Omunye umlungu ebhala ngoShembe wathi: “ngekhona lokuphatha abantu, uShembe ungamfanisa noMose; ngekhono lokusina, ukuqamba izingoma nokuhlabelela uShembe ungamfanisa nenkosi uDavide.
Ngekhono lokusindisa uShembe ungamfanisa noJesu, ngekhona lokuhamba izindawo eziningi ngezinyawo ehamba eshumayela, uShembe ungamfanisa nompostoli uPaul.
Isihlabelelo 174.
1.Kuphakama uyidili
Lazo zonke izizwe
Ungumthombo wabomileyo
Bophuza banele.
Woza ungisize
Ngingene eKuphakameni
Amasango engakavalwa
Ngingene eKuphakameni.
2.Izizwe zomhlaba
Bezilindele iNkosi
Manje seziyizwile
IseKuphakameni
Chorus.
3.Zavuma zathi yebo
Masiye eKuphakameni
Udumo siluzwile
Lwazo zonke izizwe.
Chorus.
4.Ungumthombo wabo bonke
Abomele izwi lakho
Baphuza banele
Kuwe Kuphakama.
Chorus.
5.Mpompozela inhliziyo zabo
Abomele izwi lakho.
Zimpompozele wena Nkosi
Abomele izwi lakho.
Chorus.
1.Le inyanga yokuba sichaze kabanzi ngomprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), abazali bethu ababembiza ngoBabamkhulu.
2.Sengiye ngizwe amanye amaNazaretha ekhuluma ngoBhombela, kodwa akulona igama lakhe lelo, zibongo nje zasemhlabeni ezifana nokuthi uMdlokombane noma uBhejane.
3.Ngokwelulekwa yingelosi, thina kuleli bandla senqatshelwa ukubiza uBabamkhulu ngezibongo owaziqanjwa ngabantu.
4.Ithi ke ingelosi, lokho kwakungayiso isici esaphila, ngoba KwaZulu kwakuyinto eyenziwayo leyo, kodwa manje usesezulwini, okudinga zonke izizwe zimazi ngegama lakhe lokukholwa!
5.Ukuthi uBabamkhulu ligama lakhe esalinikwa nguye uBabamkhulu ngo 1934 eNelisiwe esezohamba emhlabeni. Lafika nesihlabelelo 219.
6.Uthi umprofethi uJehova umthathile wamusa ezulwini, wafica izigidi zamaNazaretha zisesigodini sosizi, kodwa belwa naye bethi bakulolu sizi ngenxa yokuthi waqinisa imithetho.
7.Uthi ke uBabamkhulu: “Bantabami angikwazi ukuxegisa imithetho kaJehova, ngoba ukukholwa kwethu kungukugcina imithetho.
8.UShembe kusihlabelelo 143 uthi: “UKUKHOLWA KWETHU KULOBU BUNAZARETHA KUYILIDWALA ELIBU SHELELEZI LEHLULA ABANINGI.
9.UMA UTHANDA UKUSILANDELA LAPHO SIYA KHONA UBOQALA UTHENGE ISIBINDI, NGOBA INDLELA EYA EZULWINI INAMATSHE INAMEVA, IHANJWA NGABAMBALWA.
10.ILIDWALA ELIBUSHELELEZI ELEHLULA ABANINGI.”
11.KuMathewu 7:13 uJesu uthi: “Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona.
12.Kepha isango lincane nendlela incane eholela ekuphileni, bayingcosana abayifumanayo!” Amein
13.Angazike ukuthi ubani owasifundisa ukuthi ubuqiniso bokukholwa kukalwa ngobukhulu bebandla,(okuyiquantity) hhayi ngokuhamba ngokwezimiso zikaJehova(okuyiquality)?
14.Kodwa namuhla ngifisa ukuthi kafuphi ngesibuke isimo salomuntu oyisimanga sasezulwini, umprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
15.Kwakukhona unkosikazi womlungu wasezimishini owayefundisa eNanda Seminar, uMrs Wells.
16.Lemissionary yayijwayele ukuvakashela uBabamkhulu.
17.Ekuhlaleni noBabamkhulu, lenkosikazi kwayicacela ukuthi uBabamkhulu ungukubuya komunye wabaprofethi bakwa-Israel!
18.Ngathola imibhalo yakhe eminingi. Kweminye yemibhalo echaza ngoBabamkhulu namaNazaretha angaleso sikhathi.
19.Kodwa lemibhalo eyayizincwajana ezihlanganiswe ngama stapples, angazi ukuthi ngangiyithole kanjani, futhi angazi ukuthi yaduka kanjani.
20.Lapho lonkosikazi echaza ngoBabamkhulu nebandla lamaNazaretha uthi:
21.“At eKuphakameni people of this age are taken back to about 60 A.D, before there was need for many creeds or denominations.
22.As one eminent divine summed up: “We have allowed civilization to overcome Christianity, Shembe is allowing Christianity to lead civilization……”
23.WE BELIEVE THAT SHEMBE HAS A MESSAGE FROM GOD FOR THIS AGE, JUST AS THROUGH THE LORD’S TENDER MERSIES, REFORMERS, PROPHETS, VOICES HAVE ALWAYS ARISEN IN THE PAST AT TIMES OF CRISIS TO REVEAL HIS POWERS AND WILL.
24.TO CORRECT ERROR AND TO EMPHASISE TRUTH, OR TO BRING TO LIGHT THE HIDDEN THINGS OF DARKNESS.” Amein!
25.Amakholwa amaningi akazi ukuthi ubuKrestu bango 60 A.D kwehluke ngani kubuKrestu bamanje.
26.Lesi kwakuyisikhathi sevangeli labapostoli, ingakaqali impi ka 70 A.D eyayiphakathi kwamaRoma namaJuda.
27.Lesi isikhathi abapostoli bakaYahusha ababebizwa ngamaNazarenes, enkolweni yobuKrestu abagcina sebebizwa ngama Early Christians.
28.Ngaleso sikhathi ubuNazarene babuholwa ngamakholwa kaMose, amaJuda engakahlulwa ngamaRoma, kanjalo, engakabi bikho amaCreeds ka Constantine.
29.Ekuhlaleni nomprofethi, lommissionary wabona ukuthi uBabamkhulu ngumprofethi kaJehova lo, ofana nje nabaprofethi bakwa-Israel.
30.Lenkosikazi yomlungu yanesihlobo sayo phesheya esasinentombazane eyayineminyaka engu 18, kodwa ingakaze ikhule.
31.Abazali bayo sesibahluphe kakhulu lesi simo somntwana wabo.
32.UMrs Wells wabe esethinta lesi sihlobo sakhe, ethi lapha eNatal ukhona umprofethi ongasinqoba lesi sifo esiphethe lendodakazi yabo.
33.Abazali balomntwana basuka ke phesheya ngokuyalelwa ngoShembe nguMrs Wells.
34.UMrs Wells nempela wafika nalabelungu ababehamba nalendodakazi yabo.
35.EKuphakameni bafica uBabamkhulu ehleli ebukela umgidi wamakhosazane.
36.UMrs Wells walubika udaba lwalaba belungu, wabe esethi uBabamkhulu abayithathe lentombazane beyingenise emgidini wamakhosazane isine nawo.
37.Nempela lentombazane yomlungu yangena kumakhosazane yasina, kodwa ithithiza nje.
38.Wabe esethi uBabamkhulu sekwanele ababuyele nayo emuva.
39.Kwathi laba belungu besemkhunjini bebuyela ezweni lakubo, yavele lentombazane yakhula ikhona emkhunjini!
40.Ngendlela laba belungu abajabula ngayo, base bebhala incwadi beyisa kuMrs Wells, bethi:
41.“Impela ngumprofethi kaJehova lo; umhlaba ubulokhu ulindele ukubuya kukaJesu, kanti uJesu usebuyile, use South Afrika!”
42.UMrs Wells wayithatha lencwadi wayifundela uBabamkhulu, kwase kuvela lelihubo ekade silihuba elithi ‘Kuphakama ulidili lazo zonke izizwe.’
43.Lomissionary wagcina esefana nomNazaretha, abamhlophe ebachazela ngoShembe, nabo beza eKuphakameni bezobona lomproferhi uMrs Wells obatshela ngaye!
44.Kwenye inkulumo uMrs wells ubhale kanje ngoShembe: “It was in 1912, and Shembe was preaching at Empangeni in Zululand.
45.A girl was bitten by a puff-adder on the thumb joint, as she was gathering wood.
46.And in the ordinary course of event, she had not many moments to live.
47.She was already swelling and panting for breath, signifying that the deadly poison, which has a paralysing effect, had entered her lungs.
48.“Can’t you do something?” Said the distressed parents and friends to Shembe.
49.“I am not a doctor!” said Shembe with anguish at the girl’s distress.
50. “You know the Lord, the Almighty” The mother pleaded.
51.He stepped out of the crowd, and had no time, kneel down, as the girl was unconscious, he leaned his hand against the tree.
52.“Lord” he prayed, let this girl live, let the people know that my word is from Thee to them!” He went back, and the girl was just alive, that was all!
53.“Touch her!” a voice seemed to say, and the girl’s body broke out in profuse perspirations so that the water ran into the ground, and she steamed smoke.
54.So Shembe went away and prayed again: “Lord, she is dying!’ “What is in your hand”, a voice seemed to say.
55.He took the poor swollen hand. “Nothing Lord, I am nothing before you, only Thy Holy Spirit dwells within.”
56.“Go and breath on her” he was told. Shembe went back and breathed on the girl, and she rose, healed!
57.In the course of a few days, the first thumb joint fell off; and when the parents and friends of the girls came to the place where the healed girl was bitten, they found the puff-adder curled up dead!” Amein.
58.This story is not translated as it was written by Mrs Wells herself. I personally know the story, for this incident occurred at Empangeni at my place.
59.In fact, the reason for the girl and her parents to go where she had been bitten by the snake, was because the snake had come to her in a dream and told her that Shembe had caused her to die.
60.To verify that, when she and her parents went to the scene, they found the snake indeed dead!
61.Ngiyafisa futhi ukufakaza ngendaba ethinta ukusindiswa komlungu eKuphakameni, nexoxwa u-Ester Zungu, ehamba kanje:
62.“Ngelinye ilanga kwafika indoda yomlungu izobika usizi lwayo kumuntu kaNkulunkulu, uShembe.”
63.U-Ester akasho ukuthi uBabamkhulu nguNkulunkul, kodwa uthi ‘ngumuntu kaNkulunkulu.’
64.Yafika lendoda yathi: “Ngicela niyongibika kuShembe ukuthi ingane yami iyagula kabi, igula ngengqondo.”
65.Kwathi uma kubikwa lokhu, uShembe wathi asiyingenise endlini enamafasitela.
66.Yangeniswa ke lentombazane kuleyondlu, yaqaqwa izintambo eyayiboshwe ngazo ezandleni nasemlenzeni.
67.Kwavuka kakhulu ukuhlanya kwayo, yabulala amafastela endlini, yaphuma ngefastela, yabaleka.
68.Kwabikwa kuShembe ukuthi ukuhlanya kuvukile kakhulu.
69.UShembe waya kuyo; kwathi uma eqhamuka yasukuma intombazane ibanjwe nguyise, yabuye yahlala phansi.
70.UShembe wathi ayibuyiselwe ngaphakathi endlini. Wabe useyayithandazela.
71.Kwathi ngolunye usuku sisenkonweni, lentombazane yenza umhlola, yayihlezi phezulu esihlahleni. Yezwakala isithi: “Nansi inyoni yakho baba!”
72.Ubaba wayo wazama ukusondela kuyo, kepha yabaleka yaya phezulu emthini njengenkawu.
73.UShembe wathi: “Nina mimoya emibi, phumani kule ntombazane ukuze yehle esihlahleni!”
74.Ukuhlanya kwaphuma ekhanda lentombazane, yehla esihlahleni ingasizwa muntu.
75.Ngelinye ilanga uShembe wabuza kuyise wentombazane: “Uyabona manje ukuthi ingane yakho isisindile?” 76.Wathi uyise: “Angazi.” Lomlungu washo kanje ngoba engakholwa ukuthi ingane isisindile impela.
77.UShembe wayibiza intombazane, yeza. Umuntu kaNkulunkulu wenza isimanga, wathi entombazaneni:
78.“Hamba uye ekhishini uyongenzela itiye.” Lapha uShembe esibonisa ukuthi lentombazane isiyaphila.
79.Yahamba intombazane yaya ekhishini; yatshela abasekhishini ukuthi kuthiwe ayilethe itiye. Balenza, bayinika. Yalithatha yalisa kuShembe.
80.Uma isifika netiye, yabona ukuthi itafula alikho, yabeka phansi itray, yaphindela ekhishini, yabuya netafula, itiye yalibeka phezu kwetafula.
81.Yalithela itiye enkomishini, yalinika uShembe, waphuza.
82.Kuthe eseqedile ukuliphuza, yathatha izitsha lezo yazibuyisela ekhishini ingatshelwanga muntu.
83.UShembe wabuza futhi kuyise wathi: “Usuyabona manje ukuthi indodakazi yakho isisindile?”
84.Waphendula uyise wathi: “Sengiyakholwa manje, ngiyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni ngoba bonke odokotela behlulekile ukuyelapha indodakazi yami!”
85.UShembe wabe esethi akabuyele nayo ekhaya ngoba isiphilile.
86.Nempela wavalelisa wabuyela ekhaya. EThekwini lomlungu waxoxela abanye abelungu ngesimanga esenzeke eKuphakameni sokuphiliswa kwendodakazi yakhe.
87.Bathi uma abelungu bezwa lesi simanga, omunye umlungu wathi naye ufuna ukubona loShembe nomuzi waseKuphakameni.
88.Bafika eKuphakameni, base beyokwethulwa kuShembe. Lomlungu wabe esethi: “Nguwe uShembe na? wavuma uBabamkhulu.
89.Wathi lomlungu: “Ngibone isimanga ngokusinda kwalengane yomuntu wakithi. Nguwe oyisindisile!” Waphendula uShembe wathi: 90.“Angizange ngiyisindise nguNkulunkulu kuphela oyisindisile!”
91.Umlungu wathi: “Impela Shembe lomntwana ubengenke asizwe ngodokotela. Ngiyambonga nami uNkulunkulu wakho!” Amein
92.Omunye futhi umlungu obhale kabanzi ngoShembe kuyi thesis yakhe ethi SHEMBE: THE MAN AND HIS WORK ngu L. Roberts.
93.Njengo Mrs Wells, nalomlungu wayevamile ukuhlala noBabamkhulu.
94.U.L Roberts uthi: “To most people, even those who knew him best, Shembe was an enigma.
95.He made a vivid impression upon all with whom he came in contact, and he had ardent admirers and bitter enemies.
96.He had a charming smile and this, together with his soft and beautifully modulated voice contributed to his charm.
97.He had the poise of a person accustomed to obedience.
98.As a European visitor said of him, “He strikes one as a cultured man with gentle, winning manners, who weighs carefully any subject before committing himself. One cannot meet him without being impressed.”
99.His life was dominated by three powers: Self-confidence, energy and imagination.” Amein.
100.Ngiyafisa futhi ukuveza ngoBabamkhulu inkulumo ka Profesa M.C Kittchof owayeyi Dean of Religion e-University of Zululand.
101.Ephepheni lakhe elisihloko sithi CALLED TO LIBERATE ISIAH SHEMBE AND THE SCRIPTURE nowalenza ngo 1996 eWits University, loprofesa uma echaza uShembe, uthi:
102.“The message of Shembe was simply this: “Cleave to Jehovah, serve him, love him, pray to him and listen carefully to His words.
103.Free from sexual immorality, be honest, respect and love one another, be obedient to parents and high authorities, resist the desire for money.
104.Restrain the tongue, work diligently, be kind to animals, be merciful and full of compassion, be humble and forgive one another.”
105.Oral history revealed that Shembe was a charismatic leader, a renowned healer, an unflagging worker, a splendi organiser, an ardent Bible reader and one who untiringly called his people back to the commandments of God.” Amein!
106.Yonke lento echazwa ngu Profesa Kitchoff iyisimo sikaShembe njengoba bonke abantu abahlala noma abafunda ngaye bemchaza kanjalo; kungakhathaleki ukuthi ungumNazaretha noma ungumKrestu, ungumuntu omnyama noma umhlophe.
107.Njengoba esho uprofesa yonke ingqikithi yesisekelo semfundiso kaShembe ukuthi HE UNTIRINGLY CALLED HIS PEOPLE BACK TO THE COMMANDMENTS OF GOD!
107.Ngangikhona eWits University mhla uProfesa Kitchof ekhuluma ngoShembe kuleliphepha. Kodwa into esaphambana ngayo ilapho esechaza uShembe ukuthi WAYELINGISA UJESU.
108.UProfesa wabala yonke indlela uShembe owabe ephilisa ngayo, njengendlela owasindisa ngayo intombazane eyayishawe inyoka, nendlela owaqeda ngayo ukuhlanya kulentombazane yomlungu.
109.Kodwa loprofesa uthi kuzo zonke lezi zinto uShembe owayezenza, wayelingisa uJesu!
110Ngambuza ukuthi uchaza ukuthini uma ethi uShembe wayelingisa uJesu?
Ngambuza loprofesa ukuthi akasho ngani ukuthi okwakwenziwa nguShembe ungakufanisa nokwakwenziwa nguJesu?
111.Omunye umlungu ebhala ngoShembe wathi: “ngekhona lokuphatha abantu, uShembe ungamfanisa noMose; ngekhono lokusina, ukuqamba izingoma nokuhlabelela uShembe ungamfanisa nenkosi uDavide.
112.Ngekhono lokusindisa uShembe ungamfanisa noJesu, ngekhona lokuhamba izindawo eziningi ngezinyawo ehamba eshumayela, uShembe ungamfanisa nompostoli uPaul.
113.Kodwa uprofesa uthi ngokwenza izimangaliso ngokuphilisa abantu, uShembe wayelingisa uJesu
114.Enye indaba ebalulekile ukubuyiswa kweSabatha nguShembe ngo 1922. KUlendaba uPetros Dlomo uthi:
115.“Kwathi sisentabeni iNhlangakazi ngoMasingana ka 1922, uShembe wathi: “UBaba nami ezulwini safihla into lapha entabeni ngesikhathi imibuso emikhulu yasemhlabeni ibulala usuku likaJehova, iSabatha.
116.UNkulunkulu owadala izulu nomhlaba nezinto zonke, waphumula ngosuku lwesabatha, wathi anogcina usuku lwesabatha, niphumule ngalo.
117.Ngenxa yemithetho enzima yesabatha, imibuso yasemhlabeni yalichitha, baziqokela usuku abaluthandayo, isonto, bathi badumisa ukuvuka kweNkosi uJesu ngalelo langa.
118.Kodwa iSabatha lwaluyisibusiso esikhulu kulabo ababeligcina. Uma umuntu ecela utho kuNkulunkulu, uNkulunkulu wayephendula ngaleso sikhathi ngenxa yosuku lwesabatha.
119.Ibandla lase licela kuBabamkhulu ukuba uNkulunkulu alubuyise kubo lolusuku. UShembe waphendula wathi:
120.“Cha bantabami, ngiyesaba ukuletha lesi sicelo senu kuJehova ngoba uma into ilahleke ekhaya, ayikwazi ukubuya.
121.Uma lolusuku luba nzima ukulugcina, niyokwenze njani? Baluchitha lolusuku, ngenke lubuye!”
122.Uma ningalugcini luyobulala nina nabantwana benu kanye nezizukulwane eziyolandela. Ngakho ke ngiyesaba impela ukunicelela kuJehova.
123.Ibandla lakhala, ngoba lifuna lolusuku lwesabatha lubuye kubo njengoba base bezwile ngemithetho nangezibusiso zalo.
124.Bathembisa ukuthi bayozama kakhulu ukugcina imithetho nezimiso zonke zesabatha.
125.Kwathi emveni kwezinsuku ezimbalwa ibandla lenze lesi sicelo, sisekhona entabeni, uShembe wasukuma kulo ibandla, wathi:
126.“Bantabami, ngiyanazisa ukuthi uJehova usamukele isicelo senu sokunipha usuku lwesabatha. Kodwa angazi ukuthi kuzokwenzeka kanjani?
127.Kusukela namuhla, usuku lweSonto ebenikhonza ngalo alusekho phakathi kwenu.
128.Namuhla sibuyela osukwini lukaNkulunkulu, iSabatha uJehova owaphumula ngalo emuva kokudala izulu nomhlaba, wayaleza ukuthi nathi siphumule ngalo.
129.Namuhla ngibeka leli joka phezu kwamahlombe enu, kubantwana benu nezizukulwane ezizayo.”
130.Ibandla lawemukela wonke lawo mazwi, iSabatha laqala kanjalo lapha eKuphakameni ngo 1922.
131.Ngokusobala, emva kokuba ababusi bezizwe sebalichitha isabatha, amaNazaretha azicelela kuJehova ukubulibuyisa kubo.
Isihlabelelo 200
1.Lithi izwi likaSimakade
Kinina bantu bakhe
Ningasebenzi ngeSabatha
Nina bantu bakhe.
2.Lalelani izwi lakhe
Elikubantu bonke
Ligcineni iSabatha
Nina bantu nonke.
3.Odumaza iSabatha
Makafe nokufa
Lalelani bantu nonke
Gcinani iSabatha.
4.Waphumula uMenzi wethu
Ngalo leliSabatha
Nathi masiphumule
Ngalo leli Sabatha.
5.Osebenza ngesSabatha
Makafe nokufa
Ningasebenzi bantu bakhe
Ngaleli Sabatha.
6.ISabatha lingu muzi
Wokuphumula iNkosi
Ningasebenzi bahloniphi
Ngalo leli Sabatha.
7.Kuyintwenhle ukuhlonipha
Imini yeNkosi
Hloniphani bantu bakhe
Imini yeSabatha.
INkosi ibusise enikuzwile.