Skip to content

EKUKHOLWENI UNGAWAKHONZI AMAKHOSI AMABILI

Ithi-ke ingelosi: “Uthunywa ezulwini ukuthi uqondisi ibandla likaJehova, abantu babuyele kuJehova, balalele izimemezelo zezwi likaJehova, ukuthi yikuphi ukukholwa kuJehova okwamukelekile ezulwini.

Isihlabelelo 73
1.Ngiyakholwa kuYise
Onamandla onke
KuMdali wezulu nomhlaba
Naku Moya oyingcwele.
 
2.Nakuyo iRamente eyingcwele
YamaNazaretha
Nobudlelwano baba ngcwele
BaseNazaretha.
 
3.Idwala elihle
Lama Nazaretha
Owazikhethela lona uJehova
Ngokulithanda kwakhe.
 
4.Useze wahloba ngakho kathathu
Lobu buNazaretha
Phambi kwamazulu onke
Unyaka umunye.
 
5.Ngigeze ngehisop
Yasezulwini
Ngikhanye ngokukhanya
Ebusweni bakho.
 
EKUKHOLWENI UNGAWAKHONZI AMAKHOSI AMABILI.
 
1.Enkonzweni edlule sikuvezile ukuthi inkolo kaJehova yafika lapha emhlabeni eminyakeni yo 1447 B.C, ifikela kubantwana bakwa-Israel ngoMose!
 
2.Kwakungakaze kwenzeke ngaphambili ukuthi uNkulunkulu ehle ezulwini ezobonwe ngabantu basemhlabeni ngaphandle kwabaprofethi.
 
3.Mhlawumbe uJehova wakwenza lokho ukuze bonke abantu bazi ukuthi unguNkulunkulu okhona! Lokho kungagcini ngokwaziwa ngabaprofethi kuphela!
 
4.Isizwe sakwa-Israel saba ngaphansi kwalenkolo kusukela kuleso sikhathi kwaze kwaba seminyakeni yo 70 A.D.
 
5.Emva kokunqotshwa yisizwe samaRoma ngo 70 A.D, ababusi bamaRoma ngezikhathi ezahlukene balwela ukuyiqeda lenkolo kaJehova!
 
6.Kusemlandweni ukuthi inkolo kaMose yaqedwa ngamaRoma, okwathi ngo 325 A.D, umbusi wamaRoma wasungula inkolo yabezizwe ebizwa ngokuthi iChristianity eyayithatha indawo yenkolo kaMose.
 
7.Lombusi uConstantine, lenkolo kaJehova wayiqeda ngemithetho ebizwa ngokuthi amaCreeds.
 
8.NgalamaCreeds kwakulicala elibi elingenza ubulawe uma utholakala ugcina umthetho kaJehova, okwakungumthetho wesizwe sakwa-Israel.
 
9.Enkonzweni edlula sikhulumile ngalamaCreeds kaConstantine, ngawo owayeqeda inkolo kaJehova.
 
10.Nanamuhla ngizowaveza lama Creeds, ngoba yiwo awumgogodla wokuqeda ngenkolo kaJehova!
 
11.Lama Creeds ami kanje: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngama Hebheru.
 
12.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
 
13.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, nenkoloze yokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
 
14.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo, noma ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese kuphikiswana noma kugxekwa inkolo yobuKrestu.
 
15.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.(Okuyinkolo kaJehova).
 
16.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.
 
17.Noma nhloboni yesijezizo sokwephula umthetho ngiyase mukela njengesingi fanele.
 
18.Kanjalo futhi manginga mukeleki nase zweni elizayo lika moya, nomoya wami ulahlelwe kuSathane nombuso wakhe.” Amen!
 
19.LeCreed yenza singabi nakho ukudideka kokuthi inkolo kaJehova ebizwa ngokuthi iyinkolo kaMose yaqedwa ngumbusi uConstantine ngamaCreeds.
 
20.Esikhundleni senkolo kaJehova, lombusi wamaRoma wabe esemisa inkolo eyakhiwe ngamasiko amaRoma! Ubufakazi balokho sikuthola kuleCreed ethi:
 
21.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, nemikhosi yama Roma.
 
22.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga “Sol dei” noma Sun-day.
 
23.Ngalokho usuku lwangesonto elokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBhali, uma uBhali ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalo ngoba eyinkosi!” Amen!
 
24.Ngakho-ke akukhona ukuwa hlambalaza amaKrestu uma uthi kuyizimiso zenkolo kaConstantine, ukuthi lenkolo yobuKrestu iyayichitha yonke inkolo kaJehova, kuhlanganisa ukuchitha iSabatha nokusoka!
 
25.Ubufakazi balokho ileCreed efundeka kanje: “AmaKrestu angenzi ubuJuda agcine iSabatha, kodwa kufanele asebenze ngalolu suku, kodwa bahloniphe usuku lwenkosi uBali, okuyiSonto!
 
26.Otholakala esebenza ngalolu suku lwesabatha lwamaJuda uyojeziswa!”
 
27.Akesizwe-ke ukuthi enkolweni kaJehova uMose wathini ngokugcinwa kwesabatha. Ku-Eksodusi 20:8-10 uJehova uthi:
 
28.“Khumbula usuku lwesabatha ulungcwelise. Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho, kepha usuku lwesikhombisa LUYISABATHA LUKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, AWUKUSEBENZA MSEBENZI NGALO!”
 
29.Kodwa enkolweni yobuKrestu usuku lukaJehova uyaphikiswa, kuthiwa ngalolu suku amaKrestu akagcine iSonto! Lomthetho uthi:
 
30.“AmaKrestu engenzi ubuJuda agcine iSabatha, kodwa kufanele asebenze ngalolu suku, kodwa bahloniphe usuku lwenkosi uBali, okuyiSonto!
 
31.Otholakala esebenza ngalolu suku lwesabatha lwamaJuda uyojeziswa!”
 
32.Umbuzo-ke uthi kulemithetho emibili, okaJehova othi gcina iSabatha, nokaBhali othi ungaligcini isabatha, kepha gcina usuku lukaBhali, okuliSonto, yimuphi umthetho umKrestu owugcinayo?
 
33.Uma ugcina usuku lukaBhali, usho kanjani ukuthi uJehova uyiNkosi yakho?
 
34.Awuboni ngani ukuthi usuweqe umthetho wokuqala othi UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI?
 
35.Wena ugcwalisa lamazwi kaYeshua akuMathewu 15:7-9 mhla ethi: “Bazenzisi, u-Isaya waprofetha kahle ngani, lapho ethi:
 
36.‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kodwa inhliziyo yabo ikude nami; bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu!”
 
37.Ukungaligcini iSabatha, amaKrestu ahamba ngokwezimfundiso zabantu, ngazo balahla uJehova!
 
38.Okuseqinisweni awumkhonzi uJehova, ngoba awukho umthetho wakhe owugcinayo, kodwa ugcina umthetho kaBhali!
 
39.Enkolweni yobuKrestu akuyo yodwa lenkinga esinayo, kodwa okukhulu ukuthi yonke lenkolo yakhiwe ngobuqili obuyisimanga!
 
40.Kulentshumayelo ngizocaphuna incwadi kaDr Kotze ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE.
 
41.UDr Kotze ungumsunguli we Religious Reseach Institute. Lokho kusho ukuthi yonke into okhuluma ngayo wenze ucwaningo olunzulu ngayo, yikho engudokotela kulomkhakha womlando wenkolo!
 
42.Isizathu sokucaphuna kakhulu ku Dr Kotze, ukuthi yena ungumKrestu osindisiwe, futhi okhona lapha eSouth Afrika, ngakhoke izincwadi zakhe zitholakala kalula!
 
43.Esizweni sakwa-Israel, esabe sesaziwa ngokuthi ngamaJuda, kwazalwa umprofethi ogama lakhe owalinikwa yingelosi, ngolimi lwesiHebheru okuthiwa nguYahushua. Abazali bakhe kwakunguMaria noJosefa.
 
44.Esekhulile uYahushua waziwa ngokuthi unguMesaya, wabuya wathola igama lokuthi unguMsindisi, uyiNdodana kaNkulunkulu.
 
45.Kwathiwa unguMsindisi ngoba waduma kakhulu ngokusindisa abantu!
 
46.Ngesikhathi sika Yahushua kwakunamabandla amathathu, abaFarisi, abaSadusi, namaNazaretha.
 
47.Kodwa ku New Testament kufihliwe ukuthi uYahushua wabe engumholi webandla lamaNazaretha elalikade liholwa nguMprofethi uJohane, enkolweni yobuKrestu obizwa ngombhabhadisi!
 
48.Lesi senzo sokufihla ukuthi uYeshua wayengumholi wamaNazaretha, ngobunye ubuqili benkolo yobuKrestu, okwathi ngoba sebesehlulile, base bephendula wonke umlando wenkolo yethu!
 
49.UYahushua eseminyaka cishe engamashumi amathathu, amaJuda ambulala ngokumhenga emthini njengokwenkolo kaMose. 
 
50.Kodwa enkolweni yobuKrestu sifundiswa ukuthi uYeshua waphanyekwa esiphambanweni, kufihlwa ukuthi wabulalwa ngamaJuda, ngokwenkolo kaMose!
 
51.Ku-Dutoronomi 21: 22, kuthi: “Uma umuntu onile, efanele ukufa, uyobulawa, aphanyekwe emthini.”
 
52.Ngizichazelani zonke lezi zinto? Ngasho ukuthi kwafika ingelosi kithi ihamba ngezinyawo! Yabe isithi ithunywe ukuba ngiqondise inkolo kaJehova!
 
53.Emva kwalokho yasivulela incwadi kaHezekile ethi: “Kwafika kimi izwi likaJehova lathi: ‘Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israel, ngakhoke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
 
54.Uma ngithi komubi, uyakufa nokufa, bese ungamxwayisi omubi endleleni yakhe embi, ukuba omubi umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngolibuza esandleni sakho.
 
55.Kepha uma umxwayisa omubi, angakuyeki ububi bakhe, nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho!” Amen!
 
56.Ithi-ke ingelosi: “Uthunywa ezulwini ukuthi uqondisi ibandla likaJehova, abantu babuyele kuJehova, balalele izimemezelo zezwi likaJehova, ukuthi yikuphi ukukholwa kuJehova okwamukelekile ezulwini.
 
57.Uma ungabatsheli okuthunywe ukuba ubatshele khona uNkulunkulu uyokujezisa ngalokho.
 
58.Kodwa uma ubatshela okuthunywe uNkulunkulu, bengakulaleli, wena awusenacala!”
 
58.Yikho-ke ngiphoqeleka ukuthi nginitshele lamaqiniso, ngoba uma nginganitsheli, ekugcineni azobopha mina. Angisho ukuthi yekani amabandla enu, kodwa noma ukuliphi ibandla, gcina umthetho kaNkulunkulu! Ithi ingelosi ezulwini akubhekwa ibandla okulo, kodwa okubhekwayo ukuthi ubuyenza yini intando yoPhezukonke?
 
59.UMesaya wavuka kwabafileyo, wabe esebayalela abafundi bakhe ukuthi ivangeli lakhe abalishumayele ezizweni zonke.
 
60.Nempela basuka eJerusalema baya kwabezizwe, beshumayela ivangeli likaYahushua. Kulaba bezizwe kwakuhlanganisa amaGriki namaRoma.
 
61.Kuso leso sikhathi bajoyinwa nguSha’ul owasephendukele ebandleni lamaNazaretha, kade engumSadusi, esingela amaNazaretha!
 
62.Kodwa ekushumayeleni kwabo, akubahambelanga kahle, ngoba abezizwe bahlangana ngabo, babavukela, abezizwe balemukela ivangeli labafundi bakaYeshua lokuthi uYeshua wayenza izimangaliso, kodwa bayichitha inkolo kaMose ababe yishumayela.
 
63.Emva kwalokho kwaqubuka impi phakathi kwamaRoma namaJuda, okwathi ngo 70 A.D, amaJuda anqotshwa okokugcina ngamaRoma.
 
64.Ngalesi sikhathi uYahushua wabe sewahamba kudala emhlabeni, ngoba wahamba cishe ngo 33 A.D.
 
65.Kodwa uYeshua wahamba emhlabeni eprofethile ngalempi kuMathewu 24:1-2.
 
66.Nokho akulokothwa enkolweni yamaKrestu kukhulunywe ngalesi siprofetho, ngoba sithinta ngqo amaRoma, ababulala amaJuda, futhi bengasunguli benkolo abayintshontshayo!
Kuyi post eku page yami esihlokweni esithi: AMA-ISRAEL KWAKUNGABANTU ABAMNYAMA, omunye umlungu ukuchaze kahle ukuthi emva kokunqotshwa kwamaJuda ngo
70 A.D, izizwe zakwa-Israel zahlangana kanjani eWest Afrika endaweni ebizwa ngokuthi i-NEGROLAND, zase zithathwa lapho sezenziwa izigqila sezisiwa e-Europe, namuhla e-Amerika esezaziwa ngokuthi ngama-African American.
 
68.Emva kuka 70 A.D amaRoma ayenyanya kakhulu inkolo kaJehova, awahlukumeza amaJuda abe esasele ePalestine. Wona aqhubeka nenkolo yobuHedeni enonkulunkulu abaningi!
 
69.UNkulunkulu owabe egqame kakhulu kwakungu Minthra, uNkulunkulu welanga.
 
70.Lomgqondo kaNkulunkulu welanga kwakuyinkolo amaRoma ayeyithathe eBhabhiloni.
 
71.Nguye lonkulunkulu obuye abizwe ngoBhali, esizwa kuma Creeds uConstantine ethi amaKrestu akakhonze yena, namanje ngeSonto abasekhonza yena!
 
72.Kodwa akusiwo amaKrestu kuphela adukile ngendaba kaNkulunkulu, nakumaNazaretha kunjalo!
 
73.Angcono amaKrestu ngoba iningi lawo lidukiswe ukungazi, kodwa amaNazaretha ayazi, kodwa iningi lawo ngokusobala amhlubukile uJehova!
 
74.Benza sengathi abazi ukuthi onkulunkulu abayize bazobhujiswa!
 
75.Lapha eSouth Afrika baningi oT.B. Joshua abazolibona ulaka lukaNkulunkulu, ababhubhise kabuhlungu!
 
76.Ngo 325 A.D, uConstantine wasungula inkolo entsha owayibiza ngokuthi iChristianity.
 
77.Kulenkolo kumaJuda babethande uYeshua ngoba mhlawumbe wabe ephilisa. Kodwa abaze balemukela ivangeli lakhe elaligxile emthethweni kaMose!
 
78.Bamchitha uYeshua owaye nguMesaya enkolweni yamaJuda, sebezakhela uMesaya wabo, kodwa bethatha wonke umlando wempilo kaYeshua ngaphandle kwegama lakhe, base benza ngalomlando wakhe loMesaya-mbumbulu osebizwa ngoJesu!!
 
79.Yikho-ke uDr Kotze ethi: “Abezizwe babemfuna uMsindisi, kodwa hhayi lo oliJuda, ngoba babewazonda amaJuda, bezonda no-Elohim okuTestament Elidala, (okungu Nkulunkulu wamaHebheru), ngalokho base bezakhela umsindisi wabo oliGriki!”
 
80.Ekwakheni lomsindisi wabo, amaRoma antshontsha yonke impilo yoMsindisi oyiNdodana kaJehova, sebethi lomsindisi asebemakhile usengulowaya wamaHebheru.
 
81.Lomsindisi ongunkulunkulu welanga wabizwa ngegama lesinye isithixo samaRoma, kwathiwa ngesiLatin ngu IESIS!
 
82.Kodwa emva kwa 1525 A.D, sekuno ‘J’ ezilimini zesingisi, kwabe kuleligama sekujotshelelwa uJ, sekuba ngu “Jesus.” ngesiZulu nguJesu!
 
83.Thina bangabalandeli benkolo kaJehova siqala lapho-ke ukungenelela kulenkolo ka Constantine, ngoba yakhiwe ngoMesaya wethu! Lomsindisi’ obizwa ngokuthi “uJesus” akaze abe khona!
 
84.Kodwa ngobuqili amaRoma antshontsha umlando woMsindisi wethu, base befakela zonke izinto ezazingekho kuYeshua, sekuthiwa UNGUNKULUNKULU OMTHATHU EMUNYE!
 
85.Lenhlobo yoku ntshontsha imisebenzi yomunye umuntu, bese uthi ngeyakho, kuthiwa “iPlagiarism.”
 
86.Ku-Plagiarism isela lithatha umsebenzi wakho liwenze owalo, bese lishintsha lapha nalapha, ukuze kungabonakali ukuthi umsebenzi wakho lo, bese licisha igama lakho, lifaka elalo igama!
 
87.NamaRoma enza kanjalo mhla bentshontsha uYeshua bemenza uJesus, ngoba sebazi ukuthi ngoba sebasehlula ayisekho indaba yethu!
 
88.KumaHubo 83:3-4 uMprofethi wathi: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho.
 
89.Bathi wozani sibaqothule, bengabe besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!”
 
90.I-New Testament yahlanganiswa eminyakeni yo 600 A.D, sekwabakhona kudala ubuKrestu.
 
91.Ekuhlanganiseni lencwadi yamaRoma kwathathwa izincwadi zamaHebheru, abe esanqotshwa kudala, ezinye zahlanekezelwa, ezinye kwafakwa okwakungekho nhlobo kuzo!
 
92.Lezi zinto zazenziwa ngabefundisi bamaRoma ababebizwa ngokuthi ngama Correctos, uJerome owabe engomunye wabo!
 
93.Ngakho-ke abantu abamnyama kufanele bazi ukuthi i-New Testamente iqukethe izinkulumo ezingamanga, kodwa amaRoma azifaka ngobuqili ukuze okuqukethwe yileli Testamente kubantu kubukeke kuliqiniso!
 
95.Lobu buqili abuphelelanga lapho, cishe ngo 1500 A.D, uPope Alexander the 6th wafuna abadwebu abanohlonze ukuba badwebe umfana wakhe, uCesare Borgia.
 
96.Sebesi dwebile lesi sithombe, loPope wathi lesi sithombe sekuyiso esimele uJesus, sesiphanyekwa kuzo zonke izindlu zamasonto, kuthiwa nguJesus oyiNdodana kaNkulunkulu! Waphenduka kanjalo uMesaya waba ngumlungu!
 
97.Yonke iNew Testament ifundisa ngoJesu Krestu, kodwa loJesu Krestu esifundiswa ngaye akaze abe khona, ngaphandle kokuthi kuthathwe iNdodana ka Elohim, ngayo kwenziwa isithixo!
98.Njengoba sesiwavezile amaCreeds, enkolweni yamaRoma, wachithwa u-Elohim ongu Yahweh, esikhundleni sakhe base beba nonkulunkulu oziqu zintathu emunye, okungunkulunkulu waseBhabhiloni!
 
99.Ngakhoke amaKrestu kumele akwazi ukuthi lonkulunkulu okukhulunywa ngaye kuNew Testament akusiye u-Elohim, kodwa uMithra, noma uBhali!
 
100.Kuyaye kuthi uma ngicabanga lesi senzo samaRoma ngifikelwe usizi, ngizibuze ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi isizwe esimnyama sikhohliswe yisizwe esimhlophe kanje?
 
101.Basilahlisa uNkulunkulu wethu onguMdali wezulu nomhlaba, basikhonzisa onkulunkulu baseBhabhiloni, nathi ngokukhulu ukusangana lokhu, sabavuma labonkulunkulu!
 
102.Ngisho ngabe kuthiwa asiyiso isizukulwane sika-Isarael, kodwa kungathi siyisizwe esimnyama, silahle inkolo eyalethwa nguJehova, bese siyokhonza izithixo zabezizwe?
 
103.Uma kukhona umKrestu othi yena akahambisani nale Creed, pho kulenkolo kuhlekiselwani ngomthetho kaJehova?
 
104.Akuyiwo yini amaKrestu ayaye ahlekise ngokuthi bona abasahlanzwa ngegazi lezimbuzi?
 
105.Ngubani owathi kumele sihlanzwe ngegazi lezimbuzi? Kuphi kuyiTestamente lapho uYeshua ethi useyakuchitha ukugezwa ngegazi lwezilwane?
 
106.Ngiyazi ukuthi abanye bazothi kwasho uMpostoli uPaul, kodwa okwamanje angizukukhuluma ngoMpostoli uPaul-mbumbulu, ngoba indaba yakhe inde kakhulu!
 
107.Lenkulumo ngiyibhekise kubantu abafuna iqiniso lodwa ngendaba kaNkulunkulu, nabakuqondayo ukuthi abamhlophe basenza kanjani iziphukuphuku!
 
108.Kuyadingeka ukuthi umKrestu akucacise ukuthi ukholwa kuJehova noma ukholwa ku Bhali?
 
109.Inkolo kaMose yalethwa nguJehova entabeni yaseSnayi ngo 1446 BC, kanti inkolo yobuKrestu yasungulwa nguConstantine ngo 325 A.D!
 
110.Umthetho obusa inkolo kaMose wafika noJehova evela nawo ezulwini, kanti ukuchithwa komthetho kaMose kwenziwa nguConstantine, ongumuntu phaqa, ongakholwa nakuNkulunkulu!
 
111.Manje-ke kubalulekile ukuthi ucacise ukuthi kulezi zinkolo ezimbili, enye echitha enye, wena ulandela yiphi?
 
112.Kungabe kukhona okungahambi kahle ekhanda lakho uma uthi ulandela izinkolo ezimbili, kodwa enye ibe ichitha enye yalezi zinkolo ezimbili othi uyazilandela!
 
113.Kukhona abantu abacabanga ukuthi uNkulunkulu uyisiphukuphuku! Ngezenzo bakhonza uConstantine, kodwa ngomlomo bathi bakhonza uJehova!
 
114.Ngubani ongaboni ukuthi inkolo yobuKrestu iyayichitha inkolo kaJehova, nokuthi ibandla lobuKrestu linama Creeds, ngawo abaqeda inkolo kaJehova?
 
115.Njengo mKrestu imuphi unkulunkulu omlandelayo? NguJehova othi asigcine iSabatha lakhe noma nguConstantine othi amaKrestu akagcine usuku lukaBhali, okuyiSonto?
 
116.Mhlawumbe yimina engingaphili kahle ekhanda! Uma nje uphila kahle ekhanda, uyilahla kanjani inkolo kaJehova bese uqhosha ngenkolo esungulwe ngumuntu?
 
117.Angiqhubeke namaCreeds amaRoma alandelwa ngabantu bakithi. Kule Creed uConstantine uthi: “AmaKrestu engenzi ubuJuda agcine iSabatha, kodwa kufanele asebenze ngalolu suku, kodwa bahloniphe usuku lwenkosi uBali, okuyiSonto!
 
118.Otholakala esebenza ngalolu suku lwesabatha lwamaJuda uyojeziswa!”
 
119.Ngabe amaKrestu ayakwamukela ukuchithwa kweSabatha likaJehova, kukhonzwe iSonto likaBhali?
 
120.Nikwenza kanjani ukuthi kuthi ningayemukeli inkolo kaJehova, bese nithi uJehova unguNkulunkulu wenu?
 
121.Ngiyazi ukuthi amaKrestu amaningi akazi lutho ngomlando wenkolo yabo, kodwa abafundisi abaningi baneziqu zenkolo, abanye bangodokotela kulenkolo.
 
122.Umbuzo uthi uma umuntu engumfundisi ebona le Creed ethi:
 
123.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, nemikhosi yama Roma.
 
124.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga “Sol dei” noma Sun-day” uyaye athini?
 
125.Lenkulumo iyaye ihlale kanjani engqondweni yomuntu owazi kahle ukuthi uJehova nguMdali wezulu nomhlaba?
 
126.Into ebuhlungu ukuthi kuthi umuntu engazi lutho bese ezenza umuntu owaziyo!
 
127.Iqiniso lomlando ukuthi inkolo kaJehova yaqedwa inkolo yobuKrestu!
 
128.Akugcinanga lapho, sebeyichithile inkolo kaJehova, okuyinkolo yenu, babe sebakha umlando ongekho ngenkolo yethu nangobuzwe bethu!
 
129.Akekho umuntu owazi umlando ongakuphika ukuthi uMsaindisi esamnikwa nguJehova kwakungu Yahushua owayengu Mjuda, unina kunguMaria, nonina kunguJosefa!
 
130.Akevele ongiphikisa kulokho! Pho uYeshua, okwakungumuntu omnyama, washintsha kanjani waba ngumlungu, wabe eseba nguJesu?
 
131.Into engidinwa nya, ukuthi kuyaye kuthi uma senziwa ngezinye izizwe izilima, bese zisekelwa ngabantu bakithi!
 
132.Ngabe uMsindisi kwabe kungesiye uYahushua, okwakungumuntu omnyama owayezalwa nguMaria noJosefa, ababengamaJuda?
 
133.Uma kunjalo, sivumelani ukwenziwa ngezinye izizwe izilima, senziwa yini ukufunzwa into esiyazi kahle ukuthi ayisilona iqiniso?
 
134.Kodwa umfundisi uBiyela uthi mina ngingaphandle kwenkolo yabo, ngakho-ke akukho lutho okumele ngibatshele khona kulenkolo yabo!
 
135.Mina into ngiyaye ngiyicwaninge ngaphambi kokuyamukela!
 
136.Eminyakeni edlule kwafika ingelosi kithi ihamba ngezinyawo, sabona ukuthi this is a supernatural person.
 
137.Kodwa ngafuna ukuba nesiqiniseko sokuthi le yingelosi kaJehova ngempela yini, ngoba noSathane unazo izingelosi zakhe!
 
138.Into eyangeza ngabona ukuthi yingelosi kaJehova le, ukuthi yafike yasivulela iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha!
 
139.Yabe isithi: “Angithi uShembe kuvesi 3 womthandazo wesabatha wathi nokwesaba uJehova NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWAYILOBA NGENCEKU YAKHE UMOSE. UMA NENZE NJALO UKUDUMISA KWENU UJEHOVA UYOKWAMUKELA. Manje nina niyamdumisa yini uJehova kokugcina imithetho yakhe?”
 
140.Yabe isisibalela izinto esizenzayo eziphambene nomthetho kaNkulunkulu, njengokuhlabela amadlozi nokubhula ezangomeni.
 
141.Kusukela lapho saba ngabazelwe kabusha, ngoba asiphindanga senza into ephambene nomthetho kaNkulunkulu!
 
142.UNkulunkulu waletha inkolo yakhe ngoMose, wayibekela imigudu okumele sihambe ngawo uma sithi singamakholwa akholwa kuJehova!
 
143.Emva kwesikhathi kwaba nobuKrestu, okuyinkolo eyasungulwa nguConstantine.
 
144.Lenkolo kaJehova yachithwa ngemibhalo, okungamaCreeds, njengoba noJehova inkolo yakhe wayibhala phansi encwadini yomthetho.
 
145.Kodwa abantu abamnyama beqhutshwa ngabafundisi babo, bawamukela onke njengoba enjalo lamaCreeds achitha inkolo kaJehova!
 
146.Kodwa ngakolunye uhlangothi amakholwa aphakamisa iBhayibheli, okuyincwadi equkethe yonke imithetho kaNkulunkulu abayichithayo.
 
147.Yona lencwadi kuyo abangakwamukeli okushiwo nguJehova, bayiphakamisela umhlaba wonke bethi ingcwadi engcwele! Nathi sisaqhuba ubuqili bamaRoma!
 
148.Ngokusobala uNkulunkulu simenza isilima, we are mocking our God! Ngomlomo sikhonza uJehova, kodwa ngezenzo sikhonza uBhali!
 
149.Mina ngathunywa ukuba ngiqondise inkolo kaJehova, ngakho angenke ngithule abantu behlekisa ngoNkulunkulu wethu!
 
150.Uma amaKrestu engazimisele ukukhonza uJehova, abaphumele obala besho ukuthi thina asihlanganise lutho noJehova, uNkulunkulu wethu esamnika ngumholi wethu uConstantine, nguBhali!
 
151.Uma bephumela obala besho njalo, angenke sibuye siphikisane nabo ngenkolo, njengoba singasoze saphikisana namaHindu ngenkolo yabo!
 
152.Kodwa uma beyishaya emuva beyishaye phambili, befaka abantu ehlathini, mina angikwazi ukuthula!
 
153.Manje ngoba unkulunkulu abamkhonzayo nguBhali, bafunani kuJehova? Sizoyekelani ukukhuluma abantu behlekisa ngoNkulunkulu wethu?
 
154.Uma uthi lento engiyikhulumayo ubungayazi, kodwa iqiniso ukuthi kade ngangikhuluma ngalama Creeds abukela phansi inkolo kaJehova?
 
155.Umfundisi uBiyela uthi ngiphikisa uMpostoli Paul, kodwa loMpostoli wayekhuthele ngisho kwabanye abapostoli!
 
156.Ngenxa yokuthi lomuntu uthi ungumfundisi, kodwa akaboni ukuthi loPaul okhuluma ngaye imbombayi!
 
157.NjengoJesu esamakhelwa ngabezizwe, loMpostoli samakhelwa ngabezizwe ukuze ngaye baqede inkolo kaJehova kube sengathi iqedwe nguye uJehova!
 
158.KuGenesis 17:12-13 uthi uJehova wonke umntwana wesilisa uyosokwa, lesi isivumelwano sami esaphakade!
 
159.Kodwa kwabaseGalathiya 5:1-3 uPaul uthi: “UKrestu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo.
 
160.Ngakhoke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokweni lobugqila. Mina Paul ngithi kini, uma nisoka, uKrestu akanalusizo lwalutho kini.”
 
161.UPaul sekunguye ophikisa uNkulunkulu!
 
162UYeshua kuMathewu 5:17-19 uthe umthetho kaNkulunkulu umi ngunaphakade, ongawugcini umthetho, afundise abanye kanjalo, angenke angene ezulwini.
 
163.Yena futhi uYeshua kuMathewu 7:21-23 uthi noma ungaprofetha ngegama lakhe, wenze izimangaliso ngegama lakhe, kodwa uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, kothi usufile, usufika phambi kwakhe athi suka kimi Menzi wobubi angikwazi.
 
164.Ku-Izenzo 28:3 kuthi uPaul, kulencwadi obizwa ngokuthi ungumholi wamaNazaretha, wayefundisa abantu ngezimfundiso zikaJesu ethathela emthethweni kaMose nasezi mfundisweni zabaprofethi!
 
165.Kodwa umfundisi uBiyela akaboni ukuthi kuleliTestament sifunda ngoPaul ababili, omunye ngofundisa ngomthetho kaMose, omunye ngochitha imithetho kaMose!
 
166.Ngelinye ilanga ngabizwa yingelosi yabe isithi angifunde incwadi yamaHebheru 6:1-3. Ngithe sengiyifundile, yabe isithi ingelosi: “UPaul uthini lapha?”
Uthi-ke uPaul: “Ngakhoke asedlule emfundisweni yokuqala ngoKrestu, siqhubekele phambili kokupheleleyo.
 
167.Singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, nemfundiso ngombhabhadiso, nangokubeka izandla.
 
168.Nangokuvuka kwabafileyo, nokwahlulelwa okuphakade. Lokho siyakukwenza uma uNkulunkulu evuma!” Ithike ingelosi: “Uthini loMpostoli?”
 
168.Lapha uPaul uthi asingabi nayo imfundiso YOKUQALA ngoKrestu, asingafundisi ngoKrestu wokuqala, okungu Yahushua!
 
169.Futhi singafundisi ngokukholwa kuNkulunkulu, esho uJehova! Singafundisi ngombhabhadiso nokubeka izandla. Singafundisi abantu ngokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade!
 
170.Konke lokhu okhuluma ngakho uPaul kutholakala enkolweni kaMose! UPaul wayevusa amaCreeds kaConstantine okuchitha inkolo kaJehova ngezindlela eziphansi! Yikho-ke ama mainline churches engabhabhadisi, futhi engaba thandazeli abagulayo.
 
171.Batshelwa uPaul ukuthi amaKrestu akangazenzi lezi zinto ezisemthethweni kaMose!
 
172.Ngicela amaKrestu aphumele eshashalazini achaze ukuthi lenkolo yabo ihlanganaphi noJehova, ngoba ngisho uPaul abakholelwa kakhulu kuye, bamthandela ukuchitha inkolo kaJehova!
 
173.Uma amaKrestu engaphansi kwenkolo kaJehova, abahambe ngokwezimiso zikaJehova, bengafike behambe ngokwezimiso zika Constantine ezichitha umthetho kaJehova, kodwa kuthi uma sebesezi nkingeni bebize igama likaJehova!
 
174.Ngabe bacabanga ukuthi uJehova akaboni ukuthi wenziwa isiphukuphuku kulenkolo yamaRoma?
 
175.Vele bekungawakhi umqondo ukuthi amaRoma engafike abulale amaJuda eza esigidini, bese sicabanga ukuthi wona lawo maRoma engalandela uMesaya ovela esizweni samaJuda?
 
176.Thina samukela iNdodana kaJehova, okungu Nkulunkulu wamaJuda, neyathunyelwa esizweni sama Juda, hhayi le ewumbombayi wamaRoma!
 
Isihlabelelo 36.
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
 
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yaba khethiweyo.
 
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa
Ebengingafanele lutho
Okhukhweni lakho.
 
4.Namuhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *