Skip to content

NGUJEHOVA KUPHELA ITHEMBA LAMAKHOLWA

Ngiyakhumbula ukuthi ngesikhathi kuthunywa abaholi bethu ukuthi baqale lelibandla, lathi izwi akwakhiwe ibandla, abaholi abakhe ibandla ekuzokhonzwa kulo uJehova yedwa, ngoba uJehova akasenayo indawo la azohlala khona, usenesizungu.

Manje konke lokhu kudalwa ukuthi kunabantu abakhonza onkulunkulu abayize, bese befundisa izizukulwane ngezizukulwane ukukhonza onkulunkulu abayize.

By Mfundisi Khathi
29 March 2025
 
Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni,
 
1.Ngiyabonga ukuvuka ngalokhu kusa kwanamhlanje kuliSabatha, ngiyabonga nokuthunywa ezulwini, ngiyacela ukuthi njengoba ngimi phambi kwabangcwele, uNkulunkulu waseKuphakameni ahlale olimini lwami. Amein.
 
2.Sisenyangeni yokukhumbula iNkosi uThingolwenkosazana, noma ngingazange ngihlale kakhulu ibandla lisaholwa uBaba uThingo lweNkosazana kodwa ngamubona kanti akasezohlala isikhathi eside emhlabeni. Kodwa ngiyabonga ukuthi ngamubona nami.
 
3.Kukhona isihlabelelo engangijwayele ukumuzwa esihlabelela, isihlabelelo 13, nesihlabelelo 156, ngizocela ukudlula kuyona ingoma la ka-156 engangiye ngimuzwe esihlabelela. Ngithi nami ngiyamukhumbula, ngicela ukuthi lapho ekhona angikhumbule nami, Ngicela ukuthi ngimkhumbule ngalesi sihlabelelo sakhe engangivamise ukumuzwa esihlabelela.
 
156. ISIHLABELELO
1 Vuthelani icilongo
Batsheleni sesilizwile,
Icilongo lezwi lakhe
Mazilazi zonke izizwe.
 
2 Nikuphiwe maqhawe
Hlabani lomkhosi,
Umkhosi wezwi lakhe
Mazilazi zonke izizwe.
 
3 Bavuseni abaleleyo
Lizwakaliseni izwi lakhe,
Nibavuse nabafileyo
Liyakudunyiswa ngabanjalo.
 
4 Vuthelani icilongo
Zililindele zonke izizwe,
Ema Mpondweni makubenjalo
Mazilazi zonke izizwe.
 
5 EMpumalanga makubenjalo
NaseNtshonalanga makubenjalo,
Mazilazi zonke izizwe,
Ziyosheshiswa nguMsindisi.
 
4.Yayisho njalo le Nkosi, isho ithi uma isho njalo ngifikelwe usizi ngoba ngithena uma ngifika kulelibandla laseKuphakameni noma lamaNazaretha, ngaba umuntu oba nosizi olukhulu, angazi noma lwalulethwa ukuthi ngihlupheke kakhulu ngimncane noma lalulethwa yini.
 
5.Kodwa kwakuthi uma kuhlatshelelwa nje bese ngivela ngiyakhala esontweni, ngaze ngaphoqeleka ukuthi ngithenge izibuko ezidimile kuze abantu bengangiboni ukuthi ngiyakhala esontweni, uma kuke kwahlatshelelwa nje ngivele ngikhale.
 
6.Ngangiqala ukuzwa amaculo akhalisayo, ngazibuza ukuthi ukucula kuni lokhu okuculwa la, angikaze ngikhaliswe amaculo mina ngisekumaKrestu, kodwa eKuphakameni noma eNazaretha, ila engifike khona ngakhala ngaba nosizi, angazi noma kwakusho khona ukuthi sengifike ekugcineni.
 
7.MaNazaretha ayingcwele, ngiyawathanda amazwi akhulunywa uBaba uThingo, noma okuningi ngikuthola sengikuthole kuma video ezintshumayelweni zakhe.
 
8.Kodwa kwaba kukhulu njengamanje sesilapha nje, ngabona kukukhulu ukuthi uBaba uThingo ayikhulume indaba yokuthi enze umehluko Phakathi komuntu noNkulunkulu. Uma ethi abantu njengoba belapha nje abezile kimi kodwa beze kuNkulunkulu kaShembe.
 
9.Makhulu amazwi akhulunywa uBaba uThingo ethi yekani lento yokubiza uShembe ngoNkulunkulu ngoba nizoziqhatha nabantu, bazonishaya abantu.
 
10.Noma lokho ngesikhathi kukhulunywa akuyenzanga i-sense kubantu abaningi ngoba babephikelela, waze wathi uma beqhubeka, angsazi wabika kanjani, kodwa wabakhuza, wakhuza indaba yokuthi uShembe abizwe ngoNkulunkulu.
 
11.Manje bantwana baseKuphakameni yini ngisho lokhu, ngesikhathi ngifika mina ebandleni lamaNazaretha, ngangihamba nensizwa yakwaMnyandu.
 
12.Angithi niyikhambula bantwana baseKuphakameni ukuthi ngesikhathi ufika la wawusaba ukuza wedwa, kwangathi ungahamba nomuntu okhonza khona, khona ezokutshela ukuthi uyabonake manje sekuyanikelwa, uyabona manje sekukuthi. Ngoba usuke ungazi ukuthi intone ekusuke kufanele yenzeke, intone elindelekile.
 
13.Ngihamba nayoke le nsizwa le ngize ngithole ezinye izinsizwa khona la ezazikholiwe ezazizwana nayo le nsizwa yakwaMnyandu.
 
14.Bantwana baseKuphakameni uma sihamba la, kwase kukhona lo muzi ophezulu, lo ophezulu njengamanje, hhayi lo ongalena ezansi ngakwi statue sikaBabamkhulu.
 
15.Kwase kwakhiwe lo muzi lo ophezulu omkhulu, sihamba laphoke. Ziyakhulumake lezinsizwa, zibabaza ubunkulunkulu bukaShembe, futhi zibabaza ubunkulunkulu bakhe uBaba uThingo.
 
16.Zithike lezinsizwa “Yeyi uShembe uNkulunkulu ngampela” Ngithi mina ngani bafwethu bathi “uShembe akaguli, akaze aze agule nangelilodwa ilanga, wake wamubona umuntu ongaguli wena” ngithi ayibo akaze aye esibhedlela? Kwathiwa “Akaze aze alale esibhedlela uShembe kuthiwe uyagula uxinekile”
 
17.Angithi bakhuluma nami ngoba ngiyafika angazi lutho ngobuNazaretha, uNkulunkulu ngampela lo ongaguli.
 
18.Umbuzo owase ungisalele waba munye, angazi, akufikanga ukuthi ngiwubuze ukuthi uyashona yini, uyadlula yini emhlabeni, kodwa kwanganelisa ukuthi akaze agule, kwacaca ukuthi ngeke aze ashone lowo muntu ngeke aze adlule emhlabeni.
 
19.Yeyi into engayijabula bangcwele, uyabona uma uhlangene neziwula, uba isiwula ngampela nawe uyatheleleka, into engayijabula ngathi hawu ngaze nganenhlanhla uNkulunkulu ngimbona ngamehlo,
 
20.Uyabona uma ungawazi umlando womuntu, bahle abantu abawaziyo umlando womuntu bamubona ezalwa, bamubona enceliswa, mina ngangikhulaphi noBaba uThingo ngoba angimazi, ngibona esewuBaba, angazi noma wazalwa angazi noma wavele waqhamuka nje.
 
21.Kodwa nganeliswa ukuthi nje kuthiwe uNkulunkulu futhi akaze aze agule, kwase kuyaphelela ukuthi uNkulunkulu ngampela. Eyi ngajabula bantwana baseKuphakameni ngathi eyi ngiyaqala ukuhlangana noNkulunkulu, kade ngangihamba ngimumemeza uNkulunkulu ngingamuboni, ngingazi noma uyangizwa ngaba convinced ngendlela eyisimanga.
 
22.Kuthe ngelinye ilanga ngizwa kuthiwa akaphilile, eyi ngaqala ngathi ayibo, kanti bebethini laba, uyagula uNkulunkulu wami? Ngizwile phela ukuthi uyena uNkulunkulu, ugula kanjani manje futhi. Kwaba sengathi bantwana baseKuphakameni kuphikiswa lento ekade ngitshelwa yona ilezinsizwa.
 
23.Iyekeke eyokuthi wagcina edlulile emhlabeni, ile eyangiqeda amandlake, ngathi hawu sengizokwenzenjanike manje, ngizomthathaphi omunye.
 
24.Anginayo history yokuthi nasekuqaleni kwakuthathwa ngokuthi oShembe ababekhona babengoNkulunkulu, ngizitshela ukuthi uyena Nkulunkulu wokuqala wokugcina lo. Kanti vele kwase kuqaleni babemubiza ngoNkuunkulu uShembe kodwa bekhuzwa.
 
25.Ngiyakhumbula i-video kaBaba iNyangayezulu ebakhuza, eze ebaduba, kodwa lokho ngikubone sengila ukuthi hawu noBaba iNyangayezulu babemubiza ngoNkulunkulu laba bantu.
 
26.Okubuhlunguke ukuthi noma bekhuzwa amaNazaretha ngalesi simo, kodwa awafuni ukusiyeka, isimo esisibulalela isizwe samaHebheru, isimo esisibulalela isizwe esimnyama,
 
27.Ngoba, niyabona bantwana baseKuphakameni ingozi engibonile ngalendaba yokuthi uShembe kuthiwe uNkulunkulu, angazi kungenzeka kanjani lento ukuthi ilungiseke noma iyolungiseka noma ngeke iphinde ilungiseke yini. Kodwa ubukhona be-NCG benza ukuthi izinqondo zabanye abantu zivuleke.
 
28.Niyazi maNazaretha ngelinye ilanga ngihlangana nengane yesikole la engitohoza khona, angithi ibona intshebe nesihluthu, iyabona ukuthi ayi iNazaretha leli.
 
29. le ngane, ibabaza umholi wayo, ithi iwuThixo impela, uNkulunkulu impela, eyi into engayidumulayo bantwana baseKuphakameni, le ngane iyangibona kahle le ngane izongibabazela ichilo.
 
30.Yababaza yathi bewuyile endaweni ethize, kunendawoke imizi ethize ehanjwayo, isiminingi kakhulu manje, ehhene bengiyile, nginqena ukuyiphoxa le ngane, uma ibuza enye ngithi hhayi bengingayanga lapho, ngoba manje le ngane ibona ukuthi sindawonye, ibona ukuthi sikhuluma i-language eyodwa, ayiboni ukuthi ikhuluma nomuntu osesikoleni sasezulwini.
 
31.Ngithe ngisuka ngavele ngayitshela le ngane, okubuhlungu le ngane ise primary school, lento ifundisiwe and izokhula nayo. Laba bantu abazikhulu zebandla abamemezela ukuthi uShembe uNkulunkulu, abawuboni umonakalo abawenzayo ezinganeni ezikhulayo.
 
32.Ngoba bona bayazenzisa, bayazi bona ukuthi uShembe akayena uNkulunkulu kodwa manje abazicabangeli izingane ezizothi zikhula ziba ngomama nobaba bakusasa zibe zithwele ukuthi uShembe uNkulunkulu.
 
33.Kwenzekile kimi, ngijabulile ngibona uBaba uThingo ewuNkulunkulu kimi ngajabula, lezingane zona zizovinjwa yini, ngoba mina ngase ngikhulile, ngoba lento ishiwo zimpunga, ishiwo amakhehla, ishiwo izalukwazi, ishiwo iwo wonke umuntu. Lezingane ezincane ezikhulayo bafuna zenzenjani.
 
34.Laba bantu abadala abakhuluma lento ukuthi uShembe uwuNkulunkulu bayazenzisa bona, izingane azazi, ziqhamuka sezizobabaza kithina, senzenjanike, ngathi lalela la mtanami, lento oyikhulumayo ayikho.
 
36.Ngiyitsheliswa ukuthi izingane ezikhula manje ayikho into ezingayazi emhlabeni, ikakhulukazi ezintweni ezibheke eceleni, ngeke ingane uyitshele ngento ebheke eceleni, iyona engatshela wena izinto eziphambene, ingafundisa wena ukuthi ukuthi kunjena, ukuthi kunjena, ukuthi kunje, kodwa lokhu okusile okufanele ukuthi kuyiphilise kuyise impilo phambili, aziyazi lezingane, ngihlala nezingane zesikole, aziyazi.
 
37.Othisha bazongifakazela, kukhona isifundo, ukuthi i-OBE ifike, yayisilandela ngemumva ayingificanga, kodwa kukhona subject ebizwa angazi noma i-Natural Science (Life Science) yini, zimbili kodwa eziphaswa zingane ngo Level 7, ngoba zikhuluma ngento ephathelele nomzimba womuntu, iyonto ekufanele bayazike leyo ukuthi umuntu wesilisa udalwe kanjani, owesifazane udalwe kanjani.
 
38.Iyonanto abayaziyo leyo, bayiphasa kakhuluke leyo, uma kuza kwezinye o-Maths noba noba, bagijima ngo Level 3, ngo Level 1 ngoba azikhulumi lento abayifunayo.
 
39.Ngishukuthike ngakhuluma enganeni ngathi mina lalela ke mtanami lento oyishoyo ungaphinde uyisho, yathi ngayizwa ekhaya, ngathi hamba ubatshele ekhaya ukuthi ngithe mina uShembe akasiyena uNkulunkulu, isithunywa sikaNkulunkulu.
 
40.Ungaphinde uyisho, ngathi ngiyakusiza wena ungawudli ushevu, mina ngiyakuphilisa, uShembe isithunywa sikaNkulunkulu. Leyo ngane ngagcina ukuxoxa nayo ngalelolanga, ibithi uma ingibona ijabule, kodwa emva kokuthi ngikhulume lonto, ayiphindanga yasondela eduze kwami, yahambela kude, ngiyacabanga ukuthi yafike yasho ekhaya, kwase kuthiwa suka lapho iphekula lelo, ngoba ngikhuluma iqiniso likaNkulunkulu.
 
41.Ngisho ukuthike Siyabonga ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni asithumelele abaholi abaphambi kwethu, asithumelele ingelosi ukuthi izoqondisa ukukholwa ngoba kulenkulungwana nezinkulungwana noma izigidi nezigidi ebebizobabaza ubukhulu bomuntu kuthiwe uNkulunkulu, sekuncishisiwe manje.
 
42.Noma singeke sibaguqule bonke abantu noma i-NCG ingeke ibaguqule bonke abantu kodwa abantu abase-NCG bayazi ukuthi uShembe isithunywa sikaNkulunkulu, uNkulunkulu umi yedwa gelekeqe.
 
43.Yashonjaloke iNkosi uThingo ikhuza, nanamhlanje kuyakhuzwa, angeke sikuyeke ukukhuza lokho ngoba uma singakukhuzi lokho baningi abantu abangazokwazi ukuthi uNkulunkulu ungubani.
Sengingene enkonzweni engiphathiswe yona, isihloko salenkonzo sithi uJehova kuphela ithemba lamakholwa.
 
ISIHLABELELO 201
1 Anginazikhali anginazihlangu
Zokuvikela umoya wami
Nanti igama lami seliyahlangulwa
Encwadini yokuphila.
 
2 Shwele Baba shwele nkosi
Ngivikele wena Baba.
Lingahlangulwa igama lami
Encwadini yokuphila.
 
3 Alingahlangulwa igama lami
Encwadini yokuphila
Ngoba yini mina Baba
Ebusweni bakho.
 
4 Ngigeze wena Baba
Ngihlanzeke ngokwenene,
Lime ngawe igama lami
Encwadini yokuphila.
 
5 Lowo muzi okhazimulayo
Akangeni noma munye,
Ogama lakhe lingalotshiwe
Encwadini yokuphila.
 
6 Yofika imini enkulu
Eyesabekayo,
Wozani silobe amagama ethu
Encwadini yokuphila.
 
7 Wozani masinyane
Ilanga lingaka shoni
Nisavunyelwe amagama alotshe
Encwadini yokuphila.
 
44.Lesi sihlabelelo, ngake ngasho ekuqaleni ukuthi isona sihlabelelo sami lesi engisithanda kakhulu, ngiyabakhumbuza abangcwele ukuthi isona sihlabelelo sami lesi. Ngicela ukuvula ngencwadi yamahubo 31 verse 6-9.
 
45. 6 “Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova. 7 Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; 8 awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi. 9 Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi, nomphefumulo wami nomzimba wami.”
 
46.Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, bantwana baseKuphakameni nami ngisho njalo ngithi ngiyabazonda labo bantu abakhonza onkunkulu abayize.
 
47.Into eyenza ngibazonde, ingoba bathi uma bebakhonza laba onkulunkulu abayize, bese bengagcini ngokubakhonza, bese befundisa abanye abantu ukuthi akukhonzwe labo nkulunkulu abayize, bese izwi liyaphuma endleleni kaNkulunkulu, bese uNkulunkulu uJehova esala yedwa. Amein.
 
48.Ngiyakhumbula ukuthi ngesikhathi kuthunywa abaholi bethu ukuthi baqale lelibandla, lathi izwi akwakhiwe ibandla, abaholi abakhe ibandla ekuzokhonzwa kulo uJehova yedwa, ngoba uJehova akasenayo indawo la azohlala khona, usenesizungu.
 
49.Manje konke lokhu kudalwa ukuthi kunabantu abakhonza onkulunkulu abayize, bese befundisa izizukulwane ngezizukulwane ukukhonza onkulunkulu abayize.
 
50.Ingakho uShembe ethi mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, ingoba wayekhanda ukuthi abantu besabe uNkulunkulu onguJehova kuphela kodwa bengagcini ngokukhonza onkulunkulu abayize. Amein.
 
51.Inkinga ekhona bantwana baseKuphakameni ekukhonzeni onkulunkulu abayize, ukuthi onkulunkulu abayize, abasizi ngalutho.
 
52.Sikukhuluma kahleke lokhu ngoba sonke ngoba sikhona la, sike saba khonza onkulunkulu abayize, kodwa asivange sasizakala, kunalokho sizuze inhlupheko, sazuza usizi, abanye lolosizi lababulala abasekho. Kodwa inhlanhla enkulu esibe nayo ukuthi thina, mina nani bangcwele sithole inhlanhla yokuthi sificwe ilomkhumbi kaNowa sisaphila.
 
53.Ngiyakholelwa bantwana baseKuphakameni ukuthi sithi sizifunda izincwadi kodwa sikhulume ngezinto esidlule kuzo. Ngoba lokho ngiyakholwa ukuthi kuyomsiza umuntu ophakathi kwethu.
 
54.Njengamanje kukhona abantu abaphakaathi kwethu, aba experience lezi zinto esidlule kuzo, abazi experience njengamanje njengoba sikhuluma nje. Manje ngiyakholwa ukuthi uma sizikhuluma izinto esidlule kuzo, ukhona umuntu noma bakhona abantu bathi hawu nami, kanti ukhona umuntu oke wadlula kulento, kushuthi nami, ngizodlula.
 
55.Bangenzenjenake mina onkulunkulu abayize.
 
56.Ngike ngingathandi ukukhuluma ngento engayizwa ngomuntu ebhasini noma esitimeleni, noma endleleni, ngiye ngithande ukukhuluma ngento eyenzeke kumina uqobo ukuze nomunye umuntu abone ukuthi hawu kuyedluleka, ngoba ngadlula, ngidlula ngalo Nkulunkulu.
 
57.Sithena isihloko engikhulumela phezukwaso, nguJehova kuphela ithemba lamakholwa. Ngiwufakzi wokuthi nguJehova kuphela ithemba lamakholwa. Ngiwufakazi oqanda ikhanda. Kunezinto engidlule kuzona, abanye abantu abangazazi, abanye abantu ethi uma engibona ecabanga ukuthi ungazi kahle, kanti akangazi kahle, la engiphuma khona akunjengoba ecabanga, acabange ukuthi kukhona isimo sami esingafana nesakhe.
 
58.Angiyena umuntu-ke mina obethandwa ngabantu ngingakafiki ekukholweni kwangampela, mina bebengangithandi abantu, kodwa futhi asikho isino engake ngasenza kumuntu, abantu abaningi bangaze manje.
 
59.Ngyafisa ukukusho ukuthi bayofakaza nabangaziyo ngimncane ngoba izindaba sezigijima ko-Social Media manje, bayofakaza ukuthi impela asimazi thina eqamunda lo kangaka, eyi ngiyaqamunda bangcwele, angizenzanga, ngenziwa usizi lokuhlupheka, olwangifica ngizithulele, olwangifica ngilungile, olwangenza ngakhuluma kakhulu.
 
60.Manje sengaba intengu, angicisheki, uma uzama ukungicisha nje, ngivele ngiphakame kakhulu, kodwa angikwenzi lokho kuzo zonke izinto, ngikwenza endabeni kaNkulunkulu eyangilanda ezweni lakithi yangenza umuntu.
 
61.Uyabona mina uma ngiphakathu kwabantu, ubungazuthi ngiyanuka, kuncono uma ngizothula, inkinga uma ngike ngavuka umlomo ngakhuluma, hhayi ukuthi ngangingaxubhi, cha ngangixubha, angazi kwakonakalaphi uma ngavula umlomo ngakhuluma.
 
62.“Hhayi hhayi yini yona le, suka la” uyabona inja, uyayazi inja ukuthi ikuphatha kanjani, bebengiphatha kanjaloke abantu mina.
 
63.Kodwa ngiye ngithi ngiyamubonga uNkulunkulu ukuthi lokho kuthe uma kwenzeka, noma kwangiphatha kabuhlungu, kuthe uma kwenzeka, kwangenza ngazibona ngiyintandane, kwangenza ngakwazi ukuhlala ngedwa, kwangenza ngabona ukuthi yonke lento lena mina engizame ukuzifaka kuyona ayingifanelanga kodwa nami angiyazi ukuthi intoni engifanele kanti.
 
64.Kukhona isikhathi la engake ngazibuza khona ukuthi abantu yini ngibona abantu bayathandwa, abantu bayaphiwa izinto ezinhle, baphiwa izimali abantu, bayasebenza bathola imisebenzi, mina akungehleli lokho. Uzwe ethi umuntu ave ngikukhonzile kodwa mina akekho umuntu othi ungikhonzile.
 
65.Uyabona ngihamba lemisebenzi la ekuhlatshwe khona, lemisebenzi la ekuthiwa kuyabuswa, uyabonake lapho, ngangifika kwenzeke izimangaliso, ngoba ila engangifika ngizibone khona ukuthi ayikho into eyimina emhlabeni, ngoba lokhu kudla esikudla la, sibiziwe sonke, kodwa sizosukelwa umuntu esibizwe naye, avele angichukuluze nje.
 
66.Sidla inyama esingazange siyikhokhele, kuthiwa asizodla mahala, kodwa avele angichukuluze kucace ukuthi cha ayi ulwa nami, ngize ngihambe.
 
67.Ngiyacela ukukukuxoxa lokho bantwana baseKuphakameni, ngiyacela esihlalweni sobukhosi, angazi noma kuhle yini ukuthi ngikhulume indaba yami, kodwa njengoba ngichaza ukuthi ngicabanga ukuthi kukhona umuntu ozothi hawu lenkinga engikuyona hawu kuyedlulwa kuyo. Ngoba ngiyazi ukuthi bakhona abantu abakulesisimo sokungathandwa ngabantu bengalenzanga icala.
 
68.Uma ngihamba, ngizokhuluma nje okumbalwa ngeke ngikukhulume konke bangcwele, angithi Niyazi ukuthi kufike kudliwe inyama, kudliwe inyama bese kwehliwa ngeziphuzo, mina ngikholiwe, ngangikholiwe nje mina, noma ngangingekho enkolweni kaNkulunkulu ngenxa yokungazi kodwa ngangikholiwe nje ngazi ukuthi kukhona uNkulunkulu, ngangesaba.
 
69.Ngangingabuphuzi, angizange ngibuphuze utshwala mina, umuntu uma ngabe ephuzile, edakiwe, angimazi usuke kwenzenjani emzimbeni, uma eyisa nje edelela, angazi ukuthi kusuke kuncinzaphi kuye ngoba anginayo leyo experience yokudakwa.
 
70.So, uma ngihamba lemicimbike igenge le elingana nami yayiphuzake idakwe ize ibhuquze, mina angiphuzi, manje sekufanele ukuthike, uma sengidlileke inyama, sekufanele ngehliseke njengezinye ingane njengoba zehlisa ngogologo nangobhiya, mina fanele ngehliswe nge-drink.
 
71.Ngincishwe isizulu, ngincishwe nje ingcaca kucace ukuthi abafuni ukunginika u-drink, angazi noma kwakufanele ngiphuze utshwala ngenkani yini.
 
72.Uma ngithi ngiya komunye ubaba, kukhona ubaba owayeduzane nje owayaziwa ngoMfundisi, ngithi ngiyocela kuyena ukuthi hawu, angazi noma kuyinhlonipho yini lokho, inyama phela inyama iyabinda bantwana baseKuphakameni, ngithi nami ngicela ukudlulisa iqatha, lehlele kahle esiswini, ayi lo baba avele athi ayi ayi suka la, suka, ngihlehle ngithi awu sengonile, nganginjalo.
 
73.Kucace ukuthi ngoze ngiyophuza amanzi ekhaya ngoba anginayo imali yokuthenga i-drink angisebenzi, akekho umlungu ongifunayo. Uma umlungu kwenzekile ngaqashela uyazisola ubengiqashelani, athi awugoduke ngizobuye ngikubize, angenzanga lutho njalo, iya, ngaze ngasenkingeni.
 
74.Uma kuwumshado, kukhona lento ukuthi ikhekhe lizosikwa, lisikwe into pieces, bese linikezwa bonke abantu abasemshadweni, ngangingawutholi lowo piece mina, yeyi webangcwele, ukuhlupheka, ngoba uyabona mawuhlupheka usuke usendlaleni. Vele ngize la ngizilambele vele bese ngiphinde ngincishwe lokho kudla kwamahhala okuthiwa angizokudla mahala.
 
75.Uma ngithi ngithi ayibo angilitholanga kuthiwa hhayi unamanga, kwenzeka kwaze kwakathathu angiphindanga ngalihalela ikhekhe lomshado.
 
76.Uma kunikezwa abantu ukudla la emcimbini, ngangeqiwa, ngeqiwe nje, ngithi ngithi aybo ugcine ngala, bethi unamanga. Bedlule, ngiphinde ekhaya ngodla uphuthu lakithi olungixakile olungana carry.
 
77.Ngelinye ilanga komunye umuzi, izinsizwa zihlangene ku-round ziyavuma, kwenziwa lemicimbi yakhona, ziyavuma izinsizwa, zivuma ingoma, angiyazike ingoma yesizulu mina ngiyabhidilisha, ngisho lento abayishoyo, ngize ngisukume ngiphakamise isandla, ngithi, ngithi.
 
78.Ithi enye insizwa, weKhathi, uthuleleni weKhathi? Hawu ngithule kanti, mina ngithi ngiyavuma, ungibona ngithule yena, ngaphuma ngingayidlanga leyonyama, ngahamba ngaya ekhaya, ngahlala phansi ngathula ngathi hawu kanti kwenzakalani ngami.
 
79.Ngahlangana nenye insizwa engangifunda nayo e-High School, ngihlangana nayo idakiwe, ngathi nje kuyona hhawu Hlomuka, ngihlangana nayo emgwaqeni, yathi ayingiqede emgwaqeni, ngathi hawu angani uHlomuka lona, angani uNgidi lona. Yathi ayingiqede. Ngangingazi kwakwenzenjani, eqinisweni namanje angazi kwakwenzenjani.
 
80.Ziningi bangcwele izinto ezingehlelile, kukhona isikhathi engake ngagula ngaso kakhulu kodwa ngigula ngihamba nakho. Uma ngidlula ebantwini la ngiya e-Clinic, bathi abantu, bakhulume, hhawu ihheee, ngangumsingivane.
 
81.Bathi hawu lo uyahamba, uyahamba lo, ngeke avuke kusasa, futhi uzophelela la endleleni, mmm ngakhala, kwathi angijike ngoba sebengitshelile ngeke ngisasinda, kwathi angijike ngiphinde ekhaya, ngisayaphi e-clinic ngoba bashilo ukuthi ngizoshona laba bantu, ngadlula.
 
82.Ngathi ngihamba kwenye indawo, ihheee, ihheee eyi webangcwele, nazi izinkomo lapha, ziyadla, indlela idlula khona emadlelweni ezinkomo. Kwasuka inkunzi, yeza kimi, yangithibela, wake wathibelwa enye inkunzi wena, mina ngazi ukuthi inkunzi ithibela enye inkunzi, ibhongela enye inkunzi, ngangabe ngisazi noma nami sengifana nenkunzi yenkomo noma sekwenzenjani, ngazifuna ukuthi ngiwumuntu kahle, kwenzenjani kanti, ngikhuluma nge confusion engake ngaba nayo bangcwele ngididekile.
 
83.Ngaqhubeka naleyompilo, ngithe bangcwele umsebenzi ngangingawutholi nhlobo, nhlobo nhlobo. Kodwa okukhulu kakhulu ingesikhathi sekusuka abantu, emva kwalokho kugula bebona ukuthi angishoni, kanti ukugula lokho kwakukhandwa ibona.
 
84.Base bethi okuncono simthumelele abantu abazombulala ngezandla, uma ngase ubabuze ukuthi ngangenzeni, ngeke baze bakutshele, uthi lo mnomzane engangozondwa kuwo, uthi lo mfana ungitshela emehlweni wathi ngyathakatha.
 
85.Bathi abantu hhayibo, lona, lona, akuyena, siyamazi thina lomfana, njengoba ngisho bantwana baseKuphakameni eyi mina ngangilunge kabi, uyabona njengamanje uma ngifika abantu bexoxa, nami ngifika ngixoxe.
 
86.Ngangithula bekhona abantu, ngithule ngithi nya, ayi ngoba ngangingafuni ukukhuluma, ukuthi nje angazi noma nganginqena yini, ayi ukuthi lento abayikhulumayo anginayo interest yakho ukuthi ngingase ngiphendule, cha, ukukhuluma nje ngangingenaso isikhathi sakho.
 
87.Ngahamba ngaze ngafikake kulelibandla likaNkulunkulu, kodwa umehluko ngaqala ukuwuzwa ngingena eBuhleni ngesikhathi sikaBaba uThingo, njengoba ngikhuluma ukuthi ngangihlangana nalezinsizwa zangitshela ngoBaba uThingo. Ngangiqala ukuthi kube nabantu engixoxa nabo into eyaphambili.
 
88.Ayi ngaqala ngazizwa ngiwumuntu, eyi lensizwa lena ngabona ukuthi ingikhonzile, hawu, kukhona umuntu ongikhonze kanje, uma izoya ku 23, angibize ethi yeyi Khathi asambe siye ku-23, ngithi mina hawu ngibizwa umuntu uthi angihambe naye, kwenzenjani.
 
89.Sengifike lapha bantwana baseKuphakameni, ngezwa abantu bebaningi bethi aybo ave ngkukhonzile, ngafikelwa izinyembezi ngavele ngakhala, ngoba ngangiqala mina ukuzwa umuntu ethi ungikhonzile.
 
90.And le ndawo iyona ndawo eyenza ukuthi uma ngabe ngifaka i-CV yamukelwe i-CV yami ngisebenze la engisebenza khona, ila engaqala khona ngo 2013, ila engihlale khona, njengamanje ngiphethe unyaka wama-12 ngikhona into engakaze ize yenzeke.
 
91.Itoho lami lokuqala ngisekhampanini eyayi contracted to Woolwoths, ngahlala 2 years, ngangiqala ukuhlala 2 years nomlungu engikhonzile, kodwa lokho kwenzeke sengiqale ukulandela lendlela yase-NCG.
 
92.I-NCG ngiyijoyine ngingakafiki, ngaqala uMelusi ngamlandela, emsakazweni, ngamlandela emsakazweni, ngayithanda le Mpilo, ngathi ngizoyiphila lempilo, kodwa kwangihlula ukuthi ngizoyiphila kanjani ngingekho khona.
 
93.Ngifika lana nje uNkulunkulu usengishanelele izindawo ekufanele ngibe kuzona, umsebenzi engawuthola, yeyi bantwana baseKuphakameni ngesikhathi ngileth CV kulendawo engisebenza kuyo njengamanje, nganginganawo indawo yokuhlala, ngikhokha njalo ngenyanga.
 
94.Kodwa ngithe ngilethe i-CV ngiyafika kunensizwa laphana ezakha indlu, ngifike ngibuze ukuthi, ngafika ngosuku lokugcina lama submissions, lama applications, kuhanjiswa ama application. Sanibona madoda, “Yebo, yebo” khona lapho ngase ngiqala abantu bengikhonzile.
 
95.Ngabona ukuthi uNkulunkulu ngathi ungenelele kulento yami, ngabona ukuthi manje ukuthanda lelivangeli sengibona ngabantu bengithanda abantu kanti bebengizonda abantu ngisho ngingabazi.
 
96.Ngelinye ilanga ngathi ngihleli eRank lapha eWorkshop owayedayisa, wafike wadayosa into yakhe, uthe esuka wathi ungibukani wena, wamemeza omunye wathi nayi le mpatha ingibuka wathi awumgcwaliseli ngani, wasuka wahamba lo washona ngale, uthe uma esithela ngale, ngangisukuma ngangibaleka ngoba ngabona ukuthi uma ebuya uzongibulala lo.
 
97.Ngikhuluma ngoNkulunkulu abayize, ngangikholiwe, kakhulu, kakhulu kakhulu, kanti ngikhonza onkulunkulu abayize, abangamandla, abanganamusa, abanganandaba nawe, kuphela into eyayifuneka, ukuthi kufanele ubuyise abazali bakho, njengoba badlula emhlabeni. kufanele ukuthi uthwase ube isangoma,kufanele ukuthi wenze zonke izinto, iyinanto eyayifunekake ngizoyenza ngingasebenzi, ngizothwase ngiphume ngani lapho enyangeni, ngizoyenza ngani imisebenzi.
 
98.Onkulunkulu abayize banjaloke, abandaba nokuthi ukusiphi isimo, futhi ufakwa ibona esimweni esibuhlungu. Kodwa lo Nkulunkulu wase-NCG, uNkulunkulu waseKuphakameni uyena owathi uma engenelela zaqala izinto zami zavuleka, angizange mina ngize ngihambe izindawo eziningi ngifuna usizo, ezindaweni engangifuna usizo kuzona ngangisahamba kubona labo nkulunkulu abayize, angisizakalanga.
 
99.Ngake ngafika kwenye indawo, ngifika ngigula, ngafika kulesi sangoma lesi, sathi kwenzenjani, ngathi ngizohlola, ngathi ngiyagula wathi yini, ngathi ngibhekele. Ngangisileke mina ngangingafuni ukumxoxela yonke into ngangifuna angitshele yena ukuthi kwenzenjani.
 
100.Namhlanje uzwa abantu afike akuxoxele yonke into, hhayi ngiphethe ukuthi nokuthi, usezothinike manje lona lona oze kuyena, naye uzokutshela le ndaba omxoxela yona. Bese ethatha imali kuphele kanjalo.
 
101.Wathi lo muntu, yeyi ungazohlala ngami wena la wayithatha i-attire yakhe wayifaka wenza zonke izinto, washisa, wenza yonke into eyenziwa uma kuhlolwa bantwana baseKuphakameni, uthe uma eqala, wathi ungazodlala ngami wena, wathi mina ngikubona uhamba namakhehla akwaShembe, wathi uyena akubhekile, wathi uyabona ngeke ngkunike lutho, ngeke ngidlale ngomuthi wami ngoba ngeke uze usebenzi, hamba uyothandaza. Ngaphuma ngibhocobele kodwa imali yami yasala khona
 
102.Ngithe uma ngifika endlini, ngathatha umnazaretha ngawugqoka, ngathi Shembe ngiphuma esangomeni, ngangingazi ukuthi kukhona umncele Phakathi kwezangoma nomNazaretha, ngizotshela UShembe ihlazo.
 
103.Shembe ngiphuma esangomeni, sifike sangitshela ukuthi angithandaze, Shembe ngiyagula, sengicelile kakhulu, kanje kanje kanje, ngiza kuwenake manje sengicela ukuthi ungisize, ngoba sekuthiwa manje angithandaze, bengivele ngithandaza, angazi sekumele ngithandaze kanjani, kanti inkinga yami uShembe ngimubhanqile nonkulunkulu abayize.
 
104.Uthi uNkulunkulu ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, ungazenzeli izithombe ezibaziweyo namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu nangaphansi komhlaba, sizenzileke izithombe sazikhonza szidumisa, silindelenike, silindele ukuthi uNkulunkulu akusize naye, siyamusheba.
 
105.Uma usuka uyofuna usizo esangoma, uphinde uhambe uye esontweni uyofuna usizo usizakale, uzobona kanjani ukuthi imuphi unkulunkulu okusizile ngoba wena u-attend onkulunkulu ababili.
 
106.Imuphi uNkulunkulu ozomdumisa, Phakathi kwalaba onkulunkulu okade uhamba nabo uzofuna usizo kubona, ngoba yebo khona bakhona abantu abanenhlanhla bethi uma befuna usizo ndawo zombili, umbuzo uthi usindiswe ubani, imuphi unkulunkulu okusindisile ngoba ekugcineni kufanele ukuthi umdumise uNkulunkulu okusindisile. Injaloke bantwana baseKuphakameni.
 
107.Ngithike ngalawomazwi, uNkulunkulu wangenelela empilweni yami, wawenza umehluko omkhulu, ngamubona, ngabona ukuthi uyenake uNkulunkulu lo okwakufanele ukuthi ngibe naye kwasekuqaleni. Ngizilibazisile mina ngihamba ngifuna izinto engingahlangene nazo, uNkulunkulu wangibeka endaweni efanele.
 
108.Ngangingakwazi mina ukusina, ngisina uma kuthiwa kusina ingoma le yesizulu. Kwakungihlula, ngangihlekwa abantu into eyisimangaliso. La e-NCG, la eKuphakameni akekho umuntu ongihlekayo uma ngisina mina, uzongihlekani ngoba ngenza into kaNkulunkulu ngoba into kaNkulunkulu iyenzeka. Ngabona ukuthi oh nayi indaba.
 
109.Awu bantwana baseKuphakameni umuntu oye afune isiko lakubo, uye ahlupheke, noma umuntu ongazazi ukuthi ungowakabani, ongenaso isibongo esikhulu, uye ahlupheke kakhulu, uye ethi uma esesitholile ebese kuba khona umehluko owenzakalayo, ngakuthola kithi, ngangingazi ukuthi kithi kuseKuphakameni, kodwa ngibone ngokuthi izinto zenzeke ngenye indlela ukuthi oh nakhu kithi.
 
110.Liyinike ithemba lo muntu ongenaye uNkulunkulu, liyini ithemba lo muntu ongenaye uYise wabobonke abamkhonzayo umninimandla wonke.
 
111.Ungayithemba kanjani into edaliwe, uthembele kuyo nayo into nayo ekhalayo uma usenkingeni, uze uyithembe impela uthi cha lento ngifa nayo, uma isikhala uyokwenzenjani, unkulunkulu wakho uma esekhala, ethi hhawu ngaze ngahlupheka, uzosikazala kanjani, uzosizwa ubani.
 
112.Thinake e-NCG sifunde ukuthi asiye kuNkulunkulu wangampela umdali wezinto zonke ngoba ekugcineni uyena oyogcina.
 
113.Baye bathi abantu uma sebebuswa umoya omubi uma sithi siyabatshela indaba kaNkulunkulu, ayi siyamazi uNkulunkulu, thina njengoba nje sishisa impepho sikhuluma namadlozi, ayi siyazi ukuthi kukhona uNkulunkulu oyisiqalo nesiphetho u-Alpha no-Omega, isiqalo nesiphetho.
 
114.Ushisa impepho, ukhuluma namadlozi, ekugcineni futhi kunoNkulunkulu owu-Alpha no-Omega, oyisiqalo nesiphetho. Lento yangahlangano pho.
 
115.Umbuzo uthi uma uNkulunkulu ewu-Alpha no-Omega eyisqalo nesiphetho uqala kanjani emphephweni yamadlozi ngoba kufanele uqale kuNkulunkulu ugcine kuNkulunkulu. Abantu baye bethi uma bekhuluma bengazizwa ukuthi bathini.
 
116.Uthike uShembe uma ekhuluma lapha emthandazweni weSabatha, ukubonga kwami koba ngaye njalo, uShembe ufike wamubabaza uJehova wathi uma ulala ubomkhonza uNkulunkulu wakho, umkhonze ngenhliziyo yakho nangomphefumulo wakho wonke. Amein.
 
117.Ngeke sikhohlwe bantwana baseKuphakameni isikhathi esike safika empilweni yethu thina maNazaretha kaNkulunkulu, ngeke singakhulumi ngakho lokho ukuthi kuke kwanombhedukazwe wesifo se-COVID19, ngeke sikukhohlwe lokho, ngeke singakhulumi ngakho, ngoba uNkulunkulu wasenzela isimangaliso, ngoba sikhuluma ngakho ngisho sihambaphi.
 
118.Uyazi bangcwele uNkulunkulu unomusa, kukhona abantu uma sikhuluma indaba yokuthi uNkulunkulu wasisindisa kwi COVID19 ebulala abantu , kukhona abantu abathi uma besizwa sisho njalo, bese becabanga ukuthi sinamanga ngoba nabo basinda singekho kulelibandla.
 
119.Uyabona ukuthi yena wasinda engekho kulelibandla kushuthi ayikho lonto ngoba yena akazange aze acele, akuzange kuthiwa akagqoke umchilo wesaka, akuzange kushiwo lutho kuye, kodwa uphila nathi sinaye. Ucabanga ukuthi lokho kwaba ukuphila kwakhe kanti akazi ukuthi uJehova unomusa ohlezi phakade.
 
120.Umehluko ngiwubona ulanake mina maNazaretha, angazi ukuthi nibone kanjani nina mNazaretha, kwenzeka kanjani ukuthi i-NCG yonke, kuwo wonke ama province, ama branch alayikhaya, kungabikhona noyedwa obhubhiswa ilesi sifo.
 
121.Kwenzeka kanjani ukuthi kwamanye amabandla encwabe abantu ababulawe yi-COVID19 wonke, bese kuthi elikaNkulunkulu liphele lodwa, lokho kusichazela ukuthi uNkulunkulu uphephise thina sisakazeke ngendlela eyisimangaliso, eGoli, Vryheard, Newcastle, yonke indawo, uNkulunkulu lezondawo zonke, leyomizi yonke uyiphephisile, awuboni ngani ngampela ukuthi uNkulunkulu ukumaNazaretha akhe.
 
122.Hawu nacela nacela nina, nakhu nathi sikhona nje, ayibo, umusa lo kaNkulunkulu ukuthi ube khona ungacelanga, unikezwa ithuba lokudumisa uNkulunkulu kusenesikhathi, uthinike ngalaba abafile ngoba kufe abantu abebengayazi indaba kaNkulunkulu, wena wanikezwa indaba umusa ukuthi phila ukuze uyibone le ndawo kaNkulunkulu.
 
123.Kodwa wena uthi hhayi nakhu nathi sasinda nje singacelanga, sasingekho nani kodwa sasinda, ngithi bantwana baseKuphakameni ngeke siyikhohlwe lento leyo, ngeke size siyilibale nangelilodwa ilanga,
 
124.Lo Jehova esamthola njengoba sengichazile ukuthi empilweni yami ukuthi wenzani, akamanga lapho, akagcinanga lapho, namanje usenjalo. Uyasiphephisa ezitheni zethu ezixakile eziyinkinga eziyingozi.
 
125.Wasiphephisa ezifweni njengoba wasiphephisa kwi covid19, wasiphephisa ezingozini zomgwaqo, wasiphephisa kubathakathi, asiphili ngoba sithanda, yeyi iyashisa insimbi, kodwa uNkulunkulu uyasiphephisa, nansi into esiduduzayo thina ekuphepheni kwethu konke.
 
126.Akusho ukuthi akuzisehlela okubuhlungu kodwa inqobo ukuthi kuthe uma kusehlela, sanganqotshwa. Zikhona izinsizwa ezintathu, uShedrack, uMishack, Abednego.
 
127.Ngike ngizwe abantu uma bekhuluma ngokukholwa, bathi uhlupheka kanjani ekholiwe, yini ehlulwe ukuthi uma ekholiwe ngoba phela unoNkulunkulu. Chabo, bo, uShedrack, uMishack no Abednego, baphonswa esithandweni somlilo, usungabuza ukuthi baphonswa kanjani, awubuzi ngani ukuthi basinda kanjani, kuyeke ukuthi baphonswa kanjani kodwa buza ukuthi basinde kanjani.
 
128.Kwakwenzeka lokho ukuze kubonakaliswe amandla kaNkulunkulu, kwenziwa yini ukuthi bathi besesithandweni somlilo, kodwa kubonakale owesine kubo, kwakubonakaliswa amandla kaNkulunkulu. Ilokho kukholwake esinakho.
 
129.Ungangibuzi ukuthi yindaba ungene ezingozini zezimoto unoNkulunkulu, yindaba ugule unoNkulunkulu, yindaba uthakathwe, akushiwongo ukuthi ngeke sithakathwe, akushiwongo ukuthi ngeke sigule, akushiwongo ukuthi ngeke singene ezinkingeni kodwa inqobo ukuthi sisindile. Incwadi kaJona wesibili, isikhathi sesiyangiphikisa, sengizoma. Jona 2 verse 1-2, bese seqa siye ku 8 to 9.
 
130.Jona 2 verse 1-2
1 UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, 2 wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami.
 
130.Jona 2 verse 1-2
1 UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, 2 wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami.
 
132.Isihlabelelo 247
Emumva asisayi,
Kodwa siya phambili.
Ukukholwa kwami
Kuyangisaebenzela.
Ikho lokhu ngiphumelela.
 
133.Uthi uShembe kuwona umthandazo wokulala “Ngezinsuku zonke zokuphila kwakho uma ulala ubomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho, uThixo wakho. Ngosuku lwenhlupheko umbize uyakukulalela, uyakuza akusindise uma uyendlala ngezikhathi zonke inhloziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.”
 
134.Noma sisebunzimeni bantwana baseKuphakameni kodwa siyanikwa ithemba lokuthi sizokudlula ebunzimeni, uma umuntu engenaye lo Nkulunkulu ulithathaphi ithemba lokuthi uzodlula ebunzimeni. Amahubo 42 verse 11 sengyagijima.
 
135.AmaHubo 42 verse 11
11 Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.”
 
136. 233. ISIHLABELELO. 14 J.G SHEMBE
 
1 Thixo wami Dwala lami Wena ungikhohlwa ngani Ngiyalila imihla yonke Ngokuhlushwa yisitha sami.
 
2 Abahluphi bami bona Bayangizingela njalo, Bayasho imihla yonke Bathi uphi uThixo wakho.
 
3 Yini mphefumulo wami Wena udumaleleni, Methembe uThixo wakho Ayikho enye inqaba.
 
4 Namhla Nkosi ngiyabonga Ungivumele ngize kuwe Ngiyazendlala phambikwakho Kuleyindawo eyiNgcwele.
 
5 Makube yiphunga elimnandi Kuwe wedwe onguMdali, Ukukudumisa kwami Phezu kwalentaba yakho.
 
137.Isihlabelelo 232
 
5 Ukwethemba uSimakade
Nokucasha ngaye,
Kuyinto elungileyo
Kuyedeleka.
 
6 Mangibheke kuwe Nkosi
Ngisinde ekufeni,
Mangibambe isandla sakho
Ngiphume emgodini.
 
138.INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *