Uthi ke uBabamkhulu: “Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo, bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona.
Uyindlela yokuhamba eya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenaku fiphala.” Amein!
Isihlabelelo 103
1.Sivumele wena Nkosi
Isichaka sakho
Sishumayele izwi lakho
Ezizweni zonke.
2.Zibheke endleleni
Zonke lezo zizwe
Zilindele leyo nqola
Yalelo lizwi lakho
3.Sivumele wena Nkosi
Isithunywa sakho
Sishumayele izwi lakho
Ngalowo Moya wakho
4.Sithumele wedwa Nkosi
Leso sichaka sakho
Sibuthele sigcwalise
Ngalowo Moya wakho.
5.Sihambise izwi lakho
Ezizweni zonke
Zivuke zikulandele
WeMsindisi wazo.
1.Namuhla sisesi khumbuzweni sika Babamkhulu, owasishiya emhlabeni mhla ka 2 May 1935.
2.Safundiswa ukuthi uBabamkhulu simbize ngamagama obizwa ngawo ezulwini; noma igama lakhe liyizithopho, kodwa akube ligama eliyizithopho ngokwasezulwini.
3.Kulesi sihlabelelo umprofethi uthi uyisichaka seNkosi, uyisithunywa seNkosi, kanti kwezinye izihlabelela uthi unguThumekile, uyiNceku kaJehova! Negama elithi nguBabamkhulu lavela ezulwini. Bheka isihlabelelo 219.
4.Asikho isihlabelelo noma inkulumo lapho umprofethi ungamuzwa ezibabaza khona. Ngaso sonke isikhathi ubeka uNkulunkulu phambili!
5.Kusihlabelelo 71 uthi “Nkosi yami ubungithanda zingakaqini izintaba. Kwaphakade wangidala, ngiwuku qala kwendlela yakho.
6.Ngingu msebenzi wakho wasendulo, ingakaqini imimango, nemithombo yamanzi ingaka mpompozi ngamandla.
8.Nemithombo yemifula ingaka mpompozi ngamandla uJehova wangidala, ngaphambi kwendlela yakhe.”
9.Amanye amaNazaretha-ke bese ethi ngalesi sihlabelelo uShembe wayethi unguNkulunkulu! Ungabe usazi ukuthi ngoba bengithi lomuntu uyaphila ekhanda, usethini manje? Kanti umdalwa angabuye abe nguNkulunkulu kanjani?
10.Kwakungu 1931 mhla uMprofethi ezichaza. Uthi: “Bantabami, aningibuzi ukuthi ngingubani, noma ngingumlungu, noma ngilindiya, noma ngiyini! Mina ngingumprofethi womkhathi.
11.Bantabami umprofethi uhlala emkhathini, alindele isizwe esonile, bese uNkulunkulu emthuma kuso ukuba eyosishumayeza ukuze sibuye ekoneni kwaso.
12.Uma uNkulunkulu esekhethile leso sizwe umprofethi amthuma kuso, uyaye afune insizwa nentombi abahlanzekile, bese ebahlanganisa ngothando, bagcine beganene.
13.Sebe ganene, uMoya ongcwele wehlela esizalweni sowesifazane, umprofethi azalwe, akhule njengabo bonke abantwana, engazi ukuthi ungumprofethi.
14.Kothi lapho uNkulunkulu esefuna ukusebenza ngaye, bese emnika amehlo asezulwini, amenze azi ukuthi ungumprofethi womkhathi.
15.Uyoqala ukwazi ukuthi akukhona okokuqala uNkulunkulu emthuma ezizweni ezahlukene.
16.Uthi ke uBabamkhulu: “Bantabami kuhle kulelozwe enginiyisa kulo.
17.Uma ungaya kulelozwe, ngibuye ngikubuyise emhlabeni, ngithi ukuze ubuyele kulelozwe, thatha ummese uzinqume intamo, ungenke ungabaze ukuzibulala ukuze ubuyele kuleliya lizwe.
18.Kodwa mina bantabami angiyi lapho, uma uJehova ethanda uyongibeka eMpumalanga, noma eNtshonalanga, noma eNyakatho, noma eNingizimu; nomaphi lapho ethanda khona. Kodwa engikwaziyo ukuthi ngiya kuJehova iNkosi yami!” Amein!
19.Sesihlale nengelosi iminyaka edlulile kweyishumi nanhlanu, isanda kufika ingelosi sasiba nemibuzo eminingi esiyiqondise kuyo, futhi isiphendule.
20.Kodwa namuhla sengiyazi ukuthi akufanele ukuhlale ubuza zonke izinto okunganasidingo sokuba uzazi.
21.Okufanele ukubuze okuthinta isono, ukuthi ngabe kuyisono yini lokhu nalokhu!
22.AmaNazaretha ake ahlala nomuntu wasezulwini. Ungizwe kahle, angisho ukuthi amaNazaretha ake ahlala noNkulunkulu, kodwa ngithi ayehlala nomuntu wasezulwini.
23.Kukhona umehluko phakathi komuntu wasezulwini noNkulunkulu.
24.Thina sihlala nomuntu wasezulwini, kodwa ngabe ngiyanidukisa uma ngithi ingelosi nguNkulunkulu! NoShembe ke uBabamkhulu wayengumuntu wasezulwini, kodwa lokho akusho ukuthi wayenguNkulunkulu!
25.Akakho umuntu olapha emhlabeni, ngisho abaprofethi, engake ngamuzwa echaza ngohambo lwasezulwini njengoba kwakwenza uBabamkhulu.
26.Ngelinye ilanga eshumayela uthi“Kuza isikhathi lapho abantu basekuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe.
27.Lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
28.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho. Amein!
29.Indlela amaNazaretha kulesi sikhathi enza ngaso, kuyacaca ukuthi yiso lesi sikhathi uBabamkhulu owayekhuluma ngaso!
30.AmaNazaretha amhlubukile uJehova akhonza izithixo zawo, athi asenonkulunkulu babo, ngaphandle kwaJehova, lo owathi uma efika phakathi kwethu uShembe wasifundisa ngaye!
31.Njengoba washo uBabamkhulu, amaNazaretha asemhlubukile uJehova, asekhonza nezangoma emathempelini awo, ayaziqokela abaholi, bese ethi laba baholi aziqokela bona sekuyibo onkulunkulu babo.
32.Ungafike uziqokele umholi, bese lowo mholi uthi ungunkulunkulu wakho, kanjani, kanti uNkulunkulu uyakhiwa yini?
33.Kuyishwa ukuthi yonke lento eyenzeka ebandleni lamaNazaretha inika izitha zikaJehova ithuba lokuthuka uMprofethi, kube sengathi esikwenzayo kuyinkolo esiyifundiswe nguBabamkhu, kanti iningi lethu sesibuswa ngomubi!
34.AmaNazaretha akasenendaba nokugcinwa komthetho kaJehova njengokufundiswa ngumprofethi, umthetho asewenza inhlekisa!
35.Uyaqhubeka umprofethi, uthi: “Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe.
36.Nabo bahlala bemdumisa ngezigubhu nokusina, behlabelela ngenjabulo.
37.UThokozwayo wenama ngabo, ukwenama koMsindisi kuhlala nabo phakade, abasenakho ukufa! Amein!
38.Ngalentshumayelo sizama ukunika isithombe labo abangamazi umprofethi, bezizwele ngokwabo kulesi sikhumbuzo ivangeli lalomuntu owayehamba nabazali bethu!
39.Isenzo samaNazaretha anamuhla sesehluke kakhulu kulokhu esakhula kwenziwa kulelibandla! Alisekho izwi kumbe imfundiso kaBabamkhu elandelwayo kulokhu kukholwa.
40.Ngiyaye ngithi uma ufuna ukubona ukuthi umNazaretha ngumuntu onjani, ubobuka mina! I am a typical Nazarite!
41.Naleli bandla lamaNazaretha ka Nkulunkulu sekuyilo lodwa elisahamba ezinyathelweni zomprofethi, nelisenevangeli lokudumisa uJehova!
42.Kulelibandla kwehla ingelosi ezulwini yazohlala nathi, yazosikhumbuza ukuthi uBabamkhulu ama Nazaretha wawafundisa ngombuso wezulu, nangokuthi uziphatha kanjani umNazaretha!
43.Yebo lelibandla lincane kakhulu kumaNazaretha, kodwa siyinto enkulu kuBabamkhulu, siyisibani sezwe!
44.Uma ufuna ukwazi ukuthi umNazaretha umuntu ophila nhloboni, obukuza kulelibandla, ngoba iningi lama Nazaretha akwaShembe selamhlubuka uJehova noBababmkhulu! Sesifana nje nabo ngengubo emhlophe nangesihluthu!
45.Uthi ke uBabamkhulu: “Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo, bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona.
46.Uyindlela yokuhamba eya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenaku fiphala.” Amein!
47.Kulivangeli lasezulwini uthi uma ungawugcini umthetho kaJehova ngenke ungene ezulwini!
48.NoYeshua wasifundisa lokho, ukuthi songena ezulwini ngokugcina umthetho kaJehova.
49.Kodwa amaKrestu ayamphikisa uYeshua, ngoba bayaye bethathe izimfundiso zabezizwe kunezika Yeshua, bese becabanga ukuthi uYeshua uzokhohliseka ngoba behlale bebabaza igama lakhe!”
50.Ngike ngezwa umprofethikazi uSister Celestial ehlaba lemfundisoze yamaKrestu yokuthi abasaphili ngaphansi komthetho.
51.Ukuthi umprofethi uthunywe ezulwini, umuzwa ngokugcizelela ukugcinwa komthyetho kaJehova.
52.Uthi ke lomprofethikazi: “…angazi nokuthi le theology ehlanekezelweyo yavelaphi, ngoba iBhayibheli lisho kahle ukuthi uJesu Krestu akezanga ukuzochitha uMthetho, kodwa weza ukuwugcwalisa! Uyisipheleliso sakho konke okushiwo uMthetho.
53.Uma uMthetho sewaqedwa, kusho ukuthi sesikhululekile-ke ukuba sibulale, ngoba umthetho omayelana nokubulala ukwi Testamente Elidala.
54.Uma lowo Mthetho sewaphela-ke, vele uphume uyobulala ngoba umthetho othi ungabulali awusasebenzi ku 2023!
55.Lokhu kuyimfundiso-ze, kuyinkohliso, kuyimbombayi nje, kuyimvubelo esingene endlini kaNkulunkulu, ukuthi izinto ezithile aziqondene nanamuhla.
56.Kwenzeka kanjani ukuba iqeqebana nje labantu livele linqume ukuthi izinto ezithile azisebenzi?
57.Usho kanjani ukuthi usukhululekile ezintweni iBhayibheli elisho ngazo ukuthi akuyikudlula nagamana linye nasicashana sinye sazo?” Amein!
58.Umthetho kaJehova waqedwa nguConstantine ngama Creeds, kodwa ukucashisa lokhu, kwase kuhambe kufunwa amavesi eBhayibhelini okuthiwa achitha
umthetho kaJehova!
59.Kunamakholwa asazolahlwa ngokunamathela ezimfundisweni zomubi othi ngazo abalahle uJehova noma sebevuswa ngumprofethi ukuthi ukuduka lokhu abakwenzayo, njengokuchitha iSabatha nje!
60.KukuMathewu 5:18-19, lapho uYeshua owathi: “Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwedlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
61.Ngakho ke oweqa owodwa kulemiyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.”
62.lapho echaza uhambo lokuya kwelizayo, uthi uShembe: “Nxa usuya kulelozwe, uyodlula emahlane nakumahlathi esabekayo, anezelelesi nabaphangi, nabahuhi abahuhayo, abandisa imibuso yabo yokulahlwa!” Amein!
63.UShembe usifundisa into ebesingayazi, ukuthi ekufeni kwethu sedlula amahlathi asabekayo, anezelelesi nabaphangi, nabahuhi abandisa imibuso yabo yokulahlwa!
64.Lapha uShembe wayesifundisa njengamaNazaretha ukuthi ekufeni kwethu ziningi izinkinga esihlangana nazo uma besingamkhonzi uJehova ngokuphelele!
65.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: Kwabanye iyaphela iminyaka engamashumi amathathu behluleka ukuphuma kulamahlathi, ngoba balidelela izwi likathixo; namanje basese bumnyameni!” Amein!
66.Lenkulumo kaBabamkhulu ingikhumbuza indaba eyenzeka ngapha kithi. Inkosikazi ka 14 yayikholiwe ingumNazaretha, kodwa yagcina ingasayi ku 14, futhi ingawunikeli umnikelo ka 14, kodwa iza enkonzweni yeSabatha.
67.Yabe isiyagula lenkosikazi, yagcina ngokushona. Kuthe sekulandwe imoto yokuthatha isidumbu siyiswa emakhazeni, yavele yaphaphama.
68.Isiphapheme yabe isithi ayibizelwe umkhokheli. Esefikile kuyo umkhokheli, yabe isichaza ukuthi ibihamba ekukhanyeni, kodwa isesohambeni lwayo kwavele kwacisha izibani kwabamnyama.
69.Ayabe isikwazi ukubona ukuthi iyaphi. Khona lapho yase izwa izwi lithi lezi zibani owawuzikhanyisa usahamba u 14 ziphela lapha!”
70.Ebandleni lamaNazaretha, kumnikelo wesifungo kuba nomnikelo okuthiwa umnikelo wezibani!
71.Yaphaphama lenkosikazi, yacela ukobizelwa umkhokheli. Esefikie, yacela ukuba isiqedele isikweletu somnikelo ka 14.
72.Umkhokheli wayinikelisa lenkosikazi isivuka ekufeni. Kwathi lapho iqeda ukunikela, yavele yashona ngaso leso sikhathi.
73.Kulelibandla asiyenzi into ongenke udibane nayo ezulwini, ngoba libandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
74.Kungakho ke kulelibandla kumele uhlale uwunikela umnikelo wesifungo, futhi uye esifungeweni sakho!
75.Lapho eqhubeka ukuchaza loluhambo lokufa, uBabamkhulu uthi: Uma usudlulile kulamahlathi, uyophumela kwankanankana, kwasikhova sikhala emini, ezintabeni zakwa lambathwayo, kwa mthimunye, kwa sikhomakhoma!
76.Bantabami kuleyo ndawo lihlala licwathile, libalele, kwabaningi akudluleki esikhomakhomeni.
77.Leli lizwi elishunyayelwa lapha eKuphakameni, liyinkemba eyokusiza ekuphungeni abahlaseli bakho; futhi liyoba umphako kulamahlane osizi oyohamba kuwo!
78.Uyothi sewedlule kuleyo ndawo, uyofica isiziba, ngaphambili, iparatomi. Uyobe sewuliwelile iHuze umfula omkhulu okhetha abaweli!
79.Nisize uma kuhambe umuntu, nimenzele imbali ukuba angabhajwa eparatomi. Lenkonzo niyenze emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ukuba beze abahlangabezi, bamfune uma edukile oyisihambi! Thandani izwe elizayo! “Amein!
80.Kuyenzeka ukuthi umuntu afe ekholiwe, kodwa ekufeni kwakhe ngezizathu ezahlukene engangeni ezulwini.
81.Kuleli bandla ngesikhathi sika Babamkhulu kwakune nkosazane eyayikholwe kakhulu, futhi yaziwa ngokusina, igama layo kungu Mbaliyethemba.
82.Yagana lenkosazane, ekuganeni kwayo, yagula. Isigula base beyithatha beyisa ezinyangeni ukuyokwelashwa.
83.Lapha enyangeni bayifaka imithi emibi; kodwa yedlula emhlabeni.
84.Kuthe ngelinye isabatha uBabamkhulu wabuza kumakholwa ukuthi washonaphi uMbaliyethemba? Base bemtshela ukuthi sewashona.
85.Uthi ke uBabamkhulu:“Ngiyazi ukuthi sewashona, kodwa kade kufike izithunywa zasezulwini zizombuza kimi ukuthi uphi, ngoba akekho ezulwini, akakho nasesihogweni!
86.Manje uzobuzwa kimi ukuthi kanti ekufeni kwakhe washonaphi?
87.Wabe esethi umprofethi ama Nazaretha akamthandazise, kufunwe uMbaliyethemba.
88.Nempela ngesiguqo sika 12 ebusuku umthandazo wamaNazaretha wawubhekiswa kulomakoti okungaziwa ukuthi ekufeni kwakhe washonaphi.
89.Ngelinye isabatha uBabamkhulu wezwakala esebonga kuma Nazaretha, ethi umtholile uMbaliyethemba, kodwa umthole ezulwini lezinja!
90.Uthi ke uBabamkhulu: “Ngiwahambe onke amazulu nezihogo, ngingamtholi lomntwana.
91.Kodwa ngithe ngedlula ezulwini lezinja, zangikhokhonta. Kuleso sikhathi kube nesimaku ebesilokhu singikhonkotha singilandela.
92.Ngabona ukuthi lesi simaku asingikhonkothi, kodwa sikhalela umnikazi waso.
93.Ngabe sengibuza kuso ngathi: “Wena nja, uyiyiphi inja ezinjeni zaseKuphakameni?”
94.Kwase kuphendula lomntwana esimnfunayo, uMbaliyethemba. Wathi “Yimi UMbaliyethemba Baba, bangidlisa inyama yenja, ekufeni kwami ngase ngiya ezulwini lezinja!”
95.Ngimthathile lomntwana ngabuya naye ngafike ngambeka emasangweni ezulu.
96.Uma esehlambulukile, emva kwezinsuku eziyisi khombisa uzongena ezulwini!” Amein!
97.Lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu liyazondwa, ikakhulu ngamaNazaretha akwaShembe.
98.Uma kuhamba emhlabeni ilungu lethu, abanye bayaye belithathe ngenkani, singakwazi ukulincwaba.
99.Kanti ngokosiko umuntu uyaye encwatshwe ngendlela yalapho besebenzela khona.
100.Uma ubengumbulali, kufika izigebengu ziqhumise izibhamu, uma bedlala ibhola, kufike abadlali bebhola bemphekezele ngendlela yabo, nja, njalo!
101.Kodwa uma sekuhambe ilungu lethu, amanye amaNazaretha ayenqaba nesidumbu, bethi ngesomndeni wakhe, bese encwatshwa ngendlela engamukelekile kuleli bandla.
102.Thina umuntu simncwaba ngendlela yokukholwa, akuvumelekile ukuba uma eseyofihlwa kube nomuntu ozobongela abakubo, bese kuthiwa abamhlangabeze.
103.Konke sikwenza ngendlela yebandla, silindele uMqondisi uShembe okhuluma ngaye kusihlabelelo 235 ukuba ezomhlangabeza.
104.Kodwa uma ingelosi emhlangabezile ifika esethathwe zidalwa zakubo, iphindela emuva.
105.Yena besezizithola esekakwe imimoya yabantu ongakaze ebe nabo ekukholweni kwakhe. Usengumuntu odukile, nalapho ekhona bese umoya wakhe uyahlupheka kakhulu!
106.Uthi ke uBabamkhulu: “Nisize uma kuhambe umuntu, nimenzele imbali ukuba angabhajwa eparatomi.
107.Lenkonzo niyenze emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ukuba beze abahlangabezi, bamfune uma edukile oyisihambi! Thandani izwe elizayo!”Amein!
108.Uma singakwazanga ukumncwaba umuntu wethu, siyaye senze lenkonzo yokomfuna simbuyise ekhaya ebelisebenzela!
109.Kodwa futhi noma simncwabe kahle, siyamenzela lenkonzo, ngoba sisuke singazi noma uye ngempela yini ezulwini.
110.Siyakuqikelela ukuthi umuntu wethu osishiyile simlandele ngenkonzo lapho ekhona!
111.Uthi ke umprofethi: “Abaningi baminziswa yilesi siziba abasuke bezihlamba kuso, siyimpilo yokuqala oyithola usunyukela ezintabeni zokwenama, kwaMsindisi uyinala kwabamkhonza ngeqiniso!
112.Maningi amazulu, ziningi nezihogo. Kodwa nina ninenhlanhla yokuyalelwa indlela yokuya ezulwini likaJehova niselapha emhlabeni.
113.Lelizulu uJehova okulo alifani namanye amazulu, liyakhanya, kanti amanye amazulu amnyama, ayavuza, anendlala, anayo yonke inhlobo yokuhlupheka!” Amein!
114.Ngithe kuzo zonke izithunywa zasezulwini, akakho umprofethi engake ngamuzwa echaza indaba yokufa njengoBabamkhulu.
115.Kodwa ngeshwa, ngenxa yokuthi amaNazaretha akasafundiswa lutho ngoBabamkhulu, into abayaziyo ukukhuluma ngezimangaliso nje, into nomubi okwaziyo ukuyenza!
116.Ngiyafisa ukuchazela bonke abantu ukuthi asikho isimangaliso esingenziwa ngowasezulwini bese sehlula omubi!
117.Okuseqinisweni amaSatanists enza izimangaliso ezinkulu kunezingeziwa ngabaprofethi, ngisho zingelosi.
118.Ithi ingelosi kithi: “Mhla izingelosi zixoshwa ezulwini, akukho lutho ezephucwa lona, onke amandla nokuhlakanipha ezazinakho zisesezulwini, namanje zisenakho. Umehluko ukuthi zona sezisebenzela omubi!Amein!
119.Uma silandela izimfundiso zomprofethi, kuningi esingakufunda ngombuso wezulu kunalezi zimangaliso ezingathi shu!
120.INkosi iLanga nguyena muntu owayehlale esinika isithombe sokuthi uBabamkhulu kwakungumuntu onjani.
121.Kodwa asifuni ukukhuluma ngalokho, sidumisa izimangaliso, okuytinto ethwalelwayo!
122.Akuyiyo imfhlo manje ukuthi abaholi abaningi bamabandla bayakuthwalela ukuba ngumholi onezihlwele zabalandeli.
123.Uthole umuntu engazi lutho ngokuhola ibandla, engazi ngisho ukufunda iBhayibheli, kodwa enabalandeli abaningi, omunye kuthiwe ngunkulunkulu, ngoba kuthiwa wenza izimangaliso, eziningi ezingamanga!
124.Ekhasini 218 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMSYELO ZENKOSI ILANGA, uBaba iLanga uthi:
125.“Ngiye ngicabange ukuthi uNkulunkulu uthini kithi thina base-Afrika. Likhona yini mhlawumbe izwi kuye elithi:
126.“Sengiyazisola ngoba ngathuma uShembe e-Afrika, kodwa abantu abazange bamnake.
127.Sengiyazisola ukuthi ngathuma umuntu wami KwaZulu, abakwZulu abazange bamnake.
128.Sengiyazisola ukuthi ngathuma isiThunywa sami, uShembe, emaMpondweni,abasema Mpondweni abaze basinaka!” Amein!
129.Ngiyaye ngingazi ukuthi njengoba iNkosi iLanga ihlale uBabamkhulu imbiza ngesiThunywa sikaNkulunkulu, yini eyayenze amaNazaretha engalemukeli lelo gama, ebese ethi uShembe nguNkulunkulu?
130.Ngabe benziwa ukukholwa kakhulu, noma benziwa ukuhlubuka? Mina ngiyaye ngizwe nengelosi ithi uShembe isiThunywa sikaNkulunkulu!
131.Mhlawumbe ngoba nabaholi babo ngoShembe ngesibongo, lobu bunkulunkulu basuke bekuncekise kubaholi babo, bese bevika ngoBabamkhulu esingakaze sifundiswe ukuthi unguNkulunkulu!
132.Uma singamakholwa ngempela, asenze lokhu esakufundiswa ngumprofethi, nesakufundiswa iNkosi iLanga nabo bonke abaholi bangempela, sibize uBabamkhulu ngesikufundiswe nguye uShembe ngaye!
iNkosi ibusise enikuzwile.