Kodwa lesi isikhathi sokubhekana namaqiniso njengoba enjalo, singakhohlisani, futhi singakhohliseki, ngoba sesiqala unyaka lapho uNkulunkulu inkolo yakhe izoqondiswa nguye uqobo!
Isihlabelelo 89
1.Hlala nathi Nkosi yethu
Leli langa ledlulile
Siyacela ukusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
2.Thina asikafiki lapho
Kulelozwe lokwenama
Zimi khona izingelosi
Lapho kungashon’ langa.
3.Thina sisasithekile
Kulelozwe lokwenama
Lapha kungakhanyisiyo
Leli langa lalomkhathi.
4.Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkulunkulu.
SINONKULUNKULU OYEDWA, IBANDLA ELILODWA NOMTHETHO SISEKELO OWODWA.
1.Ngomunye unyaka sise mhlanganweni eFolweni, iNkosi iNyangayezulu ishumayela yathi: “Ngithole izincwadi engizi thunyelwa ngamaSulumane.
2.Ekuzifundeni lezi zincwadi, ngathola ukuthi zigxeka uJesu.
3.Kodwa nina ma Nazaretha ningamgxeki uJesu, ngoba umehluko phakathi kwaJesu nomprofethi uMahumed, noShembe, ukuthi lezi zithunywa zasezulwini zehlukene ngobuzwe, zithunyelwe ezizweni ezahlukene ngezikhathi ezahlukene, kodwa zonke zishumayela ivangeli elilodwa elivela kuNkulunkulu oyedwa” Amein!
4.Lokhu kukhuluma, noma sekunesikhathi eside iNkosi iNyangayezulu yakukhuluma, kodwa kwahlala engqondweni yami!
5.Kuyishwa ukuthi ezimpilweni zethu sihlale sibuswa ngokusihlukanisayo kunokusihlanganisayo!
6.Ukuba amaKrestu namaNazaretha bonke bahamba ngokwezimiso zikaJehova, ngabe ayikho into esehlukanisayo!
7.Ekhasini 82 kuya ku 83 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi: IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, iNkosi iLanga yakhuluma lamazwi: “Ngikhuluma ukuthi uma kwakungadingeki lutho ekukholweni, uNkulunkulu wayengenke athumele uShembe lapha ezweni lakithi.
8.Ayekhona amakholwa aseMelika. Kodwa uma uNkulunkulu ethuma uShembe emhlabeni, wamthuma kulelizwe labafundisi bezinkolo. Akamthumanga le emahlane lapho kungekho bafundisi.
9.Uma uNkulunkulu wayengakusoli ukukhonza kwethu kulezi zinkonzo uShembe ezamendulelayo, wayezomthuma kwezinye izindawo ezingazona ezamaWeseli, amaRoma, amaSheshi namaLuthela. Izinkonzo ezihlakaniphile!
10.Wamthuma kuzo, kodwa akashongo ukuthi afike awuchithe umsebenzi wazo; wathi akazowugcwalisa!
11.Wathi: “Hamba uyogcwalisa imisebenzi yalamasonto akhona, ngoba awasahambi ngendlela yami. Amein!”
12.Kungaba nombuzo kumaKrestu ukuthi imuphi umsebenzi kaNkulunkulu amaKrestu abe engasawenzi, nokwenza uNkulunkulu athume uShembe ukuba ezowugcwalisa?
13.Sesikuchaze kaningi ukuthi uNkulunkulu wathuma uYeshua owabe engowesizwe samaHebheru emhlabeni!
14.LoYeshua emva kwesikhathi amaRoma amjika abe esethi igama lakhe nguJesu!
15.Kodwa ukushintsha kwegama likaYeshua abe nguJesu akusho lutho olutheni ezulwini, uma nje sisahamba ngokwezimiso zikaJehova!
16.Pho yini eyayingenza uNkulunkulu athume uShembe ukuvuselela ivangeli likaJesu?
17.Kungenxa yokuthi emva kwaJesu abezizwe bayichitha inkolo kaJehova owayiletha kithi ngoMose!
18.Ku-Eksodusi 20:5-6, uJehova uthi: “Ungazikhothameli (izithombe), ungazikhonzi, ngokuba Mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela UBUBI BAWOYISE kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine SABANGIZONDAYO.
19.Kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, BAGCINE IMIYALO YAMI.”
20.Ingqikithi yesimo sokukholwa UKUGCINA IMITHETHO KANKULUNKULU!
21.Uma ugcina imithetho kaNkulunkulu UBA NGUMNTWANA KANKULUNKULU, kepha uma umelene nomthetho kaNkulunkulu UBA YISITHA SIKANKULUNKULU!
22.Kanti amaKrestu amelene yini nomthetho kaNkulunkulu esawu lethelwa nguMose?
23.Ngokomlando nangokwenza ubuKrestu kuyinkolo eyisitha senkolo kaJehova!
24.Sesikuveze kaningi ukuthi uConstantine, ongumsunguli wobuKrestu, waba nemithetho ebizwa ngokuthi ngama Creeds, ngawo owayiqeda inqubo yokukholwa kwenkolo kaJehova!
25.Ngenxa yokuthi iRoman Empire iyona eyayiphethe umhlaba wonke, ngaleso sikhathi ayizange ikufihle ukuthi imelene nenkolo kaMose!
26.Kodwa emva kwesikhathi iRoman Empire yawa, kwathatha eminye imibuso!
27.Usuwile umbuso wamaRoma, kodwa amaRoma akulwela ukuthi lenkolo yabo ingapheli, amaRoma abuse ngayo umhlaba wonke!
28.Noma ibandla lagcina selehlukene, sekunama Protestants, kodwa nawo aqhuba ngokwezimfundiso zebandla lamaRoma!
29.Ngakho ke esikhundleni sokuchitha inkolo kaMose ngamaCreeds, lenqubo yokukholwa bayichitha ngokubhala iTestamente Elisha, balihlanekezela ngisho iTestament Elidala!
30.Ngokuhlakanazela imibhalo yeTestamente Elidala, abezizwe bakwazi ukukhohlisa amakholwa ngokuthi ukuchithwa komthetho kaJehova kususelwa kuyizimfundiso zabaprofethi beTestamente Elidala!
31.AmaRoma abe esakha uPaul-mbumbulu osengathi uShaul wamaJuda, ngezimfundiso zakhe base bayayiqeda inkolo kaMose!
32.Ngokubhala iTestamente Elisha, amaRoma aba nethuba lokuthi inkolo bayenze iqhutshwe ngendlela abafuna ngayo! Ekugcineni the Bible was canonized (langcweliswa), kwase kuthiwa liyincwadi engcwele ephefumulwelwe nguMoya kaNkulunkulu, ukuyiphikisa is blasphemous!
33.Kodwa lesi isikhathi sokubhekana namaqiniso njengoba enjalo, singakhohlisani, futhi singakhohliseki, ngoba sesiqala unyaka lapho uNkulunkulu inkolo yakhe izoqondiswa nguye uqobo!
34.Ukuze sonke okwamanje sikhulume ulimi olulodwa, sizoke sikhohlwe ukuthi igama leNdodana kaNkulunkulu nguYeshua, kodwa siyibize ngoJesu!
35.Futhi okwamanje sizoke sikhohlwe ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungamaNazaretha, ngokobuzwe bengamaHebheru, kodwa sizobabiza ngamaKrestu!
36.Sizoke futhi senze sengathi asazi ukuthi amaKrestu libandla laseRoma elasungulwa ngu Constantine!
37.Lesi isikhathi sokubuya kukaJesu ezolanda ibandla lakhe, noma ngingazi ukuthi uma amaKrestu ethi iwona alibandla likaJesu, lokho akusho ngasiphi isizathu?
38.Kukhona into amaKrestu angayinaki, kodwa ebaluleke kakhulu ekukholweni kwabo!
39.Omunye umbhali wathi akufanele amaKrestu azibize ngokuthi angamaKrestu, ngoba ngokokukholwa akalandeli uJesu Krestu, kodwa alandela uPaul, onezimfundiso ezimphikisayo uJesu!
40.Uthike lombhali amaKrestu kufanele azibize ngokuthi angama Paulian, hhayi amaChristian!
41.UYeshua owagcina esenguJesu wahamba emhlabeni ngo 33 A.D, engaphansi kwenkolo kaMose, ehamba ngokwezimiso zikaJehova!
42.Uma ufunda izintshumayelo zikaJesu kanye nencwadi yeZenzo, imfundiso-nkolo kaJesu igcizelela ukugcinwa kwemithetho kaMose!
43.Ukuba amaKrestu angaphansi kwenkolo kaJesu isisekelo senkolo yabo ngabe nguMathewu 5:17-19, lapho uJesu ethi:
44.“Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi.”
45.Lenkulumo ingubufakazi obuqondile bokuthi uJesu wayefundisa inkolo kaMose!
46.Uyaqhubeka uJesu uthi: “Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngizogcwalisa.”
47.Useyachaza ke uJesu ukuthi umthetho kaMose uzowugcwalisa kanjani kulokhu okungacaciswangwa nguMose nabaprofethi.
48.Uthi ke uJesu: “Ngiqinisile ngithi kodlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwedlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho.”
49.Akusiyo imfundiso kaMose ukuthi umthetho umi nguna phakade, kodwa lowo ngumyalo kaJesu!
50.Kuyaxaka ke uma abantu abathi balibandla likaJesu, sekuyibona abachitha umyalo kaJesu othi asigcine umthetho kaMose!
51.AmaKrestu kumele aqonde ukuthi NGUMYALO KAJESU UKUTHI UMTHETHO KAMOSE UMI NGUNA PHAKADE!
52.Uyaqhubeka uJesu uthi: “Ngakho ke oweqa owodwa kulemiyalo, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa mncinyane embusweniu wezulu!
53.Kepha OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU!”
55.Lomyalo othi uma weqa umthetho kaMose, ubuye ufundise abantu ukuthi abeqe umthetho kaMose, ngenke ulibone izulu, NGUMYALO WAKHE UJESU!
56.Manje ungaba ngumlandeli kanjani kaJesu, kodwa uphikisana nomyalo wakhe?
58.Uma ungawugcini umyalo kaJesu, pho usho kanjani ukuthi nawe uhlangene nebandla likaJesu ozobuya ezulwini ezolilanda?
59.Ngabe imfundiso ephikisa umthetho kaMose siyifundiswe nguJesu? Qha, siyifundiswe nguPaul owakhiwa ngabezizwe, ngaye abachitha inkolo kaJehova!
60.Ngakho akuwakhi umqondo ukuthi umuntu ongayigcini imiyalo kaJesu bese ethi nguyena ongumlandeli kaJesu; ngoba nje ehlale ebiza igama lakhe!
61. Njengamakholwa asendulo, nawe uJesu umlandela ngezindebe zomlomo, kodwa inhliziyo yakho ikude naye
62.Ebandleni lamaNazaretha umsunguli walo nguMprofethi u-Isaya Shembe, uMqaliwendlela!
63.Konke ukukholwa komNazaretha isisekelo sakho uvesi 3 woMthandazo weSabatha, othi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezi zukulwane, nigcine IMITHETHO YAKHE UJEHOVA OWANILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMILHOSI!”
64.Kodwa njenga manje sekunama Nazaretha asemhlubukile uMprofethi, athi wona inkolo yawo yakhelwe phezu kwamasiko akwaZulu!
65.Ngaleyo ndlela ke akasahambisani nezimfundiso zoMprofethi ezithi isiekelo sobuNazaretha ngumthetho kaJehova owawushiya kuMose!
66.LamaNazaretha akwaShembe athi unkulunkulu wawo uNyazi!
67.Asiwaphikisi ke kulokho, kodwa kumele kucace ukuthi sebezichithile izimfundiso zoMprofethi ezithi sikhonza uJehova yedwa ngokugcina imithetho yakhe owayiloba ngenceku yakhe uMose!
68.Njengoba kungasiyo inhlamba ukuthi uNkulunkulu wethu nguJehova, akusiyo futhi inhlamba ukuthi unkulunkulu wamaNazaretha akwaShembe eBuhleni, uNyazi, ngoba lelo livangeli labo abafuna laziwe umhlaba wonke!
69.Ukuthi lamaNazaretha akasekho ngaphansi kumprofethi akudingi ukuthi beze besho ngomlomo, kodwa nezenzo zabo zisho njalo!
70.Iningi labo seliyaphuza, liyabhema, liyabhula, likhonza nezangoma enkonzweni; nabanye abagcotshwa bayizangoma!
71.Konke lokhu bakwenza phambi komholi wabo abambiza ngonkulunkulu, abakufakazayo ukuthi naye akanankinga okuthi amaNazaretha aphume emthethweni woMprofethi, asonte nezangoma!
72.Kanjalo nakumaKrestu amaningi, inqubo yabo yokukholwa, noma ngomlomo behlale bebiza uJesu, kodwa bakholwa zimfundiso zikaPaul, hhayi yimiyalo kaJesu!
73.Kodwa abahlale bekwenza ukudumisa uJesu ngezindebe zomlomo, lokhu uJesu uqobo lwakhe owakusola kuMathewu 15:8-9 mhla ethi:
74.“Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami, BANGIKHONZA NGEZE, BEFUNDISA IZIMFUNDISO EZIYIMIYALO YABANTU!”
75.Nabo balekelela amaRoma inkolo yamaHebheru abayichitha ngamaCreeds, nabo ABASAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO KAJEHOVA!
76.Lemfundiso yobuRoma ifundise amaKrestu ukuba alahle iSabatha, edle izingulube, aphuze utshwala, aphucule amakhanda, angene nezicathula endlini kaJehova, ayichithe impela yonke imithetho kaNkulunkulu!
77.Ngithi amaKrestu angiwa khumbuze ukuthi bengaphoxeki uma ekubuyeni kukaJesu ingasenzeki lento abayishumayelayo, ukuthi ekubuyeni uJesu uzolanda ibandla lamaKrestu!
78. Lelivangeli elithi uJesu uzobuya ezolanda ibandla lakhe, okungamaKrestu, inkulumo engawakhi umqondo!
79.Okokuqala uYeshua wahamba emhlabeni ngo 33 A.D engumholi wamaNazaretha, kungakabi bikho ubuKrestu, bona obasungulwa nguConstantine ko 325 A.D!
80.Ngakho ke ukufundisa ilumbo ukuthi uJesu noYeshua ngumuntu oyedwa! UYeshau kwakungumuntu omnyama, uJesu ngumlungu ovele nobuKrestu ngo 325 A.D, uYeshua engasekho! Kalokhu sifundiswa ngento eyisididi!
81.UJesu wayefundisa ngomthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi!
82.Kodwa enkolweni yobuKrestu amaRoma awuchitha umthetho kaJehova!
83.INew Testament, ngobuqili ibhalwe ngendlela yokuthi ucabange ukuthi ubuKrestu buhlangene noYeshua esebembiza ngoJesu!
84.Angazi ukuthi amaKrestu akuthatha kuyiphi incwadi yeBhayibheli ukuthi ibandla likaJesu ngamaKrestu! Lemfundiso yakhelwe ukudida abantu!
85.AmaKrestu angabalandeli bakaJesu oliNtaliyane! Abakwazi ukuba ngabalandeli bakaYeshua owayeli Juda nowayeyi ndodana kaMaria!
86.Ngabe silindele ukubuya kukaJesu, noma kukaYeshua?
87.Sengathi kunokukhulu ukudideka kwabaningi ngenxa yokufunzwa ngabezizwe izimfundiso ezingekho!
88.KuMathewu 7:21-23 uJesu uthi: “Akubo bonke abathi kimi Nkosi, Nkosi,ABAYAKU NGENA EMBUSWENI WEZULU, KODWA KUPHELA YILOWO OWENZA INTANDO KABABA OSEZULWINI.
89.Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku: “Nkosi, Nkosi asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?
90.Khona ngiyakubatshela ukuthi ANGIZANGE NGINAZI, sukani kimi nina benzi bobubi!”
91.Lenkulumo kaJesu ngokwami iyona ecacisa kahle ukuthi kunakho konke okunye, UKUKHOLWA OKUNGENISA UMUNTU EZULWINI UKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!
92.Manje uma wena ungaphili ngaphansi komyalo kaJesu othi gcina umthetho kaMose, yini eyenza ucabange ukuthi ungomunye wabalandeli bebandla likaJesu?
93.Umbuzo okufanele uzibuze wona ngothi: “Yini engeza ukuthi uma ngifika phambi kukaJesu, athi: “Angikwazi, suka kimi menzi wobubi?
94.Into engenza lokho ukuthi awuphili ngaphansi komthetho kaJehova owasilobela wona ngenceku yakhe uMose!
95.Yikho uthi ulikholwa, kodwa ube udla ingulube, ungaligcini isabatha!
96.Wake wambona umuntu ongaphansi kwenkolo kaJehova edla ingulube? Awusabukeli nakuma Moslems namaJuda amhlophe.
97.Njengoba sesisesi khathini sokwahlulelwa, mhla ufika phambi kwaJesu, bese uthola umbuzo othi, awuligcini ngani iSabatha, uyidlelani ingulube, ugundeleni, uyelani kobhula ezangomeni, usontelani nezangoma? Impendulo yakho iyothini?
98.UNkulunkulu mhla efika kokhokho bethu, ayikho enye into owathi somkhonza ngokuyenza ngaphandle kokuthi siyohamba ngokwezimiso zakhe! Namanje kusenjalo!
99.UNkulunkulu akaze awakhe amabandla, noma izinkolo, kodwa konke lokhu kwavela muva!
100.Kodwa futhi uNkulunkulu akaze asho ukuthi ukuba nenye inkolo, noma ibandla, kuyisono kuye! Asikho isono esinjalo!
101.Kodwa uNkulunkulu ofike akubuke ukuthi lapho amakholwa ehlangene khona adumisa yena yini uJehova, okungu kuhamba ngokwezimiso zakhe?
102.Ithi ingelosi kimi: “Ezulwini uyakhethwa ukuba yisisebenzi sikaNkulunkulu, kodwa uma abantu ungabafundisi izwi likaNkulunkulu, ugcina ngokulahlwa.
103.Kodwa noma umuntu engathunywangwa nguNkulunkulu, kepha uma egcina umthetho kaNkulunkulu, futhi efundisa abantu ukugcina umthetho kaNkulunkulu, uba yindlalifa yezulu!
105.Ngakho ke ungaqhoshi ngenkolo noma ngebandla lakho, kodwa zibuze ukuthi uyahamba yini ngokwezimiso zikaNkulunkulu!
106.Ngenke sehlulelwe ngokwama bandla, kumbe ngokwezinkolo zethu, kodwa ngabanye sokwehlulelwa ngokwemisebenzi yethu!
107.Uma ilizwi lithi BONKE ONGQINGILI ABABUYELE NGANXANYE, ngenke kubuzwe ibandla nenkolo ungqingili okuyo, kodwa ngobungqingili senilibandla elilodwa lasekulahlweni!
108.Uma lithi ilizwi, BONKE ABANGALIGCINI ISABATHA ABABUYELE NGANXANYE, AKUKHO BANDLA OYOBUZWA LONA, kodwa uyotshelwa nguye uJesu ukuthi wamkhonza ngezindebe zomlomo, kodwa walandela imiyalo yabantu!
109.KuSambulo 21:6-8 uNkulunkulu ukhuluma kanje: “Sekwenzekile, ngingu-Alfa no-Omega,ukuqala nokugcina. Owomile ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wokuphila.
110.Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana yami.
111.Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibalule, okungukufa kwesibili!”
112.Lamavesi ayasicacisela ukuthi ngenke wehlulelwe ngokwamabandla nangokwezinkolo, kodwa uyokwahlulelwa ngokwemisebenzi yakho!
113.Ngakho ke esikhundleni sokuthi ngingumKrestu, ngingumNazaretha, ngingumMoslem, buka imisebenzi yakho ezokwenza uNkulunkulu athi uyindodana yakhe!
114.KuDutoronomi10:12-13 uMose uthi: “Manje ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, na?
115.Ufuna ukuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho.
116.Ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe!”
117.Njengoba sihlale sikugcizelela lokhu, lapha asisakhulumi ngesimo ozobhekana naso ekufeni kwakho, ngoba ukwahlulelwa yinto ezokwenzeka sisaphila!
118.Izimpawu zesikhathi sokwahlulelwa nokufika kweNdodana yomuntu sezikhona, kuzokwenzeka sonke singafile, kodwa sibuka!
119.Sizobona ke ukuthi ubani onitshela iqiniso ngokukholwa okwamukeleke ezulwini, nangokuthi sizokwehlulelwa kanjani?
120.UMose noJesu bakubhala phansi ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kungukugcina umthetho wakhe, manje wena uyichitha ngaliphi igunya imithetho kaNkulunkulu?
121.Ucabanga ukuthi ezulwini uzongeniswa ukudumisa uJesu ngezindebe zomlomo, kodwa uyichitha imithetho yakhe? Sizoke sibone ngoba okuningi kuzokwenzeka sisaphila!
122.Bengilalele uSister Celestial ethi wabuzwa nguNkulunkulu. Uthike uSister Celestial:“God was asking: “What has possesed this modern church to make them think that their Savior would die for them and nothing would be require of them?”
123.Yini engenwe yilamabandla esimanje ukucabanga ukuthi engafelwa nguMsindisi ngaphandle kokuthi bona kube khona abakwenzile”
124.Emva kwalokho uSister Celestial uchaze kabanzi ngalenkolelo yokuthi amaKrestu athi akasenasono ngoba izono zaqedwa ukubethelwa kukaJesu esiphambanweni!
125.Okuseqinisweni le imfundiso nkolo kaPaul, ngoba uJesu akaze asho ukuthi ngokufa kwakhe abantu sebokwenza, kodwa bengabe besajeziswa ngezono zabo!
126.Uma ikhona into enjalo ezimfundisweni zikaJesu, sinike incwadi nesahluko!
127.Isiwula sodwa esingakholwa ukuthi ungaba ngumdlwenguli, ngumbulali, ungaba nasono ngoba uJesu wakufela izono esiphambenweni! Inhloboni yelumbo lelo? Uthike uNkulunkulu: “Kanjalo nje?”
128.Uma lemfundiso kaPaul yokufelwa kwezono nguJesu iliqiniso, pho laba kuyiSambulo 21 othi uJehova bayophonswa echibini lesibabule esivutha umlilo, bona bobe benga thethelelwanga ngani izono?
129.AmaKrestu anenhlanhla ngoba kuthe sekusondele izinsuku zokugcina, uNkulunkulu waba thumela umprofethikazi ukuba ezoba qondisa ngokukholwa okuyikho!
130.USister Celestial akagcinanga ngokuprofetha, kodwa usifundise kabanzi ngoku kholwa okwa mukelekile ezulwini!
131.Kuzo zonke izimfundiso zakhe ucaphuna izincwadi zeBhayibheli, njengoba kwakwenza uMprofethi Isaya Shembe kithina maNazaretha!
132.Kodwa amaKrestu amaningi akasemukeli lesi sithunywa sikaNkulunkulu. Bayasithuka, besigxeke, besho konke okubi ngaso!
133.Thina sinoNkulunkulu oyedwa, ibandla elilodwa nomthetho-sisekelo wasezulwini owodwa!
134.Akukwazike ukuthi kuzothi abanye bengayemukeli imiyalo kaJesu noShembe ngokugcina umthetho kaNkulunkulu, bese sonke sehlulelwe ngokufana nzbzhlubuki!
135.Sizoke sibone ukuthi uJesu uzofika alande liphi ibandla phakathi kwalabo abemukela izimfundiso zika Sister Celestial ngokugcina umthetho kaNkulunkulu, nalabo abahlale bemhlasela bethi bona bongena ezulwini NGOMUSA KAJESU!
136.Nasebandleni lamaNazaretha, ibandla lakwaShembe eBuhleni selinonkulunkulu walo, uNyazi!
137.Sizoke sibone ukuthi kulezi zinsuku zokugcina, lonkulunkulu oluNyazi uzobangenisa kuliphi izulu abalandeli bakhe? Lesi isikhathi sokuba ISIHLUNGO SIZIHLUNGE!
INkosi ibusise enikuzwile!