UJesu waze wahamba emhlabeni engaphansi kwenkolo kaMose!
Kodwa lokhu esikufundiswa emabandleni ukuthi uJesu wayengumsunguli weChristianity, akukho eBhayibhelini, kushunyayelwa kuphela ezinkonzweni!
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina,
Izulu nalomhlaba
Lalingakabi bikho lona.
IMPICABADALA NGO JESU NOMA UYASHUA ONGUMESAYA.
1.Mhla ka 4 January 2010 ekuseni ngilungiselela ukuya emsebenzini, kwafika ingelosi kimi, yabe isithi: “Ngithunywa nguShembe uBaba iLanga kuwe, uthi makhele ibandla likaJehova, kulelibandla uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova; ususele eBhayibhelini nasezi hlabelelweni zama Nazaretha. Amein!”
2.Kusukela ngalolo lusuku ngazi ukuthi nginguthisha obekelwe ukufundisa abantu ngeqiniso lokukholwa okwamukelekile ezulwini.
3.Inkolo eyafika noMoshe, yaqedwa ngamaRoma kusukela ngo 70 A.D. Lenkolo ifike yabuyiselwa nguShembe eSouth Afrika kusukela ngo 1910.
4.Lelivangeli lamaNazaretha kaNkulunkulu livela ezulwini; lalethwa kithi yingelosi ihamba ngezinyawo, futhi namanje esahleli nathi!
5.Namuhla ngifisa ukuba sonke njengamakholwa, kesibheke ngokweqiniso ukuthi sisahamba ngayo yini indlela kaNkulunkulu njengoba yafikela kithi ngenceku yakhe uMoshe eNtabeni yaseSnayi?
6.Kumele wonke amakholwa acaciseleke ukuthi sikholwa nguHAHUSHA noma sikholwa nguJESU? Yini umehluko phakathi kwalamagama amabili?
7.Lapha asizokwahlulela ukukholwa komuntu ngamunye, kodwa sifuna ukubheka ngokomlando ukuthi ikuphi okuyikho nokungayikho.
8.Ngaphambi kokuba ukholwe nanoma yini oyikholwayo, kufanele uwazi umlando waleyonto.
9.Kulenkulumo umsuka wolwazi lwethu njengamakholwa sizowu thathela eBhayibhelini nasemi bhalweni yemilando eqondene nalabaholi esikhuluma ngabo.
10.Ngabe uYahusha noJesu ngumuntu oyedwa noma ngabantu ababili?
11.Uma kungabantu ababili, bahlanganiswa yini ukuba ngumuntu oyedwa? Uma kungumuntu oyedwa, layekelwani igama lokuqala okunguYahusha?
12.Njengoba sesivezile, uma senza ucwaningo ngalamagama omabili siyaphoqeleka ukuba silandele yona lencwadi eyafika nabamhlophe, iBhayibheli, kanye nemibhalo ehlukahlukene yabo abamhlophe!
13.IBhayibheli likhuluma ngoJesu Krestu owazalwa nguMaria noJosefa; liyakuveza futhi ukuthi babengama Juda, okwakuyizitha ezinkulu zamaRoma, la asehlola lenkolo yobuKrestu.
14.Kodwa leliBhayibheli alisiniki unyaka uJesu owazalwa nowahamba ngawo emhlabeni. Angikholwa ukuthi lokhu kwenzeka ngephutha, kukhona ababekufihla!
15.Sinawo ngisho umlando wokuthi uJehova wasinika umthetho wokukholwa ngo 1447 B.C.
16.IBhayibheli alichazi futhi ukuthi inkolo kaYahusha, okuyinkolo yamaHebheru, yeza kanjani esizweni samaRoma?
17.Ngokwezimfundiso zeBhayibheli uJesu wayengaphansi kwenkolo kaMose, eqhuba ivangeli lenkolo abezizwe abayibiza ngokuthi inkolo yamaHebheru.
18.Ukufakazisa lokho, kuMathewu 10:5-6 uJesu wathuma abafundi ukoshumayela ivangeli, kodwa wayesethi :“Ningayi kwabezizwe, kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israel.”
19.Kanti kuMathewu 15:24 ekhuluma nowesifazane uthi: “Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israel.”
20.Lemibhalo emibili iyasiqinisekisa ukuthi uJesu wabe engaphansi kwenkolo kaMose, engungumJuda, okuyisizwe sakhe, futhi elandela imithetho kaJehova!
21.Obunye ubufakazi bokuthi uJesu nabafundi bakhe babengaphansi kwenkolo yamaHebheru, kuMathewu 24:1 sizwa uJesu ephendula abafundi bakhe, ethi: “Anikuboni yini konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini, akuyikushiwa lapha itshe phezu kwelinye elingekudilizelwa phansi.”
22.Lesi kwakuyisiprofetho, ebatshela abafundi bakhe ukuthi lelothempeli lalizodicilelwa phansi ngabezizwe!
23.Nempela amaRoma ngo 70 A.D ahlasela amaJuda, balicekela phansi lelithempeli amaJuda njengokuprofetha kukaJesu.
24.Lenkolo osekuthiwa yasungulwa nguJesu oliJuda, manje siyithola isiphethwe eRome, iholwa nguPope oliRoma! Asiqondi ukuthi iJuda lihlangana kanjani, nini neRoma?
25.Ezincwadini zomlando kukhona ubufakazi bokuthi iMosaic Faith neChristianity zinkolo ezahlukene nezingakaze zihlangane!
26 UJesu waze wahamba emhlabeni engaphansi kwenkolo kaMose!
27.Kodwa lokhu esikufundiswa emabandleni ukuthi uJesu wayengumsunguli weChristianity, akukho eBhayibhelini, kushunyayelwa kuphela ezinkonzweni!
28.Njengoba kucaca kahle eBhayibhelini ukuthi uJesu wayengaphansi kwenkolo kaMose, wachithwa yicala ngokomthetho kaMose, pho isiphi isikhathi lapho waba senkolweni yamaRoma, okungubuKrestu?
29.Ngisho kuMathewu 5:17-19 uJesu uthi umthetho kaMose umi nguna phakade, ongawugcini, abuye afundise abantu ukuthi bangawugcini, angenke angene ezulwini?
30.Ngobuqili obuyisimanga abamhlophe sebefundisa ukuthi uJesu wasungula inkolo yamaRoma!
31.Lokhu bakwenzela ukuthi singaboni ukuthi uJesu noYahusha ngabantu abehlukene!
32.Okunye ubufakazi obuqondile bokuthi uJesu nabafundi bakhe babengaphansi kwenkolo kaMose, sikuthola ku-Izenzo 15:7-11 lapho uPetro ethi abezizwe abangawugcini umthetho kaJehova!
33.Lenkulumo kaPetro iyabonisa ukuthi abapostoli emva kokubethelwa kukaJesu baphuma eJerusalema bengaphansi kwenkolo kaJehova egcina umthetho kaMose.
34.Ezintshumayelweni zami ngaphambili ngakuveza ukuthi umprofethi owayekhona, nowayezalwa nguMaria noJosefa, kwakunguYahusha.
35.Kodwa amanye amaKrestu angiphikisa, athi akaze abe khona uYahusha, owaba khona nguJesu!
36.Ngase ngiveza iBhayibheli lesiHebheru, elidala kuneBhayibheli lamaKrestu, lona likhuluma ngo Yahusha, hhayi ngoJesu.
37.Sebelitholile leliqiniso nangeminye imibhalo, base bethi, hhiya uJesu ligama lesiGriki elihunyushwe kuyisiHebheru elithi Yahusha.
38.Umbuzo ke uthi inkolo kaMoshe, okuyinkolo yamaHebheru, ihlanganiswa yini, nini nakanjani nobuKrestu, okuyinkolo yamaRoma, okuyisizwe esimhlophe nesiyizitha zamaHebheru.
39.Ngokomlando uYahusha wabethelwa ngo 33 A.D, kanti ubuKrestu, okuyinkolo yamaRoma, yasungulwa ngo 313 A.D; okusho ukuthi uJesu waqala ukuba khona ngalowo nyaka!
40.Ngalomlando ngabe sisho ukuthi uJesu wafa eliJuda, enguYahusha, wabe esevukela esizweni samaRoma esenguJesu?
41.Ngo 325 A.D uConstantine washaya umthetho obizwa ngama Creeds, lapho owayechitha khona inkolo kaMoshe, okwakuyinkolo kaYahusha.
42.Manje uYahusha owayeliJuda, sewafa, wavukela nini enkolweni yobuKrestu eyasungulwa ngu Constantine wesizwe samaRoma ngo 313 A.D?
43.Kulentshumayelo ngikhethe ukuba kesiphenye izincwadi zomlando obhalwe yibo abamhlophe ukuze basixazululele lempicabadala kaYahusha noJesu, kanjalo nenkolo kaMose nobuKrestu!
44.Ekhasini 28-29 lencwadi esihloko sithi: THE Greatest Deception, umbhali wayo uNydle, uthi: “THE NAME “Jesus Chirst” Never appears in GREEK OR LATIN PRIOR TO THE COUNCIL OF NICEA. THUS, ALL THE PEGAN DEITIES WERE UNIFIED INTO A SINGLE PERSON, IN “Jesus Christ”.
45“Ngaphambi komhlangano wase Nicea igama elithi “Jesus Christ” lalingakaze livele olimini lwesingisi noma lwesi Latin. Okwenzeka ukuthi kuhlanganiswe onkulunkulu babahedeni abehlukene benziwa umuntu oyedwa “uJesu Krestu.”
46.Lombhali, njengababhali abaningi, ugcizelela ukuthi igama elithi ‘Jesus Christ’ lahlanganiswa ngamaRoma emhlanganweni wase Nicea owawungo 325 A.D uYahusha engasekho emhlabeni.
47.Uthi leligama lalisuselwa emagameni ezithixo zabahedeni ezahlukene.
48.Uma wena ukuphika lokho, chaza ukuthi njengoba ubuKrestu kuyinkolo eyasungulwa ngu Constantine oyisizwe samaRoma, uYahusha wabuya nini emhlabeni wazoba ngumsunguli wenkolo yesizwe samaRoma?
49.Uyaqhubeka lombhali uthi: IT IS FAIR TO SAY THAT CHRISTIANITY AS IT EXISTS TODAY, DERIVES NOT FROM THE TEACHINGS OF HISTORICAL PERSON YAHUSHA, BUT FROM THE COUNCIL OF NICEA.”
50.Uthi, kubalulekile ukusho ukuthi ubuKrestu, njengoba kukhona njengamanje, akususelwanga ezimfundisweni zikaYahusha, kodwa kususelwa kumhlangano owawuseNicea!
51.“IT WAS AT THE COUNCIL OF NICEA THAT THE NAME OF “Jesus and Christ” WERE PUT TOGETHER FOR THE FIRST TIME IN THE PHRASE “Jesus Christ or Christ Jesus”, UNITING THE TWO INTO ONE.
52.Kusemhlanganweni wase Nicea lapho amagama amabili, “uJesu Krestu”, ahlanganiswa enziwa igama elilodwa.
53.JESUS REPRESENTING THE “Hesus of the Druids”, Horus or Iusa of Egyptians, and IESIS or Iesios OF THE Dionyian, AND “Christ” representing the “Krishna or Christos” OF INDIA etc.
54.UJesu wayemele onkulunkulu abaningi njengoba uNydle ebabalile; abanye babo kungu Christ omele uKrishna noma uChristos wase India.
55.Lenkulumo kaNydle ifakazelwa wu-Rav Shaul embhalweni wakhe othi: MYSTERY BABYLOAN, Religion of the Beast. Ekhasini 82 lombhali uthi:
56.“THERE STILL REMAINS IDOLS IN THE VATICAN OF “Tammuz the great hunter.” TO THIS DAY their Christianity’s REAL MESSIAH THEY RENAMED: “Jesus OR Hesus OR Iesous OR I.H.S. WHICH MEANS…. “Hail Zeus OR Son of Zeus.”
57.USha’ul uthi kusekhona izinsalela zesithixo esingu Tammuz umzingeli omkhulu.
58.Kuze kube manje okungu Mesaya ngempela wamaKrestu, abuye ambize ngo Jesus noma ngo Hesus noma uIesous noma uI.H.S, okusho ukuthi Dumisa uZeus noma iNdodana ka Zeus.
59.HER SON TOOK MANY NAMES AS WELL SUCH AS: Horus, Appollo, Sol, Krishna, Hercules, Mithra and Finally Jesus”.
60.Indodana yakhe yayithatha amagama amaningi anjengo Horus, Appollo, Sol, Krishna,Hercules,Mithra, ekugcineni kwaba nguJesus.
61.THEY HAVE LITERALLY FALLEN FOR “Nimrod, Semaramis, and Tammuz” UNDER ANOTHER NAME AS THEY BECAME: “Isis/Horus or I.H.S THE MONOGRAM FOR Hesus Horus Kreshna ALL NAMES FOR Tammuz.
62.Sebelandela uNimrod, uSemaramiss, noTammuz, okungelinye igama esekuthiwa u’Isis noma uHorus noma I.H.S, okungelinye igama lika Hesus Horus Kreshna, okungamagama kaTammuz.
63.BUT IN LATIN IT REMAIMNS I.H.S IN THE MIDDLE OF Sol Invitus, THE SAME SUN WORSHIPED BY NIMROD OF CONSTANTINE.
64.Kodwa kusi Latin kulokhu kungu I.H.S, phakathi kwa Sol Invitus, okuseyilanga elalikhonzwa nguNimrod ka Constantine.
65.THE SAME PAGAN MESSIAH WORSHIPED WORLD-WIDE TODAY IN CHRISTIANITY.”
66.Uthi lo kusenguye uMesaya wabahedeni okhonzwa umhlaba wonke enkolweni yobuKrestu.
67.“IT IS SAD THAT MOST CHRISTIANS ARE TOTALLY IGNORANT OF TWO THOUSAND YEARS OF HISTORY AND THE SUFFERINGS OF THE JEWISH PEOPLE AT THE HANDS OF CHRISTIANS.
68.Uthi kuyishwa ukuthi amaKrestu amaningi akazi lutho ngempela ngomlando weminyaka eyizinkulungwane ezimbili amaJuda ehlukunyezwa kabuhlungu ngamaKrestu!
69.IT IS THE CHURCH THAT HAS ACTUALLY WRITTEN MOST OF YISRAL’S HISTORY IN JEWISH BLOOD.
70.THE CHURCH’s HANDS ARE STAINED WITH BLOOD OF THE JEWISH PEOPLE BECAUSE OF THE DESCEPTION PERPETRATED BY HISTORIANS AND THEOLOGIANS.
71.Okuseqinisweni libandla elibhale umlando wokuchithwa kwegazi lamaJuda.
72.Ibandla lamaKrestu ligcwele igazi lamaJuda ngenxa yamanga ayebhalwa ngabomlando nabezenkolo.
73.WRONG THEOLOGY AND ARROGANCE OF LEADERS IN CHRISTIANITY HELPED PAVE THE WAY FOR FULL BLOWN ANTISEMITESM, PREJUDICE, STERIOTYPES, AND PERSECUTIONS THAT STILL EXIST TODAY IN SEMINARS.
74.Uyaqhubeka uthi imfundiso-nkolo engalona iqiniso nokuziphakamisa kwabaholi enkolweni yobuKrestu kwasiza ukuvula indlela yenzondo kumaJuda, ukubandlulula nokuhlukumeza amaJuda okusekhona nanamuhla kuma Seminars.
75.Umbhali futhi obhale kabanzi nge RELIGION OF THE BEAST, echaza inkolo yobuKrestu, NguDr Kotze ongumfundisi wamaKrestu khona lapha eSouth Afrika.
76.Lomfundisi uhlale enxenxa amaKrestu ukuthi ayiyeke lenkolo kaJesu, kodwa abuyele kuYahusha noYah, ngoba uJesu isithixo.
77.Encwadini ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Kotze uyachaza ukuthi uJesu wakhiwa kanjani ngabezizwe ukuthatha indawo kaYahusha, okwakungu mprofethi wamaHebheru.
78.Njengoba sesike sachaza, no Nydle encwadini yakhe ethi THE GREATEST DECEPTION usaqhubeka nokufakaza ukuthi amaKrestu awahlukumeza kakhulu amaJuda!
79.UDr Kotze, ku-page 55 walencwadi yakhe uthi “There is not a single authoritative reference source which gives the name ‘Jesus or ‘Iesus’ as the original name of Yeshua.”
80.Lapha lombhali uchaza ukuthi leli gama elithi ‘Jesus’ noma ‘Iesus’ alihunyushwanga lisuselwa egameni likaYeshua lo owayezalwa ngamaHebheru.
81.Uyaqhumeka lombhali uthi “Everyone who sees the name ‘Yehoshua’ and ‘Iesus’ will agree that there is no resemblance between the names ‘Yahusha’ and ‘Iesus or Jesus.”
82.Ku-page 62 uDr Koster uthi: “The gentiles wanted a Saviour, but not the Jewish one, they loathed the Jews, they even loathed the Elohim of the Old Testament. Thus, a Hellenized saviour was preferred!”
83.Uthi ke uDr Kotze abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi umsindisi oliJuda, (okungu Yeshua), ngoba babewe nyanya amaJuda, (okungabantu abamnyama) benyanya noNkulunkulu okuyi Old Testament, (okunguYahuah noma uJehova), base bezenzela umsindisi wabo ongumGriki.
84.Lenkulumo kaDr Kotze ichaza kahle ukuthi abezizwe abamemukelanga uYahusha ongumJuda, ngoba bewenyanya amaJuda noNkulunkulu wawo uYahuah bemenyanya. Ngalokho base bezakhela umsindisi wabo, okungumlungu oliGriki, uJesu! Igama elingukhiye “UKUZAKHELA! UMSINDISI WABO!”
85.Icommon sense iyabonisa ukuthi akukwazi ukuthi uJesu esaphila ebe senkolweni kaMoshe, khona lapho usengumsunguli wobuKrestu enkolweni yamaRoma, ngaphandle kokuchaza ukuthi uJesu usuke kanjani enkolweni kaMoshe waba senkolweni kaConstantine! Wasuka nini uJesu enkolweni kaMose waba senkolweni kaConstantine?
86.Sesikuzwile ukuthi uJesu kwakuyisithixo noma izithixo ezahlukene, pho basisuselaphi lesi sithombe salomlungu esibizwa ngoJesu?
87.Ngo 1492 uPope Alexander the 6th wathi akudwetshwe isithombe somfana wakhe, uCesare Borgia. Nempela sadwetshwa ngu Leonardo da Vinci.
88.LoPope wabe esethi akube yilesi sithombe sendodana yakhe esesizokhonzwa kuthiwe nguye uJesu Krestu! Unkulunkulu wamaKrestu ongumuntu wakheka kanjalo ke! Lokhu kungubufakazi bokuthi UJESU WAKHIWA!
89.Uma wake waba khona uJesu, pho uPope wasithathelani isithombe sendodana yakhe besethi yisona esinguJesu?
90.Ukuze baqede ngoYahusha, abezizwe bakha umsindisi wabo omhlophe, base bethatha umlando kaYahusha bethi ngowalesi sithixo abasakhile. Kodwa ukuze sesatshwe njengoNkulunkulu, base befakela izinto eziningi kuJesu ezingaziwa kuYahusha!
91.Pho inkolo kaMoshe noYahusha ivuke kanjani? Eminyakeniy yo 700 A.D. inkosi yamaKhazars, uBulani, wathumela abantu bakhe eBabylon ukofunda ngenkolo yamaHebheru kumaJuda ayesenzize khona eBabylon emva kokuthunjwa kwawo.
92.AmaJuda amnyama ayeseBabylon afundisa ama Ashkenazi Jews yonke inkolo-mpilo yamaHebheru.
93.Lomlando ikakhulu uqoqwe yinzalo yamaJuda amhlophe ngoba wona engaphansi kwenkolo kaMoshe eyayisichithwe ngamaKrestu!
94.Okulishwa ke ukuthi lama-Ashkenazi Jews asethi yiwo amaHebheru. Ama-Ashkenazi Jews akaze abe yinzalo ka-Israel!
95.Njengamanje inkolo yobuKrestu ichithiwe kwa-Israel, ngoba lamaJuda ayazi ukuthi le inkolo eyakhiwe ngobuqili!
96.Siyazi ukuthi amanye amaKrestu azophatheka kabi ukuzwa lomlando, amanye awuphike; inkinga yokungafundike injalo! Kodwa lo ngumlando wobuKrestu obhalwe phansi yiwo amaKrestu!
97.Ngiwethulela isigqoko amaRoma ngokuthatha into engekho bayenze ibe khona, bese kuthi le ekhona bayenze into engekho!
98.Umhlaba wonke bawenza walahla inkolo kaJehova, base belandela isithixo, besanganiswa yiso bethi sekuyiso unkulunkulu! Njengoba esho uNeydle, ‘this is the greatest deception ever!’
99.Lesi simo siyefana nesalamaNazaretha athatha usikhotheni emgwaqeni bambeka phambi kwabantu base bethi usengunkulunkulu.
100.NjengamaKrestu baphendule usikhotheni bathi unkulunkulu, nempela izigidi zamakholwa zashiya umprofethi zalandela isisithixo!
101.Njengoba umhlaba wonke ulandela lesi sithixo esinguJesu, nezigidi zamaNazaretha zilandela lonkulunkulu ebandleni likaMdali wezulu nomhlaba, bangamahlubuka!
102.Lokhu kuyisifundo sokuthi ekukholweni ungalandeli into ngoba ilandelwa zigidi zabantu, kodwa mana eqinisweni likaNkulunkulu njengoba linjalo!
Inkosi ibusise enikuzwile!