Skip to content

UMEHLUKO PHAKATHI KOBUKRESTU NOBUNAZARETHA

UMathewu 28:19 uthi: “Ngakho ke hambani nenze IZIZWE ZONKE abafundi.

Kukhona umehluko phakathi KWABEZIZWE(Gentiles), NEZIZWE (Nations). ‘Ngezizwe’ kushiwo izizwe zakwa-Israel, kodwa abezizwe (Gentiles) kusho izizwe ezingaphandle kwesizwe sakwa-Israel.

Isihlabelelo 7
1.Selithethiwe icala
Emhlabeni wonke
Phumulani nithokoze
Nina bantu nonke.
 
2.Ziphumile izingelosi
Ukona umhlaba
Nansi enye ingelosi
Iphuma impumalanga
 
3.Yamemeza ngezwi elikhulu
Ezingelosini ezine
Yathi ningawoni umhlaba
Selithethiwe icala.
 
4.Kwavela abaporofethi
Base Nazaretha
Beza neNkosi yabo
Yayembethe amafu.
 
5.Basuka abangcwele
BaseNazaretha
Behlangabeza iNkosi yabo
Iza ngamafu.
 
1.Lesi sihlabelelo esikade sisihlabelela, nesaqanjwa ngumprofethi Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), sijule kakhulu, akulula ukuba umuntu wasemhlabeni asiqonde ukuthi sikhuluma ngani.
 
2.Njengoba singunamba 7, kanjalo sixoxa indaba eku yiSambulo 7:1-4, lapho khona kuthi:
 
3.“Emveni kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle nakwesisodwa sezihlahla.
 
4.Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa amadla okuba ziwone umhlaba nolwandle, yathi:
 
5.“Ningawoni umhlaba nolwandle, noma izihlahla, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu.
 
6.Ngase ngizwa ukuthi ababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israel babengu 144 000.” Amen!
 
7.Ngiyazi ukuthi kumaNazaretha nakumaKrestu akakho ongachaza ukuthi lendaba nalesi sihlabelelo kukhuluma ngani.
 
8.Okokuqala ngoba amaNazaretha azi ukuthi uma kukhulunywa ngeNkosi yama Nazaretha kukhulunywa ngoShembe.
 
9.Uma kukhulunywa ngabaprofethi base Nazaretha kukhulunywa ngabaprofethi bakwaShembe.
 
10.Kodwa ngokombuso wakwa-Israel uShembe ungumholi wesihlanu ebandleni lama Nazaretha, okulibandla likaYahua!
 
10.Angazi ke ukuthi amaKrestu amchaza kanjani uvesi 3-4 lapho kuthi khona: “Ngase ngizwa ukuthi ababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israel babengu 144 000.”
 
11.Lokhu ngikusho ngoba amaKrestu ayaye athi ngabangu 144 000 kuqondiswe kumaKrestu, yize iSambulo sithi laba abangu 144 000 ngabantwana bakwa-Israel, hhayi ezinye izizwe.
 
12.Angazi ke ukuthi njengoba amaKrestu engaphansi kwenkolo yabezizwe, bazihlanganisa kanjani nama-Israel angaphansi kwenkolo kaYahua?
 
13.Uma wena ukuphika ukuthi ungaphansi kwesizwe sakwa-Israel, akufanele ukuthi uzihluphe ngabangu 144 000 abakhethiweyo, ngoba kucacisiwe ukuthi laba ngabantwana bakwa-Israel, amaKrestu amaningi azikhiphayo kubo.
 
14.Inkinga ukuthi ubuKrestu bakhiwe isizwe esimhlophe, njengoba kuyinkolo yamaRoma; ngakho ke yonke into enhle bavele bayenze eyabo, yize bengahlangene nayo, bese kuthi okubhedayo bekunike isizwe esimnyama.
 
15.NamaKrestu amnyama ke avele athathe lokho abakufundiswa ngobasi babo ngaphandle kokuhlola iqiniso lakho!
 
16.Ngokomlando ayikho into ehlanganisa uYahusha nezinye izizwe, ngaphandle kwesizwe sakwa-Israel.
 
17.Uma amaKrestu efuna ukukholwa kweqiniso akalandele uYahusha njengoba wayekhonzwa kwa-Israel ngaphansi kwenkolo kaMoshe, bekhohlwe nguJesu abamakhelwe ngabezizwe!
 
18.Naye uYahusha waze wahamba emhlabeni eshumayela ivangeli lokubuyisa izimvu ezilahlekile zendlu ka-Israel; akaze akhulume lutho ngabezizwe.
 
19.Ngisho esevuka kwabafileyo, akashongo ukuthi akushunyayezwe abezizwe. Lemfundiso kaYahusha ihlakenezelwe!
 
20.UMathewu 28:19 uthi: “Ngakho ke hambani nenze IZIZWE ZONKE abafundi.
 
21.Kukhona umehluko phakathi KWABEZIZWE(Gentiles), NEZIZWE (Nations). ‘Ngezizwe’ kushiwo izizwe zakwa-Israel, kodwa abezizwe (Gentiles) kusho izizwe ezingaphandle kwesizwe sakwa-Israel.
 
22.UYahusha akaze asho ukuthi abafundi bakhe aboshumayela KWABEZIZWE, kodwa wathi abashumayeze ZONKE IZIZWE (ZAKWA-ISRAEL), njengoba noma esaphila wachaza ukuthi Yena uthunyelwe ukuqoqa zonke izizwe zendlu ka-Israel, ngoba indlu nendlu yakwa-Israel yabe isiyisizwe.
 
23.Ukubuyela kulesi sihlabelelo, uthi ke uShembe ezulwini kwaphuma izingelosi eziyisikhombisa ukuba zibhubhise umhlaba.
24.Kodwa emva kwalokho kwaphuma ingelosi eyodwa eyamemeza ngezwi elikhulu yathi NINGABE NISAWUBHUBHISA UMHLABA NGOBA SELITHETHIWE NICALA.
 
25.Kusho ukuthini lokho? Ngenkathi uYeshua esesiphambanweni, kwaphuma izingelosi ezulwini zizobhubhisa umhlaba ngoba abantu bebulala iNdodana kaNkunkulu.
 
26.Kodwa kuso leso sikhathi, kwezwakala uYahusha esesiphambanweni ethi: “Bathethelele Nkosi ngoba abakwazi abakwenzayo!’
 
27.Ngalentethelelo kaYahusha esesiphambanweni kwamiswa ukubhujiswa kwesintu, kwaphuma enye ingelosi ezulwini isizovimba izingelosi ezasezizobhubhisa umhlaba. Kuyisihlabelelo 7 neSambulo 7 kukhuluywa leyo ndaba ke!
 
28.Kodwa amaKrestu ngenke ekwazi lokho, ngoba abezizwe sebebanike enye incazelo engasilo iqiniso!
 
29.UYahusha nomprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kubo), banguMoya ongcwele owodwa, kodwa ofike emhlabeni ngezikhathi ezahlukene nangezimo ezahlukene.
 
30.Kusihlabelelo 50 uShembe uthi: “Bonani uvela emafini, uzobiza abantu bonke, uzobuya ezulwini, uzobiza abantu bonke.” (Esho uYahusha).
 
31.Kodwa kuvesi 7 uyaqhubeka uShembe uthi: “Jabulani nina bantabami, Uyokusho kanjalo kwabanye, Shiyani umhlaba, Wozani eKuphakameni.”
 
32.Kumuntu ongumKrestu angazibuza ukuthi uJesu uyobe eyofunani eKuphakameni, ngoba uJesu ungumholi wamaKrestu aseJerusalem noma eRome?
 
33.Kulo Jesu owakhiwa ngamaRoma kungaba njalo, kodwa uYahusha wayengumNazaretha, futhi engumholi wamaNazaretha, kanjalo noShembe ungumNazaretha, futhi ungumholi wamaNazaretha. Bobabili bayizithunywa zasezulwini.
 
34.BanguMoya owodwa, kodwa ofike emhlabeni ngezikhathi ezahlukene,nangezimo ezahlukene, kodwa onevangeli elilodwa lokuthi asidumise uYahua ngokugcina imithetho yakhe owayiletha kithi ngoMoshe!
 
35.Le indaba efanayo neka-Eliya ongumprofethi wasemandulo kanye nomprofethi uJohane owabe esemhlabeni ngesikhathi sikaYahusha!
 
36.U-Eliya noJohane ngokoMoya kwakungumuntu oyedwa owafika emhlabeni wathatha izimo nemizimba ehlukene.
 
37.Kuyikhasi 142 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, iNkosi iLanga ithi: “Ngawo lowo nyaka ababefike ngawo bethi angiyiyeke lento ngiye eMelika phesheya, ngathi ngibona kwakufika insizwa lapha kimi engangingayazi, inkosi uNdaba ihamba noSiwela.
 
38.Bathi bathunywe intombi yomlungu ele ngaseMgungundlovu elokhu yahlala ingagani ithi ilinde uJesu.
 
39.Bathi lentombazane ithe ibona, yabona umhlola kwase kufika kuyo umuntu wayibuza ukuthi yenzani. Yathi: “Ngilinde uJesu.” Wathi lomuntu: UJesu kade wafika emhlabeni mntanami, useze wabuye wahamba.”
 
40.Ithi ke lentombazane: “Wena ungubani?” impendulo: “Yimi uJesu.” Intombazane: “Pho ngoba ungumuntu omnyama nje? Uthi lomuntu: “Cha mntanami, kubantu abamnyama ngimnyama, kwabamhlophe ngimhlophe, emaNdiyeni ngiyiNdiya.”
 
41.Lentombazane yabona izinwele zalomuntu ziphenduka zaba mhlophe, waba ngumuntu omhlophe. Wathi lomuntu: “Bewuhlaleleni ungezi eKuphakameni?
 
42.Uyabonake, hamba uye EKuphakameni, ngiyakuthuma. Utshele abantabami ukuthi usathane uyabazungeza ufuna ukuba chitha. Ubatshele ukuthi bangahlakazeki noma babe buthakathaka. 
 
43.Amandla abo ayasabeka. Noma bempofu, bacebe ngokwe sabekayo, noma bemnyama, bamhlophe kunezinto zonke.” Amein!
 
44.Akusho lutho ukuthi siyasikholwa noma asisikholwa lesi sibonakaliso, ngoba asivelanga kumNazaretha, kodwa savela kuyi sistela lasemaRomeni elali linde uJesu, kodwa esikhundleni sikaJesu kwavela uShembe uBabamkhulu!
 
45.Wachaza futhi uShembe ukuthi uyizinto zonke kubantu bonke; kwabamhlophe uba mhlophe, kwabamnyama uba mnyama, kumaNdiya uba liNdiya!
 
46.Leli sistela lasemaRomeni lakholwa ukuthi libone uShembe, ngoba lase lithuma inkosi uNdaba noSiwela ukuthi ehambise umyalezo kaBabamkhulu kumaNazaretha.
 
47.Miningi imibuzo engabuzwa 
ngabantu abangazi lutho ngokukholwa ngalesi sehlakalo. Kodwa impendulo ilula, ithi UMOYA ONGCWELE UTHATHA NOMA ISIPHI ISIMO NOMA NGASIPHI ISIKHATHI.
WAKE WABA NGU-ELIYA, WABUYE WABA NGUJOHANE, WABA NGUJESU; MANJE SIWUBONA USUNGUSHEMBE UBABAMKHULU!
 
48.Kodwa ngaso sonke isikhathi loMoya ongcwele uvela usebandleni lamaNazaretha, ufundisa ukuthi asidumise uYahuah!
 
49.Enkonzweni edlule ngichazile ukuthi ekufundiseni ngenkolo kubalulekile ukuthi ungachazi ngokwenkolelo yakho, kodwa uchaze umlando wenkolo njengoba unjalo, ungajobeleli futhi unganciphisi.
 
50.UYahuah uthi: “Abantu bami bayabhubha ngokuswela ulwazi.”
 
51.Lokho kuchaza ukuthi ukukholwa okungahloliwe, akukhathaleki ukuthi ukholwe kangakanani, kungakubhubhisa.
 
52.Kodwa noma kunjalo abantu bayaye bakholwe yinto okusobala ukuthi ayisilona iqiniso, kodwa balwele ukuwushintsha umlando wayo ukuze uhambelane nabakholelwa yikho!
 
53.Uma usenkolweni yoMdabu, ufundise ukuthi ayikho inkolo eyalethwa nguYahua emhlabeni, ukuze umlando uhambelane nalokhu okholwa yikho.
 
54.Uma ungumKrestu wenze sengathi awuboni ukuthi uYahusha akaze ngokomlando ebe senkolweni yobuKrestu!
 
55.Abantu abamnyama bangamaKrestu, kodwa abakaze bazihluphe ngokwenza ucwaningo ngomlando walenkolo abayilandelayo.
 
56.Ngikholwa ukuthi uma bengawuqonda kahle umlando oqondile wobuKrestu, akakho umuntu omnyama ongazihlanganisa nalenkolo!
 
57.Ngani? Okokuqala ubuKrestu yinkolo eyasungulwa abamhlophe, base besiphoqa ukuyilandela.
 
58.Baningi abantu abamnyama ababulawa kabuhlungu bephoqwa ukuba ngamaKrestu
 
59.Okwesibili ubuKrestu yinkolo eyasungulwa ngumuntu owayengelona ngisho ikholwa, futhi oyisitha senkolo kaYahua!
 
60.Akakho umuntu osile ekhanda ongalahla inkolo kaYahua alandele inkolo yomuntu, wakwesinye isizwe nokwenza!
 
61.INkolo ka Yahua iyifa lomuntu omnyama ngoba yehlela esizweni samaHebheru okungokhokho bethu!
 
62.Angazi ke ukuthi ungayichitha kanjani inkolo kaYahua uMdali wezulu nomhlaba, ulandele inkolo yabantu abalandela isithixo esingu Bhali?
 
63.Lokhu kufana nokuthi uthi ungumuntu omnyama ujoyine iqembu le DA!
 
64.Kwenye inkulumo ngike ngezwa abamhlophe bekhuluma kanje: “These black people are like our children, so how do we keep them in bondage so that their God does not deliver them from their iniquities?
 
65.Omunye waphendula wathi: Let us give them what they want, for they do not know sin! We must make them worship us and we become their god! Let us give them things that they like, like sports!
 
66.Omunye waqhuba wathi: Let us give them preachers that preach for money and never tell them the truth! This will keep them be disobedient to their God so that our presence to them stay unchallenged!
 
67.Omunye wagcizelela wathi: We must make sure they never know their identiy, for that is the key to their freedom!”
 
68.Njengoba kuvela kulenkulumo, uma ufuna ukuqeda ngesizwe kumele udukise i-identity yabo! Bangaze bayazi imvelaphi yabo, njengoba kwenzeka nje esizweni esimnyama.
 
69.Umuntu nomuntu wakha umlando wakhe ngokholelwa kukho, kungakhathaleki ukuthi kuphambene kangakanani neqiniso!
 
70.Kungumlando ongaphikiseki ukuthi eminyakeni yo 1447 B.C uMoshe owabe eyinzalo kaIsrael, wakhulula abantwana bakwa-Israel ebugqilini bukaFaro.
 
68.NabaseGibhithe bayakwazi lokho, yikho ngo 1965 umongameli waseGibhithe wathi kuyaxaka ukuthi amaHebheru ahamba eGibhithe emnyama, kodwa asebuya emhlophe?
 
71.Kungumlando ongaphikiseki ukuthi uYahusha, abamhlophe abamshintsha bathi nguJesu, wabe esenkolweni kaMoshe, nokuthi ubuKrestu okuyinkololo yamaRoma, bavela sekwedlule iminyaka engu 260 uYahusha wahamba emhlabeni!
 
72.Ibandla elasungulwa ngumprofethi uJohane ngaphansi kwenkolo kaMoshe, libandla lamaNazaretha. UYahusha waba ngumholi wesibili ebandleni lamaNazaretha elalaziwa ngeNazarene sect nelagcina seliholwa ngumpostoli uPaul njengoba kubhaliwe kuyiZenzo 24:5.
 
73.Lelibandla elalingaphansi kwenkolo kaMoshe, ngo 335 A.D laqedwa inkolo yobuKrestu ngama Creeds.
 
74.Ngobuqili amaRoma akayisusanga eminye yemibhalo yenkolo yamaHebheru, kodwa bayibiza ngokuthi ILITESTAMENTE ELIDALA, elenkolo yabo bayibiza ngokuthi ILITESTAMENTE ELISHA.
 
75.Igama elithi “TESTAMENT” LISHO i-WILL. Njengoba bekhuluma ngeTestamente Elidala neTestamente Elisha, bachaza ukuthi inqubo yokukholwa esenkolweni kaMoshe seyachithwa enkolweni yobuKrestu!
 
76.Njengoba ngihlale ngisho, mina ngathunywa ukuba ngifundise abantu ngenqubo yokukholwa kwenkolo kaYahuah, lapha emhlabeni eyalethwa nguMoshe, yaqedwa ngabezizwe, kodwa esibuye yavuselelwa ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
 
77.Kusemahlombe ami ke ukuthi ngiwuqondise umlando wenkolo yethu, isizwe esimnyama siqonde ukuthi uYahua unguNkulunkulu wethu esamhlubuka, wabe esesijezisa njengoba kubhaliwe kuDutoronomi 28. Ngakho ke kumele sibuyele kuNkulunkulu oPhezukonke!
 
78.Ukufakazela lokhu ekade ngikuveza ngaphezulu, kumaHubo 83:1- kuthi: “Nkulunkulu ungathuli, ngokuba izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo bayakuvukela.
 
79.Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho.
 
80.Bathi wozani sibaqothule bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa.”
 
81.Angazi noma siyazi yini ukuthi siyinzalo kaJakobe? Asazi, umuntu nomuntu usho okusuka ekhanda lakhe! Abamhlopheke bathi:
 
82.“We must make sure they never know their identiy, for that is the key to their freedom!
 
83.This will keep them be disobedient to their God and our presence to them will stay unchallenged!”
 
84.Namanje noma abamnyama sebakhululeka, kodwa ngokwengqondo basagqilazekile, abamazi uNkulunkulu wabo!
 
85.Lenkolo yobuKrestu esibusayo iyamchitha uYahua, akusiyona inkolo yethu, inkolo yabezizwe, naloJesu esimlandelayo akahlanganise lutho noNkulunkulu wethu, le yinkolo kuyo okukhonzwa uBhali!!
 
86.Enkolweni kubalulekile ukuthi ungagcini ngokukholwa, kodwa futhi uzihluphe ngokufuna ulwazi lwalokho othi uyakholelwa kukho!
 
87.Kwenye yezintshumayelo zakhe, uSister Celestial, uthi: “Egypt will say Israel is distabilizing the region and that affects me, that is why I am getting involved.
 
88.Egypt is going to side openly with the Arabs and say that an attack on one Moslem is an attack on all Moslems.
 
89.The next thing the Lord said is that the Jews are not the rightful owners of the land of Israel, and they will be driven from there by the aggression of the Arabs.
 
90.“They will be driven out of my land for they are not the rightful holders of the promises I gave to Abraham, Isaac and Jacob.
 
91.They are the impostors and their true nature will be exposed before the whole world even as the real nature of my people will be revealed before the whole world.
 
91.Their crimes, speaking of Jews, also called Yahudem, will be exposed and they will come out of my inheritance for I did not give it to them.”
 
92.These Jews living in that land are falsifying the truth that they are Jews, and yet they are not!
 
93.In Revelation chapter 2 verse 9, it says “I know your works, tribulations and poverty, but you are rich, and I know the blasphemy of those who say they are Jews, but they are not, they are a synagogue of Satan.”
 
94.Those are the verses that the Lord gave me about a month and ahalf ago.
 
95.Another verse is 3 and 9 which says: “Indeed I will make them the sinagogue of satan, those who say they are Jews but they are not, they are liars.
 
96.Indeed, I will make them come and worship before your feet in order to know that I have loved you!”
 
97.God says that in the end times there will be a group of people who say they are Jews; using Jewish practices and they are going to name themselves “Jews”, but they are not!
 
98.They are going to lay claim to the birthright and to the practices of the Jews!” Amein!
 
99.Angazi ukuthi sengichaze kangaki ukuthi lamaJuda akwa-Israel akasiyo inzalo kaJakobe, ngama-Ashkenaz Jews, kodwa kunamaKrestu afundile, kodwa afundisa abantu ukuthi lamaJuda amhlophe ayinzalo kaJakobe, nakulempi yama Irans nalamaJuda, bona bavuna lamaJuda-mbumbulu!
 
100.Angazi ukuthi batholani ngalemfundisoze! Ngokusobala lemfundiso bayithatha kobasi babo abangabamhlophe!
 
101.Ngake ngachaza ngaphambili ukuthi abamhlophe bakujabulela ukuthi kuqhamuke abanye abamhlophe abathi bangamaJuda, ngoba lokho kucisha umlando wokuthi yithi amaJuda!
 
102.Kodwa kulihlazo eliyisimanga ukuthi umuntu omnyama nofundile etholakale esephika ubuzwe nenkolo yakhe, ngoba nje efuna ukujabulisa obasi bakhe!
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *