho ngosuku lokwahlulela sehlukene izigaba cishe ezintathu. Kukhona esingathi isiprofetho, kodwa uYeshua owabe ekuchaza ukuthi kokwenzekani kumuntu emva kokufa.
2.Bese kuba isiprofetho esikuMathewu 24, esichaza ijudjement day eyokwenzeka engasekho yena kulomhlaba.
3.Bese kuba nesiprofetho esichaza okuzokwenzeka emhlabeni emva kweminyaka eyinkulungwane uYeshua wahamba emhlabeni.
4.Lesi sihlabelelo 50 soMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), sikhuluma ngaleso sigameko esokwenzeka emva kweminyaka eyinkulungwane.
5.Akugcini ngalesi sihlabelelo lapho uShembe ekhuluma ngsigameko sosuku lokwa hlulelwa, nase hubeni 28 uShembe ukhuluma kanje:
6.“Uyeza uyeza umhla wokuphela, uyakuma phambi kwakho noma ungathandi. Amagquma nemimango ayolelezeka.
7.Hhayi abaphela amandla ekukholweni kwabo, bayogijima bekufuna ukukholwa kwabo.
8.N.giyakukhalela wentombi nawe nsizwa, uyokuthola ngasiphi isikhathi ukukholwa kwakho.
9.Icilongo lokuqala seli zwakele, umhlaba wonke wazamazama. Uyogijima uzifihlephi nanti ilizwe selisongwa.
10.Wemhlaba uyozifihlaphi nazo zonke lezo zoni. Balekani zidindi uyeza uJehova!” Amen!
11.Kuyihubo 148:3 uShembe uthi: “Izindunduma ngobuningi bazo, ziyaku bikelana zona.
12.Ziyakuba nelikhulu ivuso ngokufika kwaleyo mini. Balekani bantu nonke, iyesabeka leyo mini.”
13.Zonke lezi zinkulumo zabaprofethi zifakaza ngokuthi luyeza usuku olunzima, usuku esizokwahlulelwa sisekhona lapha emhlabeni!
lokwahlulelwa sisekhona lapha emhlabeni!
14.KuMathewu 12:36 uYeshua uthi: “Kepha ngithi kini: ‘Amazwi onke ayize abawa khulumayo abantu, bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulela.”
15.Kulelivesi uYeshua wayekhuluma ngokuzokwenzeka kumuntu emva kokufa kwakhe kwakhe.
16.Kodwa njengoba sesichazile, uMathewu 24 uyisiprofetho ngokuzokwenzeka emhlabeni emva, kodwa esizukulwaneni sakhe.
17.Uthi ke uYeshua: “Aniboni konke lokhu na? “Ngiqinisile ngithi kini akuyikushiwa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”
18.UYeshua wahamba ngo 33 A.D. Kusukela ngo 66 A.D kwaba nezimpi phakathi kwamaRoma namaJuda ezagcina ngokuthi amaRoma enqobe amaJuda, bacekela phansi amatshe ethempeli njengoba wayeprofethile uYeshua!
19.Kuvesi 34 wayo lencwadi uYeshua uthi: “Ngiqinisile ngithi kini: “Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki lokhu!”
20.Lesi sehlakalo senzeka ngo 70 A.D, uYeshua ehambe emhlabeni ngo 33 A.D, ngokusobala sasingakedluli isizukulwane sikaYeshua!
21.Nokho kunezinto eziningi ngokwethu esithi azenzekalanga, kodwa ezinye zenzeka, njengezimpi ezazilokhu zikhona phakathi kwama Roma namaJuda kusukela ngo 66 A.D, ezaze zaqedwa ukwehlulwa kwamaJuda ngo 70 A.D.
22.Kuleyompi yokugcina amaRoma avalela amaJuda eJerusalema, amaningi abulawa yindlala.
23.Ayengaphandle amaRoma awabulala amaJuda qede awaphanyeka eziphambanweni zakaka iJerusalema ukuze kuhlukumezeke angaphakathi eJerusalema.
24.AmaRoma ayebulala amaJuda angu 500 ngosuku, kwafa amaJuda abalelwa ku 600 kuya esigidini, amanye adayiswa emazweni njengezigqila, amanye abalekela e-Afrika!
25.Inkinga ukuthi yize iNew Testamente yabhalwa eminyakeni yo 600 A.D, ubuKrestu sebaba khona kudala, kodwa ayiphathwa eyalempi eyaba khona ngo 70 A.D, phakathi kwamaRoma namaJuda!
26.Sibona ikomkhulu yenkolo sekuyi Rome, kodwa sigcine bekuyiJerusalema! Asinikiwe umlando eBhayibhelini wokuchithwa ngamaCreeds kwenkolo kaMose nokusiwa komkhulu kwenkolo eRome!
27.Ngakho ke ngenke sizazi izehlekalo ezenzeka kuleso sikhathi, ikakhulukazi ngoba zazithinta amaHebheru!
28.Imilando yayisilawulwa ngamaRoma, njengoba singatshelwe lutho eBhayibhelini ukuthi iJerusalema yabhujiswa kanjani ngamaRoma!
29.Kodwa ke kwejwayelekile ukuthi okuthiwa ukufezeka kwesiprofetho kungafani neze nokuprofethiwe!
30.KuyiZenzo 2 uPetro uthi okwenzeka ePentekoste kwakufezeka isiprofetho somprofethi uJoel.
31.Kodwa ayikho into eyenzeka kuyiZenzo 2 efana naleyo umprofethi uJoel owayeprofethe ngayo! Funda lesi siprofetho neZenzo 2.
32.Esiqonde ukukuveza ukuthi siprofetho sikaYeshua safezeka esikuMathewu 24 safezeka ngo 70 A.D, noma kungayizo zonke izehlakalo ezazibaliwe ezenzeka!
33.Kusukela cishe ku 2021 Kuya ku 2022 ngiyaye ngilalele uNkulunkulu ekhuluma ngo mprofethikazi uSister Celestial.
34.Uthi ke uNkulunkulu, kwesinye isikhathi ezinye izinto kuyaprofethwa ngazo, zenzeke, bese emva kweminyaka eminingi, leyonto eyenzeka iphinde yenzeke.
35.Yikho ke kunesisho esithi okwake kwenzeka kuphinda kwenzeke!
36.Lapha lomprofethikazi wayefunda iziprofetho zoJeremiya ezafezeka emandulo, kodwa ngokuphinde sone, nesiprofetho sokuthi kwenzekani siphinde sifezeke ngesikhathi sethu!
37.Yikho ke isiprofetho kwesinye isikhathi ungenke usiqonde ukuthi sikhuluma ngani, ngoba ungacabanga ukuthi sikhuluma ngento eseyedlula, kanti akunjalo, sikhuluma ngesehlakalo esisazokwenzeka!
38.Kwesinye isikhathi uNkulunkulu uyasho ukuthi uzokwenza into, kodwa angabe esayenza, kumbe ayenze ngendlela ethize engasafani nothe uzoyenza ngayo.
39.Lencazelo ngaqala ngayizwa ngengelosi, yabuye yafakazelwa nguSister Celestial. Kodwa futhi naseBhayibhelini ziningi izindawo ezinjalo!
40.UNkulunkulu wathuma umprofethi uJona eNinive ukuthi eyotshela abantu bakhona ukuthi uzobabhubhisa ngenxa yokumhlubuka.
41.Kwathi uma lomyalezo ufika eNinive, abantu bakhona, kuhlanganisa nenkosi yesizwe, baphenduka ngaso leso sikhathi, bacela intethelelo kuNkulunkulu. Nempela uJehova awabe esababhubhisa!
42.KuyiSambulo 20:7-10. Kuthi: “Kuyakuthi lapho isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane akhululwe ejele akulo.
43.Uyophuma ayodukisa izizwe emagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, uyakuziqoqa ukuba ziyokulwa.
44.Ziyakuba ngange zihlabathi zolwandle. Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu yabangcwe nomuzi othandiweyo, bese kwehla umlilo uvela ezulwini wazidla waziqeda.
45.Usathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibaluli, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga. Kulapho bayakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade.”
46.Lesi siprofetho sikhuluma ngezehlakalo ezokwenzeka ngezikhathi zethu, ngoba thina siphila esikhathi seminyaka esezinkulungwaneni ezimbili uYeshua wahamba emhlabeni.
47.Noma lezi ziprofetho zingafani ngokubhala, kodwa zinomqondo ofanayo nalesi esiku Daniel 7:2-14, lapho uDaniel ekhuluma kanje:
48.“UDanyeli wathatha wathi: ‘Ngabona emubonweni wami ebusuku, bheka imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu. Izilo ezine ezinkulu zaphuma olwandle, zehlukile esinye kwesinye.
49.Esokuqala sasinjenge ngonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahlwithwa amaphiko azo, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
50.Bheka esinye isilo, sesibili, sasinje ngebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso, kwathiwa kuso: Vuka udle inyama eningi!
51.Emveni kwalokho ngabona, esinye sasinje ngengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa!
52.Emveni kwalokho ngabona embonweni ebusuku, bheka isilo sesine esesabekayo, sinamandla siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso.
53.Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazi ngaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi.
54.Kuthe ngisa cabanga ngezimpondo, bheka kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazinga phambi kwalo zabhonculwa, kulolo luphondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.
55.KUTHE ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku, izambatho zakhe zazimhlophe njengeqwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo.
56.Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo. Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe.
57.Inkulungwane yezi nkulungwane yayi mkhonza, nezi nkulungwane ezilishumi zezi nkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa!
58.Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yomsindo omkhulu wamazwi ayekhulunywa luphondo.
59.Ngabuka saze sabulawa isilo umzimba waso wabhujiswa, saphonswa emlilweni ovuthayo.
60.Kepha ezinye izilo ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa zavunyelwa ukuba ziphile kuze kube yisikhathi esithile.
61.Ngabona emibonweni ebusuku, bheka onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika koMdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.
62.Wanikwa ukubusa, ubukhosi nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayiku phela, nombuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa!”Amein!
63.Kulesi siprofethi uDaniel uNkulunkulu umbiza ngokuthi omMdala wezisuku. Kusukela kuvesi 9- kuya ku 10 uDaniel uthi:
64.“KUTHE ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku, izambatho zakhe zazimhlophe njengeqwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo.
65.Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.
66.Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezi nkulungwane yayi mkhonza, nezi nkulungwane ezilishumi zezi nkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa!” Amein!
67.Kulesi siprofetho, uDaniel uchaza uNkulunkulu ombiza ngokuthi OMDALA WEZINSUKU. Kusukela kuvesi 13 kuya ku 14, uDaniel uthi:
68.“Ngabona emibonweni ebusuku, bheka onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika koMdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.
69.Wanikwa ukubusa, ubukhosi nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayi kuphela, nombuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa!”Amein!
70.Amanye amaKrestu ayaye athi uJesu uNkulunkulu, noma uyalingana noNkulunkulu!
71.Kodwa njengoba echaza uDaniel, oMdala wezinsuku nguye owanika onjengendodana yomuntu ubukhosi, ngakho ayikwazi ukulingana noMdala wezinsuku!
72.Onikwa ubukhosi akakwazi ukulingana nomnikile!
73.Uma ngiyinkosi, bese nginika indodana yami ubukhosi bami. Leyondodana ayikwazi ukuba bese iba ngangami, noma bese iba yimi!
74.Uma uDaniel wayenga bhekisile kuYeshua, okusho ukuthi lo owanikwa ukubusa izizwe, nezilimi zimkhonze, kwakungasiye uYeshua!
75.Angazi ukuthi isizwe sakithi sidalwe kanjani, ngoba bavele bamukele konke abakutshelwayo ngaphandle kokukuhlola!
76.Isizathu sokuthi abezizwe uJesu bamlinganise noNkulunkulu ukuthi babengasho uYeshua ongumJuda, kodwa babesho uJesu, lo abamakhayo esikhundleni sikaYeshua.
77.Abantu abamnyama bayakukhohlwa ukuthi noJehova, njengonkulunkulu wamaHebheru, abezizwe bamchitha, indawo kaJehova noYeshua, yathathwa nguJesu!
78.Lobu buqili babe zizwe akubakhathazi, abalweli ukuqondisa lapho konakele khona!
79.Mina ngihlale ngenza ucwaningo ngento okuyaye kuthi uma ngiyifunda ingawenzi umqondo!
80.Kuliqiniso lomlando ukuthi uYeshua noJesu ngabantu ababili abavela ezizweni ezahlukene ngezikhathi ezahlukene!
81.UYeshua ngumprofethi kaJehova owabe engaphansi kwenkolo kaMose, kodwa uJesu isithixo esakhiwa ngamaGriki namaRoma ngoba bengafuni ukuba ngaphansi kwaYeshua!
82.Kungumlando ukuthi uYeshua wayengumNazaretha, ngolimi lwabo okungama Nazareens, nabalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha!
83.Kukhona ngisho incwadi eyayibhalwe ngabalandeli bakaYeshua ethi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS!
84.Uma uYeshua nabalandeli bakhe kwakungamaKrestu, incwadi yabo yayizothi: THE GOSPEL OF THE CHRISTIANS!
85.Noma amanga angaqanjwa aphindaphindwe kangakanani, ekholwe umhlaba wonke, kodwa amanga akasoze alishintsha iqiniso! Ngakho kumele uhlale ulimela iqiniso ngisho uwedwa!
86.Namuhla ngiyafisa ukucacisa kabanzi ngomprofethikazi wamaKrestu, uSister Celestial.
87.Ngiyazi ukuthi uSister Celestial ngumprofethikazi kulesi sikhathi samanje uJehova odlulisa ngaye yonke imiyalezo yakhe, njengoba wayeyidlulisa ko-Isaya, oJeremiya, oHezekeli, o-Eliya nabanye. Ngiyakwazi lokho!
88.Thina sesihlale nengelosi kusukela ngo 2006 kuze kube namuhla, ngakho ke sengiyalwazi ulimi lwasezulwini, ngiyayazi into eyisinengiso kuNkulunkulu, ngoba noCelestial usakhuluma lolulimi esihlale siluzwa lukhunywa yingelosi!
89.Kodwa amaKrestu amaningi amenyanya isimanga lomprofethikazi!
90.Nokho lokho akwethusi, ngoba awukwazi ukuba yisisebenzi sikaNkulunkulu, uthandwe ngabantu, ngoba vele abantu abamthandi uNkulunkulu! Bathanda ukuba abenzele izinto ezinhle, kodwa yena abamthandi!
91.Yikho amanye amaKrestu beyizonda kanje leNkosazane? Ukuthi uJehova uyithume ukuthi izoqondisa izwe ngesono!
92.Ithunywe ukuba izofundisa amaKrestu ukuthi yini isono, ukuthi yini nani eyisinengiso kuNkulunkulu!
93.Ithunywe ukuzofundisa amaKrestu ukuthi awukho umthetho weTestamente Elidala noweTestamente Elisha, uNkulunkulu munye, nebandla lakhe linye!
94.Thina maNazaretha uShembe wasifundisa konke lokhu okufundiswa ngu Sister Celestial. Kodwa nathi iningi lethu selimhlubukile uJehova.
95.Kodwa okubi kakhulu kumaKrestu ukuthi bashintshe isystem yokukholwa, isono sebefundiswe ukuthi akuyiso isono.
96.Kuyisono ukuthi uthi ungumuntu wesifazane ufake ibhulukwe.
96.Kodwa kunaba ntwana bama ntombazana abathi bezalwa bafakiswe amabhulukwe, bekhule befake amabhulukwe, beze beyofunda, beyogana befaka amabhulukwe!
97.Lowo muntu akazi ukuthi kuyisono ukufaka ibhulukwe ungumuntu wesifazane!
98.USister Celestial uthunywe ukuzolungisa izinto ezinjalo, ukuqaphelisa ngayo yonke into eyisinengiso kuJehova!
99.Kodwa zimbili izinto amanye amaKrestu amzondela yona uSister Celestial.
100.Okokuqala ukuveza zonke izinto eziyisinengiso kuJehova, kanti amanye amakholwa athe zilungile!
101.Okwesibili ukuprofetha ngokubujiswa kwezoni, lokhu okuphambene nezimfundiso zabo, ngoba usuke ekhuluma ngezinto abazenzayo, futhi abangazimisele ukuziyeka!
102.Elabo ivangeli NGELOMUSA, ukuthi ngokufa kukaJesu esiphambanweni abasena sono, ngoba uJesu wabathethelela izono!
103.Manje abanakunzi bekezelela iziprofetho ezithi ngenxa yezono zethu uNkulunkulu uzosibhubhisa!
104.Ivangeli abalilindele ngelokubuya kukaJesu ezolanda ibandla lakhe, hhayi elokubuya kukaJesu EZOKWEHLULELA!
105.Manje lelivangeli lika Sister Celestial lifana ncamashi naleli lengelosi uHlaleleni olilethe kumaNazaretha. 106.Kodwa uma siledlulisa kuwo abanye basihlasele ngayo yonke indlela, abanye bethi siyagxeka, siyehlulela!
107.Kanti akunjalo, seddlulisa umyalezo kaJehova njengoba unjalo, njengoba no Sister Celestial enza!
108.Mina uCelestial ngimlalela kakhulu, ngoba ngisuke ngingalalele yena, kodwa ngilale inkulumo kaJehova ngezwi likaSister Celestial! Abangakuboni lokho baneshwa, bayinto yokulahlwa!
109.USister Celestial waqala ukuthunywa nguNkulunkulu ngo 2012, kodwa okuningi owakukhuluma sekuyenzeka manje.
110.Kodwa ngenke ubezwe bemcaphuna ukuthi nansi lento eyakhulunywa yilomprofethikazi isiyenzeka!
111.Kunalokho, kucashunwa abelungu abaprofetha eminyakeni engu 500 eyedlule, kungakhulunywa ngalo osekhuluma ngokuthi u 2025 unyaka wokuqala kokwahlulelwa kwezizwe!
112.Kusizeni ukuthuka uSister Celestial ngokubatshela ngolaka luka Nkulunkulu oluzayo, ngoba vele seluqalile?
113.Kwasho uSister Celestial cishe ngo 2021 ukuthi kuzovela ama Aliens, nokuthi ayingozi kanjani kithi.
114.Ayoqale ezenze abangani bethu, eganwe ngabantu kugcine kuzalwa izidalwa eziyingozi kithi. Wathi singakhohliswa ngumusa awo!
115.Namuhla ama Aliens agcwele i-Amerika, o -Elon Musk kuningi abakwenza nawo. Kodwa asizazi izinkinga esizobhekana nazo ngokuzisondeza lama beings eduze kwethu!
116.USister Celestial wabuye wakhuluma kabanzi ngalama beasts noma amonsters azovela olwandle, la achazwa ngu Daniel kuyisiprofetho sakhe.
117.UNkulunkulu ngomlomo kaSister Celestial wasixwayisa ngalama monsters. Amanye angama mermads, kodwa ayabandla abantu!
118.Njengamanje maningi ama BIG FOOT, asekhona azoba zinkinga ezixakile kubantu, ngoba azobe ehlala nabo, kodwa futhi inyama yabo kungabantu!
119.Lama monsters asekhona, amaningi aseqalile abulala izilwane, okuyizinkomo, izimbuzi, izinkukhu nokunye!
120.Kodwa lokhu ezikwenza ezilwaneni zizokwenza kubantu, futhi ngenke sikwazi ukuzibulala ngisho ngesibhambu, ngoba they are unknown beings! Lezi zilwane zizosidla, kodwa saxwayiswa ngazo!
121.UNkulunkulu ukhulume kakhulu ngo Sister Celestial ngokubhujiswa kwe-Amerika! Naye uSister Celestial ukhona e-Amerika!
122.Njengoba i-Amerika ihlukumeze izizwe eziningi, uNkulunkulu kusukela ngawo u2025 useyaqeda ngayo!
123.Okokuqala uzoyiqeda ngama disasters, njengoba eseqalile! Niyabona ukuthi kwenzekani e-Amerika, imililo engacimeki, imimoya eyizinkanyamba, amatsumani, ama landslides nokunye!
124.Okwesibili ukuwa kombuso wabo! Loluhlanya abaluvotele ukuphatha izwe lilwa nabo bonke abantu!
UNkulunkulu uma efuna ukuqeda ngawo uqala ngokukuhlanyisa! UTrump uzokufa!
125.Ekufeni kwakhe kuzoba ne Civil war e-Amerika, belwe bodwa, bengaboni ukuthi sekungukuphela kwabo!
126.Okwesithathu i-Amerika izonqotshwa iRussia ihlangene neChina, ne Iran, neNorthen Korea kanye namanye amazwe!
127.UJehova ngo Sister Celestial wathi iJapan ne South Korea izogcina ingaku Russia. Njengamanje iSouth Korea isiyahlakazeka!
128.Ngiyazi ukuthi lezi zinto zizokwenzeka ngoba njengamanje uNkulunkulu ulwela isizwe esimnyama!
129.Kodwa, wo! kubaprofethi bamanga namabandla athwele, bees eqola abantu ngegama likaJehova. Nakubo umbhalo kaJehova ususo dongweni lwama bandla abo!
130.Asazi ke kulaba abanevangeli lokuthi uNkulunkulu akekho, inkolo ayikho, ngakho asiyokhonza lezi zithixo zabo, o-African Spirituality!
131.Sizoke sibone ukuthi zona zizobasiza ngani kulolulaka lukaJehova olubhekene nesintu!!
132.Njengoba iNkosi yasivikela Baku Covid 19, uma sisahamba emkhondweni wezwi lake, namanje uzoba nathi!
INkosi ibusise lokho enikuzwile!