Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Niyabona ke ukuthi kuyingozi kangakanani ukuthi usizi lwakho ungaluqondisi kuShembe noma kuNkulunkulu? Nizihlanganisa nabantu enithi ngabakini, kanti abanye bayizitha zenu!”
Kodwa ngoShembe angiqondisile kumholi onesibongo sakwaShembe.
Kule libandla lamaNazaretha kaNkulunkulu asimkhonzi umuntu, kodwa senza lokhu esakutshelwa yiNkosi iLanga, ukuthi asifune uShembe woMoya, ngoba uShembe wenyama uzophela!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi, “uJehova neminikelo.”
2.Incwadi ka Eksodusi 25:1-2. “UJehova wayesekhuluma kuMose ethi, “Yisho kubantwana bakwa Israel ukuba bangithabathele umnikelo.
3.Kubo bonke abantu abanhliziyo zabo ziyavuma anothabatha umnikelo wami.Amen.”
4.Ukukhonza uNkulunkulu ngokunikela cishe yikhona okudala kakhulu.
5.KuGenesis 4:3-5 kuthi:”Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.
6.Naye u-Abel waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo.
7.UJehova wanaka u-Abel nomnikelo wakhe; kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga.”
8.Isizathu sokuba uJehova amukele umnikelo ka-Abel kunokaKhayini, ukuthi u-Abel wabonisa uJehova ukuthi umthanda ngenhliziyo yakhe yonke nangomoya wakhe wonke ngokuba akhethe amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo wanikela ngawo kuJehova!
9.Kungumthetho ukuthi uma unikela, unikele ngento enhle engenasici. Ngisho unikela ngemali, ingelosi yasifundisa ukuthi siyikhethe imali esizonikela ngayo, siyibeke eceleni, singanikeli ngemali engcolile nedabukile! Imali ozonikela ngayo uyikhethe usesendlini!
10.Iminikelo uJehova wayeyehlukanise kabili. Kukhona umnikelo wothando uJehova akhuluma ngawo ku Eksodusi 25:1-2; obonisa ukumkhonza uJehova njengokwenza ko Khayini no-Abel; bese kuba khona iminikelo eyintela uJehova owayeyiqoqela abantu ukuba emva kwesikhathi isize bona.
11.Kusukela kuDuteronomi 14:24 uJehova uthi abantu kothi uma sebeyiqoqile iminikelo yokweshumi, bese behlanganyela endaweni ekhethwe nguye uJehova ukuba bazijabulise ngokuba bathenge lokho abakuthandayo ngemali yaleminikelo.
12.Ngaphandle komnikelo wothando, uJehova wabuye abantwana bakwa Israel wabafundisa ngomnikelo wokweshumi. Ku Duteronomi 14:22-23 uJehova uthi:
13.”Uyokunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho; lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka, ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena..”
14.Yonke ke imfundiso yobuNazaretha ngeminikelo uShembe wayeyithathela kule mithetho kaJehova.
15.Umprofethi u-Isaya Shembe akazange nokho wakhuluma ngokweshumi. Ngicabanga kuthi lokho kwenziwa ukuthi abantu bakwaZulu ngaleso sikhathi babengenke bekwazi ukuthi okweshumi yinto engakanani.
16.Esikhundleni sokweshumi uShembe iminikelo eyisifungo wayinquma yaba umnikelo ofanayo kubantu bonke.
17.Kwabesilisa kunomnikelo okhishwa ngenyanga obizwa ngokuthi umnikelo ka-23; komama kuthiwa umnikelo ka-14; kanti kumakhosazana umnikelo ka-25.
18.Kubuye kubekhona iminikelo ebizwa ngokuthi izicelo, okuyiminikelo abantu abayinikela ngoba becela, bebonga noma bebika izinkinga zabo kuJehova.
19.Ekuhlaleni kwethu nengelosi, sesibe nolwazi olujulile lokuthi iminikelo ebandleni lamaNazaretha ibaluleke kangakanani.
20.Ukuzihlanganisa noJehova singakwehlukanisa izigaba ezine! Okokuqala ukuthandaza, okwesibili ukunikela, okwesithathu ukuzila, okwesine ukugcina yonke imithetho yakhe!
21.Kungumgomo webandla lamaNazaretha ukuthi uma unikela, ngaphandle uma umnikelo ubiziwe noma waziwa, kufanele ukuba usho ukuthi unikelelani. Ngamanye amazwi umnikelo kumele uwukhulumise!
22.Unganikela ngokucela into ethize, noma unikele ngokubonga okutholile.
23.Kubalulekile futhi ukuthi wazi ukuthi umnikelo uwubhekise kubani!
24.Esikhathini esiphambili sathi sethula umnikelo elatini, kwase kungena ingelosi. Yabe isithi asithathe umnikelo ongu R20 siwubeke eceleni.
25.Khona lapho kwabe sekukhuluma umuntu owunikelile lomnikelo, ekhuluma kuwo umnikelo!
26.Kodwa lapho enikela wayekade ekhuluma ebiza oyisemkhulu.
27.Khona lapho kuwo lomnikelo kwase kukhuluma ikhehla elidala, limthethisa lo onikelayo. Kokunye wayecela nemoto.
28.Lithi ke lelikhehla: “Nathi asikaze sibe nemoto. Hamba uye ehlathini uyogawula umuthi othile wenze ngawo isihlibhi!”
29.Ingelosi yabe isiphenduka isibheka, isithi: “Leli khehla elikhulumayo ukhokho walomfana okade enikela, kodwa noma lelikhehla kuyilo eliphethe lomndeni, kepha lalingayifuni indlu yakwa lomfana, linenhliziyo embi!
30.Zonke izinkinga zale nkosana zidalwa yileli khehla, ngoba yonke iminikelo nemithandazo yalo mfana uyibhekisa kuleli khehla elibaphethe, kodwa futhi eliyisitha sakhe!.
31.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Niyabona ke ukuthi kuyingozi kangakanani ukuthi usizi lwakho ungaluqondisi kuShembe noma kuNkulunkulu? Nizihlanganisa nabantu enithi ngabakini, kanti abanye bayizitha zenu!”
32.Kodwa ngoShembe angiqondisile kumholi onesibongo sakwaShembe.
33.Kule libandla lamaNazaretha kaNkulunkulu asimkhonzi umuntu, kodwa senza lokhu esakutshelwa yiNkosi iLanga, ukuthi asifune uShembe woMoya, ngoba uShembe wenyama uzophela!
34.Nengelosi kuthe uma ifika phakathi kwethu yasifundisa ngoShembe onguMoya, yathi nayo ithunywe nguye ukuba izovusa ibandla likaMenzi wezulu elizoqhuba ukukholwa ngendlela uBabamkhulu owayeqhuba ngayo!
35.Yonke iminikelo yethulwa ngohola ibandla kuJehova elatini! Umnikelo akusiwo owokucebisa umholi webandla, kodwa ungokaNkulunkulu, ubhekele zonke izidingo zebandla!
36.Ingelosi yasichazela kahle ukuthi umnikelo usebenza kanjani ebandleni lamaNazaretha!
37.Yalinganisa ngomongameli wezwe.
Umongameli uba nemoto kahulumeni ohamba ngayo, abe nendlu kahulumeni ohlala kuyo, efenishwe nguhulumeni; abe negrocer ohlale eyinikwa njalo nguhulumeni ngenyanga.
38.Abe nezimpahla ozithengelwa nguhulumeni okufanele azigqoke. Abe nesecurity oyitholelwa nguhulumeni okufanele imbheke.
39.Ithi ingelosi, nomholi webandla kumele ephile leyo mpilo, yonke into ayenzelwe libandla, kodwa yena angazicebisi ngalo, ngoba ibandla ngelikaNkulunkulu!
40.Konke onakho akube ngokwebandla, yena akusebenzise ekwenzeni umsebenzi webandla kuphela, angaziwa njengesicebi ngeminikelo yebandla!
41.Uthike kimi lomuntu wasezulwini: “Noma ungaba nomuzi omuhle, kodwa kufanele ube nomuzi owodwa okungowakho. Yonke iminikelo isebenze ukuthuthukisa ibandla!
42.Awuvumelekile ukuba uhamba wakha imizi yonke indawo. Ngakho ke ekushumayeleni uzosebenzisa imoto oyithengelwe libandla, ube necaravan noma imotorhome ozolala kuyo noma ukuphi.
43.Awuvunyelwe ukulala emahotela, ngoba kumele ugcine ubungcwele bakho njengesisebenzi sikaNkulunkulu.
44.Kodwa futhi akufuneki ukuthi kuthi lapho uya khona bese amalunga ebandla alapho oza khona elokhu ehlupheka.
45.Iyaqhubeka ingelosi ithi:Yikho kubalulekile ukuthi ube neCaravan, ukuze ube nendawo yokugeza, yokudla, yokuphumula kube sengathi usekhaya lakho!
46.Yonke iminikelo yebandla ngekaJehova, Yena oyicaza ngezindlela ezahlukene ukusiza ibandla nomphakathi! Okokuqala ngomnikelo kumele wakhe indlu yesonto. Amein!”
47.Indlu yesonto yindlu kaJehova! kuZikronike zeSibili 2:4 inkosi uSolomon ithi: “Ngizokwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle….”
48.Okunye okwenziwa ngumnikelo webandla ukondla izintandane nabafelokazi, ukuthenga izindawo zebandla, ukuba ne busary ezosiza abantwana ekukhokheleni imfundo!
49.Ngelinye ilanga yabuza kithi yathi: “Uma uNkulunkulu engani nika R40 million, ningawenzani? Sase sibala izinto eziningi.
50.Ithi ke ingelosi: “Yonke lento eniyibalayo ayinasidingo esingako, kodwa uma ngeminikelo uvula imisebenzi, usuke usiza uNkulunkulu; uNkulunkulu uyahlupheka kakhulu, ngoba uma abantu bengasebenzi bazibika kuye!
51.Kodwa uNkulunkulu akayakhi imisebenzi ngemilingo, kunalokho uya ezindaweni ezahlukene ekufunela umsebenzi!
52.Ngakho ke kubalulekile ukuthi ngemali onayo, uvule imisebenzi, ngalokho ulekelela uNkulunkulu!
53.Uma uthola imali, into yokuqala okufanele uyibuze ukuthi uNkulunkulu ufuna ngimezeleni ngalemali onginika yona?
54.Kungathi uma uthola imali ucabange izidingo zakho, ungambheki uNkulunkulu!
55.Ithi ke ingelosi, uma njalo kuthi uma uba nemali, bese ucabanga usizo ongalunika uNkulunkulu, uyohlale unemali njalo!
56.Njengoba sengichazile, ithi ingelosi ukusiza abantu abahluphekile ngemali onayo, usuke usiza uNkulunkulu, ngoba konke ukuhlupheka umuntu onakho ukubika kuNkulunkulu!
57.Ingelosi isifundise kakhulu ngomnikelo, ukuthi ezulwini umnikelo usebenza yonke into!
58.Esikhundleni sama birthday gifts, thina sikhipha umnikelo sibonga kuNkulunkulu ukuphila kwethu, noma ukuphila kwabantwana bethu!
59.Ingelosi yasibuza ukuthi umuntu one birthday nisuke nimbonga ukuthi wenzeni? Nimbonga ngani uNkulunkulu omgcine unyaka wonke?
60.Ithi ke ingelosi birthday ngumkhosi ovela kwabanye onkulunkulu, awaziwa ezulwini, ngakho ke nina ningawenzi!
61.Esikhundleni sokubika umuzi noma imoto kwabaphansi; ukukhulisa umntwana, noma iluphi ke nje usiko, thina silwenza ngomnikelo, sibonge kuNkulunkulu lokho abanye abakubonga kwabaphansi!
62.Noma imuphi umcimbi, noma imuphi umsebenzi, siwenza ngewnkonzo, esikhundleni sokuhlaba, sinikele ngemali!
63.Noma yini ongayenza ngokosiko ngokuyihlabela, thina siyenza ngomnikelo ngokuyibika kuJehova!
64.Ithi ke ingelosi kudala kwakuhlatshwa, ngoba ngaleso sikhathi izinkomo zazishibhile, kodwa manje yonke into ingenziwa ngemali ngoba yona inezilinganiso ezahlukahlukene!
65.Lomuntu wasezulwini wasifundisa ukuthi akukho ukuxhumana noNkulunkulu okwedlula ukunikela!
66.Ngakho ke ngenkathi abasemhlabeni bethathela izimpilo zabo umsuwarensi wasemhlabeni, nina thathelani imiphefumulo yenu umsuwarensi wasezulwini!
67.Zintathu izinto okumele uma ukholiwe uzifunele umsuwarensi womphefumulo.
68.Ngomnikelo cela ukuba ube nengelosi ezobheka impilo yakho. Uma kufika isikhathi sokufa ufe kahle, ungaba sezinhlungwini ezinkulu ngaphambi kokufa!
69.Okwesibili, ngalomnikelo ongumsuwarensi, cela kuNkulunkulu ingelosi ezobheka impilo yakho ingavelelwa lutho kuze kufike isikhathi uNkulunkulu ozokuthatha ngaso.
70.Okokugcina, ngalomnikelo ongumshuwarensi, cela kuNkulunkulu ingelosi ezohlala nawe, kuthi ngosuku lokugcina ivele iye nawe ezulwini ngaphandle kokwedlula ethuneni!
71.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Kuyenzeka ukuthi noma ukholiwe, kodwa ngaphambi kokufa, ube sezinhlungwini ezinkulu kakhulu!
72.Okwesibili, baningi abantu okuthi bekholiwe, kodwa bavele basheshe bafe ngezindlela eziningi.
73.Omunye uyabulawa ngesikhali, noma abulawe yimoto, omunye abulawe isifo esithile yize ubekholiwe.
74.Kanjalo futhi, kuyenzeka ukuthi kuthi usufile, ubukholiwe, kodwa ungayi ezulwini, uvele uduke!
75.Noma ngingazuchaza okwanamuhla, kodwa ingelosi yasichazela ukuthi kwenzeka kanjani lokho!
76.Kodwa uma ukhiphe lomshuwarensi, ezulwini kukhishwa ingelosi ezohlala nawe ikubheke ngokomnikelo wakho.
77.Lo mnikelo unikelwa ngekota emhlanganweni. Kodwa futhi ungawunikela njalo ngenyanga!
78.Thina sifundisiwe yingelosi ukuthi asikho isikhali senyama nomphefumulo esedlula ukuthandaza, ukunikela, ukuzila nokuhamba ngezimiso zikaJehova!
79.Ubufakazi balokho sikubona ngesikhathi umhlaba wonke uhlaselwa iCovid-19!
80.Ingelosi yathi asinikele, sicele kuNkulunkulu uphawu lwabantwana bakwa-Israel, baluthola mhla ingelosi izobhubhisa amazibulo aseGibhithe, kodwa bona basinda!
81.Nathi kwathi uma sesiwukhiphile lomnikelo, sicela ukuba uJehova asivikele nemindeni yethu, nempela kwaba njalo, saphila sonke.
82.Nokufa okwakukhona ebandleni lethu kwanqamuka! Makabongwe uJehova!
iNkosi ibusise izwi layo.
Le nkonzo iyatholakala kuYoutube nofacebook othi Rev Mpanza NCG.