Kuyi New Testamente uJesu uvela eshumayela ivangeli ngokwenkolo kaMose, egcizelela ukugcinwa komthetho kaJehova njengoba kubhaliwe kuMathewu 5:17-19; Mathewu 7:21-23 nakwezinye izincwadi. KuMathewu 10 nakuMathewu 15 uJesu uzisholo ngokwakhe ukuthi yena wayethunywe kubantwana bakwa-Israel.
EBhayibhelini akukho lapho okuthi uJesu esaphila wake wazihlanganisa nenkolo yamaRoma
Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Basinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basined ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayi phiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelo lizwe elizayo.
1.Ngijwayele ukuchaza ukuthi mhla ka 4 January 2010 kwafika ingelosi kithi, yathi ithunywe nguShembe uBaba iLanga ukuba ngiphume ebandleni laseBuhleni, bese ngimakhela ibandla lika Jehova.
2.Kulelibandla ngifundise abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, ngisusele kuyizimfundiso zomprofethi u-Isaya Shembe efundisa amaNazaretha.
3.Lelibandla ke ngeleNkosi iLanga, kodwa yona elakhele uJehova. Kwasho yona lokho! Mina leli bandla ngiliphathele uShembe iNkosi iLanga!
4.Ngokwemvelo ngingumuntu okuthandayo ukukholwa, futhi ngangihlale ngibulwela ubuNazaretha. Kodwa angisiyo i-fanatics, futhi anginawo umoya othize.
5.Ukuba ingelosi yayifike kimi ngephupho, noma ngesibonakaliso, angiboni ukuthi ngangiyokwamukela engitshela khona.
6.Kodwa zimbili izizathu ezenza ngagcina ngisondela kuyo, okokuqala ukuthi ayifikanga ngephupho, noma ngesibonakaliso; kodwa yafika kithi izihambela ngezinyawo.
7.Okwesibili ngathola ukuthi ivangeli layo lingokukufundisa ngomthetho kaJehova owafike kithi wavuselelwa nguShembe uBabamkhului.
8.Ekwenzeni lomsebenzi ngihlukunyezwe kakhulu ngamaNazaretha akwaShembe, njengoba namanje kusenjalo.
9.UBabamkhulu wakubhala phansi ukuthi lelibandla ngelikaMenzi wezulu nomhlaba; wakubhala phansi ukuthi kuleli bandla sokwesaba uJehova ngokugcina imithetho yakhe owasilobela yona ngenceku yakhe uMose.
10.Ngakho ngihlale ngiqikelela ukuthi ngingakufundisi okuphambana nomthetho kaJehova!
11.Lelivangeli lithinta noma ubani ofuna ukukholwa umuntu okumngenisa ezulwini; kungaba ngumNazaretha kube ngumKrestu, noma ngubani.
12.Kodwa uma ungalithandi lelivangeli, ungazihluphi ngalo. Uthi uShembe: “Ukukholwa kuwe kungukuvuma kwenhliziyo, uma inhliziyo ingiphikisa, ngovunyelwa ngubani?”
13.Ekucwaningeni kwami ngithole ukuthi cishe u 80% ofundiswa enkolweni yobuKrestu uyimfundiso-nkolo ephambene nesikufunda eBhayibhelini abaliphathayo!
14.UbuKrestu, njengokufundiswa ngabasunguli babo, kunemikhakha emibili engahambelani.
15.Angikholwa ukuthi amaKrestu ayazi ukuthi uConstantine imfundiso yakhe yayithi amaKrestu unkulunkulu wawo ngu Bali, nokuthi ukukhonza ngeSonto kuhlangene nokukhonza unkulunkulu welanga!
16.Kuyaye kuthi umbhalo ufundisa ngenye into, bese ezinkonzweni amakholwa afundiswe okuphambene nokufundiswa eBhayibhelini.
17.Ukunikeza isibonelo: kuMathewu 5:17-19 uJesu uthi akazile ukuchitha umthetho kaJehova, kodwa uzowugcwalisa.
18.KuMathewu 5:27 uJesu uthi: “Nizwile, kwathiwa ungaphingi. Kepha mina ngithi kini: “Yilowo nalowo obuka owesifazane amkhanukele usephingile naye enhliziweni yakhe.” Lapha uJesu wayegcwalisa umthetho kaMose!
19.Kuvesi 19 uthi uJesu umuntu ongawugcini umthetho kaMose, abuye afundise abantu ukuthi bengawugcini, ngenke angene ezulwini.
20.Ivangeli elithi: “Asisaphili ngaphansi komthetho’ liphikisa imfundiso kaJesu ethi uma singawugcini umthetho solahlwa ezulwini.
22.Le imfundiso kaJesu eqondile ekuMathewu 5:18 -19 ethi okokuqala umthetho kaNkulunkulu umi nguna phakade, awushintshwa, okwesibili ethi ekukholweni songena ezulwini ngokugcina umthetho kaNkulunkulu.
23.KuMathewu 7:21-23 uJesu ukucacisile ukuthi noma ungenza zonke izimangaliso egameni likaJesu, kodwa uma ubungawugcini umthetho kaNkulunkulu, ekufikeni kwakho ezulwini, uJesu uyokuphika!
24.Yini eyenza amaKrestu aphikisane nenkulumo eqonde kanje, futhi ephuma kumuntu abakholelwa kuye?
25.Kwathi uma abasunguli bobuKrestu, okungamaRoma, sebeqede inkolo kaMose, kodwa babona ukuthi lenkolo ivuswa zimfundiso zikaJesu, base beba nezincwadi abathi ngezompostoli uPaul, eziphikisa izimfundiso zikaJesu.
26.Okwesibili baba nemfundiso-nkolo echitha ngqo izimfundiso zikaKrestu.
27.Ngakho ke kulenkolo bafike babe noJesu abamdumisayo, kodwa bese loJesu izimfundiso zakhe bezichitha ngoPaul!
28.Lezi zincwadi esithi ngezikaPaul, ezinye zazo akuzona ezikaPaul.
29.Ngaphandle kwalokho, amaRoma ayeyishintsha ngokusemthethweni imibhalo ababonayo ukuthi ayihambisani nenkolo yabo, bese ngokwabo befaka lokhu okuvumelana nenkolo yabo.
30.ERome kwakunabantu abenza umsebenzi wokushintsha imibhalo yamaHebheru. Laba bantu babebizwa ngama Correctos! UJerome wayengomunye wabo.
31.Ocwaningweni lami ngahlangana nababhali abaningi abamhlophe ababesihlaba kakhulu lesi senzo sama Correctos sokushintsha imibhalo yamaHebheru ukuze ihambelane nenkolo yabo.
32.Nasezinkulumeni zikaPaul amaRoma ayekwazi ukushintsha ngisho umbhalo KaPaul bawenze ukhulume lokhu okukholwa yibo!
33.Kunenkulumo kaPaul engachazeki ukuthi ngayo wayethini, ngaphandle kokuthi incazelo yayo uyakhe.
34.Ingelosi yake yangibuza ukuthi uPaul wayethini kumaHebheru 6:1-3 uma ethi:
35.“Ngakho ke masedlule emfundisweni yokuqala ngoKrestu, siqhubekele phambili kokupheleleyo.
36.Singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, nemfundiso ngombhabhadiso, ngokubeka izandla, ukuvuka kwabafileyo, nokwahlulelwa okuphakade. Lokho siyakukwenza uma uNkulunkulu evuma.”
37.Asazi ukuthi iyiphi imfundiso yokuqala ngoKrestu. Asazi ukuthi uPaul usho ukuthini uma ethi singabeki isisekelo ngokuphenduka…..
38.Angikwazanga ukuchazela ingelosi ukuthi uPaul wayethini kulenkulumo yakhe!
39.Enye imfundiso yobuKrestu, kodwa okuseqinisweni ebonakalayo ukuthi yakhiwe, ukuthi uJesu owayeliJuda, esenkolweni kaMose, wake wazihlanganisa namaRoma, waba senkolweni yobuKrestu!
40.Kuyi New Testamente uJesu uvela eshumayela ivangeli ngokwenkolo kaMose, egcizelela ukugcinwa komthetho kaJehova njengoba kubhaliwe kuMathewu 5:17-19; Mathewu 7:21-23 nakwezinye izincwadi.
41.KuMathewu 10 nakuMathewu 15 uJesu uzisholo ngokwakhe ukuthi yena wayethunywe kubantwana bakwa-Israel.
42.EBhayibhelini akukho lapho okuthi uJesu esaphila wake wazihlanganisa nenkolo yamaRoma.
43.Okokuqala wathi uJesu ezalwa vele izwe lamaJuda laseliliyi Colony yamaRoma, naye uJesu eyisitha samaRoma!
44.Inkinga esibhekene nayo ukuthi kuthi umlando wesizwe samaRoma namaJuda usho enye into, kodwa itheology yobuKrestu ifundise into nabo abangenke bakwazi ukuyisekela ngisho ngeBhayibheli abaliphethe!
45.Nansi into engekho, kodwa amaRoma ngobuqili asebe yenze yaba yinto ekhona; noma sisazokhuluma ngalokhu:
46.Umprofethi owaba khona enkolweni yamaHebheru kwaba nguYahusha. Kulilumbo ukuthi igama elithi ‘Jesus’ lihunyushwe kuYahusha!
47.UYahusha wayese nkolweni kaMose esizweni samaHebheru; akaze abe senkolweni ka Constantine okuyinkolo yamaRoma
.
48.Ngakho ke amaKrestu akaze azihlanganise noYahusha owayese nkolweni kaMose, kodwa bazakhela uJesus wabo. (sizobuye sikuchaze kabanzi lokho.)
49.UYahusha wayaziwa ngokuthi ungum NAZARENE, abalandeli bakhe baziwa ngokuthi bangamaNazaretha (bheka iZenzo 24:5).
50.Umlando otholakala kubo bonke ababhali uthi ngesikhathi sikaJesu alikaze libe khona ivillage ebizwa ngokuthi i-Nazareth.
51.Le village yavela muva; kodwa ubuKrestu sebuthi uJesu wakhulela kuyivillage- iNazaretha.
52.Ukuze ucacelwe kahle ngobuqili obakhiwa ngamaRoma ngo Jesu, kumele uwufunde kahle umlando wenkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaJehova, kuze kufike lapho ichithwa khona ngamaRoma.
53.Emva kwalokho bese ulandela kahle umlando wenkolo yamaKrestu kusukela ngo 55 A.D kuze kufike ku Constantine, nokuthi lombusi wayichitha kanjani inkolo kaMose!
54.Inkolo kaMose yafika kubantwana bakwa-Israel cishe ngo 1447 B.C, entabeni iSiNayi. Kodwa yachithwa yisizwe samaRoma ngenkemba ngo 70 A.D.
55.Njengoba uYahusha wahamba emhlabeni ngo 33 A.D, eliJuda, eminyakeni yo 300 A.D, uConstantine wayiqeda ngama Creeds inkolo yamaHebheru.
56.Ngenkathi uConstantine eqeda inkolo yamaHebheru, kwase kuphele iminyaka cishe engu 260 uYahusha wahamba emhlabeni.
57.Engasekho uYahusha, cishe ngo
55 A.D abafundi bakhe kwakungokoku qala behlangana nabezizwe ngokushumayela.
58.Ngaphambi kokuba ngiqhubeke, akengichaze umsuka wegama ‘Christian.’ Kuyi THE NEW WESMINSTER DICTIONARY of the Bible, leligama lichazwe kanje:
59.“Christian: A follower of the Lord Jesus Christ. The name was first GIVEN AT ANTIOCH, about A.D 43, and apparently by foes rather than friends (Acts 11:26.
60.Though destined ultimately to become universal, yet it took root so slowly that it is found only twice again in the N.T. Acts 26:28; 1 Peter 4:16.
61.Ku-Izenzo 26:28 kuthi: “U-Agrippa wathi kuPaul: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKrestu.” Ku Petro wokuqala 4,:16 kuthi: “Kepha uma ehlupheka ngokuba engu mKrestu, makangabi namahloni.”
62.Njengoba ngike ngasho, igama ‘Christian’ liyi translation ka ‘Messianic’ elichaza abalandeli baka Yahusha ababembiza ngo ‘Messiah.’
63.Kwa-Israel uJesu wayaziwa ngokuthi ungumprofethi. Ku-iZenzo 7:37 kuthi: “Nguye lo uMose owathi kwabakwa-Israel: “UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi onjengami kubafowenu.”
64.Ku Luka 7:16 kuthi: “Bonke behlelwa ukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umprofethi omkhulu phakathi kwethu…”
65.Njengoba sesichazile, igama ‘Christian’ lavela abalandeli bakaYahusha besabizwa ngamaNazaretha, amaJuda ayeba gcona ethi ngama ‘Christians’ bebaqamba ngomholi wabo ababethi ungu Mesiah or uChrist.
66.Kufana nokuthi nje abanye abantu bengakhulumi ngebandla lama Nazaretha, kodwa bethi LIBANDLA LAKWASHEMBE.
67.Ngakho asikuphiki ukuthi igama elithi ‘Christian’ laba khona kusabizwa abalandeli bakaYahusha ababengaphansi kwenkolo kaMose.
68.Kodwa ngaleso sikhathi lalisetshenziswa ngamaJuda ayizitha zabalandeli bakaMessiah, uYahusha!
69.Kodwa ngesizathu engingasazi, kwathi uma uConstantine enza inkolo yobuKrestu iba semthethweni, wabe esesebenzisa leligama ekuqaleni amaJuda ayelibukela phansi.
70.Kukhona umlando amanye amaKrestu awufihlayo. Ngenkathi abapostoli besuka eJerusalema beyoshumayela abezizwe babesenkolweni kaMose bebizwa ngamaNazarene. Bheka Izenzo 15, IZenzo 24:5 neZenzo 28:23.
71.Abezizwe baphendukela enkolweni kaMose, kodwa okuthe uma sekunempi phakathi kwamaRoma namaJuda kusukela ku 66 kuya ku70 A.D, abapostoli abaningi kuhlanganisa noPaul, amaRoma ababulala.
72.AmaRoma ayembulala umuntu otholakala eqhuba inkolo kaMose. Lokhu bakubiza nge Persecution of the early Christians.
73.Sekune nkolo yobuKrestu ngokusungulwa ngu Constantine, yachithwa inkolo kaMose namaNazarene. Umbhalo kaJerome ukuchaza kahle lokhu.
74.Amagama amaHebheru, uYahua, Yahusha, Messiah, Nazarene, namanye, aqedwa, kwase kuvela uChristo neChristian.
75.Kusemlandweni ukuthi uConstantine wayiqeda yonke into ethinta amaHebheru, wabuyisa konke okulusiko nemikhuba yamaRoma. Konke lokhu kutholakala kuma Creeds.
76.Umbuzo uthi ngabe u’Jesus’ uyiTranslation ka Yahusha? U-Ayanda Ntungwa wama Krestu uthi igama elithi ‘Jesus’ liyi translation ka Yahusha.
77.Uma sithi igama elithi ‘Jesus’ liyitranslation ka ‘Yahusha’ sisho ukuthi uYahusha noJesus ngumuntu oyedwa!
78.Kodwa kungenzeka kanjani ukuthi uYahusha owayeliuJuda, engumuntu omnyama esenkolweni yamaHebheru, iMosaic faith, abe negama elilodwa noJesu owabe eliGriki engumlungu, esenkolweni yamaRoma, ubuKrestu?
79.Noma ngokweBhayibheli noJesu ezalwa nguMaria noJosefa njengo Yahusha, kodwa okungafani noYahusha, awukho umlando othi uJesu wabakhona nini lapha emhlabeni!
80.Ngaphandle kwalaba bezizwe abaphendukela enkolweni kaMose ingakabi bikho impi phakathi kwamaRoma namaJuda, akukaze kwenzeke ukuthi ngokwenkolo amaRoma azihlanganise namaJuda!
81.Kunalokho amaRoma ayiqeda ngenkemba inkolo yamaJuda, uConstantine wayiqeda ngama Creeds!
82.Asazi ke noma sisho ukuthi amaRoma awephuca yini amaJuda uJesu, nokuthi bakwenza nini lokho, ngoba ubuKrestu bavela engasekho uYahusha?
83.Ngakho ke awukwazi ukuvele uthi igama elithi ‘Jesus’ lihunyushwe kuYahusha, kodwa ungasichazeli ukuthi uYahusha owayeliJuda enkolweni yamaHebheru waya nini, kanjani enkolweni yamaRoma, okwakuyinkolo ekhonza izithixo!
84.EKhasini 62 lencwadi ka Dr C.J. Kozte ethi: “COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Kozte ongumKrestu uyichaza kanje indaba yobukhona buka’Jesus’:
85“The gentiles wanted a saviour, but not a Jewish one.
86.They loathed the Jews they even loathed the Elohim of the Old Testament. Thus, a Hellenized saviour was preferred!”
87.Uthi uDr Kotze abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi ongumJuda. Babewenyanya amaJuda, benyanya noNkulunkulu weTestamente Elidala (okunguJehova). Ngakho ke bancamela umsindisi osamGriki!”
88.Angazi ukuthi kwakungenzeka kanjani ukuthi abezizwe benyanye uJehova, bese bethanda uYahusha oyiNdodana kaYahua!
89.Lencazelo ka Dr Kotze yokuthi uJesu wavela kanjani, icacisa konke ngemfundiso ethi uJesu waba khona kanjani.
90.UJesu ngumsindisi owavela nabezizwe ngoba babengenke bamukele umMsinsisi onguMjuda ngoba bewenyanya amaJuda kanye noNkulunkulu wabo, uJehova!
91.URav Sha’ul ekhasini 25 lwencwadi yakhe esihloko sithi: THE NAZARENE: Betrayed, beaten, begotten, uchaza amaNazarenes kanje: “Today Nazarenes are once again coming to the forefront of religious thought.
92.Many are beginning to realize that the followers of the Messiah were called Nazarenes and were never called by the pagan name.
93.With modern discoveris such as the Dead Sea Scrolls, which is a collection of over 800 texts, dating back to the time just before Yeshua was born, and into the first century, we are learning more about the sect of the Nazarenes that followed Yeshua.
94.We know that the Nazarene sect was established by the great Prophet, John the Baptist, who was given ‘the way’, of Salvation by Yah.
95.John’s role was to instruct and mentor the Messiah in the office of High Priest and teach Yashua ‘the Way’.
96.We know then that Yeshua took over as the Leader of the Nazarenes from John…. Yeshua led the early Nazarenes.
97.And Sha’ul the Apostle, then took over and became the leader of the Nazarenes
98.URav Sha’ul uliJuda elimhlophe eliku Jewish Faith. Umlando wamaJuda nge Mosaic Faith is aunthetic kunowamaKrestu, ngalezi zizathu:
99.Eminyakeni yo 700 A.D inkosi yama-Ashkenzi, uBhulazi, wathumela izithunywa zakhe eBabylon lapho kwakusahlala khona amanye amaJuda amnyama.
100.Lezi zithunywa eBabylon zazizofunda ngenkolo yamaHebheru, ngoba amaKrestu abe esayiqeda, isigcinwa ngokuntshontshwa!
101.Lezi zithunywa zafika zahla lapha eBabylon, zabe sezifunda konke ngenkolo namasiko amaHebheru.
102.Bese Babylon bayifunda yonke iTorah, okwathi uma bebuyela ezweni lakubo base bethatha lenkolo abasebeyazi kahle.
103.Ngakho ama-Ashkenazi Jews avusa inkolo kaMose cishe njengoba injalo!
104.Inkinga esinayo ukuthi eBhayibhelini nasemlandweni osezincwadini akunamlando wegama nenkolo kaYahusha, sekuthiwa nje yinkolo yobuKrestu!
105.Kodwa esingakuqondi ukuthi njengoba uYeshua kwakungumuntu omnyama, kwenzeka kanjani ukuthi uma esesenkolweni yobuKrestu bese eba ngumlungu?
106.Umlando uthi ngo 492 A.D, uPope Alexander the 6th wathi akudwetshwe isithombe sendodana yakhe uCaesare Borgia.
107.Sesidwetshiwe lesi sithombe wabe esethi asifakwe ezindlini zamasonto sikhonzwe , kube yiso uJesu Krestu.
108.Kodwa lesi sithombe sikaJesu omhlophe akuyiso esikaYahusha!
109.Uma lesi sithombe sikaJesu ongumlungu kungayiso esikaYahusha, ngabe sichaza ukuthi kwathi uma igama likaYahusha lisiwa olimini lwesiGriki, kwase kuthi nesithombe sakhe sesenziwa umlungu?
110.Isithombe somuntu omnyama sashintsha kanjani sase siba ngesomlungu?
111.Lesi simo sifakaza okushiwo ngu Dr Kozte ukuthi abezizwe bazakhela umsindisi wabo ngoba bengafuni ukuzihlanganisa namaHebheru kanye noNkulunkulu wabo, uJehova!
112.UJesu omhlophe akahlanganise lutho nomprofethi wamaJuda, uYahusha, nowayengumuntu omnyama!
113.Njengoba sazi ukuthi uYahusha wabe engumuntu omnyama esizweni samaJuda, ezalwa nguMaria noJosefa, kuyacaca ukuthi uJesu owayengumlungu akukwazi ukuthi naye bese ezalwa nguMaria noJosefa, abazali abamnyama!
114.Abamhlophe abakwenza ukuntshonsha ama charecteristics kaYahusha, ongumuntu omnyama, base bakha ngawo uJesu, base beyawufihla enkolweni yabo umlando kaYahusha!
115.Noma ungenza ubuqili obunjani, kodwa uNkulunkulu uhambe ahambe abubeke obala!
iNkosi ibusise enikuzwile!