Leli bandla ke uShembe walifundisa ukuthi ukukholwa kwethu kube ukugcina imithetho uJehova owasilobelo yona ngenceku yakhe uMose.
Ilesi sisekelo salelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
Isihlabelelo141.
1.Abangazazi lezi zindaba
Anibatshelanga ngani
Babethanda ukuzizzwa
Lezi zindaba
Anibatshelanga ngani.
Chorus: Bayokhala ngani zihlobo zabo
Anibatshelanga ngani.
2.Musa ukuzisola kwabaningi
Akuzinyembezi zalutho.
Baphunyukiwe umvuzo
Anibatshelanga ngani.
Chorus.
Sizizwile lezi zindaba
Bayosinda abaningi
Umvuzo wamukelwa
Ngabakhuluma lezi zindaba.
Chorus.
4.Baduduzwa ngumvuzo woxolo
Bamenywa ngabanye
Bamenyelwa kulowo mshado
WeNdodana yesintu.
Chorus.
SIHAMBA NEZWI LEZULU.
1.Njengoba isihloko salentshumayelo sisho, silibandla eliselisha kakhulu, kodwa futhi elinomyalezo omdala kakhulu.
2.Ngaphambi kokuba ngingene odabeni esize ngalo, kumele siqale ngokuzethula kulabo esiqalayo ukuhlanganyela nabo kulenkonzo.
3.Silibandla ngo 2010 elaphuma ebandleni lama Nazaretha aseBuhleni. Kodwa asiphumanga ngokuhlubuka kuleli bandla laseBuhleni, njengoba amanye amaNazaretha aye asithuke athi singamaphekula, besiqambe namagama ahlukene. Kodwa okwenzeka yilokhu:
4.Mhla ka 4 kuJanuary 2010, ekuseni sengigqokele ukuya emsebenzini, sabona sekuguqe ingelosi phambi kwami nginomkhokheli umaNxumalo.
5.Kodwa lengelosi sasingaqali ukuyibona ngoba yaqala ukusivakashela kusukela ngo 2006, indaba ende ke leyo.
6.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Ngithunywe nguShembe uBaba iLanga kuwe, uthi angikutshele uphume ebandleni laseBuhleni, bese umakhela ibandla likaJehova.
7.Kulelibandla uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova. Uyothathela eBhayibhelini nasezi hlabelelweni zamaNazaretha; ubuye uthathele ezimfundisweni zakhe umprofethi.”
8.Kafuphi ilesi sizathu esangenza ngigcine ngilishiya ibandla lama Nazaretha eliseBuhleni.
9.Ivangeli lalelibandla lifundisa ngokukhonza uJehova lilandela izimfundiso zika Shembe uBabamkhulu efundisa ama Nazaretha.
10.Siyazi ukuthi noma ama Nazaretha engamaningi kangako lapha eSwatini, kodwa akhona. Lama Nazaretha aphenjwa ngumfundisi uHlophe wakhona lapha eSwatini.
11.Njengoba umfundisi uHlophe engasekho emhlabeni, kumele kube yimi engizochaza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umfundisi uHlophe abe ngumfundisi kulelibandla lama Nazaretha lapha eSwatini.
12.Ngicabanga ukuthi kwakungu 1988, ngiyimantshi oBonjeni, engabona sekufika umfundisi uHlophe ekhaya lami.
13.Efika kimi lomfundisi wathi kufike izwi kuye eseSwatini lathi akeze kimi ezongitshela ngomlando wokufika kukaShembe eSwatini, ngoba akufanele lomlando ugcinele kuye, bese kuthi emva kwakhe uyaphela.
14.Ngaphandle koku zwa ngaye, ngangingamejwayele lomfundisi, futhi ngingakaze ngikhulume naye.
15.Nempelake ngathatha iphepha ngayibhala phansi njengoba engixoxela yona lendaba.
16.Namuhla ke ngifisa ukuthi lendaba yasezulwini ngiyixoxele bonke abantu, beyihlaziye ngendlela abangayihlaziya ngayo.
17.Umfundisi uHlophe uyiqala kanje lendaba: “Ngingowase Swatini, esigodini saseDzingeni ku Hhohho District. Ngazalwa ngo 1918.
18.Ngo 1930, ngineminyaka cishe engu 12, ngeluse izinkomo edlelweni, ngabona kwehla umuntu emkhathini, emahlombe akhe kuhleli abafana ababili
19.Wabe esekhuluma nami ethi: “Mfana, uyothi uma usibiza uthi singoBaba basezulwini; ileyo ndlela oyosazi ngayo.”
20.Wabe esekhomba isikole esiseNazareen Mission, wathi: “Uzohamba uyofunda kulesiya sikole, yimina engizosala ngikwelusela izinkomo.”
21.Nempela izinkomo ngazishiya kuloBaba wasezulwini ezibhekile, ngaya ukofunda kulesi sikole ongithumela kuso.
22.LoBaba wasezulwini akagcinanga ngalolu suku, kodwa wabe esehlale efika kimi ngelusile, bese ethi izinkomo angizishiye kuye bese ngiya esikoleni.
23.Ngelinye ilanga ngathi ngibona kwase kufika isistela laseNazareen Mission ekhaya ligibele ihhashi, lathi lizongicela ukuba ngiyohlala emishini ukuze ngithole ithuba lokufunda, ngoba bayabona ukuthi ngiyakuthanda ukufunda.
24.Bavuma ekhaya, nempela leli sistela lahamba nami ngayofunda sengihlala khona eNazareen Mission.
25.Sengihlala emishini ngangifunda ekuseni, bese kuthi emini ngeluse amathole asemishini; ngagcina sengikholwa kulelibandla lamaRoma.
26.Kodwa kuthe sengithi sengiyobhajadiswa kulelibandla, ngambona lomuntu esekhona lapha emishini, wayesethi kimi: “Cha, awuzukubhajadiswa wena lapha, ngoba uthunyelwe yimi kulesi sikole, ngoba ngifuna ukuba ube ngumfundisi wami.”
27.Angibange ngisabhajadiswa-ke ebandleni eliKhatholika, kodwa angaze ngabachazela isizathu sokwenqaba kwami ukuba ngibhajadiswe.
28.Lomuntu wabuye wanyamalala isikhathi eside, ngakhula ngaze ngaganwa ngingasamboni.
29.Kodwa ngomunye iunyaka sengimdala, sengiganiwe, kwathi ebusuku ngingalele ngambona futhi lomuntu efika kimi.
30.Wangithatha wahamba nami wathi uyongitshengisa indawo lapho ofuna ngimakhele khona umuzi. Ngenkathi lomuntu ehamba nami siya kulendawo, sasindiza!
31.Waze wafika kulendawo, wayikhomba ukuthi ufuna ngimakhele lapha umuzi wakhe.
32.Ekuseni ngayixoxa emndenini wami lendaba yalesi simanga salomuntu othi angimakhele umuzi. Ngabe sengiya enduneni ngiyocela lelinxiwa kuyo, induna yavuma.
33.Wabuye wanyamalala futhi lomuntu. Ngabe sengiya eSouth Afrika ePiet Retief ngofuna umsebenzi.
34.Sengise Piet Retief, wafika futhi loBaba wasezulwini kimi ebusuku, khona ngise South Afrika.
35.Wangivusa, wathi angibuyele eSwatini ngoba lapha eSwatini ngizovakashelwa yinkosi. Kumele kuthi njalo ekuseni ngivuke ngishanele igceke ngilindele inkosi.
36.Ngathi mina akukwazi ukuthi inkosi ingavakashela mina, ngoba ngingumntukazana, futhi anginayo imali yokubuyela eSwatini. Ngalenkosi ngangicabanga inkosi uSobhuza.
37.Wabe lomuntu esengithinta kanzima emhlane, esethi: “Ngikuthinta kanje ukuze ungakukhohlwa engikutshele khona.”
38.Lapho ayengithinte khona kwaba buhlungu sengathi ngshiswa li-ayina; kwasala isibazi. (Umfundisi uHlophe wabe esengibonisa lesi sibazi se-ayina emahlombe akhe, nami ngasibona.)
39.Ngathi ngisahamba endleleni, kwavele kwaqhamuka isalukazi, sanginika u 5 shillings. Ngethuka ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ngiyinsizwa nginikwe imali isalukazi?
40.Kodwa yasheshe yabuya ingqondo ukuthi lemali ivela kuloBaba oyisimanga.
41.Ngabe sengibuyela ekhaya eSwatini, ngafika ngayixoxa lendaba yokubuyiswa yilomuntu onguBaba wasezulwini.
42.Kwase kuthi njalo ekuseni ngivuke ngishanele lonke igceke lami njengoba ngiyaliwe.
43.Ngobunye ubusuku sekuhwelela ngikhona eSwatini, likhemezela futhi linezinkunku izulu, ngabona isithunzi somuntu eduze komuzi wami.
44.Ngathi uma ngsondela, ngathola ngempela ukuthi ngumuntu lona; embethe amanikiniki elikhehla elibonakalayo ukuthi seligodole.
45.Ngambuza lomuntu ukuthi ungubani, futhi ufunani lapha ebusuku? Wabe esethi: “Kunomfana wami engihamba naye engimthume kulomuzi ukuba angicelele indawo yokulala.” Kodwa lomfana asaze sambona.
46.Ekuseni ngaya kulomuntu ngiyombuza ukuthi ungubani, futhi uze ehlwele nje uphumaphi? Ngase ngithi lomuntu abemezele itiye.
47.Kuthe amanzi esebila, kwatholakala ukuthi izinkambi azikho. Kwathi ekhaya besatatazela, lomuntu wavele wacaphuna emoyeni, wabuya no Five Roses usavaliwe, wathi: “Nazi izinkambi mnumzane uHlophe.”
48.Sisathuswa yilokho, sathola nokuthi ubisi alukho, wavele futhi lomuntu wacaphuna emoyeni, wabuya ne Condensed milk ivaliwe, wathi: “Nalu ubisi mnumzane uHlophe.” Lento yenzeka nje abantwana abebenza itiye bakhona bayabuka!
49.Abantwana baphuma babaleka, babiza wonke umndeni ukuba bezobona ukuthi lomuntu enginaye lapha endlini akusiye umuntu.
50.Nomndeni wonke wagijima weza kulendlu engikuyo, nalomuntu wabona ukuthi sebeyamxwaya.
51.Ngaso leso sikhathi lomuntu wajika, zaphela emehlweni lezi zingubo ezimakiniki ebezembethe; sabona esegqoke izingubo ezikhazimulayo, naye eseyinsizwa enhle encane, ekhazimulayo!
52.Baqala manje bonke abantu bahlehla, besaba kakhulu, babona ukuthi akusiye umuntu lo!
53.Kodwa kwatholakala ukuthi abasakwazi ukufika lapha engihamba khona nalomuntu, nami sengivevezela uvalo ngenkathi ngihamba nalomuntu! Kwase kuyacaca ukuthi lenkosi ebengilokhu ngiyilindele, nguye lomuntu!
54.Ngabona ukuthi akusiye umuntu lo! Wabe esesukuma lomuntu, ethi: “Hlophe, ngitshengise lonke igceke lakho, sengijahe ukuhamba, ngisaya eNingizimu ngibuye ngiye eNyakatho.”
55.Ngahamba naye lomuntu oyisimanga,ngimtshengisa igceke, kwaba sengathi ngimbonisa igceke lakhe.
56.Kuthe uma simbuka lomuntu sathola ukuthi akathinti phansi, uhamba emoyeni.
57.Wavalelisa wahamba. Uthe engamamitha ako 300 kusuka lapho esasimi khona, wavele wanyamalala!
58.Kwathatha isikhathi eside kwaba sengathi iyakhohlakala lendaba.
59.Kuthe ngo 1960, kwafika uMbazini emzini wami eSwatini ehamba edayisa obhayisikidi.
60.Ekuseni uMbazini enza umthandazo wokuvuka, ngabona lesi sihlabelelo samaNazaretha esinoShembe uBabamkhulu.
61.Ngithe uma ngibona kuso ifodo likaBabamkhulu, ngethuka kakhulu, ngase ngibuza kuMbazini ukuthi walithathaphi ifodo lalomuntu, ngoba mina ngazi ukuthi lomuntu akekho lapha emhlabeni?
62.Ngabe uMbazini sengimtshela konke engikwaziyo ngaloBaba wasezulwini.
63.UMbazini wabe esengitshela ukuthi lo ngumholi webandla lamaNazaretha, kodwa wahamba emhlabeni ngo 1935, manje ibandla seliholwa yindodana yakhe.
64.Ngabe sengithi: “Ngise kulendodana yakhe, ngifuna ukuyibona! Uma kuyiyo le owayefike kimi nayo, ngizoyazi, nayo izongazi, ngoba mhla engelusela izinkomo wayaye afike nayo.”
65.Ngenye inyanga uMbazini wehla nami saya eMziphathe lapho okwakunomhlangano khona, kukhona uBaba iLanga.
66.Sengisesangweni eMziphathe, ngezwa sekumemeza umuntu ethi: “UHlophe waseSwatini, iyamfuna iNkosi!’
67.Samane saxakeka sinoMbazini ukuthi ngubani lapha owazi uHlophe waseSwatini. Kodwa wathi uMbazini angiye ngoba yimi ngedwa uHlophe waseSwatini!
68.Ngamfica uBaba iLanga ehleli eduze komuntu, ebeke ekhanda lakhe ingubo owayemthandazela ngayo.
69.Kwathi uma ingibona iNkosi iLanga, yasukuma yangihlangabeza, yabe isithi: “HLOPHE WAYA ESIKOLENI UKOFUNDA NJENGOBA SAKUTHUMA?” Ngathi: “Yebo Baba, ngaya!”
70.UBaba iLanga wabe esethatha iBhayibheli elabe liphezu kwetafula, esethi angivule incwadi yamaKhosi esibili isahluko sesibili, kuvesi 8-10. Ngayivula ngayifunda, lapho kuthi:
71.“U-Eliya wathatha ingubo yakhe wayisonga, washaya amanzi ahlukana kabili, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.
72.Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyayikwenzela khona ngingakasuswa kuwe. Wathi u-Elisha: “Makuphindwe kabili uMoya wakho phezu kwami.”
73.Kepha wathi: “Ucele into elukhuni, nokho uma ungibona ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe, kodwa uma ungangiboni akuyikuba njalo.” Amein!
74.Emva kokufunda lencwadi, iNkosi iLanga yabe isithi: “Unenhlanhla Hlophe, ngoba ubonile inkazimulo kaNkulunkulu!”
75.Lengubo uBaba iLanga obethandazela ngayo isiguli, wayisonga kahle, wabe esenginika yona maqede esethi: “Kusukela manje usungu mshumayeli waseKuphakameni.
76.Uyosebenzisa lengubo ukuthandazela abantu ezweni lakini eSwazini.”
77.Ngaso leso sikhathi ngathathwa ngasiwa emfuleni ukobhajadiswa.
78.Ngibuya kobhajadiswa ngaba ngumshumayeli waseSwatini, njengoba manje sengingumfundisi waseSwatini.
79.Lomuzi okwathiwa angiwakhe, wafika uBaba iLanga wawuvusa, iMvelabusha temple!
80.UHlophe wahamba emhlabeni mhla ka 29 June 1998 esengumfundisi kulelibandla, njengokusho kukaBaba wasezulwini ngo 1930 ukuthi uHlophe ungumfundisi wakhe! Amein!
81.Bengingazuku shumayela ngale ndaba ngoba bese ngilungise enye intshumayelo, kodwa kufike izwi lathi angikhulume ngayo!
82.Isimanga lesi, umfundisi uHlophe wasuka eSwatini wazolala emzini wami oBonjeni, wathi lithe izwi engahambi emhlabeni engezanga kimi ukuzoshiya lendaba eyisimangaliso.
83.Namuhla sekufika izwi kimi ngizoza lapha eSwatini, lithi angikhulume ngalendaba ngikhona lapha eSwatini!
84.Namuhla ke ngizovuselela lelivangeli loBaba wasezulwini, njengoba wazichaza kanjalo kumfundisi uHlophe.
85.Lelivangeli loBaba wasezulwini ngilifanisa nesehlo esangehlela ngimncane, mhlawumbe ngina 13 years lapho engabona incwadi enkulu eyayibhalwe ukuthi liBhayibheli lamaNazaretha.
86.Lase lithi izwi leliBhayibheli lobhalwa nguwe. Kuwo lonyaka ka 2026 ngabona leliBhayibheli sesilihlanganisiwe, namanje likhona lingamavolume angu 8.
87.Nalendaba engafani nandaba owake wayizwa, yafikiswa kimi ngumnikazi wayo cishe ngo 1988; namhla zingu 25 April ku 2026 ngizokwedlulisa lelivangeli loBaba wasezulwini eSwatini lapho lingelakhona!
88.Lelivangeli likaBaba wasezulwini lifundisa ngoNkulunkulu oyedwa, uJehova! Alinabo onkulunkuylu bomhlaba kulelivangeli!
89.Ngabona esikhathini esiphambili abantu baseSwatini bethi abamfuni uShembe kulelizwe, bazibekake izizathu zalokho, kodwa thina asingangeni kulokho!
90.Njengoba sengichazile, noma silibandla lama Nazaretha lapha emzansi elafika noShembe umprofethi, kodwa thina asihlangene nalabo Shembe abathi bango nkulunkulu, kulelibandla asizikhonzi izithixo zomhlaba, sikhonza uMenzi wezulu nomhlaba njengokufundiswa kwethu nguBaba wasezulwini!
91.Leli bandla ke uShembe walifundisa ukuthi ukukholwa kwethu kube ukugcina imithetho uJehova owasilobelo yona ngenceku yakhe uMose.
92.Ilesi sisekelo salelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba! Lokho UShembe waze wakubhala kuvesi 3 womthandazo wesabatha.
93.Kodwa kubukeka lezi zimfundiso zomprofethi ngokukhonza uJehova sezisele kuleli bandla kuphela.
94.Njengoba lokho bengaku fihlile, ama bandla akwa Shembe aseziqokele izindlela zabo eziphikisa lendlela esayinikwa nguBabamkhulu!
95.Kodwa ke lokho akumangalisi, ngoba njengomprofethi kaJehova, uBabamkhulu wakubona kudala ukuthi kuzohamba kuhambe amaNazaretha emhlubuke uJehova!
96.Kwenye yezintshumayelo zakhe eyisiprofetho uBabamkhulu uthi: “Lapho nginibizela khona bantabami kuhle kakhulu, uma ungase uye khona, ngenke usavuma ukubuya.
97.Kuza isikhathi LAPHO ABANTU BASE KUPHAKAMENI BAYOYILAHLA KHONA INDLELA KASHEMBE.
98.LAPHO BAYOBE SEBENZA IMICABANGO YABO KUNEZWI ESIBAYALA NGALO THINA BOSHEMBE.
99.NGALEYO NKATHI BAYOBE BENGASALI KHATHALELE IZWE LAPHAKADE, BAYOBE SEBETHEMBE AMAZULU AMANINGI, NANGEKHO.
100.NGALEZO ZINSUKU BAYO DEBESELA UKUGCINA UMTHETHO, LO OKUYIWO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE!
101.BAYOWUGXOBA, BAWUZIBE, KUPHASE IMITHETHO YABO NEMITHETHO YEZITHIXO ZABO ABAYOZIBUYISA BAZIFAKE LAPHA EBANDLENI.
102.Bantabami, ngithanda ukuthi namhlanje nginiyalele indlela eya emzini oyingcwele, engahambi ekwazini nasekuqondeni komuntu.
103.UKUKHOLWA KWALAPHA UKUGCINA UMTHETHO. NGATHI YESABANI USUKU OLWESABEKAYO, MHLA KUWE KUFIKA UMHLA WOKUPHELA.
104.Uyohamba uwedwa uya EKWENAMENI; uyihlo nonyoko nabafowenu abanakuza lapho nxa bengazi lungiselanga ukungena kulomuzi esiya kuwo.
105.Othanda ukuza lapho SINGABAKHONA akathabathe isiphambano, afele isethembiso.
106.Igama lalowo muzi iseKuphakameni, umuzi wekhethelo, okhazimula ngaphezu kwezinkanyiso zonke ezisemkhathini, NEZEZANDLA ZABANTU. Kuhle lapho siniholela khona!
107.PHELELANI KUJEHOVA, UYABATHANDA ABAMTHANDAYO, UBALUNGISELE INDAWO PHAMBI KWESIHLALO SAKHE SOBUKHOSI,
108.UBENZELA UKUNGALAMBI NOKUNGONI, UBAPHA UMUSA WAKHE.
109.NABO BAHLALA BEMDUMISA NGEZIGUBHU NOKUSINA, BEHLABELELA NGENJABULO.
110.UTHOKOZWAYO wenaba ngabo, ukwenama koMsindisi kuhlala nabo phakade, abasenakho ukufa!
111.UMTHETHO UYISIHLENGO SOMPHEFUMULO BANTABAMI.
112.HHAYI NOMA IMUPHI, KUPHELA LO INCEKU YAKHE ENINIKA WONA.
112.UYINDLELA YOKUHAMBA EYA LAPHO KUNGEKHO KHONA UBUMNYAMA NENZONDO,
113.NENDLALA NAMAKHAZA, KUPHELA INKAZIMULO ENGENAKUFIPHALA. NGUJEHOVA YEDWA INKOSI YEZULU!” Amen!
114.Kulentshumayelo kuningi esikufundayo; umprofethi usifundise ukukholwa ngokudumisa uJehova, sibuye sigcine umthetho owawedlulisela kithi ngoMose.
115.Uthi uShembe kuza isikhathi LAPHO ABANTU BASE KUPHAKAMENI (esho amaNazaretha), BAYOYILAHLA KHONA INDLELA KASHEMBE.
110.LAPHO BAYOBE SEBENZA IMICABANGO YABO KUNEZWI ESIBAYALA NGALO THINA BOSHEMBE.
111.NGALEYO NKATHI BAYOBE BENGASALIKHATHALELE IZWE LAPHAKADE, BAYOBE SEBETHEMBE AMAZULU AMANINGI, NANGEKHO.
112.NGALEZO ZINSUKU BAYO DEBESELA UKUGCINA UMTHETHO, LO OKUYIWO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE.
113.BAYOWUGXOBA, BAWUZIBE, KUPHASE IMITHETHO YABO NEMITHETHO YEZITHIXO ZABO ABAYOZIBUYISA BAZIFAKE LAPHA EBANDLENI.
114.Leso sikhathi sesifikile kulamabandla akwaShembe, ikakhulukazi kuleli bandla laseBuhleni. Umholi wakhona uphumele obala wathi sekunguye unkulunkulu!
115.Wangagcina lapho, abalandeli bakhe wabakhela izulu lakhe elikwaMashu elibizwa ngokuthi IKHAYA LEMIPHEFUMULO.
116.Kusihlabelelo 10 uBabamkhulu uthi: “Umuzi wamaNazaretha lapha siya khona ukhazimula ngaphezu kwe langa nenyanga. Umkhokheli wakhona munye kuphela nguJehova iNkosi enamandla.”
117.Kodwa umuzi wamaNazaretha aseBuhleni kuse KHAYA LEMIPHEFUMULO, KWAMASHU. Umkhokheli wakhona munye uNyazi!
118.Kulelizulu loNyazi kubusa izangoma, ongqingili nayo yonke imikhuba yobumnyama ongase uyicabangae!
119.Ngiyambonga uShembe iNkosi iLanga eyasikhipha kulobuya bumnyama, ngoba ngabe nathi sesikhonza ezulwini loNyazi, okuyikhaya lemiphefumulo, nelikwaMashu!
121.Thina lapha singama Nazaretha kaJehova njengoku fundiswa nguBabamkhulu, asinaye unkulunkulu womhlaba, asinalo izulu lonkulunkulu bomhlaba, okuyi KHAYA LEMIPHEFUMULO!
122.Nokho angifuni nokuyicabanga into eyenzeka kuleliyabandla, ngoba kulo sekubusa usathane kuphela!
INkosi ibusise izwi layo.