Njengoba sesazi ukuthi amaHebheru ngokhokho bethu, singayemukela kanjani inkolo eyachitha inkolo yokhokho bethu, bese samukela imfundiso ephikisa ekaMose, sithi asisaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu wethu? Lokho kungubumbuka isimanga!
Isihlabelelo 85
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu.
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emthethweni eyishumi
Owesibili ngingewunamathe
WeNkosi yoxolo.
3.Abephula lemithetho
Bayokhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nange nhliziyo yami
Ngacanuka ngayo.
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
SINGALANDISI FUTHI SINGALINCIPHISI IZWI LIKANKULUNKULU.
1.Lesi sihlabelelo esikade sisihlabelela saqanjwa nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), sikhuluma ngesono, ukuthi isono sisenza nangezitho zomzimba.
2.Kodwa okwamanje angizukhuluma ngalesi sihlabelelo, ngizokhuluma ngesimo senkolo yethu, okuyinkolo kaJehova!
3.Lokhu kubalulekile, ngoba kusukela kulonyaka ka 2025, sekuyisikhathi sokwahlulelwa, isikhathi esizoba nzima kakhulu empilweni yethu. Abangazukufa, kodwa bazohlupheka kakhulu!
4.Isimo senkolo yethu siyefana nesimo sezombusazwe kubantu abamnyama!
5.Ngiye ngingazi ukuthi umuntu omnyama ofundile nohlakaniphile uba lilungu kanjani le DA, ngoba noma ngingasiye usopolitiki, kodwa ngiyawazi umlando wethu.
6.Ngiyazi ukuthi kuze kube manje,iD.A njengenhlangano yezombusazwe yabamhlophe isukaphi nokuhlukumeza umuntu omnyama.
7.Ngakho ke angazi ukuthi ungayijoyina kanjani inhlangano eyisitha sesizwe sakini?
8.Umuntu omnyama ofundile uyaye ethi uma eba lilungu le D.A athi wenzani?
9.Ngiyabona kumuntu ojoyina iqembu ngoba efuna isikhundla, ngoba abanye abantu bakhohlwa yikho konke uma nje bezothola isikhundla noma imali!
10.Kunjalo ke nasenkolweni yobuKrestu, abantu abamnyama baba ngamalungu enkolo engingazi noma bayayazi yini ukuthi inomlando omubi kangakanani esizweni esimnyama!
11.Baningi kakhulu abantu e-Afrika ababebulawa, bephoqwa ukuba babe ngamaKrestu?
12.Ngokungawazi umehluko ezinkolweni, ungathola abantu behlasela noma iyiphi inkolo, kodwa okuliqiniso ukuthi inkolo yethu, okuyinkolo kaMose, awunakuyifanisa nobuKrestu!
13.Kodwa ngokukhulu ubuqili, lenkolo kaMose isiyahlanganiswa nenkolo kaConstantine, ukuze abezizwe bachithe inkolo kaJehova bengaphakathi kwayo!
14.Kulentshumayelo sizogxila kakhulu kuYeshua owagcina esenguJesu, ukuze isizwe sakithi siqonde ukuthi iMosaic Faith ayihlangene ne Christianity, njengoba noYeshua engahlangene noJesu!
15.Enkolweni yobuKrestu kunemfundiso ethi nguJesu kuphela owafa wabuye wavuka, wabe esekhuphukela ezulwini!
16.Lemfundiso ke ithi akakho umuntu walapha emhlabeni owaba sezulwini ngaphambi kukaJesu!
17.Kodwa ngaphambi kwaJesu kunabaprofethi abathathu abavele basuka emhlabeni besezidunjini zabo baya ezulwini!
18.Owokuqala ngu Enock. U-Enock akazange afe, wavele wasuka ngesidumbu sakhe waya ezulwini wayohlala noNkulunkulu!
19.Sifunda izinto eziningi ku-Enock ngesimo sezulu kanye nesezingelosi. Kodwa incwadi ekhuluma ngo-Enock yakhishwa eBhayibhelini ukuze lolulwazi luka-Enock lungafinyeleli kubantu!!
20.Owesibili ngu Melkizedeck. Lo ngumpristi obizwa ngokuthi ungumpristi woPhezukonke; engenanina, engenayise, engenakuqala nokuphela kwezinsuku.
21.Naye akazange wafa, kodwa wayevele anyamalale nje, kuhambe kuhambe abuye avele!
22.Owesithathu ngu-Eliya. U-Eliya kwavele kwafika inqola yasezulwini yamthatha yaya naye ezulwini!
23.Ngaphambi kokuba ngichaze kabanzi ukuthi ngikuthathaphi ukuthi ubuKrestu yinkolo eyisitha senkolo kaJehova, neyakhiwe ngobuqili obuyisimanga, kuzomele ngicacise umlando wenkolo kaJehova osugcine wahlanganiswa ngabezizwe nobuKrestu, ukuze kubukeke sengathi inkolo kaJehova neyabezizwe yinkolo eyodwa!
24.Inkolo kaJehova yasunguleka ngokufika kukaJehova uqobo lwakhe entabeni yaseSnayi, lapho wazikhulumela ngokwakhe nabantwana bakwa-Israel!
25.Lesi simanga sikaJehova ekhuluma nabantu bonke ngesikhathi esisodwa, senzeka cishe ngo 1447 B.C, abantwana bakwa-Israel bese ndleleni beya eKhenani, beholwa nguMose!
26.Abantwana bakwa-Israel babuswa inqubo yokukholwa abakwemukela kuJehova okubizwa ngokuthi iTHEOCRACY.
27.Lenkolo kaJehova yehlukile kwezinye izinkolo, ngoba yinkolo enoNkulunkulu oyedwa, ngakho ke inkolo enjalo ibizwa ngokuthi iMONOTHEISTC FAITH!
28.Emva kokubusa kwenkosi uSolomon umbuso wakwa-Israel wahlakazeka, wagcina usuyimibuso emibili, okungumbuso wakwa-Israel nombuso wakwaJuda.
29.Kodwa umbuso wakwa-Israel washesha wanqotshwa ngabezizwe, waphela, ngoba wawusumhlubukile uJehova!
30.Umbuso wakwaJuda waqhubeka waze ngo 70 A.D, wanqotshwa yisizwe samaRoma.
31.Yonke ke indaba yezinkolo ezimbili ezenziwe inkolo eyodwa iqala abantwana bakwa-Israel sebenqotshwe ngamaRoma.
32.Kusukela amaJuda enqotshiwe, amaRoma ahlukumeza amaJuda ngezindlela eziningi esisazozichaza!
33 .Kusukela ngo 325 A.D, umbuso wamaRoma usuphethwe nguConstantine, lombusi waqhamuka nendlela ehlukile yokuqeda ngenkolo yamaHebheru!
34.Okokuqala uConstantine wasungula inkolo yombuso owathi ihlanganisa zonke izinkolo, okungubuKrestu. NeMosainic Faith yahlanganiswa nalenkolo, yaba ngaphansi kweChristianity.
35.Lokho kwakusho ukuthi sekumele iMosaic Faith ilandele inqubo yokukholwa kobuKrestu, yaqedwa inkolo kaMose!
36.UConstantine washaya imithetho eminingi ebizwa ngokuthi ngamaCreeds, ngawo owayeqeda lenkolo kaJehova!
37.Cishe eminyakeni yo 447 A.D, amaRoma enza ubuqili ngezindlela eziningi, ngalesi sikhathi wayevele sewachithwa uYeshua nenkolo kaMose!
38.Njengoba echaza uDr Kotze encwadini yakhe ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, ekuqedeni ngoYeshua, base bakha isithixo sabo esasibizwa ngokuthi ngesiGriki, u-IESIS, bathi lesi sithixo ngumsindisi wabo! Emva kwesikhathi lesi sithixo sagcina sesibizwa ngo JESUS!
39.Esekhona lo Jesus oyisithixo, cishe eminyakeni yo 500 A.D, kwaqokwa enye insizwa eyindodana kaPapa, u Caesar Borgio kwathiwa sekunguye uJesus! Lo Jesus osezithombeni eziningi nasemabandleni, uCaesar Borgio!
40.Ukuze abamnyama bakholwe ukuthi inkolo yafika nabamhlophe, zonke izithombe zabantu abamnyama eziseBhayibhelini zapendwa zenziwa abamhlophe!
41.Isithombe sikaJesus ke sona kwakuvele kungesomlungu, uCaesar Borgio, okwasekuthiwa nguye umsindisi!
42.UYeshua, okwakungumprofethi wakwa-Israel, yena wabe esevele wachithwa kulenkolo entsha yesizwe samaRoma!
43.UMongameli waseRussia, uPutin, wachaza kabanzi ukuthi abantu abamnyama abaseBhayibhelini babependwa ukuze babe ngabelungu, wakuveza nokuthi noYeshua kwakungumuntu omnyama!
44.Kodwa okumangalisayo ukuthi abanye abantu abamnyama abakuthandana lokhu okwavezwa ngu Putin.
45.Kodwa umprofethikazi uSister Celestial wakhuluma ngaphambi kwaPutin ngalaba bantu abamnyama ababependwa ukuze babe mhlophe!
46.Mina ke ingelosi yangitshela kusukela ku 2010 ukuthi yithina bantu abamnyama esingamaHebheru!
47.UMprofethi uYeshua wazalwa esizweni samaHebheru ngo 6 A.D, wabulawa ngo 33 A.D!
48.Kodwa umlando ophelele ngo Yeshua kusukela eneminyaka engu 12 aze abe neminyaka engu 30, asinawo!
49.Kodwa abafundi bakaYeshua bawubhala wonke umlando wakhe encwadini ebizwa ngokuthi: THE GOSPEL OF THE TWELVE APOSTLES.
50.Kodwa leyoncwadi amaRoma ayishisa, kwase kusala izincwadi okuthiwa zabhalwa ngumpostoli uPaul!
51.Sicabanga ukuthi lezi zincwadi amaRoma ayezishisela ukuthi angaveli amaqiniso ayiwo ngoYeshua!
52.Okokuqala, uYeshua base bemcishile emlandweni wenkolo yabo, esikhundleni sakhe base bakha uJesu, okwakuyisithixo!
53.Kodwa okukhulu ukuthi uYeshua akazange wagcina ngokucishwa emlandweni wesizwe samaHebheru, kepha wabuye wavuswa enkolweni yabezizwe esengu JESUS!
54.EsenguJesus, uYeshua wahlotshiswa ngezimfundiso eziningi ezazingekho ngaphansi kwenkolo kaMose!
55.UYeshua wayaziwa njengomprofethi owabulawa nongowokugcina enkolweni kaMose!
56.Izimangaliso owazenza zazingazedluli ezabanye abaproprofethi abamendulelayo, ngoba bonke abaprofethi babenezimangaliso ezahlukahlukene!
57.Kodwa esenguJesu, amaRoma aqhamuka nezinto eziningi ezazakhiwa yibo ngaye ukuze abe nguNkulunkulu esikhundleni soNkulunkulu wamaHebheru onguJehiva, njengoba namanje amanye amaKrestu ethi uJesu ungunkulunkulu, bemlinganisa noJehova!
58.Isibonelo nje, kuleyoncwadi yabapostoli eyashiswa, kuyavela ukuthi umprofethi uYeshua owayeliJuda, wayeganwe nguMagdalena, benabantwana abathathu!
59.Ngenxa yokuthi uJesu enkolweni yobuKrestu kwakumele evele engunkulunkulu, kwakungafanele ivezwe lencwadi ebonisa ukuthi izinto ezishiwo ngoJesu Krestu azikaze zibe khona!
60.Kunemibuzo ke engilokhu ngiyibuzwa ngamanye amaKrestu, ukuthi ngizifundelani izincwadi zika Paul ngoba ngithi akusiye uPaul owabhala lezi zincwadi?
61.Emva kokuba amaRoma ewanqobile amaJuda, bathatha yonke imiqulu yamaHebheru yaba ngakubo!
62.Eminingi bayishisa, abangayishisanga bayihumusha ngokuyihlakenezela!
63.Nganginayo incwadi eyayibhalwe ngabanye abalandeli bakaYeshua ebizwa ngokuthi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS.
64.Incwadi ekuyiTestamente Elisha, ethi NGOKUKAMATHEWU, ihunyushwe isuselwa kuleyoncwadi!
65.Nakuyo ungathola isimanga sokuthi lencwadi yayihlakanezelwa kanjani uma ihunyushelwa kuyisiLatini!
66.Kodwa akusho ukuthi yonke imibhalo ihlanezelwe. Kwakukhishwa leyo mibhalo okubonakala ukuthi uma ishiwa injengoba injalo, izophikisana nenkolo yobuKrestu!
67.Ukunikeza izibonelo: Ababhali be THE GOSPEL OF THE NAZAREENS, okwakungabalandeli bakaYeshua, babekhuluma ngoJEHOVA noYESHUA, kodwa lawo magama akhishwa kuyiTestamente Elisha!
68.Inkulumo ethi uJesu kwathiwa ngumNazaretha ngoba wakhulela eNazaretha, ingumkokotelo, iGospel of the Nazareens ayisho kanjalo.
69.Ukuthi uJesu wathi uyovuka ngosuku lwesithathu, ngamazwi afakwa emlonyeni wakhe!
70.Lenkulumo ethi uJesu uyiNdodana EZELWE YODWA ingumkokotelo, lenkulumo yakhandwa! Nginika nje isibonelo!
71.Ngenkathi amaRoma enza lomkhonyovu, abe azi ukuthi akekho ozobaphikisa, ngoba amaHebheru abe esanqotshwa kudala, asezigqila zabo!
72.Umpostoli uPaul, njengo Yeshua, waba khona enkolweni kaMose, futhi yaba khona imibhalo yakhe.
73.Kodwa amaRoma akha uPaul wabo, base bethatha imibhalo kaSha’ul wenkolo kaMose beyihlanganisa nemibhalo yabo, yonke sebeyibiza ngemibhalo kaPaul!
74.Kulemibhalo ungathola uPaul ekhuluma izinkulumo ezimbili eziphikisanayo, kanti inkulumo kaSha’ul isihlanganiswe nenkulumo kaPaul owakhiwe, ukudida inkolo!
75.Omunye umbhali wakhuluma kabanzi ngalobu buqili bamaRoma ngalo Paul-mbumbulu owakhiwe! (Funda incwadi esihloko sithi THE NAZAREEN, betrayed, beaten and begotten, by Rav Sha’ul.)
76.Manje ke angikwazi ukuthi kube khona izincwadi zeTestamente Elisha noma Elidala engingazifundi, ngoba ukufunda yonke into kukunikeza ulwazi oluningi!
77.Uma ufunda iBhayibheli, uyaye uthole amanye amavesi asekhishiwe, amanye eseshintshiwe!
78.Ngakho ke awukwazi ukuthi ngoba ngifunda incwadi enamaphutha nomkhonyovu, bese ungijezisela ukuthi ngiyifundelani incwadi engitholile ukuthi okunye okukuyo akulona iqiniso!
79.Sazi kanjani ukuthi loJesu esimkhonzayo wakhiwa ngamaRoma?
80.Ngokomlando uYeshua wabe engowesizwe samaHebheru okungabantu abamnyama.
81.Kungumlando ukuthi amaHebheru aqale ahlukunyezwa ngamaGriki ngaphansi kombusi u-Alexander, emva kwalokho abulawa ngumbusi wamaRoma.
82.Ukubulawa kwamaJuda kwenzeka uYeshua engasekho emhlabeni, , kusukela ngo 66 A.D kuya ku 70 A.D.
83.Asinawo umlando wokuthi uYeshua wake waya eRome, kodwa ukhona umlando, noma ufihliwe, wokuthi uYeshua wakhulela eGibhithe!
84.Sinawo umlando wokuthi amaRoma esewanqobile amaJuda kusukela ngo 70 A.D, ayiqeda inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaMose, nokuyinkolo yethu!
85.Sinobufakazi bokuthi ngo 360 A.D uConstantine wayiqeda kanjani ngamaCreeds inkolo kaMose! Kokunye lamaCreeds afundeka kanje:
86.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngama Hebheru.
87.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
88.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, nenkoloze yokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
89.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo, noma ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese kuphikiswana noma kugxekwa inkolo yobuKrestu.
90.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda!”
91.Lobu ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi inkolo kaMose yachithwa ngamaRoma ngo 360 A.D.
92.Njengoba sesazi ukuthi amaHebheru ngokhokho bethu, singayemukela kanjani inkolo eyachitha inkolo yokhokho bethu, bese samukela imfundiso ephikisa ekaMose, sithi asisaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu wethu? Lokho kungubumbuka isimanga!
93.LamaCreeds awubufakazi, njengoba uDr Kotze esho, ukuthi abezizwe bamchitha uYeshua owabe eliJuda, base bezakhela uJesu wabo!
94.Ngabe wena ke ulandela uYeshua ongumprofethi kaJehova, noma uJesu owakhiwa yisizwe samaRoma, esiyisitha sikaJehova?
95.Iqiniso elicacile lithi isizwe esimnyama simlahlile uYeshua, salandela uJesu osenkolweni yamaRoma nowakhiwe ngabezizwe, yikho nje silandela amasiko amaRoma, sichitha umthetho kaJehova!
96.I-Creed kaConstantine ongumsunguli wobuKrestu, ikubeka ngokusobala ukuthi uma ungumKrestu kumele ulandele amasiko amaRoma, ayisivumo salenkolo kaConstantine, esithi:
97.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi yamaRoma, iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi, ukungcweliswa umPriest omkhulu wamaRoma u-Pontificus Maximus.
98.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga “Sol dei” noma Sun-day.
99.Ngalokho usuku lwangesonto olokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBaal, uma uBaal ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolusuku ngoba naye eyiNkosi.
100.Kwamukeleka nayo yonke imigubho yamaKrestu, kanye nokudla neziphuzo zesizwe samaRoma.
101.Ngamafushane nje, konke okuwusikompilo lwamaRoma, nemigubho yabo, nemicimbi siyekwemukela kulenkolo entsha yaseRoma ebizwa ngokuthi yi-Christianity.” Amein!
102.Le Creed ikubeke kwacaca ukuthi uma ungumKrestu ulandela inkolo yamaRoma namasiko awo, kodwa lenkolo eyichithayo imikhosi kaJehova!
103.Mina kusukela ngo 2010 ngathunywa yingelosi ukuba ngivuse ngibuye ngiqondise inkolo kaJehova, ngakho ke kungumsebenzi wami ukuthi ngiyilwele lenkolo yoPhezukonke eschithwa yinkolo yabezizwe!
104.Kumele ngiveze bonke ubuqili obenziwa ubuKrestu ukuqeda ngalenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba, kwaZulu eyavuselelwa ngumprofethi u-Isaya Shembe!
105.Kufanele kucace ukuthi uNkulunkulu wamaKrestu nguJesu okunguku qhubeka kwenkosi uBaal, kanti uNkulunkulu wamaHebheru, nguJehova, uMdali wezulu nomhlaba!
106.Akumangalisi ke uma amanye amaKrestu etholakala egcizelela ukuthi unkulunkulu wawo nguJesu, ongunkulunkulu omthathu emunye!
107. Kodwa le imfundiso-nkolo ayikho enkolweni kaMose! Ngakho ke ubuKrestu nenkolo kaMose kuzinkolo ezingafani!
108.UNkulunkulu wethu munye, nguJehova uMdali wezulu nomhlaba kuphela!
109.Asilwi nenkolo yobuKrestu, kodwa esikwenqabayo ukuthi amaKrestu enze sengathi akulenkolo yoPhezukonke, kanti azele ukuzofeza izinhloso zika Constantine, ukuqeda ngenkolo kaJehova, basibuyisele ekukhonzeni izithixo namasiko amaRoma, esikhundleni sokukhonza uJehova yedwa!
110.Ukuchithwa kwenkolo kaMose ngumbuso wamaRoma ngamaCreeds kubhalwe phansi yiwo amaRoma, ngakho amaKrestu akangenzi sengathi akulenkolo kaJehova, yize uJehova amcisha ngisho kuyiTestamente lawo!
111.Manje akukwazi ukuthi later bese kuba nemibhalo kaPaul owabe esenkolweni kaMose, kutholakale sekunguye ochitha inkolo kaJehova!
112.Lobu buqili buyafana nalobo obenziwa ngabamhlophe kuyingqungquthela yaseBelgium, lapho okwathiwa abefundisi abasebenzise iBhayibheli ukuqeda ngamasiko ethu abezizwe ababona ukuthi ayingozi kubo!
113.Siyakwenqaba ukuhlanekezelwa kwenkolo kaJehova, kwenziwe sengathi iMosaic Faith ne Christianity yinkolo eyodwa, kanti inhloso ukushabalalisa inkolo yoPhezukonke!
114.Inkolo kaJehova iqondile, kuDutoronomi 10:12-13 uMose ekhuluma nabantwana bakwaIsrael uthi “Manje ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe na?
115.Ufuna ukuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho.
116.UGCINE IMIYALO KAJEHOVA NEZIMISO ZAKHE ENGAKUYALA NGAKHO NGALOLO LUSUKI UKUBA KUBE KUHLE KUWE!
117.UNkulunkulu wethu ukhonzwa ngokugcina imithetho yakhe owayiloba ngenceku yakhe uMose!
118.Kodwa ngobukhulu ubuqili, ubuKrestu busifundisa ukuthi siwuchithe umthetho kaJehova!
119.KuDutoronomi 6:4-9 uMose uthi: Yizwa Israel, uJehova uNkulunkulu wethu MUNYE. Mthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.
120.Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziweni yakho.
121.Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhleli endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala nalapho uvuka.
122.Uyakuwabophela abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.Ubowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.
123.NoYeshua kuMakhu 12:29-31 uthi:”Yizwa Israel, iNkosi uNkulunkulu wakho yinye, woyithanda inkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho.
124.Owesibili yilo othi: Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale”
125.Isikhathi esiningi amaKrestu ahlale ephikisana ngenqubo yokukholwa, ikakhulukazi ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu.
126.Bese kuyacaca ukuthi lana ngamakholwa angakaze abe nomprofethi owaqondisayo!
127.Nomprofethikazi uSister Celestial, iningi labo alimfuni, alimlaleli nokumlalela ukuthi ubabuyisa kanjani emthethweni kaJehova ngokugcizelela imibhalo yeBhayibheli! Banamathele ekukhonzeni uBhali wamaRoma!
128.Kodwa thina maNazaretha asinankinga, ngoba uBabamkhulu wayicacisa yonke inqubo yokukholwa kuJehova, noma nakithi sekuneningi lamaNazaretha AKWASHEMBE ASEMHLUBUKILE UJEHOVA!!!!!
129.Siyambona nje uPresident Trump wase-Amerika esaqhuba ubandlululo, kodwa isikhathi sakhe siphelile, thina kulesi sikhathi sibheke ukuthi uJehova uzosivikela kanjani kuTrump!
130.UTrump yinto esingenandaba nayo, ngoba izokufa khona manje!
131.NeMerika, noma ingakaboni, kodwa isikhathi sayo siphelile, emhlabeni sekuzobusa uJehova kuphela! Lesi isikhathi sokukhululwa komuntu omnyama!
132.Kuyishwa nokho ukuthi nalapha e-South Afrika siseno sopolitiki nosozindaba asebethengisa ngobuzwe bethu e-Amerika, begqugquzela ukuthi isizwe sikhiphe izisu, kwandiswe ongqingili nokudayiswa komzimba, lokhu kwenziwa esizweni sikaJehova!
133.Kodwa manje isikhathi senu siphelile! Shame on you!
INkosi ibusise izwi layo!