Kukhona ingqondo ebusa kakhulu isizwe esimhlophe, kodwa osekukhona nabantu abamnyama ebabusayo, ukuthi into ibakhona ngoba yaziwa yibo ukuthi ikhona; uma bona bengayiqondi ubukhona bayo, lokho kusho ukuthi leyonto ayikho!
Lokhu kumayelana nomqondo ongenabo ubuqiniso othi i-Europe iyona sizinda solwazi okufanele wonke umhlaba ulwamukele ngoba yake yaba namandla kunamanye amazwe!
Isihlabelelo 118.
1.Lalelani nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhajadiswe
Nize nisindiswe.
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amen, hleluya
Balekani nonke zoni.
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
4.Amein hlaleluya
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
5.Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenakukhululwa.
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
NGABE IZULU NESIHOGO ZINDAWO EZIKHONA.
1.Ngaphambi kokuba sigxile kulesi sihloko kunezinto eziningi okumele siziveze.
2.Okokuqala, kumele kwazeke ukuthi ukuze uthi into ikhona, akudingi ukuthi uze uyibone ngamehlo.
3.Siyazi ukuthi umoya ukhona, kodwa asikaze siwubone, siyakwazi ukuthi namuhla umoya ubheke enyakatho noma eningizimu, yize singawuboni.
4.Kanjalo, zibakhona izinto nezindawo esaziyo ukuthi zikhona, kodwa esingakaze sizibone. Ngiyazi ukuthi ikhona iRussia, kodwa angikaze ngiyibone! Ngiyazi ukuthi sabakhona iSilo uShaka, kodwa angizange ngisibone!
5.Kukhona ingqondo ebusa kakhulu isizwe esimhlophe, kodwa osekukhona nabantu abamnyama ebabusayo, ukuthi into ibakhona ngoba yaziwa yibo ukuthi ikhona; uma bona bengayiqondi ubukhona bayo, lokho kusho ukuthi leyonto ayikho!
6.Lokhu kumayelana nomqondo ongenabo ubuqiniso othi i-Europe iyona sizinda solwazi okufanele wonke umhlaba ulwamukele ngoba yake yaba namandla kunamanye amazwe!
7.Wena owaziyo ukuthi lento ikhona kusho ukuthi ubuswa inkoloze, mhlawumbe awuphili kahle ekhanda ngoba ayaziwa abamhlophe!
8.Ngo September 2006 sabona sekufika endlini inkosazana esasingayazi. Yathi uma izethula yathi igama layo nguHlaleleni, ingudadewethu!
9.Kwathi uma sikucacisa ukuthi mina anginaye udadewethu, yathi asamukele lokho esitshela khona!
10.Kodwa kwathi kophela isonto kwasekucaca ukuthi lenkosazana elokhu isivakashela akusiye umuntu, i-spirit lesi!
11.Ukuthi i-spirit lesi esilokhu sifika lapha endlini, sabona ngoba lenkosazana sasiyibona isisendlini, kodwa singazi ukuthi ingene kanjani lapha endlini. Abafundile ke bangathi ‘cha, kusuke kungama phantoms noma ama apparitions izinto ezinjalo, ikakhulu labo abamphikayo uNkulunkulu!’
12.Noma isihamba ivele inyamalale nje sihleli nayo, futhi ibonwa yimi nomfundisikazi kuphela!
13.Akugcinanga lapho, ngo 2007 yabe lenkosazane isingichazela ukuthi njengoba iphakathi kwethu, ithunywe kimi nguShembe iNkosi iLanga, uthe ayizongibheka ngoba enkonzweni kunabagcotshwa abangizondayo abafuna nokungibulala.
14.Lokhu kukhuluma kwale Nkosazana kwakubonisa ukuthi le ingelosi esingayibiza ngokuthi yi guardian angel, ingelosi engibhekile. Kodwa okuseqinisweni angazi lutho ngento enjalo!
15.Kodwa mhla ka 4 January 2010, lengelosi yeza kithi nomlayeza owasidida kakhulu! Yathi ithunywe kimi yiyo iNkosi iLanga. Ithi angiyakhele indlu kaJehova; indlu kaJehova ke libandla!
16.Waqhubeka lomuntu oyisimanga wathi: “Kulelibandla ngizo fundisa abantu indlela eyiyo yoku khonza uJehova, ngithathele ezi mfundisweni zomprofethi u-Isaya Shembe efundisa ama Nazaretha!”
17.Lenkulumo yokuthi ANGISUNGULE IBANDLA, NGISHUMAYELE NGIVUSE IBANDLA LIKAJEHOVA ELALIHOLWA NGUBABAMKHULU, kwangidida kakhulu, ikakhulukazi ngoba ibandla lama Nazaretha lalihlale liholwa ngumuntu wakwaShembe!
18.UBabamkhulu wayeqhuba izwi likaJehova njengoba lalifundiswa ngabaprofethi bakwa-Israel, nami-ke ngibhekeke ukuba ngiqhube leli bandla ngisusela ezimfundisweni zakhe uBabamkhulu!
19.Yaqhuba ingelosi yathi LELIVANGELI UZOLITHOLA EBHAYIBHELINI NASEZI HLABELELWENI ZAMA NAZARETHA, KANJALO NASEZI NTSHUMAYELWENI ZAKHE USHEMBE UMPROFETHI!
20.Ngokusobala, lengelosi yayisisichazela ukuthi noma ithunywe nguShembe, kodwa mina ngithunywe ukuba NGIVUSELELE KUBANTU IVANGELI NGONKULUNKULU OGAMA LAKHE NGUJEHOVA NJENGOBA KWAKWENZA UBABAMKHULU!
21.Njengoba sesichazile, lengelosi kusukela ngo September 2006, ifika kithi kabili noma kathathu ngesonto.
22.Ekufikeni kwayo, njalo isishumayeza ngokukholwa kokugcina imithetho kaNkulunkulu, nokuthi ukukholwa kuJehova kunye, NEBANDLA LIKAJEHOVA LINYE!
23.LeNkosazane yasezulwini isifundisa izincwadi nezahluko eziningi zeBhayibheli esasingakaze sizibone zifundwa, kanjalo nezihlabelelo zamaNazaretha!
24.Kodwa isimanga ukuthi lomuntu wasezulwini akaliphathi iBhayibheli nesihlabelelo, kodwa yonke imibhalo ivela esandleni sakhe njengoba isuke ivela kuyi screen seCell phone!
25.Lesi simo salomuntu esihleli naye singubufakazi bokuthi noma lo kungumuntu ongabukeka efana nathi, kodwa akusiye umuntu wakulomhlaba!
26.Umprofethikazi uSister Celestial, echaza ukuthi uNkulunkulu wamchazela ukuthini ngesimo sezingelosi, uthi:
27.“INkosi yathi izingelosi zingavela zibonakale zinjengabantu, kodwa zehlukile kubantu.
28.Lokhu sikuthola ekufikeni kwengelosi kubazali bakaSamsoni. Bona babebona indoda nje ekhuluma nabo, kanti yingelosi!
29.Kanjalo noGideon wabona ingelosi, kodwa engazi ukuthi wayebhekene nengelosi, ngoba yayifana nje nensizwa eyabe izomkhuthaza.
30.Ingelosi ingehlela emhlabeni ilethe umyalezo kaYahuah isebenzise inyama yomuntu njengento yokuziveza samuntu nakuba ingesiye umuntu.
31.Kungani ingelosi ifika emhlabeni isebenzise le nyama njengento yokucashisa isimo sayo?
32.Lokhu ikwenzela ukufihla inkazimulo yayo njengesithunywa sezulu. Lokhu uNkulunkulu ukwenzela ukuphepha kwabantu baKhe.
33.Uma ningabantu bakaNkulunkulu anilangazeleli ukubona izidalwa zezulu zehla zivela esibhakabhakeni zikhazimula ngaleyo nkazimulo enkulu yasezulwini.
34.Ingelosi engavela esimweni sayo senkazimulo ingambulala umuntu ngokuthi nje eyibonile!
35.Uma inkazimulo ivutha phambi kwezingelosi, kuyinkazimulo encane nje yobukhona bukaNkulunkulu, ngoba zonke izingelosi nezidalwa zezulu inkazimulo ziyithola kuNkulunkulu kuphela!
36.Uma izinceku zeNkosi zibona izingelosi ubuso nobuso, kungekho emaphusheni noma ezibonakalisweni, inkazimulo yazo iyancishiswa kakhulu, ngoba ngaphandle kwalokho zingabanga omkhulu umonakalo emqondweni nasemzimbeni womuntu, ikakhulu enhliziyweni. Amein!”
37.Lencazelo ka Sister Celestial ifakazela lokhu engihlale ngikuchaza ngesimo sezingelosi, ukuthi uma uke wavele wabona ingelosi ibingathunyelwe kuwe, uyafa!
38.Njengoba esho noSister Celestial, akufanele ukuthi ikholwa lihlale lilangazelela ukubona izingelosi, ngoba uma uke wabona ingelosi ibingathunyelwe kuwe, uyafa! Okwethu ukweneliswa ukukholwa kuphela!
39.Manje ke uma sekuvela umuntu ethi uNkulunkulu akekho, izulu alikho, isihogo asikho, izingelosi azikho, inkolo yinto eyakhiwa zihlakakaniphi, uchaza ukuthi mina engaziyo ukuthi zonke lezi zinto zikhona, kusho ukuthi angiphilile ekhanda, ngibona ubukhona bento engekho?
40.NoSister Celestial wonke lomyalezo osinika wona ovela kuNkulunkulu, kusho ukuthi naye ugula ngekhanda?
41.Kubantu abazi ukuthi bahlakaniphe kakhulu kunabanye abantu, bazifundisa ukuthi into yena ongayazi ayikho; EYAKHE INKOLELO IYONA EYIYO, EHLUKILE KWEYAKHE INGUKUHLANYA!
42.Lomuntu usho ukuthi njengoba kusukela ngo 2006 sihleli nengelosi, lengelosi yinto nje esemakhanda ethu, kodwa in reality iyinto engekho?
43.Kukhona isisho esithi okwake kwaba khona kobuye kube khona!
44.UNkulunkulu akaqali ngathi ukuhlala nabantu, futhi akaqali ngathi ukuthuma ingelosi ukuba izohlala nabantu.
45.Ku-Eksodusi 23:20-24 uJehova wayithuma ingelosi kubantwana bakwa-Israel ukuba ihlale nabo, ibafundise ukukholwa okufunwa nguJehova!
46.Kanjalo, njengoba uNkulunkulu wayehlale ebabhubhisa abantu, namanje usazobabhubhisa!
47.Leso sililo esaba khona uNkulunkulu ebhubhisa iBabylon, ebhubhisa abantu ngesikhathi sikaNowa nangesikhathi seSodom neGomora, namanje lezo zehlakalo zizosehlela nathi!
48.Njengoba noNkulunkulu esho ngoMprofethikazi, lesi
sizwe simdelele kakhulu uNkulunkulu, mhlawumbe ngaphezu kokwake kwenzeka ngaphambili!
49.Nokubhubha kwethu ke kuzoba njalo, kuzoba nzima ngaphezu kokwake kwaba khona!
50.Njengoba emandulo uNkulunkulu wayekhuluma nabantwana bakwa-Israel, sekufike isikhathi sokuba uNkulunkulu asikhumbule lesi sizwe owayesilahlile, esiqoqe ezindaweni ezahlukene!
51.Kodwa abanye bethu bazogcina ngokubhubha njengabezizwe, ngoba bamhlubukile uJehova!
52.Njengoba uSister Celestial ekhuluma noNKulunkulu, akuqali ngaye, nasemandulo uJehova abantu wayeqale ebathumele umprofethi ukuze abaphendukayo baphenduke, amahlubuka amthuke, njengoba benza nje nanamuhla naku Sister Celestial!
53.Kodwa ekugcineni babhubhe, babhubhe sebechazelwe konke abadelele ngakho uNkulunkulu, njengoba nanamuhla uSister Celestial ebatshela nje, kodwa bengenendaba naye!
54.Mina ngiyazi ukuthi uCelestial udlulisa kithi umyalezo kaNkulunkulu, angikukholwa lokho, kodwa ngiyakwazi, yikho njalo uma ekhuluma ngimlalela!
55.Njengoba ingelosi isihlale nathi isikhathi eside kangaka ivuselela ukukholwa okwalethwa kithi nguBabamkhulu, yenzela ukuthi labo abangamahlubuka, bengasho ukuthi kukhona into abayenza bengazi ukuthi benza isono!
56.Noma isiphi isikhathi uma uNkulunkulu ethuma umuntu wakhe ukuba aqondise indlela yasezulwini, kuvela ababi bamthuke, bajivaze wonke umsebenzi kaNkulunkulu, njengoba benza nje kuSister Celestial!
57.Kodwa kusasa kuzothi uma uNkulunkulu esephendula, uyobezwa sebethi: “Celestial, sicelele intethelelo kuNkulunkulu, please pray for Los Angeles, please pray for California!”
58.Kodwa uSister Celestial ubachazele kusukela ekuqaleni ukuthi uthini umyalezo kaNkulunkulu! THIS IS THE END TIME!
59.No Sister Celestial angenke akushintshe osekunqunywe nguNKulunkulu! UNkulunkulu akasiyo into yokudlala!
60.Uthi ke uSister Celestial: “Ngimbuzile uNkulunkulu ukuthi ngithini kubantu?” Wathi: “Tell them to repent!”
61.Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuzisola ngezono ozenzayo, bese unquma ukuziyeka ulandele umthetho kaNkulunkulu!
62.Uma ubuphinga, uzisola ngalesi sono, bese uyasiyeka usulandela umthetho kaNkulunkulu othi “Ungaphingi!” usuphendukile ke!
63.Uma ususiyekile isono wakholwa, ngegazi likaYeshua uyathethelelwa kulezo zono obuzenza ngaphambili!
64.Kodwa ukuthethelelwa kwezono kwenzeka sekwenzeke izinto ezimbili kuwe, ukuzisola ngesono osenzile, wabe ususivuma, ususiyeka, usulandela umthetho kaNkulunkulu!
65.Ukuthethelelwa izono is a privilege, akusiyo i-right ongayifuna ngenkani! UNkulunkulu usho kanje naku Sister Celestial!
66.Enye imfundiso elilumbo eyokuthi izono zaqala ukuthethelelwa ngokubethelwa kukaJesu esiphambanweni!
67.Ku-Isaya 43:25 uJehova uthi: “Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami!”
68.KuDaniyeli 9:9 kuthi: “Kepha kuyo iNkosi uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela, ngokuba simhlubukile!”
69.KuJonah 3:10 kuthi: “UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wabe eseyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa!”
70.Kubalulekile ukuthi ivangeli lomuntu othi uphethe izwi likaNkulunkulu libe ngeligqugquzela abantu ukuthi abaphenduke, beshiye izono!
71.Kodwa okwenzeka emabandleni kuyethusa! Ungathola umfundisi egijima indlu yonke yesonto, omunye edansa khona esontweni, omunye ekhahlela ubala, kushawa izinsimbi kuhlekwa, bese ethi lowo mfundisi ngalesi senzo ushumayela abantu ukuba bashiye izono bagcine umthetho kaNkulunkulu?
72.Omunye umthola ethuka inhlamba phakathi enkonzweni, omunye ekhuluma imikhuba exakile phambi kwabantwana nabantu besifazane enkonzweni, kodwa ebe ethi uyashumayela, ubuyisa abantu kuNkulunkulu! What a shame!
73.Abanye babizwa ezindaweni eziningi kuthiwe they must come to motivate! Lokho kusho ukuthi hemust come to entertain ibandla ngamahlaya ngoba alikho izwi leNkosi! NB
74.Uma ufuna ukwazi ukuthi ivangeli lasezulwini ledluliswa kanjani kubantu, njengamanje ebandleni lamaKrestu uNkulunkulu uthume umprofethikazi uSister Celestial!
75.Ukuthi lomprofethikazi awumamukeli, indaba yakho leyo, kodwa oPhezukonke umthumile ukuba ezoqondisa izwe ngesono, ezophikisa zonke lezi zinganekwane zabakhohlisi ezizosusa abantu kuNkulunkulu!
76.Okusalayo ukuthi THIS IS THE END TIME,LEZI ZIKHATHI ZOKUGCINA! Kusukela manje abantu abakhethe noma basembusweni we Beast system noma balandela uNkulunkulu! Abafuna ukuya emzini oyingcwele, abakhethe manje!
77.Abantu abaningi abazi ukuthi ezulwini kwehlulelwa kanjani, bacabanga ukuthi mhlawumbe bazolokhu bedaza inkani njengalapha emhlabeni. Kanti akunjalo, uyofika phambili bebe sebeku hlangabezile okade ubasebenzela!
78.Esikhathini esiphambili ngangithetha icala elibi lokubulala, kanti ingelosi ikhona lapha enkantolo ililalele leli cala!
79.Sengifika ekhaya, yabe isithi kimi: “Niyahlupheka nina, ngoba umuntu nimehlulela ngenikuzwe ekusho, noma enikubone ekwenza, kodwa ezulwini akuhambi kanjalo!
80.Ezulwini umuntu wehlulelwa ngobekucabanga! Konke ukwenza okubi komuntu kuqala esacabanga, esekwenza okubi, noma esebaleka okubi esekwenzile!
81.Umumtu obulele umuntu kwesinye isikhathi uthi embulala kube kade waqala ecabanga indlela ozombulala ngayo. Noma esembulele, ejabule ezincoma ngokuthi umbulele.
82.Kanti omunye umuntu akakusophi ukubulala umuntu, noma esembulele, noma ebalekile, wacasha lapho ekhona usuke ebalisa ngokuthi usenze into embi ngokubulala umuntu.
83.Ukwehlulela ezulwini kusukela lapho ke, inhliziyo ekwenzile izikhulumela yona!”
84.Kanjalo ezonweni eziningi, uyaye uthi uma umuntu umtshela ukuthi uNkulunkulu akakufuni lokhu, ebese ephikisana nawe, ekutshele izizathu zokuthi kungani enza lesi sono!
85.Kanti ezulwini uthi umzimba uhlukana nawe, umphefumulo uye lapho okade usebenzela khona!
86.Uma ethi uNkulunkulu ungalifaki ibhulukwe ungumuntu wesifazane, ekufeni akukho muntu ozophikisana naye, ngoba lowo owakufundisa ukuthi faka ibhulukwe, uyomfica esekulindile, ekwethule kwabanye ofanisene nabo ngokufaka amabhulukwe!
87.Ayikho into ingelosi ebikulandile engayenza, ngoba uselapha emhlabeni umhlubukile uNkulunkulu, wazikhethela wena umbuso wobumnyama!
88.Wonke umthetho kaNkulunkulu useBhayibhelini ezincwadini zikaMose nezabaprofethi!
89.KumaNazaretha uNkulunkulu wathuma uShembe ukuzovuselela umthetho kaMose! Ingelosi ithunyelwe ukuzovuselela umsebenzi womprofethi!
90.KumaKrestu uJehova uthume umprofethikazi uSister Celestial ukuzoqondisa inqubo yokukholwa eyayichithwe ngabezizwe!
91.Kodwa zonke lezi zithunywa zikaNkulunkulu zisifundisa into eyodwa, ukuthi ASIKHOLWE NGOKUGCINA IMITHETHO KANKULUNKULU OWAYILETHA EMHLABENI NGOMOSE!
92.Ngenxa yokuthi ngiyazi ukuthi abantu abalifundi iBhayibheli, futhi nabafundisi babo babafundisa into engekho, ngizolekelela uSister Celestial ukukhumbuza abafuna ukuqhuba ukukholwa kwabo ngokugcina imithetho kaJehova, ukuba bayazi lemithetho yokukholwa!
93.Kuyisono ukuphinga. Ukuphinga kusho ukuzihlanganisa ngokocansi nomuntu ogane omunye umuntu!
94.Kuyisono ukuhlobonga. Ukuhlobonga kusho ukuzihlanganisa ngokocansi nanoma yimuphi umuntu ungakagani, noma ungakaganwa.
95.Ngokosiko lwasemhlabeni ukuze uthi uganiwe kumele ulobole, bese ugcagcelwa ngokuqhoyisa!
96.Kodwa ngokukaNkulunkulu awukho umthetho wokulobola, lolu lusiko lwasemhlabeni ongenzi sono ngokungalulandeli!
97.Ekukholweni, uma nivela phambi kwamfundisi nifunga phambi kwaNkulunkulu ukuthi seningumfazi nendoda, nisuke ngokwasezulwini senishadile!
98.UJehova uthi umuntu owenza ucansi nomuntu onobulili obufana nobakhe, ababulawe bobabili, ngoba leso senzo siyisinengiso kuNkulunkulu!
99.Ekukholweni ukuthengisa ngomzimba wakho kwabesilisa kuyisinengiso kuNkulunkulu. Nabo abesilisa abathenga amanyala anjalo bayanengeka kuJehova. Ekufeni kwakho uzolahlwa!
100.Ekukholweni ukuhushula isisu (abortion), kuyisono esibi kungukubulala. Ekufeni kwakho uyolahlwa ngalokho!
101.Ekukholweni kuyisinengiso ukubuka izithombe zocansi (i-ponography). Isono esibi leso!
102.Uthi uNkulunkulu umuntu otholakala elele nesilwane (bestiality), akabulawe kanye naleso silwane. Leso isenzo esiyisinengiso kuJehova!
103.Ekukholweni kuyisinengiso ukwenza ucansi ngemicabango, isexual self-gratification, imustabation. Leso senzo siyisinengiso kuJehova!
104.Kuyisinengiso kuNkulunkulu ukuhlangana kwakho nomkakho ngokocansi sengathi niyizinja, wenze umkakho unondindwa! Ukuhlangana kwenu ngokothando akube ngokuhloniphekile phambi kwaJehova obona konke!
105.Ekukholweni umuntu wesilisa akayifaki ingubo yomuntu wesifazane, nowesifazane akayifaki eyowesilisa. Abenza lokho bayisinengiso kuNkulunkulu!
106.Ekukholweni owesifazane ekugqokeni akawuvezi umzimba wakhe ngendlela yokukhanukisa abesilisa ngawo. Lokho kuyisinengiso kuNkulunkulu!
107.Ekukholweni awuwupendi umlomo nezinzipho namashiya, nanoma yini oyenza ngokushintsha imvelo yakho ngaphandle kokuthi ugeze bese ugcoba ngamafutha ahlambulukileyo angazushintsha isimo sobuwena.
108.Kuyo yonke into esiyenzayo nesingayenzi, thina sibukela kuyingelosi, amanye amakholwa akabukele kuSister Celestial ukuthi ezulwini yini nani engenziwa!
109.Ekukholweni awuzixhumi izinwele zakho ngezinwele zomunye umuntu, kungasaphathwa ezesinye isizwe. Leso senzo siyisinengiso kuJehova!
110.Ekukholweni awuyenzi itatoo emzimbeni wakho, awuzigcabi. Lokho kuyisinengiso kuNkulunkulu!
111.Ekukholweni awuliphuculi ikhanda nesilevu sakho. Lokho kuyisinengiso kuNkulunkulu!
112.Bonke abantu abakhonza uJehova kumele bagcine iSabatha, ngoba liwuphawu lwesivumelwane sakhe noNkulunkulu.
113.UJehova uthi umuntu ongaligcini iSabatha akabulawe; ungawubasi umlilo ngeSabatha!
114.Ekukholweni awuzidli izilwane othe uNkulunkulu ungazidli, awuzihlanganisi nezinto othe uNkulunkulu ungazenzi, njengokuhlabela amadlozi, ukuya ezangomeni ukobhula, nokuzihlanganisa nangayiphi indlela nezangoma!
115.Ekukholweni uJehova akakuvumeli ukuthi ukhonze noma uthembele nanoma kumuphi umuntu, umoya noma into ngaphandle kwaKhe yedwa!
116.Ungalokothi uthuke noma wenze inhlekisa ngoNkulunkulu, njengoba ngiyaye ngibone kwenziwa koTikTok!
117.Uthi uJehova: “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngoba uJehova akanakumyeka ukumjezisa ophatha ngeze igama lakhe!”
118.Ekukholweni kuyisono ukuhleba nokuqamba amanga ngomunye umuntu; kuyisono ukuba nomona uze wenze into embi kumuntu ngoba wenziwa ngumona!
119.Ekukholweni kuyisono ukuzithwala, ucabange ukuthi wena uyinto ebalulekile kunabanye abantu!
120.Kunabafundisi abaningi abathi bangaba phostoli, bangabaprofethi, banguNkulunkulu, onke lamagama bawasebenzisela ukukhohlisa abantu, iningi labo liyathwala ekukholweni ukuze bacebe ngegama likaNkulunkulu! Umvuzo wabo lapha siya khona, isihogo!
121.KuJeremiya 10:11 uNkulunkulu ukhuluma kanje: “Niyokusho kanje kubo, nithi: “Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayokubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu!”
122.Kusukela manje sisesikhathini sokugcina (End Time), lesi isikhathi sikaNkulunkulu owadala izulu nomhlaba!
123.Sizobhubha ngamanzi, izikhukhula ezinhlobonhlobo, sibhubhe ngemimoya, amatarnado, sibhujiswa ngamatsunami nokuningi okunjalo kuphezu kwethu!
124.Sizobhubha ngomlilo, ama volcanos nama earthquakes azoba phezu kwethu. Ama landslides aphezu kwethu!
125.Sizobhubhisana sodwa ngama civil wars, sizolala ezintabeni; ekugcineni sizoba nama international wars azonyakazisa umuntu wonke! Sizobulalwa yindlala, sibulawe yizifo ezinhlobonhlobo!
126.Onkulunkulu abangalidalanga izulu nomhlaba sizobona ukuthi bazozivikela kanjani, bebavikele kanjani nabantu babo kulolulaka lukaNkulunkulu olusehlelayo ngenxa yezono zethu!NB
127.Thina esinamathele kuNkulunkulu onamandla onke, uYise wabo bonke abamthandayo, asingamdeli uNkulunkulu wethu, siphilele ukumthanda ngenhliziyo yethu yonke, ngengqondo yethu nangomoya wethu wonke, SIMESABE NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE!
INkosi ibusise izwi layo!