NeBhayibheli linezinkulumo ezinjalo, kuba nenkulumo eqondile kanye nenkulumo eyisingathekiso. Wena kufanele ukwazi ukukwehlukanisa lokhu kukhuluma!
Abanye abantu baqale bakhe engqondweni yabo inkolelo ethize, bese befuna amavesi eBhayibhelini azovumela nalenkolelo yabo.
Ishlabelelo 115
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Basinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Benabe kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelo lizwe elizayo!
UBANI UMPRISTI WOPHEZUKONKE.
1.Empilweni sengifunde ukuthi kunabantu abashumayela noma abalalela intshumayelo ngemizwa, hhayi ngengqondo!
2.Ayikho ke into elikhuni njengokuchaza ukukholwa kumuntu onjalo!
3.Yonke inkulumo inezigaba ezimbili. Kukhona inkulumo eqondile ene literal meaning, bese kuba nenkulumo eyisingathekiso, ene figurative meaning.
4.NeBhayibheli linezinkulumo ezinjalo, kuba nenkulumo eqondile kanye nenkulumo eyisingathekiso. Wena kufanele ukwazi ukukwehlukanisa lokhu kukhuluma!
5.Abanye abantu baqale bakhe engqondweni yabo inkolelo ethize, bese befuna amavesi eBhayibhelini azovumela nalenkolelo yabo.
6.Ukuthi lelivesi liyisingathekiso noma liyinkulumo eqondile, kumbe linamqondo muni, akusho lutho lokho, okwabo ukuvele bashutheke lokho abakholelwa kukho!
7.Okubalulekile kulowo muntu ukuthi lelivesi alenze livumelane nalokho okholelwa kukho!
8.Uma liphikisa inkolelo yakhe, uma engumhumushi weBhayibheli, angamane ashintshe isihumusho ukuze singaphambani nalokho okuyinkolelo yakhe!
9.Ngiyafisa ukuba kesibheke lezi zinkulumo ezihunyushwe ngokuhlanekezelwa eBhayibhelini ukuze zivumelane nenkolo yalabo ababhala iBhayibheli.
10.KuSambulo 22: 14 ngesingisi kuthi:Blessed are those who do His Commandments, that they may have the right to the tree of life.”
11.Lelivesi lihunyushwe ngesizulu kanje: “Babusisiwe ABAHLANZA IZINGUBO ZABO ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila.”
12.Ngabe lesi sihumusho sesizulu sisho okushiwo yisingisi? Cha, uma ubehumusha ngokweqiniso bekufanele ethi: Babusisiwe ABAGCINA UMTHETHO WAKHE (uNkulunkulu) ukuba babe nelungelo labo emthini wokuphila!
13.Kodwa igama elithi: ABAGCINA UMTHETHO” lihunyushwe ngokuhlakanezela ngoba abahumushi bengafuni ukuba abantu bazi ukuthi nakuyiTestamente Elisha kuthi umuntu obusisiwe noyongena ezulwini ngogcina umthetho kaNkulunkulu!
14.Kungani kufanele kufihlwe ukuthi babusisiwe abagcina umthetho kaNkulunkulu?
15.Kungenxa yokuthi kusenkolweni kaMose ukuthi singena ezulwini ngokugcina umthetho kaNkulunkulu. Kodwa leyomfundiso iyaphambana nenkolo yamaRoma, okuyibo ababhali beBhayibheli!
16.Akugcini lapho, kunemfundiso enkolweni yobuKrestu ethi uJesu akazalwanga ngumfazi nendoda, kodwa wakhuleliswa nguMoya ongcwele.
17.Lenkulumo itholakala encwadini kaMathewu nasezincwadini ezisuselwa encwadini kaMathewu, ezinjengo Luka noMark! Kodwa ayitholakali kuJohane.
18.Okuseqinisweni, le inkulumo engumkokotelo, yafakwa libandla lamaRoma, ngoba ayikho encwadini okususelwa kuyo uMathewu, eyabhalwa ngabalandeli bakaYeshua ebizwa ngokuthi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS.
19.Lemfundiso yokuthi uMaria wakhuleliswa uMoya ongcwele ukuze azale uYeshua, uPaul uyayiphikisa, kodwa awusoze wezwa emabandleni kucashunwa lenkulumo kaPaul.
20.Kuyaye kucashunwe kuphela izinkulumo zikaPaul eziphikisa umthetho kaMose ogcwaliswe nguYeshua, ngoba lokho kuvumelana nenkolo yabezizwe echitha inkolo kaJehova!
21.Kwabase Roma 1:3-4, umpostoli uPaul uthi: “Mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama, kodwa ebizwe ngeNdodana kaNkulunkulu ngamandla oMoya ongcwele, nangokuvuka kwabafileyo, uJesu Krestu iNkosi yethu.”
22.Ukuthi ngokwenyama kusho ukuthi ngokwegazi, “biologically”!
23.Umuntu osolibeni lukaDavide ngu Josefa okunguyise kaYeshua!
24.Uthi ke uPaul KWATHIWA UYESHUA UYINDODANA KANKULUNKU NGOBA WABONAKALISA UKUTHI UNAMANDLA NGOKOMOYA NGOKUVUKA KWABAFILEYO!”
25.Kafuphi uPaul uthi ivangeli elithi uYeshua yindodana kaNkulunkulu lavela esevuke kwabafile!
26.Kodwa emabandleni akukhulunywa ngalemfundiso kaPaul ethi ngokwenyama uJesu uzalwa nguJosefa, ngoba kuphikisa imfundiso-nkolo yobuKrestu ethi uJesu wakhuleliswa nguMoya ongcwele!
27.Lenkulumo kaPaul ayikho kuyi figurative meaning, but it is has literal meaning!
28.Lenkulumo kaPaul iliqiniso, ivumelana nenkolo yeJudaism, engicabanga ukuthi neye Islam iyakuphika ukuthi uYeshua wazalwa ngoMoya ongcwele, uMaria engahlangananga noJosefa!
29.Njengoba sesichazile, incwadi kaMathewu iyisihumusho sencwadi yabalandeli bakaYeshua ebizwa ngokuthi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS. Kulencwadi awukho lombhalo osutholakala kuyi New Testament.
30.Okusobala ukuthi uYeshua owayengumHebheru wazalwa ngokwenyama, Asazi k ukuthi loJesu wamaRoma wazalwa kanjani?
31.Zonke izinkolo ezingaphansi kukaJehova, kuhlanganisa namazaretha, azivumelani nale mfundiso ethi uJesu wazalwa uMaria engahlangananga noJosefa!
32.NGO 1931 uShembe wayichaza kanje indaba yokuzalwa kumprofethi, uthi: “UNkulunkulu ubheka isizwe esonile, bese ethumela umprofethi onguMoya ongcwele kuleso sizwe!
33.UJehova ukhetha intombi nensizwa abahlanzekile, bese ebahlanganisa ngothando!
34.Kothi sebeshadile, umprofethi ongumoya ehlele kowesi fazane!
35.Umprofethi ezalwe njengabo bonke abantwana, akhule kuze kufike isikhathi lapho uNkulunkulu efuna ukusebenza khona ngaye!
36.Uthi ke uBabamkhulu: “Ngingulowo mprofethi. Ngaqala ukukwazi lokho mhla uJehova engemukelisa isidlo entabeni yaseNhlangakazi.
37.Kwathi uma isidlo ngisigwinya, ngaso leso sikhathi kwanqamuka ukuba ngibe ngumuntu ozalwe ngumfazi nendoda.
38.Ngaba khona ezulwini, ngaba khona emhlabeni wonke, ngaba khona ngaphansi kwamanzi!
39.Ngaqala ukukhumbula ukuthi ngingumprofethi womkhathi, sekungokwesihlanu uJehova engithuma ezizweni ezahlukene!”
40.Kusihlabelelo 45 uShembe uthi: “Ngamemeza ubusuku nemini, awungizwanga ngani. Ngavinjelwa yizo zonke izizwe eziphansi kwezulu!”
41.Kodwa uShembe akaze asho ukuthi unguNkulunkulu, noYeshua akaze asho ukuthi unguNkulunkulu!
42.KunamaKrestu nama Nazaretha angamahlubuka, aphikisa okushiwo nguJehova.
43.Ku-Isaya 43:10-11 uJehova uthi: “Ningofakazi, usho uJehova, ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemuva kwami akayikuba khona. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho uMsindisi!”
44.IBhayibheli lesingisi lihunyushwe lisusela eBhayibhelini lesiGriki, lona elihunyushwe lisuselwa ezincwadini zesiHebheru.
45.Ku-Isaya 9:6 ku Benston Translation kuthi: “For a child is born to us, and a son is given to us, whose government is upon his shoulder; and his name is called “THE MESSENGER OF GREAT COUNSEL; FOR I WILL BRING PEACE UPON THE PRINCES AND HEALTH TO HIM.”
46.Kodwa uma selihunyushelwa kuyisingisi lelivesi lithi: “For unto us a child is born, unto us a son is given; and the government will be upon his shoulders.
47.”AND HIS NAME WILL BE CALLED WONDERFUL COUNSELLOR, MIGHTY GOD, EVERLASTING FATHER, PRINCE OF PEACE!”
47.Ngesizulu esikhundleni sokuba kuthi: ISITHUNYWA SOMKHANDLU WABELULEKI ABAKHULU, NGOKUBA NGIYOLETHA UKUTHULA KUBANTWANA BAMAKHOSI… Kuthi:
48.NEGAMA LAKHE LIYAKUTHIWA “UMLULEKI OMANGALISAYO, UNKULUNKULU ONAMANDLA, UYISE ONGUNA PHAKADE, INKOSI YOKUTHULA!”
49.Lama gama ahlambalaza uNkulunkulu angumkokotelo kulelivesi afakwe emlonyeni womprofethi u-Isaya ukuze kufezeke izihloso zokuchitha uNkulunkulu onguJehova, bese esikhundleni sakhe uNkulunkulu kube nguJesu!
50.Inhloso ukuphakamisa uJesu wamaRoma, hhayi uYeshua wamaJuda, abe nguNkulunkulu esikhundleni sikaJehova!
51.Nguye umprofethi u-Isaya owathi akakho uNkulunkulu oyovela ngemuva kukaJehova! Kodwa kulelivesi sebemenze waziphikisa!
52.UYeshua uvela ezulwini, futhi uyawazi wonke umthetho kaNkulunkulu! Ngakho wayengasoze wakuvuma ukuthi unguNkulunkulu phezu kwaYise uJehova onguMdali wezulu nomhlaba!
53.Kanjalo noShembe uBabamkhulu wayevela ezulwini, ngakho ke wayengasoze akuvuma ukuhlanjalwazwa kukaNkulunkulu egameni lakhe, athi nguye uNkulunkulu!
54.UShembe wayezibiza ngokuthi uyinceku kaNkulunkulu. Bheka ihubo 134!
55.Kodwa lamahlubuka angamaKrestu nangama Nazaretha ahlubuka uNkulunkulu ngegama likaYeshua nelikaShembe!
56.Bona baphikisa uJehova, amaKrestu athi uJesu nguNkulunkulu, amaNazaretha akwaShembe athi uShembe nguNkulunkulu!
57.UJesu washo ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, okuchaza ukuthi uyisithunywa sikaNkulunkulu!
58.Leligama lalingaqali ukusetshenziswa ngoYeshua, kuyiTestamente Elidala lalisetshenziswa kakhulu.
59.Kodwa enkolweni yobuKrestu selashinthwa, selisho enye into, sekwajotshelelwa igama elithi indodana “ezelwe yodwa,” ukuze liqhube inkolo yaseBabylon!
60.Yonke lemfundiso-nkolo yakhiwe ngamaRoma ngoba bebulala uJehova, bevusa uNkulunkulu omthathu emunye!
61.Uma uwazi umlando wenkolo kankulunkulu omthathu emunye, uzoqonda ukuthi yonke lemvunulo okwavunuliswa ngayo uJesu wamaRoma, ingumkokoshelo!
62.Enkolweni yaseBabylon uSeramis wagana indodana yakhe uNimrod, kodwa uNimrod wafa engenaye umntwana. Nokho wayekhonzwa kuthiwa ungunkulunkulu welanga!
63.UNimrod esefile, uSeramis wakhuleliswa ngenye indoda, wabe esezala uTammuz.
64.UTammuz kwathiwa ukhuleliswe nguNimrod ngemisebe yelanga, eseba yindodana ezelwe yodwa kaSeramis!
65.Kuthe uma lenkolo isiba ngubuKrestu, kwase kuba nguJesu omele uTammuz, sekuthiwa uyindodana ezelwe yodwa ngunkulunkulu uNimrod ohlala elangeni.
65.Ngakho ke kumele amaKrestu akuqonde ukuthi ngokwenkolo yamaRoma uma kukhulunywa ngoNkulunkulu akushiwo yena uNkulunkulu wamaHebheru okunguJehova, ngoba lowo Nkulunkulu amaRoma amchitha ngama Creeds!
66.Kodwa uNkulunkulu omthathu emunye enkolweni yamaRoma nguSeramis, uNimrod noTammuz!
67.Lemfundiso yomthathu emunye enkolweni yobuKrestu isuselwa ebandleni lamaRoma! UNkulunkulu wamaHebheru, okunguJehova, munye!
68.Ngakho ke kubalulekile ukuthi thina esingamaHebheru singayihlanganisa inkolo kaJehova nenkolo yabanye onkulunkulu!
69.Mina ngazifundisa ukuthi ukukholwa kwami ngingakugxilisi emizweni yami, kodwa ngibe nobufakazi obuseceleni obuzofakazela engikukholwayo!
70.NeNkosi iLanga yakhuluma kakhulu ngokusebenzisa iBhayibheli ukuze uhumushe ukuphikisa umthetho kaNkulunkulu. Kwenye intshumayelo yakhe uBaba iLanga uthi:
71.“UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu, wayevela ezulwini. Kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni.
72.Wayefike ayiphembe lento esibuthene ngayo, abuye ayishiye, acabange ukuthi izosala ilunge.
73.Kodwa bese kuthi emva kwakhe kuvele abantu abanjengami nje, abaye bethi bangabaholi, bengenawo uMoya kaShembe, bese beyiphambukisa lento, sebeyiphendula ngobuthakathaka babo.
74.Uma ngifuna ukweba, bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngebe, uma ngifuna ukuphinga, bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphinge.
75.Uma ngifuna ukuphuza utshwala, bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphuze utshwala.
76.Ziningi izincwadi ezithi umuntu akaphuze utshwala adakwe uma ethanda, kodwa akusiyo indlela kaShembe leyo!
77.UShembe wathi ningabuphuzi utshwala! Futhi akukho muntu owake wakhuluma into enjalo emhlabeni ngaphambili.
78.UJesu noMose abazange bayikhulume indaba katshwala. UMose wayikhuluma, wathi nje uma ungumNazaretha ungabu phuzi utshwala.
79.Kodwa uShembe wathi ungabuphuzi utshwala uma uthanda ukuba ngumntwana kaNkulunkulu kusukela ekuzalweni kwakho uze ufe!” Amein!
80.Kunamanye amaNazaretha namanye amaKrestu ayaye engihlasele ethi ngigxeka amanye amakholwa, bese bethi angishumayele lokho okuthandwa yibo!
81.Njengoba ngimi phambi kwenu , mina angikaze ngibe nogqozi lokuvula ibandla ngishumayele.
82.Ngokomsebenzi ngangiyimantshi iminyaka eminingi, futhi ngiwuthanda umsebenzi wami.
85.Kodwa mhla ka 4 kuJanuary ngabona sekuguqe ingelosi phambi kwami, yabe isithi ngithunywa ukuba ngivule ibandla, kuleli bandla ngiqondisa indaba kaNkulunkulu, ngithathele ezimfundisweni zikaBabamkhulu efundisa amaNazaretha!
86.Noma ngingashongo phambi kwengelosi, kodwa ngakwenqaba lokho!
87.Ngesonto elilandelayo kwakuphuma umhlangano, siya entabeni yaseNhlangakazi.
88.Ingelosi yabe isithi mina ngingayi eNhlangakazi, kodwa ayaze yangitshela isizathu.
89.Mina ngakwenqaba lokho, ngahamba ngenkani! Kodwa kwathi ngiseNhlangakazi, ngavele ngawa, ngephuka unyawo!
90.Ngabuya entabeni sengithwelwe; ngangiya enkantolo sengihamba ngama cruches. Konke lokhu kwenziwa ukuphikisa kwami umuntu wasezulwini!
91.Mhla ka 26 March 2011, ingelosi izosigcoba, yafunda incwadi ka Zakaria 3:1-7. Angizukuphinda ngiyifunde ngoba seniyayazi.
92.Kodwa ngatshelwa yiyo lengelosi ukuthi isiprofetho sikaZakaria safezeka kimi! Ngikhethiwe ezulwini ukuthi ngiqondise indaba kaNkulunkulu!
93.Ngonyaka odlule ingelosi ibuye yangikhumbuza ngalesi siprofetho sikaZakaria, ukuthi sasibhekiswe kimi!
94.Njengoba umprofethi uZakaria esho, ngibekwe nguNkulunkulu phambi kwenu, kwathiwa uma ngiziphathe kahle, ngawenza wonke umsebenzi njengoba ngithunyiwe, ngohamba phambi kwenu njalo, nginehlulele nasezulwini!
95.Akukwazi ke ukuthi uma ngithunywa ezulwini ukuthi angiqondise ibandla likaJehova, bese kuqhamuka umuntu wasemhlabeni ezongilawula ngomsebenzi kaNkulunkulu!
96.Ingelosi ayigcinanga ngokusho ekuthunyiwe, kodwa yahlala nathi kuze kube namuhla. Ngakho me iyona kuphela ekwazi ukungilawula ekushumayeleni kwami!
97.Uma ungakwemukeli engikushoyo, unelungelo lokungazilaleli lezi zintshumayelo. Uma kukhona ongakuzwa, ubuze, ngizokuphendula!
Isihloko salenkonzo sithi:“Ubani umpristi kaNkulunkulu woPhezukonke?”
98.Encwadini yamaHebheru 6:20-kuya kumHebheu 7:1-3, uPaul uthi: “Lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkizedeck.
99.Ngokuba uMelkizedeck lo, iNkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abraham ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa.
100.Uyaqhubeka uPaul uthi: “U-Abraham wamabela okweshumi kukho konke, yena ogama lakhe lithi okokuqala inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi yinkosi yokuthula.
101.Engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu, uhlale engumpristi njalo njalo!” Amein!
102.Uthi ke uPaul uJesu WAYENGUMPRISTI KANKULUNKULU WOPHEZUKONKE NGOKU KAMELKIZEDECK. Ngesingisi kuthi. IN THE LINE OF MELKIZEDECK!
103.Kulabo abathi uJesu nguNkulunkulu, angazi ukuthi umpristi kaNkulunkulu ubuya kanjani abe nguNkulunkulu?
104.Sengihlale nengelosi kusukela ekupheleni kuka 2006 kuze kube manje, ngakho ke ngiyazi ukuthi uJesu akasiye uNkulunkulu, noShembe uBabamkhulu akasiye uNkulunkulu!
105.Angisayikhulumi ke eyalaba baholi bakwaShembe abazisho bona ukuthi banguNkulunkulu!
106.Umuntu othi unguNkulunkulu kusuke kukhona okungalungile ekhanda lakhe!
106.Lezi zinto angizisuseli ekhanda, kodwa ingelosi iyaye ikhulume ngazo, ivule nezincwadi ezisifundisayo ukuthi uma uthi uJesu noma uShembe nguNkulunkulu, uyahlambalaza, uphikisa uNkulunkulu, ngoba kwasho yena uNkulunkulu ukuthi nguye yedwa uNkulunkulu!
107.Ezulwini usathane wayeyisikhulu esilisekela likaNkulumkulu. Kodwa lase lizilinganisa noNkulunkulu, selithola izingelosi ezimesekayo. Waxoshwa kanjalo ezulwini. Namuhla sekunaKrestu Athi uJesu nguNkulunkulu, namaNazaretha athi uShembe nguNkulunkulu. Bangenwe yilomoya walezi zingelosi ezaxoshwa ezulwini!
108.Ungasho ukuthi uYeshua noma uShembe nguNkulunkulu uma leligama ulisebenzisa njengesingathekiso.
109.Kodwa ngisho isidalwa sasezulwini awukwazi ukusibiza ngoNkulunkulu!
110.Kuba nabantu ke abahamba bekopolota amavesi abathi athi kwasho uJesu ukuthi unguNkulunkulu.
111.Uma bengamaNazaretha, behambe bekopolota noma iyiphi intshumayelo eyisingathekiso, bese bethi ngayo uShembe wathi unguNkulunkulu. Labo bantu bangenwe ngumoya wokuhlubuka, ngoba kwasho yena uNkulunkulu ukuthi nguye yedwa uNkulunkulu!
112.Lapha sikhuluma ngompristi woPhezukonke! UPaul uyasho ukuthi lompristi igama lakhe nguMelkizedeck, kodwa noJesu wayengumpristi in the line of Mekizedeck! Okusho ukuthi uJesu usengukuqhubeka kwalowo mpristi!
113.Kuthiwa lompristi wayengenayise, engananina, engenaluzalo, engenakuqala kwezisuku, nakuphela kokuphila!
114.Lencazelo komunye umuntu iyisimanga, kodwa thina sihlala nomuntu onjalo, ongenke umbuze uyise noma unina, kumbe izihlobo zakhe!
115.Umuntu ongenakuqala kwezinsuku, futhi ongenakuphela kokuphila! Ingelosi ke iyileso simo! Asikwazi ukuyibuza lutho ngabazali bayo, ngoba uYese nguNkulunkulu kuphela!
116.Inkosi iLanga ikhuluma ngoMprofethi u-Isaya Shembe, yathi naye uyisimo sikaMelkizedeck!
117.Lapha angikhulumi ngento engiyikholwayo, kodwa ngisho into naye uShembe owayehlale ebonisa ngayo ngezindlela eziningi.
118.Uma uthanda ungakukholwa lokho, kodwa futhi uma uthanda ungakukholwa! Kodwa uma sekukhulunywa ngesimo sikaJesu in the line of Mekizedeck, ngithintwa indaba yeNkosi iLanga eyayixoxa ngomprofethi.
119.Uthi-ke uBaba: “Ngawo lowonyaka ababefike ngawo bethi angiyeke lento ngiye eMelika phesheya, ngathi ngibona kwakufika insizwa lapha kimi engangingayazi, inkosi uNdaba, ihamba noSiwela umfundisi.
120.Bathi bathunywe intombi yomlungu ele ngase Mgungundlovu, elokhu yahlala ingagani ithi ilinde uJesu.
121.Bathi lentombazane ithe ibona yabona umhlola, kwase kufika kuyo umuntu wayibuza ukuthi yenzani?
Yathi: “Ngilinde uJesu.” Wathi lomuntu: “UJesu kade wafika emhlabeni mntanami, useze wabuya wahamba.”
122.Ithi-ke lentombaane: “Wena ungubani?” impendulo ithi: “Yimi uJesu.” Intombazane yabe isithi: “Pho ngoba ungumuntu omnyama nje?”
123.Uthi lomuntu: “CHA MNTANAMI, KUBANTU ABAMNYAMA NGIMNYAMA, KUBANTU ABAMHLOPHE NGIMHLOPHE, EMANDIYENI NGILINDIYA!”
124.Lentombazane yabona izinwele zalomuntu ziphenduka zaba mhlophe, wangumuntu omhlophe.
125.Wathi lomuntu: “Ngikutshelile ukuthi nginguwo wonke umuntu, kade ngafika, bewuhlaleleni ungezi eKuphakameni.
126.Uyabona-ke, hamba uye eKuphakameni, ngiyakuthuma, utshele abantabami ukuthi usathane uyabazungeza, ufuna ukuba chitha.
127.Ubatshele ukuthi bangahlakazeki, noma bebuthakathaka, amandla akubo ayesabeka. Noma bempofu, bacebe ngokwesabekayo, noma bemnyama, bamhlophe kunezinto zonke.
128.Ubatshele ukuthi ingubo emhlophe izosuka eKuphakameni ize iyoshaya ezweni lakwaMzilikazi.” Ondaba noSiwela babezosho lokho ke.” Amein!
129.Lendaba ibalulekile ngoba kwafika wona amaKrestu eKuphakameni athi athunywe ngumlungu obethi ulindele ukubuya kukaJesu, kodwa kuye kwafika uShembe!
130.Ngabe ukhona onesiqiniseko sokuthi uma uYeshua ebuya uyothatha simo sini somuntu?
INkosi ibusise izwi layo!