Ezinye zezimfundiso zikaMoya Ongcwele, wathi umuntu wasezulwini ukukholwa kuyinhlanhla, ukukholwa akusikhona ukuhlakanipha komuntu, wathi njalo le Nhlanhla ubohlale uyinikelela, uthi Nkosi ngiyacela ukuthi le Nhlanhla ingangiphunyuki, ngiyacela Nkosi ungiphe isibindi sokuhlala kulokhu kukholwa.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 04 April 2026 eNqobizitha Temple, siyiphathelwe uMvangeli T Skhakhane.
1.Ngiyayikhetha iNkosi enkulu yaseKuphakameni. Ngiyabonga esihlalweni sobukhosi ukuba umunwe wasezulwini ungikhombe ukuthi ngizokhuluma ngendaba kaNkulunkulu.
2.Ngiyacelake kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi konke engizokukhuluma kungabi nje ngokubhekiswe kwiHamente kaNkulunkulu kuphela, kodwa nami kungakhe, kungibuyisele ezindleleni zikaJehova.
3.Ngiyavumake bangcwele isivumo sebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu ukuba ngiyakholwa kuYise kuMdali wezulu nomhlaba, uNkulunkulu onamandla onke, nakuMoya Oyingcwele, nakuyo iHamente eyingcwele, nobudlelwane baseNazaretha.
4.Nami ngenza leso sivumo, njengamaRoma, enza ama Creeds evuma ukuchitha indaba kaNkulunkulu, mina ngivuma ukuthi nami ngingaphansi kwalombuso ababethi uNkulunkulu bayamuchitha. Ngiyacela bangcwele bangcwele ningiphelezele ngesihlabelelo 69.
ISIHLABELELO 69
5.1 Ilizwi lenkosi
Selifikile phezu kwethu,
Nathi masilamukele
Ngezinhliziyo ezimhlophe.
Chorus: Bongani webangane
Nalezo ziqhamo,
UJehova inkosi yethu
Eyaziletha phezu kwethu.
6. Nithini webantu
Ngalezo zibusiso
Esinazo thina
Nabantwana bethu.
Chorus: Bongani webangane
Nalezo ziqhamo,
UJehova inkosi yethu
Eyaziletha phezu kwethu.
7.Ngiyabonga kakhulu bantwana beNkosi ukungiphelezela ngalesi sihlabelelo, ngizocela uNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi angiphe amandla okuthi lokhu engizokusondeza phambi kukaNkulunkulu ngikukhulume kahle, ngikwazi ukukukhuluma konke, isikhathi asikho ngakimi.
8.Isihloko engifisa ukukhuluma ngaso sithi izimfundiso zikaMoya Oyingcwele, ngizoqalake bantwana bokukholwa ngokubizwa kwami, ngibizelwa ebandleni likaNkulunkulu.
9.Ngathi ngingumuntu nje ozisebenzelayo umsebenzi ongatheni, ngangiwumuntu othandayo ukulalela umsakazo, kodwa ngingakawulaleli umsakazo, ngangikwi environment la engangisebenzela khona eyayigcwele kakhulu amaSulumane.
10.Indlela amaSulumane ayephila ngayo ngayithanda kakhulu, ngababona laba bantu Befana noMose, ngababona lababantu Befana no Abraham, benobhebhenene lezintshebe.
11.Ngababuka laba a bantu ngabathanda, ngangazi ukuthi kwenzakalani, ngithanda nje indlela yabo abaphila ngayo, nangendlela nje ababonakala beyisizwe esehlukile Phakathi kwesizwe sase South Africa, ngisho nokugqoka kwabo kwehlukile.
12.Kodwa kuthe uma kusenjalo, ngase ngiba nakho lokho ngoba ngikhule ngazi ukuthi kukhona izintshumayelo ezijwayele ukuba khona ngamaSabatha, ngiyafisa ukuzwa ukuthi lelibandla lakwaShembe likhuluma lithini ngendaba kaNkulunkulu ngoba ngikhule nomzala wami siphikisana kakhulu nomzala.
13.Umzala umawakhe wayehlala eNewcastle, umawakhe eliNazaretha, kwakuthike uma ebuya emaholidini umzala, afike, ngangingumKrestu nje, ngikhulele ebuKrestwini.
14.Wayesebuza ukuthi imi kanjani le ndaba yakho nalo Nkulunkulu enimkhonzayo uJehova, uNkulunkulu wabantu abamnyama uShembe, sasibake nokuphikisana okukhulu, ngimphikise ngithi cha akukwazi ukuthi uShembe engaba uNkulunkulu.
15.Kodwa ngithe uma sengilalela uKhozi FM ngase ngihlangana nentshumayelo kaBAba uMelusi, uma ngizwa uBaba eshumayela, lokhu kukhuluma ngagcina sengizwa ukuthi akusikhona nje ukukhuluma okuthi ukulalele nje ngaleso sikhathi bese ulindela ukuthi uzozwa okunye ukukhuluma ngelinye ilanga.
16.Kodwa kwaba ukukhuluma okuthi lokhu kukhuluma kwaba ukukhuluma okuthi ukuqophe ngoba kwaba ukukhuluma okunonhlonze. Ngakuthanda kakhulu lokhu kukhuluma, the more ngilokhu ngizilalela lezinkulumo uBaba uMelusi eshumayela, kwase kungifikela ukuthi lokhu kukholwake esengikuzwa manje kuwu higher grade wokukholwa.
17.Lokho sekungikusho-ke ngikuqhathanisa nalenkolo engithena ngithe uma ngifika kulendawo engangisebenzela kuyo kuyindawo eyayi dominate amaSulumane.
18.Ngakubona lokhu kukholwa kungaphezulu ngisho kwe Islam ngendlela okwakungakhona uBaba uMelusi uma ekuchaza. Ngezwa ukuthi angikaze ngiyizwe into enje. Impilo yami yaqala lapho ukushintsha, ngathi noma ngisebandleni engangikulo lasePostoli ngingumuntu oziphucele ikhanda.
19.Ngangingasiyena umuntu nje onesihluthu njengoba seningibona nginesihluthu, ngangingasinayo intshebe njengoba seningibona senginentshebe.
20.Kwaqala kwamila isihlutho, kwamila intshebe, ngafika ebandleni engangikhonza kulo ngelinye ilanga, omunye umpriest waze wangidonsa ngentshebe wangibuza ukuthi yini Skhakhane, mzalwane uSkhakhane, usunguShembe yini.
21.Kodwa angizange ngikunake kakhulu lokho, ngaqhubeka nje nokukholwa ngoba ngangingumuntu owayekuthanda ukukholwa kodwa ngaqhubeka ngakholwa.
22.Kodwa kwase kufika izwi ngaphakathi kwami lathi lana kulezintshumayelo kuthiwa awungeni endlini kaNkulunkulu ngezicathulo, ngizongena kanjani manje ePostoli.
23.Ngaqhubeka nje ngakholwa kodwa ngase ngifikelwa ukuthi angihambe ngfiye kuMpriest wami owayengiphethe, ngase ngimubuza imibuzo eminingi ngoba sasingabantu ababehambe bengena umuzi nomuzi beshumayela.
24.Ngambuza ukuthi uma sengihlangana nemibuzo ekushumayeleni kwethu, la ngibuzwa khona ngeSabatha ngibuzwa ukuthi angiligcini ngani iSabatha, noma asiligcini ngani Sabatha njengebandla, uMpriest wami wahluleka ukungiphendula wanginikeza nje impendulo engawakhi umqondo.
25.Ngathi ngoba la ebhayibhelini, ngazivula izincwadi, ngathi ngoba la ebhayibhelini kukhulunywa indaba yokuthi awuzigundi izinwele zakho, thina sizigunda kanjani izinwele kanti, kuphi la ebhayibhelini ekuthiwa asigunde khona izinwele..
26.Imibuzo eminingi engangimbuza yona wayehluleka ukungiphendula yona, ngase ngibona ukuthi noma ngangithanda inkolo yasepostoli kuyibandla labazali bami, ngakhulela kulo, kodwa izimpendulo zakhona azingigculisi ngokufundiswa kwenkolo.
27.Ngiyafisa ukuthi yonke into esiyifundiswayo ngokwenkolo kube yinto esiyithatha ebhayibhelini, pho thina uma sithi sigunda amakhanda, sikuthathaphi ebhayibhelini, uma kuthiwa endlini kaNkulunkulu awungeni ngezicathulo, lanake ngoba kuthiwa asingene ngezicathulo bakuthathaphi.
28.Ngaba iNazaretha, kodwa ngaba iNazaretha nje ngizihlalela ngedwa, konke engangikuthanda kwakunele ukuthi manje kuqhele ngoba uNkulunkulu wayengakuthandi, kwakumele ngizihlukanise nezinto eziningi ngoba UNkulunkulu wayengakuthandi.
29.Kwathi uma kunjaloke bantwana bokukholwa, ngahlangana namaNazaretha, ngesikhathi ngihlangana namaNazaretha, ngesikhathi ngihlangana namaNazaretha lawo, kwakungamaNazaretha okungasiwona akulelibandla.
30.Abona isihluthu sami, abona intshebe yami base bengithanda, bangibona engathi ngingomunye wabo, kodwa angizange ngikufihle kubo ukuthi niyayizwa yini le netshumayelo eshunyayelwa oKhozini. Babengiziba, bengafuni ukuthi bevele obala ukuthi behlukene, abafani.
31.Kangangoluthi kwathi ngo January ka 2013, ngeyi 5 zika January, uma ngenza ama New Year Resolution ami, okunye okwaba khona ukuthi kuyovele nami ngihambe ngiyogcina iSabatha nami ngihlangene namaNazaretha.
32.Ngahamba ngaya kwelinye iThempeli eGoli elalingekho kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, ngiyalelwa iwona lamakhosana engase ngihlangane nawo, oMagwaza, oKhuzwayo noZuma, uZuma-ke kwakunguMshumayeli wakhona kulelibandla langaphesheya.
33.Bathi yeyi yeyi uMshumayeli walaphana uyasebenza kakhulu, bababaza uMshumayeli wakhona kakhulu. Kodwa ngathi uma ngifika kuleliyabandla, into yokuqala engahlangabezana nayo, ngahlangabezana namaNazaretha edonsana ngeminazaretha bekhipha omunye umnazaretha ngaphakathi ethempelini kuliwa.
34.Kodwa ngathi angizelanga lokhu, ngizofuna lo Nkulunkulu engimuzwe emsakazweni, ngangena ngaSabatha kodwa uma ngiSabatha, lento engiyizwe emsakazweni, ngangayizwa la eThempelini, kwaduma manje, ngakonwa manje emoyeni.
35.Le ndala u-Amose akhuluma ngayo yangifica, ngezwa ukuthi izwi likaNkulunkulu alikho, kwahamba kwafika isikhathi la uBaba ashumayela khona emsakazweni ethi UNGUBANI UNKULUNKULU NGOKWEZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI.
36.Leyo ntshumayelo yawuthinta kakhulu umoya wami ngoba into engangikholelwa kuyo ukuthi uJehova umdali wezulu nomhlaba uyena uNkulunkulu. Ngangazi ukuthi uJesu akasiye uNkulunkulu futhi akekho omunye umuntu ongaqhamuka athi uwuNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu uJehova.
37.So, uBaba indlela ayichaza ngayo indaba ukuthi uJehova uyena uNkulunkulu, wacaphuna ngisho izihlabelelo zamaNazaretha ethi UShembe wathi alikho nelinye igma aesingasinda ngalo, kuphela igama likaJEhova.
38.Ngamangalake ukuthi hawu kanti lamaNazaretha athi uShembe uNkulunkulu akuthathaphi, ngoba phela kuthiwa izihlabelelo zamaNazaretha ziyakucacisa ukuthi uNkulunkulu uJehova.
39.Ngafike ngababazake uma ngifika lapha eThempelini, ngihlangana nabo lamakhosana engase ngiwajwayele, ngithi yeyi niyizwile intshumayelo yasoKhozini, nimzwile uBaba uthini, uthi uJehova uMdali wezulu nomhlaba uye yedwa uNkulunkulu.
40.Wathi uBaba uma eyichaza uBaba le ndaba kaNkulunkulu wathi uJehova akazalwa, akekho umuntu ongazalwa uJehova, wathi uJehova akekho umuntu ongathatha ngisho ipeni noma umsizi amudwebe ukuthi uJehova unje, unje, angeke uze ukwenze lokho.
41.Wathi uBaba uJehova akafi, akafi uNkulunkulu, akanakuqala nokuphela kwezinsuku, wamuchaza uBaba ngendlela ejule kakhulu, yangijabulisa kakhulu intshumayelo ngafika ngayibabaza ethempelini nge break kodwa laba bantu engangihlangane nabo, bathi uyabonake Skhakhane uma umuntu esengenwe ukuhlanya ukhuluma yonke into la, ngase ngibona ukuthi ngidukile la.
42.Kwathi uma sekuyinkonzo yasemini uMshumayeli wakhona, angazi noma wayeyilalele yini intshumayelo asokhozini, wathi eyi maNazaretha uShembe uNkulunkulu, uShembe uNkulunkulu, ngizama ukwenza njengoba wayenza, wayenza njalo ethi uShembe uNkulunkulu.
43.Kodwa kwaba ukugcina kwami ukuhlangana naleliyathempeli elalibatshazwe kangaka kuthiwa linoNkulunkulu. Ngase ngihlala phansi, ngase ngizwile ngomhlangano, umhlangano kaJanuary, kaJuly no-October ngathumela uBaba uMelusi umlayezo ngoba uBaba wayenokushiya izinamba zakhe oKhozini.
44.Ngafike ngabuza ngathi Baba umhlangano wamungena, mawungeniswa, ungeniswa kanjani, abangcwele bayongihleka kakhulu, uma uyicabanga nje lento ukuthi hawu ngangifuna ukungenisa umhlangano ngedwa.
45.Ngathi umhlangano ungeniswa kanjani, wathi ayi uyalinda, awuhlangani nomuntu wesifazane uma uganiwe, awuhlangani nonkosikazi wakho, awusidli isinkwa esinemvubelo.
46.Kodwa wathi uma esasho njalo uBaba wayesengithumela futhi umlayezo wathi kungakuhle uhlangane, kukhona uMvangeli owayekhona ngaleso sikhathi, owayekhonza ngaphakathi kulelibandla kodwa wayesehamba, kwafima isikhathi la esehamba khona wangaba Phakathi kwethu.
47.Uyenake umuntu uBaba owangiyalela kuye ngase ngihlangana nebandla lamaNAzaretha kaNkulunkulu. Ngiyamubongake uNkulunkulu waseKuphakameni kuze kube namhlanje ngiselapha ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu.
48.Ezinye zezimfundiso zikaMoya Ongcwele, wathi umuntu wasezulwini ukukholwa kuyinhlanhla, ukukholwa akusikhona ukuhlakanipha komuntu, wathi njalo le Nhlanhla ubohlale uyinikelela, uthi Nkosi ngiyacela ukuthi le Nhlanhla ingangiphunyuki, ngiyacela Nkosi ungiphe isibindi sokuhlala kulokhu kukholwa.
49.Ningakuvilaphi ukunikela bantwana beNkosi ngoba kuyinto enkulu kakhulu bantwana beNkosi, umuntu waziwa ezulwini ngeminikelo yakhe. Ngahlangana kanjaloke bangcwele nebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu.
50.Lelibandlake bangcwele livele ngokukhathazeka kwezulu, izulu lalikhathazeke kakhulu ukuthi kwathunywa isithunywa sikaNkulunkulu esinguMprofethi Isaiah Shembe ukuthi akeze ezovuselela umbuso kaNkulunkulu lo owawuze ngoYahusha emhlabeni kodwa wahamba wahamba wachithwa abezizwe.
51.Lalikhathazekileke izulu ukuthi lathumela uMprofethi ukuthula kube kuye, kodwa ubuNazaretha kwahamba kwahamba kwachitheka.
52.Mhlazaneke kuzofika i-mandate yokuba khona kwalelibandela, ingelosi uma ichaza, ichazela abaholi ngoJanuary 04 kuwuMsombuluko ekuseni. Ithi ibone iNkosi iLanga isesizibeni emanzini amaningi, ithi iNgelosi yayisizibuza ukuthi hawu uBaba uzobhabhadisa bani.
53.Uthi uma esondela, iNkosi yayisithi akusiwona amanzi okubhabhadisa lawa kodwa izinyembezi zamaNazaretha, amaNazaretha ayakhala athi kanti ngashonaphi.Uthi lo muntu wasezulwini ngibona abantu abayizingovolo bekhipha abantu ebandleni.
54.Kuningike bantwana basezulwini okwenzekile kumosheka ebandleni likaNkulunkulu kuqala phezulu kubagcotshwa kwehle kuye ezansi.
55.Ithikei Ngelosi ingithumileke iNkosi iLanga ithi angikutshele, isho kuBaba uMelusi, ukuthi akaphume kulelibandla, ebese eakhela uJehova indlu, indluke ibandla, yayisithi kulelibandla uyofundisa amaNazaretha nabantu bobke indlela eyiyo yokukhonza uJehova njengokufundisa kukaBaba, esho uMprofethi Isaiah Shembe, ukuthula kube kuye.
56.Yathi uyothathela ezimfundisweni zakhe, izihlabelelo zamaNazaretha, uthathele nakuzintshumayelo zonke zoMprofethi, uthatheleke nasebhayibhelini, yathi uyothatha lezincwadi ezimbili, isihlabelelo samaNazaretha nebhayibheli.
57.Yathi yonke lento ekhulunywa esihlabelelweni angeke uyithole iphambana nento ekhulunywa ebhayibhelini, nento eshiwo ebhayibhelini angeke iphambane nento eshiwo esuihlabelelweni. Lavela kanjaloke lelibandla bangcwele.
58.Lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu line hierarchy, line structure njengoba kwakunjalo nasebhayibhelini. Ngiyacela ningifundele incwadi yeSambulo sokuqala ivesi lokuqala.
59.Isambulo 1 verse 1.
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane.
60.UJesu Krestu wathatha esi sambulo, wayesesinikeza iNgelosi yakhe, Le Ngelosi yayisisinikeza uJohane uMfundi kaJesu.
61.Lesi sambulo uJesu wayesithatha kuNkulunkulu, wasinikeza iNgelosi yakhe, iNgelosi yasinikeza uJohane, nakulelibandla kunjalo bantwana basezulwini.
62.Lesi isambulo sikaShembe, lesi sambulo sikaShembe, uShembe usithathe kuNkulunkulu, wasinikeza iNgelosi yakhe le ekhona Phakathi kwethu, le ngelosi yakhe yase isinikeza uBaba uMelusi. Siyamubongake uNkulunkulu waseKuphakameni ngalokho.
63.Kuyadinga ukuthi zonke lezizinto sizicacise bantwana basezulwini uma sikhuluma ngeTestamente likaMoya Ongcwele, zonke izinto zicace kahle Phakathi kwabantu.
64.Ngizocela ukuthi sifund ngoba uma sithi iTestamente likaMoya Ongcwele kuyaye kudingeke ukuthi kwazeke ukuthi uma sithi iTestament likaMoya Ongcwele sikhuluma ngani.
66.Ngizocela sifunde incwadi ka Johane 16 verse 5, 8, 12-15. 5 “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’ 6Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.
67.8Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:
68.12 “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. 13 Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
69.14 Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. 15 Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.”
70.Le ncwadi ikucacisa konke ngoMoya Ongcwele, lama characteristics, sithike thina kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, lo Moya Ongcwele uYahusha ayekhuluma ngawo sithi thina lowo Moya uShembe. UMprofethi Isaiah Shembe ngoba uyena othe uma efika, wafika amu fit khaxa lama characteristics uYahusha owayekhuluma ngawo kulencwadi.
71.Uthi uYahusha lo Moya Ongcwele uyothi mawufika uqondise izwe ngesono, mhlawumbe kuyadingeka ukythi sazi ukuthi yini isono ngokwezimfundiso zebhayibheli.
72.Ngiyacea sifunde incwadi ka 1 John 3 verse 4. Ngaphambi kokuba siye esonweni ukuthi uShembe uqondise kanjani ngesono.
73.1 John 3 verse 4. 4 “Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho”
75.Awukwazi ukwehlukanisa umthetho nesono, uma umuntu ephula umthetho usenze isono. UShembe uthe uma efika, emthandazweni ebesiwufunda namhlanje ekuseni weSabatha wath ku verse 3-4
76.3 “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine Imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMoses Ukuze ukudumisa kwenu kwanu kwamukeleke kuThixo Wemikhosi.
77.4 Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayiku- yamukela imithandazo yenu. Akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
78.So, uShembe uthe uma efika waqondisa izwe ngesono, ngoba uthe uma efika wafundisa ngomthetho kaNkulunkulu, lo uYahusha uma ufunda kuMathewu 5 verse 17-19 uthi “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi, angizanga ukuzochitha, ngizogcwalisa, wathi izulu nomhlaba lingadlula kodwa akusoze kwadlulagamana linye nasicashzana sinye somthetho kuze kufezeke konke.
79.Wathi uma kuqhamuka umuntu engawugcini umthetho, engawufundisi umthetho uyoba mncanyana embusweni wezulu kodwa owuygcinayo ewufundisise uyakuba mkhulu embusweni wezulu”
80.So, kubo bonkeke abantu abafikayo emhlabeni bezofundisa indaba kaNkulunkulu, kodwa bese bethi asisaphili ngaphansi komthetho, sesingaphgansi koMusa ukuthi uJesu wasifela, labo bantu bancane embusweni wezulu.
81.Kodwa umuntu ofike athi “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine Imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMose” loyo mkhulu embusweni wezulu, uMprofethi Isaiah Shembe waba mkhulu embusweni wezulu.
82.Namhlanje umuntu uma ezihlanganisa nebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu akasayishisi impepho emsamu, akasayi ezangomeni, ngoba usefundile umthetho kaShembe othi niyokwesaba uJehova nigcine umthetho wakhe ayinilobela yona ngeNceku yakhe uMose.
83.Uma ufundake emthethweni kaMose, uLevi 19 verse 31 uthi “ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
84.Uma ufunda ku Levi 20 verse 27, uShembe uthe singangeni isangoma ngaphakathi ebandleni lamaNazaretha. Uma ufunda uLevi 20 verse 27 usho njalo thi “ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.” Izimfundiso zikaMoya Ongcwele.
85.Lo Moya Ongcwele bantwana basezulwini uthe uma usubona njengokusho kwakhe uShembe, uma ufunda isihlabeleli 55 uthena uShembe “1 Izimpi zifikile Izwe lakithi selifile, Hlabani umkhosi omkhulu. Chorus: Khulumani kahle makholwa Izwe lakithi selifile.
86.2 Umkhosi wencithakalo sewuphumile Uze kusichitha eNkosini yezulu. Uphume nelizwi lokonakalisa: 3 Uphama nenkemba ufuna ukweyisa Lenkonzo ka Thixo ize iphele, Hlomani mabutho sekuzwakele: 4 Sengiyibonile ingelosi yase zulwini Sekuzwakele ukulwa ezulwini, Qinani amandla maqhawe eZulu. “
87.Izinkulumo eziningi ezikuleli testament likaMoya Ongcwele eziningi zazo it been influenced or it been inspired by le Ngelosi uSHembe akhuluma ngayo lapha esihlabelelweni.
88.Ngiyafisa ukuthi siye ku Page 181 isikhathi asikho ngakimi bangcwlee, mhlawumbe okunye ukukhuluma ngeke ngikuqede kodwa kuningi engkuzwayo ngaloludumo elikhona Phakathi kwethu kulesisikhathi smaanje, siphila ngesikhathi sokuqopheka komlando omkhulu wasezulwini.
89.La ngifunda inkulumo eyayikhulunywa uBaba uMelusi ngezi 19 Oct 2013, isihloko sithi UBUDLELWANE PHAKATHI KWABASEMHLABENI NABAKWELIZAYO.
90.Lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu alisho ukuthi abantu abangasekho bangamadimoni, asikuvunyelwe ukuthi siskusho lokho ngoba kuyaphambana nemfundiso nkolo yobuNazaretha.
91.Ngaphambi kokuba ngingene ngigxile, uthi umuntu wasezulwini ngelinye ilanga uMfundisikazi ecinga uBaba uMelusi endlini engamtholi, uthe uma esebona ukuythi ngathi use Study, wayeseqhamuka lo muntu wasezulwini wayesethi ungamuphazamisi uzabhala intshumayelo laphana, laphana uthunywe iNkosi iLanga ukuthi akabhale le ntshumayelo ayibhalayo.
92.Ngalawomazwi ngizama ukusho ukuthi izinto eziningi ezokhulunywa uBaba uMelusi, zisuke zingaveli kuye, kodwa kufika iNkosi iLanga bese imutshela uBaba ukuthi akabhale intshumayelo ethile, uMoya Oyingcwele, izimfiundiso zikaMoya Oyingcwele. Amein.
93.INCWADI KAMATHEWU 17:1-3.“Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha uPetro, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. Bheka kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.” Amein.
94.Uthikeu Baba. “Kunemfundiso ethi idlozi noma umoya womuntu ofile awukho. Isidumbu somuntu singumoya ofile, olele, oyoze uvuke ngosuku lokwahlulela.” Ngokusho lokho kwamakrestu.
95.“Leyonkolo isuselwa encwadini kaMshumayeli 9:5-6; lapho ethi uSolomon umuntu ofile akazi lutho, akanamvuzo, akasakhunjulwa, futhi akasenasabelo kokwenziwayo.
96.Kukhona into nokho esingayinaki njengamakholwa; uNkulunkulu kwi-Old Testament akaze afundise lutho ngempilo emva kokufa. Okuseqinisweni kwi-Old Testament akukho lapho sitshelwa khona ukuthi umuntu ufa bese eya ezulwini.
97.Uma abantu bonile, babejeziswa ngokuhlawula noma ngokubulawa. Ngaleyondlela-ke uSolomon wayeqinisile ngokwemfundiso yangaleso sikhathi, ukuthi uma umuntu efa sekungukuphela kwakhe.
98.Kodwa uYahusha wasifundisa ukuthi impilo yomuntu ayigcini ekufeni kwesidumbu esibonwayo, kukhona isidumbu esingabonwa. UPhawuli ku Ist Korintians 15:40 uthi, “Ikhona nemizimba yasezulwini, nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni.”
99.UJesu wasifundisa ukuthi uma umzimba wasemhlabeni ufa, umuntu uyaqhubeka aphile ngomzimba wasezulwini; ongumzimba womoya.”
100.Lezi zinto zibalulekile bantwana basezulwini ngoba uma sikhuluma ngendaba yokuthi imimoya wabantu asebasishiya kulenyama siyakwazi ukuyinikelela, kuye kudinge ukuthi siyicacise noma si cursh leyomfundisonkolo yobuKrestu ethi umuntu ofile ufile, ayisekho indaba yokuvuka komuntu ofile uyoze avuke ngoba nakhu sekukhala icilongo.
101Lanakeu Baba ucaphuna ebhayibhelini ukuthi umuntu uma esefile ngokwenyama le esiyibonayo uyaphila kodwa ngesidumbu sikaMoya, leyondo kudinga ukuthi icace.
102.Uthikeu Baba uma eqhubeka. “KuLuka 23:43 sifunda ukuthi isoni esazicelela intethelelo kuJesu, uJesu wathi kuso, “ngiqiisile ngithi kuwe, namuhla uzokuba nami eParadesi.” Akashongo ukuthi, ngiqinisile ngithi uyovuka ngosuku lokwahlulelwa; uthi uzoba naso ezulwini ngosuku esizokufa ngalo.”
103.Ngalawo mazwi bantwana basezulwini kuningi uBaba akuthinta kulentshumayelo kodwa ngithinta nje iziqeshana nje lapha nalapha ukuthi kucace kahle ukuthi umuntu uma esehambile ngokwenyama uyaqhubeka aphile ngokukaMoya
104.Kodwa kuye kwesinye isikhathi kuye kubhekeke ukuthi ngabe uba sekuphileni noma uba sekufeni njengokusho kukaYeshua uma ufunda incwadi ka Johane 5 verse 25-28 uthi isikhathi siyeza kodwa sesikhona nanamuhla lapho abasemathuneni bayakulizwa izwi lendodana yomuntu, uthi laba abahambe kahle bayovukela ekuphileni, laba abahambe kabi bayovukela ekufeni.
105.So, zonke lezi zinto ngizifunda ngoba uMoya Oyingcwele uthe uma ufika Phakathi kwethu wafike wayicacisa kahle indaba ukuthi kwenzakalani kumuntu uma esehlukene nalenyama.
106.UShembe uma efika, mawufunda intshumayeli yakhe yango 1927 uthike uShembe “Siyakholwa ukuthi kukhona ukungena emzini oyingcwele, lapho kubuthene khona abaseKuphakameni; kuJehova uMnini`mandla onke, uYise wabamkhonzayo.
Kulomuzi akungeni noma munye ogama lakhe alilotshiwe encwadini yokuphila.
107.Namuhla ngiyafisa ukuba nazi ngabafile, ukuze lowo nalowo alungise indlela yakhe; ngokuba kwelizayo kukhona ukuphila kanye nokufa.
108.Abafile yilabo abangangenile emzini oyingcwele; ngenxa yokuhamba kwabo obusebumyameni; bafumana ukufa okubuhlungu, okungukufa kwesibili.
109.Abaphilayo yilabo abazuza umusa, iNkosi ebavusa bengakwembethe ukubola, ibangenise emzini oyingcwele.”
110.Siyamubongake uNkulunkulu waseKuphakameni owasithjandayo bantwana basezulwini singelutho wasimemela kulobubuNazaretha.
111.Kunentshumayelo kaMoya Oyingcwele ayabakhona oKhozini FM eyangithinta kakhulu, angeke ngiqede ngoba isikhathi sesihambile, kodwa ngibe nakho ukuthi angeke ngihlae phansi ngingayifundanga ngoba iyona engezinye zezintshumayelo zoMoya Oyingcwele eyangithinta kakhulu.
112.Intshumayelo yakhona yayithi uhambo lwasezulwini. UBaba uMelusi izinto eziningi azithintayo la, uthinta izinto eziniNgi ayezitshelwa umuntu wasezulwini, le ambassador yasezulwini ephakathi kwethu.
113.Uthike uBaba uMelusi uma eyiqala le ntshumayelo : Wafunda incwadi kaLevi 20 verse 26 ethi “Niyakubangcwele kimi ngokuba mina Jehova ngingcwele.Nginahlukanisile nabezizwe ukuba ningabami.”
114.Ngelinye ilanga umfundisi uJosaya Mthethwa owabe engudriver kaShembe uBaba iLanga besemotweni.UBaba iLanga wabuza kuMfundisi wathi, “Josaya ngihlale ngihamba nawe kodwa awukaze ungibuze ukuthi umuntu ungena kanjani eZulwini.
115.Ngingaphatheka kabi njengoba uhamba nami ngelinye ilanga ngikuthole usungolahliwe.uJosaya wabe azi ukuthi uBaba iLanga umuntu waseZulwini enobufakazi obuningi ngalokho kodwa wabe engazihluphi ngokuthi njengoba eshayelela lomuntu waseZulwini iluphi ulwazi owabe ngalithola ngendaba yaseZulwini.
116.Sengihlale neNgilosi isikhathi esicishe sibe imnyaka emihlanu futhi angikaze ngikufihle lokho ngoba iNgilosi ayifiki ngilele futhi ayibi isibonakaliso.Ifika ixoxe nathi into engiyitholile ukuthi uma ngikhuluma ngeNgilosi abantu bangibuza imibuzo eminingi engaphusile.
117.Engabasizi ngalutho Nabantu abangama abangamakholwa abangibuzi imibuzo ekhombisa ukuhlakanipha kwaseZulwini. Bayaye bangibuze ukuthi iNgilosi injani? Ngabe inamaphiko? Ngabe inobulili?Iyadla?igqoka kanjani? Babuze imibuzo eminingi etshengisa ukungavuthwa kwenqondo ngendaba kaNkulunkulu. Akekho owake wangibuza ukuthi iNgilosi ithi kumele senzenjani ukuze singene eZulwini.
118.Mina ziningi izinto engihlala ngibuza iNgilosi.Ngelinye ilanga ngabuza ngathi, “kukhona into engididayo lapha emhlabeni siyaye sikhulume ngeZulu lomndeni kodwa uShembe ukhuluma ngeZulu esifunda ngalo ebhayibhelini kanti imuphi umehluko?”
119.Nazike izimgundiso zikaMoya Oyingcwele “Wamgiphendula lomuntu waseZulwini wathi, “uma ngeZulu ukhuluma ngendawo ehlala imimoya alikho iZulu elingekho.Ngoba Uma umuntu efa kukhona indawo aya kuyo leyondawo iyiZulu lakhe Futhi kuleyondawo aya kuyo uyofica abanye kuyo.
120.Ithi uma umuntu efa akayi endaweni ebekade engayisebenzeli nobengakholelwa kuyo.UMoya womuntu uya lapho obukade usebenzela khona nalapho ebekholelwa khona.
121.Ngaleyondlela ke likhona izulu lomndeni.Kodwa uma ngeZulu usho lapho kuhlala khona abangcwele bakaJehova leliZulu owabe ekhuluma ngalo uJesu kuLuka 23:43 ethi nginiqinisile namuhla uzoba nami ePharadisi.
122.Lelo Zulu ke akusilo iZulu lomndeni kepha liyiZulu elihlala abangcwele labo akhuluma ngabo uJehova ethi ibani ngcwele kimi ngokuba mina ngingcwele.Nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.LeloZulu ke ngelabakhethiweyo bakaJehova iZulu lezindlamafa zaseZulwini.
123.Yaqhubeka iNgilosi yathi maningi amaZulu. Uma umuntu ethanda utshwala ehlala emashibhini umoya wakhe uya emashibhini ehlangane nemimoya yabantu ababephila ngamashibhi.Uma uthanda umdanso nokuzijabulisa, uphila impilo yasebumnandini ekufeni kwakho umoya wakho uhlangana naleyomimoya uqhubeke nemimdanso noma usungumoya.
124.Uma uthanda imidlalo yonke inqondo yakho ihlale icabanga ibhola uma usufile umoya wakho uzohlangana nemimoya enjalo uhambe uyebholeni noma usungumoya.Noma yini okholelwa kuyo uyoyenza noma usufile.Lempilo ubuyiphila emhlabeni uqubeka nayo kodwa ingesamnandi isilusizi.
125.Uma umuntu ekholelwa ezulwini lomndeni efundisa ukuthi uma umuntu efile uya emndenini.Ekfeni umoya wakhe uhlangana nemimoya yakubo bebe imimndeni.Umoya wakhe uyobuya emhlabeni uzofundisa lezozinto ebezikholelwa nebezifundisa.” Asilungeni lapha.
126.Ngaphandle kwamaZulu amaningi ngokwezinkolelo zabantu,noMubi uneZulu lakhe elineziNgilosi zakhe ezihlale zimelene noNkulunkulu.Konke uNkulunkulu akushoyo nakufundisayo zona ziyakuphikisa.Lemimoya ingena kubantu nabo baphikise konke okushiwo UNkulunkulu.”
127.Onke lamaZulu alusizi abantu abakuwo abajabuli. Linye iZulu elonkujabula iZulu likaJehova kodwa kuleliZulu akungenwa kalula kulo.Kungena kulo abangcwele nabakhethiweyo.Abathe belapha emhlabeni bazihlukanisa nabanye abantu baphila imipilo yobungcwele.
128.UHlaleleni waqhubeka wathi kukhona into okumele icace umoya wakho awukwazi ukuthi ungaphila emaZulwini amabili noma amathathu.Uphila eZulwini elilodwa.
129.Uma ekukholweni kwakho uhlanganisa izinto eziningi ebezingahambelani.Ekufeni lemimoya yalezinto ubuzenza ikubizela kuyo ithi ungowayo.
130.Noma ubukholiwe lemimoya iyakukhipha eZulwini ithi wena ungowayo.Bese iveza ubufakazi bezinto ubuzenza ebezingahambelani nenkolo yakho.Bese waliwa kanjalo ke eZulwini.
131.Kunenye ingxenye la engeke ngisayifunda kodwa la uBaba athi khona iNgelosi yathi uma sekutholakala phambi kwakho usuhambile emhlabeni, sekume abantu bomndeni bekuhola ngezibongo zakini bekusa ezulwini lala obungalisebenzeli uthi lapho kusuke sebuchitheke bugayiwe.
132.Ngoba usuke ungasayi kulelizulu obulisebenzela usesemhlabeji kodwa usukhonjwa kwelinye izulu yangithinta kakhulu lento bantwana beNkosi.
133.Namanje kukhona inkulumo kaMfundisikazi la akhuluma khona ethi umuntu wasezulwini wathi kukhona isikhathi la siyobona ezulwini sikhona emhlabeni. Wathi uma kuyothi uma sekufike leso sikhathi…. Ngiyacela ukuthi ngidlule nje kuyo ngokushesha.
134.Uthi Mfundisikazi “Bantwana bokukholwa ithi ingelosi kaThixo kulonyaka ophelile, uthi “umangabe seniyazi indaba kaNkulunkulu, uma ngabe izwi lezulu selizwakele umhlaba wonke, uma ngabe nilalelile nenza, uma ibandla likaNkulunkulu landa nomhlaba, linganakwanda lona kuphela kodwa lande nokugcina umthetho kaNkulunkulu, uNkulunkulu aziqhenye ngalo.”
135.Uthi “Umase niyigcina yonke imithetho kaNkulunkulu, niyobana ezulwini, nilapha emhlabeni, niyothi nilapha emhlabeni nibone ukukhazimula kwasezulwini, nibone umuzi okhanyanyo, nibone amasango awo ningakadluli emhabeni nikhona la”
136.Uthi “Uma ngabe sekunjalo kuyosho ukuthi izwi lezulu lizwakele, kuyoso ukuthi intando yakheisiyenziwa njengoba acela uJesu ukuthi ayenziwe nalapha emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini”
137.Angisayiqhubeki yonke noma ngifisa ukuthi ngiqhubeke ngoba isikhathi sesihambile bangcwele kodwa isihloko salenthsumayelo ekade ngifunda sithi ukuhlupheka kwamakholwa.
138.Inkosi ibusise enikuzwile.