Kumele sibambelele kukho konke esikufundiswe yilomuntu wasezulwini, sikwenze okuthiwa asikwenze, ngoba ingelosi yazi konke okudingekile ezulwini!
Uma sonke sizohamba ngokwezimiso zikaJehova, njengoba ingelosi izivuselele kithi, impela nathi sobalwa nalabo abayizindlamafa zezulu!
Isihlabelelo 130
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina lelo lizwi
Zosinda zonke izizwe.
KULIQINISO KANGAKANANI UKUTHI INKOLO YAKHELWA UKUGQILAZA ABANTU.
1.Eksodusi 2:23-25: “Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama.
2.Abantu bakawa-Israel bakhala ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.
3.UNkulunkulu wakuzwa ukukhala kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abraham, no-Isaka, noJakobe. UNkulunkulu wababheka abantu bakwa-Israel futhi, wabanakekela.
4.Eksodusi 3:7-8: UJehova wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo.
5.Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju!”
6.Eksodusi 19:3-6: “UJehova wambiza uMose, uMose wakhuphukela kuNkulunkulu. Esentabeni uMose, uJehova wathi:
7.“Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israel uthi: “Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
8.Ngakho ke uma nilalela ngokucuphelela izwi lami, nigcine isivumelwane sami, niyakuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba wonke umhlaba wonke ungowami.
9.Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele.”
10.Eksodusi 19:16-20: “Ngosuku lwesithathu ekuseni kwaba nokuduma nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke abasenkanjini bathuthumela.
11.UMose wabahola abantu enkanjini ukuba bayohlangana noNkulunkulu, bama ekuqaleni kwentaba.
12.Yonke intaba iSnayi yayithunqa intuthu, ngokuba uJehova wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo, intaba yonke yazamazama!
13.Lapho umsindo wecilongo wawulokhu uzwakala kakhulu ungathuli. UMose, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.”
14.Eksodusi 20: 1-4. UNkulunkulu wakhuluma wonke lamazwi, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.
15.Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini esezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi komhlaba!”
16.Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.
17.Eksodusi 20: 18-19: Bathi kuMose: “Khuluma wena nathi, siyakukulalela, kodwa uNkulunkulu makangakhulumi nathi, funa sife!” Amein!
18.1Zonke lezi zincwadi ngizifundela ukuthi sonke sibe nesithombe sokuthi sisukaphi noJehova uNkulunkulu wethu!
19.Okhokho bethu beseGibhithe bahlushwa kakhulu nguFaro, wabenza izigqila, kodwa bafika eGibhithe nokhokho wabo uJakobe babengeyizo izigqila!
20.Bezigqila eGibhithe, bakhala bacela uNkulunkulu ukuba ehle ezulwini ezobakhulula. Nempela uJehova wawuzwa umkhuleko wabo!
21.Simuzwa uJehova ekhuluma ethi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo.
22.Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju!”
23.Ngenkathi ama-Israel ekhala kuNkulunkulu wayengakazalwa uMose.
24.Nokho siyawazi umlando wakhe unina emzala maqede emphonsa emfuleni, ngoba ngaleso sikhathi babebulawa abantwana babafana bakawa-Israel
25.Siyazi nokuthi uMose wakhulela endlunkulu kaFaro eyindodana yenkosazana kaFaro.
26.Kodwa esekhulile weqa eGibhithe, waze wabuya khona esehamba noNkulunkulu, ezokhulula abantwana bakwa-Israel.
27.UNkulunkulu walwa kakhulu noFaro, engafuni uFaro ukukhululwa abantwana bakaJakobe.
28.Kodwa ekugcineni waze wabakhulula! Yikho sizwa uNkulunkulu ethi:
29.“Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
30.Ngakho ke uma nilalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwane sami!
31.Niyakuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba wonke umhlaba ungowami.
32.Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele.”
33.Isihloko salentshumayelo sithi: “KULIQINISO ELINGAKANANI UKUTHI INKOLO YAKHELWE UKUGQILAZA ABANTU?”
34.Sesichazile ukuthi kwathi uma abantwana bakaJakobe besebugqilini, base becela uNkulunkulu ukuba ehle ezulwini ezobakhulula.
35.UNkulunkulu esehlile ezulwini, wafika walwa noFaro waze wamnqoba, wabe esebakhulula ebugqilini buka Faro.
36.UJehova wahamba nabantwana bakwa-Israel ababebalelwa kuyizigidi ezimbili, bahamba iminyaka engamashumi amane.
37.Besohambeni beya eKhanani, uJehova wabasungulela inkolo entsha, wabehlukanisa nemikhuba eminingi ababephila ngayo beseGibhithe!
38.Sizwa uJehova uma ebanika lenkolo yakhe ethi: “Ngakho ke uma nilalela ngokucuphelela izwi lami, nigcine isivumelwane sami, niyakuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba wonke umhlaba ungowami.
39.Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele.”
40.Kodwa okukhulu kunakho konke ukuthi mhla uJehova elethe inkolo yakhe kubantwana bakwa-Israel akathumelanga ngisho ingelosi! Wazizela yena uqobo, wakhuluma kubantwana bakaJakobe bemuzwa!
41.Into enjalo yayingakaze yenzeke emhlabeni, futhi ayiphindanga yenzeka kuze kube manje!
42.Ekuletheni inkolo yakhe kubantu bakhe, uJehova waletha nomthetho-sisekelo wayo bonke abangaphansi kukaJehova abasaphila ngaphansi kwawo kuze kube namuhla!
43.Uma eqala kulomthetho-sisekelo, uJehova wabanika imithetho elishumi eyisisekelo sayo yonke imithetho yasezulwini njengoba siyinikwe nguMose!
44.Lokho kuchaza ukuthi thina inkolo yethu sayilethelwa nguJehova. Iyinkolo evela ezulwini!
45.Bonke abaprofethi abeza emva kwaMose babuswa yilemithetho uJehova owayishiya kuMose entabeni yaseSnayi!
46.NoYeshuya ongumprofethi wokugcina esizweni sakwa-Israel, wafike wavuselela lemithetho uJehova owayishiya kuMose!
47.Simuzwa ezikhulumela ngokwakhe uYeshua kuMathewu 5:17-19 lapho ethi: “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi.
48.Angizanga ukuzochitha, ngizogcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini kodlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwedlula nalinye igama, nasichashaza sinye somthetho.
49.Ngakho ke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa mncinyane embusweni wezulu.
50.Kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
51.Manje ke umbuzo enginawo ngowokuthi uma umuntu ethi INKOLO YAKHELWA UKUZOGQILAZA ABANTU, kanti inkolo yalethwa ngubani emhlabeni?
52.Angizazi ezinye ininkolo, kodwa lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba yalethwa Nguye uJehova kithi, eyiletha ngenceku yakhe uMose!
53.Uma lenkulumo iqondiswe kuJehova uNkulunkulu wethu, ukuthi waletha lenkolo yakhe ukuzogqilaza abantu, lokho wakwenza kanjani?
54.Isiphi isizathu esenza umuntu athi uNkulunkulu waletha inkolo emhlabeni ukuzogqilaza abantu?
55.Uma labo abasho lokho bengaqondisile kuJehova, kodwa beqondise kuMose, yena uMose kungathiwa waletha inkolo emhlabeni ukuzogqilaza abantu, kanjani?
56.Lapha eMzansi Afrika inkolo kaJehova yalethwa ngumprofethi u-Isaya Shembe kithi.
57.Ngabe noShembe waletha inkolo kithi ukuzosigqilaza ngayo? Ngabe inkolo iyabagqilaza yini abantu?
58.Yebo kwesinye isikhathi inkolo iyabagqilaza abantu, uma iphethwe ngabantu abathi bangabaholi benkolo, kanti zigebengu eziqola abantu egameni lenkolo!
59.Baningi abaholi abathi bangabe nkolo, kodwa okuzigebengu ezisebenzisa inkolo, ngayo eziqola abantu!
60.Iningi lalezi zigebengu ziqale ngokukuthwalela lokhu. Sezithwele, abalandeli bazo zibenzisa noma yini bayenze, ngoba vele basuke sebethunjwe ingqondo!
61.Kodwa into enzima ekuthwaleni, ukuthi kuba nemigomo ethize obekelwa yona ukuba into ethize ungalokothi uyenze!
62.Ungatshelwa nokuthi lomnikelo wabantu ungawudluliseli kumuntu, ngisho ilunga lebandla lakho!
63.Kukhona abaholi benkolo abangosozigidi, uma behamba bekakwe zithuthuthu zikahulumeni njengeNgonyama, kumbe njengoMongameli wezwe!
64.Laba baholi bezenkolo abesabi ukusho ukuthi sekuyibona UNkulunkulu, nabalandeli babo bakuthakasele ngelikhulu iqholo lokho kukhuluma!
65.Ukuthi bangabaholi bebandla ukucasha nje ngegama lenkolo, ukuze ababapha imali bethi bayanikela.
66.Kodwa zonke izenzo zabo zibonisa ukuthi bangama Cultist, abazi lutho ngoNkulunkulu!
67.Ukuthi umuntu akazihlanganise ngalutho noNkulunkulu akusiyo into ongase uyicabangele, ngoba ukwenza komuntu kunezimpawu ezisobala!
68.Kungenzeka ukuthi ngenxa yokuthi ngokomlando ibandla lisuke kade likhonza uNkulunkulu ngokweqiniso, noma sekungena umholi oseyi Cultist, abalandeli bebandla bengakwazi ukukwahlukanisa lokho!
69.Kunomholi onabalandeli abaningi isimanga. Lomholi uthi uyinkosi, uyisicebi esikhulu, kodwa ziningi izimpawu ezibonisayo ukuthi lomholi okuthiwa ngowenkolo, yena ukude kabi nokukholwa! Kodwa abalandeli bakhe abakuboni lokho!
70.Banikela ngezimali ezinkulu bemakhele uxhaxha lwemizi, bemithengele yonke inhlobo yemoto engingakholwa nokuthi kwayena uyazazi ukuthi zingaki!
71.Akugcini lapho, lomholi uphiwa yonke inhlobo yokudla, athengelwe yonke inhlobo yengubo!
72.Kodwa kukhona into kulomholi ephambene kakhulu nalokhu abalandeli bakhe abakushoyo, ukuthi unguNkulunkulu!
73.Yena ayikho into oke eyenzele ibandla lakhe, ngisho ukubatshela ukuthi abaqoqe imali bezenzele izinto ezizidingo zabo, njengokuthi bakhe izindlu zabo zangasese lapho behlangene khona!
74.Awukwazi ukuhlanganisa izinkulungwane zabantu, kodwa ungazihluphi ngokuthola ukuthi bazikhululaphi, ikakhulukazi abesifazane, yize bona bekwenzela yonke into!
75.Ngikhuluma ngezindlu zangasese, ngingasayikhulumi eyokondla izintandane nabafelokazi, nokuba nesikhwama somfundazwe wabantwana! Leyo yinto ekude kabi naye! Iminikelo yabantu angamane akhethe ukuyichitha kunokuba isize abalandeli bakhe!
76. Ngokuba ukudla kuningi, kugcina ysekubola, ebusuku kuyathathwa ngama trucks kochithwa, bengacatshangelwa abantu abahluphekayo ukunikwa lokhu kudla kungakaboli!
77.Ziningi ke izindlela zokuthwala, omunye umuntu uyaye athathe isifungo sokuthi lomnikelo wabantu ungawubuyiseli kubo! Izinto ezinjalo zikhona ekuthwaleni!
78.Manje ke uma uthi umuntu unguNkulunkulu, ukusiza spiritually, kodwa physically engakwazi nokuthi ukhona, engakwazi ukudlulisa umnikelo webandla ukuba nalo lisizakale ngawo. umuntu onjalo uba nguNkulunkulu kanjani, uma umuntu eke abe ngu?
79.Lomholi ngisho engena esontweni, ufike ehlale kuze kuphume inkonzo engenzi lutho, abalandeli bakhe belokhu bemdumisa, abe nguNkulunkulu ngempela!
80.Umuntu olikholwa, nophila kahle engqondweni, ukwenza kanjani ukuthi umuntu ofana naye amenze empilweni yakhe athathe indawo kaNkulunkulu, amdumise. ngoba ngisho izikhulu zezulu azikwazi ukuba nguNkulunkulu? USathane owazama ukuba ngango Nkulunkulu, okwamenza naye waxoshwa zulwini!
81.Uma ubuza kulaba bantu ukuthi lomuntu nimdumisa nje ngoba enzeni, bathi uyabasindisa nangamaphupho!
82.Kodwa yonke imimoya abantu ibavakashela nasemaphusheni, abanye ibasindise! Ngabe ukhona umuntu olikholwa ongakwazi lokho?
83.Lento ngiyikhulunyiswa ukuhlale ngihlangana nezinhlamba ezivela kwabanye abantu, bethi inkolo yalethelwa ukugqilaza abantu!
84.Inkolo yalethwa kithi nguJehova ngenceku yakhe uMose! Ngakho ke lezi zinhlamba zibhekiswe kuye uJehova!
85.Kodwa lokhu kuhlasela inkolo, akususwa yilabaprofethi-mbumbulu abagcwele umhlaba.
86.Kodwa isuswa ilama Satanists, nawo afana nabo laba bafundisi abathwalela ukuceba egameni lenkolo!
87.Laba baholi benkolo, njengalaba bantu abahlale behlasela inkolo, bayisitha esikhulu sikaNkulunkulu!
88.Bangabaprofethi bakaSathane abangenwe ngumoya walezi zingelosi ezaxoshwa ezulwini!
89.Lesi isikhathi sokusebenza kwazo, yikho sesinabantu abanesibindi sokungena ethempeleni likaJehova, bahlale esihlalweni sakhe, bese bezikhomba bona bethi yibo uNkulunkulu!
90.Kodwa esikwaziyo ukuthi kusukela ku 2025 kuze kuphele iminyaka eyisikhombisa, lesi isikhathi sokukhala nokugedla amazinyo kwabaningi!
91.Lesi isikhathi esibi kunazo zonke izikhathi ezake zaba khona emhlabeni, siyefana nesikhathi sikaMzamcolo! Abantu abaningi bazobhujiswa sibhekile!
92.Kunezifo eziningi ezimbi ngaphezu kwe Covid 19 ezizovela emhlabeni! Abantu abaningi bazobulawa ilezi zifo!
93.Kunezimpi ezinkulu ezizovela zibulale abantu abaningi emhlabeni. Kanjalo, nendlala izobankulu emhlabeni wonke! Sizophelelwa ngisho ngamanzi okuphuza!
95.UNkulunkulu, njengeMelika, uyithukuthelele i-South Afrika ngenxa yobubi ebhukuda kubo! Izono eziningi eziseMelika, zikhona nase South Afrika!
96.Ngaphandle kwamanyala avunyelwe nguhulumeni, njengokukhipha izisu, nongqingili, kunabaprofethi-mbumbulu abaningi abathi banguNkulunkulu, abahlekisa ngegama likaJehova!
97.Kunakho konke, kunezinto eziningi ezingakaze zibe khona emhlabeni, kodwa manje ezizovela siphile nazo!
98.Njengoba sekuvele kuqalile, kunezilwane eziningi ezivela emifuleni naselwandle ezizophumela emhlabeni.
99.Ezinye zalezi zilwane zizobabulala abantu abaningi, ezinye zibadle, kungaba ndaba zalutho!
100.Sesizophila nama mermaids, izintombi ezinhle ezimnyama nezimhlophe ezizosiqoma, sizale izingane nazo, kodwa ekugcineni usizi lodwa!
101.Nezinsizwa ezivela emanzini nasemkhathini ziyeza, ezinye sezikhona phakathi kwethu!
102.Sizohlala nazo, sicabange ukuthi kukhona okuhle eziza nakho, kanti ziza nokubhubha kwakho!
103.Ngiyacela kumaNazaretha kaNkulunkulu ukuthi ningasuki lapho ingelosi esibeke khona, ukuze sivikeleke kulesi sikhathi esibi kangaka esibhekene naso!
104.Uthi uShembe kusihlabelelo 28: “Uyeza, uyeza umhla wokuphela, uzokuma phambi kwakho noma ungathandi. Amagquma nemimanga ayolelezeka!
105.Hhayi abaphela mandla ekukholweni kwabo; bayogijima bekufuna ukukholwa kwabo.
106.Ngiyakukhalela wentombi nawe nsizwa, uyokuthola ngasiphi isikhathi ukukholwa kwakho.
107.Icilongo lokuqala selizwakele, umhlaba wonke wazamazama. Uyogijima uzifihlephi, nanti ilizwe selisongwa!
108.Wemhlaba uyozifihlaphi nazo zonke lezo zoni? Balekani zidindi, uyeza uJehova!”
109.Kunama disaster axakile asevele eqalile, ikakhulukazi emazweni anjengo-Amerika.
110.Nawo lama disaster azosibulala; uma ungafanga, kodwa uzosala ungenalutho, ngoba azoqeda konke ngawe!
111.Kunemimoya emikhulu enhlobonhlobo ezoqeda ngathi, kube nokuzamazama komhlaba okukhulu, nakho okuzogcina ngokusibhubhisa.
112.Kube nama volcanos amakhulu, nawo ayoba nemiphumela enzima ezimpilweni zethu! Okuningi kwalokhu engikubalayo sekuqalile kwamanye amazwe!
113.Angiprofethi ngoba angisiye umprofethi, kodwa ngihlala nengelosi ehlale isivezela izinto eziningi, futhi ngesikhathi uNkulunkulu ekhuluma ngomprofethikazi uCelestial, ngiyamuzwa, ngoba ngokuqonda kwami, njengamanje uNkulunkulu ukhuluma ngalomprofethikazi!
114.UNkulunkulu ngomprofethikazi iSister Celestial wathi e-Amerika kuzokuwa amabhanoyi, kufe abantu abaningi. Washo nokuthi lamabhanoyi azobe ewiswa yini.
115.E-Amerika kulonyaka sekuwe amabhanoyi angu 7, kodwa ngimangalile uma ezinye izihlakaniphi eMelika sezithi lamabhanoyi awiswa ubudedengu buka mongameli uDonald Trump!
116.UNkulunkulu ngo Sister Celestial wathi elase Amerika loqale libuswe ngu Trump, kodwa kungesikhathi eside uTrump uzokufa, bese i-Amerika ibuswa ngu Kamala Harris!
117.Ekufeni kukaTrump i-Amerika izoba neCivil war, ilwe yodwa! Ngesikhathi isalwa yodwa, iyohlaselwa iRussia ihlangene neChina neKorea esihlangene. Lempi iyokwenzeka ebusika! Lokhu okushiwo yilomprofethikazi kuzokwenzeka, ngoba kukhuluma uNkulunkulu ngaye!
118.Ukube i-Amerika inakho ukukholwa ngabe bayamlale uSister Celestial!
119.Kodwa abasoze bakwenza lokho, ngoba ababi bagxeka noma yini ekhulunywa yinceku yoPhezukonke!
120.Isiprofetho abasilalelayo ngesika Simpson! Angazi ukuthi uSimpson inhloboni kapopayi?
121.Lesi isikhathi sokuthi ume lapho okhona, uzibambe ziqine, ngoba izwe seliyasongwa, isihlungo sesizozihlunga!
122.Abazongilalela bazosinda kulobu bunzima esizobhekana nabo, ngoba noma sonke lolusizi luzosithinta, kodwa usizi olukhulu elokhu uma ufa uye ekulahlweni!
123.Asibambelele kuNkulunkulu wethu! Umuntu ubambelela kanjani kuNkulunkulu?
124.Zine izindlela zokukholwa okwamukelekile ezulwini, nokukwenza uNkulunkulu abe seduze kwakho.
125.Okokuqala UKUTHANDAZA. Ukuthandaza kuyindlela yokuzethula kuNkulunkulu! Umuntu nomuntu uzethula ngokwakhe ubukhona bakhe kuNkulunkulu!
126.Ngelinye ilanga iNkosi iLanga yathethisa umantshi umthethwa, yathi: “Ukwazi kanjani wena mfana ukuya emsebenzi ungathandazanga?
127.Uyazi yini ukuthi umuntu ongathandazi uyefana nje nenkomo, ukuphila nokufa kwakho kuyefana nokufa kwekati, ngoba awaziwa ezulwini?”
128.Nakimi ngabona umama efika ebusuku, wangivusa, wabe esebuza ukuthi ngikuthathaphi ukuthi ngilale ngingathandazanga, ngoba yena wangifundisa ukuthanda?
129.Uthike umama: “Njengoba abantu abangathandazi bathembele emithini, njengoba wena ungawazi umuthi, uma ungathandazi, uthembenui?”
130.Kanti ngizothi ngisenkantolo abantu bangihlasele ngemithi emibi kakhulu! Ngase ngiyabona ukuthi umama ubezongivikela kulemithi emibi kangaka!
131.Wonke umuntu olikholwa kumele uNkulunkulu amsondeze kuye ngokuthandaza. Ekuseni ubonge ukulala kwakho, bese ucela imini enhle.
132.Uma usulala ubonge ukugcinwa kwakho imini yonke, bese ucela ubuthongo obuhle!
133.Okwesibili kumele uzifundise UKUHLALA UKHULUMA NONKULUNKULU NGOKUNIKELA. Thina uma umuntu ebika usizi lwakhe kithi, siyaye siyombika elatini kuNkulunkulo ngomnikelo!
134.Asikwazi ukuguqa phambi kwaNkulunkulu ngaphandle kokuthi siqale ngokubeka umnikelo esibika ngawo usizi lwabantu nolwethu! Le imfundiso esayinikwa yingelosi!
135.Uma uhlale unikela, uNkulunkulu uyashesha ukuziveza kuwe, ekwenzele konke okucelayo!
136.Okwesithathu, UKULINDA. Uma ufuna uNkulunkulu ebe seduze kwakho, ukwejwayele ukuthi uma uzokhuluma noNkulunkulu, uqale ngokulinda, uzile!
137.Thina eNCG sikwejwayele ukulinda, sizile sifake imichilo yamasaka ezinkalo zethu, ikakhulukazi ngamasabatha!
138.Okwesine, GCINA YONKE IMITHETHO KAJEHOVA NJENGOBA SAYINIKWA NGUMOSE, YAFUNDISWA NGABAPROFETHI ABAMLANDELA!
139.Uma ungahambi ngezimiso zikaJehova, awusiye umntwana kaJehova!
140.Kumele sibambelele kukho konke esikufundiswe yilomuntu wasezulwini, sikwenze okuthiwa asikwenze, ngoba ingelosi yazi konke okudingekile ezulwini!
141.Uma sonke sizohamba ngokwezimiso zikaJehova, njengoba ingelosi izivuselele kithi, impela nathi sobalwa nalabo abayizindlamafa zezulu!
INkosi ibusise izwi layo!