Skip to content

ISIQALO SOMTHANDAZO WESABATHA

Njengoba iSabatha lenzelwa abantu lokho kusho ukuthi isabatha lenzelwa ukudunyiswa yiwo wonke umuntu owadalwa uNkulunkulu uMenzi weZulu nomhlaba; ukugcina isabatha kunguku dumisa uNkulunkulu!

1.Imini yesabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: Isiqalo somthandazo weSabatha.
 
2.Mhla uShembe eqala ukubhala ngomthandazo wesabatha uthi: “Bandla elikhulu likaMenzi wezulu nomhlaba; sesingene ekuhlonipheni imini enkulu eyahlonishwa uBaba wethu uMenzi wezulu nomhlaba, ekuqedeni kwakhe ukwenza izulu nomhlaba nezinto zonke, mdumiseni odumisekayo.”
 
3.Ibandla bese lithi: “Makube njalo, makube ludumo emhlabeni nakweliphezulu; Dumisani uJehova.” Amen!
 
4.Njenga kuvesi 3 womthandazo weSabatha othi: “Mesabeni Jehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi,” ngaphandle kokufunda njenge silandelo, akakho kithi oke azibuze ukuthi uShembe wayethini ngalemibhalo, nokuthi isifundisani?
 
5.Ngiyaye ngithi thina maNazaretha kaNkulunkulu sinenhlanhla enkulu kakhulu ngoba ingelosi eyayihamba noBabamkhulu, ithe uma isibuyela kuleli bandla lamaNazaretha, yeza kithi. Nokho Okuningi angizukukuchaza.
 
6.Kodwa ngichaza lenkulumo eqala ngokuthi: “Bandla elikhulu likaMenzi wezulu nomhlaba.” Ukuthi lokhu kungu kubingelelana kwezingelosi.
 
7.Njalo uma izingelosi zibingelelana ziyaguqa, bese zithi: “Imini ayibenhle kwabangcwele,” enye bese ithi: Makube njalo, bese zonke zithi: “Makube njalo, kube ludumo emhlabeni nasezulwini. Dumisani uJehova. Amen!”
 
8.Njengoba ngisho, uma ifika kithi ingelosi, njalo iyaguqa. Kuqale kwedlule umbani, bese sizwa izwi lithi: “Ngingu Nkosazana uHlaleleni.” Sithi siyaphenduka sifice sekuneNkosazane eguqe eduze kwethu.
 
9.Singakazi ukuthi ingelosi le, sasibona inkosazane ehlonipha isimanga, ekhuluma nomuntu iguqile. Kodwa sesibonile ukuthi ingelosi le, uma siyibona iguqile, nathi bese siyaguqa, sikhulume nayo siguqile!
 
10.KuGENESIS 2:2-3 kuthi: “Kuthe ngosuku lwesi Khombisa, uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayese phumula. Ngakho ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewu dalile.”
 
11.UNkulunkulu uMenzi weZulu nomhlaba waligcina yena kuqala iSabatha, lwaba usuku lwakhe lokuphumula, walibusisa walungcwelisa.
 
12.Uma kuthiwa uNkulunkulu into uyibusisile wayingcwelisa, lokho kuchaza ukuthi leyonto uyenze yaba ngebalulekile kunezinye izinto ngokwasezulwini.
 
13.Ngisho eZulwini imbala akusetshenzwa ngeSabatha. Ngenkathi abantwana bakwa Israel sebephumile eGibhithe besehlane, baqala baba nenkinga ngoMose baze bathi kwakungcono ngisho eGibhithe, ngoba basebe lambile.
 
14.UNkulunkulu wabe esebahlisela imanna, wathi kodwa abocosha isilinganiso esilingene sosuku lwesabatha kuphela.
 
15.Wathi ngosuku lwesithupha abokha isilinganiso sezinsuku ezimbili, ngoba ngosuku lwesikhombisa angeke ize yehle imanna ngoba kuyobe kulu suku lweSabatha.
 
16.Nempela bayibeka imanna, bazosa nezigwaca ayebehlisele zona uJehova ngosuku lwesithupha, badla base bezishiyela ababezokudla ngakusasa ngeSabatha!
 
17.Nempela kwasa kungabolile; ngosuku lwesikhombisa, nemanna nezigwaca azehlanga eZulwini.
 
18.Lokhu kuyasicacisela ukuthi naseZulwini iSabatha liyagcinwa, akusetshenzwa ngalo!
 
19.Ku-Eksodusi 16:23 uMose wathi: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: Kusasa (ngosuku lwesikhombisa) kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele lika Jehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.
 
20.Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho eyalile uMose; akunukanga, akwaba nampethu.
 
21.Ngelikabani isabatha? Ku Eksodus 20:10 kuthi usuku lwesikhombisa luyiSabatha lika Jehova uNkulunkulu wakho.
 
22.Kwashiwo yini ukuthi abantu abagcine iSabatha? Ku Eksodusi 20:8 kuthi: “Khumbula usuku lweSabatha uligcine lubengcwele.”
 
23.Umthetho kaNkulunkulu uyasho yini ukuthi iluphi usuku oluyiSabatha? Ku Eksodusi 20:10 kuthi “Kepha usuku lwesikhombisa luyiSabatha luka Jehova uNkulunkulu wakho, awuyikwenza msebenzi ngalo!
 
24.Qaphela lokhu: izinsuku zesonto (weekdays) eBhayibhelini zabe zibizwa ngokulandelana kwazo; usuku lokuqala iSonto; olwesibili umSombuluko; olwesithathu ulwesibili; olwesine ulwesithathu; olwesihlanu, ulwesine olwesithupha, olwesikhombisa uMgqibelo.
 
25.Kodwa uNkulunkulu waluqamba lolusuku wathi iSabatha, kodwa abantu sebethi uMgqibelo. Ezulwini alikho usuku olubizwa ngoMgqibelo, kumbe iSuturday, kodwa kwaziwa iSabatha!
 
26.Kungani isabatha kumele siligcine? Uma sikholwa kuJehova, kumele siligcine isabatha ngoba ku Eksodusi 20:11 kuthi“Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza iZulu nomhlaba, nolwandle nakho konke okukulo, waphumula ngosuku lwesikhombisa.
 
27.Ngakho uJehova walubusisa usuku lwesikhombisa walwenza lwaba ngcwele.” ISabatha uNkulunkulu walenzela ukuba libe isikhumbuzo sokudala noma sendalo kumbe libe isibonakaliso samandla akhe, nokuthi sihlale sazi ukuthi ukhona, unguMdali wakho konke!
 
28.Ngoku gcina iSabatha singa phepha kuzo zonke izithixo noNkulunkulu bamanga ngoba ngeSabatha kusuke kulusuku lokukhumbula nokudumisa uMenzi weZulu nomhlaba, uNkulunkulu weqiniso nophilayo!
 
29.UNkulunkulu iSabatha walenzela abantu ukuba baligcine ukuze libanike ukumqonda nokumazi ukuthi unguNkulunkulu weqiniso.
 
30.Ngabe iSabatha lenzelwa bani? Ku Mark 2:27 uYeshua wathi: iSabatha lenzelwa umuntu, kodwa umuntu akenzelwanga iSabatha. Kanjalo ke neNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho neyeSabatha.
 
31.Kusho ukuthini lokhu? Lenkulumo iyisingathekiso, kodwa abantu bayaye benze sengathi bayezwa ukuthi wayethini uYeshuau.
 
32.Lenkulumo kaYeshua isefana nenkulumo yokusiza imbongolo ebhajwe odakeni ngesabatha. NangoDavide kuMark 27 owadla izinkwa obekungafanele zidliwe ngomunye umuntu ngaphandle kwabaprist, kodwa wazidla ngoba elambile.
 
33.Lapha uYeshua wayethi uma kunesi dingo ungakwenza okungenziwa ngesabatha, ungasidla isinkwa okungafanele usidle ngoba ulambile.
 
34.Uma ethi uYeshua iNdodana yomuntu iyiNkosi neyeSabatha, wayesho ukuthi njengeNkosi, uYeshua unawo amandla okuthi yephula isabatha uma kunesidingo.
 
35.Njengoba iSabatha lenzelwa abantu lokho kusho ukuthi isabatha lenzelwa ukudunyiswa yiwo wonke umuntu owadalwa uNkulunkulu uMenzi weZulu nomhlaba; ukugcina isabatha kunguku dumisa uNkulunkulu!
 
36.Kuba nemibuzo yabanye abantu bethi uNkulunkulu walenza kanjani iSabatha ngoba akasebenzanga ngalolu suku?
 
37.Impendulo ithi walenza ngakho ukungasebenzi, phela ukungasebenzi kuyisenzo; wase elungcwelisa wathi luyiSabatha. Umuntu wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, ngakho naye angenke asebenze ngosuku uNkulunkulu angasebenzanga ngalo!
 
38.Kodwa kuba lusuku lapho umuntu ngalolusuku akhumbula ngalo uNkulunkulu, ayeka konke okwezandla zakhe, kodwa adumise ngalo uNkulunkulu, asebenze ngalokho adumisa uNkulunkulu ngakho!
 
39.Uma ngesabatha ngiya enkonzweni, ngithandazela abagulayo, ngesabatha ngifundise enkonzweni, ngalokho angenzi wona umsebenzi wami, kodwa ngenza umsebenzi kaNkulunkulu!
 
40.ISabatha lenzelwa ukuthi singakhohlwa ukuthi ukhona uNkulunkulu uMenzi weZulu nomhlaba; ngalo asiyikwenza lutho lwethu, kodwa siyodumisa yena kuphela.
 
41.NgeSabatha kusuke kukhulunywa ngemisebenzi kaNkulunkulu ayenzayo kithi nesiyibona eyenza kwabanye, sisuke sikhuluma ngesikubonile, sifakaza nangesiku zwile; kukhunjuzwana nangemithetho yakhe.
 
42.ISabatha aligcini-nje ngokukhomba uNkulunkulu kuphela, kodwa libuye likhombe nabantu abangabakhe. Ku Eksodusi 31:13 kuthi:
 
43.“Anogcina amaSabatha ami, ngokuba aluphawu phakathi kwami nase zizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.
 
44.Njengoba sesichazile, uma uNkulunkulu ethi into ethize uyingcwelisile noma ethi uyibuyibusisile, usuke echaza ukuthi leyonto uyibeke eceleni, eyibekele umsebenzi wakhe; eyenze yahluka kwezinye izinto zakhe.
 
45.Uma ethi uJehova siluphawu lwakhe, usho ukuthi singabantu bakhe ngokukhethelekile!
 
46.Lencazelo Ibekwe kahle ku Levi 20:26 lapho uJehova ethi: “Niyakuba ngcwele kimi ngokuba mina Jehova ngingcwele, ngina hlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
 
47.Abangcwele bakaNkulunkulu babonakala ngokuthi benze intando yakhe, bagcine nemithetho yakhe, bangephuli imithetho kaNkulunkulu bese begcina imithetho yabantu.
 
48.INkosi uYeshua emhlabeni yayizele ukuzoqondisa futhi ifundise abantu ngemiyalo nemithetho kaNkulunkulu; ama-Israel ayeseyiphula. Ama-Israel ayesezenzela amasiko awo, amasiko ayephikisana noNkulunkulu.
 
49.Liqala nini isabatha? ISabatha liqala ngokushona kwenhlamvu yelanga.
50.Uma kushona ilanga ngolwesihlanu libe seliyaqala iSabatha, ngakho kuhle ukuthi ngehora lesihlanu ntambama ube usuyiqede yonke imisebenzi yakho, wageza umzimba wacisha umlilo ukuze lingaqali iSabatha kusenezinto ezishisayo endlini.
 
51.Uma sewenze konke ube usuyali gcina iSabatha. KuLuka 23:52-54 sifundiswa ukuthi usuku lwesabatha lulungiselelwa kanjani.
 
52.Sitshelwa ukuthi uJosefa kwamele asisuse isidumbu sikaYeshua esiphambanweni kungaze kushaye isabatha ngoba ukugcina isidumbu emthini ngesabatha kuphambene nomthetho kaJehova!
 
53.Usuku lwesabatha ngokwase zulwini luqala ngobusuku bangolwesihlanu bese kulandela imini ngesabatha kuze kushone ilanga.
 
54.Isikhathi saseZulwini ilanga, ngakho-ke uma kushona ilanga ngolwesihlanu(okulusuku lwesi thupha), liyangena iSabatha. Uma kushona ilanga ngosuku lwesikhombisa, (ngeSabatha) liyaphela iSabatha.
 
55.Awubaswa umlilo ngeSabatha, ayidliwa into eshisayo ngeSabatha, noma ishisiswe nganhloboni yokushisa. Noma yini eshisiswe umlilo noma ugesi noma yini, ungazihlanganisi nayo ngeSabatha.
 
56.Ungagezi ngamanzi ashisayo ngeSabatha, ungayothi i-hitha, ungayivuleli i-hitha ngisho emotweni
yakho ngeSabatha!
 
57.Ku Eksodusi 35: 3, Kuthi “aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lweSabatha.” Awuthwalwa umthwalo ngesuku lweSabatha.
 
58.Ku Jeremiya 17: 21, kuthi: “usho kanje uJehova uthi xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali umthwalo ngosuku lweSabatha…….”
 
59.Ngaphambi kokungena kweSabatha kumele uhlambulukele iSabatha. Lokhu kusho ukugeza umzimba wakho wonke.
 
60.Uma usulihlambulukele iSabatha awusakwazi ukuzihlanganisa ngokocansi isabatha lingakaphumi! Uma uke wenze njalo usuke usulephulile iSabatha.
 
61.NgeSabatha awuwugezi umzimba ngendlela efana nezinye izinsuku, awungeni ngaphansi kweshawa futhi awubhukudi ebhavini. Uthela amanzi endishini bese ugeza ngethawula njengomuntu ogeza ekhempile.
 
62.Aku bhukudwa emfuleni ngeSabatha. Nezingane zakho ungazivumeli zobhukuda ngeSabatha.
 
63.Akugitshelwa esihlahleni futhi awugaxi lutho kuso ngesabatha, ngoba uma wenze njalo usuke isihlahla ususithwese umthwalo.
 
64.AmaNazaretha ajwayele ukugaxa izikhwama ezihlahleni ngeSabatha, ngalokho asuke eseliphulile isabatha.
 
65.Indlu yakho uyihlanza lingakangeni iSabatha. Uma sekungene iSabatha nendlu yakho kumele ibe sesimeni sokuhlanzeka.
 
66.Ungawashi unganeki ngeSabatha. Zonke izinto ezidinga ukuwashwa noku ayinwa, lokho kwenze ngoLwesihlanu.
 
63.Ungawabukeli amafilimu angasile ngeSabatha, kungcono ukubuka awenkolo. Uma wenze njalo usulephulile iSabatha. Okuse qinisweni umuntu okholiwe akavumelekile ukuba abuke amafilimu ezithombe ezingamanyala.
 
64.Ungayi ezitolo uyothenga ngeSabatha. Lokho kuphambene nomthetho wokukholwa. Ayikho igilosa eyenziwa ngeSabatha.
 
65.Uma kushaya iSabatha thatha izincwadi zokukholwa njenge Bhayibheli nezinye ufunde zona. Ungazifundi izincwadi ezingaqondene nokukholwa, ngoba ulindile.
 
66.Kwenziwa umsebenzi oqondene noNkulunkulu noyisidingo sokukholwa kuphela ngeSabatha. Umuntu uyaphiliswa noma uyathandazelwa ngeSabatha.
 
67.Ungaya eklasini lapho nifunda khona ngenkolo kuyiSabatha; ungaya emculweni lapho nicula khona amaculo okukholwa ngeSabatha.
 
iNkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *