UYeshua wathi umthetho kaMose umi nguna phakade, kodwa emva kwakhe umfundi wakhe usethi alingabekwa phezu kwabo ijoka lokugcina umthetho kaJehova, ngoba noyise behluleka ukuwugcina lomthetho!
Uma ungamhlubukile uJesu, ungayikhuluma kanjani into enjalo?
1.Sifuna indlela
Yokuya ekhaya
KuJehova iNkosi yethu
UMdali wezulu.
Chorus.Indlela eya ekhaya
Yedlula engozini.
2.Sifuneleni abakhethiweyo
Ukuhola abaningi
Ukubayisa kuMhlali neZion
Emzini wokuphumula.
Chorus.
3.Ibalimazile abaningi
Abayithandayo
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
Chorus.
4.Qiniselani nina maqhawe
Ngayo leyo Ndlela
Ekupheleni kwalezo zinsuku
Niyongena eKuphakameni.
Chorus.
ZONKE IZITHUNYWA ZIKANKULUNKULU ZINOLIMI OLULODWA.
1.Incwadi kaHezekeli 3:16-19: Kwathi ekugcineni kwezinsuku eziyisikhombisa, izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, ngikwenze umlidi kuyo indlu yakwa-Israel; ngalokho YIZWA IZWI EMLONYENI WAMI, UNGIXWAYISELE BONA.
2.Lapho ngithi komubi:‘uyakufa nokufa’ bese ungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi endleleni yakhe ukmsindisa, yena uyofela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
3.Kepha uma umxwayisa omubi, kodwa angabuya ebubini bakhe, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwaphulile umphefumulo wakho.” Amein!
4.Incwadi kaHezekeli 2:3-8: “Ndodana yomuntu, ngikuthuma kubantu bakaw-Israel, ezizweni ezihlubukile kimi, nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.Bangabantu abanenkani nenhliziyo elikhuni.
5.Ngiyakuthuma kubo, uyothi kubo:” Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Noma bayalalela, noma abalaleli ngokuba beyindlu ehlubukayo, kodwa bayokwazi ukuthi bekukhona umprofethi phakathi kwabo.
6.Wena ndodana yomuntu ungabesabi, ungawesabi namazwi abo noma ngabe afana nameva kuwe, uhleli nofezela, kodwa ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
7.Uyakukhuluma amazwi ami kubo; noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.
8.Kepha wena ndodana yomuntu ungabi ngohlubukayo njengalendlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho udle engikunika khona! Ameni!
9.Lezi zincwadi sazifundelwa yingelosi, isifundisa ukuthi uma uNkulunkulu ekuthuma ukoshumayela, bese ungenzi njengoba uthunyiwe, uJehova uyakujezisa!
10.Nokuthi akuqalisi ngathi ukuthunywa kubantu abanezihliziyo ezingakuthandi ukukholwa, kodwa kwasemandulo isizwe sakwa-Israel sasihlale simhlubuka uJehova!
11.Ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu ukuthuma kubantu abamhlubukile; noma kunjalo, wena wenza lokho okutshelwa nguNkulunkulu!##
12.Namuhla sisemkhosini wesikhumbuzo sikaBaba uThingo owahamba emhlabeni mhla ka 28 March 2011.
13.Akukuningi esingakusho ngoBaba uThingo, ngoba ngokwemvelo kwakungumuntu ohlale ethule; noma esengumholi akakushintshanga lokho!
14.Kodwa ziningi izehlekalo ezithinta lelibandla ezenzeka ngesikhathi uThingo lungumholi weBandla lamaNazaretha.
15.Nokho okwanamuhla sizogxila kulokho esakuthunywayo, okungukudlulisa indaba kaNkulunkulu emhlabeni! NB
16.Ngijwayele ukuchaza ukuthi ubuKrestu ngokomlando nangokwe Bhayibheli akukaze kube nomprofethi.
17.UbuKrestu yinkolo eyasungulwa ngumbusi wezwe ngokozombusazwe!
Lenkolo yasungulwa ngenhloso yokuqeda inkolo yamaHebheru, njengokuchaza kwama Creeds ka Constantine! NB
18.Kodwa ngiyafisa ukusho ukuthi manje akusenjalo, uNkulunkulu useze wawakhumbula namaKrestu ngokusilethela umprofethi ongumKrestu nozoqondisa lenkolo ukuze ibe ngaphansi kwebandla likaJehova ngokuphelele! NB.
9.Lowo ngumprofethikazi uSister Celestial ozinze e-United States of Amerika!
20.USister Celestial ngokobuzwe ungumuntu omnyama, kuthiwa ungowaseBotshwana.
21.Kodwa anginalwazi lokuthi kwenzeka kanjani ebe i-Citezen yase-Amerika? Noma wazalelwa khona, angazi!
22.Njengokuhlale kwenzeka nakunoma yisiphi isithunywa sikaNkulunkulu, ziningi ke izinhlamba lomprofethikazi ohlale ethukwa ngazo ngamanye amaKrestu, njengoba kuhlale kwenzeka nakithi sithukwa ngamaNazaretha! NB
23.Kodwa ke sifundisiwe kakhulu ukuthi uma uJehova ekuthuma, uba yisitha esikhulu sabantu othunywa kubo!
24.Kodwa uNkulunkulu ku-Isaya 41:10-11 uthi: “Ungesabi ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho, ngiyaku kuqinisa, futhi ngiyakukusiza, yebo, ngiyakuku sekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
25.Bazoba namahloni, bajabhiswe bonke abakuthukuthelele, bayoba njengento engelutho, babhubhe bonke abamelana nawe!” Amein!
26.Ukuba amaKrestu ayazi ngabe ayambonga uNkulunkulu ngalomprofethikazi, ngoba uzokuqondisa ubuKrestu kulabo abazobe befuna ukukholwa okwamukelekile ezulwini! Kodwa kunalokho abanye bamthuka ngazo zonke izinhlamba!
27.Noma yimuphi umuntu okholwe ngokweqiniso kufanele ukuba uyabona ukuthi uSister Celestial uyisithunywa sikaJehova!
28.UNkulunkulu akamthumi umprofethi ukuba agcine ngokuprofetha(to foretell) kuphela, kodwa ikakhulu umthuma ukuba afundise abantu ukuthi Yena uJehova ufuna ukukhonzwa kanjani!
29.Njengesi thunywa sikaJehova, noSister Celestial cishe u90% wesikhathi sakhe usichitha eqondisa inkolo yobuKrestu, amaKrestu ewabuyisa kuyizifundisoze ezakhelwe ukuphikisa izwi loPhezukonke! NB
30.Noma amaKrestu ngomlomo ethi nawo akhonza uNkulunkulu neNkosi uJesu, kodwa ngokwenza bayayichitha yonke imiyalo kaJesu Krestu ngokugcina umthetho kaJehova!
31.Lo ngumehluko osobala phakathi kobuKrestu nobuNazaretha boMprofethi u-Isaya Shembe!
32.UShembe wakubhala phansi ukuthi isisekelo sobuNazaretha ukugcina imithetho kaNkulunkulu owayiletha kithi ngoMose!##
33.Ngike ngezwa omunye umfundisi wamaKrestu ethi inkolo yehlukene kathathu:
34.Uthi kufike kube yinkolo yesizwe sakwa-Israel kuphela, bese kuba yinkolo yama gentiles, okusho noma yimuphi umuntu ongasiye um-Israel ngokobuzwe! NB
35.Waqhubeka wathi: Bese kuba neBandla likaJesu. Walichaza lelibandla likaJesu!
36.Kodwa ngokwe Bhayibheli nangokomlando, alikho ibandla likaJesu elehlukile enkolweni kaMose!
37.Kuyiqiniso ukuthi inkolo kaMose iyinkolo yesizwe sama-Israel kuphela, nokuthi ama gentiles yibo bonke abantu abangasiyo indlu ka-Israel.
38.Kodwa angazi ukuthi ngokomlando nangokweBhayibheli ibandla likaJesu elehlukile enkolweni kaMose litholakala kuyiphi incwadi, ngoba ngokwemibhalo uYeshua wayengaphansi kwenkolo kaMose! NB.
39.UYeshua waze wafa ivangeli lakhe liqhakambisa indlu ka-Israel, okwathi engasekho abafundi bakhe baphuma eJerusalema bayolishumayela kwabezizwe!
40.KuMathewu 10:5-6, kuthi: “Laba abalishumi nambili uJesu WABAYALA WATHI: “NINGAYI KWABEZIZWE, KODWA YANINI EZIMVINI EZILAHLEKILE ZENDLU KA-ISRAEL.”
42.KuMathewu 15:24, kuthi: “UJesu waphendula wathi: “ANGI THUNYELWANGA KWABANYE, KODWA KUPHELA EZIMVINI EZILAHLEKILE ZENDLU YAKWA-ISRAEL!”
43.Manje imuphi loJesu lomfundisi okhuluma ngaye ongase yena um-Israel, nosenebandla lakhe elehlukile kwelikaMose? Kanti enkolweni yobuKrestu oJesu bangaki?
44.Ngithe isihloko salenkonzo sithi: “ZONKE IZITHUNYWA ZIKANKULUNKULU ZINOLIMI OLULODWA.”
45.Ukuthi umuntu uyisithunywa sikaNkulunkulu umfunda olimini! Njengoba noYeshua akugcizelela lokhu, inqubo yokukholwa kuJehova sayinikwa nguMose, imi nguna phakade!
46.Wonke umuntu ongaphansi kwenkolo kaJehova ukholwa ngokugcina imithetho kaJehova kuphela! Noma eshumayela ufundisa ngomthetho kaJehova!
47.Enkolweni yobuKrestu ngisabone uSister Celestial kuphela oqhuba ivangeli ngokwezimfundiso zeBhayibheli!
48.Into edida amaKrestu amaningi ukuthi inkolo yabo ayakhelwe phezu kweBhayibheli, kodwa bathatha lokho abakufundiswe emabandleni abo!
49.AmaKrestu amaningi akakwazi ukwehlukanisa phakathi kwenkolo kaMose nebandla likaJesu; abakwazi ukubona ukuthi uJesu wayengaphansi kwenkolo kaMose, futhi ngokomlando nangokweBhayibheli akakaze ebe senkolweni yobuKrestu!
50.Ngokomlando nangokwe Bhayibheli, akukho lapho okuthi uYeshua wake waba seRome wazihlanganisa nenkolo yobuKrestu!
51.Ukuthi uYeshua wasungula ubuKrestu ngamanga akhelwe ebuqilini obunenhloso yokudida abantu! NB
52.Kuse Bhayibhelini ukuthi ngokobuzwe uYeshua waye ngumJuda, engum-Israel! Kuse Bhayibhelini futhi ukuthi uYeshua wayehola ibandla elingaphansi kwenkolo kaMose!
53.KuMathewu 5:17-19 uzisholo yena uJesu ukuthi: “Angizile ukuzochitha UMTHETHO KAMOSE NEZIMFUNDISO ZABAPROFETHI, kodwa ngize ukuwugcwalisa.”
54.Uyaqhubeka uYeshua uthi: “Akusoze kwadlula naganyana linye lomthetho kuze kube phakade.”
55.Kuvesi 19 uYeshua wakhipha isijeziso kongawugcini umthetho, nesibusiso kowugcinayo, lapho ethi: “Ngakho oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!” NB
57.Lencazelo ayisiso isihumusho, ngoba vele uJesu uzikhulumele yena ngokwakhe!
58.Manje ibandla likaYeshua lihlukaphi enkolweni yama-Israel eyalethwa emhlabeni nguMose?
59.EBhayibhelini kunenkolo kaMose, uYeshua owayengaphansi kwayo, futhi okunguye owazisholo yena ukuthi ingedluliselwa kwabezizwe!
60.Kodwa engasekho emhlabeni abafundi bakhe baphuma eJerusalema bayoshumayela kwabezizwe ngalenkolo kaMose nangezimfundiso zikaJesu, njengoba nathi kubuNazaretha sishumayela ngenkolo kaMose nezimfundiso zikaShembe! NB
61.Engasekho uJesu, ngabapostoli abaqala ABAQALA UKUSHUMAYELA IVANGELI LIKAJESU NGOKWEMIBONO NEZINKOLELO ZABO, NJENGOBA NAMANJE KUSENJALO! NB
62.Ku-Izenzo 15:5-11 uPetro uthi wakhethwa nguNkulunkulu ukuthi abezizwe bezwe ivangeli ngomlomo wakhe.
63.Asinankinga nalokho. Kodwa inkinga iqala kuvesi10-11 uma uPetro esethi: “Ngakho ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi NIBEKE IJOKA ENTANYENI YABAFUNDI, OBABA KANYE NATHI ESINGABANGA NAMANDLA OKULITHWALA NA?
64.KEPHA SIYAKHOLWA WUKUTHI SISINDISWA NGOMUSA WENKOSI UJESU NGOKUFANAYO NABO!”
65.Lenkulumo kaPetro ayilona izwi likaNkulunkulu, kodwa ingumbono womuntu osechitha umthetho kaNkulunkulu, nosekuphambene nemiyalelo kaJesu ekuMathewu 5:17-19! NB
66.UYeshua wathi umthetho kaMose umi nguna phakade, kodwa emva kwakhe umfundi wakhe usethi alingabekwa phezu kwabo ijoka lokugcina umthetho kaJehova, ngoba noyise behluleka ukuwugcina lomthetho!
67.Uma ungamhlubukile uJesu, ungayikhuluma kanjani into enjalo?
68.Uthi ke uPetro, noma sesingasawugcini umthetho kaNkulunkulu, kodwa, SOSINDISWA NGOMUSA WENKOSI UJESU, NJENGABO OBABA!
69.Sekuyacaca ke manje ukuthi le false doctrine yokuthi ‘SONGENA EZULWINI NGOMUSA WENKOSI UJESU’ yasukelaphi!
70.UPetro uthi umthetho kaNkulunkulu awuchithwe ngoba wehlula oyise, wehlula nabo!
71.AmaKrestu alahliswe ngumpostoli umthetho kaNkulunkulu, egcwalisa okushiwo nguJesu kuvesi 19! NB
72.Kodwa uNkulunkulu ngomlomo kaSister Celestial uyayichitha le false doctrine YOKUNGENA EZULWINI NGOMUSA KAJESU!
73.Njengoba ngihlale ngithi amaKrestu akanaye umprofethi, ngokwazi kwami kuqala ngo Sister Celestial ukuba enkolweni yobuKrestu, okokuqala sibe nomprofethi ongagcini ngokuprofetha, kodwa obuye afundise ngomthetho kaJehova njengoba wawufundiswa ngabaprofethi bakwa-Israel!
74.Okwesibili, yize naye engumKrestu, kodwa ngu Sister Celestial kuphela okwazi ukuphumela obala aphikise amaKrestu ngawo wonke lama false doctrines athi kukhona ISIVUMELWANO ESISHA ESICHITHA UMTHETHO KANKULUNKULU, NOKUTHI UJESU UZOBUYA EZOLANDA IBANDLA LAKHE ELISHA, OKUNGAMAKRESTU!
75.Lapha ngizoveza yonke inkulumo kaCelestial, noma ngobude bayo, okuningi ngikushiyile.
76.Kulenkulumo uSister Celestial usichazela ukuthi uNkulunkulu uthini ngale FALSE DOCTRINE yamaKrestu ebizwa ngokuthi yi RAPTURE! Uthi ke lomprofethikazi:
77.“Ngaba nokwazi ukuthi uNkulunlunkulu uzama ukutshela iBandla ukuthi sekuyisikhathi sokwehlukana nenkohliso esingene yaze yagxila!
78.Inkohliso eBandleni likaJesu Krestu, yileli lumbo lokuthi iBandla likaJesu Krestu linesikhathi esizayo sokuthi lizophakanyiselwe phezulu ngenxa yamandla angaqondakali, bayiswe kwenye indawo!
79.Nokuthi ngeke kusaba nasidingo sokuba bathethe icala, bavivinywe ukuthi bayamthanda yini uJesu Krestu?
80.Nokuthi ngabe uthando lwabo abamthanda ngalo uJesu Krestu, nelobuKrestu babo uqobo, luhlanzekile yini; ngabe loluthando lwesekelwe yini emibhalweni, noma lokhu kuvele kwesekelwe kulokho abantu abakulindeleyo?
81.UNkulunkulu ukhuluma utshela iBandla, uthi: “Nizozilethela ubuhlungu obungenasidingo uma niqhubeka nokubambelela ezimfundisweni zamanga eziqubuke kulezi zikhathi zokugcina, kodwa eziyaphindwaphindwayo kuze kube sengathi ziyinto ekhona ngempela embhalweni.
82.Uma niqhubeka nokuhamba kule nkohliso yokuthi nina nibaluleke kuNkulunkulu kangangoba anikwazi ukuvivinywa, nokuthi okuyikhona okubalulekileyo ukusho nje ngemilomo ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi!
83.Nokuthi ngalokho-ke kuyolotshwa ezulwini ukuthi ningamaKrestu oqobo, ahlanzwe ngegazi, azinikeleyo, angasoze amphika uJesu!” Amein!
84.Lemfundiso-nkolo ngeRapture ithi kukhona ibandla elizohlangabezwa nguJesu, bese elithatha eya nalo ezulwini, liye ngokuthi nje lihlale libabaza igama likaJesu lithi “Nkosi, Nkosi!
85.Lokhu kokwenzeka ngaphandle kokugcina umthetho kaNkulunkulu! Lesi isenzo esiphambene nezimfundiso zikaYeshua!
86.Lomyalo wokuthi asinakungena ezulwini uma singawugcini umthetho kaNkulunkulu, wavezwa nguye uYeshua kuMathewu 7:21-23! Namuhla usugcizelelwa nguNkulunkulu ngomlomo ka Sister Celestial!
87.Uyaqhubeka uSister Celestial uthi: “UNkulunkulu ungitshele ukuthi njengamanje sikuyiTestament Elidala. uNkulunkulu uthi angitshele bonke abantu, hhayi abaseMerika kuphela, ukuthi sibuyela encwadini yeZenzo.
88.Siyohlawula ngenxa yezinto esizishilo, ngeke kube ukulokhu sithi: ‘O Nkulunkulu, ngiyaxolisa, ngangithi kungamanga, kodwa manje sengibuyile.’ Amein!
89.Lemfundiso-nkolo kaCelestial isavumelana neyomprofethi u-Isaya Shembe, kanjalo nemfundiso esihlale siyinikwa yingelosi, ukuthi yonke inqubo yokukholwa isemthethweni kaMose nezimfundiso zabaprofethi!
90.Njengoba ethi uNkulunkulu asibuyele encwadini yeZenzo, usho ngoba kukulencwadi lapho umthetho kaNkulunkulu waqala ukuchithwa khona ngabapostoli!
91.Ngaphambili ngishilo ukuthi kuyiZenzo 15:10-11 kulapho umpostoli Petro wafundisa ngokuthi awuchithwe umthetho kaNkulunkulu ngoba nokhokho bakhe wabehlula; ngakho ke ASIKHOLWE UKUTHI SONGENA EZULWINI NGOMUSA WENKOSI UJESU!
92.Kafuphi, uPetro useyawuchitha umthetho kaJehova, usethi ISISEKELO SOKUKHOLWA NGUMUSA WENKOSI UJESU!
93.UPetro usechitha wona lomthetho uYeshua kuMathewu 5:18 othe umi nguna phakade!
94.Kodwa kulesi sikhathi samanje uNkulunkulu uthi asibuyele encwadini yeZenzo, sibheke ukuthi ingempela ivangeli lenkolo kaJehova laqalaphi ukuchithwa?
95.KuyiZenzo 24:5 kuyilapho sitshelwa khona ukuthi uPaul wayengumholi webandla lamaNazaretha, okufihliwe ezincwadini eziningi zeTestamente Elisha!
96.KuyiZenzo 28:22-23 kuthi: “Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngalelihlelo ukuthi luyaphikiswa ezindaweni zonke!”
97.Ihlelo okukhulunywa ngalo, ihlelo lamaNazaretha, njengoba kuchazwa kuyiZenzo 24:5!
98.Iyaqhubeka incwadi ithi: “Sebemmisele usuku, baya kuye(uPaul) endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi!”
99.Lencwadi ibonisa ngokusobala ukuthi ngenkathi abafundi bakaYeshua bephuma eJerusalema babengaphansi kwenkolo kaMose, beshumayela ngombuso kaNkulunkulu njengoba kwakushumayela uYeshua esesemhlabeni!
100.Manje ke iliphi lelibandla likaJesu elehlukile ebandleni lamaNazaretha elagcina liholwa nguPaul, kodwa lingaphansi kwenkolo kaMose?
101.Namuhla uNkulunkulu uvuse umprofethi enkolweni yamaKrestu ukuba ezoyiqondisa ngebandla likaYeshua owahamba emhlabeni elishola lingakachithwa ngama Creeds!
102.Lesi simo siyefana nokwenzeka ebandleni lamaNazaretha, njengoba ezulwini kulethwe ingelosi ukuba izoqondisa ubuNazaretha okwethulwa ngumprofethi u-Isaya Shembe!
103.Ibandla lamaNazaretha sekulibandla lamaNazaretha ngegama, ngoba alisayilandeli imfundiso kaBabamkhulu!
104.Kanjalo nakumaKrestu, lelibandla nge likaYeshua ngegama, kodwa akuseyilo ibandla elihamba ngokwezimiso zikaKrestu owayephila emnyakeni yo 30 A.D; sesilandela uJesu owakhiwe ngabezizwe!
105.USister Celestial akagcinanga ngokushumayele, kodwa kusukela ku 2011 waprofetha ngezinto eziningi, ezinye esezenzekile, kodwa umhlaba uzama ngayo yonke indlela ukuzichitha!
106.Kodwa angazi ukuthi bazophumelela kanjani ukukwenza lokho, ngoba nguNkulunkulu okhuluma ngalomprofethikazi!
107.Uma uNkulunkulu esevuse umprofethi ebandleni lobuKrestu, ethi AKUBUYELWE ETESTAMENTENI ELIDALA, NGALOKHO UJEHOVA UHLANGANISA UBUNAZARETHA NOBUKRESTU, NGOBA INTO EBIHLUKANISA LEZI ZINKOLO IMFUNDISO-NKOLO YAMANGA ETHI KUKHONA ISIVUMELWANO ESISHA ESICHITHA UMTHETHO KANKULUNKULU!
108.Kafuphi, sonke inkolo yethu uma sithi singaphansi kwaJehova ngempela, kumele sibuyele kuyiTestament Elidala, njengoba esho uNkulunkulu ngo Sister Celestial! 109.Lokho kusho ukutho wonke umuntu olikholwa akabuyele ekugcineni iSabatha!
110.Kodwa lelivangeli likaCelestial izigidi zamaKrestu ziyalichitha, kungakhathalekile ukuthi ngalo kukhuluma uNkulunkulu!
111.Ukubonisa ukuthi uNkulunkulu uphakathi kwethu, namuhla kumhla ka 29 March 2025, ngizoveza izinto, njengokuprofetha kukaCelestial, ezizokwenzeka emhlabeni kusukela manje!
112.I-Amerika izoba neCivil war, belwe bodwa, abanye bagcine bebaleka beyishiye!
113.I-Amerika izohlaselwa yehlulwe yiRussia ihlangene neChina, neNorth Korea ne-Iran kanye namanye amazwe!
114.Kuyi Middle East amazwe ama-Arab azokulwa ayinqobe i-Israel, kodwa ekugcineni izwe lasePalestine uNkulunkulu uzolibuyisela kubanikazi balo, okungabantu abamnyama!
115.Ngakho ke kumina yonke lento eyenziwa ngu Trump no Elon Musk kithi, ayingikhathazi, ngoba i-Amerika izogcina ngokuphela indaba yayo, bese kuthi insali yakwa-Israel ibuyela ekukhonzeni uJehova!
116.Kodwa singakhohlwa ukuthi sonke sibhekene nezinsuku zokugcina ezifana nezikhathi zikaNoa!
117.Sizoke sibone ke ukuthi labo abathi uNkulunkulu akakho, ukukholwa akukho, bazobasiza yini onkulunkulu babo kulezi zinsuku zokugcina?
INkosi ibusise izwi layo!