Ayikho indawo ebhayibhelini, ecacisa ngesibusiso edlula lena ka-Isaka namadodana akhe amabili.
Yini isibusiso? Isibusiso ngamazwi aphinyiswa umuntu komunye umuntu, emfisela ukuba ehlelwe izinto ezinhle, isikhathi esiningi naye loyo othola isibusiso kukhona okuhle noma okuncomekayo okwenzile kulo ombusisayo.
AMANDLA ESIBUSISO NAMANDLA ESIQALEKISO.
Ngifunda ku-Genesis 27 verse 9-13
1.(8)Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami kulokhu engikuyala ngakho. 9Yana emhlambini, ungithathele khona amazinyane amabili amahle ezimbuzi, ngilungisele uyihlo isilovela njengalokho akuthandayo, 10wena usiyise kuyihlo, aze adle, akubusise engakafi.”
2.(11) UJakobe wathi kuRebeka unina: “Bheka, umnewethu ungumuntu oyinundu, mina ngiluqwatha. 12Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi yisibusiso.”
3.(13) Unina wayesethi kuye: “Isiqalekiso sakho, ndodana yami, masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.”
4.Le ndaba engifundile, iyindaba eyaziwayo, esichazelayo ukuthi uJakobe wasithola kanjani isibusiso okwakumele kube esomnewabo u-Isawu, uJakobe akazange akhe isu lokuba aphuce umfowabo isibusiso kodwa unina owakha amasu, watshela indodana yakhe ukuthi ayilalele izwi lakhe njengonina.
5.Kwathi uma ethi uJakobe uma kwenzeka uyise ezwe ukuthi akasiye u-Isaka uyomqalekisa, wathi unina leso siqalekiso angeke simehlele, kodwa siyokwehlela yena unina.
6.Ngampelake u-Isaka akezwanga ukuthi lo mntwana owabe embusisa, kwabe kungasiye u-Isawu owabe eqonde ukumbusisa. Wambusisa uJakobe wakhuluma amazwi amakhulu abe enothando oluyisimangaliso, lukaBaba ethanda indodana.
7.Uthi u-Isaka, sondeza kimi ngidle inyamazane yendodana yami ukuba umphefumulo wami ukubusise, wayeseyisondeza kuye wadla, wayisa kuyise iwayini waphuza,
8.Uyise u-Isaka wayesethi kuye, ake usondele ungange ndodana yami wasondela uJakobe wamanga uyise u-Isaka, wahogela iphunga lezingubo zakhe wambusisa,
9.Wathi, “Bheka, iphunga lendodana yami linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova. UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu, namanoni omhlaba, nenala yamabele neyewayini. Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.” (Genesis 27 verse 27-29)
10.Lesi sibusiso owasinikwa uyise uJakobe samehlela njengoba sinjalo, wathi uyafika umnewabo nenyamazane, wafica isibusiso singasekho, wathi uyalwa ukuthi uyise ambusise, kodwa kwatholakala ukuthi zonke izibusiso zezithathwe uJakobe.
11.U-Isaka wamnika uJakobe isibusiso sokuthi angagcini ngokubusa emhlabeni, lokho okwakushiwo nguyise kwaba njalo, kwathi uma uJakobe ebaleka ebalekela umfowabo u-Isawu,
12.uYise u-Isaka wambiza, wavalelisa kuye ngokumbusisa,
Wathi “UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi, 4 akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.” (Genesis 28 verse 3-4) Lawomazwi aba njalo, izizwe ezilishumi nambili zavela kubantwana baka Jakobe.
13.UJakobe walishiya izwe lakubo ebaleka, kwathi esendleleni wakhathala walala. Esebuthongweni wafika kuye uNkulunkulu wambusisa njengesicelo sikayise. Uthike uNkulunkulu uma embusisa lo mntwana
14.“NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho. Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele, ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.” (Genesis 28 verse 13-14)
15.Lento eyakhulunywa uNkulunkulu yaba njalo, sonke uma sikhuluma ngenkolo sisuke sikhuluma ngenkolo eyafika kubantwana bakaJakobe uNkulunkulu owagcina embiza ngokuthi u-Israel.
16.Ayikho indawo ebhayibhelini, ecacisa ngesibusiso edlula lena ka-Isaka namadodana akhe amabili.
17.Yini isibusiso? Isibusiso ngamazwi aphinyiswa umuntu komunye umuntu, emfisela ukuba ehlelwe izinto ezinhle, isikhathi esiningi naye loyo othola isibusiso kukhona okuhle noma okuncomekayo okwenzile kulo ombusisayo.
18.Kanti isiqalekiso ngamazwi aphinyiswa umuntu komunye umuntu emfisela ukuba ehlelwe izinto ezimbi, isikhathi esiningi naye lowo othola isiqalekiso kukhona okubi akwenzile kulowo omqalekisayo.
19.Ayikho into ebalulekile nenamandla njengesibusiso osinikwa umzali wakho. Ngelinye ilanga umfana ozalwa umfwethu wabe efuna umsebenzi owabe unesikhundla esiphezulu, kwase kufika kithi uHlaleleni.
20.Ithike iNgelosi “Lo mntwana angeke awuthole lo msebenzi ngaphandle kokuthi athole isibusiso sikaYise, noma ngingaya kuShembe uBaba iLanga ngimcelele lomsebenzi, kodwa asikho isiqiniseko uma ngingezi nesibusiso sikaYise”
21.Wabe esethi uHlaleleni asibuze kuyise ukuthi uyafuna yini ukuthi lo mfana wakhe athole lo msebenzi, uma efuna akasho izizathu ambusise, nempela ngamthinta umnewethu ngamtshela lesi saluleko engisinikwa ingelosi, ngenhlanhla lomfana wayevele eligugu kuyise eziphethe kahle.
22.Uyise washo konke okuhle akwaziyo ngomfana wakhe, wachaza ukuthi ukuthola kwakhe isikhundla, kwabe kuzomsiza kanjani yena, wambusisa. Esekushilo lokho yabe isithi iNgelosi, uma ngifika kuBaba iLanga sengizofika nento ebambekayo ngoba ngizofika nento ebambekayo ngoba ngizofika nesibusiso sikayise walomfana.
23.Ngempela ingelosi yamcelela lo mfana isikhundla wasithola ngaqala laphoke ukuba ngibe nokuqonda okujulile nokunzulu ngokubaluleka kwesibusiso. Lolulwazike sengiludlulisa kuwe. Ngikhuluma ngamandla esibusiso.
25.”Ngolunye usuku uBaba iLanga uthi kuMfundisi uJosaya Mthethwa ‘ Josaya awungibuzi ngani ukuthi umuntu ungena kanjani eZulwini, umuntu eZulwini ungeniswa izibusiso izibusiso umuntu uzithola kubantu’.
26.Uyaqhubeka uShembe uthi ‘ubovama ukubahlonipha abantu uvame ukwenza izinto ezinhle kubantu; ungakubukeli phansi ukubongwa noma ukubusiswa ngumuntu, lesibusiso osinikwa umuntu siyabhalwa eZulwini siliphuzu elibhekwayo ngesikhathi sakho sokwehlulelwa.
27.kuyabhekwa ukuthi abantu babethokoza yini ngawe nokuthi mabethokoza babe thokoziswa yini, uma abantu mabengathokozi ngawe lokho kubangelwa yini.’
28.Uthi-ke uShembe ‘abantu mabethi umubi ubani okufanele athi umuhle; uma abantu bethi awulungile ubani okufanele athi ulungile. UMA UZWA UMUNTU ETHI AKANENDABA NOMUNTU UBOQONDA UKUTHI UHLANGANE NESIWULA; UHLANGANE NESILIMA.’
29.Uthi-ke uShembe ‘noma umuntu emubi engolahliwe kodwa uma ethi iNkosi ikubusise lokho ekusho ngobuhle obenzile kwamthokozisa ngaleso sibusiso wena uzongena eZulwini. Noma yena elahliwe uyophika eshogweni ethi wena awukwazi ukuza yena lapho akhona wena wenqatshelwe zibusiso zakhe ukuba uyekulahlweni’.
30.NGIKHULUMA NGAMANDLA ESIBUSISO. Kuyimfundiso kaShembe ukuthi uma ukholiwe umuntu enza into enhle kuwe ungasho ukuthi ngyabonga mase kuphela ngalokho kodwa uthi INKOSI IKUBUSISE.
31.Kukhona umehluko phakathi kokuthi ngyabonga nokuth iNkosi ikubusise. Uma uthi ngyabonga usuke usho ukuthi ngyabona ukuthi ungenzele into enhle mase kyaphela ngalokho; kodwa uma uthi INKOSI IKUBUSISE usuke usho ukuthi ngyabona ukuthi ungenzele okuhle nawe uNkulunkulu akakwenzele okuhle. Lokhu-ke ukukhuluma kwase Zulwini abantu abaningi abangakwazi.
32.Ngenkathi uthi kumuntu INKOSI IKUBUSISE ingelosi yakhe iyake ijabule ngenkathi ijabula ngokumnikeza kwakho isibusiso nayo bese ikunikeze isibusiso nawe uzithola usuwehlelwa izinto ezinhle kanti thole isibusiso ngokubusisa umuntu. Wabe engaqambi amanga uIsaka kuJakobe uma ethi bayobusiswa abakubusisayo.
33.Njalo uma umuntu ethi iNkosi ikubusise ubovuma uthi AMEIN okusho ukuthi akubenjalo ngalokho uchaza ukuthi isibusiso sakhe asikwehlele njengesifiso sakhe.
34.Isibusiso asigcini ngokuku sebenzela ngoba usufile noma usaphila siyakusebenzela; uma umuntu ethi uNkulunkulu akakukhulise achithe izitha zakho kubanjalo, kuthi uma bewufanele ukuthi wehlelwe ukufa isibusiso sigijima phambili sifike sivimba, uma uthola isibusiso esithi ubusiswe ekuganeni kwakho nenzalo yomzimba wakho ibusiswe kubanjalo.”
35.Ngikhuluma ngamandla nokubaluleka kwesibusiso, ngenkathi ngiqala ukusebenza ngaba umabhalane enkantolo ngaze ngaba imantshi. Ngendlela engangifundiswe ngayo ngesibusiso, kwayaye kuthi uma ngifika ehhovisi lami bese ngiyavala ngiyathandaza.
36.Ngicele ukuthi noma imuphi umuntu ongena e-Office lami engaphumi enganginikanga isibusiso, lokho kwakwenza ukuthi njalo uma nginomuntu, nngisebenze ngokuzinikela, ngingafuni ukuthi umuntu ongena e-Office ephume enganelisekanga.
37.Noma ngibona abantu bemi ulayini enkantolo bonke abaqondene nami ngangibasebenza ngimane ngingayi elantshini. Ngesikhathi sengiphethe ngangiyaye ngibheke ukuthi bonke abantu baphathwa kahle. Lokhu sasikufundisiwe ukuthi umuntu ezulwini ungena ngezibusiso zabantu.
38.Ku-Exodus 20 uJehova wasilethela imithetho elishumi, lemithetho ibekelwe ukuqondisa ubudlelwane obuhle Phakathi kwethu noNkulunkulu naphakathi kwethu sodwa. Imithetho emine yokuqala, iqondisa ubudlelwano Phakathi kwethu noJehova.
39.Uma ethi uNkulunkulu ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho nokuthi khumbula usuku lweSabatha ulingcwelise, lena imithetho eqondisa ubudlelwano Phakathi kwethu noNkulunkulu ngqo.
40.Kodwa imiyalo elandelayo eyisithupha iqondisa ubudlelwano Phakathi kwethu sodwa, kodwa esithi uma siyeqa sijeziswe uNkulunkulu, imithetho efana nokuthi ungabulali, ungaphingi, ungebi neminye, iqondisa ubudlelwano Phakathi kwethu, uma uyeqa lemithetho uthola isiqalekiso.
41.4Esikhathini esiphambili kwakukhona umakoti, owajoyina ibandla lamaNazaretha esuka kwamanye amabandla, lapha ebandleni lamaNazaretha wahlupheka kakhulu kanti wabe etshelwe ukuthi kulelibandla kuyaphela ukuhlupheka.
42.Wagcina esebalisa ngalolusizi lwakhe naku-14 kumhlangano wamakhosikazi, kwathi kade ekhuluma ngalolusizi lwakhe ku-14 ebusuku kwafika uShembe ngesibonakaliso, uBaba iLanga.
43.Uthike uShembe, ngikuzwile ubalisa ngosizi lwakho, ake ungathandazi endlini, kodwa uye phandle ufike uthandaze ngezikhathi ezithize, impendulo yosizi lwakho uNkulunkulu uzoyiveza. Nempela lomakoti wakwenza lokho.
44.Kuthe ethandaza ngosuku lwesithathu ecimezile, wabona kuvela isandla phambi kwakhe, lesisandla sikhangezile, wabheka kodwa sanganyamalala lesisandla, wasukuma umakoti enovalo olukhulu wabaleka wazivalela endlini.
45.Wafika uShembe kuye okwesibili wathi “Uboneni” wathi umakoti “Ngibone isandla sikhangezile” wathi uShembe “Ngesikabani” wathi lo makoti “Angisazi” wabe esethike uShembe “Hamba futhi uyothandaza, uma siqhamuka futhi lesisandla ungabaleki, usibhekisise ukuthi ngesikabani.
46.4Wahamba futhi umakoti wayothandaza, Savela isandla, wathi uma esesibhekisisa, wabona ukuthi isandla somfundisi webandla owabaleka kulo kodwa lo mfundisi esewashona. Washaway uvalo lomakoti samshiya yedwa isazelo.
47.Wafika uShembe okwesithathu wathi, usibonile isandla, wathi umakoti, “yebo ngisibonile esomfundis wami” Uthike uShembe “konke lokhu kuhlupheka kwakho kuvela kulesi sandla nemali yakho ithathwa ilesi sandla, uyazi wena ukuthi wenzani kulomfundisi”
48.Lo makoti wabe eshiya entshontshe imali enkulu ebandleni wabe esezocasha kulelibandla lamaNazaretha kanti isiqalekiso siphezu kwakhe. Ithike iNgelosi uma weba into yomuntu ibuyiselwa kuye isiphindwe kasikhombisa, uyolokhu usebenza imali iphelele ezandleni kanti unecala lokweba.
49.Ungayithathi into okungesiyo eyakho ulikholwa, ngisho emsebenzini ungebi, ukweba kukulethela isiqalekiso.
50.Ngaso sonke isikhathi uma uhlala nabantu ubahloniphe, akekho umuntu ongalutho, ngisho isilima eigxaza amathe, siyakubusisa ubusiseke, sikuqalekise, uqalekiseke, ungavami ukugcwanekela kubantu, noma uphuzile ungaphuzeli kubantu, umphathe kahle uMfelokazi nentandane nomuntu omdala ikakhulukazi osegugile, ngoba laba bantu uNkulunkulu uyashesha ukubahlabekela. Uma ubaphatha kabi uNkulunkulu ukwehlisela isiqalekiso.
51.Umhloniphe umgcotshwa kaNkulunkulu ngoba awazi ukuthi useduze kangakanani noNkulunkulu, noma ngabe umgcotshwa akasiye owabandla lakho kodwa umhlopniphe. Umuntu ongumgcotshwa uvama ukuhamba nengelosi, uma umdelela ingelosi izokuhlasela mhlawumbe ikubulale.
52.Esikhathini esiphambili kusenodlame olukhulu kwezepolitiki la KwaZulu Natal, omunye umgcotshwa wahlangana nentsha ihamba itoyiza emgwaqeni, lentsha yabe isiyamphoqa ukuthi naye akayijoyine etoyize.
53.Wanqaba umgcotshwa wathi akakwazi ukwenza into enjalo emdala kangaka, omunye walaba bafana okwakubonakala ukuthi iningi labo lidle insangu, wamthuka lomgcotshwa wambiza ngesizemazema senhlamba, lomgcotshwa usekhona unguMfundisi ebandleni lamaNazaretha.
54.Uthike uMfundisi, hawu mfana uthuka mina ngomama ngingumgcotshwa kaNkulunkulu, kwasho ukuthi lo mfana akanendaba, waqhubeka ukuthuka uMfundisi, enye intsha yahleka kakhulu.
55.5Uthike uMfundisi, “Mina ngingumgcothwa kaNkulunkulu, angeke ngithukwe ingane iphile, kusukela manjenake mfana wami usufile, ngeke uze uyosithela kuloluyakhalo uphila” kwahlekwa kakhulu laba bafana bahleka.
56.Kodwa bathi laba bantwana besahambe ibanga nje elingama metre aya ku 200 besuka kuMfundisi, kwaqhamuka imoto ngesikhulu isivinini, behlukana Phakathi, lo mfana yena wavele waqonda kulemoto, imoto yamshaya kwasakazeka ubuchopho.
57.INkosi ibusise enikuzwile.