Lesi isikhathi sesihlungo! Labo abafundise umhlaba ukuthi awuhambe ngokwezimiso zika Constantine, kodwa bese beqamba amanga bethi umthetho kaJehova wachithwa nguJesu, abaqhubeke nalelivangeli labo, kodwa umhla wokuphela ususendleleni!
OPhezukonke uthi iNsali ayisoze yethembela kuyisizwe esibanqobayo, kodwa IYOTHEMBELA EQINISWENI LIKAJEHOVA!
Isihlabelelo 75.
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukuzwa izwi lakho
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho.
Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
2.Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho,
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo.
Sibambe singayeki
Singayeki ngethemba.
1.Isaya 10:20-22“Kuyothi ngalolo lusuku iNsali yabakwa-Israel nabasindileyo bendlu kaJakobe BENGABE BESATHEMBELA KULOWO OBASHAYILEYO, KODWA BAYOKWETHEMBA NGEQINISO UJEHOVA. Insali kaJakobe iyobuyela kuNkulunkulu uSomandla!
2.Ngisho ngabe abantu bakho Israel bebengangesi hlabathi solwandle, KODWA KUYOBUYA IMITHONSEYANA PHAKATHI KWABO, ngokuba ukubhujiswa kubahlalele, nokulunga kuyachichima.
3.Ngokuba iNkosi uJehova wamabandla uyakuphelelisa ukubhujiswa osekunqunywe emhlabeni wonke.” Amein.
4.Kulencwadi, nakwezinye engingazifundanga, uNkulunkulu ukhuluma ngeNsali yakwa-Israel. Yini iNsali?
5.INsali ngamakholwa enzalo kaJakobe okothi uma uNkulunkulu ebhubhisa umhlaba ngezono zawo, bona bengabhujiswa, ngenxa yokuthi bayobe bengagudlukanga ezimisweni zokukholwa esazikufundiswe nguMose!
6.Ku-Isaya 10 uNkulunkulu uthi endlini ka-Israel kuyoba khona labo ABANGENKE BATHEMBELE KULOWO OBASHAYILEYO, KODWA BOTHEMBA UJEHOVA!
7.Ubani owashaya abantwana bakwa-Israel? Abantwana bakwa-Israel bashawa isizwe samaRoma, njengoba namanje ubuKrestu bungaphansi kwalenkolo!
8.Into enkulu eyenziwa nguConstantine ukuchitha inkolo kaJehova ngama Creeds!
9.Ukukholwa kwethu sekuhamba ngokwezimfundiso zezitha zikaJehova! Indlu kaJakobe imlahlile oPhezukonke, yanamathela enkolweni yesizwe esabanqobayo!
10.Kodwa lithi ilizwi INSALI YOPHEZUKONKE YONA AYISUKANGA UKULANDELA UJEHOVA!
11.Angazi ke ukuthi phakathi kwethu bangaki ithemba labo likuJehova!
12.Njengoba ngiyaye ngichaze, awukwazi ukuba nenkolo ephambene nomlando, ngaphandle uma leyonkolo yakhelwe phezu kobuqili namalumbo!
13.Njengamanje kumele sihlole isimo senkolo yethu, sibheke ukuthi esikufundiswa ngayo kungamaqiniso angakanani ngokomlando?
14.Namuhla sizocwaninga umlando wenkolo kusukela kuYeshua Hamashiach namuhla osebizwa ngoJesus Christ, ukuthi esikufundiswa emabandleni ngalesi sithunywa sasezulwini kuyahambelana yini nomlando oqoshwe phansi.
15.Inkolo kaJehova eqondile uYahua noma uJehova wayethula ngenceku yakhe uMose esizweni samaHebheru esagcina sesibizwa ngabantwana bakwa-Israel. Ngakho ke izimpande zenkolo yethu zisukela entabeni yaseSinayi!
16.Ngokuhamba kwesikhathi lesi sizwe sehlukana saba yimibuso emibili, kwaba umbuso wakwa-Israel nombuso wakwaJuda.
17.Kodwa lapha sizogxila embusweni wakwaJuda, ngoba umbuso wakwa-Israel abezizwe bashesha bawuqeda.
18.Cishe ngo 4 B.C embusweni wakwaJuda kwazalwa umprofethi ogama lakhe nguYeshua, enkolweni yamaKrestu obizwa ngoJesu. Abazali balomprofethi kwakungu Maria noJosefa.
19.Esekhulile lomprofethi waziwa ngabalandeli bakhe, okwakungama Nazarenes, ngokuthi nguMesiah.
20.Noma ziningi izincwadi ezichaza ngamaNazarenes, kodwa ngizothatha incazelo eku Geogle, ngoba yona ingatholwa kalula yinoma imuphi umuntu.
21.IGeogle ithi: “The Nazarenes were a first century Jewish Christian sect that followed Jesus, OBSERVING TORAH while recognising Jesus as the Mesiah.”
22.Okubalulekile ngamaNazarene nesifihlelwe khona, ukuthi okokuqala YIWONA AYELIHLELO ELALINGABALANDELI BAKAYESHUA.
23.Okwesibili ukuthi YIBONA ABABAZIWA NGOKUTHI BANGABAGCINI BOMTHETHO KAJEHOVA OQUKETHWE KUYI TORAH!
24.Kodwa esikufundiswayo ukuthi imithetho kaMose yachithwa ngu Yeshua!
25.Ukwenaba kulokhu okuchazwa yi Geogle, ngesikhathi sombuso wakwaJuda, ngaphansi kwenkolo kaMose kwaba namahlelo noma ama sects amathathu, okwakungabaFarisi, abaSadusi namaNazarenes.
26.Kodwa lelihlelo amaNazarenes, aliveziwe kuyiTestamente Elisha, ngezizathu esizobuye sizichaze.
27.UYeshua wabethelwa ngo 33 A.D. njengoba sesichazile; ngenkathi abafundi bakaYeshua bephuma eJerusalema beyoshumayela ivangeli lakhe ngo 55 A.D, babaziwa ngokuthi bangamaNazarenes.
28.Kodwa kwathi besashumayela, amaJuda ayemelene nalelihlelo likaYeshua base bebagcona ngokubabiza ngokuthi bangama MESSIANIC besusela kuYeshua owayebizwa ngo MESAIAH.
29.Njengoba amaKrestu uYeshua ngesiGriki bambiza ngo Jesus, uMesaya bambiza ngo Christ, amaMesianic ngesiGriki bawabiza ngama Christians!
30.Yikho ke EBHAYIBHELINI LAMAKRESTU bethi kwaqala e-Antiokia ukuthi abafundi babizwe ngama CHRISTIAN. Basuke behumusha igama ‘Messianic’ ngoba ngaleso sikhathi kwakungakabi bikho ubuKrestu!
31.Uma uthatha iBhayibheli lesiHebheru, i-The COMPLETE JEWISH STUDY BIBLE, ithi: kwaqala e-Antiokia ukuthi abafundi kuthiwe ngamaMessianic.
32.Njengoba igama elithi ‘Messianic’ lavela kumaJuda egcona abalandeli bakaYeshua, lasebenza nakuma gentile Christians ayesephendukele ebandleni likaYeshua, okungamaNazarenes.
33.Ekunqotshweni kwamaJuda ngo 70 A.D, amaRoma persecuted amaNazarenes, inkolo yabo bayiqeda ngenkemba.
34.Kodwa ngo 331 A.D, sekubusa uConstantine, lombusi wasungula inkolo entstha owayibiza ngokuthi iChristianity, leligama elesusela ku “Messianic’ ngesiGriki okwakuthiwa ‘Christian.”
35.Kwathi ngo 325 A.D, sekukhona inkolo yobuKrestu, uConstantine inkolo yamaHebheru wayiqeda ngama Creeds, and ‘was replaced by Christianity’ okwasekuyinkolo yombuso.
36.Omunye umlungu echaza lomlando ku Tick tock osihloko sithi THE APOSTASY uyibeka kanje lendaba:
37.“In 313 A.D is when the apostasy began. Before Constantine, believers were persecuted. (by believers she is referring to the Nazarenes).
38.The believers met in secret and kept the Sabbath. They observed the feasts and followed Torah. They were distinct from both Jews and pagans.
39.Uthi ke lomlungu ama kholwa okwakungamaNazarenes, ayegcina iSabatha, elandela iTorah!
40.Angazi ke ukuthi abalandeli bakaJesus babeyilandela kanjani iTorah, ngoba imfundiso yobuKrestu ithi nguJesu owachitha umthetho kaMose.
41.Uyaqhubeka lomlungu uthi: After Constantine, Christianity became the official religion of Rome and Rome didn’t convert to the faith; but the faith converted to Rome!
42.Uthi ke lomama ngesikhathi sikaConstantine ubuKrestu baba yinkolo yaseRome; iRome ayiphendukelanga kubuKrestu, kodwa kwaba ubuKrestu obaphendukela eRome!
43.Constantine was a sun worshipper. He worshipped Sol Invictus, the Unconquered Sun.
44.When he adopted Christianity, he didn’t abandon his pagan practices; he merged them.
45.The Council of Nicaea, in 325 A.D, was not about preserving truth; it was about creating unity.”
46.UConstantine akazange aphenduke abe ngumKrestu, ngoba wayesenkolweni ekhonza iLanga. Ngo 325 A.D, iCouncil of Necaea yahlanganisa ubuKrestu nombuso kwaba yinto eyodwa!
47.Constantine wanted one religion for one empire and that meant removing anything that looked too Hebrew.”
48.Ekusunguleni ubuKrestu uConstantine WAYENGAFUNI LUTHO OLUBATHINTANISA NKOLO YAMAHEBHERU, yikho uYeshua waba nguJesu uMesaya waba ngu Krestu, amaNazaretha aba ngama Krestu. Onke amagama esiHebheru ashintshelwa kusiGriki!
49.Kwaba namaCreeds achitha noma yini ethinta inkolo yamaHebheru, njengoba kuvela ngezansi.
50.The Council declared that Easter would no longer be calculated according to Passover.
51.Constantine himself wrote: ‘It appeared an unworthy thing that we should follow the practice of the Jews.’
52.They separated Christianity from its Hebrew roots – on purpose – by imperial decree!
53.The Sabbath was next. In 321, Constantine issued a law requiring rest on venerable day of the sun – Sunday, not the seventh day, but the day of sun worship.
54.Within a generation, Sabbath keepers were considered heretics.
55.This is exactly what Daniel prophesied. Daniel 7:25: “He shall intend to change times and law…”
56. He changed times, the appointed times, the feasts, the sabbaths was changed.
57.He change law, the Torah was abolished and replaced with tradition.
58.Who changed the times and the law? Rome, the fourth beast of Daniel’s vision.
59.The Church didn’t fall away in the twenty first century. The Church fell away in the fourth century and every generation centres and inherits that apostasy as if it were original Christianity.
60.The reformers didn’t fix this! Luther and Calvin rejected Papal authority but kept Papal traditions!
61.They kept Sunday! They kept Christmas! Protestantism is just Catholicism without a pope!
62.The faith you inherited is not the faith once delivered to the saints! It’s a Roman modification, a Constantinian compromise.
63.The apostasy has a history. It has a date. It has names attached – Constantine, Nicaea, Rome. Now that you know, what will you do about it?”
64.Ukucacisa lenkulumo, kuDaniel 7: 25 uDaniel uthi: “Lombuso uyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ubakhathaze abangcwele bakhe, ucabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo, nomthetho!
65.Bayakunikelwa esandleni sawo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.”
66.Uthi ke lomlungu, lombuso uyowuchitha umthetho njengoba sewayichitha iTorah, zashintshwa nezikhathi nokubalwa kwezinsuku.
67.Lombuso omelene nomthetho kaNkulunkulu ngumbuso wamaRoma. Iwona owachitha yonke imithetho yoPhezukonke ekuyi Torah, iwona owashintsha izikhathi.
68.OPhezukonke waqamba usuku lokuQala, lwesiBili, lwesiThathu, lweSine, lwesiHlanu, lwesiThupha; bese kuba usuku lwesiKhombisa okuyilona lodwa oPhezukonke owaluqambayo wathi ISABATHA!
69.Kodwa umbuso wamaRoma wakushinstha konke lokho, wazakhela izinsuku eziqanjwe ngezithixo zabo!
70.Zonke lezinyanga esizisebenzisayo azivelanga koPhezukonke, kodwa sazinikwa umbuso wamaRoma!
71.To summarise inkolo yamaHebheru neyobuKrestu, umlando umi kanje: Kwafike kwaba nguYeshua owabe engaphansi kwenkolo kaMose, ehola ibandla elibizwa ngokuthi iNazarene sect-amaNazaretha.
72.Lelibandla likaYeshua lalaziwa ngokuthi liyibandla elingabalondolozi be Torah. Kodwa imfundiso yobuKrestu ithi umthetho kaMose wachithwa nguJesu ongumsunguli wobuKrestu.
73.Kodwa ilumbo lelo! UJesu wabethelwa yiwo amaJuda ngo 33 A.D, engakaze abe senkolweni yobuKrestu, okwakuyinkolo yamaRoma, neyavela engasekho.
74.Kwathi ngo 55 A.D abafundi baYeshua bayoshumayela ivangeli lakhe kwabezizwe. Ngalesi sikhathi babesabizwa ngamaNazarenes.
75.Kwaba khona abezizwe ababa ngamaNazarenes. kodwa ngo 66 A.D, kwaqubuka impi phakathi kwamaJuda namaRoma. Ngo 70 A.D, amaJuda anqotshwa.
76.Emva kokunqotshwa kwamaJuda, ababusi bamaRoma inkolo yamaJuda bayiqeda ngenkemba.
77.Ngo 331 A.D, uConstantine wasungula inkolo yaseRome, wayibiza ngokuthi i-Christianity.
78.Leligama lalivele selikhona, kodwa lalikade lisetshenziswa ngamanye amaJuda ukugcona abalandeli bakaMesiah.
79.UConstantine waliqeda igama likaYeshua, kwaqhamuka uJesu, laqedwa igama likaMesiah, kwaqhamuka uChrist, laqedwa igama lamaNazarenes, kwavela ama Christians!
80.Umlando walenkolo ubonisa ngokusobala ukuthi abafundisi nezifundiswa zakithi azibafundisanga abalandeli babo iqiniso ngomlando oyiwo wobuKrestu!
81.Kuthiwa umsunguli wobuKrestu nguJesu, kodwa loJesu wayengumJuda, akakaze abe senkolweni yamaRoma!
82.Kubhalwe kumaCreeds ukuthi ubuKrestu yinkolo yesizwe samaRoma! Umlando oqondile ukuthi ubuKrestu basungulwa ngu Constantine, owayengumbusi wamaRoma!
83.Kuyadida ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi abefundisi nezifundiswa zakithi zilandele ubuqili bamaRoma ukudukisa amakholwa ngokuwa fundisa ngomlando abazi kahle ukuthi awusilona iqiniso?
84.Abakwazi ukungazi ukuthi inkolo yobuKrestu yasungulwa ngu Constantine, ngoba lamaqiniso asemlandweni!
85.Basetshenziswa ngamaRoma ukwenza uJesu the scapegoat ekuchithweni komthetho kaJehova, kodwa bazi kahle ukuthi yonke inkolo kaJehova, kuhlanganisa nesabatha, kwachithwa ngu Constantine ngama Creeds!
86.Bazenza izincelebana zokuvuma ukufunzwa ngamaRoma ilumbo lokwakha umlando ongalona iqiniso!
87.Akukholweki ukuthi abafundisi, okungabantu abakufungela ukukhuluma iqiniso, bavuma kanjani ukuba kube yibo abahamba phambili ukufundisa ibandla into abayazi kahle ukuthi ingamanga aluhlaza?
88.Akukwazi ukuthi abantu abakufundele emakholiji nasema-University ubufundisi, bengathi babengazi ukuthi umuntu owasungula ubuKrestu, nowachitha inkolo kaMose, kwakungu Constantine!
89.Baze bafundise ngisho abantwana bethu ukuthi umthetho kaJehova wachithwa nguJesu, yize kubhalwe phansi kumaCreeds ukuthi nguConstantine owachitha iSabatha, ukusoka kanye nayo yonke imithetho ekuTorah!
90.UDaniel waprofetha iqiniso ngalombuso wesilo oholwa isizwe samaRoma.
91.Kodwa okudabukisayo ukuthi abafundisa bakithi yibona bagqugquzeli nabaholi abaqavile kulombuso wesilo owabonwa nguDaniel, nowasungulwa ngu Constantine!
92.Njengoba ngihlale ngigcizelela sesisesikhathini sokubhujiswa kwabo bonke labo abahlubuka uNkulunkulu, bachitha nomthetho wakhe, kungakhathaleki ukuthi banezikhundla ezingakanani emabandleni abo. Bazovuna lokho abakutshalile!
93.Ngalelivangeli oPhezukonke uyethembisile iNsali owakhuluma ngayo ku- Isaya 10:20-22 nakwezinye izincwadi, lapho ethi:
94.“Kuyothi ngalolo lusuku insali yabakwa-Israel nabasindileyo bendlu kaJakobe bengabe besathembela kulowo obashayileyo, kodwa bayokwethemba ngeqiniso uJehova. Insali kaJakobe iyobuyela kuNkulunkulu uSomandla!
95.Noma abantu baka Israel bengangezi hlabathi zolwandle, KODWA IYOBUYA IMITHONSEYANA PHAKATHI KWABO, ngokuba ukubhujiswa kubahlalele!
96.INkosi uJehova wamabandla uyakukuphelelisa ukubhujiswa osekunqunywe emhlabeni wonke.”
97.Lesi isikhathi sesihlungo! Labo abafundise umhlaba ukuthi awuhambe ngokwezimiso zika Constantine, kodwa bese beqamba amanga bethi umthetho kaJehova wachithwa nguJesu, abaqhubeke nalelivangeli labo, kodwa umhla wokuphela ususendleleni!
98.OPhezukonke uthi iNsali ayisoze yethembela kuyisizwe esibanqobayo, kodwa IYOTHEMBELA EQINISWENI LIKAJEHOVA!
99.Bonke abayiNsali, abathembele kuJehova yedwa, abaqale manje babuyele ekugcineni umthetho kaJehova njengoba oPhezukonke wawuletha kithi ngenceku yakhe uMose, wafundiswa yibo bonke abaprofethi abamlandelayo!
100.Asiziqhelelanise nalenkoloze yamaRoma eyasungulwa ngu Constantine; sibayeke asebazinikela kuyo beye ekubhujisweni abakukhethile!
101.Lesi simo asiwashiyi ngaphandle lamaNazaretha asehlubukela kulelibandla loPhezukonke!
102.UShembe wakubhala phansi ukuthi ibandla lamaNazaretha libandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
103.Kodwa muva nje selithathwe ngohheshe, selingolo mndeni wakwaShembe!
104.Abanye ubuholi bakuqhwaga ngobukhosana, abanye ngokuhlala komkhulu webandla, abanye ngokuthi oyise babengabaholi baleli bandla; abanye ngokwesibongo!
105.Manje sekuvele kusuke usikhotheni ongakaze akholwe kwasekuzalweni kwakhe agqokiswe umijiva, abe yinkosi kumbe bazibize ngonkulunkulu!
106.Iningi lalabo nkulunkulu abakwazi ngisho ukuthandaza, ngingasayiphathi eyokufundisa ibandla ngokukholwa!
107.Yikho namuhla kulelibandla kwenziwa zonke izinto eziyisinengiso kuJehova. Kusontwa nezangoma, kuhlatshelwa amadlozi nokunye okunjalo!
108.Laba baholi abazi lutho ngomthetho wokukholwa ngaphandle kokuzibabaza ngobukhulu bebandla, ukugqamisa umcebo wabo nokuzibona bengonkulunkulu!
109.Kwa-Israel umholi webandla wayekhonjwa nguJehova. Bheka uDutoronomi 31:7-14; abaHluleli1:1-2.
110.Nezambatho zabapristi zazikhethwa nguJehova, hhayi ngokwesibongo! Bheka u-Eksodusi 28.
111.Kimi kwafika ingelosi mhla ka 4 January 2010, yathi NGIYATHUNYWA EZULWINI UKUTHI NGIBUYISELE BONKE ABANTU EKUKHONZENI UJEHOVA.
Angithunywanga ngokwesibongo, kodwa ngokwethenjwa ukuthi engikuthunywayo ngizokwenza ngempumelelo!
112.Lelivangeli engiliqhubayo lifunwe nguMose nabo bonke abaprofethi abamlandelayo, kuhlanganisa namakhosi amathathu aseKuphakameni!
113.Kusukela ngo 2010 angilali ngisabalelisa lelivangeli lasezulwini njengokuthunywa kwami!
114.Kodwa lezi zidunyelwa zakwaShembe zihlale zingithuka, noma zingenke zikhombe nesisodwa isono engake ngasenza ekuqhubeni leli vangeli!
115.Ngisho ngingafa namuhla, akukho sono engingathweswa sona lokhu ngathunywa lomsebenzi kaNkulunkulu!
116.Kodwa ngihlale ngikhonkothwa yiyo yonke imidlwane yakwaShembe, isho konke ekuthandayo ngami!
117.Lezi zinto zizilima ngangokuthi zibona uNkulunkulu kufanele ekhonjelwe yizo ofanele ukuhola ibandla likaJehova!
118.Kodwa ezulwini awukhethwa ngokwesibongo, ukhethwa ngokwesimo sakho!
119.Futhi ezulwini asinaso isibongo; angazi ke ezulwini lomndeni.
120.Lezi zimaku ezihlale zingikhonkotha zazini ngokukholwa, zazini ngoNkulunkulu, zazini ngoShembe uBabamkhulu, ngaphandle kokwazi ukubhema insangu?
121.Mina ngingumpristi woPhezukonke, ngakho anginakuvuma ukuhlale ngihawulwa yizo zonke izidawudawu zomhlaba!
122.Kunama Nazaretha afuna ukungagcini ngokulawula uJehova ukuthi akhethe bani ukuhola leli bandla, kodwa futhi alawula mina ukuthi angishumayeleni, ngiyekeni! NGIYAVELELWA!
INkosi ibusise enikuzwile!