KwabaseKorinte besibili isahluko 11 vesi 4-6, lapho kuthi: “Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena;
Noma namukela omunye umoya eningawamukeliswanga, noma elinye ivangeli eningale mukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho.”
Isihlabelelo 156
1.Vuthelani icilongo
Batsheleni sesilizwile
Icilongo lezwi lakhe
Mazilazi zonke izizwe.
2.Nikuphiwe maqhawe
Hlabani lomkhosi
Umkhosi wezwi lakhe
Maziwazi zonke izizwe.
3.Bavuseni abaleleyo
Lizwakaliseni izwi lakhe
Nibavuse nabafileyo
Liyakudunyiswa ngaba njalo.
4.Vuthelani icilongo
Zililindele zonke izizwe.
Emampondweni makube njalo
Mazilazi zonke izizwe.
5.Empumalanga makube njalo
Nasentshonalanga makube njalo
Mazilazi zonke izizwe
Ziyosheshiswa nguMsindisi.
UKUDIDEKA EKUKHONZENI UYAHUSHA HAMASHIACH NOJESU KRESTU.
1.Ngokwemvelo ngingumuntu okhonze ukufunda, noma ngenxa yokukhula sengibuye ngisheshe ngikhathale.
2.Njengoba ngejwayele ukuchaza, ngathunywa ezulwini ukuthi ngifundise ngenkolo kaJehova owayehlisela kithi ngoMose, lapha eSouth Afrika eyethulwa ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye)
3.Ezulwini kwathunywa ingelosi ukuba izodlulisa lomyalezo yona uqobo lwayo, ibuye ihlale nathi njengoba sesibe nayo iminyaka engaphezu kweshumi nesihlanu.
4.Lokhu kungenze ngaphoqeleka ukuhlale ngifunda iBhayibheli nomlando walo, njengoba sihlale sifundiswa yiyo izincwahdi eziningi ebesingazazi!
5.Mhlawumbe cishe zonke izinsuku ngilala emva kwa 2 ekuseni ngifunda, ngibuye ngibhale lapho okufanele ngibhale khona!
6.Ekufundeni kwami ngathola ukuthi iBhayibheli lakhiwa ngamaGriki, lase li-adoptwa ngamaRoma.
7.Amangisi eza muva ngeversion yalo ebizwa ngokuthi iKing James version!
8.Izincwadi zeBhayibheli, okuyi Testamente Elidala neTestamente Elisha zabhalwa ngamaHebheru, kodwa za-edithwa yilezi zizwe ezimhlophe.
9.Ekulihlaziyeni iBhayibheli, lezi zizwe zazikukhipha ezingafuni sikwazi, bese zishiya lokho okungaxabani nenkolo yabo!
10.Sesakuchaza kaningi ukuthi okokuqala amaRoma ayichitha ngama Creeds inkolo kaJehova! Namanje lawo ma Creeds asekhona, noma ngezizathu zabo, amanye asafihlwa!
11.Ukuthi amaGriki awagqilaza kanjani amaJuda, lokho kusencwadini yeBhayibheli kaMaccabees, noma yakhishwa kuleli Bhayibheli esilifundayo!
12.IBhayibheli eliqukethe izincwadi zamaHebheru ezingahlanekeziwe i-Itopian Bible, ngoba amaTopia yilona lizwe kuphela e-Afrika elingakaze libe Colonized ngaba mhlophe! Linezincwadi ezingu 88, kuhlanganisa nencwadi ka-Enock.
13.Kodwa leliBhayibheli is banned enkolweni yobuKrestu engaphansi kwabamhlophe!
14.ITestament Elisha likhuluma ngoJesu Krestu, kodwa okuseqinisweni umprofethi okhuluma lapha ngu Yahusha Hamashiach, ngoba ngokomlando akaze abekhona uJesu Krestu!loJesu abakhuluma ngaye isithixo!
15.Unina ka Yahusha Hamashiach nguMaria, uyise nguJosefa; igama elithi Yahusha lavela ezulwini!
Kodwa ngenxa yokwehlulwa, abamhlophe baphendula onke amaqiniso ngomlando wobuzwe nenkolo yamaHebheru, emva kwalokho bazishisa izincwadi eziqukethe umlando wethu!
16.kwase kuthiwa amaHebheru ngabamhlophe, iBhayibheli kwaba yincwadi eyabhalwa ngabamhlophe, uYeshua Hamashiach wacishwa emlandweni wenkolo yethu, abezizwe base bevela noJesu Krestu!
17.Kwafihlwa ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungamaNazaretha, nokuthi naye wayengumaNazaretha, kwase kuthiwa abalandeli bakaJesu ngamaKrestu, futhi nguYeshua owasungula inkolo yobuKrestu.
18.URav Sha’ul njengo Yeshua Hamashiach owaba nguJesu Krestu, wacishwa emlandweni njengo mpostoli owayefundisa ngezimfundiso zikaYeshua, wavezwa sekunguye ochitha ivangeli likaYeshua!
19.Ikomkhulu lwenkolo yethu okuyiJerusalema, yachithwa, ikomkhulu, kwase kuba iRome.
20.Ngokomlando uYahusha akakaze ebe senkolweni yobuKrestu, ngoba akaze azihlanganise namaGriki kanye namaRoma, ngoba laba babeyizitha ezazigqilaza amaJuda ngendlela eyisimanga!
21.Sihlangana namaRoma eBhayibhelini ngoPilatu owayeyiGoverner yamaRoma esizweni samaJuda, nokunguyena owathetha icala likaYeshua, futhi wathi akubhalwe esiphambanweni ukuthi UJESU UYINKOSI YAMAJUDA!
22.Uma ufunda ngokunakisisa, ungazibuza ukuthi kukusiphi isikhathi lapho uYeshua wake wahlangana khona nobuKrestu, ngoba akaze aye eRome, nasekhuleni kwakhe wahlala eGibhithe?
23.Isihloko salentshumayelo sithi UKUDIDEKA EKUKHONZENI UYAHUSHA HAMASHIACH NOJESU KRESTU.
24.Noma kuyiNew Testament kukhulunywa ngoJesu Krestu, kodwa imibhalo yamaHebheru ikhuluma ngoYahusha HAMASHIACH!
25.Ngifisa ukufunda incwadi kaPaul KwabaseKorinte besibili isahluko 11 vesi 4-6, lapho kuthi: “Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena;
26.Noma namukela omunye umoya eningawamukeliswanga, noma elinye ivangeli eningale mukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho.” Amein!
27.Njengoba esho uPaul, kunevangeli likaYeshua Hamashiach elalishunyayelwa ngo Rav Shaul, bese kuba nevangeli elehlukile kulelovangeli, leli elaselishunyayelwa nguPaul-mbumbulu eseliphikisa izintshumayelo zikaYeshua noRav Shaul!
28.UDr Kotze encwadini yakhe ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, usichaze kahle lesi sahluko ngoba uthi omunye uYahusha ilo obizwa ngoJesu, elinye ivangeli, ileli vangeli elisuselwa enkolweni yaseBhabhiloni lonkulunkulu omthathu emunye!
29.Uyaqhubeka uPaul uthi: “Ngokuba ngicabanga ukuthi angehluke ngalutho kulabo baphostoli abaziwa kakhulu.
30.Noma ngakolunye uhlangothi ngilibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngolwazi.” Amen
31.Ngicabanga ukuthi umphostoli uPaul uqinisile uma ethi noma enolwazi olukhulu, kodwa ulibhimbi lokukhuluma.
32.Kubukeka sengathi kwesinye isikhathi wayaye akhulumele ukunconywa ngabantu, ngaphandle kokucabanga ukuthi lenkulumo yakhe abantu bazoyi humusha kanjani.
33.KwabaseKorinte bokuqala isihluko 9 vesi 20-21, uthi: “KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho.
34.Kwabanganamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu, kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho. Amein!”
35.Ungathi uthini lomuntu? Ukushumayela kuni ukuthi kongenamthetho ngaba ngongena mthetho ukuze ngizuze ongenamthetho, konomthetho ngaba ngonomthetho ukuze ngizuze kwabanomthetho?
37.Kwenzeka kanjani ukuthi inceku kaNkulunkulu ingakhulumi ngomthetho kaNkulunkulu, kodwa ikhulume lokho okuthandwa ngabamlalele ukuze abazuze bonke?
38.Okusobala ukuthi waye shumayelela ukuze aphendule abantu abaningi bebe sebandleni lakhe, kungakhathalekile ukuthi bazohamba ngokwezimiso zikaJUehova!
39.Ukuthi uma ngifica abantu abangahambi ngomthetho kaNkulunkulu, nami bese ngithi lomthetho akungahanjwa ngawo, ukuze ngizuze abantu abangawugcini umthetho kaNkulunkulu, njalo njalo!
40.Kokunye, ngaphandle kwevangeli likaPetro, ilemfundiso eyenza amaKrestu ethi akasaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, kodwa ezulwini ayongena ngomusa kaJesu!
41`.Kuyishwa ukuthi lokhu kukhuluma kuyanconywa kunokuba amakholwa ayaxwaya ukuthi ingempela lompostoli wayefundisa ivangeli elithini?
42.Ngelinye ilanga ingelosi yangivulela incwadi yamaHebheru 6:1-3 efundeka kanje: “Ngakho ke asidlule emfundisweni yokuqala ngoKrestu, siqhubekele phambili kokupheleleyo.
43.Singabuyi sibeke ISISEKELO SOKUPHENDUKA EMISEBENZINI EFILEYO, NOKUKHOLWA NGUNKULUNKULU.
44.NEMFUNDISO NGOMBHABHADISO NGOKUBEKA IZANDLA, UKUVUKA KWABAFILEYO, NOKUHLULELWA OKUPHAKADE. Lokho siyakukwenza uma uNkulunkulu evuma!”
45.Ithi ke ingelosi kimi: “UPaul wayethini lapha?” Ngicabanga ukuthi lamavesi ngawafunda more than ten times, ngingatholi ukuthi athini. Ubani ongathi uyamuzwa ukuthi wayethini lompostoli lapha?
46.Ngokolimi oluzwakalayo uMpostoli uthi: “Asingabuyeli emfundisweni yakuqala ngoKrestu.” Angazi ukuthi imfundiso yokuqala ngoKrestu imfundiso enjani?
47.Kodwa uPaul useyayibala imfundiso okungafanele sibuyele kuyo, okuyile: UKUBEKA ISISEKELO SOKUPHENDUKA EMISEBENZINI EFILEYO.
48.Ngamanye amazwi singakushumayeli ukuthi umuntu akaphenduke eyeke imisebenzi efileyo!
49.UKUKHOLWA NGU NKULUNKULU. Uthi ke uPaul asingakholwa kuNkulunkulu.
50.UKUFUNDISA NGOMBHABHADISO WOKUBEKA IZANDLA. Asingafundisi ngokubhabhadisa kokubeka izandla.
51.UKUFUNDISA NGOKUVUKA KWABAFILEYO NOKWAHLULELWA OKUPHAKADE!” Uthi uPaul asingafundisi ngokuvuka kwabafileyo! Ithi ke ingelosi: Uthini uPaul lapha?
52.Ekugcineni uthi umphostoli: “Lokho siyokwenza uma uNkulunkulu evuma!” Ngamanye amazwi uNkulunkulu uyenqaba ukuba senze zonke lezi zinto lompostoli ozibalile! Asilindele ukuzwa ukuthi uNkulunkulu uyavuma yini?
53.Kodwa futhi uthi uPaul asingabi nesisekelo sokukholwa ngu Nkulunkulu!
54.UDr Kotze ukhulume kabanzi ngalabo Jesu ababili, omunye okunguYAHUSHA, ONGU MHEBHERU, NEGAMA LAKHE ELAVELA EZULWINI, KODWA ABEZIZWE BALICHITHA BASE BEZAKHELA OWABO UMESAYA OSENEGAMA LOKUTHI NGUJESU, NEMFUNDISO OKUNGASEYIYO EKAYESHUA ONGUMESAYA!
55.Lenkulumo kaPaul kwabaseKorinte besibili isahluko 11:4-6 ifakazela inkulumo yakhe uJesu ekuJohane 5:43, lapho uYahusha ethi:
56. “Ngize egameni likaBaba, kepha aningemukeli; kodwa uma kuza omunye egameni lakhe, lowo niyakumamukela”
57.Igama elithi “uYahusha” lavela ezulwini, kodwa abezizwe balichitha, base bevela nelabo elithi “Jesu”, namanje amakholwa okuyilo alemukelayo!
58.Inkinga yethu thina bantu abamnyama ukuthi noma yini esiyitshelwa ngabezizwe, siyithatha iluhlaza injalo, ibe ligugu kithi, bese sichitha lokhu kwethu!
59.KuLuka 1 vesi 26-31 kuthi: “Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa ngu Nkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha, ibizo lentombi nguMariya.
60.Yangena ingelosi kuye, yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.
61.Bheka uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.” Amen”
62.NgokweBhayibheli inyanga yokuqala iqala ekupheleni kukaMarch iphele phakathi no-April; ngokwama-calender anamuhla.
63.Ngakho ke inyanga yesithupha ingo-August iphele phakathi noSeptember.
64.Ingelosi yafika ngenyanga ka-August ukuzobikela uMariya ukuthi uzokhulelwa.
65.Lithi iBhayibheli nempela uMariya wakhulelwa wabeletha seziphelele kahle izinsuku zokubeletha.
66.Umbuzo ke ngothi: “Njengoba uMariya wakhulelwa wabeletha seziphelele kahle izinsuku zokubeletha, umuntu okhulelwe ngo-August ubeletha kanjani ngoDecember, okuyizinyanga ezine ekhulelwe?
67.Ngisho singasebenzisa iKhalenda lamanje, inyanga yokuqala okunguJanuary, inyanga yesithupha nguJune.
68.Umuntu okhulelwe ngoJune ubeletha kanjani ngoDecember, okuzinyanga eziyisithupha ekhulelwe?
69.Kuyacaca ukuthi lo Jesu owazalwa ngoDecember 25 ngomunye uJesu; akusiye uJesu Krestu owabikezelwa yingelosi.
70.Uma uDecember 25 ewusuku lokuzalwa kukaJesu Krestu, lolo lusuku laluyogujwa ngabapostoli!
71.Bonke abapostoli baze bafa bengazi lutho ngoKhisimuzi, yikho uKhisimuzi engekho eBhayibhelini! Pho loKhisimuzi waqhamukaphi?
72.Umlando usifundisa ukuthi uDecember 25 lusuku lokukhumbula ukuzalwa kwankulunkulu owayebizwa ngokuthi nguSol embusweni wamaRoma.
73.Kwathi uma uConstantine owayengumbusi wamaRoma, ephenduka eba ngumKrestu, ngonyaka ka 325 AD washaya umthetho othi lomkhosi wabahedeni ungaqedwa.
74.Nempela lomkhosi awuphelanga kodwa kwashintsha igama lawo; kwakhohliswa abantu ngokuthi umkhosi waba hedeni ungumkhosi wokuzalwa kukaJesu. Kwathathwa usuku lokuzalwa kwesithixo kwathiwa usuku lokuzalwa kukaJesu Krestu!
75.Ngakho ke uKhisimuzi usuku lokuzalwa komunye uJesu hhayi uYahusha Hamashiach! Amakholwa amaningi ayakwazi lokho, kodwa akhetha ukukhonza isithixo kunokukhonza uNkulunkulu!
76.Encwadini kaRav Sha’ul ethi THE NAZARENE…, uma echaza ukuthi inkolo kaJehova yaqedwa kanjani, esikhundleni sayo kwaba ngubuKrestu, uthi:
77.Roman Christianity teaches that the Law has been abolished for Grace. UbuKrestu bufundisa ukuthi umthetho wachithwa kwangena uMusa.
78.Roman Christianity teaches that Rome has replaced Jerusalem. UbuKrestu buthi iRome isithathe indawo yeJerusalema.
79.The Catholic Presthood replaced the Priesthood of Levi. UbuPristi beCatholika sekuthande indawo yobuPriesti bukaLevi.
80.Rome teaches that “Jesus Christ replaced the name of Yahusha Hamashiach. UbuKrestu bufundisa ukuthi Jesu Krestu usethathe indawo yegama lika Yeshua onguMesaya.
81.Roman Christianity teaches that “Roman Citizen Paul” has replaced Rav Shaul the Nazareene. UPaul wamaRoma usethathe indawo yompostoli wamaHebheru uRav Shaul ongumNazarene.
82.Roman Christianity teaches that the Trinity replaced Yahuah. UbuKrestu bufundisa ukuthi uMthathemunye uthatha indawo kaNkulunkulu.
83.Roman Christianity teaches that the New Covenat replaces Torah (The Old Covenat of Moses. Isivumelwano esisha sithatha indawo yomthetho kaNkulunkulu owawuletha kithi ngoMose!
84.Roman Christianity teaches that the Gentiles replaced Israel (the people of God). Manje isizwe sikaNkulunkulu sekungabezizwe, hhay ama-Israelites! (Okuseqinisweni imfundiso yobuKrestu ithi abezizwe ngabantu abamnyama)
85.Roman Christianity teaches that the traditions of men (Christmas, Easters, Haloween etc) replaced the Holy Appointed Feasts, oh Yahua(Passover, First Fruits, Weeks, Trumperts Atonement, Tabernacles).
86.UbuKrestu bufundisa ukuthi uKhisimuzi nama-Easters athatha indawo yayo yonke imikhosi kaNkulunkulu njengePasika neminye.
87.Roman Christianity teaches that Sunday replaced the Everlasting Covenant of the Shabbath. UbuKrestu bufundisa ukuthi iSonto lithatha indawo yesiVumelwane saphakade, okuyiSabatha.
88.Kodwa noma abantu abaningi abamnyama sebekwazi ukuthi senziwa izilima ngokugujiswa usuku lokukhonza izithixo zamaRoma, sisaqhubeka nokukwenza lokho!
89.Ngelinye ilanga ingelosi yangibuza ngalezi zinwele zabezizwe esezifakwa cishe yibo bonke abantu besifazane abamnyama.
90.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Isizwe esimnyama sisho kanjani ukuthi izizwe ezimhlophe yizitha zabo, ungahloba kanjani ngezinwele zesitha sakho?”
91.Isithi ke ingelosi: “Angazi ukuthi ungayichaza uyithini lento, isizwe esimnyama sinenkinga yokucabanga okuqondile!”
92.KuMathewu 5 vesi 17-19 uJesu uthi akazile ukuchitha umthetho kaMose nezimfundiso zabaphrofethi, kodwa lokhu uzokugcwalisa.
93.Uthi uJesu Krestu umuntu ochitha umthetho abuye akhuthaze abantu ukwenza lokhu; akamukelekile ezulwini; kodwa kwamukeleke ogcina abuye afundise abantu ukugcina umthetho kaMose.
94.KwabaseThesalonika besili isahluko 2 vesi 8-12 uPawuli uthi: “Lapho ke uyakwembulwa loyo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Krestu ngomlomo wayo.
95.Imchithe ngokubonakala kokufika kwayo, lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukasathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga.
96.Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga. Amen.”
97.Kuze kube namuhla kunamakholwa aqhamuka ngazo zonke izindlela ukuhumusha iBhayibheli ngokuthi ngokufa kukaJesu kwaphela umthetho kaJehova, yize kusho yenu uJesu ukuthi umthetho kaJehova umi nguna phakade, nowuchithayo akanakwamukeleka ezulwini!
98.Ngaphandle kwaMprofethikazi uSister Celestial, amakholwa ayayichitha imfundiso kaYahusha ethi ukukholwa ukugcina umthetho kaNkulunkulu!
99.USister Celestial uphumele obala wathi uNkulunkulu uthi ukukholwa kuye ukugcina imithetho yakhe njengoba ibhaliwe kuyiTestamente Elidala!
100.Kunabafundisi abangamafanatics enkolo, kodwa othi uma uthi lomuntu uyamlalela, uthole ukuthi akazi lutho ngalento okhuluma ngayo!
101.Mina ngiyi scholar, futhi yonke into ethinta inkolo ngiyayicwaningisisa, ngoba angifuni ukufundisa abantu into engekho!
102.Ngalokho nginesiqiniseko ukuthi uSister Celestial noYahusha, bafundisa ngemfundiso evela ezulwini, bayizithunywa zasezulwini!
103.NguSister Celestial kuphela ongumprofethi kaNkulunku! Lokho angikukholwa, kodwa ngiyakwazi, ngoba ekuhlaleni nengelosi, sengiyaakwazi ukwehlukanisa izwi lasezulwini nezimfundiso zabantu!
104.Nokho, njengoba nathi siyizitha ezinkulu zamaNazaretha, noSister Celestial uyisitha esikhulu kwamanye amaKrestu!
105.Kodwa esengakufunda ukuthi awusoze wathunywa nguNkulunkulu bese uthandwa ngabantu, njengoba okuseqiniswe abantu abaningi abamthandi uNkulunkulu.
106.Bonke abaprofethi babeyizitha ezinkulu kubantu ababedlulisa umyalezo kaNkulunkulu kubo. Lokhu ukuthola ngendlela ababezonda ngayo umprofethi uJeremiya!
107.Sifunda kuJeremiya 18:18-23 lapho lomprofethi ethi: “Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awukuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”
108.Nginake Jehova, uzwe izwi labamelene nami. Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi.
109.Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.
110.Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishawe ngenkemba empini.
111.Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.
112.Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.”
113.UShembe kusihlabelelo 131 uthi: Nkosi Baba sizwe, fukamela umuzi wakho; umuzi waseKuPhakameni, uchithe izitha zawo zonke.
114.Bonke abazondi bawo, mabanga lotshwa encwadini yokuphila. Achithwe amagama abo.
115.Bahlangule wena Nkosi encwadini yokuphila, ichithe imizi yabo ingahlali muntu. Abazonda ukuPhakama sibachilizela kuwe, basibekele wena Nkosi bangasivukeli.
116.Kade balibeka ezintanyeni zethu, lelo joka lensimbi ezintanyeni zethu. Bembese wena Nkosi ngengubo yesililo. Phakamisa wena Nkosi lokhu kuPhakama.”
117.Njengoba ngihlale ngisho, umuntu othunywe nguNkulunkulu bambalwa abamemukelayo, bahlale belwa naye njalo, bengafuni aveze lokho akuthunyiwe ukuba akwedlulisele kubantu!
118.Lokhu ngikubona kimi, amaNazaretha amaningi ahlalela ukungithuka, kodwa uyothi uzwa kusasa sebekhuluma yona lento ohlale ukhuluma ngayo. Kodwa benyanya ukuba ikhulunywe nguwe!
119.Ngiyajabula ukuthi nasenkolweni yobuKrestu sekuvele isithunywa sasezulwini esikhuluma lona lolulimi esalufundiswa ngumprofethi, manje eselivuselelwa yingelosi; ukuthi asikhonze uJehova ngokugcina imithetho yakhe esayinikwa nguMose nabaprofethi.
120.Nami ngisasho lokho okwakhulunywa ngumpeofethi uJeremiya nokuhlale kugcizelelwa ngumprofethikazi uSister Celestial.
121.Ukuthi labo abayizitha zethu uNkulunkulu akabembese ngengubo yesililo, ichithwe imizi yabo ingahlali muntu, kodwa uNkulunkulu alithuthukise lelibandla elingumsebenzi wezandla zakhe!
iNkosi ibusiose lokho enikuzwile.