Uthike uBabamkhulu: “Uma ngabe abantu bebazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene emzini oyingcwele…”
Isihlabelelo 228.
1.Ngikhumbule izihlobo
Nabazali bami
Bahambile ngalendlela
Eshona ekufeni.
2.Bakhumbule wena Nkosi
Abokhokho bethu
Badlulile emhlabeni
Besebumnyameni.
3.Kufa namuhla weyisiwe
Awusena mandla
Nawe liba unqotshiwe
Nguye ophezulu.
4.Ufikile uMkhululi
Bayavuka bonke
Nawe zulu nawe mhlaba
Muphakamiseni.
5.Uyingcwele wena Thixo
Mawubongwe njalo
Umusa wakho awupheli
Kubo abantu bakho.
6.Lona izulu nawo mhlaba
Namabandla alo
Bayahlala bedumisa
Wena ngewnhlokomo.
SINGAZI KHULULA KANJANI IZIHLOBO ZETHU EZISOSIZINI EKUFENI KWAZO.
1.Ngaphambi kokuthi ngigxile kulesi sihloko ngizoveza intshumayelo kaShembe uBabamkhulu owayishumayela cishe ngoJuly 1927 eKuphakameni.
2.Kulentshumayelo sicaphune kuphela lapho uBabamkhulu ekhuluma ngosizi lwabantu abasekufeni.
3.Uthike uBabamkhulu: “Uma ngabe abantu bebazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
4.Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene emzini oyingcwele.
5.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e-Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.
6.Akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele!” Amein!
7.Lapha uShembe usifundisa ukuthi kulo lonke usizi esinalo, siphila noma sesafa, luqedwa nguNkulunkulu!
8.Ngakho ke konke ukucela nokubonga kwethu kumele sikubhekise kuMdali wethu!
9.Uma umuntu esehambile emhlabeni thina siyaye sikhalele abasele emhlabeni, noma osedlule emhlabeni sikhaliswe ukumkhumbula.
10.Nokho akekho kithi oyaye afikelwe umcabango wokuthi umufi uhambe kanjani, nokuthi umoya wakhe lapho ukhona uhleli kanjani?
11.Ngomunye unyaka kwaba nomuzi owawufelwa zingane ngesifo esixakile.
12.Umntwana wayevele ekliklize njengomuntu onesi thuthuthwane, agcine ngokushona! Lesi simo saba sibi kakhulu!
13.Saya kulomuzi singamabandla ahlukene siyothandaza, ngoba kwasekushone izingane cishe ezintathu.
14.Sathi sisahleli kulomuzi, sichazelwa ngokufa kwalaba bantwana, kwavele kwawa enye ingane, nayo yaklikliza njengalezi zingane esezifile!
15.Kwasukuma amakholwa ayithandazela, ethi ngegama likaJesu akuphume lokhu kufa.
16.Kodwa yaqhubeka ingane yaklikliza, kwacaca ukuthi nayo iyahamba emhlabeni!
17.Kwase kusukuma umakoti ongumNazaretha wafika waguqa eduze kwalengane eyayisibhuquza phansi iklikliza.
18.Wathi uma eguqa lomakoti, wabe esekhuluma eqondisa kulokhu kufa okubambe lengane, esethi: “Wena kufa obambe lomntwana uyinhloboni yokufa, futhi uvelaphi?”
19.Khona lapho kwaqhamuka izwi lesalukazi, sikhuluma kulomntwana.
20.Lathi lelizwi: “Hhayi, hhayi, bavelaphi laba bantu abakwazi ukungikhulumisa? Baphela abantwana bomntanami!”
21.Sase siyaqala ukukhuluma lesi salukazi, sathi: “Laba ngabantwana bomntanami, mina ngingugogo wabo. Konke lokhu kufa kudalwa yimi.
22.Kwathi ngisentabeni, kwavuka usibanibani, wangiklinya.
23.Ngithe ngithi ngiyakhala, wangifaka iduku emlonyeni, ngaklikliza ngaze ngafa!
24.Manje leli duku selokhu lahlala emlonyeni wami, angikwazi ukukhuluma!
25.Kodwa kwathi uma abantu bengifica sengifile, bathi ngibulawe ngamakhaza ngoba lalina, futhi sengimdala!
26.Yikho ke abantwana bomntanami befa beklikliza, lokhu kuklikliza bakuthatha kimi, ngicela ningisuse leliduku elisemlonyeni!”
27.Nempela umndeni wakufakaza ukuthi lo okhulumayo ngugogo wabo, futhi bamfica esefile entabeni, bacabanga ukuthi ubulawe ngamakhaza ngoba esemdala, kanti ubulewe ngumuntu!
28.Kwafanele ukuba lesi salukazi sesuswe emlonyeni leli duku. Nempela amaNazaretha abizwa awenza lomsebenzi noma mina ngangingekho mhla wenziwa!
29.Lapha sifakaza ngokuthi ngezizathu ezahlukene, abantu asebafa bayaba sosizini, kanjalo, lolusizi lugcina ngokwehlela thina esisaphila!
30.Ngake ngachaza futhi ukuthi cishe ngo 2007 sihlala eflethini eThwekwini. Sathi sizwa kwase kunuka amancolo lapho sihleli khona. Kodwa asaze sazi ukuthi lamancolo aphumaphi.
31.Khona lapho sase sizwa kukhala ithoyilethi. Kwaba sengathi kukhona osetoilet.
32.Kodwa sazi ukuthi sisodwa. Saqala manje sashawa luvalo, sabona ukuthi asisodwa lapha, kukhona umoya omubi esihleli nawo!
33.Sithe sibona kwabe sekufika ingelosi, isithi kimi: “Lo akusiwo umoya omubi, kodwa ngumuntu wakini owafa kudala. Ngumkhulu wakho!
34.Umkhulu wakho wazikhunga esengumfana, kodwa asaze satholakala isidumbu sakhe, waze wabolela ehlathini. Umndeni wacabanga ukuthi wabhunguka waya eGoli.
35.Leli phunga enilizwayo,
ngamancolo lomkhulu owazingcolisa ngawo epaquza ngenkathi eklinywe yintambo!
36.Namanje leyo ntambo isesentanyeni yakhe, usezwa lobo buhlungu owabuzwa ezibulala. Yikho nizwa leli phunga lamancolo!
37.Kodwa usezwile ukuthi emndenini wakhe sekunomntwana okwazi ukukhuluma noNkulunkulu, unethemba lokuthi naye engamkhulula kulolusizi olokhu ekulo!”
38.Yabe isithi ingelosi angimnikelele, ngimcelele intethelelo! Nempela ngamnikelela lomuntu ngimcelela intethelelo yokuzibulala. Kusukela lapho wanyamalala!
39.Njengoba lomkhulu wazibulala esengumfana, angazi ukuthi wayesehlale iminyaka emingaki elokhu waba nentambo entanyeni!
40.Namuhla ke ngifisa ukukhuluma ngezehlakalo ezifana nalezi, okuthi abantu sebehambile emhlabeni, sithi basekuphumuleni, kanti basosizini olwedlula lolu esikulo, ngenxa yezimo abazithola bekuzo!
41.Ngizobuye ngigxile osizini lwabantu abafa kahle, kodwa ekufeni kwabo bathwetshulwe, benziwe imikhovu yabathakathi!
42.Ekhuluma nathi lomuntu wasezulwini, uthi: “Anazi ukuthi kwenzekani kumuntu ofile, eseshiwe yedwa emathuneni.
43.Kunabantu abeza emngcwabeni, bengezeli lutho ngaphandle kokuthi bezobuka ukuthi lomuntu ungcwatshwe kanjani, ngoba bazi ukuthi ekuhambeni komndeni bazobuya bezombulula, bemenze umkhovu wabo abazoqeda ngaye umndeni wakhe!
44.Ithi ke ingelosi: “Akugcini ngokuthi bembulule isidumbu, kodwa noma isidumbu singakangcwatshwa, abathakathi bayawu thwebula umphefumulo womuntu, behambe nawo. Lomoya basebenza ngawo ukubhubhisa umndeni wakhe.
45.Kwesinye isikhathi abasithathi isidumbu sakhe, kodwa bacwiya izitho ezithile abazifunayo emzimbeni wakhe!
46.Nina nilokhu nithi ekufeni umuntu waphumula, kanti yilapho esesekuhluphekeni okukhulu, kunowayekuhlupheka umoya usesesidunjini!”
47.Yabe ingelosi isisitshela ukuthi kumele senze njani ukuvimba lesi simo. Kodwa ngizobuye ngikuchaze lokho.
48.Kuke kwenzeka futhi isimanga kumfundisikazi umaNxumalo, sesikhona lapha ekhaya.
49.Uthe elele wazibona edlula endaweni sengathi ingamadokodo, kodwa wezwa ebizwa ngumuntu.
50.Uthe uma eya kulelidokodo, walifica limnyama, kodwa phakathi kulo kunodadewabo kayise omkhulu ehleli kulendawo emnyama.
51.Lodadewabo esethi: “Ngajabula ukukubona mntakababa, lokhu ngahamba emhlabeni ngihlala lapha, anginyakazi!”
52.Wabuza umaNxumalo ukuthi eze ehlale endaweni embi kanjena nje, kwenzenjani?
53.Udadewabo wamkhombisa ngamehlo ikhehla elifishane, eligugile lihleli buqamama naye. Wayesethi; “Lokhu ngahlala lapha ngiboshwe ngulo, ungigadile!”
54.Uma ephaphama umaNxumalo, waphatheka kabi kakhulu, asaze sazi ukuthi lento isho ukuthini?
55.Kodwa kwase kufika ingelosi isizomchazela ukuthi liyini leli phupho.
56.Ithi ke ingelosi: “Lelikhehla yilo elathunyelwa ukuba lodadewenu limfake ngaphansi kwemoto, othe uma esefile kwathiwa alohlala naye limbheke, ukuze kuthi uma umndeni wakhe umbiza, kuvele lona, bese libhubhisa umuzi wakhe ngaye!
57.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Hamba uyonikela ucele uShembe amlande lomuntu lapho ekhona, naye akhululeke.”
58.Nempela uMfundisikazi wathatha umnikelo, wafike wanikela echaza ukuthi ubone udadewabo njengoba sengichazile.
59.Esenikele, wambona ephusheni udadewabo esehamba ekukhanyeni, lingasekho leli khehla elalimgadile! Udadewabo waphakamisa isandla esibhekise kumfundisikazi ejabule, ebonga!
60.Wayesebona umfundisikazi ukuthi umnikelo wakhe usebenzile, usephumile udadewabo ekuboshweni yileli khehla!##
61.Cishe emasontweni amabili edlule, ngibuye ngezwa ngesigameko ebesixoxwa ngenye intombazane, naso esingishiye ngikhathazeke kakhulu, ngabona ukuthi kukhona uNkulunkulu ongithuma ukuba ngikwenze! Kodwa lentombazane angilitholanga igama layo!
62.Ithi ke lentombazane: “Ngakhapha umngane wami saya emathuneni omndeni, ethi uyotshela umama wakhe osanda kuhamba emhlabeni.
63.Wathi akafuni ukuthi uma umama wakhe efika ekhaya amfice engekho, engazi ukuthi ukuphi.
64.“Ngase ngedlula ngiya emathuneni omndeni, ngaye ngafika ethuneni likamalume. Umalume wahamba emhlabeni ngo 2006.
65.Uma ngifika ethuneni likamalume, ngase ngikhuluma ngiqondisa kuye ngithi: “Malume, lokhu washona awukaze uvele ngisho ephusheni. Asazi ukuthi wayaphi?
66.Malume Mabhunu, ngicela ukuthi lapho ukhona uzibonakalise.
67.Uma kukhona into ofuna sikwenzele yona, ngicela uzibonakalise, usho !
68.Ithi ke lentombazane: “Ngithe uma ngifika endlini, ngazizwa ngidiniwe, ngabe sengiyolala.
69.Uma ngilele ngizwe sengathi kunomuntu ohamba phandle, kodwa ohudula iketango.
70.Ngisalalele lokho, ngizwe umnyango uvuleka. Uma ngithi ngiyaphenduka, nangu umalume wami umile emnyango!
71.Ngethuke ngamemeza kakhulu. Ngenkathi ngimemeza, nangu umalume wami uyasondela embhedeni lapho ngilele khona. Ulimele, ugcwele igazi ebusweni, uboshiwe, ugcwele utshani emzimbeni!
72.Abese ethi: “Ungethuki, ngoba uma wethuka ngizohamba.
73.Angithi uthe ufuna ukwazi ukuthi ngikuphi, ngize lapha ukuzokutshela ukuthi kwenzekani kimi.”
74.Umalume wakhe wabe esemtshela konke ukuthi ubani owenza lento kuye. Nokho lontombazane akabange esayiqedela indaba kamalume wakhe.
75.Uthi ke lontombazane wakhala kakhulu kwaze kwavuka abantu beza kuye. Kodwa ngendlela owaye thuke ngayo akakwazanga ukubatshela ukuthi kwenzekani, waze wabatshela ngelinye ilanga.
76.Lendaba yangithinta kakhulu, ngabona ukuthi uNkulunkulu kukhona ofuna ngikwedlulise kubantu ngalezi zigameko!
77.Sengiyibhalile lendaba, ekuseni ngoMsombuluko ngathola ucingo luvela komunye umama, naye engitshela indaba efana nayo le ekade ngiyibhala phansi!
78.Lomuntu wesifazane ogama lakhe nguZibuyile Njongo, ngowaseHadini.
79.Uthi lomama uthe elele kwafika umalume wakhe kuye. Wase emtshela ukuthi bona bahlala emanzini. Nempela wawubona wonke umndeni wakhe untanta emanzini.
80.Umalume wakhe wabe esemtshela ukuthi ngubani owabafaka lapha emanzini. Wathi umalume wakhe abakwazi kwenza lutho ngoba bahlaliswa lapha emanzini!
81.Manje lomama ubezobuza ukuthi umndeni wakhe engawukhulula kanjani kulolusizi. Ngicabanga ukuthi ukhona lapha enkonzweni!
82.Ekuqaleni ngikhulume ngesigameko sabantwana ababebulawa umkhokha wokuthi ugogo wabo wafa efakwe iduku emlonyeni.
83.Lokhu kungubufakazi bokuthi umuntu ofe ngengozi, leso sifo sihlala kuye ngisho esefile.
84.Kodwa okubi kakhulu ukuthi leso simo siba ngumkhokha obulala abasaphila!
85.Thina ke umuntu esiyaye sithi uletha umkhokha ngumuntu owehlelwe yingozi esiyazi sonke. Kodwa ingelosi yathi akugcini lapho.
86.Umuntu obulawe ngumuthi uyafana nomuntu ofe ngengozi ebonakalayo, ngoba usuke engazifelanga, kodwa ebulewe!
87.Yabuye ingelosi yasichazela ukuthi umuntu obulewe yingculazi kumele ethathwe njengomuntu ofe ngengozi, ngoba ingculazi isifo esakhiwa ukuthi sibulale abantu!
88.Ithi ke ingelosi, uma singasivali, lesi sifo soba ngumkhokha sibulale bonke abantu, kulokhu kuthiwa abantu babulawe yingculazi!
89.Umuntu uma efe kabi, leso simo ofe ekuso asedluli ngisho esefile aze agezwe, isifo sihlala kuye ngisho esefile! Imvelo leyo!
90.Okwesibili sibuye sakhuluma ngabantu okuthi sebefile bese bethwetshulwa, noma bembululwe kucwiwe imizimba yabo.
91.Baningi abantu ekufeni abangayi ezulwini, hhayi ngoba benesono esingako, kodwa ngoba imimoya yabo ithunjiwe, bese kosetshenzwa ngayo!
92.Lento ekuqaleni ngangingayi kholwa ukuthi iyenzeka. Kodwa ngize ngazi ngoba sesichazelwa yingelosi!
93.Ngangicabanga ukuthi ekufeni sibhekana kuphela nokwahlulelwa ngenxa yezono zethu, kanti akunjalo, noma sesafa usizi olukhulu siluthwaliswa ngabathakathi!
94.Angenke ngizibale izindlela abathakathi abazisebenzisayo ukuhlukumeza umuntu ngisho esefile!
95.Kodwa inkinga enkulu ukuthi uma umthakathi esekuthakatha usufile, awukwazi ukuzivikela, ngoba amandla okubiza uNkulunkulu uwathola uma usaphila.
96.Uma usufile, indaba yakho isuke isiphelile! Akukho buqhawe nabugagu ongase ubuye ukuveze!
97.Umuntu osefile engasizwa ngabaphilayo kuphela. Yikho uShembe ethi:
98.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e-Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.
99.Akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele!”
100.Ngokuhlala nengelosi, sesiyazi ukuthi umoya womuntu uba seduze kwesidumbu sakhe aze engcwatshwe.
101.Ngenkathi nibeke isidumbu endlini kade sisemakhazeni, abathakathi bayakwazi lomuntu ukumthwebula ngisho isidumbu sakhe sisabekwe endlini!
102.Ngenkathi niyomncwaba, sebemthwebule! Uma usungumoya, abathakathi benza noma yini ngawe!
103.Bayakuthuma emzini wakho ukuba uyobulala abantwana bakho, futhi awunamandla okwenqaba!
104.Ngalesi sizathu ingelosi yasenqabela thina e-NCG ukuthi isidumbu sethu silale ekhaya, kodwa silandwa emakhazeni sesiyo ngcwatshwa.
105.Ngaleyo ndlela mancane amathuba okuthwebula isidumbu sakho, ngoba asikugqugquzeli ukubonwa kwesidumbu somuntu osefile!
106.Ingelosi isifundisile ukuthi indlela ephephe kakhulu yokuthi umuntu osefile engathwetshulwa, noma isidumbu sakhe singacwiwa, ukuba isidumbu sishiswe!
107.Uthi ke lomuntu wasezulwini, uma usufile, bese uyoshiswa, awunathuna elingambiwa bese isidumbu sakho sicwiwa.
108.Futhi uma amathuna ephela, ayikho ingozi yokuba kungcwatshwe omunye umuntu ngaphezu kwakho, noma wena ungcwatshwe phezu komunye umuntu.
109.Kanjalo futhi, ayikho ingozi yokuthi uma kunezikhukhula, izikhukhula zivule ithuna lakho, ngoba alikho!
110.Yabe isithi ingelosi iyakuncoma ukuthi uma sifa sishiswe, bese umlotha uphonswa emfuleni noma olwandle! Kodwa asiphoqiwe ukukwenza lokho.
111.Baningi kakhulu abantu ekufeni abasosizini olukhulu, kunga khathaleki ukuthi bebe busa kangaka nani beselapha emhlabeni!
112.Ukunqoba lesi simo, ingelosi yakhuluma ngomshuwalensi womphefumulo. Ithi abantu basemhlabeni baba nomshuwalensi wokuvikela impahla yabo, noma yokubhekela imindeni yabo uma sebefile.
113.Kodwa akakho oke abe nomshuwalensi ozobhekela umphefumulo wakhe, ngoba ubunzima okuthwalwa ngumuntu ekufeni bungeqhathaniswe nalutho yalapha emhlabeni!
114.Njengoba ukwazi ukuthatha umshuwalensi wokuthi noma uvelelwa yini umshuwalensi ukukhokhele, kanjalo nasezulwini, uyakwazi ukuthatha umshuwalensi womphefumulo wakho ngokuhlale unikelela ingelosi ezokubheka kuleso simo osuke usibikile ukuthi ufuna ukuvikelwa kuso!
115.Njengoba nasemhlabeni uvelelwa ngokubi noma ukholiwe, noma usufile kuyenzeka kungakuhambeli kahle, kungakhathaleki ukuthi ubukholiwe!
116.Ziningike izimo ezidala lokho! Okunye kwakho, njengoba sesishilo, ukuthakathwa ngokuba uthwetshulwe, kumbe kucwiwe isidumbu sakho!
117.Yini eyayenze ukuthi noma ubukholiwe, kodwa abathakathi bekwazi ukuthi umoya wakho bewusebenzise, ungaze waya ezulwini?
118.Sonke sikholiwe, kodwa asiphelele ekukholweni kwethu. Abantu abaningi bayakholwa ngomlomo, kodwa izenzo zabo zibafice bekude noNkulunkulu!
119.Kuthi uma sekufika izimo ezifuna ukuba uNkulunkulu abe seduze kwakho, ngenxa yemisebenzi yakho, kutholakale ukuthi ubungcwele kukude nawe. Yikho kubalulekile ukuthi uphelele ekukhonzeni uNkulunkulu!
120.Ekufeni kwakho ubangwa yimimoya eminingi ithi ungowayo, kutholakale ukuthi ayikho ingelosi ekwazi ukukuvikela, ngoba vele ekukholweni kwakho ugxamalazile, wenza izinto eziningi ezingemukeleki ekukholweni, ugcina usubangwa imimoya eminingi!
121.Ithi ke ingelosi, njengoba abasemhlabeni beba nomshuwalensi wezimpilo zabo belapha emhlabeni, wena olikholwa yiba nomshuwalensi ozokulekelela nakuyiphi inkinga ekufeni kwakho!
122.Ngokuthatha umshuwalensi womphefumulo wakho, ezulwini kukhishwa ingelosi ezokubheka maqondana nalokho ohlale ukunikekela.
123.Isikhathi esiningi ngaphambi kokuba umuntu afe, abaningi bedlula ezinhlungwini ezinkulu. Kodwa uyakwazi ukuthi unikelele ingelosi ezobheka ukuthi uma sekufike isikhathi sokufa, ufe ungedlulanga ezinhlungwini ezinkulu!
124.Sonke asithandi ukushesha sife, sifuna ukufa uma sekufike isikhathi sokufa!
125.Kodwa akuhlale kwenzeka lokho, ngoba ziningi izinto ezisibulala singakafiki isikhathi.
126.Kodwa uyakwazi ukuhlale ukunikelela ukuthi kube nengelosi ehlale ikubhekile, ungafi usemncane!
127.Okokugcina, njengoba sesishilo, ziningi izinto ezingenza ukuthi noma ubukholiwe, kodwa uthi uma ufa ungayi ezulwini, uduke, mhlawumbe ekufeni kwakho umoya wakho uzithole usuhleli nemimoya ongayazi.
128.Ukunikeza isibonelo: Ungaba yinkosikazi ephelele ekukholweni, kodwa ube newigi yakho oyithanda kakhulu, ongehlukani nayo. Kanti lewigi ngeyezinwele zomuntu owayedayisa umzimba, kumbe ongumbulali. Wena uhloba ngezinwele zomuntu osekulahlweni!
129.Ekufeni kwakho, umoya wakho uyohlangabezwa ngumoya walomuntu osekulahlweni, ukuse lapho yena ekhona, noma ngabe usesihogweni!
130.Uyozibona ususe ndaweni ongazange uyisebenzele usese mhlabeni.
131.Ayikwazi ingelosi ukuwuvimba lomoya, ngoba nguwe ozihlanganise nawo!
132.Kodwa uma uhlale unikelela ingelosi yokuthi ekufeni kwakho iwuthathe umphefumulo wakho iye nawe ezulwini, kuba njalo!
133.Ngegunya lokuthi uhlale uyinikelela, ekufeni ivele ikuthathe iye nawe ezulwini, akakho lengelosi ongayibangisa wena, ngoba wawuhlale ukunikelela ukuba ikubheke! Le imfundiso yengelosi, nayo evela ezulwini!
134.Ingelosi yakhuluma kabanzi ngomkhuba omubi kakhulu wokuthwebula noma ukucwiya izidumbu zabantu.
135.Ithi ke ingelosi uma umuntu ethwetshulwe, basuke sebeqedile ngalowo muzi, ngoba basebenza ngabo laba abathwetshulwe ukuqeda ngabaphilayo!
136.Lomuntu wasezulwini wabe esethi yinye indlela yomuntu olikholwa yokuvika lomkhuba.
137.Kumele sibhajadiswe okwesibili, ubhajadiselwe umndeni wakho nowasekhako nyoko ongasekho.
138.Ngenkathi ubhajadiswa, ukuchaze ukuthi ubhajadiselwa umndeni wakho, ngalombhabhadiso ucela ukuba bakhululeke lapho beboshwe khona.
139.Ithi ke ingelosi: “Uma usubanikelele, wabhajadiswa, ezulwini kuyophuma ingelosi eyobalanda nomaphi lapho bekhona.
140.Nabathwetshuliwe, umthakathi akanamandla ngaphezu kwengelosi. Yona iyobakhipha ngisho kuphi lapho bagcinwe khona.
141.Kodwa yathi ingelosi umuntu ongakholiwe, naye ongabhajadisiwe, akakwazi ukubhajadiselwa umuntu, mhlawumbe ongakwenza ukumnikelela.
142.Ngenxa yokuthi sekube nabantu abaningi, nabanga kholwa abangi shayela izincingo bekhuluma ngalento, sesinqume ukuthi sikwenze lokhu esakufundiswa yingelosi.
143.Abantu abafuna ukubhajadiselwa abakubo, ababhalise, bese sikhetha izinsuku okufanele lomsebenzi siwenze ngazo! Nabafuna ukubanikelela, nabo abakwenze lokho!
144.Siyacela kuNkulunkulu ukuba ezulwini kukhishwe ingelosi enamandla ezolwela abantu abaphilayo nabasemathuneni, ibakhulule kulobu bunzima abakubo!
iNkosi ibusise enikuzwile!